Bible Society of South Africa

To The Word – Day 114

1 Kings 11–15, Proverbs 3

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 AmaKhosi 11

Abafazi bakaSolomoni nokuduka kwakhe

1Inkosi uSolomoni yathanda abesifazane abaningi bezizwe kanye nendodakazi kaFaro, abangamaMowabikazi, nama-Amonikazi, nama-Edomikazi, namaSidonikazi, namaHetikazi, 2abezizwe uJehova ayeshilo ngabo kwabakwa-Israyeli ukuthi: “Aniyikungena kubo, nabo bangangeni kini, ngokuba impela bayakuziphambukisa izinhliziyo zenu, zize zilandele onkulunkulu babo.” Kulabo uSolomoni wanamathela ngothando. 3Wayenabafazi abangamakhulu ayisikhombisa abangamadodakazi amakhosi, nezancinza ezingamakhulu amathathu; omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe. 4Kwathi uSolomoni esemdala, omkakhe bayiphambukisa inhliziyo yakhe ukuba ilandele abanye onkulunkulu; inhliziyo yakhe yayingekho kuJehova uNkulunkulu wakhe ngokuphelelyo njengenhliziyo kaDavide uyise. 5USolomoni walandela u-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni noMilkomu isinengiso sabakwa-Amoni. 6USolomoni wenza okubi emehlweni kaJehova, kamlandelanga uJehova ngokupheleleyo njengoDavide uyise.

7USolomoni wakhela uKemoshi isinengiso sakwaMowabi indawo ephakemeyo entabeni engaphambi kweJerusalema, noMoloki isinengiso sabantwana bakwa-Amoni. 8Wabenzela kanjalo bonke omkakhe bezizwe abashisa impepho, bahlabela onkulunkulu babo.

9UJehova wamthukuthelela uSolomoni, ngokuba inhliziyo yakhe yayiphambukile kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli owayebonakele kuye kabili, 10wamyala ngale nto yokuthi akayikulandela abanye onkulunkulu; kepha akagcinanga lokho uJehova amyale ngakho.

11Ngalokho uJehova wathi kuSolomoni: “Njengokuba wenzile lokho wena, ungagcinanga isivumelwano sami nezimiso zami engikuyale ngakho, ngiyakuwuhlwitha nokuhlwitha umbuso kuwe, ngiwunike inceku yakho. 12Kepha angiyikukwenza emihleni yakho ngenxa kaDavide uyihlo, kodwa ngiyakuwuhlwitha esandleni sendodana yakho. 13Nokho wonke umbuso angiyikuwuhlwitha, kepha ngiyakunika indodana yakho isizwe sibe sinye ngenxa kaDavide inceku yami nangenxa yeJerusalema engilikhethileyo.”

UNkulunkulu umvusela uSolomoni izitha

14UJehova wamvusela uSolomoni omelana naye, uHadadi wakwa-Edomi; wayengowozalo lwenkosi yakwa-Edomi. 15Kwathi uDavide ekwa-Edomi, noJowabe induna yempi enyukele ukumbela ababuleweyo, ebacekile bonke abesilisa kwa-Edomi 16ngokuba uJowabe naye wonke u-Israyeli bahlala khona izinyanga eziyisithupha, waze waqeda bonke abesilisa kwa-Edomi 17uHadadi wabaleka, yena nabakwa-Edomi abathile bezinceku zikayise benaye, ukuya eGibithe, uHadadi esengumntwana omncane. 18Basuka kwaMidiyani, beza ePharanu; bathatha amadoda ePharanu, baya nawo eGibithe kuFaro inkosi yaseGibithe; yena wamnika indlu, wamnqumela ukudla, wamnika nezwe.

19UHadadi wafumana umusa omkhulu emehlweni kaFaro, waze wamnika umlamu wakhe abe ngumkakhe, udadewabo wenkosikazi uThahipenesi. 20Udadewabo kaThahipenesi wamzalela uGenubati, indodana yakhe, uThahipenesi amlumula endlini kaFaro; uGenubati wayesendlini kaFaro phakathi kwamadodana kaFaro.

21UHadadi esezwile eGibithe ukuthi uDavide ulele koyise nokuthi uJowabe induna yempi ufile, uHadadi wathi kuFaro: “Ngivumele ukuba ngihambe ngiye ezweni lakithi.”

22UFaro wathi kuye: “Uswele ntoni lapha kimi ukuba ufune ukuya ezweni lakini na?”

Wathi: “Lutho, kepha mangivunyelwe impela ukuba ngihambe.”

23UNkulunkulu wamvusela omunye omelana naye, uRezoni indodana ka-Eliyada owayebalekele inkosi yakhe uHadadezeri inkosi yaseSoba. 24Lapho uDavide ebabulala, wazibuthela abantu, waba yinduna yeviyo; baya eDamaseku, bahlala khona, babusa eDamaseku. 25Wamelana no-Israyeli zonke izinsuku zikaSolomoni phezu kokubi akwenzayo uHadadi, wanengwa ngu-Israyeli, wabusa e-Aramu.

Isiprofetho sika-Ahiya

26UJerobowamu indodana kaNebati wakwa-Efrayimi waseSereda, inceku kaSolomoni, ogama likanina lalinguSeruya, umfelokazi, naye waphakamisela enkosini isandla sakhe.

27Isizathu sokuba aphakamisele isandla sakhe enkosini sasiyilesi: USolomoni wayelakha iMilo, wavala isikhala emzini kaDavide uyise. 28Leyo ndoda uJerobowamu yayiyiqhawe elinamandla; uSolomoni wayibona leyo nsizwa ukuthi ikhuthele emsebenzini wayo, wayibeka phezu kwawo wonke umsebenzi wendlu kaJosefa.

29Kwathi ngaleso sikhathi, lapho uJerobowamu ephumile eJerusalema, umprofethi u-Ahiya waseShilo wamfumana endleleni, embethe ingubo entsha; labo bobabili babebodwa endle. 30U-Ahiya wayibamba leyo ngubo entsha eyayikuye, wayiklebhula imidweshu eyishumi nambili. 31Wayesethi kuJerobowamu: “Zithathele imidweshu eyishumi, ngokuba uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: ‘Bheka, ngiyakuhlwitha umbuso esandleni sikaSolomoni, nginike wena izizwe eziyishumi 32kodwa yena uyakuba nesizwe sibe sinye ngenxa yenceku yami uDavide nangenxa yeJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ezizweni zonke zakwa-Israyeli 33ngokuba bangishiyile, bakhuleka ku-Ashitaroti unkulunkulukazi wamaSidoni, nakuKemoshi unkulunkulu wakwaMowabi, nakuMilkomu unkulunkulu wabakwa-Amoni, abahambanga ngezindlela zami ukwenza okulungile emehlweni ami, nezimiso zami, nezahlulelo zami njengoDavide uyise.

34“ ‘Nokho angiyikususa wonke umbuso esandleni sakhe, kepha ngiyakumenza abe yisikhulu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe ngenxa kaDavide inceku yami engamkhethayo, owagcina imiyalo yami nezimiso zami; 35kodwa ngiyakuwukhipha umbuso esandleni sendodana yakhe, ngiwunike wena, izizwe eziyishumi. 36Indodana yakhe ngiyakuyinika isizwe sibe sinye, ukuze uDavide inceku yami abe nesibani izinsuku zonke phambi kwami eJerusalema, umuzi engiwukhethileyo ukuba ngibeke khona igama lami. 37Ngiyakukuthatha wena, ubuse phezu kwakho konke okuthandwa yinhliziyo yakho, ube yinkosi phezu kuka-Israyeli. 38Kuyakuthi uma ulalela konke engikuyala ngakho, uhambe ngezindlela zami, wenze okulungile emehlweni ami ukugcina izimiso zami nemiyalo yami njengalokho akwenza uDavide inceku yami, ngiyakuba nawe, ngikwakhele indlu eyiyo njengalokho ngamakhela uDavide, ngikunike u-Israyeli. 39Ngenxa yalokho ngiyakuyithobisa inzalo kaDavide, kodwa akuyikuba njalonjalo.’ ”

40USolomoni wayesefuna ukumbulala uJerobowamu, kepha uJerobowamu wasuka, wabalekela eGibithe kuShishaki inkosi yaseGibithe, wahlala eGibithe waze wafa uSolomoni.

Ukufa kukaSolomoni

41Ezinye izindaba zikaSolomoni, nakho konke akwenzayo, nokuhlakanipha kwakhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zikaSolomoni. 42Isikhathi uSolomoni abusa ngaso eJerusalema phezu kuka-Israyeli wonke sasiyiminyaka engamashumi amane. 43USolomoni wayeselala koyise, wembelwa emzini kaDavide uyise; uRehobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 12

Ukumiswa kukaRehobowamu; ukuhlubuka kwezizwe eziyishumi

1URehobowamu waya eShekemi, ngokuba wonke u-Israyeli wayefikile eShekemi ukumbeka inkosi. 2Kwathi lapho uJerobowamu indodana kaNebati ekuzwile – ngokuba wayeseGibithe, lapho ayebalekele khona, ebalekele ubuso benkosi uSolomoni; wahlala-ke uJerobowamu eGibithe, 3kepha bathuma bambiza – uJerobowamu nebandla lonke lakwa-Israyeli beza, bakhuluma kuRehobowamu, bathi: 4“Uyihlo wenza ijoka lethu laba lukhuni; ngalokho yenza wena ube lula umsebenzi olukhuni kayihlo nejoka lakhe elisindayo owalibeka phezu kwethu, siyakukukhonza.”

5Wathi kubo: “Hambani izinsuku zibe zintathu, bese nibuyela kimi.” Basuka-ke abantu.

6Inkosi uRehobowamu yelulekana namalunga ayemile phambi kukaSolomoni uyise, esekhona, yathi: “Nina ningeluleka ukubuyisela mpenduloni kulaba bantu na?”

7Akhuluma kuye, athi: “Uma uyakuba yinceku yalaba bantu namhla nje, ubakhonze, ubaphendule, ukhulume amazwi amahle kubo, bayakuba yizinceku zakho izinsuku zonke.”

8Kepha walahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, welulekana nezinsizwa eziyintanga yakhe, ezazimi phambi kwakhe. 9Wathi kuzo: “Nina ningeluleka ukuba sibuyisele mpenduloni kulaba bantu abakhulume kimi ngokuthi: ‘Yenza ijoka uyihlo alibeka phezu kwethu libe lula,’ na?”

10Zase zikhuluma kuye izinsizwa eziyintanga yakhe, zithi: “Uyakusho kanje kulaba bantu abakhulume kuwe ngokuthi: ‘Uyihlo walenza ijoka lethu lasinda, kepha wena ulenze libe lula kithina,’ uyakukhuluma kanje kubo, uthi: ‘Ucikicane wami mkhulu kunokhalo lukababa. 11Manje ubaba wanithwesa ijoka elisindayo, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.’ ”

12UJerobowamu nabantu bonke base befika kuRehobowamu ngosuku lwesithathu njengokusho kwenkosi, ithi: “Buyelani kimi ngosuku lwesithathu.” 13Inkosi yaphendula abantu kalukhuni, yalahla isiluleko samalunga ameluleke ngaso, 14yakhuluma kubo njengesiluleko sezinsizwa ngokuthi: “Ubaba walenza ijoka lenu lasinda, mina ngiyakwenezela ejokeni lenu; ubaba wanishaya ngeziswebhu, mina ngiyakunishaya ngawofezela.” 15Inkosi ayilalelanga abantu, ngokuba kwakuyisiyiba esivela kuJehova, ukuze amise izwi lakhe uJehova alikhulumayo ngesandla sika-Ahiya waseShilo kuJerobowamu indodana kaNebati.

16Wonke u-Israyeli esebonile ukuthi inkosi ayibalalelanga, abantu babuyisela izwi enkosini, bathi:

“Sinasabelo sini kuDavide na?

Ifa asinalo endodaneni kaJese.

Yana ematendeni akho, Israyeli,

zibhekele indlu yakho manje, Davide.”

Wayesesuka u-Israyeli, waya ematendeni akhe. 17Kepha abantwana bakwa-Israyeli abakhe emizini yakwaJuda, uRehobowamu wabusa phezu kwabo.

18Inkosi uRehobowamu yathuma u-Adoramu owayephezu kwezisebenzi; u-Israyeli wonke wamkhanda ngamatshe, wafa. Inkosi uRehobowamu yashesha ukukhwela inqola yayo ukuba ibalekele eJerusalema. 19U-Israyeli wayeseyihlubuka-ke indlu kaDavide kuze kube namuhla.

Ukumiswa kukaJerobowamu; isiprofetho sikaShemaya

20Kwathi wonke u-Israyeli esezwile ukuthi uJerobowamu ubuyile, bathuma bambizela emhlanganweni, bambeka inkosi phezu kuka-Israyeli wonke; akubangakho muntu olandela indlu kaDavide, isizwe sakwaJuda kuphela.

21URehobowamu esefikile eJerusalema wabutha yonke indlu yakwaJuda nesizwe sakwaBenjamini, abantu abakhethiweyo abayizinkulungwane eziyikhulu namashumi ayisishiyagalombili, amabutho, ukuba balwe nendlu yakwa-Israyeli, bawubuyisele umbuso kuRehobowamu indodana kaSolomoni.

22Lase lifika izwi likaNkulunkulu kuShemaya umuntu kaNkulunkulu, lathi: 23“Khuluma kuRehobowamu indodana kaSolomoni inkosi yakwaJuda, nakuyo yonke indlu yakwaJuda neyakwaBenjamini, nakubantu abaseleyo, ngokuthi: 24‘Usho kanje uJehova, uthi: Aniyikukhuphuka, ningalwi nabafowenu abantwana bakwa-Israyeli; buyelani, kube yilowo nalowo endlini yakhe, ngokuba le nto ivela kimi.’ ” Balalela izwi likaJehova, babuya, bahamba njengokusho kukaJehova.

25UJerobowamu waqinisa iShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, wahlala khona; waphuma lapho, waqinisa iPhenuweli.

26UJerobowamu wathi enhliziyweni yakhe: “Manje umbuso uyakubuyela endlini kaDavide. 27Uma laba bantu benyuka ukunikela ngemihlatshelo endlini kaJehova eJerusalema, inhliziyo yalaba bantu iyakuphindela enkosini yabo, kuRehobowamu inkosi yakwaJuda, bangibulale mina, babuyele kuRehobowamu inkosi yakwaJuda.”

28Inkosi isithathe isiluleko, yenza amathole amabili egolide, yathi kubo: “Sekwanele ukuba nikhuphukele eJerusalema; bheka onkulunkulu bakho, Israyeli, abakukhuphula ezweni laseGibithe.” 29Wabeka elinye eBethele, elinye walibeka kwaDani. 30Leyo nto yaba yisono, ngokuba abantu baya phambi kwelinye nakwaDani.

31Wakha nezindlu zezindawo eziphakemeyo, wenza abapristi ngeningi labantu abangesiwo amadodana kaLevi. 32UJerobowamu wagubha umkhosi ngenyanga yesishiyagalombili ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga njengomkhosi wakwaJuda, wenyukela e-altare; wenze njalo eBethele ukuba ahlabele amathole awenzileyo; wabeka eBethele abapristi bezindawo eziphakemeyo azenzileyo. 33Wayesenikela e-altare alenzileyo ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesishiyagalombili, inyanga abeyinqumile ngokwakhe nje; wenzela abantwana bakwa-Israyeli umkhosi, wenyukela e-altare ukushisa impepho.

1 AmaKhosi 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 13

Umprofethi wakwaJuda nokubulawa kwakhe

1Bheka, kwavela kwaJuda umuntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova, weza eBethele; uJerobowamu wayemi e-altare ukushisa impepho. 2Walibiza i-altare ngezwi likaJehova, wathi: “Altare, altare, usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, kuzakuzalwa umntwana kuyo indlu kaDavide, nguJosiya igama lakhe; uyakunikela phezu kwakho ngabapristi bezindawo eziphakemeyo abashisa impepho phezu kwakho, bashise namathambo abantu phezu kwakho.’ ” 3Wabanika isiboniso ngalolo suku, wathi: “Yilesi esiyisiboniso uJehova akhulume ngaso sokuthi: Bheka, i-altare liyakudatshulwa, umlotha ophezu kwalo uchithwe.”

4Kwathi inkosi isizwile izwi lalowo muntu kaNkulunkulu alibiza ngalo i-altare laseBethele, uJerobowamu waselula isandla sakhe ese-altare, wathi: “Mbambeni.” Kepha isandla sakhe aselulela kuye sashwabana, akaba namandla okusibuyisela kuye. 5I-altare ladabuka, umlotha we-altare wachitheka e-altare njengesiboniso asinikile lowo muntu kaNkulunkulu ngezwi likaJehova.

6Inkosi yayisithatha yathi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Ake unxuse phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho, ungikhulekele ukuba isandla sami siphiliswe.” Lowo muntu kaNkulunkulu wanxusa kuJehova, saphiliswa isandla sakhe, saba njengakuqala.

7Yayisithi inkosi kulowo muntu kaNkulunkulu: “Woza siye ekhaya, uzihlumelele, ngikuphe isipho.”

8Kepha lowo muntu kaNkulunkulu wathi enkosini: “Noma unginika inxenye yendlu yakho, angiyikuya khona nawe; futhi angiyikudla isinkwa, ngiphuze amanzi kuleyo ndawo; 9ngokuba ngayalwa kanjalo ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ” 10Wayesehamba ngenye indlela, kabuyanga ngendlela abeze ngayo eBethele.

11Kwakuhlala eBethele umprofethi omdala. Amadodana akhe afika amtshela yonke imisebenzi lowo muntu kaNkulunkulu abeyenzile ngalolo suku eBethele, namazwi abewakhulumile enkosini. Uyise esetsheliwe, 12uyise wathi kuwo: “Uhambe ngayiphi indlela na?” Amadodana ayebonile ukuthi uhambe ngayiphi indlela lowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda. 13Wayesethi kumadodana akhe: “Ngibopheleni imbongolo.” Ambophela-ke imbongolo, wayikhwela. 14Wamlandela lowo muntu kaNkulunkulu, wamfumana ehlezi phansi kwe-oki;* wathi kuye: “Wena ungumuntu kaNkulunkulu lowo owavela kwaJuda na?”

Wathi: “Nginguye.”

15Wayesethi kuye: “Woza siye ekhaya, uthole ukudla.”

16Kepha wathi: “Anginakubuya nawe, anginakungena kwakho nawe; futhi anginakudla isinkwa, ngiphuze amanzi nawe kuleyo ndawo, 17ngokuba kwathiwa kimi ngezwi likaJehova: ‘Awuyikudla sinkwa, ungaphuzi manzi khona, ungabuyi ngendlela oze ngayo.’ ”

18Wayesethi kuye: “Nami ngingumprofethi njengawe; kwakhuluma kimi ingelosi ngezwi likaJehova ngokuthi: ‘Mbuyise, uye naye endlini yakho ukuba athole ukudla, aphuze amanzi.’ ” Kodwa waqamba amanga kuye. 19Wayesebuya-ke naye, wadla endlini yakhe, waphuza amanzi.

20Kwathi besahlezi etafuleni, izwi likaJehova lafika kumprofethi owambuyisa; 21wamemeza kulowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wathi: “Usho kanje uJehova, uthi: ‘Njengokuba ungalilalelanga izwi likaJehova, ungagcinanga umyalo uJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, 22kepha ubuyile, wadla, waphuza amanzi endaweni athi ngayo kuwe ungadli sinkwa, ungaphuzi manzi, isidumbu sakho asiyikungeniswa ethuneni lawoyihlo.’ ”

23Kwathi esedlile, esephuzile, wambophelela imbongolo yena lowo mprofethi abembuyisile. 24Esehambile waficwa yingonyama endleleni, yambulala; isidumbu sakhe santshingwa endleleni, imbongolo yema eceleni kwaso, nengonyama yema ngasesidunjini. 25Bheka, abantu badlula, babona isidumbu sintshingwe endleleni nengonyama imi eceleni kwesidumbu, bafika bakhuluma ngakho emzini ayehlala kuwo lowo mprofethi omdala.

26Esezwile lokho umprofethi obembuyisile endlelni wathi: “Ngumuntu kaNkulunkulu lowo owayengalaleli izwi likaJehova; ngalokho uJehova umnikele kuyo ingonyama, yamdwengula; yambulala njengezwi likaJehova alikhuluma kuye.”

27Wayesekhuluma kumadodana akhe, ethi: “Ngibopheleleni imbongolo.” Ayibophela. 28Wahamba, wafumana isidumbu sakhe sintshingwe endleleni, imbongolo nengonyama zimi eceleni kwesidumbu; ingonyama ayidlanga isidumbu, ayidwengulanga nembongolo. 29Umprofethi wasiphakamisa isidumbu salowo muntu kaNkulunkulu, wasibeka embongolweni, wasibuyisa; wafika emzini womprofethi omdala ukuba alile, ammbele. 30Wasibeka isidumbu ethuneni lakhe; bamlilela bathi: “Maye, mfowethu!”

31Kwathi esemmbele, wakhuluma kumadodana akhe, wathi: “Lapho sengifile, ngimbeleni ethuneni embelwe kulo lowo muntu kaNkulunkulu, nibeke amathambo ami eceleni kwamathambo akhe. 32Ngokuba izwi alimemezayo ngokusho kukaJehova kulo i-altare laseBethele nakuzo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezisemizini yaseSamariya liyakwenzeka nokwenzeka.”

UJerobowamu uqhubeka ebubini

33Emva kwalokho uJerobowamu akaphendukanga nokho endleleni yakhe embi, kepha wabuye wenza abapristi bezindawo eziphakemeyo ngeningi labantu; othandayo wahlukaniselwa, wabangumpristi wendawo ephakemeyo. 34Leyo nto yaba yisono kuyo indlu kaJerobowamu ngangokuba inqunywe, ichithwe ebusweni bomhlaba.

1 AmaKhosi 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 14

Isiprofetho sika-Ahiya

1Ngaleso sikhathi u-Abiya indodana kaJerobowamu wagula. 2UJerobowamu wathi kumkakhe: “Ake usuke uzifihle, ukuze kungaziwa ukuthi wena ungumkaJerobowamu, uye eShilo; bheka, u-Ahiya umprofethi ulapho, yena owakhuluma ngami ukuthi ngiyakuba yinkosi phezu kwalaba bantu. 3Uphathe ngesandla sakho izinkwa eziyishumi, nemiqathane, nophiso lwezinyosi, uye kuye; uyakukutshela ukuthi kuzakuba njani kumntwana.” 4UmkaJerobowamu wenze njalo; wasuka, waya eShilo, wafika endlini ka-Ahiya.

U-Ahiya wayengenakubona, ngokuba amehlo akhe ayequndekile ngenxa yobudala bakhe. 5UJehova wayeshilo ku-Ahiya, ethi: “Bheka, umkaJerobowamu uyeza ukubuza kuwe ngendodana yakhe, ngokuba iyagula; womphendula ngokuthi nangokuthi, ngokuba kuyakuthi ekungeneni kwakhe azishaye omunye umuntu.”

6Kwathi lapho u-Ahiya ezwa izigqi zezinyawo zakhe ekungeneni kwakhe emnyango, wathi: “Ngena, mkaJerobowamu; uzishayelani omunye; mina ngithunyiwe kuwe nginendaba elukhuni. 7Hamba umtshele uJerobowamu ukuthi: ‘UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli usho kanje, uthi: Njengokuba ngakuphakamisa phakathi kwabantu, ngakubeka ube ngumbusi wabantu bami u-Israyeli, 8ngawuhlwitha umbuso endlini kaDavide, ngawunika wena, kepha awubanga njengenceku yami uDavide owagcina imiyalo yami nowangilandela ngayo yonke inhliziyo yakhe ukwenza okulungile emehlweni ami kuphela, 9kodwa wenzile okubi kunabo bonke ababe phambi kwakho, wahamba wazenzela abanye onkulunkulu nezithombe ezibunjiweyo ukungivusa ukuba ngithukuthele, wangilahla nyovane, 10bheka, ngalokho ngiyakwehlisela indlu kaJerobowamu okubi, nginqume kuJerobowamu wonke umlisa, omncane nomkhulu kwa-Israyeli, ngikhukhule indlu kaJerobowamu njengokukhukhulwa komquba, uze uphele. 11Yena wakwaJerobowamu ofela emzini uyakudliwa yizinja, nofela endle uyakudliwa yizinyoni zezulu, ngokuba uJehova ukukhulumile.’

12“Ngalokho suka uye endlini yakho; ekungeneni kwezinyawo zakho emzini uyakufa umntwana. 13Wonke u-Israyeli uyakumlilela, ammbele, ngokuba nguyena yedwa wakwaJerobowamu oyakuya ethuneni, lokhu kufunyanwa kuye okuhle kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli endlini kaJerobowamu.

14“Futhi uJehova uyakuzivusela inkosi phezu kuka-Israyeli eyakunquma indlu kaJerobowamu ngalolo suku. Kepha ngithini? Yebo, namanje. 15Ngokuba uJehova uyakushaya u-Israyeli njengohlanga oluzanyazanyiswa emanzini, asiphule u-Israyeli kuleli zwe elihle alinika oyise, abahlakazele ngaphesheya koMfula,* lokhu benzile o-Ashera* babo, bathukuthelisa uJehova. 16Uyakulahla u-Israyeli ngenxa yezono zikaJerobowamu one ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli.”

17UmkaJerobowamu wayesesuka wahamba, wafika eTirisa; esefike embundwini wendlu, umntwana wafa. 18Wonke u-Israyeli wammbela, wamlilela njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla senceku yakhe u-Ahiya umprofethi.

Ukufa kukaJerobowamu

19Ezinye izindaba zikaJerobowamu, ukuthi walwa kanjani nokuthi wabusa kanjani, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 20Izinsuku zokubusa kukaJerobowamu zaziyiminyaka engamashumi amabili nambili; wayeselala koyise; uNadabi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Ukubusa kukaRehobowamu kwaJuda

21URehobowamu indodana kaSolomoni wabusa kwaJuda. URehobowamu wayeneminyaka engamashumi amane nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa eJerusalema, umuzi awukhethileyo uJehova ezizweni zonke zakwa-Israyeli ukuba abeke khona igama lakhe; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni.

22UJuda wenza okubi emehlweni kaJehova, bamvusela umhawu naphezu kwakho konke ababekwenzile oyise ngezono zabo abazenzayo. 23Nabo bazakhela izindawo eziphakemeyo, nezinsika, nawo-Ashera* emagqumeni onke aphakemeyo naphansi kwemithi yonke eluhlaza. 24Kwakukhona nezifebe zethempeli kulelo zwe; benza njengazo zonke izinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

UShishaki usukela iJerusalema

25Kwathi ngomnyaka wesihlanu wenkosi uRehobowamu, uShishaki inkosi yaseGibithe wenyukela eJerusalema. 26Wathatha ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yebo, wathatha konke, wathatha zonke izihlangu zegolide ezenziwe nguSolomoni. 27Inkosi uRehobowamu yenza izihlangu zethusi esikhundleni sazo, yazinikela ezandleni zezinduna zabalindi abagcina umnyango wendlu yenkosi. 28Kwathi njalo uma inkosi ingena endlini kaJehova, izigijimi zazithwala, zazibuyisela ekamelweni labalindi.

Ukufa kukaRehobowamu

29Ezinye izindaba zikaRehobowamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 30Kwakukhona njalo ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu. 31URehobowamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; igama likanina lalinguNahama wabakwa-Amoni. U-Abiyamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

1 AmaKhosi 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 AmaKhosi 15

Ukubusa kuka-Abiyamu no-Asa kwaJuda

1Ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJerobowamu indodana kaNebati u-Abiyamu waba yinkosi kwaJuda. 2Wabusa iminyaka emithathu eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha, indodakazi ka-Abisalomu.

3Wahamba ezonweni zonke zikayise ayezenzile ngaphambi kwakhe; inhliziyo yakhe yayingekho kuNkulunkulu wakhe ngokupheleleyo njengenhliziyo kaDavide uyise. 4Nokho ngenxa kaDavide uJehova uNkulunkulu wakhe wamnika isibani eJerusalema ngokuvusa indodana yakhe emva kwakhe nokumisa iJerusalema, 5ngokuba uDavide wenza okulungile emehlweni kaJehova, kaphambukanga ngalutho amyala ngalo zonke izinsuku zokuhamba kwakhe, kuphela endabeni ka-Uriya umHeti.

6Kwakukhona ukulwa phakathi kukaRehobowamu noJerobowamu zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

7Ezinye izindaba zika-Abiyamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Abiyamu noJerobowamu. 8U-Abiyamu wayeselala koyise; bammbela emzini kaDavide; u-Asa indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

9Ngomnyaka wamashumi amabili kaJerobowamu, inkosi yakwa-Israyeli, u-Asa waqala ukubusa phezu kukaJuda. 10Wabusa iminyaka engamashumi amane nanye eJerusalema; igama likanina lalinguMahakha indodakazi ka-Abisalomu.

11U-Asa wenza okulungile emehlweni kaJehova njengoDavide uyise. 12Waxosha izifebe zethempeli ezweni, wasusa nezithombe ayezenzile uyise. 13Wamsusa uMahakha unina ebukhosikazini, ngokuba wayenzela u-Ashera* isithombe esinengekayo; u-Asa wanquma isithombe sakhe, wasishisa ngasemfudlaneni iKidroni. 14Kodwa izindawo eziphakemeyo azisuswanga; nokho inhliziyo ka-Asa yayikuJehova ngokupheleleyo zonke izinsuku zakhe. 15Wangenisa endlini kaJehova izinto ezingcwele zikayise nezinto zakhe ezingcwele: isiliva, negolide, nezitsha.

16Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo. 17UBahasha inkosi yakwa-Israyeli wenyuka ukuhlasela uJuda, wakha iRama, ukuze angavumeli muntu ukuphuma nokungena ku-Asa inkosi yakwaJuda.

18U-Asa wayesethatha lonke isiliva negolide elalisele engcebeni yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, wakunikela ezandleni zezinceku zakhe; inkosi u-Asa yazithuma kuBeni Hadadi indodana kaTabirimoni kaHeziyoni, inkosi yase-Aramu, owayehlala eDamaseku, yathi: 19“Kukhona isivumelwano phakathi kwami nawe naphakathi kukababa noyihlo; bheka, ngithuma kuwe isipho sesiliva negolide; hamba waphule isivumelwano sakho noBahasha inkosi yakwa-Israyeli ukuba asuke kimi.”

20UBeni Hadadi wayilalela inkosi u-Asa, wathuma izinduna zempi yakhe ukuba zihlasele imizi yakwa-Israyeli, wanqoba i-Ijoni, neDani, ne-Abela Beti Mahakha, nalo lonke iKineroti, kanye nalo lonke izwe lakwaNafetali. 21Kwathi lapho uBahasha esekuzwile lokho, wayeka ukwakha iRama, wahlala eTirisa. 22Inkosi u-Asa yayisibiza wonke uJuda, akwababikho owayenokuzilandulela, basusa amatshe aseRama nemithi yalo uBahasha ayakhe ngakho; inkosi u-Asa yakha ngakho iGeba lakwaBenjamini neMispa.

23Zonke ezinye izindaba zika-Asa, nawo onke amandla akhe, nakho konke akwenzayo, nemizi ayakhayo, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? Ngesikhathi sobudala bakhe wayenesifo ezinyaweni zakhe. 24Wayeselala u-Asa koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide uyise; uJehoshafati indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

ONadabi noBahasha babusa kwa-Israyeli

25UNadabi indodana kaJerobowamu waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli ngomnyaka wesibili ka-Asa inkosi yakwaJuda, wabusa phezu kuka-Israyeli iminyaka emibili. 26Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kayise nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

27UBahasha indodana ka-Ahiya wendlu ka-Isakare wamenzela ugobe; uBahasha wamnqoba eGibethoni elingelamaFilisti, ngokuba uNadabi naye wonke u-Israyeli babelivimbezela iGibethoni. 28Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

29Kwathi eseyinkosi, wabulala yonke indlu kaJerobowamu, kashiyelanga uJerobowamu noyedwa ophefumulayo, waze wamqothula njengezwi uJehova alikhulumile ngesandla senceku yakhe u-Ahiya waseShilo, 30ngenxa yezono zikaJerobowamu ona ngazo, futhi onisa ngazo u-Israyeli, ngokucunula kwakhe acunula ngakho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli.

31Ezinye izindaba zikaNadabi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 32Kwakukhona ukulwa phakathi kuka-Asa noBahasha inkosi yakwa-Israyeli zonke izinsuku zabo.

33Ngomnyaka wesithathu ka-Asa inkosi yakwaJuda uBahasha indodana ka-Ahiya waqala ukubusa phezu kuka-Israyeli wonke eTirisa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nane. 34Wenza okubi emehlweni kaJehova, wahamba endleleni kaJerobowamu nasesonweni sakhe onisa ngaso u-Israyeli.

1 AmaKhosi 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 3

Ukumethemba uJehova

1Ndodana yami, ungakhohlwa umthetho wami,

kepha inhliziyo yakho mayigcine imiyalo yami,

2ngokuba iyakwenezela kuwe

ubude bezinsuku,

neminyaka yokuphila, nokuthula.

3Isihhe neqiniso makungakushiyi;

kubophe entanyeni yakho,

ukulobe esibhebheni senhliziyo yakho,

4ukuze uthole umusa nodumo oluhle emehlweni kaNkulunkulu nabantu.

5Themba kuJehova ngayo yonke inhliziyo yakho,

ungenciki kokwakho ukuqonda.

6Mazise yena ezindleleni zakho zonke,

uyakuqondisa imikhondo yakho.

7Ungabi ngohlakaniphileyo emehlweni akho;

mesabe uJehova, udede ebubini.

8Lokho kuyakuba yimpilo emzimbeni wakho

nokuhlunyelelwa kwamathambo akho.

9Dumisa uJehova ngempahla yakho,

nangolibo lwazo zonke izithelo zakho,

10izinqolobane zakho zigcwale ngobuningi,

nezikhamo zakho zichichime ngewayini elisha.

11Ndodana yami,

ungadeleli ukulaya kukaJehova,

ungakhathazeki ngokusola kwakhe.

12Ngokuba uJehova uyamlaya amthandayo,

njengoyise indodana ayithandayo.

13Ubusisiwe umuntu othola ukuhlakanipha

nomuntu ozuza ingqondo,

14ngokuba inzuzo yakho inhle kunenzuzo yesiliva,

nokutholakalayo kukho kunegolide.

15Kuyigugu kunamarubi,*

nakho konke ongakufisa akunakulinganiswa nakho.

16Ubude bezinsuku busesandleni sakho sokunene,

nakwesokhohlo kukhona ingcebo nodumo.

17Izindlela zakho ziyizindlela zokumnandi;

yonke imikhondo yakho ingukuthula.

18Kungumuthi wokuphila kwabakubambayo,

nababambelela kukho babusisiwe.

19UJehova wasekela umhlaba ngokuhlakanipha;

wamisa amazulu ngokuqonda.

20Ngokwazi kwakhe izintwa zaqhekezwa,

namafu aconsa amazolo.

21Ndodana yami,

lokho makungasuki emehlweni akho,

ugcine ukuhlakanipha namasu,

22kube ngukuphila emphefumulweni wakho

nomusa entanyeni yakho.

23Khona uyakuhamba indlela yakho ngokulondeka,

ungaqhuzuli unyawo lwakho.

24Lapho ulala phansi,

awuyikwesaba lutho;

nanxa usulale phansi,

ubuthongo bakho buyakuba mnandi.

25Ungethuswa luvalo oluzumayo

nokuchithwa kwababi, lapho kufika,

26ngokuba uJehova uyakuba yithemba lakho,

agcine unyawo lwakho ukuba lungabhajwa.

27Ungagodleli abaninikho okuhle,

lapho kusemandleni esandla sakho ukukwenza.

28Ungasho kumakhelwane wakho ukuthi:

“Hamba, ubuye,

ngiyakukunika kusasa,”

lapho kukhona kuwe.

29Ungacebi okubi ngomakhelwane wakho,

lapho ehlezi nawe elondekile.

30Ungaphikisani namuntu ngeze,

uma engakonanga ngalutho.

31Ungabi namhawu ngomuntu oyisidlwangudlwangu,

ungakhethi neyodwa yezindlela zakhe,

32ngokuba ophambeneyo uyisinengiso kuJehova.

kepha abaqotho bayisifuba sakhe.

33Isiqalekiso sikaJehova sisendlini yababi,

kepha uyabusisa ikhaya labalungileyo.

34Izideleli uyazidelela,

kepha abathobekileyo ubapha umusa.

35Abahlakaniphileyo bayakudla ifa lodumo,

kepha iziwula ziyakuphiwa ihlazo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU