Bible Society of South Africa

To The Word – Day 10

Genesis 33–36, John 18–19

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 33

UJakobe uhlangana no-Esawu

1UJakobe waphakamisa amehlo akhe, wabheka, nango u-Esawu eza enamadoda angamakhulu amane. Abantwana wabahlukanisela oLeya, noRaheli, nezincekukazi zombili. 2Wabeka izincekukazi nabantwana bazo ngaphambili, uLeya nabantwana bakhe ngasemuva, oRaheli noJosefa ngasekugcineni. 3Yena uqobo wadlulela phambi kwabo, wakhothamela emhlabathini kasikhombisa, waze wafika kumfowabo.

4U-Esawu wagijima ukumhlangabeza, wamgona, wawa ngasentanyeni yakhe, wamanga; bakhala.

5Waphakamisa amehlo akhe, wabona abesifazane nabantwana, wathi: “Bangobani laba onabo na?”

Wathi: “Bangabantwana uNkulunkulu ayiphe bona inceku yakho ngomusa.”

6Zase zisondela izincekukazi, zona nabantwana bazo, bakhothama. 7Wasondela noLeya nabantwana bakhe, bakhothama; ngasemuva wafika uJosefa enoRaheli, bakhothama.

8Wayesethi: “Uqondeni ngawo wonke lombonda engihlangana nawo na?”

Wathi: “Ukuba ngifumane umusa emehlweni enkosi yami.”

9Kepha u-Esawu wathi: “Nginokuningi, mfowethu; okwakho makube ngokwakho.”

10UJakobe wathi: “Hhayi bo; uma ngifumene umusa emehlweni akho, samukele isipho sami esandleni sami, ngokuba ngibone ubuso bakho esengathi ngibona ubuso bukaNkulunkulu, wathokoza ngami. 11Mawusamukele isibusiso sami esilethwa kuwe, ngokuba uNkulunkulu ungenzele umusa nangokuba nginakho konke.” Wamcindezela; wasamukela-ke.

12Wayesethi: “Asisuke sihambe, ngihambe phambi kwakho.”

13Wathi kuye: “Inkosi yami iyazi ukuthi abantwana bancane nokuthi izimvu nezinkomazi ezinami ziyizindlezane; uma bezishishinga usuku olulodwa, umhlambi wonke uyakufa. 14Ake idlule inkosi phambi kwenceku yayo, mina ngiseseze njengokuhamba kwempahla ephambi kwami nanjengokuhamba kwabantwana, ngize ngifike enkosini yami eSeyiri.”

15U-Esawu wathi: “Ake ngishiye kuwe abanye abantu bami.”

Wathi: “Ngani na? Mangifumane umusa emehlweni enkosi.”

16U-Esawu wayesebuyela endleleni yakhe ngalolo suku, waya eSeyiri. 17UJakobe wasuka waya eSukoti, wazakhela indlu, wenzela izinkomo zakhe amathanga; ngalokho igama laleyo ndawo lathiwa iSukoti.*

18UJakobe wafika kahle emzini waseShekemi osezweni laseKhanani, evela ePhadani Aramu; wamisa itende lakhe phambi komuzi. 19Wathenga isiqephu sezwe, lapho ebemise khona itende lakhe, esandleni samadodana kaHamori uyise kaShekemi ngamakesita* ayikhulu. 20Wakha khona i-altare, walibiza ngokuthi i-Eli Elohe Israyeli.*

UGenesise 33ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 34

UDina woniwa nguShekemi

1UDina, indodakazi kaLeya amzalela yona uJakobe, waphuma ukuyobona amadodakazi alelo zwe. 2UShekemi indodana kaHamori umHivi, inkosi yezwe, wambona, wamthatha, walala naye, wamona. 3Inhliziyo yakhe yabambelela kuDina indodakazi kaJakobe, wayithanda intombi, wakhuluma kuyo inhliziyo yentombi. 4UShekemi wakhuluma kuyise uHamori, wathi: “Ngithathele le ntombazana, ibe ngumkami.”

5UJakobe wezwa ukuthi ungcolisile indodakazi yakhe uDina; amadodana akhe ayesezinkomeni endle; uJakobe wathula, aze afika.

6UHamori uyise kaShekemi waphumela kuJakobe ukuyokhuluma naye. 7Amadodana kaJakobe abuya endle esezwile lokho; abantu badabuka, bathukuthela kakhulu, ngokuba ubenze ubuwula kwa-Israyeli ngokulala nendodakazi kaJakobe, okungenakwenziwa.

8UHamori wakhuluma nabo, wathi: “Inhliziyo yendodana yami uShekemi iyabambelela endodakazini yenu; ake nimuphe yona, ibe ngumkakhe. 9Ganiselanani nathi, nisiphe amadodakazi enu, nizithathele amadodakazi ethu. 10Niyakuhlala kithi; izwe liyakuba sebusweni benu; yakhani, nithengiselane, nifuye kulo.”

11UShekemi wayesethi kuyise nakubanewabo: “Ake ngifumane umusa emehlweni enu; lokho eniyakukusho kimi, ngiyakuninika khona. 12Bizani kimi ilobolo noma lingakanani kanye nesipho, ngiyakuninika njengokusho kwenu kimi; kodwa ngipheni intombi ibe ngumkami.”

13Amadodana kaJakobe abaphendula oShekemi noHamori uyise ngobuqili, akhuluma, njengokuba ebemngcolisile uDina udadewabo, 14athi kubo: “Asinakwenza lokhu, ukunika udadewethu kumuntu ongasokwanga, ngokuba lokho kuyihlazo kithina. 15Kepha ngalokho singanivumela: uma nizakuba njengathi, kusokwe bonke abesilisa bakini, 16siyakuninika amadodakazi ethu, sizithathele amadodakazi enu, sihlale nani, sibe yisizwe sinye. 17Kepha uma ningasilaleli, nisokwe, siyakuthatha indodakazi yethu, sihambe.”

18Amazwi abo aba mahle koHamori noShekemi indodana kaHamori. 19Le nsizwa ayilibalanga ukwenza lokho, ngokuba yayethabela indodakazi kaJakobe; yayinodumo kunabo bonke abendlu kayise. 20OHamori noShekemi indodana yakhe beza ngasesangweni lomuzi, bakhuluma namadoda omuzi wabo, bathi: 21“Labo bantu bahlezi ngokuthula nathi; ngalokho mabahlale ezweni, balihambe, ngokuba bheka, izwe libanzi inxa zombili phambi kwabo; asizithathele amadodakazi abo abe ngomkethu, sibaphe amadodakazi ethu. 22Kuphela ngalokho bayasivumela laba bantu ukuhlala nathi, sibe yisizwe sinye, ukuthi bonke abesilisa bakithi basokwe, njengalokho bona besokiwe. 23Imihlambi yabo, nempahla yabo, nezinkomo zabo akuyikuba ngokwethu na? Masibavumele kuphela, bakhe kithi.”

24Bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe balalela oHamori noShekemi indodana yakhe; bonke abesilisa basokwa, bonke abaphuma ngesango lomuzi wakhe.

Ukuphindisela kwabanewabo bakaDina

25Kwathi ngosuku lwesithathu bese nobuhlungu, amadodana amabili kaJakobe, oSimeyoni noLevi, abanewabo bakaDina, bathatha, kwaba yilowo nalowo inkemba yakhe, bahlasela umuzi ngesibindi, babulala bonke abesilisa. 26Babulala oHamori noShekemi indodana yakhe ngosiko lwenkemba, bakhipha uDina endlini kaShekemi, bahamba. 27Amadodana kaJakobe ayesefica ababuleweyo, aphanga umuzi, ngokuba babengcolisile udadewabo. 28Athatha izimvu zabo, nezinkomo zabo, nezimbongolo zabo, okwakusemzini nokwakusendle, 29nemfuyo yonke yabo; athumba abantwana babo nawomkabo, abaphanga kanye nakho konke okusendlini.

30UJakobe wayesethi koSimeyoni noLevi: “Ningihluphile, ningenzile ukuba nginukele kabi abantu bezwe, amaKhanani namaPherizi, lokhu ngiyingcosana, bayakungihlanganyela, bangibulale, ngichithwe mina nendlu yami.”

31Base bethi: “Ngabe bemenza udadewethu isifebe na?”

UGenesise 34ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 35

UJakobe eseBethele

1UNkulunkulu wathi kuJakobe: “Suka ukhuphukele eBethele, uhlale khona, umenzele lapho uNkulunkulu i-altare, yena owabonakala kuwe mhla ubalekela u-Esawu umfowenu.”

2Wayesethi uJakobe kwabendlu yakhe nakubo bonke ababe naye: “Lahlani izithixo zabezizwe eziphakathi kwenu, nizihlambulule nina, niziphendulele izingubo zenu, 3sisuke, sikhuphukele eBethele; ngiyakumenzela khona uNkulunkulu i-altare, yena owangiphendula ngosuku lokuhlupheka kwami, waba nami endleleni engangiyihamba.” 4Bamnika-ke uJakobe izithixo zonke zabezizwe ezazisezandleni zabo, namacici ayesezindlebeni zabo; uJakobe wakuthukusa phansi kwe-oki* elalingaseShekemi. 5Base bemuka; ukumesaba uNkulunkulu kwakuphezu kwemizi eyayikhona nxazonke; abawaxoshanga amadodana kaJakobe.

6UJakobe wafika eLuze elisezweni laseKhanani eliyiBethele, yena kanye nabantu bonke ababe naye. 7Wakha khona i-altare, wayibiza indawo ngokuthi i-Eli Bethele, ngokuba uNkulunkulu wabonakala kuye khona mhla ebaleka ebusweni bomfowabo.

8UDebora umzanyana kaRebeka wafa, wembelwa ngenzansi neBethele phansi kwe-oki;* igama lalo labizwa ngokuthi i-Alonibakuti.*

Ukuzalwa kukaBenjamini nokufa kukaRaheli

9UNkulunkulu wabuye wabonakala kuJakobe, lapho evela ePhadani Aramu, wambusisa.

10UNkulunkulu wathi kuye:

“Igama lakho linguJakobe,

igama lakho alisayikuthiwa uJakobe;

igama lakho lizakuba ngu-Israyeli,”

wayeseqamba igama lakhe ngokuthi u-Israyeli.

11UNkulunkulu wathi kuye:

“NginguNkulunkulu uSomandla;

mawuzale, wande;

isizwe, yebo, ibandla lezizwe liyakuvela kuwe;

amakhosi ayakuphuma okhalweni lwakho;

12izwe engabapha lona o-Abrahama

no-Isaka,

ngiyakulinika wena;

nenzalo yakho emva kwakho ngiyakuyinika lona.”

13UNkulunkulu wenyuka esuka kuye endaweni lapho ebekhulume naye khona.

14UJakobe wayesemisa insika endaweni lapho abekhulume naye khona, insika yetshe; wathela phezu kwayo umnikelo wokuphuzwa, wathela namafutha phezu kwayo. 15UJakobe wayiqamba indawo lapho uNkulunkulu akhuluma naye khona ngokuthi iBethele.

16Base besuka eBethele; kwakuse yibangana ukuya e-Efrati; uRaheli wayesebeletha, wabeletha enemihelo enzima. 17Kwathi esenemihelo enzima, umbelethisi wathi kuye: “Ungesabi, ngokuba uzakuba nenye indodana futhi.” 18Usuzakuphuma umphefumulo wakhe, ngokuba wafa, waqamba igama lakhe ngokuthi uBenoni; kepha uyise wamqamba ngokuthi uBenjamini.

19Wafa uRaheli, wembelwa ngasendleleni eya e-Efrati eliyiBetlehema. 20UJakobe wamisa insika ethuneni lakhe, eyinsika yethuna likaRaheli kuze kube namuhla.

21U-Israyeli wasuka, wamisa itende lakhe ngaphambi kombhoshongo wase-Edere. 22Kwathi u-Israyeli esehlala kulelo zwe, uRubeni waya walala noBiliha isancinza sikayise; u-Israyeli wakuzwa lokho.

Amadodana kaJakobe nokufa kuka-Isaka

Amadodana kaJakobe ayeyishumi nambili.

23Amadodana kaLeya ayenguRubeni, izibulo likaJakobe, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni. 24Amadodana kaRaheli ayengoJosefa noBenjamini. 25Amadodana kaBiliha incekukazi kaRaheli ayengoDani noNafetali. 26Amadodana kaZilipa incekukazi kaLeya ayengoGadi no-Asheri; lawo angamadodana kaJakobe awazalelwa ePhadani Aramu.

27UJakobe wafika ku-Isaka uyise eMamre ngaseKiriyati Araba, okuyiHebroni, lapho o-Abrahama no-Isaka kade bebegogobele khona. 28Izinsuku zika-Isaka zaziyiminyaka eyikhulu namashumi ayisishiyagalombili. 29U-Isaka wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe, emdala esanelisiwe yizinsuku. O-Esawu noJakobe amadodana akhe bammbela.

UGenesise 35ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 36

Umndeni ka-Esawu

1Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu ongu-Edomi.

2U-Esawu wazithathela abafazi kuwo amadodakazi aseKhanani: u-Ada indodakazi ka-Eloni umHeti, no-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni umHivi, 3noBasemati indodakazi ka-Ishmayeli, udadewabo kaNebayoti.

4U-Ada wamzalela u-Esawu u-Elifazi; uBasemati wazala uRehuweli; 5u-Oholibama wazala oJewushe, noJalamu, noKora; lawo angamadodana ka-Esawu azalelwa wona ezweni laseKhanani.

6U-Esawu wathatha omkakhe, namadodana akhe, namadodakazi akhe, nabantu bonke bendlu yakhe, nemfuyo yakhe, nezinkomo zakhe, nempahla yonke yakhe owayeyizuze ezweni laseKhanani, waya ezweni elikude nomfowabo uJakobe. 7Ngokuba imfuyo yabo yayiyinkulu kunokuba bahlale ndawonye, nezwe lokugogobala kwabo lalingenakubathwala ngenxa yemfuyo yabo. 8U-Esawu wahlala entabeni yaseSeyiri; u-Esawu ungu-Edomi.

9Lezi ziyizizukulwane zika-Esawu uyise wabakwa-Edomi entabeni yaseSeyiri. 10Nanka amagama amadodana ka-Esawu: Ngu-Elifazi indodana ka-Ada umka-Esawu, noRehuweli indodana kaBasemati umka-Esawu. 11Amadodana ka-Elifazi ayengoThemani, no-Omari, noSefo, noGathamu, noKenazi. 12UThimna wayeyisancinza sika-Elifazi indodana ka-Esawu; wamzalela u-Elifazi u-Amaleki; yilawo angamadodana ka-Ada umka-Esawu. 13Lawa angamadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu. 14Lawa angamadodana ka-Oholibama indodakazi ka-Ana, indodakazi kaSibeyoni, umka-Esawu: wamzalela u-Esawu oJewushe, noJalamu, noKora.

15Laba bangabanumzane bamadodana ka-Elifazi izibulo lika-Esawu: Ngumnumzane uThemani, nomnumzane u-Omari, nomnumzane uSefo, nomnumzane uKenazi, 16nomnumzane uKora, nomnumzane uGathamu, nomnumzane u-Amaleki; yilabo abangabanumzane abavela ku-Elifazi ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana ka-Ada. 17Lawa angamadodana kaRehuweli indodana ka-Esawu: ngumnumzane uNahati, nomnumzane uZera, nomnumzane uShama, nomnumzane uMiza; yilabo abangabanumzane abavela kuRehuweli ezweni lakwa-Edomi; yilawo angamadodana kaBasemati umka-Esawu. 18Lawa angamadodana ka-Oholibama umka-Esawu: ngumnumzane uJewushe, nomnumzane uJalamu, nomnumzane uKora; yilabo abangabanumzane abavela ku-Oholibama indodakazi ka-Ana umka-Esawu.

19Yilawo angamadodana ka-Esawu; labo bangabanumzane bawo; yena ungu-Edomi.

Inzalo kaSeyiri

20Lawa angamadodana kaSeyiri umHori ayakhe kulelo zwe: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, 21noDishoni, no-Eseri, noDishani; labo bangabanumzane abavela kuwo amaHori, abantwana bakaSeyiri ezweni lakwa-Edomi. 22Amadodana kaLothani ayengoHori noHemamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna. 23Lawa angamadodana kaShobali: ngo-Alevani, noManahati, no-Ebali, noShefo, no-Onamu. 24Lawa angamadodana kaSibeyoni: ngo-Aya, no-Ana; nguyena lowo Ana owafumana imithombo eshisayo ehlane, ezalusa izimbongolo zikaSibeyoni uyise. 25Laba bangabantwana baka-Ana: ngoDishoni no-Oholibama indodakazi ka-Ana. 26Lawa angamadodana kaDishoni: ngoHemdani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani. 27Lawa angamadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, no-Akani. 28Lawa angamadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana. 29Laba bangabanumzane abavela kuwo amaHori: ngumnumzane uLothani, nomnumzane uShobali, nomnumzane uSibeyoni, nomnumzane u-Ana, 30nomnumzane uDishoni, nomnumzane u-Eseri, nomnumzane uDishani; yilabo abangabanumzane abavela kuwo amaHori, abanumzane ngabanumzane ezweni laseSeyiri.

31Lawa angamakhosi ayebusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi kwabakwa-Israyeli. 32UBela indodana kaBeyori wabusa kwabakwa-Edomi; igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba. 33Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe. 34Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe. 35Wafa uHushamu; uHadadi indodana kaBedadi owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti. 36Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe. 37Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngasemfuleni waba yinkosi esikhundleni sakhe. 38Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe. 39Wafa uBali Hanani indodana ka-Akibori; uHadari waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhawu; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi.

40Lawa angamagama abanumzane abavela ku-Esawu ngemindeni yabo, nangezindawo zabo, nangamagama abo: ngumnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliva, nomnumzane uJeteti, 41nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni, 42nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari, 43nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu; yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi ngokwakha kwabo ezweni elaliyifa labo; nguyena u-Esawu uyise wabakwa-Edomi.

UGenesise 36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 18

Ukuboshwa kukaJesu

(Math. 26:36,47; Mark. 14:43-50; Luk. 22:39,47)

1UJesu esekhulume lawo mazwi waphuma kanye nabafundi bakhe, waya phesheya komfudlana iKedroni, lapho kwakukhona insimu angena kuyo yena nabafundi bakhe.

2NoJuda owamkhaphelayo wayeyazi leyo ndawo, ngokuba uJesu wayevama ukuhlangana khona nabafundi bakhe. 3Khona uJuda, esethole isigaba samabutho nezikhonzi kubapristi abakhulu nabaFarisi, waya lapho, benezihlanti nezibani nezikhali.

4Khona uJesu ekwazi konke okuyakumehlela waphuma, wathi kubo: “Nifuna ubani na?”

5Bamphendula bathi: “UJesu waseNazaretha.”

UJesu wathi kubo: “Yimina.” UJuda omkhaphelayo wayemi nabo. 6Kuthe-ke ukuba athi kubo: “Yimina,” bahlehla nyovane, bawa phansi.

7Waphinda wababuza wathi: “Nifuna ubani na?”

Bathi: “UJesu waseNazaretha.”

8UJesu waphendula wathi: “Nginitshelile ukuthi yimina; uma-ke nifuna mina, bayekeni laba, bahambe,” 9ukuba ligcwaliseke izwi alishiloyo lokuthi: “Kulabo ongiphe bona angilahlekelwanga namunye.”

10USimoni Petru enenkemba wayihosha, wayigenca inceku yompristi omkhulu, wayinquma indlebe yokunene. Igama lenceku lalinguMalkusi.

11Khona uJesu wathi kuPetru: “Faka inkemba emgodleni wayo; angiyikusiphuza kanti isitsha anginike sona uBaba na?”

Ukuthethwa kwecala likaJesu

(Math. 26:57; Mark. 14:53; Luk. 22:54)

12Njalo-ke isigaba nenduna yenkulungwane nezikhonzi zabaJuda bambamba uJesu, bambopha; 13baqala bamyisa ku-Anase, ngokuba engumukhwe kaKayafase obengumpristi omkhulu walowo mnyaka. 14UKayafase kambe nguye owaluleka abaJuda ngokuthi kubalungele ukuba kufe umuntu abe munye ngenxa yesizwe.

15USimoni Petru walandela uJesu nomunye umfundi. Lowo mfundi wayaziwa ngumpristi omkhulu, wangena noJesu egcekeni lompristi omkhulu; 16kepha uPetru wayemi ngaphandle emnyango. Waphuma-ke lowo mfundi omunye owaziwa ngumpristi omkhulu, wakhuluma nomlindikazi womnyango, wamngenisa uPetru.

Ukuphika kukaPetru

(Math. 26:69; Mark. 14:66; Luk. 22:54)

17Intombazana elinda emnyango yayisithi kuPetru: “Imbala nawe awusiye owabafundi balowo muntu na?”

Wathi yena: “Angisiye.”

18Kwakumi khona izinceku nezikhonzi zibasile umlilo wamalahle, ngokuba kwakumakhaza, zotha; noPetru wayenazo otha.

19Kepha umpristi omkhulu wabuza uJesu ngabafundi bakhe nangemfundiso yakhe.

20UJesu wamphendula wathi: “Ngikhulumile obala ezweni. Ngezikhathi zonke bengifundisa esinagogeni* nasethempelini, lapho abaJuda bonke bebuthana khona, angikhulumanga lutho ngasese. 21Ubuzelani kimi na? Buza kulabo abezwile lokho engakukhuluma kubo; bheka, bona bayakwazi engakushoyo.”

22Esasho lokho, esinye isikhonzi esasimi khona sammukula uJesu, sathi: “Uphendula umpristi omkhulu kanjalo na?”

23UJesu wasiphendula wathi: “Uma ngikhulume kabi, fakaza ngalobo bubi; kodwa uma kukuhle, ungishayelani na?” 24U-Anase wamthumela eboshiwe kuKayafase umpristi omkhulu.

UJesu uphikwa nguPetru ngokwesibili nangokwesithathu

25Kepha uSimoni Petru wayemi otha. Bathi-ke kuye: “Imbala nawe awusiye owabafundi bakhe na?”

Waphika yena, wathi: “Angisiye.”

26Enye yezinceku zompristi omkhulu, eyisihlobo salowo ondlebe yaso uPetru abeyinqumile, yathi: “Angikubonanga yini mina ensimini unaye na?” 27Wabuye waphika uPetru; masinyane lakhala iqhude.

UJesu ephambi kukaPilatu

(Math. 27:11; Mark. 15:1; Luk. 23:1)

28Base bekhipha uJesu kuKayafase, bemyisa endlini yokwahlulela; kwakusekuseni. Kepha bona kabangenanga enqabeni ukuba bangangcoli kodwa babe nokudla iphasika. 29Khona uPilatu waphumela kubo, wathi: “Nimthwesa cala lini lo muntu na?”

30Baphendula, bathi kuye: “Uma lona ebengesiye owenza okubi, nga singamlethanga kuwe.”

31Khona uPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimahlulele ngomthetho wakini.”

Bathi kuye abaJuda: “Asivunyelwe ukubulala umuntu,” 32ukuba kugcwaliseke izwi likaJesu alishilo lapha ebonisa ukuthi uyakufa ngokufa okunjani.

33UPilatu wabuye wangena enqabeni, wabiza uJesu, wathi kuye: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”

34UJesu waphendula wathi: “Uzisholo lokhu wena, noma kusho abanye kuwe ngami na?”

35UPilatu waphendula wathi: “Kanti ngingumJuda yini mina na? Isizwe sakini nabapristi abakhulu bakunikezele kimi; wenzeni na?”

36UJesu waphendula wathi: “Umbuso wami awusiwo owaleli zwe. Uma umbuso wami ubungowaleli zwe, izikhonzi zami zaziyakulwa ukuba nginganikezelwa kubaJuda. Kepha kalokhu umbuso wami awusiwo owalapha.”

37Wayesethi uPilatu kuye: “Kanti nokho uyinkosi na?”

UJesu waphendula wathi: “Usho khona. Ngiyinkosi; ngizalelwe lokho, ngafikela lokho ezweni ukuba ngifakazele iqiniso. Bonke abeqiniso bayalizwa izwi lami.”

38Wathi uPilatu kuye: “Iqiniso liyini na?” Eseshilo lokho wabuye waphumela kubaJuda, wathi kubo: “Angifumani cala kuye. 39Kepha ninesiko lokuba nginikhululele omunye ngePhasika; ngakho niyathanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?”

40Khona babuye bamemeza bonke, bathi: “Qha lona, kodwa uBaraba.” Kepha uBaraba wayengumphangi.

NgokukaJohane 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 19

UJesu ulahlwa yicala

1UPilatu wayesemthatha uJesu, wamshaya. 2Amabutho aluka umqhele wameva awufaka ekhanda lakhe, amembathisa ingubo ebubende; 3aya kuye, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” Ammukula.

4UPilatu wabuye waphuma, wathi kubo: “Bhekani, ngimkhiphela kini, ukuze nazi ukuba angifumani cala kuye.” 5Wayesephuma uJesu ethwele umqhele wameva nengubo ebubende. Wathi kubo uPilatu: “Bhekani lo muntu!”

6Bathi bembona abapristi abakhulu nezikhonzi, bamemeza bathi: “Mbethele, mbethele esiphambanweni!”

UPilatu wathi kubo: “Mthatheni nina, nimbethele esiphambanweni, ngokuba angifumani cala kuye.”

7Kepha abaJuda bamphendula bathi: “Sinomthetho thina; ngalo mthetho ufanele ukufa, ngokuba ezenzile iNdodana kaNkulunkulu.”

8Kuthe uPilatu ezwa lelo zwi, kwayikhona esaba kakhulu, 9wabuye wangena enqabeni, wathi kuJesu: “Ungowaphi wena na?” Kepha uJesu kamphendulanga. 10Khona wathi uPilatu kuye: “Awukhulumi kimi na? Awazi ukuthi nginamandla okukukhulula, nginamandla futhi okukubethela esiphambanweni na?”

11UJesu waphendula wathi: “Ngabe awunamandla neze phezu kwami, ukuba awuwanikwanga ngaphezulu. Ngalokho-ke onginikele kuwe unesono esikhulu.”

12Ngalokho uPilatu wayefuna ukumkhulula. Kepha abaJuda bamemeza bathi: “Uma ukhulula lona, awusiye umhlobo kaKesari; osuka ezenza inkosi, umelene noKesari.”

13Kuthe uPilatu esezwa lawo mazwi wamkhiphela ngaphandle uJesu; wahlala esihlalweni sokwahlulela endaweni ethiwa eGandaywe ngamatshe kodwa ngesiHeberu iGabatha. 14Kwakungolokulungisela iPhasika kungathi ihora lesithupha. Wathi kubaJuda: “Bhekani inkosi yenu.”

15Ngakho bamemeza bathi: “Susa, susa, mbethele esiphambanweni!”

Wathi kubo uPilatu: “Ngibethele inkosi yenu na?”

Abapristi abakhulu baphendula bathi: “Asinankosi, uKesari kuphela.”

16Wayesemnikela kubo ukuba abethelwe esiphambanweni.

Ukubethelwa nokufa nokumbelwa kukaJesu

(Math. 27:33; Mark. 15:22; Luk. 23:26)

Bamthatha-ke uJesu, bahamba naye. 17Waphuma ezithwalele isiphambano, waya endaweni ethiwa iNdawo Yekhanda, ethiwa ngesiHeberu iGolgotha. 18Bambethela khona nabanye ababili kanye naye ngalapha nangalapha, uJesu ephakathi.

19Kepha uPilatu waloba isaziso, wasibeka esiphambanweni. Kwakulotshiwe ukuthi: UJESU WASENAZARETHA, INKOSI YABAJUDA. 20Khona abaningi babaJuda bafunda leso saziso; ngokuba indawo leyo, lapho uJesu wabethelwa khona esiphambanweni, yayiseduze nomuzi. Kwakulotshiwe ngesiHeberu, nangesiRoma, nangesiGreki. 21Base bethi abapristi abakhulu babaJuda kuPilatu: “Ungalobi ukuthi: ‘Inkosi yabaJuda,’ kepha ukuba yena wathi: ‘NgiyiNkosi yabaJuda.’ ”

22UPilatu waphendula wathi: “Engikulobile ngikulobile.”

23Kuthe amabutho esembethele uJesu esiphambanweni, athatha izingubo zakhe, azenza izabelo ezine, kwaba yilelo nalelo butho laba nesabelo, neyembe futhi. Kepha iyembe lalingenamthungo, lalukiwe lonke kusukela phezulu.

24Ngakho-ke akhuluma odwa, athi: “Asingalidabuli, kodwa asilenzele inkatho yokuthi liyakuba ngelikabani,” ukuze kugcwaliseke umbhalo othi:

“Babelana izingubo zami,

benzelana inkatho ngesambatho sami.”

Lokho-ke akwenza amabutho.

25Kepha kwakumi ngasesiphambanweni sikaJesu unina kanye nodadewabo kanina, uMariya umkaKleyophase, noMariya Magdalena. 26Kuthe uJesu ebona unina nomfundi amthandayo bemi ngakhona, wathi kunina: “Mame, bheka indodana yakho.” 27Wayesethi kumfundi: “Bheka unyoko.” Kusukela kuleso sikhathi umfundi lowo wamyisa kwakhe.

28Emva kwalokho uJesu, ekwazi ukuthi konke sekuphelelisiwe ukuba umbhalo ugcwaliseke, wathi: “Ngomile.” 29Kwakubekiwe khona isitsha sigcwele uviniga; khona bachoma ilula ligcwele uviniga othini lwehisopi,* baliyisa emlonyeni wakhe. 30Kwathi ukuba uJesu ewamukele uviniga, wathi: “Kufeziwe;” wagebisa ikhanda, wafa.

31Khona abaJuda, ngokuba kwakungolokulungisela, ukuze izidumbu zingahlali esiphambanweni ngesabatha, ngokuba lolo suku lwesabatha lwalulukhulu, banxusa uPilatu ukuba yaphulwe imilenze yabo, basuswe. 32Ayeseza-ke amabutho, ayaphula imilenze yowokuqala neyomunye owayebethelwe naye. 33Esefika kuJesu, ebona ukuthi usefile, kawayaphulanga imilenze yakhe; 34kodwa elinye lamabutho lamgwaza ohlangothini ngomkhonto, kwaphuma masinyane igazi namanzi. 35Obonileyo ufakazile, ubufakazi bakhe buqinisile; yena-ke uyazi ukuthi ukhuluma iqiniso, ukuze nikholwe nani. 36Ngokuba lokho kwenzeka ukuba kugcwaliseke umbhalo othi: “Akuyikwaphulwa thambo lakhe.” 37Futhi omunye umbhalo uthi: “Bayakumbheka abamgwazileyo.”

38Emva kwalokho uJosefa wase-Arimatheya, engumfundi kaJesu kepha ekufihla ngokwesaba abaJuda, wacela kuPilatu ukuba asuse isidumbu sikaJesu; uPilatu wavuma-ke. Wayesefika, wasisusa isidumbu sikaJesu. 39Kweza noNikodemu owafika kuye kuqala ebusuku, waletha ixube lenhlaka nomhlaba kungathi amalitra* ayikhulu. 40Ngakho base besithatha isidumbu sikaJesu, basisonga ngezindwangu zelineni kanye namakha njengesiko labaJuda lokumbela. 41Khona ngakuleyo ndawo, lapho wayebethelwe khona esiphambanweni, kwakukhona insimu, nasensimini kukhona ithuna elisha okwakungazange kubekwe muntu kulo. 42Bambeka lapho-ke uJesu ngenxa yolokulungisela lwabaJuda, ngokuba ithuna laliseduze.

NgokukaJohane 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU