Bible Society of South Africa

To The Word – Day 100

Isaiah 36–39, Matthew 8–9

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 36

Ukuhlaselwa kwelakwaJuda nguSaneheribi

1Kwathi ngomnyaka weshumi nane wenkosi uHezekiya, uSaneheribi, inkosi yase-Asiriya, wenyuka wahlasela yonke imizi ebiyelweyo yakwaJuda, wayithatha. 2Inkosi yase-Asiriya yathuma uRabi Shake, asuke eLakishi, aye eJerusalema enkosini uHezekiya, enempi enkulu, wema ngasemseleni wechibi lasenhla, elingasendleleni yeNsimu Yomhlanzi. 3Kwase kuphumela kuye u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana.

4Wathi kubo uRabi Shake: “Ake nisho kuHezekiya, nithi: ‘Isho kanje inkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya, ithi: Yithemba lini leli olethembayo na? 5Wena uyakhuluma, kepha kungamazwi angawomlomo nje lana ngesu nangamandla okulwa. Pho, wethemba bani, lokhu ungihlubukile na? 6Bheka, wethemba udondolo lwalo mhlanga ofecekileyo oyiGibithe; kepha uma umuntu ezimelela ngalo, luyangena esandleni sakhe, lusihlabe; unjalo uFaro inkosi yaseGibithe kubo bonke abamethembayo. 7Kepha uma nithi kimi: “Siyamethemba uJehova uNkulunkulu wethu,” akusiye yini ozindawo zakhe eziphakemeyo nama-altare akhe akususile uHezekiya, wathi kuJuda nakulo iJerusalema: “Niyakukhuleka phambi kwaleli altare,” na?

8“ ‘Ngalokho ake uvumelane nenkosi yami, inkosi yase-Asiriya, ngiyakukunika amahhashi ayizinkulungwane ezimbili, uma ungabeka izinkweli kuzo. 9Pho, ungaphindisela emuva kanjani nenduna eyodwa ezincekwini ezincane zenkosi yami na? Nokho wethemba iGibithe ukuthola khona izinqola nabamahhashi. 10Manje ngenyukele yini ngaphandle kukaJehova kuleli zwe ukuba ngilichithe, na? UJehova wathi kimi: “Yenyukela kulelo zwe, ulichithe.” ’ ”

11Base bethi o-Eliyakimi noShebina noJowa kuRabi Shake: “Ake ukhulume ezincekwini zakho ngesi-Aramu, ngokuba siyaluzwa, ungakhulumi kithi ngolimi lwabaJuda ezindlebeni zabantu abasogangeni.”

12Kepha uRabi Shake wathi: “Inkosi yami ingithumile yini enkosini yakho nakuwena ukukhuluma lawamazwi na? Hhayi kulaba bantu yini abahlezi ogangeni ukuba badle amasimba abo, baphuze umshobingo wabo kanye nani, na?”

13Wayesema uRabi Shake, wamemeza ngezwi elikhulu ngolimi lwabaJuda, wathi: “Zwanini amazwi enkosi enkulu, inkosi yase-Asiriya. 14Isho kanje inkosi, ithi: Maningakhohliswa nguHezekiya, ngokuba akayikuba namandla okunophula; 15futhi uHezekiya makanganenzi nethembe uJehova ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula nokusophula, nalo muzi awuyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya.’

16“Ningamlaleli uHezekiya, ngokuba inkosi yase-Asiriya isho kanje, ithi: Yenzani ukuthula nami, niphumele kimi, nidle, kube yilowo nalowo emvinini wakhe, kube yilowo nalowo emkhiwaneni wakhe, niphuze, kube yilowo nalowo amanzi omthombo wakhe, 17ngize ngifike, nginiyise ezweni elinjengezwe lakini, izwe lamabele nelewayini, izwe lesinkwa nelezivini.

18“Xwayani ukuba uHezekiya anganiyengi ngokuthi: ‘UJehova uyakusophula.’ Abanye onkulunkulu bezizwe bake bophula nokophula yini izwe lakubo esandleni senkosi yase-Asiriya na? 19Baphi onkulunkulu baseHamati nase-Aripadi; baphi onkulunkulu baseSefarivayimi na? Balophulile iSamariya esandleni sami na? 20Ngobani phakathi kwabo bonke onkulunkulu balawa mazwe abophule izwe lakubo esandleni sami ukuba uJehova alophule iJerusalema esandleni sami na?”

21Kepha bathula, abamphendulanga ngazwi, ngokuba umyalo wenkosi wathi: “Ningamphenduli.”

22Base befika u-Eliyakimi indodana kaHilikiya owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, noJowa indodana ka-Asafa, umabhalana, kuHezekiya, izingubo zabo ziklebhukile, bamlandisa amazwi kaRabi Shake.

U-Isaya 36ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 37

Isiprofetho sika-Isaya ngabase-Asiriya

1Kwathi inkosi uHezekiya ikuzwile lokho, yaklebhula izingubo zayo, yazembesa indwangu yamasaka, yangena endlini kaJehova. 2Yathuma u-Eliyakimi owayephezu kwendlu, noShebina umbhali, namalunga abapristi, bembeswe izindwangu zamasaka, ku-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose. 3Bathi kuye: “Usho kanje uHezekiya, uthi: Lolu suku lungusuku losizi nolokusolwa nolokudelelwa, ngokuba abantwana sebefikile ekuzalweni, kepha amandla okubeletha awakho. 4Mhlawumbe uJehova uNkulunkulu wakho uyakuzwa amazwi kaRabi Shake othunywe yinkosi yase-Asiriya, inkosi yakhe, ukweyisa uNkulunkulu ophilayo, asole amazwi uJehova uNkulunkulu wakho awezwileyo; ngalokho phakamisela insali esafunyanwayo umkhuleko wakho.”

5Izinceku zenkosi uHezekiya sezifikile ku-Isaya, 6u-Isaya wathi kuzo: “Niyakusho kanje enkosini yenu, nithi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Ungesabi lawo mazwi owezwileyo, izinceku zenkosi yase-Asiriya ezingithuke ngawo. 7Bhekani, ngiyakubeka umoya kuyo, izwe amahemuhemu, ibuyele ezweni lakubo, ngiyiwise ngenkemba ezweni lakubo.’ ”

8Wayesebuya uRabi Shake, wafumana inkosi yase-Asiriya ilwa neLibina, ngokuba wayezwile ukuthi isukile eLakishi.

9Kepha isizwile ngoTirahaka, inkosi yaseKushe, ukuthi: “Uphumile ukulwa nawe,” lapho ikuzwa lokho, yathuma izithunywa kuHezekiya, yathi: 10“Niyakukhuluma kanje kuHezekiya, inkosi yakwaJuda, nithi: UNkulunkulu wakho omethembayo makangakukhohlisi ngokuthi iJerusalema aliyikunikelwa esandleni senkosi yase-Asiriya. 11Bheka, wena uzwile okwenziwa ngamakhosi ase-Asiriya kuwo onke amazwe ngokuwachitha; pho, wena uyakophulwa na? 12Onkulunkulu balezo zizwe ezachithwa ngobaba, iGozani, neHarana, neResefi, nabantwana base-Edene ababeseThelasari bazophula na? 13Iphi inkosi yaseHamati, nenkosi yase-Aripadi, nenkosi yomuzi waseSefarivayimi, naseHena, nase-Iva na?”

14UHezekiya wayamukela incwadi esandleni sezithunywa, wayifunda; uHezekiya wayesenyukela endlini kaJehova, wayeneka phambi kukaJehova. 15UHezekiya wakhuleka phambi kukaJehova, wathi: 16“Jehova Sebawoti, Nkulunkulu ka-Israyeli, ohlezi phezu kwamakherubi,* wena unguNkulunkulu, wena wedwa, wemibuso yonke yomhlaba, wena wenzile izulu nomhlaba. 17Beka indlebe yakho, Jehova, uzwe; vula amehlo akho, Jehova, ubone, uzwe onke amazwi kaSaneheribi athume ukweyisa ngawo uNkulunkulu ophilayo.

18“Yiqiniso, Jehova; amakhosi ase-Asiriya achithile izizwe zonke namazwe azo, 19alahlile onkulunkulu bawo emlilweni, ngokuba babengesibo onkulunkulu, babe ngumsebenzi wezandla zomuntu kuphela, umuthi namatshe; ngalokho abachithile. 20Manje, Jehova Nkulunkulu wethu, sisindise esandleni sakhe ukuba yonke imibuso yomhlaba yazi ukuthi wena unguJehova, wena wedwa.”

21U-Isaya indodana ka-Amose wathumela kuHezekiya, wathi: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Njengalokhu ukhuleke kimi ngoSaneheribi inkosi yase-Asiriya, 22nanti izwi uJehova alikhulume ngaye ukuthi:

“Ikudelele, yakuhleka usulu intombi,

indodakazi yaseSiyoni;

ikunikinele ikhanda indodakazi yaseJerusalema.

23Weyise bani, wethuka bani, na?

Uphakamisele bani izwi lakho,

wabhekisa phezulu amehlo akho, na?

NgoNgcwele ka-Israyeli!

24Ngesandla sezinceku zakho

uyijivazile iNkosi, wathi:

‘Ngobuningi bezinqola zami

ngenyuke mina phezulu ezintabeni

ngaphakathi kweLebanoni;

ngigawula imisedari* yalo emide

nemisayipuresi* yalo ekhethekileyo

ngangena ekuphakameni kwalo kokugcina

nasehlathini lalo eliminyeneyo.

25Ngemba, ngaphuza amanzi;

ngomisa ngamathe onyawo lwami

yonke imifula yaseGibithe.’

26“Awuzwanga ukuthi kade ngakwenza na?

Emihleni yasendulo ngakunquma;

manje sengikulethile

ukuba uchithe imizi ebiyelweyo ibe yizinqwaba.

27Abakhe kuyo babe namandla amancane,

besaba, bajabha;

baba njengotshani basendle,

nembali notshani obuluhlaza,

nokuluhlaza ezimpahleni zezindlu,

namabele ahamukile engakakhuli.

28“Kepha ukuhlala kwakho,

nokuphuma kwakho,

nokungena kwakho ngiyakwazi,

nokubhovumula kwakho ngami.

29Ngenxa yokubhovumula kwakho ngami,

nangokuba ukuzidla kwakho

kwenyukele ezindlebeni zami,

ngiyakufaka ingwegwe yami emakhaleni akho

netomu lami emlonyeni wakho,

ngikubuyise ngendlela oweza ngayo.

30“Lokhu kuyakuba yisibonakaliso kuwe:

“Niyakudla ngalo mnyaka okuzikhulelayo,

nangomnyaka wesibili isihlabane,

nangomnyaka wesithathu hlwanyelani,

nivune, nitshale izivini,

nidle izithelo zazo.

31Abasindileyo bendlu yakwaJuda abaseleyo

bayakubuye bagxile phansi,

bathele izithelo phezulu.

32Ngokuba kuyakuphuma eJerusalema insali

nasentabeni yaseSiyoni abayakusinda;

ukushisekela kukaJehova Sebawoti kuyakufeza lokho.

33“Ngalokho usho kanje uJehova ngenkosi yase-Asiriya, uthi:

“Ayiyikungena kulo muzi,

ayiyikucibishela mcibisholo khona;

ayiyikubhekisa kuwo isihlangu,

ayiyikunqwabela iduli ngakuwo.

34Indlela eyafika ngayo iyakubuya ngayo;

ayiyikungena kulo muzi,” usho uJehova.

35“Ngiyakuwuvikela lo muzi ukuba ngiwusindise

ngenxa yami nangenxa yenceku yami uDavide.”

36Kwaphuma ingelosi kaJehova, yabulala ekamu* labase-Asiriya abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili nanhlanu; sekuvukwa ngakusasa, bheka, kwakuyizidumbu ezifileyo zodwa. 37Wayesesuka uSaneheribi inkosi yase-Asiriya, wahamba, wabuya, wahlala eNineve.

38Kwathi ekhuleka endlini kaNisiroki unkulunkulu wakhe, o-Adirameleki noSareseri amadodana akhe bambulala ngenkemba, babalekela ezweni lase-Ararati. U-Esari Hadoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

U-Isaya 37ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 38

Ukugula nokusinda kukaHezekiya

1Ngalezo zinsuku uHezekiya wagula, wayephansi kokufa. Kwafika kuye u-Isaya umprofethi, indodana ka-Amose, wathi kuye: “Usho kanje uJehova, uthi: Yalela indlu yakho, ngokuba uyakufa, awuyikusinda.”

2UHezekiya wayesephendulela ubuso bakhe odongeni, wakhuleka kuJehova, 3wathi: “Ngiyacela, Jehova: ake ukhumbule ukuthi ngihambile phambi kwakho ngeqiniso nangenhliziyo epheleleyo, ngenzile okuhle emehlweni akho.” Wayesekhala uHezekiya ngokukhala okukhulu.

4Lafika ku-Isaya izwi likaJehova, lathi: 5“Hamba, uthi kuHezekiya: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu kaDavide uyihlo, uthi: Ngizwile umkhuleko wakho, ngibonile izinyembezi zakho; ngiyakwenezela ezinsukwini zakho iminyaka eyishumi nanhlanu. 6Ngiyakophula wena nalo muzi esandleni senkosi yase-Asiriya, ngiwuvikele lo muzi.

7“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kuwe esivela kuJehova sokuthi uJehova uyakukwenza lokho akukhulumileyo: 8bheka, isithunzi sezinyathelo ilanga elizehlile ezinyathelweni zelanga zika-Ahazi ngiyakusibuyisa izinyathelo eziyishumi.’ ” Ilanga labuya-ke izinyathelo eziyishumi ezinyathelweni elizehlileyo.

Ihubo likaHezekiya

9Ihubo likaHezekiya inkosi yakwaJuda lapho wayekade egula, wasinda ekuguleni kwakhe:

10Ngathi: “Ngiphakathi nezinsuku zami

ngiyakungena emasangweni endawo yabafileyo,

ngaphuciwe inxenye yeminyaka yami.”

11Ngathi: “Angiyikumbona uJehova,

uJehova ezweni labaphilayo;

angisayikubuka muntu nginabakhileyo bezwe.

12Idokodo lami lisishuliwe,

lasuswa kimi njengetende lomalusi;

ngisongile ukuphila kwami njengomaluki;

uyanginquma esalukweni;

kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

13Ngakhala kwaze kwaba sekuseni;

njengengonyama uyaphula onke amathambo ami;

kusukela emini kuze kube sebusuku uyangiqeda.

14Ngatshiyozisa okwenkonjane,

ngaliliselisa okwejuba;

amehlo ami aphela ngokubheka phezulu;

Nkosi, ngiyacindezelwa;

yiba yisibambiso sami.”

15Ngingakhuluma ngithini na?

Ukhulumile kimi, ukwenzile yena.

Ngiyakubinyabinyeka yonke iminyaka

ngomunyu womphefumulo wami.

16Nkosi, abantu baphila ngalokho,

nokuphila komoya wami kukulokho kuphelele;

ngalokho mawungiphulukise, ungiphilise.

17Bheka,

kwakungokuhle kimi ukuthi nganginomunyu;

wena wawuthanda umphefumulo wami,

waze waphuma egodini lokubhujiswa,

ngokuba uzilahlile nyovane zonke izono zami.

18Ngokuba indawo yabafileyo ayikubongi,

nokufa akukudumisi;

abehlela egodini ababheki ukuthembeka kwakho.

19Abaphilayo,

abaphilayo bayakubonga njengami namuhla;

uyise uyabazisa abantwana ukuthembeka kwakho.

20UJehova uyakungisindisa;

ngalokho siyakubetha ngezingubhu ezinezintambo

zonke izinsuku zokuhamba kwethu endlini kaJehova.

21U-Isaya wathi: “Mabathathe isigaxa samakhiwane, basibeke ethumbeni, uyakusinda.”

22Kepha uHezekiya wathi: “Yisibonakaliso sini sokuba ngiyakwenyukela endlini kaJehova na?”

U-Isaya 38ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 39

Izithunywa ezivela kuMerodaki Baladani

1Ngaleso sikhathi uMerodaki Baladani indodana kaBaladani inkosi yaseBabele wathuma abanezincwadi nesipho kuHezekiya, lapho ezwile ukuthi kade egula, kepha usesimamile. 2UHezekiya wathokoza ngabo, wababonisa indlu yengcebo yakhe, isiliva, negolide, namakha, namafutha amahle, nayo yonke indlu yezikhali zakhe, nakho konke okwafunyanwa engcebeni yakhe; akubangakho nto endlini yakhe nasembusweni wakhe wonke uHezekiya angababonisanga yona.

3Wayesefika u-Isaya, umprofethi, enkosini uHezekiya, wathi kuye: “Batheni labo bantu; beze kuwe bevelaphi na?”

Wathi uHezekiya: “Bavela ezweni elikude, iBabele, beze kimi.”

4Wayesethi: “Baboneni endlini yakho na?”

UHezekiya wathi: “Babone konke okusendlini yami; akukho nto phakathi kwengcebo yami engingababonisanga yona.”

5U-Isaya wathi kuHezekiya: “Yizwa izwi likaJehova Sebawoti. 6Bheka, izinsuku ziyeza, lapho konke okusendlini yakho nalokho oyihlo abakubekelele khona kuze kube namuhla kuyakuyiswa eBabele; akuyikusala lutho, usho uJehova. 7Nasemadodaneni akho ayakuphuma kuwe, oyakuwazala, bayakuwathatha abe yizinceku endlini yobukhosi yenkosi yaseBabele.”

8Wayesethi uHezekiya ku-Isaya: “Lihle izwi likaJehova olikhulumileyo.” Wathi futhi: “Ngokuba kuyakuba khona ukuthula nokulondeka emihleni yami.”

U-Isaya 39ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 8

UJesu uphilisa umuntu onochoko

(Mark. 1:40; Luk. 5:12)

1Kwathi esehlile entabeni, zamlandela izixuku eziningi. 2Bheka, kwafika onochoko, wakhuleka kuye, wathi: “Nkosi, uma uthanda, ungangihlambulula.”

3Wayeselula isandla, wamphatha, wathi: “Ngiyathanda; hlambuluka.” Wayesehlambuluka masinyane ochokweni lwakhe. 4UJesu wayesethi kuye: “Bheka, ungatsheli muntu, kepha hamba uzibonakalise kumpristi, uyise umnikelo owayalelwa nguMose, kube ngubufakazi kubo.”

Ukuphulukiswa kwenceku yenduna

(Luk. 7:1)

5Kwathi esangena eKapernawume, kweza kuye induna yekhulu, yamncenga yathi: 6“Nkosi, umfana wami ulele endlini, ufe uhlangothi, ukhwelwe kakhulu ngubuhlungu.”

7Wathi kuyo: “Mina ngizakuza ngimphulukise.”

8Induna yekhulu yaphendula yathi: “Nkosi, angifanele ukuba ungene phansi kophahla lwami, kepha yisho izwi nje, khona umfana wami uyakusinda. 9Ngokuba nami ngingumuntu ophansi kwamakhosi, nginamabutho phansi kwami; ngithi kwelinye: ‘Hamba,’ lihambe; ngithi kwelinye: ‘Woza,’ lize; nasencekwini yami: ‘Yenza lokhu,’ ikwenze.”

10UJesu ekuzwa lokho wamangala, wathi kwabamlandelayo: “Ngiqinisile ngithi kini: Angizange ngifumane kwa-Israyeli ukukholwa okungaka kumuntu. 11Kepha ngithi kini: Abaningi bayakuza bevela empumalanga nasentshonalanga, bahlale ekudleni no-Abrahama no-Isaka noJakobe embusweni wezulu, 12kodwa abantwana bombuso bayakukhishelwa ebumnyameni obungaphandle; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.”

13UJesu wayesethi enduneni yekhulu: “Hamba, makube kuwe njengokukholwa kwakho.” Umfana wasinda ngaso leso sikhathi.

Umkhwekazi kaPetru nabanye abagulayo bayaphulukiswa

(Mark. 1:23; Luk. 4:31)

14UJesu wayesengena endlini kaPetru, wabona umkhwekazi wakhe elele phansi enomkhuhlane. 15Waphatha isandla sakhe, umkhuhlane wamyeka; wavuka, wamkhonza.

16Kwathi sekuhlwile, baletha kuye abaningi abakhwelwe ngamademoni, wakhipha omoya ngezwi, waphulukisa bonke abagulayo, 17ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

“Yena wabetshatha ubuthakathaka bethu,

wathwala izifo zethu.”

Ukumlandela uJesu

(Luk. 9:57)

18Kwathi uJesu ebona isixuku simhaqile, wayala ukuba kuwelelwe ngaphesheya. 19Kwase kufika umbhali, wathi kuye: “Mfundisi, ngizakukulandela, noma uya ngaphi.”

20UJesu wayesethi kuye: “Izimpungushe zinemigodi, nezinyoni zezulu zinezidleke, kepha iNdodana yomuntu kayinandawo, lapho ingacamelisa khona ikhanda.”

21Kodwa omunye wabafundi bakhe wathi kuye: “Nkosi, ngivumele ngiye kuqala ukuyakummbela ubaba.”

22Kepha uJesu wathi kuye: “Ngilandele; yeka abafileyo bembele abafileyo babo.”

Ukuthuliswa kwesivunguvungu

(Mark. 4:35; Luk. 8:22)

23Wayesengena emkhunjini; abafundi bakhe bamlandela. 24Bheka, kwavuka isiphepho esikhulu elwandle, umkhumbi waze wagujuzelwa ngamaza; kepha yena wayelele. 25Basondela, bamvusa, bathi: “Nkosi, sisindise, safa.”

26Wayesethi kubo: “Nesabelani nina bokukholwa okuncane na?” Khona wavuka wakhuza umoya nolwandle, kwaba khona ukuthula okukhulu.

27Kepha abantu bamangala, bathi: “Unjani lo ukuba nomoya nolwandle kumlalele na?”

Ukukhishwa kwamademoni

(Mark. 5:1; Luk. 8:26)

28Kwathi esefikile ngaphesheya ezweni lamaGadara, kwahlangana naye ababili abakhwelwe ngamademoni, bephuma emathuneni, beyizidlova ezinkulu ngangokuba kwakungedlule muntu ngaleyo ndlela. 29Bheka, bamemeza bathi: “Sinamsebenzi muni nawe Ndodana kaNkulunkulu? Uze lapha ukusizwisa ubuhlungu, kungakabi yiso isikhathi, na?”

30Manje kwakukhona kude nabo umhlambi wezingulube eziningi ziklabile. 31Amademoni amncenga athi: “Uma usikhipha, sithume ukuba singene emhlambini wezingulube.”

32Wathi kuwo: “Hambani.” Ayesephuma, angena ezingulubeni; bheka, umhlambi wonke wagulukudela eweni, waphonseka elwandle, wafela emanzini. 33Kodwa ababezalusa babaleka, baya emzini, babika konke, nalokho okwehlele abakhwelwe ngamademoni. 34Bheka, umuzi wonke waphuma ukuyomhlangabeza uJesu; bathe bembona, bamncenga ukuba amuke emikhawulweni yelakubo.

NgokukaMathewu 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 9

UJesu uphilisa umuntu ofe uhlangothi.Ukubizwa kukaMathewu

(Mark. 2:1; Luk. 5:17)

1Wayesengena emkhunjini, wawela, weza emzini wakubo. 2Bheka, baletha kuye umuntu ofe uhlangothi elele ohlakeni. UJesu ebona ukukholwa kwabo wathi kofe uhlangothi: “Yima isibindi, ndodana; uthethelelwe izono zakho.”

3Bheka, abathile kubabhali bathi phakathi kwabo: “Lo uyahlambalaza.”

4UJesu ezazi izizindlo zabo wathi: “Nizindlelani okubi ezinhliziyweni zenu na? 5Ngokuba yikuphi okulula ukuthi: ‘Uthethelelwe izono zakho,’ noma ukuthi: ‘Vuka uhambe,’ na? 6Kepha ukuze nazi ukuthi iNdodana yomuntu inamandla emhlabeni okuthethelela izono –” khona wathi kofe uhlangothi: “Vuka, uthabathe uhlaka lwakho, uye endlini yakho.” 7Wavuka, waya endlini yakhe. 8Kepha izixuku zikubona zethuka, zamdumisa uNkulunkulu onikile abantu amandla anjalo.

9Esadlula lapho uJesu wabona umuntu othiwa uMathewu ehlezi endaweni yokuthela, wathi kuye: “Ngilandele.” Wasuka-ke, wamlandela.

10Kwathi ehlezi ekudleni endlini, bheka, kwafika abaningi abathelisi nezoni, bahlala badla noJesu nabafundi bakhe. 11AbaFarisi bekubona lokho bathi kubafundi bakhe: “Yini ukuba umfundisi wenu adle nabathelisi nezoni na?”

12Ekuzwa lokhu wathi: “Abaphilileyo abadingi inyanga, ngabagulayo bodwa. 13Kepha hambani nifunde ukuba kuthini ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo.’ Ngokuba angizanga ukubiza abalungileyo kepha izoni ukuba ziphenduke.”

Ukuzila ukudla

(Mark. 2:18; Luk. 5:33)

14Khona kwase kufika kuye abafundi bakaJohane, bathi: “Yini ukuba thina nabaFarisi sizila ukudla; kepha abafundi bakho abazili ngani na?”

15UJesu wathi kubo: “Abayeni bangalila yini, umyeni enabo na? Kodwa kuzakufika izinsuku, lapho umyeni ezakususwa kubo; yikhona-ke bezakuzila. 16Akakho obekela isiziba sendwangu engakashukeki engutsheni endala, ngokuba lokhu okubekelwa kuyo kuyaklebhula engutsheni, kwande ukuklebhuka. 17Akuthelwa futhi iwayini elisha ezimvabeni ezindala, funa izimvaba ziqhume, newayini lichitheke, nezimvaba zonakale. Kodwa iwayini elisha balithela ezimvabeni ezintsha, kulondeke kokubili.”

Indodakazi kaJayiru ivuswa ekufeni

(Mark. 5:21; Luk. 8:40)

18Esakhuluma lokhu kubo, bheka, kwafika umphathi othile, wakhuleka kuye, wathi: “Indodakazi yami ifa khona manje; kepha woza, ubeke isandla sakho phezu kwayo, izakuphila.” 19Wasuka-ke uJesu, wamlandela kanye nabafundi bakhe.

20Bheka, owesifazane owayenomopho iminyaka eyishumi nambili weza emva kwakhe, wathinta umphetho wengubo yakhe. 21Ngokuba wayethi phakathi kwakhe: “Uma ngingathinta nje ingubo yakhe, ngizakusindiswa.”

22UJesu ephenduka wambona, wathi: “Yima isibindi, ndodakazi; ukukholwa kwakho kukusindisile.” Wasinda owesifazane, kusukela kuleso sikhathi.

23UJesu esefikile endlini yomphathi, ebona khona ababethi bemitshingo nesixuku esixokozelayo, 24wathi kubo: “Dedani, ngokuba intombazana ayifile, kodwa ilele.” Bamhleka usulu. 25Isixuku sesikhishiwe, wangena, wayibamba ngesandla; yavuka intombazana. 26Udumo lwalokho lwezwakala ezweni lonke langakhona.

UJesu uyahawukela izimpumputhe, nesimungulu, nabantu abakhathazekileyo

27Esadlula lapho uJesu, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, ndodana kaDavide!”

28Esengenile endlini, izimpumputhe zeza kuye. UJesu wathi kuzo: “Niyakholwa yini ukuthi ngingakwenza lokhu na?” Zathi kuye: “Yebo, Nkosi.”

29Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu.” 30Ayesevuleka amehlo azo. UJesu waziyalisisa, wathi: “Qaphelani ukuba kungaziwa muntu.” 31Kepha zaphuma, zamdumisa kulo lonke lelo zwe.

32Ekuphumeni kwazo, bheka, kwalethwa kuye isimungulu esinedemoni. 33Idemoni selikhishiwe, isimungulu sakhuluma. Izixuku zamangala, zathi: “Akuzange kubonwe okunje kwa-Israyeli.”

34Kepha abaFarisi bathi: “Ukhipha amademoni ngenkosi yamademoni.”

35UJesu wayihamba imizi yonke nemizana efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa izifo zonke nokugula konke. 36Kepha ebona izixuku wabanesihe ngazo, ngokuba zazikhathazekile, zihlakazekile njengezimvu ezingenamalusi. 37Wayesethi kubafundi bakhe: “Ukuvuna kukhulu, kodwa izisebenzi ziyingcosana. 38Ngakho-ke nxusani eNkosini yokuvuna ukuba ithume izisebenzi, ziye ekuvuneni kwayo.”

NgokukaMathewu 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.7
SITHOLE KU