Bible Society of South Africa

Induduzo evela eZwini – Day 41

Ukulahlekelwa yithemba

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Ihubo 61

Ukucelela inkosi isibusiso

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. ElikaDavide.

1Yizwa, Nkulunkulu, ukukhala kwami,

ulalele umkhuleko wami.

2Ngikhala kuwe ngisemkhawulweni womhlaba,

lapho inhliziyo yami isebuthakathakeni;

ngiholele edwaleni eliphakeme kunami.

3Ngokuba ubuyisiphephelo sami,

inqaba eqinileyo ngakuso isitha.

4Ngiyakuhlala etendeni lakho kuze kube phakade;

ngiyakukhosela ekusithekeni kwamaphiko akho. Sela*

5Ngokuba wena Nkulunkulu uzizwile izithembiso zami,

wabanika ifa abalesaba igama lakho.

Ihubo 61:1-5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 69

Ukuhlupheka kolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze. ElikaDavide.

1Ngisindise, Nkulunkulu,

ngokuba amanzi afikile emphefumulweni.

2Ngishone odakeni lobishi olujulileyo, kungekho kuma;

ngingene emanzini alutwa;

imisinga iyangicwilisa.

3Ngikhathele ukukhala kwami, umphimbo wami ushile;

amehlo ami ayafiphala ekulindeleni uNkulunkulu wami.

4Abangizonda ngeze baningi kunezinwele zekhanda lami;

baningi abafuna ukungiqeda beyizitha zami kungekho sici;

nengingakuphanganga ngakubuyisela.

5Nkulunkulu, wena uyabazi ubuwula bami,

nezono zami azifihlakele kuwe.

6Mabangajabhiswa ngami abakulindeleyo,

Nkosi Jehova Sebawoti;

mabangahlazeki ngami abakufunayo,

Nkulunkulu ka-Israyeli.

7Ngokuba ngithwele isihlamba ngenxa yakho;

ihlazo lisibekela ubuso bami.

8Sengaba ngumfokazi kubafowethu,

nowezizwe kubantwana bakamame.

9Ngokuba ukushisekela indlu yakho kungidlile;

izithuko zabakuthukayo zingehlele.

10Ngakhala, umphefumulo wami wazila;

kwaba ngukudunyazwa kwami.

11Isaka ngalenza isambatho sami;

ngaba yisaga kubo.

12Abahlezi esangweni bakhuluma ngami;

izidakwa ziyangihaya.

13Kodwa mina, umkhuleko wami ukuwe Jehova

esikhathini sokuzwelwa, Nkulunkulu;

ngenxa yomusa wakho omkhulu

ngiphendule eqinisweni lensindiso yakho.

14Ngikhiphe odakeni, mangingashoni;

mangisindiswe kubo abangizondayo,

nasemanzini alutwa.

15Isikhukhula samanzi masingangicwilisi,

utwa lungangigwinyi,

umgodi ungangivaleli emlonyeni wawo.

16Ngiphendule, Jehova,

ngokuba umusa wakho ulungile;

uphendukele kimi ngokobubele bakho obukhulu.

17Ungayifihleli inceku yakho ubuso bakho,

ngokuba ngiyahlupheka;

shesha ungiphendule.

18Sondela kuwo umphefumulo wami, uwuhlenge,

ngikhulule ngenxa yezitha zami.

19Wena uyakwazi ukuthukwa kwami,

namahloni ami nokudunyazwa kwami;

zonke izitha zami ziphambi kwakho.

20Ukuthukwa kuyaphulile inhliziyo yami,

ngigula kakhulu;

bengibheka ukuhawukelwa,

kepha akwabakho,

nabaduduzayo,

kepha angibatholanga.

21Banginika inyongo ibe ngukudla kwami;

ekomeni kwami bangiphuzisa uviniga.

22Itafula labo malibe yisihibe phambi kwabo,

libe lugibe kwabahlezi bezithulele.

23Amehlo abo mawafiphale,

ukuze bangaboni;

izinkalo zabo zintengezele njalo.

24Thela phezu kwabo ukunengwa kwakho;

intukuthelo yakho evuthayo mayibafice.

25Umuzi wabo mawuchitheke;

makungabikho ohlala ematendeni abo.

26Ngokuba oshaywe nguwe bayamzingela,

baxoxa ngobuhlungu bezinkubela zakho.

27Yengezela ukona ekoneni kwabo;

mabangezi ekulungeni kwakho.

28Mabesulwe encwadini yabaphilayo,

bangalotshwa kanye nabalungileyo.

29Mina kodwa ngihluphekile, ngibuhlungu;

insindiso yakho,

Nkulunkulu mayingilondoloze.

30Ngiyakulibonga ngehubo igama likaNkulunkulu,

ngimphakamise ngokubonga.

31Kuyakuthandeka kuJehova kunenkomo,

kunenkunzi enezimpondo nezinselo.

32Kuyakuthi abayizivi bekubona, bajabule;

nina enifuna uNkulunkulu,

inhliziyo yenu mayiphile.

33Ngokuba uJehova uyabalalela abampofu,

neziboshwa zakhe akazideleli.

34Uyakubongwa yizulu nomhlaba,

yizilwandle nakho konke okuphila kuzo.

35Ngokuba uNkulunkulu uzakulisindisa iSiyoni,

akhe imizi yakwaJuda;

bazakuhlala khona, ibe yifa labo.

36Inzalo yezinceku zakhe iyakulidla ifa;

abathanda igama lakhe bayakuhlala kuyo.

Ihubo 77

UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sabantu bakhe

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Elika-Asafa. Ihubo.

1Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,

ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;

ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;

umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;

ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;

ngikhathazekile,

angisakwazi ukukhuluma.

5Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,

ngeminyaka yaphakade.

6Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,

ngizindla enhliziyweni yami;

nomoya wami uyahlolisisa.

7INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?

Ayisenakuphinda ibe nomusa na?

8Umusa wayo unqamukile njalo yini na?

Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

9UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na?

Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela*

10Ngase ngithi:

“Yilokhu ukuhlupheka kwami,

ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”

11Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,

yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,

12ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,

ngizindle ngezenzo zakho.

13Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;

ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?

14Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;

amandla akho uwazisile ezizweni.

15Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,

amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*

16Amanzi akubona, Nkulunkulu,

amanzi akubona, athuthumela,

nezintwa zazamazama.

17Amafu athela amanzi,

izulu laduma,

imicibisholo yakho yaphuma.

18Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;

imibani yakhanyisa izwe;

umhlaba wadikizela, wazamazama.

19Indlela yakho yayiselwandle,

nomendo wakho wawusemanzini amaningi,

kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

20Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.

Ihubo 86

Umkhuleko wososizini

Umkhuleko kaDavide.

1Beka indlebe yakho, Jehova, ungiphendule,

ngokuba ngilusizi, ngimpofu.

2Londoloza umphefumulo wami, ngokuba ngingoqotho;

wena Nkulunkulu wami, sindisa inceku yakho ekwethembayo.

3Yiba nomusa kimi, Nkosi,

ngokuba ngikhala kuwe usuku lonke.

4Thokozisa umphefumulo wenceku yakho,

ngokuba kuwena, Nkosi, ngiyawuphakamisela umphefumulo wami.

5Ngokuba wena, Nkosi, umuhle, ungothethelelayo,

unomusa omkhulu kubo bonke abakhala kuwe.

6Jehova, beka indlebe ekukhulekeni kwami,

ulalele izwi lokunxusa kwami.

7Ngosuku losizi lwami ngikhala kuwe,

ngokuba uzakungiphendula.

8Phakathi kwawonkulunkulu akakho onjengawe Nkosi;

akukho okunjengemisebenzi yakho.

9Izizwe ozenzileyo ziyakufika zonke,

zikhuleke phambi kwakho, Nkosi, zidumise igama lakho.

10Ngokuba umkhulu wena,

uyenza izimangaliso,

unguNkulunkulu wena wedwa.

11Ngifundise, Jehova, indlela yakho;

ngiyakuhamba eqinisweni lakho;

yenza inhliziyo yami iqonde ntonye,

yesabe igama lakho.

12Ngiyakukubonga, Nkosi Nkulunkulu

wami, ngenhliziyo yonke yami,

ngidumise igama lakho kuze kube phakade.

13Ngokuba umusa wakho mkhulu phezu kwami,

ukhululile umphefumulo wami endaweni yabafileyo ephansi.

14Nkulunkulu, izideleli zingivukele,

ibandla lezidlwangudlwangu lifuna umphefumulo wami;

azibekanga wena phambi kwazo.

15Kepha wena Nkosi unguNkulunkulu ohawukelayo,

onomusa nokubekezela,

uvame ubumnene nokuthembeka.

16Phendukela kimi, ube nomusa kimi,

uyiphe inceku yakho amandla akho,

usindise indodana yencekukazi yakho.

17Ngenzele isiboniselo sokuhle,

ukuze abangizondayo babone, bajabhe,

ngokuba wena Jehova uyangisiza, uyangiduduza.

Uma umuntu engaphansi kwengcindezi futhi edinga amandla kanye nenduduzo evela eNkosini, kuvamise ukuba azizwe ephelelwa amandla. Lezi zingxenye zeZifundo ezitholakala kuMahubo zibekwe ndawonye ngaphansi kwezihloko ukukusiza ukuba uthole amavesi eSifundo esifanelekile ezimweni zakho ezithile.

Bible Society of South Africav.4.26.7
SITHOLE KU