Bible Society of South Africa

To The Word – Day 131

Amos 6–9, Obadiah 1, Proverbs 10

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Amose 6

Ukuchithwa kweSamariya

1Wo kwabazinzileyo eSiyoni,

nabalondekile entabeni yaseSamariya,

abaqhamileyo besokuqala sezizwe,

efika kubo indlu yakwa-Israyeli!

2Dlulelani eKaline, nibone;

nisuke lapho, niye eHamati elikhulu,

bese nehlela eGati lamaFilisti;

bahle kunale mibuso yini,

umkhawulo wabo mkhulu kunomkhawulo wenu na?

3nina enidedisela kude usuku olubi,

kepha nisondezile isihlalo sobudlova.

4Balele emibhedeni yophondo lwendlovu,

bacambalala ezinkukhweni zabo;

badla amawundlu omhlambi

namathole avela phakathi kwesibaya.

5Bahaya ngomsindo wogubhu,

baziqambela izinto zokubethwa njengoDavide.

6Baphuza imikhele yewayini,

bazigcoba ngamafutha amahle,

kepha abadabuki ngokuchithwa kukaJosefa.

7Ngalokho sebeyakuthunjwa phakathi kwabokuqala abathunjwayo,

kusuke ukuxokozela kwabacambalalayo.

8INkosi uJehova izifungile, usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti, yathi:

“Ngiyanengwa ngukuzidla kukaJakobe,

ngizonda izindlu zakhe zamakhosi;

ngiyakukhaphela umuzi nokugcwala kwawo.”

9Kuyakuthi uma kusele amadoda ayishumi endlini inye, afe. 10Lapho umngane womuntu emphakamisa kanye noshisayo ukuba bakhiphe amathambo endlini, abesesho kophakathi kwendlu impela ukuthi: “Kusekhona muntu kuwe na?” yena esephendula athi: “Akusekho,” khona wothi: “Thula, ngokuba asinakuthinta igama likaJehova.”

11Ngokuba bhekani,

uJehova uyayaleza:

uyakushaya indlu enkulu ibe yizihlephu,

nendlu encane ibe yizingcezu.

12Amahhashi ayagijima emadwaleni,

kulinywa elwandle ngezinkabi, na?

Ngokuba niphendulile ukwahlulela kwaba yisihlungu,

nezithelo zokulunga zaba ngumhlonyane,

13nina enithokoza ngento engelutho,

nithi: “Asizithathelanga izimpondo ngamandla ethu na?”

14“Ngokuba bhekani, ngiyakunivusela isizwe

nina ndlu ka-Israyeli,” usho uJehova uNkulunkulu Sebawoti;

“bayakunicindezela kusukela ekuyeni eHamati

kuze kube semfuleni wase-Araba.”

U-Amose 7

Umbono ngezinkumbi

1INkosi uJehova yangibonisa kanje: bheka, yayenza isikhonyane ekuqaleni kokumila kotshani bamuva; bheka, kwakungutshani bamuva emva kokusika kwenkosi. 2Kwathi lapho sesidlile utshani bezwe, ngathi: “Nkosi Jehova, ake uthethelele; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

3UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” usho uJehova.

Umbono ngomlilo eqedayo

4Yayisingibonisa kanje iNkosi uJehova: bheka, iNkosi uJehova yabiza ukulwa ngomlilo; wadla utwa olukhulu, wawusuyakudla futhi isabelo sikaJehova. 5Ngase ngithi: “Nkosi Jehova, mawuyeke; uJakobe uyakuma kanjani, ngokuba mncane.”

6UJehova wazisola ngalokhu. “Akuyikubakho,” isho iNkosi uJehova.

Umbono ngentambo yomthofu

7Wayesengibonisa kanje: bheka, iNkosi yayimi ngasogangeni olwakhiwe ngentambo yomthofu wokumisa, enentambo yomthofu wokumisa esandleni sakhe. 8UJehova wathi kimi: “Amose, ubonani na?”

Ngathi: “Intambo yomthofu wokumisa.”

Yayisithi iNkosi: “Bhekani, ngiyakubeka intambo yomthofu wokumisa phakathi kwabantu bami u-Israyeli; angisayikubadlula.

9“Izindawo eziphakemeyo zika-Isaka ziyakuchithwa,

nezindlu ezingcwele zakwa-Israyeli ziyakuqothulwa,

ngivukele indlu kaJerobowamu ngenkemba.”

O-Amasiya no-Amose

10U-Amasiya umpristi waseBethele wayesethumela kuJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli, wathi: “U-Amose ukwenzele ugobe phakathi kwendlu yakwa-Israyeli; izwe alinakuthwala onke amazwi akhe. 11Ngokuba u-Amose ushilo kanje, wathi:

“UJerobowamu uyakufa ngenkemba,

u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.”

12U-Amasiya wayesethi ku-Amose: “Wena mboni, hamba, ubalekele ezweni lakwaJuda, udle khona isinkwa, uprofethe khona; 13ungabe usaqhubeka kodwa ukuprofetha eBethele, ngokuba liyindlu engcwele yenkosi nendlu yombuso.”

14Wayesephendula u-Amose, wathi ku-Amasiya: “Angisiye umprofethi mina, nendodana yomprofethi angisiyo, kepha ngangingumalusi, ngangitshala imithombe. 15Kepha uJehova wangisusa ekulandeleni umhlambi; uJehova wathi kimi: ‘Hamba uprofethe kubantu bami u-Israyeli.’ 16Manje yizwa izwi likaJehova lokuthi: Wena uthi:

“ ‘Ungaprofethi ngo-Israyeli,

ungaconsisi izwi lakho phezu kwendlu ka-Isaka.’

17“Ngalokho usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Umkakho uyakufeba emzini,

namadodana akho namadodakazi akho ayakuwa ngenkemba,

nezwe liyakudatshulwa ngentambo;

wena uyakufela ezweni elingcolileyo,

u-Israyeli athunjwe nokuthunjwa ezweni lakhe.’ ”

U-Amose 8

Umbono ngezithelo zasehlobo

1INkosi uJehova yayisingibonisa kanje: bheka, nanto iqoma lezithelo zasehlobo. 2Yathi: “Amose, ubonani na?”

Ngathi: “Iqoma lezithelo zasehlobo.”

Wayesethi uJehova kimi: “Ukuphela sekufikile kubantu bami u-Israyeli; angisayikumdlula.

3“Izihlabelelo zethempeli ziyakuba ngukuhhewula ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova; “izidumbu ziyakuba ziningi, zilahlwe ezindaweni zonke. Thulani!”

Ukwahlulelwa kwabathengisi abakhohlisayo

4Yizwani lokhu nina enigwinya abampofu,

nenichitha abaswelayo bezwe,

5nithi:

“Kuyakudlula nini ukwethwasa kwenyanga

ukuba sithengise ngamabele,

nesabatha ukuba sikhiphe ukolweni,

senze i-efa* libe lincane,

senze ishekeli* libe likhulu,

senze izilinganiso ukuba zikhohlise,

6ukuze sithenge abampofu ngesiliva

nabaswelayo ngamabhangqa ezicathulo,

sithengise ngamahlunge kakolweni.”

7UJehova ufungile ukuziqhenya kukaJakobe ngokuthi: “Impela angiyikukhohlwa kuze kube phakade nesisodwa sezenzo zabo.

8“Umhlaba awuyikuqhaqhazela ngalokho,

balile bonke abakhileyo kuwo, na?

Yebo, uyakukhukhumala wonke njengeNayile,

unyakaze, ubuye ubohle njengomfula waseGibithe.

9“Kuyakuthi ngalolo suku,” isho iNkosi uJehova,

“ngilishonise ilanga emini,

ngenze ukuba kube mnyama emhlabeni emini ekhanyayo.

10Ngiyakuphendula imikhosi yenu ibe ngukukhala,

nezihlabelelo zenu zonke zibe yizililo,

ngibeke izindwangu zamasaka ezinkalweni zonke,

nobumpandla kuwo onke amakhanda,

ngikwenze kube njengokulilela indodana eyodwa,

ukuphela kwakho kube njengosuku olumunyu.”

Indlala yezwi likaNkulunkulu

11“Bhekani, izinsuku ziyeza,” isho iNkosi uJehova,

“lapho ngiyakuthuma indlala ezweni,

kungabi yindlala yezinkwa,

kungabi ngukomela amanzi,

kepha kube ngeyokuzwa amazwi kaJehova.

12Bayakuzulazula kusukela elwandle kuze kube selwandle,

kusukela enyakatho kuze kube sempumalanga,

bahambahambe ukufuna izwi likaJehova,

kepha abayikulifumana.

13“Ngalolo suku izintombi ezinhle

nezinsizwa ziyakudangala ukoma.

14Abafunga icala laseSamariya, bathi:

‘Kuphila kukankulunkulu wakho, Dani,’

nokuthi: ‘Kuphila kothandiweyo wakho, Beri Sheba,’

bayakuwa, bangabe besavuka.”

U-Amose 9

Ukuwa kwethempeli

1Ngayibona iNkosi imi ngase-altare, yathi:

“Shaya izihloko zezinsika,

ukuze imigulugulu izamazame,

uzaphule phezu kwamakhanda abo bonke;

abaseleyo babo ngiyakubabulala ngenkemba;

obalekayo kubo akayikubaleka,

nophunyukayo kubo akayikuphunyuka.

2Noma befohla endaweni yabafileyo,

isandla sami siyakubakhipha khona;

noma bekhuphukela ezulwini,

ngiyakubehlisa khona.

3Noma becasha esiqongweni saseKarmeli,

ngiyakubafunisisa,

ngibakhiphe khona;

nakuba befihlekile emehlweni ami phakathi kolwandle,

ngiyakuyala inyoka ukuba iphume khona, ibalume.

4Noma beya ekuthunjweni phambi kwezitha zabo,

ngiyakubiza inkemba ukuba iphume khona, ibabulale,

ngibeke amehlo ami kubo

kube kubi, kungabi kuhle.”

5INkosi uNkulunkulu Sebawoti

yiyo ethinta umhlaba, uncibilike,

bakhale bonke abakhileyo kuwo;

uyakukhukhumala wonke njengeNayile,

ubuye ubohle njengomfula waseGibithe;

6yiyona ewakhayo amakamelo ayo aphezulu ezulwini,

isekele igobela lawo emhlabeni;

yiyona ewabizayo amanzi olwandle,

iwathululele ebusweni bomhlaba;

nguJehova igama layo.

7“Aninjengabantwana bakwaKushe kimi,

nina bantwana bakwa-Israyeli, na?” usho uJehova.

“Angikhuphulanga u-Israyeli ezweni laseGibithe,

namaFilisti eKafitori, nama-Aramu eKhiri, na?”

Insali

8“Bhekani, amehlo eNkosi uJehova akuwo umbuso owonayo;

ngiyakuwuchitha ebusweni bomhlaba,

ngingachithi nokho ngokupheleleyo indlu kaJakobe,” usho uJehova.

9“Ngokuba bheka, ngiyakuyaleza,

ngizulazulise indlu yakwa-Israyeli

phakathi kwabo bonke abezizwe,

njengalokhu kuhlungwa ngesihlungo,

kepha akuyikuwela nembewu eyodwa emhlabathini.

10Zonke izoni zabantu bami ziyakufa ngenkemba,

zona ezithi: ‘Okubi akuyikusondela kithina, kusehlele.’ ”

Ukubuyiswa kuka-Israyeli

11“Ngalolo suku

ngiyakumisa idokodo likaDavide eliwileyo,

ngivale imifantu yalo;

ngiyakumisa izihlephu zalo,

ngilakhe njengasezinsukwini zasendulo,

12ukuze badle ifa lensali yakwa-Edomi

nelezizwe zonke ezabizwa ngegama lami,”

usho uJehova okwenza lokhu.

13“Bhekani, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,

“lapho olimayo eyakufica ovunayo,

nonyathela izithelo zomvini ohlwanyela imbewu;

izintaba ziyakuconsa iwayini,

amagquma onke ancibilike.

14Ngiyakubuyisa ukuthunjwa kwabantu bami u-Israyeli,

bakhe imizi echithekileyo,

bahlale kuyo;

bayakutshala izivini,

baphuze iwayini lazo;

bayakwenza nezivande,

badle izithelo zazo.

15Ngiyakubatshala ezweni labo,

bangabe besasishulwa ezweni labo engibanike lona,” usho uJehova uNkulunkulu wakho.

U-Obadiya 1

Isiprofetho ngo-Edomi

1Umbono ka-Obadiya.

Isho kanje iNkosi uJehova ngo-Edomi, ithi:

Sizwile imibiko evela kuJehova,

kuthunyiwe isithunywa phakathi kwabezizwe ngokuthi:

“Vukani, simvukele ngokulwa.”

2“Bheka, ngiyakukwenza ube mncane phakathi kwabezizwe;

udeleleke kakhulu.

3Ukuzidla kwenhliziyo yakho kukukhohlisile

wena ohlezi emifantwini yamawa,

ondawo yakho yokuhlala iphakeme,

othi enhliziyweni yakho:

Ngubani ongangehlisela phansi na?

4Noma uphakama njengokhozi,

kubekwe isidleke sakho phakathi kwezinkanyezi,

ngiyakukwehlisa khona,” usho uJehova.

5“Uma amasela efika kuwe,

nabaphangi ebusuku yeka ukuchithwa kwakho

bebengayikweba baze baneliswe na?

Uma abavuna izithelo zomvini befika kuwe,

bebengayikushiya umkhothozo na?

6Yeka ukufunisiswa kuka-Esawu,

yeka ukuphenywa kwamagugu akhe afihliweyo!

7Bonke abantu besivumelwano sakho bayakukuxosha emkhawulweni;

abantu ababehlalisana nawe ngokuthula bayakukukhohlisa,

bakwahlule;

abadla isinkwa sakho bayakubeka ugibe phansi kwakho;

akakho oluqondayo.

8“Angithi ngiyakuchitha abahlakaniphileyo kwa-Edomi

ngalolo suku,” usho uJehova,

“nokuqonda entabeni yakwa-Esawu, na?

9Amaqhawe akho, Themani,

ayakuphela amandla,

ukuze yilowo nalowo anqunywe entabeni yakwa-Esawu ngokubulawa.

10Ngenxa yendluzula eyenziwa kumfowenu uJakobe,

amahloni ayakukusibekela,

unqunywe kuze kube phakade.

11Ngosuku owema kude ngalo,

ngosuku abafokazi abasusa ngalo imfuyo yakhe,

nabezizwe bangena ngamasango akhe,

benza inkatho ngeJerusalema,

nawe wawunjengomunye wabo.

12Kepha ungabheki usuku lomfowenu ngosuku lobufokazi bakhe,

ungathokozi ngabantwana bakwaJuda ngosuku lokuchithwa kwabo,

ungaqhalazi ngosuku losizi.

13Ungangeni ngesango labantu bami ngosuku lwesigemegeme sabo,

ungabheki ukuhlupheka kwabo ngosuku lwesigemegeme sabo,

ningabeki sandla emfuyweni yabo ngosuku lwesigemegeme sabo.

14Ungemi enhlanganweni yezindlela ukunquma abaphunyukileyo bakhe,

ungakhapheli abaseleyo bakhe ngosuku losizi.

15“Ngokuba usuku lukaJehova lusondele

ezizweni zonke;

njengokwenza kwakho kuyakwenziwa kanjalo kuwe;

izenzo zakho ziyakubuyela ekhanda lakho.

16Ngokuba njengalokho niphuzile entabeni yami engcwele,

bayakuphuza kanjalo bonke abezizwe,

baphuze, bagwinye,

babe njengokungathi abazange babe khona.

17Kepha entabeni yaseSiyoni kuyakuba khona abasindayo,

ibe ngcwele,

nendlu yakwaJakobe iyakudla ifa layo.

18Indlu yakwaJakobe iyakuba ngumlilo,

indlu kaJosefa ibe yilangabi,

indlu ka-Esawu ibe ngamabibi,

bawashise, bawaqede;

akuyikubakho oseleyo endlini ka-Esawu,”

ngokuba uJehova ukhulumile.

19Abaseningizimu bayakudla ifa lentaba yakwa-Esawu,

nabasehlanzeni ifa lamaFilisti,

badle ifa lezwe lakwa-Efrayimi nezwe laseSamariya,

uBenjamini adle iGileyadi.

20Abathunjwa bale mpi yabantwana bakwa-Israyeli

abaphakathi kwamaKhanani kuze kube seSarefati

nabathunjwa baseJerusalema abaseSefaradi

bayakudla ifa lemizi yaseningizimu.

21Abasindisi bayakukhuphukela entabeni yaseSiyoni

ukuyakwahlulela intaba yakwa-Esawu,

umbuso besewuba ngokaJehova.

U-Obadiya 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 10

Indlela yokulunga nendlela yobubi

1Nazi izaga zikaSolomoni:

Indodana ehlakaniphileyo ithokozisa uyise,

kepha indodana eyisiwula ilusizi kunina.

2Ingcebo yobubi ayisizi lutho,

kepha ukulunga kophula ekufeni.

3UJehova akavumi ukuba olungileyo alambe,

kepha isifiso somubi uyasihlohloloza.

4Isandla esinobudenge siveza ubumpofu,

kepha isandla sokukhuthala siyacebisa.

5Obutha ehlobo uyindodana ehlakaniphileyo;

olele ubuthongo ngesikhathi sokuvuna uyindodana ehlazisayo.

6Izibusiso zisekhanda lolungileyo,

kepha umlomo wababi uyafihla ubudlwangudlwangu.

7Ukukhunjulwa kolungileyo kubusisekile,

kepha igama lababi liyabola.

8Ohlakaniphile ngenhliziyo uyakwamukela imiyalo,

kepha isiwula esiphoshozayo siyakuwiswa.

9Ohamba ngobuqotho uhamba ngokulondeka,

kepha ohlanekezela izindlela zakhe uyakwaziwa.

10Oqwayiza iso ubanga usizi,

kepha osola ubuso nobuso uveza ukuthula.

11Umlomo wolungileyo ungumthombo wokuphila,

kepha umlomo wababi ufihla ubudlwangudlwangu.

12Inzondo iyabanga ukuxabana,

kepha uthando luyasibekela iziphambeko zonke.

13Ezindebeni zoqondileyo kufunyanwa ukuhlakanipha,

kepha uswazi lungolomhlane wongenangqondo.

14Abahlakaniphileyo bayabekelela ukwazi,

kepha umlomo wesiwula uyincithakalo eseduze.

15Imfuyo yesicebi ingumuzi waso onamandla;

incithakalo yabampofu ingubumpofu babo.

16Umsebenzi wolungileyo ungowokuphila;

inzuzo yababi ingeyokona.

17Onaka ukulaywa usendleleni yokuphila,

kepha owenqaba ukusolwa uyaduka.

18Ofihla inzondo unezindebe zamanga;

ophumisa inhlebo uyisiwula.

19Lapho amazwi emaningi khona,

akuphuthi ukuphambeka;

obamba umlomo wakhe uhlakaniphile.

20Ulimi lolungileyo luyisiliva elikhethekileyo;

ingqondo yababi iyinto encane.

21Izindebe zolungileyo ziyondla abaningi,

kepha iziwula ziyafa ngokuswela ingqondo.

22Isibusiso sikaJehova siyacebisa;

akenezeli usizi kuso.

23Ukwenza okubi kunjengokudlala kuso isiwula;

kunjalo ukuhlakanipha kumuntu onengqondo.

24Akwesabayo omubi kuyamehlela,

nabakufisayo abalungileyo bayakuphiwa.

25Lapho sidlula isivunguvungu,

akasekho omubi,

kepha olungileyo uyisisekelo esingunaphakade.

26Njengoviniga emazinyweni nomusi emehlweni,

linjalo ivila kwabalithumileyo.

27Ukumesaba uJehova kuyandisa izinsuku,

kepha iminyaka yababi iyancishiswa.

28Ithemba labalungileyo liyakuba yintokozo,

kepha abakwethembayo ababi kuyakubhubha.

29Indlela kaJehova iyinqaba kopheleleyo,

kepha incithakalo ikubenzi bokona.

30Olungileyo akayikunyakaziswa kuze kube phakade,

kepha ababi abayikuhlala ezweni.

31Umlomo wolungileyo uyathela ukuhlakanipha,

kepha ulimi oluphambeneyo luyakunqunywa.

32Izindebe zolungileyo ziyakwazi okuhle,

kepha umlomo wababi okuphambeneyo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU