Bible Society of South Africa

To The Word – Day 119

2 Kings 11–15, Proverbs 7

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 11

U-Athaliya ubusa kwaJuda. Ukubusa kukaJowashi nokufa kuka-Athaliya

1U-Athaliya unina ka-Ahaziya esebonile ukuthi indodana yakhe ifile, wasuka wachitha yonke imbewu yenkosi. 2Kepha uJehosheba indodakazi yenkosi uJoramu, udadewabo ka-Ahaziya, wamthatha uJowashi indodana ka-Ahaziya, wameba phakathi kwamadodana enkosi abulawayo, yena nomzanyana wakhe, ekamelweni lokulala; bamfihla ebusweni buka-Athaliya, waze wangabulawa. 3Wayenaye ethukusiwe endlini kaJehova iminyaka eyisithupha; u-Athaliya wabusa ezweni.

4Ngomnyaka wesikhombisa uJehoyada wathumela walanda izinduna zamakhulu zamaKhari* nezabalindi, wazingenisa kuye endlini kaJehova, wenza isivumelwano nazo, wazifungisa endlini kaJehova, wazibonisa indodana yenkosi. 5Waziyala wathi: “Nansi into eniyakuyenza: abesithathu kini abangena ngesabatha bayakuba ngabalindi bendlu yenkosi, 6abesithathu babe sesangweni laseSuri, abesithathu babe sesangweni emva kwabalindi, niyilinde nokuyilinda indlu, nidedelane. 7Amaviyo enu amabili, bonke abaphuma ngesabatha, ayakulinda indlu kaJehova enkosini. 8Niyakuyizungeza inkosi nxazonke, yilowo nalowo abe nezikhali zakhe esandleni sakhe; ongena phakathi kwezinhla makabulawe; yibani nenkosi ekuphumeni kwayo nasekungeneni kwayo.”

9Izinduna zamakhulu zenza njengakho konke ukuyala kukaJehoyada umpristi, zathatha, kwaba yileyo naleyo abantu bayo ababeyakungena ngesabatha kanye nababeyakuphuma ngesabatha, zeza kuJehoyada umpristi. 10Umpristi wanikela ezinduneni zamakhulu imikhonto nezihlangu okwakungokwenkosi uDavide, kusendlini kaJehova. 11Abalindi bema, kwaba yilowo nalowo enezikhali zakhe esandleni sakhe, kusukela ohlangothini lokunene lwendlu kuze kube sohlangothini lwesokhohlo lwendlu, ngase-altare nasendlini nxazonke zenkosi.

12Wayeseyikhipha indodana yenkosi, wayifaka umqhele, wayinika ubufakazi, bayibeka inkosi, bayigcoba; bashaya ihlombe, bathi: “Mana njalo, nkosi.”

13U-Athaliya esezwa ukumemeza kwabalindi nokwabantu waya kubantu endlini kaJehova, 14wabuka, bheka, inkosi yayimi ngasensikeni njengomthetho, izikhulu nabamacilongo bengasenkosini; bonke abantu bezwe bathokoza, bakhalisa amacilongo. U-Athaliya wayeseklebhula izingubo zakhe, wamemeza ngokuthi: “Ngugobe! Ngugobe!”

15UJehoyada, umpristi, wayala izinduna zamakhulu ezazibekwe phezu kwempi, wathi kuzo: “Mkhipheni endlini, nimngenise phakathi kwezinhla; omlandelayo nimbulale ngenkemba; ngokuba umpristi wathi: ‘Makangabulawa endlini kaJehova.’ ” 16Base bemdedela nxazombili, wahamba ngendlela yokungena kwamahhashi endlini yenkosi; wabulawa khona.

17UJehoyada wenza isivumelwano phakathi kukaJehova nenkosi nabantu ukuba babe ngabantu bakaJehova, naphakathi kwabantu nenkosi. 18Bonke abantu bezwe baya endlini kaBali, bayibhidliza; ama-altare akhe nezithombe zakhe bakuphahlaza kakhulu, babulala uMathani, umpristi kaBali, phambi kwama-altare. Umpristi wamisela indlu kaJehova ababonisi. 19Wayesethatha izinduna zamakhulu, namaKhari,* nabalindi, nabo bonke abantu bezwe; bayehlisa inkosi endlini kaJehova, baya endlini yenkosi ngendlela yesango labalindi. Yahlala esihlalweni sobukhosi. 20Bonke abantu bezwe bathokoza, umuzi wazola; bambulala u-Athaliya ngenkemba endlini yenkosi. 21UJehowashi wayeneminyaka eyisikhombisa ekuqaleni kwakhe ukubusa.

2 AmaKhosi 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 12

UJehowashi ulungisa ithempeli

1Ngomnyaka wesikhombisa kaJehu uJehowashi waba yinkosi, wabusa iminyaka engamashumi amane eJerusalema; igama likanina lalinguSibiya waseBeri Sheba. 2UJehowashi wenza okulungile emehlweni kaJehova izinsuku zakhe zonke uJehoyada umpristi amfundisa ngazo. 3Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

4UJehowashi wathi kubapristi: “Lonke isiliva lezinto ezingcwele elingeniswa endlini kaJehova, imali eyamukelekayo, imali yilowo nalowo muntu alinganiselwe yona, nemali yonke okuvela enhliziyweni yomuntu ukuba ayilethe endlini kaJehova, 5makuthathwe ngabapristi, kube yilowo nalowo kumngane wakhe, balungise izimfa zendlu, yonke indawo lapho kungafumaniseka khona ufa.”

6Kwathi ngomnyaka wamashumi amabili nantathu wenkosi uJehowashi abapristi babengakazilungisi izimfa zendlu. 7Inkosi uJehowashi yayisibiza uJehoyada umpristi nabanye abapristi, yathi kubo: “Anilungisi ngani izimfa zendlu na? Ngalokho ningabe nisathatha imali yabangane benu, kepha niyinikelele izimfa zendlu.” 8Abapristi bavuma ukuba bangabe besamukela imali kubantu, futhi bangazilungisi izimfa zendlu.

9UJehoyada, umpristi, wayesethatha umphongolo, wabhoboza imbobo esivalweni sawo, wawubeka eceleni kwe-altare ngakwesokunene lapho umuntu engena endlini kaJehova; abapristi abalinda umbundu bafaka khona yonke imali eyalethwa endlini kaJehova. 10Kwathi lapho bebona ukuthi ikhona imali eningi emphongolweni, umbhali wenkosi nompristi omkhulu benyuka, bayibopha, bayibala imali eyafunyanwa endlini kaJehova. 11Banika imali elinganisiweyo ezandleni zabasebenzayo, bengababonisi bendlu kaJehova, bakhokhela ababazi nabakhi ababesebenza endlini kaJehova, 12nabakha ngamatshe, nababaza amatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa izimfa zendlu kaJehova, yebo, konke okwakhishelwa indlu ukuyilungisa.

13Kodwa indlu kaJehova ayenzelwanga izindebe zesiliva, nezizenze, nezitsha, namacilongo, nazo zonke izinto zegolide, nezinto zesiliva ngemali eyalethwa endlini kaJehova, 14ngokuba bayinika abasebenzayo, balungisa ngayo indlu kaJehova. 15Ababalelananga nabantu imali abayibeka ezandleni zabo ukunika abasebenzayo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo. 16Imali yeminikelo yamacala, nemali yeminikelo yezono yayingangeniswa endlini kaJehova, yayingeyabapristi.

UHazayeli uhlasela iJerusalema

17Khona uHazayeli inkosi yase-Aramu wenyuka walwa neGati, walithatha; uHazayeli wabhekisa ubuso bakhe ukwenyukela eJerusalema. 18UJehowashi, inkosi yakwaJuda, wathatha zonke izinto ezingcwele, ezingcwelisiwe ngoJehoshafati noJehoramu no-Ahaziya oyise, amakhosi akwaJuda, nezinto zakhe ezingcwelisiwe, nalo lonke igolide elafunyanwa engcebeni endlini kaJehova nasendlini yenkosi, wakuthuma kuHazayeli inkosi yase-Aramu; wayesesuka eJerusalema.

19Ezinye izindaba zikaJowashi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 20Izinceku zakhe zasuka, zenza ugobe, zambulala uJowashi endlini yaseMilo ekwehleleni eSila. 21UJozakari, indodana kaShimeyati, noJehozabadi indodana kaShomeri, izinceku zakhe, bambulala, wafa; bammbela koyise emzini kaDavide. U-Amasiya, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 13

OJehowahazi noJehowashi bangamakhosi kwa-Israyeli

1Ngomnyaka wamashumi amabili nantathu kaJowashi indodana ka-Ahaziya inkosi yakwaJuda uJehowahazi indodana kaJehu waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesikhombisa. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova, walandela izono zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli, kasukanga kuzo. 3Intukuthelo kaJehova yavuthela u-Israyeli, wabanikela esandleni sikaHazayeli inkosi yase-Aramu nasesandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli sonke lesi sikhathi.

4UJehowahazi wakhuleka kuJehova, uJehova wamuzwa, ngokuba wabona ukucindezelwa kuka-Israyeli ukuthi inkosi yase-Aramu yayibacindezela. 5UJehova wanika u-Israyeli umsindisi, baphuma phansi kwesandla sama-Aramu; abantwana bakwa-Israyeli bahlala ematendeni abo njengakuqala. 6Nokho abasukanga ezonweni zendlu kaJerobowamu onisa ngazo u-Israyeli, kepha bahamba kuzo; naye u-Ashera* wasala eSamariya.

7Ngokuba akashiyanga abantu kuJehowahazi, kuphela abamahhashi abangamashumi ayisihlanu, nezinqola eziyishumi, nemigundatshani eyizinkulungwane eziyishumi, ngokuba inkosi yase-Aramu yabachitha, yabenza baba njengothuli ekubhuleni.

8Ezinye izindaba zikaJehowahazi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 9UJehowahazi wayeselala koyise; bammbela eSamariya; uJowashi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

10Ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJehowashi, indodana kaJehowahazi, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha. 11Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga kuzo zonke izono zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli, kodwa wahamba kuzo.

12Ezinye izindaba zikaJowashi, nakho konke akwenzayo, namandla akhe alwa ngawo no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 13UJowashi wayeselala koyise; uJerobowamu wahlala esihlalweni sakhe sobukhosi; uJowashi wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli.

Ukugula nokufa kuka-Elisha

14U-Elisha esegula ngesifo afa ngaso, uJowashi inkosi yakwa-Israyeli wehlela kuye, wamkhalela wathi: “Baba, Baba, nqola ka-Israyeli nabamahhashi bakhe!”

15U-Elisha wathi kuye: “Thatha umnsalo nemicibisholo.” Wathatha-ke umnnsalo nemicibisholo. 16Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Beka isandla sakho emnsalweni.” Yabeka-ke isandla sayo. U-Elisha wabeka izandla zakhe phezu kwezandla zenkosi.

17Wathi: “Vula ifasitele ngasempumalanga.” Yalivula. Wayesethi u-Elisha: “Cibishela.” Yacibishela-ke. Wathi: “Ngumcibisholo kaJehova wokusindisa, umcibisholo wokusindiswa kuma-Aramu, ngokuba uyakubulala ama-Aramu e-Afeki, uwaqede.”

18Wayesethi: “Thatha imicibisholo.” Yayithatha-ke. Wathi enkosini yakwa-Israyeli: “Shaya emhlabathini.” Yashaya kathathu, yayeka. 19Lowo muntu kaNkulunkulu wayithukuthelela, wathi: “Uma ubushaye kahlanu noma kayisithupha, wawulahlulile i-Aramu waze waliqeda, kepha manje uyakulahlula i-Aramu kathathu kuphela.”

20Wayesefa u-Elisha, bammbela. Amaviyo akwaMowabi angenela izwe ngasekwethwaseni komnyaka. 21Kwathi lapho besammbela umuntu othile, bheka, babona iviyo; bamlahla umuntu ethuneni lika-Elisha. Lowo muntu wanele ukuthinta nje amathambo ka-Elisha, waphila, wema ngezinyawo zakhe.

Ama-Aramu ayahlulwa

22UHazayeli inkosi yase-Aramu wayecindezele u-Israyeli zonke izinsuku zikaJehowahazi. 23Kodwa uJehova wayenomusa kubo, wayenesihe kubo, wabanakekela ngenxa yesivumelwano sakhe no-Abrahama no-Isaka noJakobe, akathandanga ukubachitha, futhi wayengakabalahli ebusweni bakhe.

24UHazayeli inkosi yase-Aramu wafa; uBeni Hadadi indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe. 25UJehowashi indodana kaJehowahazi wabuye waphuca esandleni sikaBeni Hadadi indodana kaHazayeli leyo mizi ayaphucile esandleni sikaJehowahazi uyise ngokulwa. UJowashi wamahlula kathathu, wabuyisa imizi yakwa-Israyeli.

2 AmaKhosi 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 14

U-Amasiya uyinkosi kwaJuda. UJerobowamu wesibili uyinkosi kwa-Israyeli

1Ngomnyaka wesibili kaJowashi indodana kaJehowahazi inkosi yakwa-Israyeli u-Amasiya indodana kaJowashi inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amabili nesishiyagalolunye eJerusalema; igama likanina lalinguJehohadini waseJerusalema. 3Wenza okulungile emehlweni kaJehova, kungenjengoDavide uyise kodwa; wenza njengakho konke uJowashi uyise akwenzileyo. 4Kepha izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5Kwathi lapho umbuso usuqinisiwe esandleni sakhe, wazibulala izinceku zakhe ezaziyibulele inkosi uyise. 6Kepha abantwana bababulali akababulalanga njengokulotshiweyo encwadini yomthetho kaMose njengokuyala kukaJehova ngokuthi: “Oyise abayikubulawa ngenxa yabantwana, nabantwana abayikubulawa ngenxa yawoyise, kepha yilowo nalowo uyakufa ngesakhe isono.”

7Wabulala ku-Edomi esiGodini sikaSawoti abayizinkulungwane eziyishumi, wathatha iSela ngokulwa, waliqamba igama lokuthi iJokiteyeli kuze kube namuhla.

8Khona u-Amasiya wathuma izithunywa kuJehowashi indodana kaJehowahazi kaJehu, inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “Woza sibhekane ubuso nobuso.”

9UJehowashi inkosi yakwa-Israyeli wathumela ku-Amasiya inkosi yakwaJuda, wathi: “Isihlahla somkhaya saseLebanoni sathumela kumsedari* waseLebanoni, sathi: ‘Nika indodana yami indodakazi yakho ibe ngumkayo.’ Kwadlula isilo sasendle saseLebanoni, sanyathela phansi isihlahla somkhaya. 10Umchithile impela u-Edomi; inhliziyo yakho ikuphakamisile; dumiseka ngakho, uhlale ekhaya; uzilebelani ukuba uwe wena, noJuda ekanye nawe, na?”

11Kepha u-Amasiya akalalelanga. Wayesenyuka uJehowashi inkosi yakwa-Israyeli; yena no-Amasiya inkosi yakwaJuda babhekana ubuso nobuso eBeti Shemeshi elingelakwaJuda. 12UJuda wahlulwa phambi kuka-Israyeli; babaleka, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. 13UJehowashi, inkosi yakwa-Israyeli, wambamba u-Amasiya inkosi yakwaJuda, indodana kaJehowashi, ka-Ahaziya, eBeti Shemeshi, wafika eJerusalema, wadiliza ugange lwaseJerusalema, kusukela eSangweni lakwa-Efrayimi kuze kube seSangweni laseGumbini, izingalo ezingamakhulu amane. 14Wathatha lonke igolide nesiliva, nazo zonke izitsha ezafunyanwa endlini kaJehova nasengcebeni endlini yenkosi, nabayisibambiso, wabuyela eSamariya.

15Ezinye izindaba zikaJehowashi azenzayo, namandla akhe, nempi yakhe no-Amasiya inkosi yakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 16UJehowashi wayeselala koyise, wembelwa eSamariya namakhosi akwa-Israyeli; uJerobowamu indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

17U-Amasiya, indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, wayesekhona emva kokufa kukaJehowashi indodana kaJehowahazi, inkosi yakwa-Israyeli, iminyaka eyishumi nanhlanu. 18Ezinye izindaba zika-Amasiya angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

19Bamenzela ugobe eJerusalema; wabalekela eLakishi, kepha bathumela bamlanda eLakishi, bambulala khona. 20Bamthwala ngamahhashi; wembelwa eJerusalema koyise emzini kaDavide.

21Bonke abantu bakwaJuda bathatha u-Azariya owayeneminyaka eyishumi nesithupha, bambeka inkosi esikhundleni sikayise u-Amasiya. 22Wakha i-Elati, walibuyisela kuJuda, inkosi isilele koyise.

23Ngomnyaka weshumi nanhlanu ka-Amasiya indodana kaJowashi, inkosi yakwaJuda, uJerobowamu indodana kaJowashi, inkosi yakwa-Israyeli, waba yinkosi eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amane nanye. 24Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zonke zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli. 25Wabuyisa umkhawulo wakwa-Israyeli kusukela ekuyeni eHamati kuze kube seLwandle lwase-Araba; njengezwi likaJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli, alikhulumayo ngesandla senceku yakhe uJona indodana ka-Amithayi, umprofethi waseGati Heferi.

26Ngokuba uJehova wabona ukuhlupheka kuka-Israyeli ukuthi kwakumunyu kakhulu, abancane nabakhulu baphela amandla, kungekho omsizayo u-Israyeli. 27UJehova akashongo ukuthi uyakwesula igama lika-Israyeli phansi kwezulu, kepha wabasindisa ngesandla sikaJerobowamu indodana kaJowashi.

28Ezinye izindaba zikaJerobowamu, nakho konke akwenzayo, namandla akhe, nokulwa kwakhe, nokubuyisela kwakhe ku-Israyeli iDamaseku neHamati elalingelakwaJuda, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 29UJerobowamu wayeselala koyise, amakhosi abakwa-Israyeli; uZakariya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 15

U-Azariya uyinkosi kwaJuda

1Ngomnyaka wamashumi amabili nesikhombisa kaJerobowamu inkosi ka-Israyeli u-Azariya indodana ka-Amasiya inkosi yakwaJuda waba yinkosi. 2Wayeneminyaka eyishumi nesithupha ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nambili eJerusalema; igama likanina lalinguJekoliya waseJerusalema. 3Wenza okulungile emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise u-Amasiya. 4Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo.

5UJehova wayishaya inkosi, yaba ngonochoko kwaze kwafika usuku lokufa kwayo, yahlala endlini eyahlukanisiweyo. UJothamu, indodana yenkosi, wayephezu kwendlu ahlulela abantu bezwe.

6Ezinye izindaba zika-Azariya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 7U-Azariya wayeselala koyise; bammbela koyise emzini kaDavide; uJothamu, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

Amanye amakhosi akwa-Israyeli

8Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalombili ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uZakariya, indodana kaJerobowamu, wayeyinkosi kwa-Israyeli eSamariya izinyanga eziyisithupha. 9Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho benzile oyise, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu, indodana kaNebati, onisa ngazo u-Israyeli.

10UShalumi, indodana kaJabeshi, wamenzela ugobe, wamgenca phambi kwabantu, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

11Ezinye izindaba zikaZakariya, bheka, zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli. 12Yilelo izwi likaJehova alikhuluma kuJehu ngokuthi: “Amadodana akho kuze kube sesizukulwaneni sesine ayakuhlala esihlalweni sakwa-Israyeli.” Kwaba njalo.

13UShalumi indodana kaJabeshi waba yinkosi ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Uziya inkosi yakwaJuda, wabusa inyanga eSamariya. 14UMenahemu, indodana kaGadi, wenyuka eTirisa, wafika eSamariya, wagenca uShalumi, indodana kaJabeshi, eSamariya, wambulala, wabusa esikhundleni sakhe.

15Ezinye izindaba zikaShalumi nogobe lwakhe alwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

16Ngaleso sikhathi uMenahemu wachitha iThifisa, nakho konke okwakukulo, nemikhawulo yalo, kusukela eTirisa; ngokuba bengamvulelanga, ngalokho walichitha; nabo bonke abesifazane abakhulelweyo abakulo wabaqaqa.

17Ngomnyaka wamashumi amathathu nesishiyagalolunye ka-Azariya inkosi yakwaJuda uMenahemu indodana kaGadi waba yinkosi kwa-Israyeli, wabusa iminyaka eyishumi eSamariya. 18Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga zonke izinsuku zakhe ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

19Kwafika ukuhlasela izwe uPhuli inkosi yase-Asiriya; uMenahemu wamnika uPhuli amatalenta* ayinkulungwane esiliva ukuba isandla sakhe sibe naye ukuwuqinisa umbuso esandleni sakhe. 20UMenahemu wakhiphisa u-Israyeli imali, bonke abantu abacebileyo, kwaba yilowo nalowo amashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva ukuwanika inkosi yase-Asiriya. Yayisibuyela emuva inkosi yase-Asiriya, ayihlalanga khona ezweni.

21Ezinye izindaba zikaMenahemu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli na? 22UMenahemu wayeselala koyise; uPhekaya waba yinkosi esikhundleni sakhe.

23Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu ka-Azariya inkosi yakwaJuda, uPhekaya, indodana kaMenahemu, waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka emibili. 24Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli. 25UPheka, indodana kaRemaliya, induna yakhe wamenzela ugobe, wamgenca eSamariya enqabeni yendlu yenkosi kanye no-Arigobi no-Ariye; wayenabantu bakwaGileyadi abangamashumi ayisihlanu; wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

26Ezinye izindaba zikaPhekaya nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

27Ngomnyaka wamashumi ayisihlanu nambili ka-Azariya inkosi yakwaJuda uPheka indodana kaRemaliya waba yinkosi kwa-Israyeli eSamariya, wabusa iminyaka engamashumi amabili. 28Wenza okubi emehlweni kaJehova, kasukanga ezonweni zikaJerobowamu indodana kaNebati onisa ngazo u-Israyeli.

29Emihleni kaPheka inkosi yakwa-Israyeli kwafika uThigilati Phileseri inkosi yase-Asiriya, wathatha i-Ijoni, ne-Abela Beti Mahakha, neJanowa, neKedeshi, neHasori, neGileyadi, neGalile, lonke izwe lakwaNafetali, wabathumbela e-Asiriya. 30UHosheya, indodana ka-Ela, wamenzela ugobe uPheka indodana kaRemaliya, wamgenca, wambulala, waba yinkosi esikhundleni sakhe ngomnyaka wamashumi amabili kaJothamu indodana ka-Uziya.

31Ezinye izindaba zikaPheka nakho konke akwenzayo, bheka, kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwa-Israyeli.

32Ngomnyaka wesibili kaPheka indodana kaRemaliya, inkosi yakwa-Israyeli, uJothamu indodana ka-Uziya, inkosi yakwaJuda, waba yinkosi. 33Wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nesithupha eJerusalema; igama likanina lalinguJerusha, indodakazi kaSadoki. 34Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wenza njengakho konke akwenzileyo uyise u-Uziya. 35Nokho izindawo eziphakemeyo azisuswanga; abantu babesahlaba, besashisa impepho ezindaweni eziphakemeyo. Wakha isango lasenhla endlini kaJehova.

36Ezinye izindaba zikaJothamu nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 37Ngalezo zinsuku uJehova waqala ukuthuma kuJuda uResini, inkosi yase-Aramu noPheka indodana kaRemaliya. 38UJothamu wayeselala koyise, wembelwa koyise emzini kaDavide; u-Ahazi, indodana yakhe, waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 7

1Ndodana yami, gcina amazwi ami,

uzibekelele imiyalo yami.

2Gcina imiyalo yami, uphile,

nomthetho wami njengenhlamvu yeso lakho.

3Yibophe eminweni yakho,

uyilobe esibhebheni senhliziyo yakho.

4Yisho kukho ukuhlakanipha:

“Ungudadewethu,”

ubize ukuqonda ngokuthi owazana nawe,

5ukuze bakugcine kowesifazane ondindayo,

kumfokazi owenza bushelezi amazwi akhe.

6Ngokuba efasiteleni lendlu yami ngalunguza eheleni lami,

7ngabheka phakathi kwabangenalwazi,

ngabona phakathi kwabasha insizwa engenakuqonda,

8edlula esitaladini eduze negumbi lakhe.

iya endleleni yendlu yakhe,

9sekuhwelela kusihlwa,

esigayegayeni sobusuku nobumnyama.

10Bheka,

isihlangabezwa ngowesifazane;

izingubo zakhe zingezesifebe,

enobuqili enhliziyweni.

11Uyanyakaza engenakuthula;

izinyawo zakhe azihlali endlini yakhe;

12manje usemigwaqweni,

nangu usezigcawini,

uqamekela emagumbini onke.

13Useyayibamba, uyayanga;

uthwala amehlo, uthi kuyo:

14“Imihlatshelo yeminikelo yokuthula yayingifanele;

namuhla sengigcwalisile izithembiso zami.

15Ngalokho ngiphumile ukukuhlangabeza

ukuba ngifunisise ubuso bakho;

sengikutholile.

16Ngendlele umbhede wami ngezindwangu zokumboza,

nelineni elinemishwe laseGibithe.

17Ngifafazile umbhede wami ngemure,* nangomhlaba,

nangokinamona.*

18Woza sizanelise ngothando kuze kuse,

sijabule ngokuthandana.

19Ngokuba indoda yami ayikho ekhaya;

ihambile uhambo olude;

20yaphatha isikhwama semali ngesandla sayo;

iyakubuyela ekhaya ngosuku lokuhlangana kwenyanga.”

21Uyamphambukisa ngamazwi akhe amaningi amahle;

ngokuthopha kwezindebe zakhe uyamyenga.

22Uyamlandela masinyane njengenkabi iya ekuhlatshweni

nanjengamaketanga ehlela isiboshwa esiyisiwula,

23umcibisholo uze uhlabe isibindi sakhe

njengenyoni isheshela ogibeni,

ingazi ukuthi lubekelwe ukuphila kwayo.

24Ngalokho, bantwana, ngizweni,

nilalele amazwi omlomo wami.

25Inhliziyo yakho mayingaphambukeli ezindleleni zakhe,

ungahambi emikhondweni yakhe.

26Ngokuba uwisile phansi abaningi abalimeleyo;

ababuleweyo bakhe bayisixuku esikhulu.

27Indlu yakhe iyindlela eya endawemi yabafileyo,

yehlela emakamelweni okufa.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU