Bible Society of South Africa

To The Word – Day 141

1 Chronicles 21–25, Psalm 127

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 iziKronike 21

Ukubalwa kwabantu nokufika kwesifo

1USathane wema ukulwa no-Israyeli, wavusa uDavide ukuba abale u-Israyeli. 2UDavide wayesethi kuJowabe nasezinduneni zabantu: “Hambani nibale u-Israyeli kusukela eBeri Sheba kuze kube kwaDani, nilethe umumo wabo kimi ukuba ngiwazi.”

3UJowabe wathi: “UJehova makenezele kubantu bakhe, kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho; kepha, nkosi yami, nkosi, abasizo izinceku zenkosi yami bonke na? Inkosi yami ifunelani le nto na? Iyakuba yicala ngani ku-Israyeli na?”

4Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe. UJowabe waphuma, wadabula wonke u-Israyeli, wafika eJerusalema. 5UJowabe wanika uDavide umumo wabantu ababaliweyo; wonke u-Israyeli wayeyizinkulungwane eziyinkulungwane nezinkulungwane eziyikhulu abahloma inkemba; uJuda wayeyizinkulungwane ezingamakhulu amane namashumi ayisikhombisa.

6Kepha oLevi noBenjamini akababalanga phakathi kwabo, ngokuba izwi lenkosi lalinengekile kuJowabe. 7Kwaba kubi emehlweni kaNkulunkulu; ngalokho washaya u-Israyeli.

8UDavide wayesethi kuNkulunkulu: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”

9UJehova wayesekhuluma kuGadi, umboni kaDavide, ethi: 10“Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”

11UGadi wayesefika kuDavide, wathi kuye: “UJehova usho kanje, uthi: 12‘Zikhethele noma indlala yeminyaka emithathu, noma ukuchithwa yizitha zakho izinyanga ezintathu uficwa yinkemba yezitha zakho, noma izinsuku ezintathu zenkemba kaJehova nesifo ezweni, ingelosi kaJehova ichithe emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli.’ Manje zibonele izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”

13UDavide wathi kuGadi: “Nginosizi kakhulu; mangiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu kakhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”

14UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli; kwafa kwa-Israyeli abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa. 15UNkulunkulu wathuma ingelosi eJerusalema ukulichitha; kwathi lapho isalichitha, uJehova wabuka, wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini echithayo: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayimi ngasesibuyeni sika-Orinani umJebusi.

16UDavide wayesephakamisa amehlo akhe, wayibona ingelosi kaJehova imi emkhathini womhlaba nezulu, inenkemba ehoshiweyo esandleni sayo, yelulelwe phezu kweJerusalema. UDavide namalunga bembethe izindwangu zamasaka bawa ngobuso babo.

17UDavide wathi kuNkulunkulu: “Akusimi yini owayaleza ukuba abantu babalwe na? Yimina engonileyo; ngenze kabi kakhulu, kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho, Jehova Nkulunkulu wami, masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa, singabi phezu kwabantu bakho ukubashaya ngesifo.”

I-altare elisesibuyeni sika-Orinani

18Ingelosi kaJehova yamyala uGadi ukusho kuDavide ukuba uDavide enyuke, amisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Orinani umJebusi. 19UDavide wenyuka ngezwi likaGadi alikhulumayo egameni likaJehova.

20U-Orinani waphenduka, wayibona ingelosi; amadodana akhe amane ayenaye acasha. U-Orinani wayebhula ukolweni. 21UDavide esefika ku-Orinani, u-Orinani wabuka, wambona uDavide, waphuma esibuyeni, wakhothamela uDavide, ubuso bakhe bubheke phansi.

22UDavide wathi ku-Orinani: “Nginike indawo yalesi sibuya ukuba ngakhele uJehova i-altare kuyo: uyakunginika yona ngemali epheleleyo ukuba lesi sifo sinqamuke kubantu.”

23U-Orinani wathi kuDavide: “Zithathele yona; inkosi yami, inkosi, mayenze okuhle emehlweni ayo; bheka, ngiyakupha izinkabi zibe ngezeminikelo yokushiswa, nezibhulo zibe yizinkuni, nokolweni abe ngumnikelo wempuphu; ngikunika konke.”

24Inkosi uDavide yathi ku-Orinani: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngemali epheleleyo, ngokuba angizukumthathela uJehova okungokwakho, nginikele ngomnikelo wokushiswa ngengikuthole ngeze.”

25UDavide wayesemnika u-Orinani ngendawo amashekeli* angamakhulu ayisithupha egolide ngesisindo. 26UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula, wambiza uJehova; wamphendula esezulwini ngomlilo e-altare lomnikelo wokushiswa.

27UJehova wayiyala ingelosi; yabuyisela inkemba yayo emgodleni wayo.

28Ngaleso sikhathi lapho uDavide esebonile ukuthi uJehova umphendulile esibuyeni sika-Orinani umJebusi, wahlaba khona. 29Ngokuba itabernakele* likaJehova alenza uMose ehlane ne-altare lomnikelo wokushiswa kwakusendaweni ephakemeyo eGibeyoni ngaleso sikhathi. 30Kepha uDavide wayengenakuya phambi kwalo ukubuza kuNkulunkulu, ngokuba wagebhezelela inkemba yengelosi kaJehova.

1 iziKronike 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 22

UDavide ulungisela ithempeli

1UDavide wathi: “Le iyindlu kaJehova uNkulunkulu, leli liyi-altare lomnikelo wokushiswa ka-Israyeli.”

2UDavide wayala ukuba babuthe bonke abafokazi ababe sezweni lakwa-Israyeli, wabeka abakhi ukubaza amatshe axhoziweyo ukuba bakhe indlu kaNkulunkulu. 3UDavide walungisa insimbi eningi yezipikili zezivalo zamasango nezokuhlanganisa, kanye nethusi eliningi elingenakulinganiswa, 4nemisedari* engenakubalwa, ngokuba amaSidoni nabaseTire baletha imisedari eminingi kuDavide.

5UDavide wathi: “USolomoni indodana yami usengumfana, usathambile, nendlu eyakwakhelwa uJehova nga iba nkulu, ibatshazwe, ibe negama nodumo emazweni onke; ngizakuyilungisela.” Wayeseyilungisela kakhulu uDavide engakafi.

6Wayesebiza uSolomoni indodana yakhe, wamyala ukumakhela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli indlu. 7UDavide wathi kuSolomoni indodana yakhe: “Mina-ke, kwakusenhliziyweni yami ukwakhela igama likaJehova uNkulunkulu wami indlu. 8Kepha izwi likaJehova lafika kimi, lathi: ‘Uchithile igazi eliningi, uphake izimpi ezinkulu; awuyikwakhela igama lami indlu, ngokuba uchithe igazi eliningi emhlabathini emehlweni ami; 9bheka, uyakuzalelwa indodana eyakuba ngumuntu wokuthula; ngiyakumnika ukuphumula ezitheni zakhe nxazonke, ngokuba igama lakhe liyakuba nguSolomoni;* ukuthula nokuzola ngiyakumnika khona u-Israyeli emihleni yakhe; 10uyakwakhela igama lami indlu; uyakuba yindodana yami, mina ngibe nguyise; ngiyakuqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakhe kwa-Israyeli kuze kube phakade.’

11“Kalokhu, ndodana yami, uJehova makabe nawe, ube nempumelelo, wakhe indlu kaJehova uNkulunkulu wakho njengokukhuluma kwakhe kuwe. 12Kuphela, uJehova makakuphe ukuhlakanipha nokuqonda, akuyale ngo-Israyeli ukuba ugcine umthetho kaJehova uNkulunkulu wakho. 13Khona uyakuphumelela, uma ugcina ukwenza izimiso nezahlulelo uJehova ayala ngazo uMose ngo-Israyeli; qina, ume isibindi; ungesabi, ungabi naluvalo.

14“Bheka, ekuhluphekeni kwami ngilungisele indlu kaJehova amatalenta* ayizinkulungwane eziyikhulu egolide, namatalenta ayizinkulungwane eziyinkulungwane esiliva, nethusi nensimbi okungenakulinganiswa, ngokuba kuningi; ngilungisile nemithi namatshe; uyakwenezela kukho. 15Kukhona kuwe izisebenzi eziningi, ababazi, nezisebenzi zamatshe nezemithi, nabo bonke abayizingcweti emisebenzini yonke: 16eyegolide, neyesiliva, neyethusi, neyensimbi, kungenakubalwa; suka usebenze; uJehova makabe nawe.”

17UDavide wayala zonke izikhulu zakwa-Israyeli ukusiza uSolomoni, wathi: 18“UJehova uNkulunkulu wenu akanani na? Akaniphanga ukuphumula nxazonke na? Ngokuba unikele esandleni sami abakhileyo ezweni; izwe linyatheliwe phambi kukaJehova naphambi kwabantu bakhe. 19Kalokhu nikelani inhliziyo yenu nomphefumulo wenu ekufuneni uJehova uNkulunkulu wenu; sukani nakhe indlu engcwele kaJehova uNkulunkulu ukuba kungeniswe umphongolo wesivumelwano sikaJehova nezinto ezingcwele zikaNkulunkulu endlini eyakwakhelwa igama likaJehova.”

1 iziKronike 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 23

Umumo nomsebenzi wamaLevi

1UDavide wayesemdala, esanelisiwe yizinsuku; wambeka uSolomoni indodana yakhe abe yinkosi kwa-Israyeli. 2Wabutha zonke izikhulu zakwa-Israyeli kanye nabapristi namaLevi. 3AmaLevi abalwa kusukela kwaneminyaka engamashumi amathathu kuya phezulu; umumo wawo ngezinhloko zawo, indoda ngendoda, wawuyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesishiyagalombili. 4Ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nane kuwona ayengawokwengamela umsebenzi wendlu kaJehova; izinkulungwane eziyisithupha zaziyizinduna nabahluleli; 5izinkulungwane ezine zazingabalindisango; izinkulungwane ezine ziyakudumisa uJehova ngezinto zokubethwa engazenzayo, washo uDavide, ukuba zidumise ngazo.

6UDavide wabahlukanisa ngezigaba njengamadodana kaLevi: oGereshoni, noKohati, noMerari.

7KumaGereshoni: ngoLadani noShimeyi. 8Amadodana kaLadani: nguJehiyeli inhloko, noZethamu, noJoweli, bebathathu. 9Amadodana kaShimeyi: ngoShelomoti, noHaziyeli, noHarana, bebathathu. Labo babe yizinhloko zawoyise bakaLadani. 10Amadodana kaShimeyi: ngoJahati, noZina, noJewushe, noBeriya. Labo bobane babe ngamadodana kaShimeyi. 11UJahati wayeyinhloko, noZiza ngowesibili; kepha oJewushe noBeriya babengenamadodana amaningi; ngalokho baba yindlu inye kayise, bebalwa kanyekanye. 12Amadodana kaKohati: ngo-Amramu, noJisihari, noHebroni, no-Uziyeli, bebane. 13Amadodana ka-Amramu: ngo-Aroni noMose; u-Aroni wahlukaniswa ukuba angcwelise izinto ezingcwelengcwele, yena namadodana akhe, kuze kube phakade, ukushisa impepho phambi kukaJehova, nokumkhonza, nokubusisa egameni lakhe kuze kube phakade. 14Kepha uMose, lowo muntu kaNkulunkulu, amadodana akhe abizwa ngesizwe sakwaLevi. 15Amadodana kaMose: ngoGereshomu no-Eliyezeri. 16Amadodana kaGereshomu: nguShebuweli owayeyinhloko. 17Amadodana ka-Eliyezeri: nguRehabiya inhloko. U-Eliyezeri wayengenawo amanye amadodana; kepha amadodana kaRehabiya ayemaningi kakhulu. 18Amadodana kaJisihari: nguShelomiti inhloko. 19Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine. 20Amadodana ka-Uziyeli: nguMika inhloko noJishiya owesibili. 21Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi. Amadodana kaMaheli: ngo-Eleyazare noKishi. 22U-Eleyazare wafa engenamadodana, enamadodakazi odwa; abafowabo, amadodana kaKishi, bawathatha. 23Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJeremoti, bebathathu.

24Yilabo ababe ngamadodana kaLevi ngezindlu zawoyise, izinhloko zawoyise, bebalwa ngomumo wamagama ngezinhloko zabo, abawenza umsebenzi wenkonzo yendlu kaJehova, kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu. 25Ngokuba uDavide wathi: “UJehova uNkulunkulu ka-Israyeli unike abantu bakhe ukuphumula; uhlezi eJerusalema kuze kube phakade; 26namaLevi awasayikuthwala itabernakele* nazo zonke izinto zalo zenkonzo yalo.” 27Ngokuba amadodana kaLevi abalwa ngamazwi okugcina kaDavide, kusukela kwaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu.

28Ngokuba indawo yawo yayingasesandleni samadodana ka-Aroni ukukhonza endlini kaJehova, nasemagcekeni, nasemakamelweni, nokuhlambulula zonke izinto ezingcwele, nomsebenzi wenkonzo endlini kaNkulunkulu, 29eyezinkwa zokubukwa, neyempuphu ecolekileyo yomnikelo wempuphu, neyemiqathane engenamvubelo, neyokuphekwe ekhanzini, neyexutshanisiweyo, neyazo zonke izilinganiso nobukhulu; 30nokuma njalo ekuseni ukubonga nokudumisa uJehova, kanjalo nakusihlwa; 31nokunikela njalo ngayo yonke iminikelo yokushiswa kuJehova ngamasabatha, nangokwethwasa kwenyanga, nanemikhosi emisiweyo ngomumo onjengomthetho wabo, phambi kukaJehova; 32bayakugcina imfanelo yetende lokuhlangana, nemfanelo yendawo engcwele, nemfanelo yamadodana ka-Aroni abafowabo ekukhonzeni endlini kaJehova.

1 iziKronike 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 24

Izigaba zabapristi nezamaLevi

1Nazi izigaba zamadodana ka-Aroni: amadodana ka-Aroni: ngoNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 2Kepha oNadabi no-Abihu bandulela uyise ukufa, bengenabantwana; ngalokho o-Eleyazare no-Itamari kuphela babe ngabapristi. 3ODavide, noSadoki wamadodana ka-Eleyazare, no-Ahimeleki wamadodana ka-Itamari babahlukanisa ngezigaba zabo njengenkonzo yabo. 4Kwafunyaniswa emadodaneni ka-Eleyazare amadoda amaningi ayizinhloko kunasemadodaneni ka-Itamari; bahlukaniswa kanje: emadodaneni ka-Eleyazare kwakukhona abayishumi nesithupha abayizinhloko zezindlu zawoyise, nasemadodaneni ka-Itamari babe yisishiyagalombili njengezindlu zawoyise. 5Bahlukaniswa ngenkatho, laba nalaba, ngokuba kwakukhona izikhulu zendlu engcwele nezikhulu zikaNkulunkulu emadodaneni ka-Eleyazare nasemadodaneni ka-Itamari.

6UShemaya, indodana kaNethaneli, umbhali ongowamaLevi, wabaloba phambi kwenkosi, nezikhulu, noSadoki, nezikhulu, noSadoki umpristi, no-Ahimeleki indodana ka-Abiyathara, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi; enye indlu yawoyise yakhishelwa u-Eleyazare, nenye yakhishelwa u-Itamari.

7Inkatho yokuqala yadla uJehoyaribi, neyesibili uJedaya, 8neyesithathu uHarimi, neyesine uSehorimi, 9neyesihlanu uMalikhiya, neyesithupha uMijamini, 10neyesikhombisa uHakhosi, neyesishiyagalombili u-Abiya, 11neyesishiyagalolunye uJeshuwa, neyeshumi uShekaniya, 12neyeshumi nanye u-Eliyashibi, neyeshumi nambili uJakimi, 13neyeshumi nantathu uHupha, neyeshumi nane uJeshebeyabe, 14neyeshumi nanhlanu uBiliga, neyeshumi nesithupha u-Imeri, 15neyeshumi nesikhombisa uHeziri, neyeshumi nesishiyagalombili uHaphisesi, 16neyeshumi nesishiyagalolunye uPhethahiya, neyamashumi amabili uJehezekeli, 17neyamashumi amabili nanye uJakini, neyamashumi amabili nambili uGamuli, 18neyamashumi amabili nantathu uDelaya, neyamashumi amabili nane uMahaziya.

19Lezo zaziyizigaba zabo njengenkonzo yabo ukuba bangene endlini kaJehova njengomthetho ababewunikwe ngesandla sika-Aroni uyise, njengalokho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ebemyalile.

20Abaseleyo emadodaneni kaLevi babe yilaba: emadodaneni ka-Amramu nguShubayeli; emadodaneni kaShubayeli nguJehedeya. 21KuRehabiya: emadodaneni kaRehabiya: nguJishiya inhloko. 22KumaJisihari: nguShelomoti; emadodaneni kaShelomoti: nguJahati. 23Amadodana kaHebroni: nguJeriya inhloko, no-Amariya owesibili, noJahaziyeli owesithathu, noJekameyamu owesine. 24Amadodana ka-Uziyeli: nguMika; emadodaneni kaMika: nguShamiri. 25Umfowabo kaMika: nguJishiya; emadodaneni kaJishiya: nguZakariya. 26Amadodana kaMerari: ngoMaheli noMushi; amadodana kaJahaziya: nguBeno. 27Amadodana kaMerari: ngoJahaziya, noBeno, noShohamu, noZakuri, no-Ibiri. 28KuMaheli: ngu-Eleyazare, owayengenabantwana. 29KuKishi, kungamadodana kaKishi: nguJerameli. 30Amadodana kaMushi: ngoMaheli, no-Edere, noJerimoti. Yilabo ababe ngamadodana amaLevi ngezindlu zawoyise. 31Nalabo benza inkatho njengabafowabo, amadodana ka-Aroni, ebusweni bukaDavide inkosi, noSadoki, no-Ahimeleki, nezinhloko zawoyise babapristi namaLevi, inhloko yawoyise njengomfowabo omncane.

1 iziKronike 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 iziKronike 25

Izigaba zabahlabeleli basethempelini

1UDavide nezinduna zempi base bahlukanisela inkonzo amanye amadodana ka-Asafa, nakaHemani, nakaJeduthuni, ayeyakuprofetha ngamahabhu,* nangezingubhu, nangamasimbali;* umumo wabantu balo msebenzi wenkonzo wawunje: 2emadodaneni ka-Asafa: ngoZakuri, noJosefa, noNethaniya, no-Asharela, amadodana ka-Asafa, phansi kwezandla zika-Asafa owaprofetha ngezandla zenkosi. 3KuJeduthuni: amadodana kaJeduthuni: ngoGedaliya, noSeri, noJeshaya, noShimeyi, noHashabiya, noMatithiya, bebayisithupha, phansi kwezandla zikayise uJeduthuni owaprofetha ngehabhu* ngokubonga nangokudumisa uJehova. 4KuHemani: amadodana kaHemani: ngoBukiya, noMathaniya, no-Uziyeli, noShebuweli, noJerimoti, noHananiya, noHanani, no-Eliyatha, noGidaliti, noRomamiti Ezeri, noJoshibekasha, noMaloti, noHothiri, noMahaziyoti; 5bonke labo babe ngamadodana kaHemani umboni wenkosi ngamazwi kaNkulunkulu okuphakamisa uphondo lwakhe; uNkulunkulu wamnika uHemani amadodana ayishumi nane namadodakazi amathathu.

6Onke lawo ayephansi kwezandla zikayise ekuhlabeleleni endlini kaJehova ngamasimbali,* nangezingubhu, nangamahabu* enkonzweni yasendlini kaNkulunkulu, o-Asafa noJeduthuni noHemani bephansi kwezandla zenkosi. 7Umumo wabo kanye nabafowabo ababefundisiwe ukuhlabelela kuJehova nabayizazi wawungamakhulu amabili namashumi ayisishiyagalombili nesishiyagalombili. 8Benza inkatho ngenkonzo, omunye ngomunye, omncane njengomkhulu, isazi nomfundi.

9Inkatho yokuqala yadla uJosefa ka-Asafa, neyesibili uGedaliya; yena nabafowabo namadodana akhe babe yishumi nambili; 10eyesithathu uZakuri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 11eyesine uJisiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 12eyesihlanu uNethaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 13eyesithupha uBukiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 14eyesikhombisa uJesharela, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 15eyesishiyagalombili uJeshaya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 16eyesishiyagalolunye uMathaniya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 17eyeshumi uShimeyi, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 18eyeshumi nanye u-Azareli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 19eyeshumi nambili uHashabiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 20eyeshumi nantathu uShubayeli, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 21eyeshumi nane uMatithiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 22eyeshumi nanhlanu uJeremoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 23eyeshumi nesithupha uHananiya, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 24eyeshumi nesikhombisa uJoshibekasha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 25eyeshumi nesishiyagalombili uHanani, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 26eyeshumi nesishiyagalolunye uMaloti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 27eyamashumi amabili u-Eliyatha, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 28eyamashumi amabili nanye uHothiri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 29eyamashumi amabili nambili uGidaliti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 30eyamashumi amabili nantathu uMahaziyoti, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili; 31eyamashumi amabili nane uRomamiti Ezeri, namadodana akhe nabafowabo, beyishumi nambili.

1 iziKronike 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 127

Zonke izibusiso zivela kuJehova

Igama lokukhuphuka. ElikaSolomoni.

1Uma uJehova engayakhi indlu,

basebenzela ize abayakhayo;

uma uJehova engalondolozi umuzi,

umlindi wawo ulindela ize.

2Kuyize kini ukuba nivuke ekuseni,

nephuze ukuphumula,

nidle isinkwa sezinhlupheko,

ngokuba uyamupha othandiweyo wakhe esalele.

3Bheka, abantwana bayifa elivela kuJehova,

isithelo sesisu singumvuzo.

4Njengemicibisholo esandleni seqhawe

banjalo abantwana bobusha.

5Ibusisiwe indoda emgodla wayo ugcwele bona;

abayikujabha lapho bekhuluma nezitha zabo esangweni.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU