Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 15

Okungukuphela kwesiqiniseko sethu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 33

16Ayikho inkosi esindiswa ngobuningi bempi yayo;

isiqhwaga asikhululwa ngobukhulu bamandla aso.

17Ihhashi liyize ekusindiseni,

alihlangulisi ngobukhulu bamandla alo.

18Bheka, iso likaJehova liphezu kwabamesabayo,

abathemba umusa wakhe,

19ukuba akhulule umphefumulo wabo ekufeni,

abaphilise endlaleni.

20Umphefumulo wethu ulindela uJehova;

ungukusiza kwethu nesihlangu sethu.

21Ngalokho inhliziyo yethu ithokoza ngaye,

ngokuba sithemba igama lakhe elingcwele.

22Umusa wakho, Jehova,

mawube phezu kwethu,

njengalokhu sithemba wena.

Ihubo 33:16-22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 18

Ukumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi:

1Ngiyakuthanda, Jehova,

mandla ami.

2Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,

nesihlangu sami,

nophondo lokusindiswa kwami,

inqaba yami ephakemeyo.

Ihubo 18:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 18

28Ngokuba wena uyokhela isibani sami;

uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;

ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30Indlela kaNkulunkulu iphelele;

izwi likaJehova lihlanzekile;

yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,

ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

Ihubo 18:28-31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU