Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 3

Ukuphatheka kabi

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 119

8Izimiso zakho ngiyakuzigcina;

ungangishiyi nakanci.

Ihubo 119:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 42

3Izinyembezi zami zingukudla kwami imini nobusuku,

ngokuba usuku lonke bathi kimi:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

4Ngiyakukhumbula lokhu,

ngithulule umphefumulo wami phakathi kwami,

njengalokho ngangihamba esixukwini ngiya naso endlini kaNkulunkulu

ngenhlokomo yokwethaba nokubonga,

ibandla ligubha umkhosi.

5Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

Methembe uNkulunkulu,

ngokuba ngisezakumdumisa

ngokusindisa kobuso bakhe.

Ihubo 42:3-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 42

8Emini uJehova uyaleza umusa wakhe;

ebusuku isihlabelelo sakhe sikimi,

ngikhuleke kuNkulunkulu wokuphila kwami.

9Ngizakuthi kuNkulunkulu,

iDwala lami:

“Ungikhohlweleni na?

Ngihambelani ngilila,

ngicindezelwe yisitha, na?”

10Kunjengokuphohlozwa kwamathambo ami,

nxa izitha zami zingiklolodela,

zithi kimi usuku lonke:

“Uphi uNkulunkulu wakho na?”

Ihubo 42:8-10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU