Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 33

Ukukhululwa

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 39

11Nxa ulaya umuntu ngesijeziso ngenxa yeziphambeko,

ubuhle bakhe ubenza buphele njengenundu;

yilowo nalowo muntu ungumoya nje. Sela*

12“Yizwa umkhuleko wami, Jehova,

ulalele ukumemeza kwami;

ungathuli ngezinyembezi zami,

ngokuba ngingumfokazi kuwe;

ngiyisihambi njengokhokho bami bonke.

Ihubo 39:11-12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 65

Ukubonga izipho zikaNkulunkulu

Kumholi wokuhlabelela. Ihubo likaDavide. Igama.

1Udumiso luhlalela wena Nkulunkulu eSiyoni,

nesithembiso siyakugcwaliswa kuwe.

2Wena ozwayo imikhuleko,

beza kuwe bonke abantu.

3Izenzo ezimbi zangahlula;

iziphambeko zethu uyaziyekela.

4Ubusisiwe omkhethayo wena, omsondezayo

ukuba ahlale emagcekeni akho;

siyakusutha ngokuhle kwendlu yakho,

ithempeli lakho elingcwele.

5Uyakusiphendula ngezenzo ezesabekayo ekulungeni,

Nkulunkulu wensindiso yethu,

wena oyithemba lemikhawulo yonke yomhlaba

nelolwandle olukude;

Ihubo 65:1-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 68

19Mayibongwe iNkosi.

Iyasithwala imihla ngemihla;

uNkulunkulu uyinsindiso yethu. Sela*

20Kithina uNkulunkulu unguNkulunkulu wezinkululo;

ukukhipha ekufeni kungokukaJehova iNkosi.

Ihubo 68:19-20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU