Bible Society of South Africa

To The Word – Day 12

Genesis 42–47

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 42

Uhambo lokuqala lwabafowabo bakaJosefa beya eGibithe

1UJakobe esezwile ukuthi kukhona amabele eGibithe, uJakobe wathi emadodaneni akhe: “Nibukanelani na?” 2Wathi: “Bhekani, ngizwile ukuthi kukhona amabele eGibithe; yehlani, niye lapho, nisithengele khona, ukuze siphile, singafi.”

3Base behla abafowabo bakaJosefa abayishumi, baya kuthenga amabele eGibithe. 4Kepha uBenjamini umfowabo kaJosefa uJakobe akamthumanga nabafowabo, ngokuba wathi: “Angahle ehlelwe ngokubi.” 5Ayesefika amadodana ka-Israyeli ukuthenga phakathi kwalabo ababefika, ngokuba kwakukhona indlala ezweni laseKhanani.

6UJosefa wayengumbusi ezweni; nguyena owathengisela abantu bonke bezwe; bafika-ke abafowabo bakaJosefa, bamkhothamela ngobuso phansi. 7UJosefa wabona abafowabo, wabazi, kepha wazishaya ongabaziyo kubo, wakhuluma kalukhuni kubo, wathi kubo: “Nivelaphi na?”

Bathi: “Sivela ezweni laseKhanani, size ukuthenga ukudla.”

8UJosefa wabazi abafowabo, kepha bona abamazanga. 9UJosefa wayesekhumbula amaphupho awaphupha ngabo, wathi kubo: “Niyizinhloli; nize ukubona ubuze bezwe.”

10Bathi kuye: “Qha, nkosi, izinceku zakho zize ukuba zithenge ukudla. 11Sonke singamadodana andodanye; singabantu abaqotho; izinceku zakho aziyizo izinhloli.”

12Wathi kubo: “Qhabo, nize ukubona ubuze bezwe.”

13Base bethi kuye: “Thina zinceku zakho ziyizelamani eziyishumi nambili, amadodana andodanye ezweni laseKhanani; bheka, encane ikubaba manje, enye ayisekho.”

14UJosefa wathi kubo: “Yikho lokhu engikushilo kini ukuthi niyizinhloli. 15Niyakuvivinywa ngalokhu, kuphila kukaFaro, aniyikumuka lapha, kuphela uma umfowenu omncane efika lapha. 16Thumani omunye wenu, amlande umfowenu; nizakuboshwa, ukuze kuvivinywe amazwi enu ukuba iqiniso likini yini; uma kungenjalo, kuphila kukaFaro, niyizinhloli.” 17Wababutha bonke ukuba balindwe izinsuku ezintathu.

18Wayesethi kubo uJosefa ngosuku lwesithathu: “Yenzani lokhu, niphile, ngokuba ngiyamesaba uNkulunkulu. 19Uma ningabaqotho, makuboshwe omunye wabafowenu endlini yokulindwa kwenu, kepha hambani nina, nibuyele namabele endlala yezindlu zenu, 20nilethe umfowenu omncane kimi, kuqiniswe amazwi enu, nize ningafi.” Benze njalo.

21Base bethi omunye komunye: “Impela sitholile icala ngomfowethu, njengokuba sabona usizi lwenhliziyo yakhe, esincenga, kasamlalela; ngalokho lolu sizi selufike phezu kwethu.”

22URubeni wabaphendula wathi: “Angikhulumanga yini kini ukuthi: ‘Ningamoni umfana,’ kanangilalela, na? Bhekani, ngalokho seliyabizwa igazi lakhe.” 23Babengazi ukuthi uJosefa uyabezwa, ngokuba kwakukhona ihumusha phakathi kwabo.

24Wabafulathela, wakhala; wabuye waphendukela kubo, wakhuluma nabo; wayesemsusa uSimeyoni phakathi kwabo, wambopha phambi kwamehlo abo.

25UJosefa wayeseyala ukuba amasaka abo agcwaliswe ngamabele, kubuyiselwe imali yalowo nalowo esakeni lakhe, baphiwe umphako endleleni; kwenziwa njalo kubo. 26Base bethwesa izimbongolo zabo ngamabele abo, bamuka khona.

27Kwathi omunye evula isaka lakhe ukuba ayinike imbongolo yakhe ukudla endlini yezihambi, wabona imali yakhe; bheka, yayisemlonyeni wesaka lakhe. 28Wayesethi kubafowabo: “Imali yami ibuyiselwe; bhekani, isesakeni lami.” Baphela amandla, babhekana omunye nomunye bethuthumela, bethi: “Kuyini lokhu uNkulunkulu asenzele khona na?”

29Bafika-ke kuJakobe uyise ezweni laseKhanani, bamtshela konke okubehleleyo, bathi: 30“Lowo muntu, inkosi yezwe, ukhulume kalukhuni kithina, wasishaya izinhloli zezwe. 31Sase sithi kuye: ‘Singabaqotho; asiyizo izinhloli; 32siyizelamani eziyishumi nambili, amadodana kababa; enye ayisekho, encane ikubaba ezweni laseKhanani manje.’

33“Lowo muntu, inkosi yezwe, wayesethi kithi: ‘Ngalokhu ngiyokwazi ukuthi ningabaqotho: shiyani kimi omunye wabafowenu, niphathele indlala yezindlu zenu ukudla, nimuke, 34nilethe kimi umfowenu omncane; yikhona ngiyokwazi ukuthi aniyizo izinhloli kepha ningabaqotho, ngininike umfowenu, nihambe izwe.’ ”

35Kwathi sebethulula amasaka abo, bheka, isikhwama semali salowo nalowo sasisesakeni lakhe; lapho bona noyise bebona izikhwama zabo zemali, bashaywa luvalo. 36UJakobe uyise wayesethi kubo: “Niyangaphuca abantwana bami; uJosefa akasekho, noSimeyoni kasekho; senizakuthatha noBenjamini; kuphezu kwami konke lokhu.”

37Wayesekhuluma uRubeni kuyise, ethi: “Bulala amadodana ami omabili, uma ngingambuyiseli kuwe; mnikele esandleni sami, ngizakumbuyisela kuwe.”

38Wathi: “Indodana yami ayiyikwehla nani, ngokuba umfowabo ufile, kusele yona yodwa; uma yehlelwa yingozi endleleni eniyihambayo, niyakwehlisela endaweni yabafileyo izimvi zami ngosizi.”

UGenesise 42ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 43

Uhambo lwesibili lwabafowabo bakaJosefa beya eGibithe

1Indlala yayinzima ezweni. 2Kwathi sebeqedile amabele ababewathengile eGibithe, uyise wathi kubo: “Buyelani, nisithengele ukudlana.”

3UJuda wakhuluma kuye, wathi: “Lowo muntu wagoma nokugoma kithina, wathi: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ 4Uma umthuma nathi umfowethu, sizakwehla, sithenge ukudla; 5kepha uma ungamthumi, asizukwehla, ngokuba lowo muntu wathi kithina: ‘Aniyikubona ubuso bami, kuphela uma umfowenu enani.’ ”

6Wayesethi u-Israyeli: “Ningenzeleni okubi ngokumtshela lowo muntu ukuthi ukhona omunye umfowenu na?”

7Bathi: “Wabuza nokubuza lowo muntu ngathi nangezihlobo zethu, wathi: ‘Usekhona uyihlo na? Ninomunye umfowenu na?’ Samlandisa njengalawa mazwi; sasingakwazi kanjani ukuba uyakuthi: ‘Yehlisani umfowenu,’ na?”

8UJuda wathi ku-Israyeli uyise: “Thuma umfana nami, size sisuke, sihambe ukuba siphile, singafi, thina nawe kanye nezingane zethu. 9Mina ngiyakuba yisibambiso sakhe; uzakumbiza esandleni sami; uma ngingambuyiseli kuwe, ngimbeke ebusweni bakho, ngiyakuba necala kuze kube phakade, 10ngokuba uma sasingalibalanga, impela nga sesibuyile manje ngokwesibili.”

11Uyise u-Israyeli wayesethi kubo: “Uma kunjalo, yenzani lokhu; phathani izithelo ezikhethiweyo zezwe emasakeni enu, nimehlisele lowo muntu isipho, ibhalisamu* eliyingcosana, nezinyosi eziyingcosana, namakha, nemure,* namapisitakiyo,* nama-alimondi,* 12niphathe esandleni senu imali iphindwe kabili; naleyo mali eyabuyiselwa emilonyeni yamasaka enu, niyihambise ngesandla senu; mhlawumbe kwenzeka iphutha. 13Nithathe futhi umfowenu, nisuke nibuyele kulowo muntu. 14UNkulunkulu uSomandla aniphe umusa ebusweni balowo muntu, ukuze anikhululele umfowenu lowo omunye kanye noBenjamini; kepha mina, uma ngaphucwa abantwana, ngiyaphucwa.”

15Amadoda ayesethatha leso sipho nemali ephindwe kabili esandleni sawo kanye noBenjamini, asuka ehlela eGibithe, ema ebusweni bukaJosefa. 16UJosefa esembona uBenjamini enabo, wathi kophezu kwendlu yakhe: “Ngenisa lawa madoda endlini, uhlabe, ulungise, ngokuba lawa madoda ayakudla nami emini.”

17Lowo muntu wenza njengalokho eshilo uJosefa; inceku yawangenisa amadoda endlini kaJosefa. 18Amadoda esaba, ngokuba angeniswa endlini kaJosefa, athi: “Singeniswe lapha ngenxa yemali eyabuyiselwa emasakeni ethu kuqala ukuba asizume, asehlele, asenze izigqila kanye nezimbongolo zethu.”

19Asondela-ke encekwini yendlu kaJosefa, akhuluma kuyo ngasemnyango wendlu, 20athi: “O nkosi, ngempela safika kuqala ukuthenga ukudla. 21Kwathi sesifike endlini yezihambi, savula amasaka ethu; bheka, imali yalowo nalowo yayisemlonyeni wesaka lakhe, imali yethu ngokulinganiswa kwayo; sesiyibuyisile ngesandla sethu. 22Sehle nenye imali esandleni sethu ukuba sithenge ukudla; asazi ukuthi ngubani owayifaka imali yethu emasakeni ethu.”

23Yayisithi kubo: “Ukuthula makube kinina; ningesabi; uNkulunkulu wenu noNkulunkulu kayihlo uniphe igugu emasakeni enu; imali yenu ngayithola.” Yaphumisa uSimeyoni, yamletha kubo.

24Inceku yayisingenisa amadoda endlini kaJosefa, yawanika amanzi; ageza izinyawo zawo; yazipha izimbongolo zawo ukudla. 25Alungisela uJosefa isipho, ezofika emini, ngokuba ayezwile ukuthi ayakudla khona.

26UJosefa esefike ekhaya, ayisa kuye endlini isipho esasisesandleni sawo, akhothamela phansi kuye. 27Wabuza impilo yabo, wathi: “Usaphila uyihlo, ixhegu enanikhuluma ngalo, na? Usekhona na?”

28Bathi-ke: “Inceku yakho ubaba isaphila, isekhona.” Bamkhothamela, bamkhonza.

29Wayesephakamisa amehlo akhe, wambona uBenjamini umfowabo, indodana kanina, wathi: “Nguye lo ongumfowenu omncane enakhuluma ngaye kimi na?” Wathi: “UNkulunkulu makabe nomusa kuwe ndodana yami.” 30Wakhawuleza uJosefa, ngokuba ngaphakathi kwakhe kwavutha isihe ngomfowabo; wafuna lapho angakhala khona, wangena ekamelweni lakhe, wakhala khona.

31Wageza ubuso bakhe, waphuma; wazibamba, wathi: “Lethani ukudla.”

32Bambekela ukudla ngokwakhe, nalabo ngokwabo, nabaseGibithe abadla naye ngokwabo, lokhu abaseGibithe bangedle namaHeberu, ngokuba kuyanengeka kubo abaseGibithe. 33Bahlala phambi kwakhe, izibulo njengobuzibulo balo nomncane njengobuncane bakhe; abantu bamangala omunye nomunye. 34Wabathathela izabelo kulokho okwakuphambi kwakhe, kepha isabelo sikaBenjamini saphindwa kahlanu silinganiswa nesabo. Baphuza, bathokoza naye.

UGenesise 43ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 44

UJosefa uyavivinya abafowabo

1Wayala inceku yendlu yakhe, wathi: “Gcwalisa amasaka alawa madoda ngokudla okulingene namandla abo okuthwala, ufake imali yalowo nalowo emlonyeni wesaka lakhe. 2Ufake indebe yami, indebe yesiliva, emlonyeni wesaka lomncane kanye nemali yamabele akhe.” Yenza-ke njengezwi likaJosefa alishilo.

3Ngakusasa nxa sekusile, amadoda amukiswa, wona nezimbongolo zawo. 4Esephumile emzini, engakabi kude, uJosefa wathi encekwini yakhe: “Suka ulandele lawo madoda; nxa uwafica, yisho kuwo ukuthi: ‘Niphindiseleni okuhle ngokubi na? 5Lena akusiyo indebe inkosi yami ephuza ngayo, ebhula ngayo, na? Nenze kabi ngokwenze njalo.’ ”

6Yawafica, yakhuluma kuwo lawa mazwi. 7Ayesethi kuyo: “Inkosi yami ikhulumelani amazwi anjengalawa? Akube kude nezinceku zakho ukwenze njalo. 8Bheka, imali esayifumana emilonyeni yamasaka ethu sayibuyisa ezweni laseKhanani, sayiletha kuwe; pho, besingeba kanjani endlini yenkosi yakho isiliva noma igolide na? 9Lowo wasezincekwini zakho eyakutholwa kuye, makafe yena, thina sibe yizigqila zenkosi yami.”

10Yathi: “Kalokhu makube njengamazwi enu; lowo ezakutholakala kuye makabe yisigqila sami, nina ningabi nacala.”

11Ayeseshesha ukwehlisela phansi, kwaba yileyo naleyo isaka layo, yileyo naleyo yavula isaka layo. 12Yanyalula, yaqala ngenkulu yagcina ngencane; indebe yatholwa esakeni likaBenjamini. 13Ayeseklebhula izingubo zawo, yileyo naleyo yethwesa imbongolo yayo, abuyela emzini.

14UJuda nabafowabo bafika endlini kaJosefa; wayesekhona lapho; bawa phansi phambi kwakhe. 15UJosefa wayesethi kubo: “Isenzo sini lesi enisenzileyo na? Beningazi yini ukuthi umuntu onjengami angabhula nokubhula na?”

16Wathi uJuda: “Sizakuthini enkosini yami na? Sizakukhulumani? Sizakuzihlanguza kanjani? UNkulunkulu ufumene ububi bezinceku zakho; bheka, siyizigqila zenkosi yami thina naye etholakele esandleni sakhe indebe.”

17Wathi: “Makube kude kimi ukwenze njalo; umuntu etholakele esandleni sakhe indebe uyakuba yisigqila sami, kepha nina manihambe kahle, nenyuke, niye kuyihlo.”

18UJuda wayesesondela kuye, ethi: “O nkosi yami, inceku yakho mayikhulume izwi ezindlebeni zenkosi yami, ungavuthi ulaka ngenceku yakho, ngokuba ungangoFaro wena. 19Inkosi yami yabuza izinceku zayo, yathi: ‘Ninoyihlo, ninomfowenu, na?’ 20Sase sithi enkosini yami: ‘Sinobaba, ixhegu, nomntwana wobuxhegu bakhe omncane; umnewabo ufile, usesele yedwa kwabakanina; uyise uyamthanda.’

21“Wawusuthi ezincekwini: ‘Mehliseni kimi ukuba ngimbone ngamehlo ami.’ 22Sathi enkosini: ‘Umfana akanakumshiya uyise; uma emshiya, uyise uzakufa.’ 23Wathi wena ezincekwini zakho: ‘Uma umfowenu omncane engehli nani, anisayikubuye nibone ubuso bami.’ 24Kwathi sesikhuphukele encekwini yakho ubaba, samlandisa amazwi enkosi.

25“Wathi ubaba: ‘Buyelani, nisithengele ukudlana.’ 26Sathi thina: ‘Asinakwehla. Uma umfowethu omncane enathi, siyakwehla, ngokuba asinakubona ubuso balowo muntu, uma umfowethu omncane engenathi.’

27“Yayisithi kithi inceku yakho ubaba: ‘Niyazi ukuthi umkami wangizalela amadodana amabili. 28Enye yaphuma kimi; ngathi: Impela idatshuliwe nokudatshulwa; angiyiboni kuze kube manje. 29Nanxa nithatha nalena, niyisuse kimi, yehlelwa yingozi, niyakwehlisela izimvi zami endaweni yabafileyo ngosizi.’

30“Kalokhu nxa ngifika encekwini yakho ubaba, umfana engenathi, lokhu inhliziyo yakhe ibambelele enhliziyweni yomfana, 31kuzakuthi lapho ebona ukuthi umfana akakho, afe, izinceku zakho zibe zehlisela endaweni yabafileyo izimvi zenceku yakho ubaba ngosizi. 32Ngokuba inceku yakho yaba yisibambiso somfana kubaba, yathi: ‘Uma ngingambuyiseli kuwe, ngiyakuba necala kubaba kuze kube phakade.’

33“Ngalokho inceku yakho ake ihlale esikhundleni somfana, ibe yisigqila senkosi, umfana akhuphuke nabafowabo. 34Ngokuba ngingakhuphukela kanjani kubaba, umfana engenami, funa ngibone okubi okuzakumehlela ubaba, na?”

UGenesise 44ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 45

UJosefa uyaziveza kubafowabo

1Khona uJosefa wayengasenakuzibamba phambi kwabo bonke ababemi naye, wakhala wathi: “Phumisani kimi abantu bonke.” Kwakungemi muntu naye, uJosefa esazazisa kubafowabo. 2Wayesephakamisa izwi ngokukhala, abaseGibithe bakuzwa, nendlu kaFaro yakuzwa.

3Wathi uJosefa kubafowabo: “NginguJosefa; ubaba usekhona na?” Abafowabo babengenakumphendula, ngokuba bashaqeka ebusweni bakhe.

4UJosefa wayesethi kubafowabo: “Ake nisondele kimi.” Basondela-ke. Wayesethi: “NginguJosefa umfowenu enathengisa ngaye eGibithe. 5Manje ningabi buhlungu, ningazithukutheleli ukuthi nathengisa ngami lapha, ngokuba uNkulunkulu wangithuma phambi kwenu ukulondoloza impilo. 6Ngokuba isimibili iminyaka indlala ikhona ezweni; kusasele iminyaka eyisihlanu okungayikulinywa, kuvunwe ngayo. 7UNkulunkulu wangithuma ngaphambi kwenu ukunilondoloza, nibe yinsali emhlabeni, nisindiswe kube ngukukhululwa okukhulu.

8“Kalokhu akuyinina enangithuma lapha, kepha uNkulunkulu; ungibeke uyise kaFaro, nenkosi yendlu yakhe yonke, nombusi wezwe lonke laseGibithe. 9Sheshani nikhuphuke, niye kubaba, nithi kuye: ‘Uthe uJosefa indodana yakho: UNkulunkulu ungibeke inkosi yalo lonke iGibithe; yehla, uze kimi, ungalibali. 10Uyakuhlala ezweni laseGosheni, ube seduze nami, wena nabantabakho, nabantwana babantabakho, nezimvu zakho, nezinkomo zakho, nakho konke onakho, 11ngikondlele khona, ngokuba kuseyiminyaka eyisihlanu yendlala, funa uswele, wena nomuzi wakho, nakho konke onakho.’

12“Bhekani, amehlo enu ayabona kanye namehlo omfowethu uBenjamini ukuthi yiwo umlomo wami okhuluma kinina. 13Niyakumlandisa ubaba yonke inkazimulo yami eGibithe, nakho konke enikubonileyo, nisheshe nehlise ubaba, nimlethe lapha.”

14Wayesewa entanyeni yomfowabo uBenjamini, wakhala; noBenjamini wakhala ngasentanyeni yakhe. 15Wabanga bonke abafowabo, wakhalela kubo; emva kwalokho abafowabo bakhuluma naye.

Abafowabo bakaJosefa babuyela ekhaya

16Leli zwi lezwakala endlini kaFaro, lithi: “Abafowabo bakaJosefa bafikile.” Kwaba kuhle emehlweni kaFaro nasemehlweni ezinceku zakhe. 17UFaro wayesethi kuJosefa: “Yisho kubafowenu ukuthi: ‘Yenzani lokhu: thwesani izimbongolo zenu, nihambe niye ezweni laseKhanani, 18nithathe uyihlo nemizi yenu, nize kimi, nginiphe okuhle kwezwe laseGibithe, nize nidle amanoni ezwe.’

19“Usuyaliwe: ‘Yenzani lokhu: Nithathele izingane zenu nawomkenu izinqola ezweni laseGibithe, nilethe uyihlo, bese niza. 20Futhi ningakhathaleli impahla yenu, ngokuba okuhle kwezwe lonke laseGibithe kungokwenu.’ ”

21Enze njalo amadodana ka-Israyeli. UJosefa wabapha izinqola njengesiyalo sikaFaro, wabanika nomphako wendlela. 22Kubo bonke, kwaba yilowo nalowo, wanika izingubo zokuphendulela; kepha uBenjamini wamupha izinhlamvu ezingamakhulu amathathu zesiliva nezingubo eziyisihlanu zokuphendulela. 23Kuyise wathuma kanje: izimbongolo eziyishumi, zithwesiwe izinto ezinhle zaseGibithe, nezimbongolokazi eziyishumi, zithwesiwe amabele, nesinkwa, nomphako kayise endleleni. 24Wayesebamukisa abafowabo, bahamba; wathi kubo: “Ningaxabani endleleni.”

25Bakhuphuka eGibithe, bafika ezweni laseKhanani kuJakobe uyise. 26Bamtshela bathi: “UJosefa usekhona, ungumbusi ezweni lonke laseGibithe.” Inhliziyo yakhe yayisiphela amandla, ngokuba akakholwanga yibo. 27Bamlandisa onke amazwi kaJosefa abewashilo kubo; lapho esebona izinqola abezithumile uJosefa zokumthwala, umoya kaJakobe uyise wavuselelwa. 28Wathi u-Israyeli: “Kwanele; uJosefa indodana yami usekhona; ngizakuhamba ngimbone ngingakafi.”

UGenesise 45ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 46

UJakobe uya eGibithe

1U-Israyeli wasuka nakho konke okwakhe, wafika eBeri Sheba, wanikela iminikelo kuNkulunkulu kayise u-Isaka.

2UNkulunkulu wakhuluma ku-Israyeli ngemibono yasebusuku, wathi: “Jakobe, Jakobe!”

Wathi: “Ngilapha.”

3Wayesethi: “NginguNkulunkulu, uNkulunkulu kayihlo; ungesabi ukwehlela eGibithe, ngokuba ngiyakukwenza khona isizwe esikhulu. 4Mina ngiyakwehla, ngiye nawe eGibithe; impela ngizakubuye ngikukhuphule futhi. UJosefa uyakubeka isandla sakhe phezu kwamehlo akho.”

5UJakobe wayesesuka eBeri Sheba; amadodana ka-Israyeli amthwala uJakobe uyise, nezingane zawo, nawomkawo ezinqoleni abezithumile uFaro zokumthwala. 6Bathatha imfuyo yabo nempahla yabo ababeyizuze ezweni laseKhanani, bafika eGibithe, uJakobe nayo yonke inzalo yakhe kanye naye. 7Amadodana akhe, namadodana amadodana akhe, namadodakazi akhe, namadodakazi amadodana akhe, nayo yonke inzalo yakhe wayiletha kanye naye eGibithe.

Inzalo kaJakobe

8Lawa angamagama abantwana bakwa-Israyeli abafika eGibithe, uJakobe namadodana akhe: nguRubeni izibulo likaJakobe. 9Amadodana kaRubeni: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi. 10Amadodana kaSimeyoni: ngoJemuweli, noJamini, no-Ohade, noJakini, noSohari, noShawule, indodana yowesifazane waseKhanani. 11Amadodana kaLevi: ngoGereshoni, noKohati, noMerari. 12Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela, noPheresi, noZera; kepha o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. Amadodana kaPheresi ayengoHesironi noHamule. 13Amadodana ka-Isakare: ngoThola, noPhuva, noJobe noShimroni. 14Amadodana kaZebuloni: ngoSeredi, no-Eloni, noJaleli. 15Yilawo angamadodana kaLeya amzalela wona uJakobe ePhadani Aramu kanye noDina indodakazi yakhe; yonke imiphefumulo yamadodana akhe namadodakazi akhe yayingamashumi amathathu nantathu. 16Amadodana kaGadi: ngoSifijoni, noHagi, noShuni, no-Esiboni, no-Eri, no-Arodi, no-Areli. 17Amadodana ka-Asheri: ngoJimna, no-Ishiva, no-Ishivi, noBeriya, kanye noSera udadewabo; amadodana kaBeriya: ngoHebere noMalikiyeli. 18Yilawo angamadodana kaZilipa uLabani amnika yena uLeya indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe, abantu abayishumi nesithupha. 19Amadodana kaRaheli umkaJakobe: ngoJosefa noBenjamini. 20KuJosefa kwazalelwa ezweni laseGibithe oManase no-Efrayimi, amzalela bona u-Asenati indodakazi kaPotifera umpristi wase-Oni. 21Amadodana kaBenjamini: ngoBela, noBekeri, no-Ashibeli, noGera, noNahamani, no-Ehi, noRoshe, noMuphimi, noHuphimi, no-Arida.

22Yilawo angamadodana kaRaheli azalelwa wona uJakobe; bonke abantu babe yishumi nane. 23Amadodana kaDani: nguHushimi. 24Amadodana kaNafetali: ngoJaseli, noGuni, noJeseri, noShilemi.

25Yilawo angamadodana kaBiliha uLabani amnika uRaheli indodakazi yakhe; wamzalela wona uJakobe; bonke abantu babe yisikhombisa.

26Bonke abantu abeza noJakobe eGibithe abaphuma okhalweni lwakhe, ngaphandle kwabafazi bamadodana kaJakobe, bonke abantu babe ngamashumi ayisithupha nesithupha. 27Amadodana kaJosefa azalelwa wona eGibithe ayengabantu ababili; bonke abantu bendlu kaJakobe abeza eGibithe babe ngamashumi ayisikhombisa.

UJakobe uhlangana noJosefa

28Wathuma uJuda ngaphambi kwakhe kuJosefa ukuyokhomba phambi kwakhe indlela eya eGosheni. 29UJosefa wayesebophela inqola yakhe, wakhuphuka ukumhlangabeza u-Israyeli uyise eGosheni; wazibonakalisa kuye, wawa entanyeni yakhe, wakhala ngasentanyeni yakhe isikhathi eside.

30U-Israyeli wayesethi kuJosefa: “Sengingafa, lokhu ngibone ubuso bakho ukuthi usekhona.”

31UJosefa wathi kubafowabo nakuyo indlu kayise: “Ngizakukhuphuka, ngimtshele uFaro, ngithi kuye: ‘Abafowethu nendlu kababa ababesezweni laseKhanani sebefike kimi. 32Lawa madoda angabelusi bezimvu, ngokuba ayengamadoda emfuyo; aselethile izimvu zawo, nezinkomo zawo, nakho konke anakho.’ 33Kuyakuthi lapho uFaro enibiza athi: ‘Uyini umsebenzi wenu,’ 34anothi: ‘Izinceku zakho zingabantu bemfuyo kwasebusheni bethu kuze kube manje, thina nawobaba,’ ukuze nihlale ezweni laseGosheni, ngokuba wonke umalusi wezimvu uyanengeka kwabaseGibithe.”

UGenesise 46ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 47

UJakobe ephambi kukaFaro

1UJosefa wayesengena, wamtshela uFaro, wathi: “Ufikile ubaba nabafowethu, nezimvu zabo, nezinkomo zabo, nakho konke abanakho, bephuma ezweni laseKhanani; bheka, sebesezweni laseGosheni.” 2Phakathi kwabafowabo wathatha amadoda ayisihlanu, wawabeka phambi kukaFaro.

3UFaro wayesethi kubafowabo: “Uyini umsebenzi wenu na?”

Bathi kuFaro: “Izinceku zakho zingabelusi, thina nawobaba.” 4Bathi kuFaro: “Size ukugogobala ezweni, ngokuba akukho dlelo lemihlambi yezinceku zakho, lokhu indlala inzima ezweni laseKhanani; ngalokho izinceku zakho mazakhe ezweni laseGosheni.”

5Wayesekhuluma uFaro kuJosefa, ethi: “Uyihlo nabafowenu beze kuwe; 6izwe laseGibithe lisebusweni bakho; mhlalise uyihlo nabafowenu ezweni elihle kunalo lonke, ubahlalise ezweni laseGosheni; uma uwazi phakathi kwabo amadoda anamandla, wabeke abe yizinduna zezinkomo zami.”

7UJosefa wayesemngenisa uJakobe uyise, wambeka phambi kukaFaro; uJakobe wambusisa uFaro. 8Wathi uFaro kuJakobe: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwakho na?”

9UJakobe wathi kuFaro: “Izinsuku zeminyaka yokugogobala kwami ziyiminyaka eyikhulu namashumi amathathu; ziyingcosana, zimbi izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami, azifinyelelanga ezinsukwini zeminyaka yokuhamba kwawobaba emihleni yokugogobala kwabo.” 10UJakobe wayesembusisa uFaro, wasuka ebusweni bukaFaro.

11UJosefa wabahlalisa uyise nabafowabo, wabapha indawo ezweni laseGibithe, izwe elihle kunalo lonke, izwe likaRamesesi, njengalokho uFaro ebayalile. 12UJosefa wamondla uyise, nabafowabo, nendlu yonke kayise ngokudla ngokwemilomo yezingane zabo.

Izwe laseGibithe nabantu abakulo babekwa phansi kukaFaro nguJosefa

13Ukudla kwakungekho ezweni lonke, ngokuba indlala yayinzima kakhulu; izwe laseGibithe nezwe laseKhanani afa indlala. 14UJosefa waqoqa yonke imali eyatholakala ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani ngamabele ababewathengile; uJosefa wayiyisa imali endlini kaFaro. 15Isiphelile imali ezweni laseGibithe nasezweni laseKhanani, bonke abaseGibithe beza kuJosefa, bathi: “Siphe ukudla; siyakufelani phambi kwakho na? Ngokuba isiphelile imali.”

16Wayesethi uJosefa: “Lethani izinkomo zenu; ngizakuninika ngezinkomo zenu, uma imali ingekho.” 17Baletha-ke izinkomo zabo kuJosefa; uJosefa wabenanela ukudla ngamahhashi, nangezimvu, nangezinkomo, nagezimbongolo; wabapha ukudla ngezinkomo zabo zonke ngalowo mnyaka.

18Usuphelile lowo mnyaka, beza kuye ngomnyaka wesibili, bathi kuye: “Asiyikufihlela inkosi ukuthi imali yethu yonke isiphelile; imihlambi yezinkomo isingeyenkosi; akukho okuseleyo emehlweni enkosi ngaphandle kwemizimba yethu namazwe ethu. 19Siyakufelani phambi kwakho thina namazwe ethu na? Sithenge thina namazwe ethu ngokudla, sibe yizinceku zikaFaro thina namazwe ethu; siphe imbewu ukuba siphile, singafi, izwe lingachitheki.”

20UJosefa wamthengela uFaro izwe lonke laseGibithe, ngokuba bonke abaseGibithe bathengisa ngamasimu abo, lokhu indlala yayinzima phezu kwabo; izwe lase liba ngelikaFaro. 21Abantu wabayisa emizini, ebasusa komunye umncele wezwe laseGibithe kwaze kwaba komunye umncele walo. 22Yizwe labapristi kuphela angalithenganga, ngokuba abapristi babethole isabelo kuFaro, badla isabelo sabo abapha sona uFaro; ngalokho abathengisanga ngezwe labo.

23UJosefa wayesethi kubantu: “Bhekani, namuhla nginithengile nibe ngabakaFaro nina nezwe lenu; nansi imbewu yenu, nize nihlwanyele emhlabathini. 24Kuyakuthi ezithelweni nimnike uFaro okwesihlanu, izinxenye ezine zibe ngezenu, kube yimbewu yamasimu, nokudla kwenu nokwabendlu yenu, nokudla kwezingane zenu.”

25Base bethi: “Usisindisile; masifumane umusa emehlweni enkosi, sibe yizinceku zikaFaro.”

26UJosefa washaya umthetho ngezwe laseGibithe kuze kube namuhla wokuthi uFaro uzakuba nokwesihlanu; kuphela izwe labapristi bodwa alibanga yilo elikaFaro.

27U-Israyeli wahlala ezweni laseGibithe ezweni laseGosheni; bafuya khona, bazala, banda kakhulu.

28UJakobe wahlala ezweni laseGibithe iminyaka eyishumi nesikhombisa; izinsuku zikaJakobe, iminyaka yokuhamba kwakhe, zaziyiminyaka eyikhulu namashumi amane nesikhombisa. 29Kwase kusondela isikhathi ayesezakufa ngaso u-Israyeli; wayesebiza indodana yakhe uJosefa, wathi kuye: “Uma ngifumene umusa emehlweni akho, ake ubeke isandla sakho phansi kwethanga lami, ungenzele umusa neqiniso: ake ungangimbeli eGibithe. 30Kepha lapho sengilele kobaba, uze ungikhiphe eGibithe, ungimbele ethuneni labo.”

Wathi: “Ngizakwenza njengezwi lakho.”

31Wayesethi kuye: “Funga kimi.” Wayesefunga kuye. U-Israyeli wakhothama esihlokweni sombhede.

UGenesise 47ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU