Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 32

Ukuthethelela

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 32

5Ngasivuma isono sami kuwe,

angisifihlanga isiphambeko sami;

ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”

wena wathethelela icala lesono sami. Sela*

6Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe

ngesikhathi sokukufumana;

impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula,

angafinyeleli kuye.

7Wena uyindawo yami yokucasha;

uyangilondoloza ngingahlupheki;

ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*

Ihubo 32:5-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 103

8UJehova unobubele nesihawu;

wephuza ukuthukuthela, kuvama umusa.

9Akathethi njalonjalo;

akagcini intukuthelo yakhe kuze kube phakade.

10Akasiphathi njengokufanele izono zethu,

akasivuzi njengokwamacala ethu.

11Ngokuba njengokuphakama kwezulu phezu komhlaba

unjalo umusa wakhe phezu kwabamesabayo.

12Njengokuba impumalanga yahlukene nentshonalanga,

udedisile kangaka kithi iziphambeko zethu.

13Njengoyise ehawukela abantwana bakhe,

kanjalo uJehova uyabahawukela abamesabayo.

Ihubo 103:8-13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 51

5Bheka, ngazalelwa ebubini,

umame wangithabatha esonweni.

6Bheka, uthanda iqiniso

ngaphakathi enhliziyweni;

wongifundisa ukuhlakanipha ekujuleni kwenhliziyo.

7Ngihlanze ngehisopi,* ngihlambuluke;

ngigeze, ngibe mhlophe kuneqhwa.

Ihubo 51:5-7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 32

Ukuvuma izono nokuthethelelwa kwazo

ElikaDavide. IMaskili.*

1Ubusisiwe osiphambeko sakhe sithethelelwe,

osono sakhe sisibekelwe.

2Ubusisiwe umuntu uJehova angambaleli isiphambeko,

kungekho nkohliso emoyeni wakhe.

3Kwathi ngithule, amathambo ami aguga

ngokububula kwami usuku lonke.

4Ngokuba imini nobusuku isandla sakho sasinzima phezu kwami,

uloya lwami loma njengokomisa kwehlobo. Sela*

5Ngasivuma isono sami kuwe,

angisifihlanga isiphambeko sami;

ngathi: “Ngizakuzivuma izono zami kuJehova,”

wena wathethelela icala lesono sami. Sela*

6Ngakho-ke yilowo nalowo olungileyo makakhuleke kuwe

ngesikhathi sokukufumana;

impela kuyakuthi lapho amanzi amakhulu ekhukhula,

angafinyeleli kuye.

7Wena uyindawo yami yokucasha;

uyangilondoloza ngingahlupheki;

ungiphahla ngenjabulo yokukhululwa. Sela*

8Ngizakukufundisa, ngikubonise indlela ozakuhamba ngayo;

ngizakukululeka ngeso lami.

9Ningabi njengehhashi nembongolo engenangqondo;

umkhala netomu yimvunulo yayo yokuyiqondisa,

uma ingasondeli kuwe.

10Omubi unezinhlupheko eziningi,

kepha othemba uJehova umusa uyakumphahla.

11Jabulani kuJehova, nethabe nina balungileyo,

nethabe nina nonke baqotho ngenhliziyo.

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.29.1
SITHOLE KU