Bible Society of South Africa

To The Word – Day 103

Isaiah 44–47, Matthew 12–13

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 44

1“Kepha yizwa manje, Jakobe, nceku yami,

wena Israyeli engikukhethileyo.

2Usho kanje uJehova owakudalayo,

wakubumba kwasesiwini, oyakukusiza, uthi:

Ungesabi, Jakobe, nceku yami,

wena Jeshuruni engikukhethileyo.

3Ngokuba ngiyakuthela amanzi phezu kokomileyo,

nezikhukhula phezu kokushileyo,

ngithulule uMoya wami phezu kwenzalo yakho,

nesibusiso sami phezu kwabantwana bakho;

4bayakuhluma phakathi kotshani

njengeminyezane ngasemifudlaneni yamanzi.

5Omunye uyakuthi: ‘NgingokaJehova;’

omunye uyakuzibiza ngegama likaJakobe,

omunye azilobele uJehova esandleni sakhe,

azidumise ngegama lika-Israyeli.”

UJehova yedwa unguNkulunkulu

6“Usho kanje uJehova,

iNkosi ka-Israyeli,

noMhlengi wakhe, uJehova Sebawoti, uthi:

Ngingowokuqala, ngingowokugcina,

ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu.

7Ngubani ongabiza njengami, akumemezele,

akubeke phambi kwami,

kusukela ekusekeleni kwami abantu basendulo, na?

Yebo, okuzayo nokuyakwenzeka mabakumemezele.

8Ningesabi, ningabi naluvalo;

angithi ngikuzwisile kusukela endulo,

ngakumemezela, na?

Nina ningofakazi bami.

Kukhona uNkulunkulu ngaphandle kwami na?

Cha, alikho iDwala; angilazi.”

Izithombe

9Abenza isithombe esibaziweyo bayize bonke;

izinto zabo ezithandekayo aziyikusiza;

ofakazi babo ababoni, futhi abazi;

bayakujabhiswa.

10Ngubani owenzile uNkulunkulu,

ngubani obumbile isithombe esibaziweyo

esingesokusiza na?

11Bheka, bonke abangane bakhe bayakujabha,

nezisebenzi zingabantu nje.

Mabahlangane bonke, beme;

bayakwesaba, bajabhe kanyekanye.

12Umkhandi wensimbi wenza imbazo,

asebenze emalahleni,

ayibumbe ngezando,

ayisebenze ngamandla ezingalo zakhe;

uyalamba, angabikho amandla;

akaphuzi amanzi, uyadangala.

13Umbazi uyelula intambo,

adwebe umuthi ngokubomvu,

awenze ngezibazo,

adwebe ngekompasi,*

awenze ngomfanekiso womuntu,

ngobuhle bomuntu,

ukuba uhlale endlini.

14Uyazigawulela imisedari,*

athathe imikhoba nama-oki,*

awaqinise phakathi kwemithi yehlathi;

uyatshala umfire,* imvula iwukhulise.

15Bese kuba ngokomuntu ukuba abase ngakho;

uthatha kuwo, othe;

uyawuphemba, enze isinkwa;

wenza unkulunkulu, akhuleke kuye,

enze nesithombe esibaziweyo,

akhothambele kuso.

16Ushisa inxenye yawo emlilweni;

phezu kwale nxenye uyadla inyama,

ose izoso, asuthe;

yebo, uyotha athi:

“Halala! Sengifudumele,

ngibonile umlilo.”

17Ngokuseleyo kuwo uyakwenza unkulunkulu nesithombe;

uyakhothamela kuso, akhuleke kuso,

athandaze kuso, athi:

“Ngophule; ungunkulunkulu wami.”

18Abazi, abaqondi,

ngokuba unamekile amehlo abo ukuze bangaboni,

nezinhliziyo zabo ukuze bangaqondi.

19Akakho okhumbulayo,

nokwazi nokuqonda akukho kokuba kuthiwe:

“Ngishisile inxenye yawo ngomlilo,

ngenzile isinkwa phezu kwamalahle awo,

ngosile inyama, ngayidla;

ngingenza okuseleyo kuwo kube yisinengiso,

ngikhothamele umbhuku womuthi,” na?

20Udla umlotha;

inhliziyo ekhohlisiweyo imdukisile;

akanakophula umphefumulo wakhe nokuba athi:

“Akukho yini amanga kwesokunene sami na?”

Intokozo ngokuhlengwa kuka-Israyeli

21“Khumbula lezi zinto, Jakobe,

wena Israyeli, ngokuba uyinceku yami;

ngikubumbile, uyinceku yami;

Israyeli, angiyikukhohlwa.

22Ngesulile iziphambeko zakho njengefu,

nezono zakho njengemilaza;

buyela kimi, ngokuba ngikuhlengile.”

23Thokozani, mazulu,

ngokuba uJehova ukwenzile,

nijabule nina zindawo eziphansi zomhlaba,

niqhumuke ngokuhlabelela nina zintaba,

nawe hlathi nayo yonke imithi ekuwe,

ngokuba uJehova umhlengile uJakobe,

ngokuhlabelela wazidumisa ngo-Israyeli.

UKoresi umalusi

24Usho kanje uJehova uMhlengi wakho

nowakubumba kwasesiswini, uthi:

“NginguJehova owenza konke,

oweneka izulu yedwa,

nowendlala umhlaba ngokwakhe,

25oshafisa izibonakaliso zabaprofethi bamanga,

enze ababhuli ukuba bahlanye,

obuyisela emuva abahlakaniphileyo,

enze ukwazi kwabo kube ngubuwula;

26ogcwalisa izwi lenceku yakhe,

afeze ukululekana kwezithunywa zakhe,

oshoyo ngalo iJerusalema, athi:

‘Liyakuba nabantu,’

nangemizi yakwaJuda ukuthi:

‘Iyakwakhiwa,

ngibuye ngivuse incithakalo yakhona;’

27oshoyo kuwo umsinga ukuthi:

‘Yisha, ngiyakomisa imifula yakho;’

28oshoyo ngoKoresi ukuthi:

‘Ungumalusi wami,

uyakufeza konke okwentando yami,

athi ngeJerusalema: Liyakwakhiwa,

nakulo ithempeli:

Isisekelo sakho siyakubekwa.’ ”

U-Isaya 44ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 45

1“Usho kanje uJehova kogcotshiweyo wakhe, kuKoresi,

osandla sakhe sokunene ngisibambile

ukuba ngahlule izizwe phambi kwakhe,

ngithukulule izinkalo zamakhosi,

ngivule iminyango phambi kwakhe,

amasango angabe esavalwa.

2Mina ngiyakuhamba phambi kwakho,

ngihlelembe amagebhugebhu,

ngaphule izivalo zethusi,

nginqume imigoqo yensimbi.

3Ngiyakukunika ingcebo yobumnyama,

nemfuyo ethukusiweyo ezindaweni ezisithekileyo,

ukuba wazi ukuthi nginguJehova

okubiza ngegama lakho,

uNkulunkulu ka-Israyeli.

4Ngenxa yenceku yami uJakobe,

u-Israyeli okhethiweyo wami,

ngikubizile ngegama lakho,

ngikunikile igama lodumo, ungakangazi.

5Mina nginguJehova, akakho omunye;

ngaphandle kwami akakho uNkulunkulu;

ngiyakubhincisa ungakangazi,

6ukuze bazi kusukela empumalanga nasentshonalanga

ukuthi akakho ngaphandle kwami;

mina nginguJehova, akakho omunye;

7yimi engenza ukukhanya nengidala ubumnyama,

ngenza ukuthula, ngidala okubi;

nginguJehova owenza konke lokho.

8“Consani, mazulu, phezulu,

amafu athuntulule ukulunga;

umhlaba mawuvuleke,

kuthelwe ukusindiswa,

kumile nokulunga;

mina Jehova ngikudalile.

9“Wo kuye olwa noMenzi,

udengezi phakathi kwezindengezi zomhlaba!

Ibumba liyakusho kolibumbayo ukuthi:

‘Wenzani na?’

nomsebenzi wakho ukuthi:

‘Akanazo izandla,’ na?

10Wo kuye osho kuyise ukuthi:

‘Uzalani na?’

nakowesifazane ukuthi:

‘Unemihelo ngani na?’

11“Usho kanje uJehova,

oNgcwele ka-Israyeli noMenzi wakhe, uthi:

Ningibuza ngezinto ezizayo, ngabantwana bami,

ningiyaleze ngomsebenzi wezandla zami, na?

12Yimi engiwenzile umhlaba,

ngadala abantu phezu kwawo;

mina ngezandla zami ngeneka izulu,

nebandla lalo lonke ngiliyalezile.

13Mina ngimvusile lona ngokulunga;

ngiyakuhlelemba zonke izindlela zakhe;

yena uyakuwakha umuzi wami,

avumele abathunjwa bami ukuba bahambe,

kungabi ngenkokhelo nangesipho,

usho uJehova Sebawoti.”

U-Israyeli ungufakazi kuzo izizwe zonke

14Usho kanje uJehova, uthi:

“Okukhandlekelweyo kwaseGibithe

nokuzuziweyo kwaseKushe,

nangamaSheba, abantu abade,

kuyakungena kuwe,

kube ngokwakho;

bayakukulandela, bafike beboshwe

ngamaketanga,

bakhothamele kuwe, bakhuleke kuwe, bathi:

‘UNkulunkulu ukuwe kuphela,

akakho omunye,

akakho ngaphandle kukaNkulunkulu.’ ”

15Impela unguNkulunkulu ozifihlayo,

wena Nkulunkulu, Msindisi.

16Bayakujabha, babe namahloni bonke

kanyekanye;

bayakuhamba benamahloni bonke abenza izithombe.

17Kepha u-Israyeli uyakusindiswa nguJehova

ngokusindiswa okuphakade;

aniyikujabha, aniyikuba namahloni

kuze kube phakade.

18Ngokuba usho kanje uJehova,

owalidala izulu, onguNkulunkulu,

owawubumba umhlaba, wawenza,

wawumisa, engawudalelanga ize,

wawubumba ukuba kuhlalwe kuwo, uthi:

“NginguJehova, akakho omunye.

19Angikhulumanga ekusithekeni,

endaweni emnyama emhlabeni;

angishongo enzalweni kaJakobe ukuthi:

‘Ngifuneni ngeze.’

Mina Jehova ngikhuluma ukulunga,

ngimemezela okuqotho.

20“Buthanani nize,

nisondelane ndawonye

nina bakhululekileyo bezizwe;

abawuthwala umuthi wezithombe zabo ezibaziweyo abanakwazi,

bakhuleka kunkulunkulu ongenakusindisa.

21Kumemezeleni, nikuveze;

yebo, balulekane kanyekanye.

Ngubani owakuzwisa lokhu endulo,

wakumemezela kwasesikhathini samandulo na?

Akusimina Jehova na?

Akakho uNkulunkulu ngaphandle kwami,

uNkulunkulu olungileyo noMsindisi,

akakho ngaphandle kwami.

22“Phendukelani kini, nisindiswe,

nonke nina majukujuku omhlaba,

ngokuba nginguNkulunkulu,

akakho omunye.

23Ngizifungile mina,

kuphumile izwi emlonyeni wami ngokulunga,

aliyikubuya,

lokuthi: Kimina ayakuguqa onke amadolo,

nezilimi zonke ziyakufunga.

24Kuyakuthiwa:

‘KuJehova kuphela

nginokulunga namandla.’ ”

Bayakufika kuye,

bajabhe bonke abamvuthelayo.

25KuJehova yonke inzalo kaJakobe yakwa-Israyeli

iyakulungisiswa, ibe nodumo.

U-Isaya 45ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 46

Izithombe azinakusindisa

1UBeli uyaguqa, uNebo uyakhothama;

izithombe zabo zingezezilwane nezezinkomo;

enibathweleyo bangumthwalo,

banzima ezilwaneni eziyethileyo.

2Ziyakhothama, ziguqa kanyekanye,

azinakuwukhulula umthwalo;

nabo uqobo baya ekuthunjweni.

3“Ngilalele wena ndlu kaJakobe,

yonke insali yendlu yakwa-Israyeli

engiyithwesiweyo kwasesiswini,

yabekwa phezu kwami kwasesizalweni.

4Noze niguge, nginguye,

yebo, noze nibe yizimpunga,

ngiyakunithwala;

ngikwenzile lokhu,

futhi ngiyakunetshatha,

yebo, ngiyakunithwala, nginikhulule.

5“Niyakungifanisa,

ningilinganise nobani,

ningiqathanise nobani ukuba sifanane na?

6Abathulula igolide esikhwameni yini,

balinganise isiliva esilinganisweni,

baqashe umkhandi wesiliva ukuba enze unkulunkulu,

bese bekhothama, bakhuleke, na?

7Bamthwala ehlombe, bametshathe,

bambeke endaweni yakhe ukuba eme khona,

angabe esasuka endaweni yakhe;

kepha uma umuntu ekhala kuye,

akayikumphendula,

angamsindisi osizini lwakhe.

8“Khumbulani lokhu, nime niqinile,

nibuye nicabange ezinhliziyweni zenu nina benzi bokubi.

9Khumbulani izinto zakuqala zamandulo,

ngokuba nginguNkulunkulu,

akakho omunye,

yebo, nginguNkulunkulu,

akakho onjengami,

10engimemezela ngaphambili okuyakuza,

nasendulo izinto ezingakenziwa, ngokuthi:

Icebo lami liyakuma,

ngiyakwenza yonke intando yami,

11mina engibiza inqe empumalanga

nomuntu wecebo lami ezweni elikude;

yebo, ngikhulumile, ngiyakukufikisa;

nginqumile, ngiyakukwenza.

12Ngilaleleni nina enilukhuni ngenhliziyo,

enikude nokulunga.

13Ngiyakusondeza ukulunga kwami, akukude,

insindiso yami ayiyikulibala;

ngibeka insindiso eSiyoni

nodumo lwami kwa-Israyeli.

U-Isaya 46ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 47

Ukuwa kweBabele

1“Yehla, uhlale othulini wena ntombi,

ndodakazi yaseBabele,

uhlale emhlabathini,

kungekho sihlalo sobukhosi,

wena ndodakazi yamaKaledi,

ngokuba awusayikubizwa ngokuthi uthambile

nokuthi uyatetema.

2Thatha amatshe okugaya,

ugaye impuphu,

uyisuse imvakazi yakho,

uwukhumule umhushuzo wakho,

wambule umlenze, uwele imifula.

3Ubuze bakho buyakwambulwa,

yebo, ubunqunu bakho buyakubonakala;

ngiyakuphindisa, ngingayeki muntu.

4Igama loMhlengi wethu linguJehova Sebawoti,

oNgcwele ka-Israyeli.

5“Hlala uzithulele,

ungene ebumnyameni,

wena ndodakazi yamaKaledi,

ngokuba awusayikubizwa ngokuthi iNkosikazi Yemibuso.

6Ngabathukuthelela abantu bami,

ngalingcolisa ifa lami,

ngalinikela esandleni sakho;

awubahawukelanga,

walenza ijoka lakho ukuba lisinde kakhulu

phezu kwabadala.

7Wathi wena: ‘Ngiyakuba yinkosikazi njalonjalo.’

Ngalokho awubekanga lezi zinto enhliziyweni yakho,

awukhumbulanga ukugcina kwazo.

8“Manje yizwa lokhu wena ozijabulisayo,

ohlala ulondekile,

othi enhliziweni yakho:

Yimi, akakho omunye;

angiyikuhlalisa okomfelokazi,

nokufelwa abantwana angiyikukwazi.

9Kodwa lokhu kokubili kuyakufika kuwe

ngokuphazima kweso ngalusuku lunye,

ukufelwa, kwabantwana nobufelokazi

kufike phezu kwakho ngokugcweleyo

phakathi kobuningi bamalumbo akho,

nobuningi beziphonso zakho.

10Wethembile ebubini bakho, wathi:

‘Akakho ongibonayo.’

Ukuhlakanipha kwakho nokwazi kwakho kukudukisile;

wathi enhliziyweni yakho:

‘Yimi, akakho omunye.’

11Kepha ububi buyakukwehlela,

awuyikwazi lapho buvela khona;

nengozi iyakuwela phezu kwakho,

awuyikuba namandla okuyichezukisa,

incithakalo ifike phezu kwakho ngokuzumayo,

ungazi.

12“Yima manje neziphonso zakho

nobuningi bamalumbo akho

okhandlekile kukho kwasebusheni bakho;

mhlawumbe uyakusizakala,

mhlawumbe uyakubanga uvalo.

13Ukhathele ngobuningi bamacebo akho;

mabasukume, bakusindise abadabula izulu,

nababheka izinkanyezi,

nabazisa ngezinyanga ezintsha ukuthi

kuphi lapho kuzakuvela khona lokhu okuzakukwehlela.

14Bheka, bayakuba njengamabibi ashiswa ngumlilo,

abayikuzophula emandleni elangabi;

akusilo ilahle lokotha,

akusiwo umlilo wokuba kuhlalwe phambi kwawo.

15Ziyakuba njalo kuwe izinto okhandleke kuzo,

zihambisene nawe kwasebusheni bakho;

seziyakuzulazula,

kube yileyo naleyo ngendlela yayo,

ekusindisayo ingabikho.

U-Isaya 47ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 12

UJesu uchachisa umyalelo wesabatha

(Mark. 2:23; Luk. 6:1)

1Ngaleso sikhathi uJesu wadabula amasimu ngesabatha; abafundi bakhe babelambile, baqala ukukha izikhwebu, badla. 2Kepha abaFarisi bebona lokho bathi kuye: “Bheka, abafundi bakho benza okungavunyelwe ukuba kwenziwe ngesabatha.”

3Wathi kubo: “Anifundanga yini akwenzayo uDavide msukwana elambile kanye nababe naye 4ukuthi wangena endlini kaNkulunkulu, wadla izinkwa zokubukwa okungavunyelwe ukuba zidliwe nguye nababe naye kodwa ngabapristi kuphela, na? 5Futhi anifundanga yini emthethweni ukuthi ngesabatha abapristi bayalona isabatha ethempelini, bangabi nacala, na? 6Kodwa ngithi kini: ‘Kukhona lapha okukhulu kunethempeli.’ 7Kepha uma benazi ukuba kuyini lokhu ukuthi: ‘Ngifuna isihawu, hhayi umhlatshelo,’ nga ningabalahlanga laba abangenacala. 8Ngokuba iNdodana yomuntu iyinkosi yesabatha.”

UJesu uphilisa ngesabatha

(Mark. 3:1; Luk. 6:6)

9Wamuka lapho, wangena esinagogeni* labo. 10Bheka, kwakukhona umuntu onesandla esishwabeneyo; bambuza bathi: “Kuvunyelwe yini ukuphulukisa ngesabatha na?” – ukuze bammangalele.

11Kepha wathi kubo: “Ngumuphi umuntu kini enemvu eyodwa, uma iyele emgodini ngesabatha, ongayikuyibamba, ayikhiphe, na? 12Pho-ke, umuntu udlula imvu kangakanani. Ngakho-ke kuvunyelwe ukwenza okuhle ngesabatha.”

13Khona wathi kulowo muntu: “Yelula isandla sakho.” Wayeseselula, sasinda saba njengesinye. 14Base bephuma abaFarisi, benza isigungu ngaye ukuba bambhubhise.

15Kepha uJesu ekwazi lokho wamuka lapho. Bamlandela abaningi, wabaphulukisa bonke. 16Wabayalisisa ukuba bangamzwakalisi, 17ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

18“Bheka, inceku yami engiyikhethileyo,

othandiweyo wami othokoza ngaye umphefumulo wami,

ngiyakuzisa uMoya wami phezu kwakhe,

amemezele ukwahlulela kubo abezizwe.

19Akayikubanga, akayikubangalasa,

akakho oyakulizwa izwi lakhe ezitaladini.

20Umhlanga ofecekileyo akayikuwaphula,

umongo othunqayo akayikuwucima,

aze aphumelelise ukwahlulela,

kunqobe.

21Izizwe ziyakwethembela egameni

lakhe.”

Isono sokuhlambalaza

(Mark. 3:20; Luk. 11:14)

22Kwase kulethwa kuye okhwelwe yidemoni, eyimpumputhe eyisimungulu; wamphulukisa, kwaze kwathi oyisimungulu wakhuluma, wabona. 23Zase zimangala kakhulu izixuku zonke, zathi: “Lo asiyo indodana kaDavide na?”

24Kepha abaFarisi bekuzwa bathi: “Lo uwakhipha amademoni ngoBelzebule kuphela, umbusi wamademoni.” 25Kepha uJesu ezazi izizindlo zabo wathi kubo: “Yilowo nalowo mbuso owahlukene wodwa uyachitheka, nalowo muzi nokuba indlu eyahlukene yodwa ingeme. 26Uma uSathane emkhipha uSathane, wahlukene yedwa. Pho, umbuso wakhe uyakuma kanjani na? 27Uma mina ngikhipha amademoni ngoBelzebule, amadodana enu awakhipha ngobani na? Ngalokho-ke wona ayakuba ngabahluleli benu. 28Kepha uma mina ngikhipha amademoni ngoMoya kaNkulunkulu, umbuso kaNkulunkulu usufikile phela kini.

29“Futhi umuntu angangena kanjani endlini yesiqhwaga, aphange impahla yaso, uma engabophi kuqala isiqhwaga, andukuba aphange indlu yaso, na?

30“Ongenami umelene nami; ongabuthi nami uyahlakaza. 31Ngalokho ngithi kini: Abantu bayakuthethelelwa zonke izono nokuhlambalaza, kepha ukuhlambalaza uMoya akuyikuthethelelwa. 32Yilowo nalowo okhuluma izwi elimelene neNdodana yomuntu uyakuthethelelwa; kepha lowo okhuluma elimelene noMoya oNgcwele akayikuthethelelwa nakuleli zwe nakwelizayo.

33“Yenzani umuthi ube muhle, nesithelo sawo sibe sihle; noma nenze umuthi ube mubi, nesithelo sawo sibe sibi; ngokuba umuthi waziwa ngesithelo sawo. 34Nzalo yezinyoka, ningakhuluma kanjani okuhle nibabi na? Ngokuba umlomo ukhuluma ngokuchichima kwenhliziyo. 35Umuntu omuhle ukhipha okuhle engcebeni yakhe enhle; nomuntu omubi ukhipha okubi engcebeni yakhe embi. 36Kepha ngithi kini: Amazwi onke ayize abawakhulumayo abantu bayakuzilanda ngawo ngosuku lokwahlulelwa. 37Ngokuba ngamazwi akho uyakuthethwa, nangamazwi akho uyakulahlwa.”

Abafuna izibonakaliso

(Mark. 8:11; Luk. 11:29)

38Kwase kuphendula abathile kubabhali nabaFarisi, bathi: “Mfundisi, sithanda ukubona isibonakaliso esenziwa nguwe.” 39Kepha waphendula, wathi kubo: “Isizukulwane esibi nesiphingayo sifuna isibonakaliso; kepha asiyikunikwa sibonakaliso, kuphela isibonakaliso sikaJona umprofethi. 40Ngokuba njengalokho uJona wayesesiswini somkhomo izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu, kanjalo-ke neNdodana yomuntu iyakuba sebuthunjini bomhlaba izinsuku ezintathu nobusuku obuthathu. 41Amadoda aseNineve ayakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, asilahle; ngokuba aphenduka ngokushumayela kukaJona; bhekani, kukhona lapha okukhulu kunoJona. 42Inkosikazi yaseningizimu iyakusukuma ekwahlulelweni kanye nalesi sizukulwane, isilahle; ngokuba yavela emikhawulweni yomhlaba izakuzwa ukuhlakanipha kukaSolomoni; bhekani, lapha kukhona okukhulu kunoSolomoni.

43“Nxa umoya ongcolileyo esephumile kumuntu, uyadabula izindawo ezingenamanzi efuna ukuphumula, angakufumani. 44Khona uthi: ‘Ngizakubuyela endlini yami engaphuma kuyo;’ esefikile, ayifumane ize, ishaneliwe, ihlotshisiwe. 45Abesehamba-ke, abuye nabanye omoya abayisikhombisa ababi kunaye, bangene bahlale khona; kuthi ukugcina kwalowo muntu kuba kubi kunokuqala. Kuyakuba njalo nakulesi sizukulwane esibi.”

Izihlobo eziyizo zikaJesu

(Mark. 3:31; Luk. 8:19)

46Esashumayela ezixukwini, bheka, unina nabafowabo babemi ngaphandle befuna ukukhuluma naye. 47Omunye wathi kuye: “Bheka, unyoko nabafowenu bemi ngaphandle befuna ukukhuluma nawe.”

48Kepha waphendula, wathi komtshelileyo: “Ngubani umame, nabafowethu ngobani na?” 49Welula isandla sakhe ngakubafundi bakhe, wathi: “Bhekani nangu umame nabafowethu. 50Ngokuba yilowo nalowo owenza intando kaBaba osezulwini nguye ongumfowethu nodadewethu nomame.”

NgokukaMathewu 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 13

Imifanekiso eyisikhombisa kaJesu

(Mark. 4:1; Luk. 8:4; 13:18)

1Ngalolo suku uJesu waphuma endlini, wahlala phansi ngaselwandle. 2Kwase kubuthana kuye izixuku eziningi, waze wangena emkhunjini, wahlala phansi, uquqaba lonke lumi ogwini. 3Wakhuluma kubo okuningi ngemifanekiso, wathi: “Bhekani, kwaphuma umhlwanyeli ukuyohlwanyela. 4Ekuhlwanyeleni kwakhe enye imbewu yawela ngasendleleni; kwafika izinyoni, zayidla zayiqeda. 5Kepha enye yawela edwaleni, lapho yayingenamhlabathi omningi khona; yamila masinyane, ngokuba ingenamhlabathi ojulileyo. 6Kodwa seliphumile ilanga, yahwamuka; nangokuba ingenampande, yabuna. 7Kepha enye yawela emeveni; ameva akhula, ayiminyanisa. 8Kepha enye yawela emhlabathini omuhle; yathela isithelo, enye ngekhulu, enye ngamashumi ayisithupha, enye ngamashumi amathathu. 9Onezindlebe makezwe.”

10Kwase kufika abafundi bakhe, bathi kuye: “Ukhulumelani kubo ngemifanekiso na?”

11Waphendula-ke, wathi kubo: “Nina niphiwe ukwazi izimfihlakalo zombuso wezulu; kodwa bona kabakuphiwanga. 12Ngokuba yilowo nalowo onakho uyakuphiwa, kuvame; kodwa lowo ongenakho uyakwamukwa nalokho anakho. 13Kungalokhu ngikhuluma kubo ngemifanekiso, ngokuba noma bebona, kababoni, noma bezwa, kabezwa, kabaqondi. 14Kugcwaliseka kubo isiprofetho sika-Isaya sokuthi:

“ ‘Ngokuzwa niyakuzwa,

ningaze naqonda;

ngokubona niyakubona,

ningaze nabonisisa;

15ngokuba inhliziyo yalesi sizwe isiyaba lukhuni,

bezwa kanzima ngezindlebe,

amehlo abo bawacimezile,

funa mhlawumbe babone ngamehlo,

bezwe ngezindlebe,

baqonde ngenhliziyo, baphenduke,

ngibaphulukise.’

16“Kodwa abusisiwe amehlo enu, lokhu ebona, nezindlebe zenu, lokhu zizwa. 17Ngokuba ngiqinisile ngithi kini: Baningi abaprofethi nabalungileyo ababefisa ukubona enikubonayo, abakubonanga, nokuzwa enikuzwayo, abakuzwanga.

18“Yizwani-ke nina umfanekiso womhlwanyeli. 19Yilowo nalowo olizwa izwi lombuso engaliqondi ufikelwa ngomubi ohlwitha okuhlwanyelwe enhliziyweni yakhe. Yilowo ohlwanyelwe ngasendleleni. 20Ohlwanyelwe edwaleni nguye olizwa izwi, alamukele masinyane ngokuthokoza; 21kepha kanampande phakathi kwakhe, kodwa uhlala isikhashana nje, kuthi sekuvele ukuhlupheka nokuzingelwa ngenxa yezwi, akhubeke masinyane. 22Futhi-ke ohlwanyelwe emeveni nguye olizwa izwi, kepha iminako yalesi sikhathi nokukhohlisa kwengcebo kuminyanisa izwi, abe ngongatheliyo. 23Kepha ohlwanyelwe emhlabathini omuhle nguye olizwa izwi, aliqonde, athele impela isithelo, omunye aveze ngekhulu, omunye ngamashumi ayisithupha, omunye ngamashumi amathathu.”

24Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufaniswa nomuntu owahlwanyela imbewu enhle ensimini yakhe; 25kepha abantu besalele, kwafika isitha sakhe, sahlwanyela ukhula phakathi kwamabele, samuka. 26Kwathi ukuba likhule ikhaba, kuthele isithelo, khona kwabonakala nokhula.

27“Kwase kufika izisebenzi zomnumzane, zathi kuye: ‘Nkosi, awuhlwanyelanga imbewu enhle ensimini yakho na? Pho, ilutholephi ukhula na?’

28“Wathi kuzo: ‘Lokhu kwenziwe ngumuntu oyisitha.’

“Izisebenzi zathi kuye: ‘Uthanda ukuba siye ukulubutha na?’

29“Kodwa wathi: ‘Qha, funa nithi, nxa nibutha ukhula, nisiphule amabele kanye nalo. 30Yekani kukhule kokubili ndawonye, kuze kuvunwe; ngesikhathi sokuvuna ngiyakuthi kwabavunayo: Buthani kuqala ukhula, nilubophe izinyanda ukuba lushiswe, nibuthele amabele engotsheni yami.’ ”

31Omunye umfanekiso wawubeka kubo, wathi: “Umbuso wezulu ufana nenhlamvu yesinaphi ayithatha umuntu, wayihlwanyela ensimini yakhe; 32yona kambe incinyane kunazo zonke izimbewu, kepha uma isikhulile, inkulu kunezilimo, iba ngumuthi, kuze kufike izinyoni zezulu, zakhele emagatsheni awo.”

33Wabatshela omunye umfanekiso wathi: “Umbuso wezulu ufana nemvubelo ayithatha owesifazane, wayifaka ezilinganisweni ezintathu zempuphu, kwaze kwabila konke.”

34Konke lokho uJesu wakukhuluma ezixukwini ngemifanekiso; ngaphandle komfanekiso kakhulumanga lutho kubo, 35ukuze kugcwaliseke okwakhulunywa ngomprofethi ukuthi:

“Ngizakuvula umlomo wami ngemifanekiso,

ngiphimisele okufihlakeleyo,

selokhu kwasekelwa umhlaba.”

36Khona wazishiya izixuku, weza endlini. Basondela kuye abafundi bakhe, bathi: “Sichasisele umfanekiso wokhula ensimini.” 37Wayesephendula, ethi kubo: “Ohlwanyela imbewu enhle yiNdodana yomuntu; 38insimu yizwe; imbewu enhle yibo abangabantwana bombuso; kodwa ukhula ngabantwana bomubi; 39kepha isitha esaluhlwanyelayo nguSathane; ukuvuna kungukuphela kwezwe; nabavuni yizingelosi. 40Ngakho-ke njengokuba ukhula luyabuthwa, lushiswe emlilweni, kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe. 41INdodana yomuntu iyakuthuma izingelosi zayo, zibuthe, zikhiphe embusweni wayo konke okukhubekisayo nabenza okubi, 42zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo. 43Khona abalungileyo bayakukhanya njengelanga embusweni kaYise wabo. Onezindlebe makezwe.

44“Umbuso wezulu ufana nengcebo efihlwe ensimini, yafunyanwa ngumuntu, wayithukusa; ngokuthokoza kwakhe uyahamba, athengise ngakho konke anakho, athenge leyo nsimu.

45“Futhi umbuso wezulu ufana nomthengi ofuna amaparele* amahle; 46eselifumene iparele linye elinenani elikhulu, waya wathengisa ngakho konke anakho, walithenga.

47“Futhi umbuso wezulu ufana nenetha elaphonswa elwandle, lihlanganisa zonke izinhlobo; 48lithe seligcwele, balidonsela ogwini, bahlala phansi, babuthela ezinhle ezitsheni, kepha ezimbi bazilahla. 49Kuyakuba njalo ekupheleni kwezwe; kuyakuphuma izingelosi, zahlukanise ababi nabalungileyo, 50zibaphonse eziko lomlilo; lapho kuyakuba khona ukukhala nokugedla amazinyo.

51“Nikuqondile konke lokho na?”

Bathi kuye: “Yebo.”

52Wayesethi kubo: “Ngakho-ke yilowo nalowo mbhali ofundiselwe umbuso wezulu ufana nomuntu, umnumzane, okhipha engcebeni yakhe okusha nokudala.”

UJesu udelelwa emzini wakubo

(Mark. 6:1; Luk. 4:16)

53Kwathi uJesu eseqedile leyo mifanekiso, wamuka lapho. 54Esefikile emzini wakubo wabafundisa esinagogeni* labo, baze bamangala, bathi: “Lo ukuthathaphi lokhu kuhlakanipha nalawa mandla na? 55Lo akasiyo indodana yombazi na? Unina kathiwa uMariya, nabafowabo asithi oJakobe, noJosefa, noSimoni, noJuda na? 56Nawodadewabo abakho yini bonke lapha kithi na? Pho, lo ukuthathaphi konke lokhu na?” 57Bakhubeka ngaye.

Kepha uJesu wathi kubo: “Umprofethi kadelelwa ngaphandle kwasezweni lakubo nasendlini yakwabo.”

58Akenzanga lapho imisebenzi eminingi yamandla ngenxa yokungakholwa kwabo.

NgokukaMathewu 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU