Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 39

Ukungabaza

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 43

3Thuma ukukhanya kwakho neqiniso lakho,

kungihole, kungiyise entabeni yakho engcwele

nasezindlini zakho,

4ngize ngifike kulo i-altare likaNkulunkulu,

kuNkulunkulu wenjabulo yokwethaba kwami,

ngikudumise ngehabhu,* Nkulunkulu, Nkulunkulu wami.

5Yini ukuba udangale,

mphefumulo wami,

uyaluze phakathi kwami, na?

ngisezakumdumisa yena

oyinsindiso yobuso bami noNkulunkulu wami.

Ihubo 43:3-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 125

UJehova uyalondoloza u-Israyeli

Igama lokukhuphuka.

1Abamethembayo uJehova bafana nentaba yaseSiyoni

engenakunyakaziswa kepha imi phakade.

2Njengalokhu izintaba zihaqa iJerusalema,

kanjalo uJehova uhaqa abantu bakhe kalokhu kuze kube phakade.

Ihubo 125:1-2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU