Bible Society of South Africa

To The Word – Day 111

Catch-Up Day (Philippians 1–4, Psalm 72)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseFilipi 1

Isibingelelo

1OPawulu noThimothewu, izinceku zikaKristu Jesu, kubo bonke abangcwele kuKristu Jesu abaseFilipi, kanye nababonisi namadiyakoni:* 2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu ubonga uNkulunkulu ngabo, abakhulekele

3Ngiyambonga uNkulunkulu wami ekunikhumbuleni kwami konke 4ngezikhathi zonke ekunxuseni kwami konke ngani nonke, nginxusa ngokuthokoza, 5ngenxa yokuhlanganyela kwenu evangelini, kusukela osukwini lokuqala kuze kube manje; 6ngethembile ngempela yona le nto ukuthi owaqala umsebenzi omuhle kinina uyakuwufeza kuze kube lusuku lukaKristu Jesu, 7njengalokhu kufanele ukuba ngibe nomqondo onjalo ngani nonke, njengokuba nginithwele enhliziyweni yami, lokhu ekuboshweni kwami nasekulivikeleni nasekuliqiniseni ivangeli nina nonke nihlanganyele nami emseni.

8Ngokuba uNkulunkulu ungufakazi wami wokuthi nginilangazelela kangakanani nonke ngesihe sikaJesu Kristu. 9Ngikhulekela lokhu ukuba uthando lwenu luvame kakhulu njalo ekwazini nasekuqondeni konke, 10ukuze nikwazi ukwahlukanisa, nize nibe mhlophe nabangakhubekisiyo kuze kube lusuku lukaKristu, 11nigcwaliswe ngezithelo zokulunga ezingaye uJesu Kristu, kube yinkazimulo nodumo kuNkulunkulu.

UPawulu ulanda ngokuhlala kwakhe eboshiwe eRoma

12Kepha ngithanda ukuba nazi, bazalwane, ukuthi lokho okwangehlelayo kugcine kwaveza ukuqhubeka kwevangeli, 13kwaze kwathi izibopho zami zabonakala enqabeni yonke nakubo bonke abanye ukuthi zingenxa kaKristu 14nokuthi iningi labazalwane eNkosini betholile ithemba ngezibopho zami bazuzile kakhulu isibindi sokukhuluma izwi likaNkulunkulu ngokungesabi.

15Abanye kambe bashumayela uKristu ngomhawu nangombango kepha abanye ngenhliziyo enhle; 16laba bashumayela ngothando, bazi ukuthi ngimiselwe ukuvikela ivangeli, 17kepha labo bamemezela uKristu ngombango kungenganhliziyo emhlophe, bethi bazakungivusela ukukhathazeka ekuboshweni kwami. 18Kunani pho? Nokho uKristu uyamenyezelwa ngezindlela zonke, noma ngokuzenzisa noma ngesiminya; kulokho-ke ngiyathokoza, yebo, ngiyakuthokoza, 19ngokuba ngiyazi ukuthi lokhu kuyakungenzela ukusindiswa ngokunxusa kwenu nangokusiza kukaMoya kaJesu Kristu, 20njengokulangazela nokwethemba kwami ukuthi ayikho into engizakujabhiswa kuyo, kepha ngesibindi sonke, njengasezikhathini zonke namanje, uKristu uyakwenziwa mkhulu emzimbeni wami, nokuba kungokuphila nokuba kungokufa. 21Ngokuba kimina ukuphila kunguKristu, ukufa kuyinzuzo. 22Kepha uma ukuphila enyameni kuyisithelo somsebenzi kimi, angisakwazi engizakukukhetha. 23Kepha ngiphakathi kokubili; nginesifiso sokumuka ngibe noKristu, ngokuba yikhona okuhle kakhulu; 24kanti-ke ukuhlala enyameni kuswelekile kakhulu ngenxa yenu. 25Lokhu nginalo leli themba, ngiyazi ukuthi ngiyakuhlala, yebo, ngihlale nani nonke, kube ngukuqhubeka nokuthokoza kwenu ekukholweni, 26ukuze ukuzibonga kwenu ngami kuvame kuKristu Jesu ngokufika kwami futhi kini.

UPawulu uyabayala ukuba bahambe ngokwevangeli

27Kuphela hambani ngokufanele ivangeli likaKristu, kuze kuthi, noma ngiza nginibona noma ngingekho, ngizwe izindaba zenu zokuthi nimi niqinile emoyeni munye, nangomphefumulo munye nilwela inkolo yevangeli, 28ningethuswa ngalutho ngabamelene nani, okuyisiboniso sokubhubha kubona kepha ngesokusindiswa kwenu; lokhu-ke kuvela kuNkulunkulu. 29Ngokuba ngenxa kaKristu nina nabelwa ngomusa, angisho ukukholwa kuye kuphela kepha nokuhlupheka ngenxa yakhe, 30nikukho khona lokho kulwa enakubona kimina, nakalokhu nizwa ukuthi kukimina.

KwabaseFilipi 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseFilipi 2

Ukulandela uKristu ekuthotshisweni kwakhe nasekuphakanyisweni kwakhe

1Ngakho-ke uma kukhona induduzo kuKristu, uma kukhona ukududuzeka kothando, uma kukhona inhlangano kaMoya, uma kukhona isisa nesihawu, 2gcwalisani ukuthokoza kwami ukuba nibe nomqondo munye, ninothando lunye, nibe nhliziyonye, niqonde into inye; 3ningenzi lutho ngombango nangodumo lwezwe; kepha ngokuthobeka nishaye sengathi abanye bakhulu kunani, 4yilowo nalowo angabheki okwakhe, kepha yilowo abheke nokwabanye. 5Mawube kini lowo mqondo owawukhona nakuKristu Jesu 6owathi enesimo sikaNkulunkulu, akaze asho ukuthi kuyinto yokuphangwa ukulingana noNkulunkulu, 7kepha wazidela ethabatha isimo senceku, enziwe ngomfanekiso wabantu; 8wathi efunyenwe enjengomuntu ngesimilo, wazithobisa, elalela kwaze kwaba sekufeni, yebo, ekufeni kwesiphambano. 9Ngalokho-ke uNkulunkulu wamphakamisa kakhulu, wamnika igama eliphezu kwamagama onke, 10ukuze kuthi ngegama likaJesu amadolo onke aguqe, awabasezulwini, nawabasemhlabeni, nawabangaphansi komhlaba, 11nezilimi zonke zivume ngokuthi UJESU KRISTU UYINKOSI, kube yinkazimulo kuNkulunkulu uYise.

Isiluleko sokuqaphelisisa ukusindiswa

12Ngakho-ke, bathandiweyo bami, njengalokho nilalele ngezikhathi zonke, kungesikho nxa ngikhona kuphela, kodwa ikakhulu manje nxa ngingekho, fezani ukusindiswa kwenu ngokwesaba nangokuthuthumela, 13ngokuba nguNkulunkulu osebenza kini nokuthanda nokwenza njengentando yakhe. 14Yenzani konke ngokungakhononi nokungangabazi, 15ukuze nibe ngabangasolekiyo nabangenacala, abantwana bakaNkulunkulu abangenasici phakathi kwesizukulwane esiyisigwegwe nesiphambeneyo, enikhanya phakathi kwaso njengezinkanyiso ezweni, 16nibambelele ezwini lokuphila, ngize ngibe nokuzibonga ngosuku lukaKristu ngokuthi angigijimelanga ize, angisebenzelanga ize. 17Yebo, nokuba nginikelwa emhlatshelweni nasenkonzweni yokukholwa kwenu, ngiyathokoza, ngithokoza kanye nani nonke; 18ngokunjalo-ke thokozani nani, nithokoze kanye nami.

UPawulu uyakubathumela oThimothewu no-Ephafrodithu

19Kepha ngiyethemba eNkosini uJesu ukuthuma uThimothewu kini masinyane, ukuze nami ngename nxa sengazi izindaba zenu. 20Ngokuba anginamuntu onenhliziyo enjengeyakhe, onganakekela izindaba zenu ngobuqotho; 21ngokuba bonke bafuna okwabo, abafuni okukaJesu Kristu. 22Kepha niyakwazi ukuthembeka kwakhe ukuthi ukhonzile kanye nami ngenxa yevangeli njengomntwana kuyise. 23Yena-ke ngiyethemba ukumthuma masinyane, uma sengibonile ukuthi okuqondene nami kophelelaphi; 24kepha ngiyethemba eNkosini ukuthi nami ngizakuza eduzane.

25Kodwa ngibone ukuthi kudingekile ukuba ngithume kinina u-Ephafrodithu, umzalwane nesisebenzi nebutho kanye nami, nesithunywa senu, isikhonzi ekusweleni kwami, 26lokhu wayenilangazelela nonke, eyaluza ngokuba nizwile ukuthi wayegula. 27Ngokuba nempela wayegula ephansi kokufa; kepha uNkulunkulu wamhawukela, kungeyena yedwa, wangihawukela nami, ukuze ngingabi nalusizi phezu kosizi. 28Ngalokho ngakhuthalela kakhulu ukumthuma, ukuze kuthi nxa senimbona futhi nithokoze, kimi kunciphe usizi. 29Ngakho-ke mamukeleni eNkosini ngokuthokoza konke, abanjalo-ke nibaphathe ngokubatusa, 30ngokuba ngenxa yomsebenzi kaKristu wacishe wafa ezidela amathambo, ukuze agcwalise okusileleyo ekungikhonzeni kwenu.

KwabaseFilipi 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseFilipi 3

UPawulu ubaxwayisa ngokulunga okungokomuntu

1Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela khona lokho angikwenqeni, kepha nina kuyanigcina.

2Xwayani izinja, nixwaye izisebenzi ezimbi, nixwaye abokusika. 3Ngokuba singukusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singethembi enyameni, 4nakuba nami bengingaba nokwethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokwethemba enyameni, mina kakhulu; 5ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu, ngokomthetho umFarisi; 6ngokokushisekela ngingowazingela ibandla, ngokokulunga okusemthethweni ngingongasolekiyo.

Ukulunga okukuKristu kuyinzuzo

7Kanti-ke lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. 8Yebo impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu, 9ngifunyanwe kuyena, ngingenakho ukulunga okungokwami okuya ngomthetho kodwa lokho okuya ngokukholwa nguKristu, ngisho ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa, 10ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngimfuze ngokufa kwakhe, 11uma mhlawumbe ngingaze ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo, 12kungesikho ukuthi sengibambile nokuthi sengiphelelisiwe, kepha ngijonga ukuba kumbe ngingakubamba yini lokho nami engabanjelwa khona nguKristu Jesu. 13Bazalwane, angisho ukuthi mina uqobo sengikubambile; kepha kunye engikwenzayo: ngikhohlwa okungasemuva, ngizelulela kokungaphambili, 14ngijonge emgomeni, emklomelweni wokubizwa okukhulu kwaphezulu nguNkulunkulu kuJesu Kristu.

UPawulu ubaluleka ngokumlandela yena

15Ngakho-ke thina sonke esiphelele masibe nokuqonda okunjalo; kepha uma kokuthile niqonda ngokunye, nalokho uNkulunkulu uyakunambulela khona, 16kuphela ukuthi kwesesifinyelele kukho, sihambe ngawo lowo mkhondo.

17Ngilingiseni, bazalwane, nibabhekisise abahamba njengathi esiyisibonelo kini. 18Ngokuba abaningi, enganitshela kaningi ngabo namanje nginitshela nangezinyembezi, bahamba beyizitha zesiphambano sikaKristu, 19abakuphela kwabo ngukubhujiswa, abankulunkulu wabo yisisu, nodumo lwabo lusehlazweni labo, abangabanaka okomhlaba. 20Kepha thina singabombuso wasezulwini, lapho futhi silindela khona ukuba kuvele uMsindisi, iNkosi uJesu Kristu, 21oyakuguqula isimo somzimba wethu wokuthotshiswa, ufane nomzimba wakhe wenkazimulo, ngamandla angazihlelela ngawo konke phansi kwakhe.

KwabaseFilipi 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseFilipi 4

Iziluleko zokuqina nokuzwana ekukholweni, nokuthokoza eNkosini

1Ngalokho, bazalwane bami abathandekayo nabalangazelelwayo, ntokozo yami nomqhele wami, yimani niqinile kanjalo eNkosini, bathandwa.

2Ngiyamyala u-Evodiya, ngiyamyala noSintike ukuba babe nokuqonda kunye eNkosini. 3Yebo, ngiyakunxusa nawe mana wami oqotho, yelekelela labo besifazane, lokhu babambisana nami evangelini, kanye noKlemente nezinye izisebenzi zami abamagama abo asencwadini yokuphila.

4Thokozani eNkosini njalonjalo; ngiyaphinda ngithi: Thokozani! 5Ukubekezela kwenu akwaziwe ngabantu bonke; iNkosi iseduze. 6Ningakhathazeki ngalutho, kepha kukho konke izicelo zenu mazaziwe nguNkulunkulu ngokukhuleka nokunxusa kanye nokubonga. 7Ukuthula kukaNkulunkulu okudlula ukuqonda konke kuyakulondoloza izinhliziyo zenu nemicabango yenu kuKristu Jesu.

8Elokugcina, bazalwane, konke okuyiqiniso, konke okuhloniphekayo, konke okulungileyo, konke okumhlophe, konke okuthandekayo, konke okutusekayo, noma kukhona okuhle, noma kukhona okubongekayo, zindlani ngalokho; 9enakufunda, nakwamukela, nakuzwa, nakubona kimi, kwenzeni lokho; khona uNkulunkulu wokuthula uyakuba nani.

UPawulu ubonga isipho abasithumele kuye eRoma

10Kepha-ke ngathokoza kakhulu eNkosini, ngokuba manje senize navuselela ukunginakekela kwenu; beninginakekela kambe, kepha anibanga nathuba. 11Akusikho ukuthi ngisho maqondana nokuswela, ngokuba mina ngifundile ukuba nganeliswe noma ngihlezi kanjani. 12Ngiyakwazi ukuba phansi, ngiyakwazi nokubusa; kukho konke nasezintweni zonke ngifundisiwe: ukusutha, nokulamba, nokubusa, nokuswela. 13Nginamandla ukwenza konke ngaye ongiqinisayo.

14Nokho nenze kahle ngokuhlanganyela nami ekuhluphekeni kwami. 15Niyazi nani nina baseFilipi ukuthi ekuqaleni kwevangeli ekuphumeni kwami eMakedoniya kwakungekho bandla nelilodwa elahlanganyela nami endabeni yokupha nokwamukela, kuphela nina nodwa, 16ngokuba naseThesalonika nathumela kanye nakabili ngokuswela kwami. 17Akusikho ukuthi ngifuna isipho, kodwa ngifuna isithelo esiyakwandisa okubalelwa nina. 18Kepha nginakho konke ngokweqileyo; nganelisiwe sengamukelisiwe ngu-Ephafrodithu okuvela kinina, iphunga elimnandi, umhlatshelo omuhle nothokozisayo kuNkulunkulu. 19UNkulunkulu wami uzakugcwalisa ukuswela konke kwenu njengokwengcebo yakhe ekukhazimuleni kuKristu Jesu.

20KuNkulunkulu noBaba wethu makube ludumo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Isigcino

21Ngikhonzeleni kwabangcwele bonke abakuKristu Jesu. Abazalwane abanami bakhonza kinina. 22Abangcwele bonke bayakhonza kini, ikakhulu abendlu kaKesari.

23Umusa weNkosi uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

KwabaseFilipi 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 72

Ukukhulekela ogcotshiweyo kaNkulunkulu

ElikaSolomoni.

1Nkulunkulu, nika inkosi izahlulelo zakho

nendodana yenkosi ukulunga kwakho.

2Iyakwahlulela isizwe sakho

ngeqiniso nezihlupheki zakho ngemfanelo.

3Izintaba ziyakuletha ukuthula kubantu;

kanjalo namagquma, ngokulunga.

4Izakubahlulela abahluphekileyo kubantu,

isindise abantwana babampofu,

imphohloze onokhahlo.

5Bayakwesaba wena, kusekhona ilanga nenyanga,

izizukulwane ngezizukulwane.

6Iyakwehla njengemvula edlelweni,

njengesihlambi esimatisa umhlaba.

7Ezinsukwini zayo olungileyo uyakuqhakaza,

kuvame ukuthula, ize ingabikho inyanga.

8Iyakubusa kusukela elwandle kuze kube selwandle,

kusukela emfuleni kuze kube semikhawulweni yomhlaba.

9Abakhe ehlane bayakukhothama phambi kwayo;

izitha zayo zizakukhotha uthuli.

10Amakhosi aseTharishishi naweseziqhingini ayakuletha izipho;

amakhosi aseSheba naseSeba ayakwethula izipho.

11Onke amakhosi ayakuziwisa phambi kwayo;

zonke izizwe ziyakuyikhonza.

12Ngokuba iyakukhulula ompofu ozikhalela kuyo,

nohluphekayo ongenamsizi.

13Iyakuhawukela odangeleyo nompofu;

iyakusindisa imiphefumulo yabampofu.

14Iyakukhulula umphefumulo wabo okhahlweni nasendluzuleni;

igazi labo liyakuba yigugu emehlweni ayo.

15Iyakuphila, bayinike igolide laseSheba,

bayithandazele njalo,

bayibusise lonke usuku.

16Kuyakuba khona inala kakolweni ezweni

esiqongweni sezintaba;

ukudla kwalo kuyakuhashazela njengeLebanoni;

abemizi bayakukhahlela njengotshani bomhlaba.

17Igama layo liyakuma kuze kube phakade;

igama layo liyakuxhanta,

lisekhona ilanga;

bayakuzibusisa ngayo;

bonke abezizwe bayakuthi ibusisiwe.

18Makabongwe uJehova uNkulunkulu, uNkulunkulu ka-Israyeli,

onguye yedwa owenza izimangaliso.

19Malibongwe igama lakhe lenkazimulo kuze kube phakade,

umhlaba wonke ugcwale inkazimulo yakhe. Amen, Amen.

20Imikhuleko kaDavide indodana kaJese isaphelile.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU