Bible Society of South Africa

To The Word – Day 137

1 Chronicles 1–5, Psalm 26

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 1

Okhokho abayishumi kusukela ku-Adamu kuze kube kuNowa. Amadodana kaNowa nabantwana bawo

1O-Adamu, noSeti, no-Enoshe, 2noKhenani, noMahalalele, noJarede, 3no-Enoke, noMetushela, noLameka, 4noNowa, noShemi, noHamu, noJafete.

5Amadodana kaJafete: ngoGomere, noMagoge, noMadayi, noJavani, noThubali, noMesheke, noTirase. 6Amadodana kaGomere: ngo-Ashikenaze, noDifate, noThogarma. 7Amadodana kaJavani: ngo-Elisha, noTharishishi, noKitimi, noRodanimi.

8Amadodana kaHamu: ngoKushe, noMisirayimi, noPhuthi, noKhanani. 9Amadodana kaKushe: ngoSeba, noHavila, noSabita, noRama, noSabitheka. Amadodana kaRama: ngoSheba noDedani. 10UKushe wazala uNimrode; yena waqala ukuba ngonamandla emhlabeni. 11UMisirayimi wazala amaLudi, nama-Anami, namaLehabi, namaNafetuhi, 12namaPatrusi, namaKasuluhi, lapho kwavela khona amaFilisti, namaKafitori.

13UKhanani wazala uSidoni, izibulo lakhe, noHeti, 14namaJebusi, nama-Amori, namaGirigashi, 15namaHivi, nama-Arki, namaSini, 16nama-Arvadi, namaSemari, namaHamati.

17Amadodana kaShemi: ngo-Elamu, no-Ashuri, no-Arpakishade, noLude, no-Aramu, no-Use, noHule, noGeteri, noMesheke. 18U-Arpakishade wazala uShela; uShela wazala u-Ebere. 19U-Ebere wazala amadodana amabili: igama lomunye lalinguPhelege,* ngokuba emihleni yakhe izwe ladatshulwa. Igama lomfowabo lalinguJokothane. 20UJokothane wazala o-Alimodade, noShelefe, noHasaramavete, noJera, 21noHadoramu, no-Uzali, noDikila, 22no-Ebali, no-Abimayele, noSheba, 23no-Ofiri, noHavila, noJobabi; bonke labo babe ngamadodana kaJokothane; 24oShemi, no-Arpakishade, noShela, 25no-Ebere, noPhelege, noRehu, 26noSerugi, noNahori, noThera, 27no-Abrama ongu-Abrahama. 28Amadodana ka-Abrahama: ngo-Isaka no-Ishmayeli.

29Lezi ziyizizukulwane zabo: izibulo lika-Ishmayeli uNebayoti, noKedari, no-Adibeli, noMibisamu, 30noMishima, noDuma, noMasa, noHadadi, noThema, 31noJeturu, noNafishi, noKhedema. Labo babe ngamadodana ka-Ishmayeli.

32Amadodana kaKetura, isancinza sika-Abrahama: wazala oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. Amadodana kaJokishani: ngoSheba noDedani. 33Amadodana kaMidiyani: ngo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babe ngamadodana kaKetura.

34U-Abrahama wazala u-Isaka. Amadodana ka-Isaka: ngo-Esawu no-Israyeli.

35Amadodana ka-Esawu: ngo-Elifazi, noRehuweli, noJewushe, noJalamu, noKora. 36Amadodana ka-Elifazi: ngoThemani, no-Omari, noSefi, noGathamu, noKenazi, noThimna, no-Amaleki. 37Amadodana kaRehuweli: ngoNahati, noZera, noShama, noMiza.

38Amadodana kaSeyiri: ngoLothani, noShobali, noSibeyoni, no-Ana, noDishoni, no-Eseri, noDishani. 39Amadodana kaLothani: ngoHori noHomamu; udadewabo kaLothani wayenguThimna. 40Amadodana kaShobali: ngo-Aliyani, noManahati, no-Ebali, noShefi, no-Onamu. Amadodana kaSibeyoni: ngo-Aya no-Ana. 41Amadodana ka-Ana: nguDishoni. Amadodana kaDishoni: ngoHamrani, no-Eshibani, noJitrani, noKerani. 42Amadodana ka-Eseri: ngoBilihani, noZahawana, noJahakhani. Amadodana kaDishani: ngo-Use no-Arana.

43Lawa angamakhosi abusa ezweni lakwa-Edomi, kungakabusi nkosi phezu kwabantwana bakwa-Israyeli: uBela indodana kaBeyori. Igama lomuzi wakhe laliyiDinihaba. 44Wafa uBela; uJobabi indodana kaZera waseBosira waba yinkosi esikhundleni sakhe. 45Wafa uJobabi; uHushamu wasezweni labakwaThemani waba yinkosi esikhundleni sakhe. 46Wafa uHushamu; uHadadi, indodana kaBedadi, owanqoba abakwaMidiyani ethafeni lakwaMowabi, waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyi-Aviti. 47Wafa uHadadi; uSamla waseMasireka waba yinkosi esikhundleni sakhe. 48Wafa uSamla; uShawule waseRehoboti ngaseMfuleni* waba yinkosi esikhundleni sakhe. 49Wafa uShawule; uBali Hanani indodana ka-Akibori waba yinkosi esikhundleni sakhe. 50Wafa uBali Hanani; uHadadi waba yinkosi esikhundleni sakhe; igama lomuzi wakhe laliyiPhahi; igama lomkakhe lalinguMehetabeli indodakazi kaMatiredi, indodakazi kaMezahabi. 51Wafa uHadadi; abanumzane bakwa-Edomi kwakuyilaba: umnumzane uThimna, nomnumzane u-Aliya, nomnumzane uJeteti, 52nomnumzane u-Oholibama, nomnumzane u-Ela, nomnumzane uPhinoni, 53nomnumzane uKenazi, nomnumzane uThemani, nomnumzane uMibisari, 54nomnumzane uMagidiyeli, nomnumzane u-Iramu. Yilabo abangabanumzane bakwa-Edomi.

1 iziKronike 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 2

Amadodana kaJakobe, nakaJuda, nakaHesironi, nakaKalebi

1Nanka amadodana ka-Israyeli: oRubeni, noSimeyoni, noLevi, noJuda, no-Isakare, noZebuloni, 2noDani, noJosefa, noBenjamini, noNafetali, noGadi, no-Asheri.

3Amadodana kaJuda: ngo-Eri, no-Onani, noShela; labo abathathu bazalwa nguye kuBati Shuwa, umKhananikazi. Kepha u-Eri, izibulo likaJuda, wayemubi emehlweni kaJehova; wambulala. 4UTamari umalokazana wakhe wamzalela oPheresi noZera. Onke amadodana kaJuda ayeyisihlanu.

5Amadodana kaPheresi: ngoHesironi noHamule. 6Amadodana kaZera: ngoZimri, no-Ethani, noHemani, noKalikoli, noDara, eyisihlanu onke. 7Amadodana kaKarmi: ngo-Akari, umhluphi ka-Israyeli, owenza isiphambeko ngokuqalekisiweyo. 8Amadodana ka-Ethani: ngu-Azariya. 9Amadodana kaHesironi awazalelwayo: ngoJerameli, noRamu, noKelubayi. 10URamu wazala u-Aminadaba; u-Aminadaba wazala uNaheshoni, isikhulu sabantwana bakwaJuda; 11uNaheshoni wazala uSalima; uSalima wazala uBowazi; 12uBowazi wazala u-Obede; u-Obede wazala uJese.

13UJese wazala izibulo lakhe u-Eliyabi, no-Abinadaba owesibili, noShimeya owesithathu, 14noNethaneli owesine, noRadayi owesihlanu, 15no-Osemi owesithupha, noDavide owesikhombisa; 16odadewabo: ngoSeruya no-Abigayili. Amadodana kaSeruya: ngo-Abishayi, noJowabe, no-Asaheli, emathathu. 17U-Abigayili wazala u-Amasa; uyise ka-Amasa wayenguJetheri umIshmayeli.

18UKalebi indodana kaHesironi wazala ku-Azuba umkakhe nakuJeriyoti; amadodana akhe: ngoJesheri, noShobabi, no-Aridoni. 19Wafa u-Azuba; uKalebi wathatha u-Efrati, owamzalela uHure. 20UHure wazala u-Uri; u-Uri wazala uBesaleli.

21Ngasemuva uHesironi wangena kuyo indodakazi kaMakiri uyise kaGileyadi; wamthatha eseneminyaka engamashumi ayisithupha; wamzalela uSegubi. 22USegubi wazala uJayire, owayenemizi engamashumi amabili nantathu ezweni lakwaGileyadi. 23OGeshuri no-Aramu babaphuca imizi kaJayirem, kanye neKhenati nemizi yalo, imizi engamashumi ayisithupha. Bonke labo babe ngamadodana kaMakiri uyise kaGileyadi.

24Emva kokuba esefile uHesironi eKalebi Efratha, u-Abiya, umkaHesironi, wamzalela u-Ashuri uyise kaThekhowa.

25Amadodana kaJerameli, izibulo likaHesironi, ayenguRamu izibulo, noBuna, no-Oreni, no-Osemi, no-Ahiya. 26UJerameli wayenomunye umfazi ogama lakhe lalingu-Athara; wayengunina ka-Onamu. 27Amadodana kaRamu, izibulo likaJerameli, ayengoMahasi, noJamini, no-Ekheri. 28Amadodana ka-Onamu ayengoShamayi noJada; amadodana kaShamayi: ngoNadabi no-Abishuri. 29Igama lomka-Abishuri lalingu-Abihayili; wamzalela o-Ahibani noMolidi. 30Amadodana kaNadabi: ngoSeledi no-Aphayimi; kepha uSeledi wafa engenabantwana. 31Amadodana ka-Aphayimi: ngu-Ishi; amadodana ka-Ishi: nguSheshani; amadodana kaSheshani: ngu-Ahilayi. 32Amadodana kaJada umfowabo kaShamayi: ngoJetheri noJonathani; uJetheri wafa engenabantwana. 33Amadodana kaJonathani: ngoPheleti noZaza. Labo babe ngamadodana kaJerameli. 34Kepha uSheshani wayengenamadodana, enamadodakazi odwa. USheshani wayenenceku, eyaseGibithe, egama layo lalinguJariha. 35USheshani wanika uJariha inceku yakhe indodakazi yakhe ibe ngumkakhe; wamzalela u-Athayi. 36U-Athayi wazala uNathani; uNathani wazala uZabadi; 37uZabadi wazala u-Efilali; u-Efilali wazala u-Obede; 38u-Obede wazala uJehu; uJehu wazala u-Azariya; 39u-Azariya wazala uHelesi; uHelesi wazala u-Eleyasa; 40u-Eleyasa wazala uSisamayi; uSisamayi wazala uShalumi; 41uShalumi wazala uJekamiya; uJekamiya wazala u-Elishama.

42Amadodana kaKalebi umfowabo kaJerameli: nguMesha izibulo lakhe, owayenguyise kaZifi, namadodana kaMaresha, uyise kaHebroni. 43Amadodana kaHebroni: ngoKora, noTaphuwa, noRekemi, noShema. 44UShema wazala uRahamu uyise kaJorikeyamu; uRekemi wazala uShamayi. 45Indodana kaShamayi: nguMahoni; uMahoni wayenguyise kaBeti Suri.

46U-Efa, isancinza sikaKalebi, wazala oHarana, noMosa, noGazezi; uHarana wazala uGazezi. 47Amadodana kaJadayi: ngoRegemi, noJothamu, noGeshani, noPheleti, no-Efa, noShahafi. 48UMahakha, isancinza sikaKalebi, wazala oSheberi noThirihana. 49Wazala noShahafi uyise kaMadimana, noSheva uyise kaMakibena, noyise kaGibeya; indodakazi kaKalebi yayingu-Akisa.

50Laba babe ngamadodana kaKalebi: amadodana kaHure izibulo lika-Efratha: nguShobali uyise kaKiriyati Jeharimi, 51noSalima uyise kaBetlehema, noHarefi uyise kaBeti Gaderi. 52NoShobali uyise kaKiriyati Jeharimi wayenamadodana: nguHarowe nenxenye kaMenuhoti. 53Imindeni kaKiriyati Jeharimi yayingamaJetheri, namaPhuthi, namaShumati, namaMishirayiti; kubona kwavela amaSorati nama-Eshitawoli. 54Amadodana kaSalima: nguBetlehema, namaNethofa, no-Atharoti BetiJowabe, nenxenye yamaManahati, amaSori. 55Imindeni yababhali ababehlala eJabesi: ngamaThirati, namaShimeyati, namaSukati. Labo babe ngamaKheni avela kuHamati uyise wendlu kaRekabi.

1 iziKronike 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 3

Abantwana bakaDavide: amakhosi akwaJuda; amadodana kaJekoniya

1Laba babe ngamadodana kaDavide azalelwa wona eHebroni: izibulo ngu-Amnoni ku-Ahinohama umHizreyelikazi; owesibili nguDaniyeli ku-Abigayili umKarmelikazi; 2owesithathu ngu-Abisalomu indodana kaMahakha indodakazi kaTalimayi inkosi yaseGeshuri; owesine ngu-Adoniya indodana kaHagiti; 3owesihlanu nguShefathiya ku-Abithali; owesithupha ngu-Itereyamu ku-Egila umkakhe. 4Wazalelwa ayisithupha eHebroni; wabusa khona iminyaka eyisikhombisa nezinyanga eziyisithupha; eJerusalema wabusa iminyaka engamashumi amathathu nantathu.

5Yilaba azalelwa bona eJerusalema: ngoShimeya, noShobabi, noNathani, noSolomoni, bebane, kuBati Shuwa indodakazi ka-Amiyeli, 6noJibari, no-Elishama, no-Elifeleti, 7noNoga, noNefegi, noJafiya, 8no-Elishama, no-Eliyada, no-Elifeleti, beyisishiyagalolunye.

9Bonke labo babe ngamadodana kaDavide ngaphandle kwamadodana ezancinza; uTamari wayengudadewabo. 10Indodana kaSolomoni yayinguRehobowamu; ngu-Abiya indodana yakhe; ngu-Asa indodana yakhe; nguJehoshafati indodana yakhe; 11nguJoramu indodana yakhe; ngu-Ahaziya indodana yakhe; nguJowashi indodana yakhe; 12ngu-Amasiya indodana yakhe; ngu-Azariya indodana yakhe; nguJothamu indodana yakhe; 13ngu-Ahazi indodana yakhe; nguHezekiya indodana yakhe; nguManase indodana yakhe; 14ngu-Amoni indodana yakhe; nguJosiya indodana yakhe. 15Amadodana kaJosiya: izibulo nguJohanani; owesibili nguJehoyakimi; owesithathu nguSedekiya; owesine nguShalumi. 16Amadodana kaJehoyakimi: nguJekoniya indodana yakhe noSedekiya indodana yakhe.

17Amadodana kaJekoniya umthunjwa: ngoSheyalitiyeli indodana yakhe, 18noMalikiramu, noPhedaya, noShenasari, noJekamiya, noHoshama, noNedabiya. 19Amadodana kaPhedaya: ngoZerubabele noShimeyi; amadodana kaZerubabele: ngoMeshulamu noHananiya uShelomiti wayengudadewabo 20noHashuba, no-Oheli, noBerekiya, noHasadiya, noJushabi Hesedi, beyisihlanu. 21Amadodana kaHananiya: ngoPhelathiya, noJeshaya, namadodana kaRefaya, namadodana ka-Arinani, namadodana ka-Obadiya, namadodana kaShekaniya. 22Amadodana kaShekaniya: nguShemaya; amadodana kaShemaya: ngoHathushi, no-Igali, noBariya, noNehariya, noShafati, beyisithupha. 23Amadodana kaNehariya: ngo-Eliyohenayi, noHezekiya, no-Azirikamu, bebathathu. 24Amadodana ka-Eliyohenayi: ngoHodaviya, no-Eliyashibi, noPhelaya, no-Akubi, noJohanani, noDelaya, no-Anani, beyisikhombisa.

1 iziKronike 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 4

Izizukulwane zikaJuda noSimeyoni

1Amadodana kaJuda: ngoPheresi, noHesironi, noKarmi, noHure, noShobali. 2URewaya indodana kaShobali wazala uJahati; uJahati wazala o-Ahumayi noLahadi. Leyo yayiyimindeni yamaSorati. 3Yilaba abangabakayise ka-Etamu: oJizreyeli, no-Ishima, no-Idibashi, igama likadadewabo lalinguHaseleliponi 4noPhenuweli, uyise kaGedori, no-Ezeri, uyise kaHusha. Yilabo ababe ngamadodana kaHure izibulo lika-Efratha, uyise kaBetlehema. 5U-Ashuri uyise kaThekhowa wayenabafazi ababili, oHela noNahara. 6UNahara wamzalela o-Ahuzamu, noHeferi, noThemeni, noHawahashitari. Yilabo ababe ngamadodana kaNahara. 7Amadodana kaHela: ngoSereti, noJisihari, no-Ethinani. 8UKhosi wazala o-Anubi, noSobeba, nemindeni ka-Ahariheli indodana kaHarumu.

9UJabesi wayetuseka kunabafowabo; unina wamqamba igama lokuthi uJabesi,* ethi: “Ngokuba ngamzala ngibuhlungu.” 10UJabesi wabiza uNkulunkulu ka-Israyeli, wathi: “Sengathi ungangibusisa nokungibusisa, wandise umkhawulo wami, isandla sakho sibe nami, ungivikele ebubini, ngingehlelwa ngubuhlungu.” UNkulunkulu wamnika akucelayo.

11UKelubi umfowabo kaShuba wazala uMehiri owayenguyise ka-Eshitoni. 12U-Eshitoni wazala uBeti Rafa, noPhaseya, noThehina uyise ka-Iri Nahashi. Yilabo ababe ngamadodana kaRekha.

13Amadodana kaKenazi: ngo-Otheniyeli noSeraya; amadodana ka-Otheniyeli: nguHathati. 14UMehonothayi wazala u-Ofira; uSeraya wazala uJowabe uyise wesigodi sabakhandi, ngokuba babe ngabakhandi.

15Amadodana kaKalebi indodana kaJefune: ngo-Iru, no-Ela, noNahamu, namadodana ka-Ela, noKenazi.

16Amadodana kaJehaleli: ngoZifi, noZifa, noThiriya, no-Asareli.

17Amadodana ka-Ezra: ngoJetheri, noMeredi, no-Eferi, noJaloni; wazala oMiriyamu, noShamayi, no-Ishiba uyise ka-Eshitemowa. 18Umkakhe umJudakazi wazala uJeredi uyise kaGedori, noHebere uyise kaSoko, noJekuthiyeli uyise kaZanowa. Kepha abanye babe ngamadodana kaBithiya indodakazi kaFaro eyathathwa nguMeredi.

19Amadodana omkaHodiya udadewabo kaNahamu ayenguyise kaKeyila umGarimi no-Eshitemowa umMahakha.

20Amadodana kaShimoni: ngo-Amnoni, noRina, noBeni Hanani, noThiloni. Amadodana ka-Ishi: ngoZoheti noBeni Zoheti.

21Amadodana kaShela indodana kaJuda: ngu-Eri, uyise kaLekha, noLahada uyise kaMaresha, nemindeni yendlu yabaluka ilineni elicolekileyo bendlu ka-Ashibeya, 22noJokimi, nabantu baseKhozeba, noJowashi, noSarafi ababebusa kwaMowabi, noJashubi Lehemi. Ngezasendulo kodwa lezi zindaba. 23Labo babe ngababumbi nabakhileyo eNethayimi naseGedera; bahlala khona nenkosi ngomsebenzi wayo.

24Amadodana kaSimeyoni: ngoNemuweli, noJamini, noJaribi, noZera, noShawule, 25noShalumi indodana yakhe, noMibisamu indodana yakhe, noMishima indodana yakhe. 26Amadodana kaMishima: ngoHamuweli indodana yakhe, noZakuri indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe.

27UShimeyi wayenamadodana ayishumi nesithupha namadodakazi ayisithupha; kepha abafowabo babengenabantwana abaningi, nomndeni wabo awandanga njengabantwana bakwaJuda. 28Bahlala eBeri Sheba, naseMolada, naseHasari Shuwali, 29naseBiliha, nase-Esemi, naseTholadi, 30naseBetuweli, naseHorma, naseSikilagi, 31naseBeti Marikaboti, naseHasari Susimi, naseBeti Biri, naseShaharayimi. Yileyo eyayiyimizi yabo kwaze kwabusa uDavide. 32Imizana yabo yayiyi-Etamu, ne-Ayini, neRimoni, neThokheni, ne-Ashani, imizi eyisihlanu, 33kanye nayo yonke imizana eyayiyizungeza le mizi kwaze kwaba seBali. Lezo zaziyizindawo zabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo.

34Futhi oMeshobabi, noJamileki, noJosha indodana ka-Amasiya, 35noJoweli, noJehu kaJoshibiya kaSeraya ka-Asiyeli, 36no-Eliyohenayi, noJahakhoba, noJeshohaya, no-Asaya, no-Adiyeli, noJesimiyeli, noBenaya, 37noZiza kaShifi ka-Aloni kaJedaya kaShimri kaShemaya.

38Labo ababizwe ngamagama babeyizikhulu emindenini yabo; izindlu zawoyise zanda kakhulu. 39Baya ngasekungeneni eGedori ngasohlangothini lwasempumalanga kwesigodi ukufunela izimvu zabo idlelo. 40Bafumana idlelo elivundileyo nelihle; izwe lalibanzi nxazombili, lizolile, linokuthula, ngokuba ababehlala khona kuqala babe ngabakwaHamu.

41Labo abalotshwe ngamagama bafika ezinsukwini zikaHezekiya inkosi yakwaJuda, bachitha amatende abo namaMehuni afunyanwa khona, bawaqothula kuze kube namuhla, bahlala esikhundleni sabo, ngokuba kwakukhona idlelo lezimvu zabo lapho. 42Abanye babo, amadodana kaSimeyoni, abantu abangamakhulu ayisihlanu, baya entabeni yaseSeyiri benezinduna zabo oPhelathiya, noNehariya, noRefaya, no-Uziyeli, amadodana ka-Ishi. 43Bachitha insali yama-Amaleki ephunyukileyo, bahlala khona kuze kube namuhla.

1 iziKronike 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 5

Isizwe sakwaRubeni nesakwaGadi nenxenye yakwaManase

1Amadodana kaRubeni, izibulo lika-Israyeli ngokuba wayeyizibulo; kepha njengokuba wangcolisa umbhede kayise, ubuzibulo bakhe banikwa amadodana kaJosefa indodana ka-Israyeli, futhi akabhalwa ngezizukulwane njengezibulo. 2Noma uJuda ebenamandla kunabafowabo, kwavela kuye umbusi, ubuzibulo nokho babungobukaJosefa. 3Amadodana-ke kaRubeni, izibulo lika-Israyeli: ngoHanoki, noPhalu, noHesironi, noKarmi.

4Amadodana kaJoweli: nguShemaya indodana yakhe, noGogi indodana yakhe, noShimeyi indodana yakhe, 5noMika indodana yakhe, noRewaya indodana yakhe, noBali indodana yakhe, 6noBera indodana yakhe, owathunjwa nguThiligati Phileneseri inkosi yase-Asiriya; wayeyisikhulu sabakwaRubeni.

7Nabafowabo ngemindeni yabo, bebhalwe ngezizukulwane zabo: ngoJehiyeli inhloko noZakariya, 8noBela ka-Azazi kaShema kaJoweli, owahlala e-Aroweri kwaze kwaba seNebo noBali Mehoni. 9Ngasempumalanga wakha kwaze kwaba sekuqaleni kwehlane elisuka emfuleni u-Ewufrathe, ngokuba izinkomo zabo zanda ezweni lakwaGileyadi. 10Emihleni kaSawule baphaka impi kumaHagiri, awa ngesandla sabo; bahlala ematendeni abo ngasempumalanga yonke yakwaGileyadi.

11Amadodana kaGadi ahlala malungana nabo ezweni laseBashani kwaze kwaba seSaleka: 12ngoJoweli inhloko, noShafamu owesibili, noJahanayi, noShafati eBashani; 13nabafowabo ngezindlu zawoyise: ngoMikayeli, noMeshulamu, noSheba, noJorayi, noJakani, noZiya, no-Ebere, beyisikhombisa. 14Labo babe ngamadodana ka-Abihayili kaHuri kaJarowa kaGileyadi kaMikayeli kaJeshishayi kaJahido kaBuzi; 15u-Ahi ka-Abidiyeli kaGuni wayeyinhloko yezindlu zawoyise. 16Bahlala kwaGileyadi eBashani nasemizini yalo nasemadlelweni onke aseSharoni kwaze kwaba semikhawulweni yawo.

17Bonke labo babhalwa ngezizukulwane zabo emihleni kaJothamu inkosi yakwaJuda nasemihleni kaJerobowamu inkosi yakwa-Israyeli.

18Amadodana kaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, amadoda anamandla, amadoda aphatha ihawu nenkemba, ansala umnsalo, ayefunde ukulwa, ayeyizinkulungwane ezingamashumi amane nane namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisithupha aphuma impi. 19Aphaka impi kumaHagiri, noJeturu, noNafishi, noNodabi. 20Asizwa ekulweni nabo, amaHagiri anikelwa ezandleni zawo nabo bonke ababe nawo, ngokuba akhala kuNkulunkulu empini, amncenga, ngokuba ayemethemba. 21Asusa izinkomo zabo, namakamela ayizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu, nezimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, nezimbongolo eziyizinkulungwane ezimbili, nabantu abayizinkulungwane eziyikhulu. 22Ngokuba kwawa abaningi befile, lokhu impi yayingekaNkulunkulu. Ahlala esikhundleni sabo aze athunjwa.

23Abantwana benxenye yesizwe sakwaManase bahlala kulelo zwe, kusukela eBashani kuze kube seBali Hermoni naseSeniri nasentabeni yaseHermoni.

24Nazi izinhloko zezindlu zawoyise: o-Eferi, no-Ishi, no-Eliyeli, no-Aziriyeli, noJeremiya, noHodaviya, noJahidiyeli, amaqhawe anamandla, amadoda anegama, izinhloko zezindlu zawoyise.

25Kepha baphambuka kuNkulunkulu wawoyise, balandela ngokuphinga onkulunkulu babantu balelo zwe, uNkulunkulu abachithayo phambi kwabo. 26UNkulunkulu ka-Israyeli wavusa umoya kaPhuli inkosi yase-Asiriya nomoya kaThiligati Philineseri inkosi yase-Asiriya, wabathumba: abakwaRubeni, nabakwaGadi, nenxenye yesizwe sakwaManase, wabayisa eHala, naseHabori, naseHara, nasemfuleni iGozani kuze kube namuhla.

1 iziKronike 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 26

Umkhuleko wohlushwa engenacala

ElikaDavide.

1Ngahlulele, Jehova,

ngokuba ngihamba ekulungeni kwami;

ngithemba uJehova, angiyikuntenga.

2Ngivivinye, Jehova, ungilinge;

hlolisisa izinso zami nenhliziyo yami.

3Ngokuba ububele bakho buphambi kwamehlo ami;

ngihamba eqinisweni lakho.

4Angihlali nabantu bamanga,

angihambelani nezimbulu.

5Ngiyawuzonda umhlangano wabenza okubi,

angihlali nababi.

6Ngiyahlamba izandla zami ngingenacala,

ngizungeza i-altare lakho, Jehova,

7ukuba ngizwakalise izwi lokudumisa,

ngilande ngazo zonke izimangaliso zakho.

8Jehova, ngiyayithanda inkundla yendlu yakho

nendawo lapho kuhlezi khona inkazimulo yakho.

9Ungamukisi umphefumulo wami kanye nezoni

nokuphila kwami kanye nabantu begazi

10abanehlazo ezandleni zabo,

nesokunene sabo sigcwele izipho zenkohliso.

11Kepha mina ngihamba ekulungeni kwami;

ngihlenge, ube nomusa kimi.

12Unyawo lwami lumi ebaleni;

ngizakudumisa uJehova emihlanganweni.

Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU