Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 34

Ukungaphathwa kahle

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 10

Ukuchithwa kwababi

1Jehova, umeleni kude na?

Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?

Ihubo 10:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 10

4Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi:

“Akanaki lutho;

akakho uNkulunkulu,”

injalo imicabango yakhe yonke.

5Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke;

izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe;

zonke izitha zakhe uyazidelela.

Ihubo 10:4-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 10

12Vuka, Jehova!

Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,

ungakhohlwa abahluphekileyo.

Ihubo 10:12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 10

14Ubonile wena;

ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena

ukuze ukubeke esandleni sakho;

othithibeleyo uyazinikela kuwe;

wena ungumsizi wentandane.

Ihubo 10:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 10

16UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade;

abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

17Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene;

uyaqinisa inhliziyo yabo,

indlebe yakho uyibeka kubo

Ihubo 10:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 73

Umkhuleko wowethemba uNkulunkulu

Ihubo lika-Asafa.

1Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,

kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;

kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

3Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,

lapho ngibona ukubusa kwababi.

Ihubo 73:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 73

16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,

kwaba luhlupho emehlweni ami,

17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,

ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

Ihubo 73:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 73

23Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;

ungibambile ngesandla sami sokunene.

24Uyakungihola ngesiluleko sakho,

andukuba ungamukele enkazimulweni.

25Nginobani ezulwini na?

Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

Ihubo 73:23-25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 73

28Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;

ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami,

ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Ihubo 73:28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU