Bible Society of South Africa

To The Word – Day 121

2 Kings 21–25, Proverbs 8

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 AmaKhosi 21

UManase uyinkosi kwaJuda

1UManase wayeneminyaka eyishumi nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi ayisihlanu nanhlanu eJerusalema; igama likanina lalinguHefisiba. 2Wenza okubi emehlweni kaJehova njengezinengiso zabezizwe uJehova abaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli. 3Wabuye wakha izindawo eziphakemeyo uHezekiya uyise azichithile; wamisela uBali ama-altare, wenza u-Ashera* njengokwenza kuka-Ahabi inkosi yakwa-Israyeli, wakhuleka kulo lonke ibandla lasezulwini, walikhonza. 4Wakha ama-altare endlini kaJehova, uJehova asho ngayo ukuthi: “Ngiyakubeka igama lami eJerusalema.” 5Wakhela nalo lonke ibandla lasezulwini ama-altare emagcekeni omabili endlu kaJehova. 6Wadabulisa indodana yakhe emlilweni, wahlola imihlola, wenza imilingo, wamisa abanamadlozi, nabathakathi, wenza okubi okuningi emehlweni kaJehova, waze wamcunula.

7Wabeka isithombe esibaziweyo sika-Ashera* asenzileyo endlini asho ngayo uJehova kuDavide nakuSolomoni indodana yakhe ukuthi: “Kule ndlu naseJerusalema engilikhethile ezizweni zonke zakwa-Israyeli ngiyakubeka igama lami kuze kube phakade; 8futhi angisayikuzulisa izinyawo zika-Israyeli, zisuke ezweni engalinika oyise, uma beyakugcina kuphela ukwenza njengakho konke engibayale ngakho nanjengawo wonke umthetho eyabayala ngawo inceku yami uMose.” 9Kepha abalalelanga; uManase wabaphambukisa baze benza okubi kunabezizwe abachithayo uJehova phambi kwabantwana bakwa-Israyeli.

10UJehova wayesekhuluma ngezinceku zakhe abaprofethi, wathi: 11“Ngokuba uManase inkosi yakwaJuda enzile lezi zinengiso, enze kabi kunakho konke ukwenza kwama-Amori ayephambi kwakhe, wonisa noJuda ngezithombe zakhe, 12ngalokho usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Bheka, ngiletha okubi phezu kweJerusalema naphezu kukaJuda ngangokuthi bonke abakuzwayo, izindlebe zabo zombili ziyakunkeneza ngakho. 13Ngiyakwelula phezu kweJerusalema umucu wokulinganisa waseSamariya, nomthofu wokumisa indlu ka-Ahabi; ngiyakwesula iJerusalema njengalokho umuntu esula isitsha, esesula asigumbuqele. 14Ngiyakushiya insali yefa lami, ngiyinikele esandleni sezitha zayo, ibe yimpango nento ebanjiweyo yazo zonke izitha zayo; 15ngokuba yenzile okubi emehlweni ami, ingicunulile kusukela osukwini oyise abaphuma ngalo eGibithe kuze kube namuhla.’ ”

16Futhi uManase wachitha kakhulu igazi elingenacala, waze wagcwalisa iJerusalema kusukela ekuqaleni kuze kube sekugcineni, ngaphandle kwesono sakhe onisa ngaso uJuda ngokwenza okubi emehlweni kaJehova.

17Ezinye izindaba zikaManase, nakho konke akwenzayo, nesono sakhe ona ngaso, angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 18UManase wayeselala koyise, wembelwa ensimini yendlu yakhe, insimu ka-Uza; u-Amoni indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

19U-Amoni wayeneminyaka engamashumi amabili nambili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka emibili eJerusalema; igama likanina lalinguMeshulemeti, indodakazi kaHarusi waseJothiba. 20Wenza okubi emehlweni kaJehova njengalokho enzile uManase uyise. 21Wahamba ngezindlela zonke uyise ahamba ngazo, wakhonza izithombe azikhonzayo uyise, wakhuleka kuzo; 22washiya uJehova uNkulunkulu wawoyise, kahambanga ngendlela kaJehova.

23Izinceku zika-Amoni zamenzela ugobe, zayibulala inkosi endlini yayo. 24Kepha abantu bezwe bababulala bonke ababeyenzela inkosi u-Amoni ugobe; abantu bezwe bambeka uJosiya indodana yakhe inkosi esikhundleni sakhe.

25Ezinye izindaba zika-Amoni azenzayo angithi zilotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 26Wembelwa ethuneni lakhe ensimini ka-Uza; uJosiya indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

2 AmaKhosi 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 22

Ukubusa kukaJosiya

1UJosiya wayeneminyaka eyisishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka engamashumi amathathu nanye eJerusalema; igama likanina lalinguJedida indodakazi ka-Adaya waseBosikati. 2Wenza okulungile emehlweni kaJehova, wahamba ngendlela yonke kaDavide uyise, kachezukelanga ngakwesokunene nangakwesokhohlo.

3Kwathi ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya inkosi yathuma uShafani indodana ka-Asaliya kaMeshulamu, umbhali, endlini kaJehova, yathi: 4“Yenyukela kuHilikiya umpristi omkhulu ukuba abale imali eyiswe endlini kaJehova, iqoqwe ngabalindimnyango kubantu, 5bayibeke esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova, bakhokhele ngayo abasebenza umsebenzi wasendlini kaJehova ukulungisa izimfa zendlu, 6ababazi, nabakhi, nabakha ngamatshe, nokuthenga imithi namatshe abaziweyo ukulungisa indlu. 7Nokho akubalelwananga nabo ngemali eyabekwa esandleni sabo, ngokuba babethembekile ekuphatheni kwabo.”

Incwadi yomthetho

8UHilikiya, umpristi omkhulu, wathi kuShafani umbhali: “Ngifumene incwadi yomthetho endlini kaJehova.” UHilikiya wanika uShafani leyo ncwadi, wayifunda. 9UShafani umbhali waya enkosini, waletha umbiko enkosini, wathi: “Izinceku zakho zithululile imali eyafunyanwa endlini, zayibeka esandleni sezisebenzi eziphethe indlu kaJehova.” 10UShafani umbhali wayitshela inkosi, wathi: “UHilikiya umpristi unginike incwadi.” UShafani wayifunda phambi kwenkosi.

11Kwathi lapho inkosi isizwile amazwi encwadi yomthetho, yaziklebhula izingubo zayo. 12Inkosi yayala uHilikiya umpristi, no-Ahikamu indodana kaShafani, no-Akibori indodana kaMikhaya, noShafani umbhali, no-Asaya inceku yenkosi, ithi: 13“Hambani ningibuzele kuJehova, mina nabantu, naye wonke uJuda ngamazwi ale ncwadi efunyenweyo, ngokuba inkulu intukuthelo kaJehova esivuthelayo, ngokuba obaba abalalelanga amazwi ale ncwadi ukwenza njengakho konke okulotshiwe ngathi.”

Umprofethikazi uHulida

14Base behamba uHilikiya umpristi, no-Ahikamu, no-Akibori, noShafani, no-Asaya, baya kuHulida umprofethikazi, umkaShalumi, indodana kaThikiva kaHarihasi, umgcinizingubo – wahlala eJerusalema enxenyeni yesibili – bakhuluma kuye.

15Wathi kubo: “Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: ‘Tshelani umuntu onithume kimi ukuthi: 16Usho kanje uJehova, uthi: Bhekani, ngiyakwehlisela okubi phezu kwale ndawo naphezu kwabakhileyo kuyo, onke amazwi aleyo ncwadi eyifundile inkosi yakwaJuda, 17ngokuba bangishiyile, bashisela abanye onkulunkulu impepho baze bangicunula ngawo wonke umsebenzi wezandla zabo; intukuthelo yami iyakuvuthela le ndawo, ayiyikucinywa.’ 18Kepha enkosini yakwaJuda eyanithuma ukubuza kuJehova niyakusho kuyo kanje, nithi: ‘Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Maqondana namazwi owezwileyo, 19ngenxa yokuba inhliziyo yakho yayithambile wazithoba phambi kukaJehova, lapho wezwa lokho engakukhuluma ngale ndawo nangabakhileyo kuyo ukuthi kuyakuba yincithakalo nesiqalekiso, waklebhula izingubo zakho, wakhala phambi kwami, mina ngikuzwile, usho uJehova. 20Ngalokho bheka, ngiyakukubuthela koyihlo ubuthelwe ethuneni lakho ngokuthula, angaboni amehlo akho konke okubi engiyakukwehlisela phezu kwale ndawo.’ ” Babuyisela enkosini leli zwi.

2 AmaKhosi 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 23

Isivuselelo sikaJosiya

1Inkosi yathumela, babuthela kuyo onke amalunga akwaJuda nawaseJerusalema. 2Inkosi yenyukela endlini kaJehova, bonke abantu bakwaJuda nabo bonke abakhileyo eJerusalema benayo, kanye nabapristi nabaprofethi, yebo, abantu bonke, abancane nabakhulu, yafunda ezindlebeni zabo onke amazwi encwadi yesivumelwano ebifunyenwe endlini kaJehova. 3Inkosi yema ngasensikeni, yenza isivumelwano phambi kukaJehova ukumlandela uJehova nokugcina imiyalo yakhe, nobufakazi bakhe, nezimiso zakhe ngenhliziyo yonke nangomphefumulo wonke ukuqinisa amazwi alesi sivumelwano alotshwe kule ncwadi; bonke abantu basivuma isivumelwano.

4Inkosi yayisiyala uHilikiya umpristi omkhulu, nabapristi besigaba sesibili, nabalindimnyango ukukhipha ethempelini likaJehova zonke izinto ezazenzelwe oBali, no-Ashera,* nebandla lonke lasezulwini, yazishisa ngaphandle kweJerusalema emasimini aseKidroni, yayisa umlotha wazo eBethele. 5Yabasusa abapristi bezithombe amakhosi akwaJuda abamisele ukushisa impepho ezindaweni eziphakemeyo emizini yakwaJuda nanxazonke zeJerusalema, kanye nabashisa impepho kuBali nakulo ilanga nenyanga nezinkanyezi nalo lonke ibandla lasezulwini. 6Yakhipha u-Ashera* endlini kaJehova, yamkhiphela phandle kweJerusalema, yamyisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamshisa ngasemfudlaneni iKidroni, yamcolisisa waba yincushuncushu, yayiphonsa incushuncushu yakhe emathuneni abantu nje. 7Yadiliza izindlu zezifebe zethempeli ezazisendlini kaJehova, lapho abesifazane bemelukela khona u-Ashera* amatende.

8Yakhipha bonke abapristi emizini yakwaJuda, yangcolisa izindawo eziphakemeyo, lapho abapristi bebeshise khona impepho, kusukela eGeba kuze kube seBeri Sheba; yadiliza izindawo eziphakemeyo zasemasangweni asesikhaleni sesango likaJoshuwa umphathimuzi, ezazingakwesokhohlo somuntu ngasesangweni lomuzi. 9Kodwa abapristi basezindaweni eziphakemeyo babengenyukeli e-altare likaJehova eJerusalema, kepha badla isinkwa esingenamvubelo phakathi kwabafowabo.

10Yangcolisa iThofeti elisesigodini sabantwana bakwaHinomu ukuba kungabikho muntu odabulisa indodana yakhe noma indodakazi yakhe emlilweni kuMoloki. 11Yasusa namahhashi amakhosi akwaJuda anikele ngawo kulo ilanga ngasendleleni yokungena endlini kaJehova ngasekamelweni likaNathani Meleki induna yasePariwarimi, yashisa izinqola zelanga ngomlilo.

12Ama-altare ayesophahleni lwekamelo eliphezulu lika-Ahazi, elenziwe ngamakhosi akwaJuda, nama-altare enziwe nguManase emagcekeni omabili endlu kaJehova inkosi yawadiliza, yasuka yagijima, yalahla uthuli emfudlaneni iKidroni. 13Izindawo eziphakemeyo ezaziphambi kweJerusalema, ngakwesokunene kweNtaba Yokonakala, uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli ayezakhele u-Ashitaroti isinengiso samaSidoni, noKemoshi isinengiso sakwaMowabi, noMilkomu isinengiso sabantwana bakwa-Amoni, inkosi yazingcolisa. 14Yaphahlaza izinsika, yanquma o-Ashera,* yagcwalisa izindawo zabo ngamathambo abantu.

15I-altare elaliseBethele, nendawo ephakemeyo eyenziwe nguJerobowamu indodana kaNebati owonisa u-Israyeli, nalelo altare kanye nendawo ephakemeyo yakudiliza, yayishisa indawo ephakemeyo, yayicolisisa yaba yincushuncushu, yashisa no-Ashera.* 16UJosiya waphenduka, wabona amathuna ayelapho entabeni; wathumela wakhipha amathambo emathuneni, wawashisa e-altare, walingcolisa njengezwi likaJehova alimemeza lowo muntu kaNkulunkulu owamemezela lezi zinto.

17Wayesethi: “Yitshe lini leli engilibonayo na?”

Abantu bomuzi bamtshela bathi: “Yithuna lalowo muntu kaNkulunkulu owavela kwaJuda, wamemezela lezi zindaba osuzenzile nge-altare laseBethele.”

18Wathi: “Myekeni; mawanganyakaziswa muntu amathambo akhe.” Base beyeka amathambo akhe kanye namathambo alowo mprofethi owavela eSamariya.

19Nazo zonke izindlu zezindawo eziphakemeyo ezazisemizini yaseSamariya, ezenziwa ngamakhosi akwa-Israyeli acunula ngazo, uJosiya wazisusa, wenza kuzona njengazo zonke izenzo azenzileyo eBethele. 20Wabulala ema-altare bonke abapristi basezindaweni eziphakemeyo ababe lapho, washisa amathambo abantu phezu kwawo, wabuyela eJerusalema.

21Inkosi yayisiyala bonke abantu ngokuthi: “Yenzelani uJehova uNkulunkulu wenu iphasika njengokulotshiwe kule ncwadi yesivumelwano.” 22Ngokuba iphasika elinjalo lalingagcinwanga kusukela emihleni yabahluleli abahlulela u-Israyeli, nasemihleni yonke yamakhosi akwa-Israyeli, nakweyakwaJuda. 23Kepha ngomnyaka weshumi nesishiyagalombili wenkosi uJosiya leli phasika lenzelwa uJehova eJerusalema.

24Futhi abanamadlozi, nabathakathi, namatherafi,* nezithombe, nazo zonke izinengiso ezazibonwa ezweni lakwaJuda naseJerusalema uJosiya wakuqeda ukuba afeze amazwi omthetho alotshwe encwadini uHilikiya umpristi ayifumanayo endlini kaJehova. 25Kwakungekho nkosi phambi kwakhe eyaphendukela kuJehova ngayo yonke inhliziyo yayo nangawo onke amandla ayo njengawo wonke umthetho kaMose, nangasemva kwakhe akuvelanga enjengaye.

26Nokho uJehova akabuyanga ekuvutheni kwentukuthelo yakhe enkulu, intukuthelo yakhe eyavuthela ngakho uJuda, ngenxa yakho konke ukucunula uManase ayemcunule ngakho. 27UJehova wathi: “Naye uJuda ngiyakumsusa ebusweni bami, njengalokho ngisuse u-Israyeli, ngiwulahle lo muzi engawukhethayo, nendlu engasho ngayo ukuthi igama lami liyakuba khona lapho.”

28Ezinye izindaba zikaJosiya nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na?

Ukufa kukaJosiya

29Emihleni yakhe uFaro Nekho inkosi yaseGibithe wenyukela enkosini yase-Asiriya ngasemfuleni u-Ewufrathe; inkosi uJosiya yaya ukuhlangabezana naye; wayibulala eMegido, isanele ukumbona nje. 30Izinceku zayo zayisusa ngenqola eMegido ifile, zayiyisa eJerusalema, zayimbela ethumeni layo. Abantu bezwe bamthatha uJehowahazi indodana kaJosiya, bamgcoba, bambeka inkosi esikhundleni sikayise.

OJehowahazi noJehoyakimi bangamakhosi kwaJuda

31UJehowahazi wayeneminyaka engamashumi amabili nantathu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguHamuthali, indodakazi kaJeremiya waseLibina. 32Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise. 33UFaro Nekho wambopha eRibila ezweni laseHamati ukuba angabe esabusa eJerusalema, wathelisa izwe amatalenta* ayikhulu esiliva netalenta legolide. 34UFaro Nekho wambeka u-Eliyakimi indodana kaJosiya inkosi esikhundleni sikaJosiya uyise, waguqula igama lakhe laba nguJehoyakimi, kepha wamsusa uJehowahazi, waze waya eGibithe, wafela khona. 35UJehoyakimi wamnika uFaro isiliva negolide, kepha wathelisa izwe ukuba anike imali njengezwi likaFaro. Wakhiphisa abantu bezwe isiliva negolide, kwaba yilowo nalowo njengentela yakhe ukunika uFaro Nekho.

36UJehoyakimi wayeneminyaka engamashumi amabili nanhlanu ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguZebida, indodakazi kaPhedaya waseRuma. 37Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke abakwenzileyo oyise.

2 AmaKhosi 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 24

Ukuphela kukaJehoyakimi

1Emihleni yakhe kwenyuka uNebukadinesari inkosi yaseBabele; uJehoyakimi wayeyinceku yakhe iminyaka emithathu; wayesebuya, wamhlubuka. 2UJehova wathuma kuye amaviyo amaKaledi, namaviyo ama-Aramu, namaviyo abakwaMowabi, namaviyo abantwana bakwa-Amoni, wawathuma kuJuda ukumchitha njengezwi likaJehova alikhulumayo ngesandla sezinceku zakhe abaprofethi. 3Impela kwaba khona lokho kwaJuda ngezwi likaJehova ukubasusa ebusweni bakhe ngenxa yezono zikaManase njengakho konke akwenzileyo, 4nangenxa yegazi elingenacala alichithayo, ngokuba wagcwalisa iJerusalema ngegazi elingenacala, lokhu uJehova akavumanga ukukuthethelela.

5Ezinye izindaba zikaJehoyakimi nakho konke akwenzayo angithi kulotshiwe encwadini yezindaba zemihla ngemihla yamakhosi akwaJuda na? 6UJehoyakimi wayeselala koyise; uJehoyakini indodana yakhe waba yinkosi esikhundleni sakhe.

7Inkosi yaseGibithe ayiphindanga futhi ukuphuma ezweni lakubo, ngokuba inkosi yaseBabele yayithathile konke okwakungokwenkosi yaseGibithe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni u-Ewufrathe.

OJehoyakini noSedekiya bangamakhosi kwaJuda

8UJehoyakini wayeneminyaka eyishumi nesishiyagalombili ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa izinyanga ezintathu eJerusalema; igama likanina lalinguNehushita indodakazi ka-Elinathani waseJerusalema. 9Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uyise.

10Ngaleso sikhathi izinceku zikaNebukadinesari inkosi yaseBabele zenyukela eJerusalema, umuzi wavinjezelwa. 11UNebukadinesari inkosi yaseBabele weza emzini, izinceku zakhe zisawuvimbezele. 12UJehoyakini inkosi yakwaJuda waphuma, waya enkosini yaseBabele, yena nonina, nezinceku zakhe, nezikhulu zakhe, nezinduna zakhe; inkosi yaseBabele yamthatha ngomnyaka wesishiyagalombili wokubusa kwakhe. 13Yakhipha khona yonke ingcebo yendlu kaJehova nengcebo yendlu yenkosi, yahlahlela zonke izinto zegolide uSolomoni inkosi yakwa-Israyeli azenzileyo ethempelini likaJehova njengokukhuluma kukaJehova. 14Yathumba lonke iJerusalema, nazo zonke izikhulu, nawo onke amaqhawe anamandla, abathunjwa abayizinkulungwane eziyishumi, nezinyanga zonke zemisebenzi, nabakhandi; akushiywanga muntu ngaphandle kwabantu abayizimpofana bezwe.

15Yathumba uJehoyakini, yamyisa eBabele; nonina wenkosi, nabafazi benkosi, nezinduna zayo, nabakhulu bezwe yabamukisa ngokubathumba eJerusalema, yabayisa eBabele. 16Onke amadoda anamandla, ayizinkulungwane eziyisikhombisa, nezinyanga, nabakhandi, abayinkulungwane, bonke bengamaqhawe azilungiselele ukulwa, nabo inkosi yaseBabele yabayisa eBabele ngokubathumba. 17Inkosi yaseBabele yambeka uMathaniya, uyisekazi, inkosi esikhundleni sakhe, yaguqula igama lakhe laba nguSedekiya.

18USedekiya wayeneminyaka engamashumi amabili nanye ekuqaleni kwakhe ukubusa, wabusa iminyaka eyishumi nanye eJerusalema; igama likanina lalinguHamithali, indodakazi kaJeremiya waseLibina. 19Wenza okubi emehlweni kaJehova njengakho konke akwenzileyo uJehoyakimi. 20Ngokuba kwenzeka lokho eJerusalema nakwaJuda ngenxa yentukuthelo kaJehova, waze wabalahla ebusweni bakhe; uSedekiya wayihlubuka inkosi yaseBabele.

2 AmaKhosi 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 AmaKhosi 25

Ukuchithwa kweJerusalema

1Kwathi ngomnyaka wesishiyagalolunye wokubusa kwakhe, ngenyanga yeshumi ngolweshumi lwenyanga, uNebukadinesari inkosi yaseBabele wafika, yena nayo yonke impi yakhe, eJerusalema, wamisa malungana nalo; bakha inqaba ngakulo nxazonke. 2Wawusuvinjezelwa umuzi kwaze kwaba ngumnyaka weshumi nanye wenkosi uSedekiya. 3Ngosuku lwesishiyagalolunye lwenyanga indlala yaba namandla emzini, akubangakho kudla kubantu bezwe. 4Kepha wawusufohlwa umuzi, onke amadoda empi abaleka ebusuku ngendlela yesango phakathi kwezingange zombili ezazingasensimini yenkosi amaKaledi ayekhona nxazonke zomuzi ahamba ngendlela yase-Araba. 5Kodwa impi yamaKaledi yayixosha inkosi, yayifica emathafeni aseJeriko, yonke impi yayo yahlakazeka. 6Ayeseyibamba inkosi, ayenyusela enkosini yaseBabele eRibila; ayahlulela. 7Abulala amadodana kaSedekiya phambi kwamehlo akhe, akhipha amehlo kaSedekiya, ambopha ngamaketanga, amyisa eBabele.

8Ngenyanga yesihlanu ngolwesikhombisa lwenyanga okwakungumnyaka weshumi nesishiyagalolunye wenkosi uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, kwafika uNebuzaradani induna yabalindi, inceku yenkosi yaseBabele, eJerusalema. 9Washisa indlu kaJehova nendlu yenkosi; nazo zonke izindlu zaseJerusalema, zonke izindlu ezinkulu, wazishisa ngomlilo. 10Yonke impi yamaKaledi induna yabalindi eyayinayo yadiliza izingange zaseJerusalema nxazonke. 11Abanye abantu ababesele emzini, nabahlubukileyo behlubukela enkosini yaseBabele, nesixuku esiseleyo uNebuzaradani induna yabalindi wabathumba. 12Kepha induna yabalindi yashiya abantu bezwe abayizimpofana ukuba baphathe izivini namasimu.

13Izinsika zethusi ezazisendlini yenkosi, nezinqe, nolwandle lwethusi okwakusendlini kaJehova amaKaledi akuhlephula, athuthela ithusi lakho eBabele. 14Amakhanzi, namafosholo, nezizenze, nezinkezo, nazo zonke izitsha zethusi ababekhonza ngazo akuthatha. 15Nemicengezi yomlilo, nezitsha, okwegolide lodwa nesiliva lodwa, nalokho induna yabalindi yakuthatha.

16Izinsika zombili, nolwandle olwalulunye nje, nezinqe uSolomoni ayekwenzele indlu kaJehova, ithusi lazo zonke lezi zinto lalingenakulinganiswa. 17Ukuphakama kwensika eyodwa kwakuyizingalo eziyishumi nesishiyagalombili; phezu kwayo kwakukhona isihloko sethusi; ukuphakama kwesihloko esisodwa kwakuyizingalo ezintathu; kwakukhona nenetha namapomegranati* phezu kwesihloko nxazonke, konke kwakungokwethusi; kwakunjalo nasensikeni yesibili enetheni.

18Induna yabalindi yathatha uSeraya umpristi omkhulu, noZefaniya umpristi wesibili, nabalindimnyango abathathu; 19yathatha emzini induna eyayimiswe phezu kwamadoda empi, nabantu abayisihlanu kwababesebusweni benkosi abafunyanwa emzini, nombhali wenduna yempi eyayibala abantu bezwe, nabantu bezwe abangamashumi ayisithupha abafunyanwa emzini. 20UNebuzaradani induna yabalindi wabathatha, wabayisa enkosini yaseBabele eRibila. 21Inkosi yaseBabele yabashaya, yababulala eRibila ezweni laseHamati. Wathunjwa kanjalo uJuda ezweni lakubo.

22Abantu abaseleyo ezweni lakwaJuda abashiyiwe nguNebukadinesari inkosi yaseBabele, phezu kwabo wenza uGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani abe ngumbusi. 23Zonke izinduna zempi, zona nabantu bazo, sezizwile ukuthi inkosi yaseBabele imenzile uGedaliya umbusi ezweni, zaya kuGedaliya eMispa: u-Ishmayeli indodana kaNethaniya, noJohanani indodana kaKhareya, noSeraya indodana kaThanihumeti waseNethofa, noJahazaniya indodana yomMahakha, bona nabantu babo. 24UGedaliya wafunga kubo nakubantu babo, wathi kubo: “Ningesabi izinceku zamaKaledi; hlalani ezweni, niyikhonze inkosi yaseBabele, kuyakuba kuhle kini.”

25Kepha kwathi ngenyanga yesikhombisa wafika u-Ishmayeli indodana kaNethaniya ka-Elishama wozalo lwenkosi, abantu abayishumi benaye, wamshaya uGedaliya waze wafa, kanye nabaJuda namaKaledi ayenaye eMispa. 26Abantu bonke, abancane nabakhulu, nezinduna zempi basuka baya eGibithe, ngokuba besaba amaKaledi.

27Kwathi ngomnyaka wamashumi amathathu nesikhombisa wokuthunjwa kukaJehoyakini inkosi yakwaJuda ngenyanga yeshumi nambili ngolwamashumi amabili nesikhombisa lwenyanga, u-Evili Merodaki inkosi yaseBabele, ngomnyaka wokuqala wokubusa kwakhe, waphakamisa ikhanda likaJehoyakini inkosi yakwaJuda, wamkhipha etilongweni, 28wakhuluma kahle kuye, wabeka isihlalo sakhe phezu kwezihlalo zamakhosi ayenaye eBabele. 29Waguqula izingubo zakhe zasetilongweni; wadla njalo phambi kwakhe zonke izinsuku zokuhamba kwakhe. 30Isabelo sakhe sasiyisabelo esimiyo semihla ngemihla, asiphiwa yinkosi zonke izinsuku zokuhamba kwakhe.

2 AmaKhosi 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 8

Ukumemeza kokuhlakanipha

1Ukuhlakanipha akumemezi yini,

nokuqonda akukhiphi izwi lakho na?

2Kumi esiqongweni sezindawo eziphakemeyo,

ngasendleleni phakathi kwemikhondo.

3Ngaseceleni kwamasango,

ngasekungeneni komuzi,

lapho kungenwa ngeminyango,

kuyamemeza ngokuthi:

4“Ngiyanibiza nina madoda;

izwi lami likumadodana abantu.

5Qondani ukuhlakanipha nina eningenalwazi;

nani ziwula,

manibe nenhliziyo eqondileyo.

6Zwanini,

ngokuba ngiyakulanda okukhulu;

ukukhamisa kwezindebe zami kuyakuba ngokulungileyo.

7Ngokuba umlomo wami uyakukhuluma iqiniso;

ububi buyisinengiso ezindebeni zami.

8Onke amazwi omlomo wami asekulungeni;

akukho okuyisigwegwe nokuphambeneyo kuwo.

9Aqondile onke koqondayo;

alungile kothola ukwazi.

10Yamukelani ukufundisa kwami kunesiliva,

nokwazi kunegolide elikhethekileyo.

11Ngokuba ukuhlakanipha kuhle kunamarubi,*

nakho konke okungafiswa akunakulinganiswa nakho.

12Mina kuhlakanipha ngakhile ekuqondeni,

ngithola ukwazi namasu.

13Ukumesaba uJehova kungukuzonda okubi;

ukuzidla, nokuzikhukhumeza,

nendlela embi,

nomlomo wobuphoxo, ngiyakuzonda.

14Kimina kukhona ukululeka nempumelelo;

ngingukuqonda, nginamandla.

15Amakhosi abusa ngami,

nababusi bamisa ukulunga.

16Izikhulu zibusa ngami,

namakhosana, bonke abahluleli bomhlaba.

17Ngiyathanda abangithandayo;

abangifunayo bayakungifumana.

18Ingcebo nodumo kukimi,

ukunotha okumiyo nokulunga.

19Isithelo sami sihle kunegolide,

kunegolide elicwengekileyo,

nenzuzo yami kunesiliva elikhethekileyo.

20Ngiyahamba endleleni yokulunga,

phakathi kwemikhondo yokwahlulela,

21ukuze ngenze abangithandayo badle ifa lemfuyo,

ngigcwalise izindlu zabo zengcebo.

22“UJehova wangidala ngingukuqala kwendlela yakhe

ngaphambi kwemisebenzi yamandulo.

23Ngamiswa kwaphakade kwasekuqaleni,

umhlaba ungakabikho.

24Lungakabikho utwa ngazalwa,

ingakabikho imithombo egcwele amanzi.

25Zingakasekelwa izintaba,

namagquma engakabikho, ngazalwa,

26engakawenzi umhlaba namasimu,

nokuqala kothuli lwezwe.

27Ekulungiseni kwakhe izulu ngangikhona,

nasekudwebeni kwakhe umkhathi ebusweni botwa.

28Lapho enza ukuba isibhakabhaka phezulu siqine,

nemithombo yotwa iphuphume ngamandla,

29lapho emisela ulwandle umncele,

ukuze amanzi angeqi izwi lakhe,

nalapho emisa izisekelo zomhlaba,

30khona nganginaye ngiyingcweti yomsebenzi,

ngiyintokozo yakhe imihla ngemihla,

ngijabula phambi kwakhe isikhathi sonke,

31ngijabula ezweni lomhlaba wakhe,

intokozo yami ikanye namadodana abantu.

32“Ngalokho, bantwana, ngizweni,

ngokuba babusisiwe abagcina izindlela zami.

33Yizwani ukulaya, nihlakaniphe,

ningakwenqabi.

34Ubusisiwe umuntu ongizwayo,

elinda imihla ngemihla ngasemasangweni ami,

ehlala ngasezinsikeni zeminyango yami.

35Ngokuba ongifumanayo,

ufumana ukuphila,

azuze umusa kuJehova.

36Ongangifumani uyona umphefumulo wakhe;

bonke abangizondayo bathanda ukufa.”

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU