Bible Society of South Africa

To The Word – Day 107

Isaiah 59–64

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 59

Isono nokusindiswa

1Bheka, isandla sikaJehova asifinyeziwe

ukuba singasindisi,

nendlebe yakhe ayinzima

ukuba ingezwa.

2Kepha ububi benu

bunahlukanisile noNkulunkulu,

nezono zenu zibusithile ubuso bakhe kini

ukuba angezwa.

3Ngokuba izandla zenu zingcolile igazi,

neminwe yenu ububi;

izindebe zenu zomlomo zikhuluma amanga,

nezilimi zenu zinyenyeza okubi.

4Akakho omemeza ngokulunga,

akakho owahlulela ngeqiniso;

bethemba kokuyize, bakhuluma amanga;

bakhulelwe yingozi, bazala ububi.

5Bachamisela amaqanda ebululu,

baluka ubulembu bolwembu;

odlayo amaqanda abo uyafa,

okuchotshozwayo kuqhamuka kuyibululu.

6Ubulembu babo abuyikuba yizingubo,

futhi abanakuzimboza ngemisebenzi yabo;

isenzo sendluzula sisezandleni zabo.

7Izinyawo zabo zigijimela ebubini,

bashesha ukuchitha igazi elingenacala;

imicabango yabo iyimicabango yobubi;

incithakalo nokubhujiswa kusezindleleni zabo.

8Indlela yokuthula abayazi,

nokwahlulela akukho emikhondweni yabo;

bazenzele izindlela eziyisigwegwe,

bonke abahamba ngazo abazi ukuthula.

9Ngalokho ukwahlulela kukude nathi,

nokulunga akusifumani;

sihlalela ukukhanya,

kepha bheka, ubumnyama;

silindela imini,

kepha sihamba ekuhlweni.

10Siphuthaza udonga njengempumputhe,

yebo, siphumputha njengabangenamehlo;

sikhubeka emini njengasekuhweleleni;

phakathi kwabaphilayo sinjengabafileyo.

11Siyagwavuma sonke njengamabhere,*

siyalilisela nokulilisela njengamajuba;

silindela ukwahlulela, kepha akukho,

nokusindiswa, kepha kukude nathi.

12Ngokuba iziphambeko zethu

zandile phambi kwakho,

nezono zethu ziyafakaza ngathi;

ngokuba iziphambeko zethu zikithi,

nokona kwethu siyakwazi:

13ukuphambuka nokumphika uJehova,

nokumhlubuka uNkulunkulu wethu,

nokukhuluma ukucindezela nokwambuka,

nokucabanga nokukhuluma amazwi amanga

aphuma enhliziyweni.

14Ukwahlulela kubuyiselwa emuva,

nokulunga kumi kude,

ngokuba iqiniso liyakhubeka esigcawini,

nobuqotho abunakungena.

15Iqiniso lisilele;

osuka ebubini uzenza impango;

uJehova wakubona lokho,

kwaba kubi emehlweni akhe

ukuthi ukwahlulela akukho.

16Wabona ukuthi akukho muntu,

wamangala ukuthi wayengekho omelayo;

yayisimsindisa ingalo yakhe,

nokulunga kwakhe kwamphasa.

17Wafaka ukulunga njengebhantshi lensimbi,

nesigqoko sensindiso ekhanda lakhe;

wagqoka izingubo zokuphindisela zaba ngezokwembatha,

wazembesa ukushisekela njengengubo.

18Njengokwenza kwabo,

kanjalo uyakubaphindisela:

ukufutheka kuzo izitha zakhe,

nokwenza kwabo kwabamelene naye,

abuyisele eziqhingini izenzo zazo.

19Bayakulesaba igama likaJehova entshonalanga,

nenkazimulo yakhe empumalanga,

ngokuba uyakufika njengomfula okhahlamezayo,

oqhutshwa ngumoya kaJehova.

20“Kepha uyakufika eSiyoni engumhlengi,

nakulabo abakwaJakobe ababuya eziphambekweni,”

usho uJehova.

21“Mina-ke, lokhu kuyisivumelwano sami nabo,” usho uJehova, “sokuthi umoya wami ophezu kwakho namazwi ami engiwabeke emlonyeni wakho akuyikusuka emlonyeni wakho, nasemlonyeni wenzalo yakho, nasemlonyeni wenzalo yenzalo yakho,” usho uJehova, “kusukela manje kuze kube phakade.”

U-Isaya 59ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 60

Inkazimulo ezayo yeSiyoni

1“Vuka ukhanye,

ngokuba ukukhanya kwakho kuyeza;

inkazimulo kaJehova iphumela phezu kwakho.

2Ngokuba bheka,

ubumnyama buyasibekela umhlaba,

nesigayegaye abantu;

kepha uJehova uyaphuma phezu kwakho,

nenkazimulo yakhe iyakubonakala phezu kwakho.

3Izizwe ziyakuhamba ekukhanyeni kwakho,

namakhosi ekukhazimuleni kokuphuma kwakho.

4“Phakamisa amehlo akho nxazonke, ubone;

babuthana bonke, beza kuwe;

amadodana akho ayakuvela kude,

namadodakazi akho ayakuphathwa ngezingalo.

5Khona uyakubona, ukhazimule;

inhliziyo yakho iyakugquma, yanuleke,

ngokuba ingcebo yolwandle iyakuphendulelwa kuwe,

nemfuyo yezizwe iyakuza kuwe.

6Ubuningi bamakamela buyakukusibekela,

amakamela amasha akwaMidiyani nase-Efa;

bonke abaseSheba bayakuza,

balethe igolide nenhlaka,

bamemezele izindumiso zikaJehova.

7Yonke imihlambi yaseKedari iyakubuthelwa kuwe,

nezinqama zakwaNebayoti ziyakukukhonza,

zikhuphukele e-altare lami ngokuthanda kwami,

ngiyidumise indlu yodumo lwami.

8“Ngobani laba abandiza njengefu,

nanjengamajuba aya ezidlekeni zawo, na?

9Iziqhingi ziyangihlalela,

imikhumbi yaseTharishishi kuqala,

ukuletha amadodana akho evela kude,

enesiliva negolide lawo

kulo igama likaJehova uNkulunkulu wakho

nakoNgcwele ka-Israyeli,

ngokuba uyakudumisa.

10“Abezizwe bayakuzakha izingange zakho,

amakhosi abo akukhonze;

noma ngakushaya ngentukuthelo yami,

sengiyakuhawukela ngomusa wami.

11Amasango akho ayakuvuleka njalo,

awayikuvalwa imini nobusuku,

ukuze imfuyo yezizwe ilethwe kuwe,

amakhosi azo eqhutshwa eboshiwe.

12Ngokuba isizwe nombuso ongakukhonzi uyakuphela;

yebo, lezo zizwe ziyakuqedwa impela.

13“Inkazimulo yaseLebanoni iyakuza kuwe,

umsayipuresi,* nomthidari,* nomkhoba kanyekanye,

ukuyihlobisa indawo yendlu yami engcwele,

ngiyikhazimulise indawo yezinyawo zami.

14Amadodana abakucindezelayo ayakufika kuwe efolile,

nabo bonke abakudelelayo bayakukhothama

ngasematheni ezinyawo zakho,

bakubize ngokuthi uMuzi kaJehova

neSiyoni loNgcwele ka-Israyeli.

15“Esikhundleni sokuba ushiywe, uzondwe,

kungabe kusabakho muntu odabulayo,

ngiyakwenza isivunulo esiphakade

nentokozo yezizukulwane ngezizukulwane.

16Uyakuncela ubisi lwezizwe,

uncele namabele amakhosi;

uyakwazi ukuthi mina Jehova nginguMsindisi wakho,

noMhlengi wakho,

uMninimandla kaJakobe.

17Esikhundleni sethusi ngiyakuletha igolide,

nasesikhundleni sensimbi ngiyakuletha isiliva;

esikhundleni somuthi ithusi,

nasesikhundleni samatshe insimbi,

ngibeke ukuthula kube ngababonisi bakho,

nokulunga kube ngababusi bakho.

18Indluzula ayisayikuzwakala ezweni lakho,

nencithakalo nokubhubhisa phakathi kwemikhawulo yakho,

kepha uyakubiza izingange zakho ngokuthi iNsindiso,

namasango akho ngokuthi iNdumiso.

19Ilanga alisayikuba ngukukhanya kuwe emini,

nenyanga ayisayikukukhanyisela ngokukhazimula ebusuku;

uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,

uNkulunkulu wakho abe ludumo lwakho.

20Ilanga lakho alisayikushona,

nenyanga yakho ayisayikuncipha,

ngokuba uJehova uyakuba ngukukhanya okuphakade kuwe,

nezinsuku zokulila kwakho ziyakuphela.

21Abantu bakho bayakuba ngabalungileyo bonke,

badle ifa lezwe kuze kube phakade,

igatsha lokutshala kwami,

umsebenzi wezandla zami,

ukuba ngidunyiswe.

22Omncane uyakuba yinkulungwane,

ophansi abe yisizwe esinamandla;

mina nginguJehova,

ngiyakukusheshisa ngesikhathi sakho.”

U-Isaya 60ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 61

Ukusindiswa kweziboshwa

1UMoya weNkosi uJehova uphezu kwami,

ngokuba uJehova ungigcobile

ukuba ngishumayele izindaba ezinhle

kwabathotshisiweyo;

ungithumele ukubopha abanhliziyo ezaphukileyo,

nokumemezela ukukhululwa kwabathunjwa

nokuvulelwa kweziboshwa itilongo,

2ngimemezele umnyaka womusa kaJehova

nosuku lokuphindisela lukaNkulunkulu wethu,

ngiduduze bonke abalilayo,

3ngenze ukuba abalilayo eSiyoni

baphiwe amaqhele esikhundleni somlotha,

amafutha enjabulo esikhundleni sokulila,

ingubo yokudumisa esikhundleni somoya odangeleyo,

ukuze babizwe ngokuthi imithi yokulunga

nokutshaliwe nguJehova ukuba adunyiswe.

4Bayakwakha izincithakalo ezindala,

bavuse izindawo ezichithekileyo zakuqala,

balungise imizi ebhujisiweyo,

izindawo eziyihlane izizukulwane ngezizukulwane.

5Abezizwe bayakumela ukwalusa imihlambi yenu,

abafokazi babe ngabalimi benu nabaphathi bezivini zenu.

6Kepha nina niyakuthiwa abapristi bakaJehova,

niyakubizwa ngokuthi izikhonzi zikaNkulunkulu wethu;

niyakudla imfuyo yezizwe,

nizibonge ngodumo lwazo.

7Esikhundleni sehlazo lenu niyakuphiwa ngokuphindweyo;

abadumeleyo,

ukujabula kuyakuba yisabelo sabo;

ngalokho ezweni lakubo bayakudla ifa ngokuphindiweyo,

intokozo engapheliyo ibe ngeyabo.

8“Ngokuba mina Jehova ngithanda ukulunga,

ngizonda ukuphanga kanye nokubi;

ngiyakubanika umvuzo wabo ngeqiniso,

ngenze isivumelwano esiphakade nabo.

9Inzalo yabo iyakwaziwa phakathi kwezizwe,

nabantwana babo phakathi kwabantu;

bonke abababonayo bayakubavuma

ukuthi bayinzalo uJehova ayibusisile.”

10Ngiyathokoza nokuthokoza ngoJehova,

umphefumulo wami wenama ngoNkulunkulu wami,

ngokuba ungembathisile izingubo zensindiso,

wangisibekela ngesambatho sokulunga,

njengomyeni efaka iqhele ngokompristi,

nanjengomakoti ezihlobisa ngezimvunulo zakhe.

11Ngokuba njengokuba umhlaba uveza ihlumela lawo,

nanjengensimu ehlumisa okutshalwe kuyo,

kanjalo iNkosi uJehova iyakuveza

ukulunga nodumo phambi kwezizwe zonke.

U-Isaya 61ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 62

Ukusindiswa kwendodakazi yaseSiyoni ekuthunjweni

1Ngenxa yeSiyoni angiyikuthula,

nangenxa yeJerusalema angiyikuphumula,

ukulunga kwalo kungakaphumi njengokukhanya

nokusindiswa kwalo njengesibani esivuthayo.

2Izizwe ziyakubona ukulunga kwakho,

namakhosi onke inkazimulo yakho;

uyakubizwa ngegama elisha

eliyakunqunywa ngumlomo kaJehova.

3Uyakuba ngumqhele wodumo esandleni sikaJehova,

neqhele lobukhosi esandleni sikaNkulunkulu wakho.

4Awusayikuthiwa Oshiyiweyo,

nezwe lakini alisayikuthiwa iNcithakalo,

kepha uyakubizwa ngokuthi Ontokozo yami ikuye,

nezwe lakini ngokuthi Oganileyo,

ngokuba uJehova uyathokoza ngawe,

nezwe lakini lendile.

5Ngokuba njengensizwa iganwa yintombi,

kanjalo amadodana akho ayakuganwa nguwe;

nanjengokuthokoza komyeni ngomakoti wakhe

uNkulunkulu wakho uyakuthokoza ngawe.

6Ngimisile abalindi

phezu kwezingange zakho, Jerusalema;

abayikuthula nakanye imini nobusuku;

nina eningabakhumbuzi ngoJehova maningaphumuli,

7futhi ningamniki ukuphumula,

aze akhe iJerusalema,

alibeke libe yindumiso emhlabeni.

8UJehova ufungile ngesandla sakhe sokunene

nangengalo yamandla akhe, wathi:

“Impela angisayikuzinika izitha zakho

amabele akho abe ngukudla kwazo;

abezizwe abayikuliphuza iwayini lakho olikhandlekeleyo,

9kodwa abawaqoqileyo bayakuwadla,

bamdumise uJehova,

nabaliqoqileyo bayakuliphuza

emagcekeni endlu yami engcwele.”

10Phumani, niphume ngamasango,

niyilungise indlela yabantu;

hlelani, niwuhlele umendo,

niwakhiphe amatshe;

niphakamisele izizwe ibhanela.*

11Bhekani, uJehova uyezwakala

kuze kube sekugcineni komhlaba, ethi:

“Yishoni kuyo indodakazi yaseSiyoni ukuthi:

‘Bheka, insindiso yakho iyeza.

Bheka, umvuzo wakhe unawo,

nenkokhelo yakhe iphambi kobuso bakhe.’ ”

12Bayakubizwa ngokuthi abantu abangcwele,

abahlengiweyo bakaJehova;

wena uyakuthiwa Ofuniweyo,

uMuzi Ongashiyiwe.

U-Isaya 62ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 63

Usuku lokuphindisela

1Ngubani lona ovela kwa-Edomi

enezingubo ezibomvu zakwaBosira,

lona ohlobile ngezambatho zakhe

ehamba ngobukhulu bamandla akhe, na?

“Yimi engikhuluma ngokulunga

nenginamandla okusindisa.”

2Kungani ukuba izambatho zakho zibomvu,

nezingubo zakho zinjengezonyathela

esikhamweni sewayini, na?

3“Isikhamo sewayini ngisinyathele ngingedwa;

kwakungekho nami noyedwa kubantu;

ngabanyathela ngentukuthelo yami,

ngabaciphiza ngokufutheka kwami,

negazi labo lasaphazeka ezingutsheni zami,

ngazingcolisa zonke izambatho zami.

4Ngokuba usuku lokuphindisela lwalusenhliziyweni yami;

umnyaka wokuhlenga kwami usufikile.

5Ngabheka, kepha kwakungekho osizayo;

ngamangala, kepha kwakungekho osekelayo;

yayisingisindisa ingalo yami,

nokufutheka kwami kwangisekela.

6Ngase nginyathela abantu ngentukuthelo yami,

ngabachoboza ngokufutheka kwami,

ngathululela phansi igazi labo.”

7Ngiyakubonga umusa kaJehova,

ngimdumise uJehova

ngakho konke uJehova asenzele khona,

nokuhle okuningi phezu kwendlu ka-Israyeli

ayisebenzele khona ngobubele bakhe

nangobuningi bomusa wakhe.

8Wathi: “Nempela bangabantu bami,

abantwana abangakhohlisi,”

waba ngumsindisi wabo.

9Ezinhluphekweni zabo zonke wahlupheka naye,

ingelosi yobuso bakhe yabasindisa;

ngothando lwakhe nangokuhawukela

kwakhe wabahlenga,

wabanqukula,

wabathwala zonke izinsuku zakuqala.

10Kepha bahlubuka,

badabukisa uMoya wakhe oNgcwele,

waphenduka isitha sabo, walwa nabo.

11Abantu bakhe base bekhumbula

izinsuku zakuqala zikaMose, bathi:

Uphi yena owabakhipha elwandle

kanye nabelusi bomhlambi wakhe, na?

Uphi yena owabeka uMoya wakhe oNgcwele phakathi kwabo,

12owenza ukuba ingalo yakhe emangalisayo

ihambe ngakwesokunene sikaMose,

owahlukanisa amanzi phambi kwabo

ukuba azenzele igama eliphakade;

13owabadabulisa elwandle njengehhashi ehlane,

ukuze bangakhubeki, na?

14Njengezinkomo ezehlela esigodini

uMoya kaJehova wabaphumuza.

Wahola kanjalo abantu bakho

ukuba uzenzele igama elimangalisayo.

15Bheka usezulwini,

ubone usendaweni yobukhosi bakho neyodumo lwakho:

kuphi ukushisekela kwakho nemisebenzi yakho yamandla na?

Ukuvutha kwesihe sakho nobumnene bakho kugodliwe kimi.

16Ngokuba wena unguBaba;

ngokuba u-Abrahama akasazi,

no-Israyeli akasivumi.

Wena Jehova unguBaba;

igama lakho linguMhlengi wethu waphakade.

17Jehova, usidukiselani ezindleleni zakho,

uzenze lukhuni izinhliziyo zethu zingakwesabi, na?

Buya ngenxa yezinceku zakho,

izizwe zefa lakho.

18Abantu bakho abangcwele

balidla ifa isikhashana nje;

izitha zethu

zinyathele phansi indlu yakho engcwele.

19Sinjengalabo ongazange ubuse phezu kwabo,

nabangabizwanga ngegama lakho.

U-Isaya 63ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 64

Ukukhala kuka-Israyeli

1Sengathi ungadabula amazulu, wehle,

zizamazame izintaba phambi kwakho

2njengokuphenjwa komlilo ezinsabeni,

nalapho umlilo ubilisa amanzi,

ukuze wazise izitha zakho igama lakho,

izizwe zithuthumele phambi kwakho.

3Ekwenzeni kwakho okwesabekayo esingakubhekanga wehla;

izintaba zathuthumela phambi kwakho.

4Kusukela endulo abantu abezwanga,

abacoshanga nangendlebe,

futhi iso alibonanga uNkulunkulu ngaphandle kwakho

osebenzela omhlalelayo.

5Wahlangabeza labo ababethokoza ngokwenza ukulunga,

labo abakukhumbulayo ezindleleni zakho.

Wena wathukuthela, thina sona;

sahlala kukho nasendulo;

siyakusindiswa na?

6Sonke saba njengongcolileyo,

nokulunga kwethu konke kwakunjengengubo enindiweyo;

sabuna sonke njengeqabunga,

nobubi bethu basisusa njengomoya.

7Kwakungekho owalibiza igama lakho,

owazivusela ukubambelela kuwe,

ngokuba wabusitheza ubuso bakho kithi,

wasiqeda ngenxa yobubi bethu.

8Kepha manje, Jehova, unguBaba;

thina siyibumba, wena ungumbumbi wethu,

singumsebenzi wesandla sakho sonke.

9Ungathukutheli kakhulu, Jehova,

ungakhumbuli njalo ububi.

Bheka, mawubone ukuthi sonke singabantu bakho.

10Imizi yakho engcwele iphendukile ihlane;

iSiyoni liphendukile ihlane,

neJerusalema liyincithakalo.

11Indlu yethu engcwele nemangalisayo,

lapho obaba babekudumisa khona,

ishisiwe ngomlilo,

nazo zonke izindawo zethu ezithandekayo ziphendukile izincithakalo.

12Ungazibamba kukho konke lokhu, Jehova?

Ungathula, uze usihluphe kangaka, na?

U-Isaya 64ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU