Bible Society of South Africa

To The Word – Day 176

2 Timothy 1–4, Proverbs 22, Psalm 48

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 kuThimothewu 1

Isibingelelo

1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu ngokwesithembiso sokuphila okukuKristu Jesu, 2kuThimothewu, umntwana othandekayo: Makube kuwe umusa, nobubele, nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba nakuKristu Jesu iNkosi yethu.

UPawulu umvusa uThimothewu ukuba aqine ekulweleni ivangeli

3Ngiyambonga uNkulunkulu engimkhonzayo kusukela kokhokho ngonembeza omhlophe, njengalokhu ngikukhumbula ngokungaphezi emikhulekweni yami ubusuku nemini, 4ngilangazelela ukukubona, ngikhumbula izinyembezi zakho, ukuze ngigcwaliswe ngentokozo, 5ngikhunjuzwe ukukholwa okungenakuzenzisa okukuwe, okwahlala kuqala kunyokokhulu uLowisi nakunyoko uYunisi, yebo, ngiyethemba, nakuwena. 6Ngaleso sizathu ngiyakukhumbuza ukuba uvuse isipho somusa sikaNkulunkulu esikhona kuwe ngokubeka izandla zami. 7Ngokuba uNkulunkulu akasiphanga umoya wobugwala, kepha owamandla, nowothando, nowokuzikhuza.

8Ngalokho ungabi namahloni ngobufakazi ngeNkosi yethu nangami, isiboshwa sayo, kodwa hlanganyela ukuhluphekela ivangeli ngamandla kaNkulunkulu 9owasisindisa, wasibiza ngobizo olungcwele, kungengokwemisebenzi yethu kepha ngokwelakhe icebo nomusa, esawuphiwa kuKristu Jesu zingakabikho izikhathi, 10kepha osubonakalisiwe manje ngokubonakala koMsindisi wethu uKristu Jesu, owachitha ukufa, walethela ekukhanyeni ukuphila nokungabhubhi ngevangeli, 11engamiselwa lona ukuba ngibe ngummemezeli, nomphostoli, nomfundisi; 12ngaleso sizathu ngiyahlupheka nangalokhu, kepha anginamahloni, ngokuba ngiyamazi engikholwa nguye, ngiyethemba ukuthi unamandla okulonda lokho engikubekile kuye, kuze kube yilolo suku.

13Isibonelo samazwi aphilayo masibe yilawo owawezwa kimi ngokukholwa nangothando olukuKristu Jesu; 14okuhle okubekiwe kuwe ukulonde ngoMoya oNgcwele ohlala kithi.

15Uyazi lokhu ukuthi bonke abase-Asiya bangifulathele, abaphakathi kwabo ngoFigelu noHermogene.

16INkosi mayinike indlu ka-Onesiforu umusa, ngokuba wangihlumelela kaningi, wayengenamahloni ngeketanga lami, 17kepha esefikile eRoma wangifunisisa, wangifumana – 18iNkosi mayimnike ukuba athole ububele eNkosini ngalolo suku – konke akhonza ngakho e-Efesu uyakwazi wena kakhulu.

2 kuThimothewu 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kuThimothewu 2

UThimothewu ululekwa ukuba abe yibutho elithembekileyo likaKristu

1Ngakho wena mntanami, yiba namandla emseni okuKristu Jesu; 2lokho okuzwileyo kimi phambi kofakazi abaningi, lokho-ke kubeke kubantu abathembekileyo abazakuba namandla okufundisa nabanye. 3Hlanganyela nami ukuhlupheka njengebutho elihle likaKristu. 4Akakho osempini olibala izidingo zalokhu kuphila, aze akholeke kulowo abuthwe nguye. 5Futhi nxa umuntu encintisana, kaqheliswa engancintisananga ngokomthetho. 6Umlimi osebenzayo kufanele ukuba kwamukele yena izithelo kuqala. 7Qonda engikushoyo; ngokuba iNkosi iyakukunika ukuqonda ngezinto zonke.

8Khumbula uJesu Kristu ovukile kwabafileyo, wenzalo kaDavide ngokwevangeli lami, 9engihlupheka ngalo kuze kube sekuboshweni njengeselelesi; kepha izwi likaNkulunkulu aliboshiwe. 10Ngalokho ngiyakhuthazela kukho konke ngenxa yabakhethiweyo, ukuze nabo bazuze insindiso ekuKristu Jesu, kanye nenkazimulo yaphakade.

11Likholekile leli zwi lokuthi: Ngokuba uma safa naye, siyakuphila naye futhi; 12uma sikhuthazela, siyakubusa naye futhi; uma simphika, naye uyakusiphika; 13uma singathembeki, yena uhlala ethembekile, ngokuba akanakuziphika.

14Bakhumbuze ngalokho, ufakaze phambi kukaNkulunkulu ukuba bangalwi ngamazwi, okungasizi lutho, okuyincithakalo kwabezwayo. 15Khuthalela ukuba uziveze uthembekile kuNkulunkulu, isisebenzi esingenamahloni, esiqondisa kahle izwi leqiniso. 16Kepha ukukhuluma kwezwe okuyize ukugweme; ngokuba bayakuqhubekela phambili ekungamesabini uNkulunkulu, 17nezwi labo liyakubhibha njengesilonda esibhucukayo, abaphakathi kwabo ngoHimenewu noFiletu 18abadukileyo mayelana neqiniso, bethi ukuvuka kwabafileyo sekudlulile, bechitha ukukholwa kwabanye. 19Nokho isisekelo esiqinileyo sikaNkulunkulu simi, sinalolu phawu lokuthi: “INkosi iyabazi abangabayo,” nokuthi: “Yilowo nalowo ophatha igama likaKristu makadede kukho ukungalungi.”

20Kepha endlini enkulu akukho izitsha zegolide nezesiliva kuphela kodwa nezemithi nezebumba, ezinye ezihloniphekayo, ezinye ezingahloniphekiyo; 21ngalokho uma umuntu ezihlanza kulezo zinto, uyakuba yisitsha esihloniphekayo, esingcwelisiwe, esinosizo kumninindlu, esilungiselwe umsebenzi wonke omuhle.

22Kepha balekela izinkanuko zobusha, ujonge ukulunga, nokukholwa, nothando, nokuthula kanye nabakhuleka eNkosini ngenhliziyo ehlambulukileyo. 23Kepha ukuphikisana kobuwula nokokungazi ukunqabe, wazi ukuthi kuzala ukulwa; 24inceku kaKristu ayifanele ukulwa, kodwa mayibe mnene kubo bonke, inesu lokufundisa, ibekezela, 25ibalaya ngomoya omnene abamelene nayo, kumbe uNkulunkulu angabanika ukuphenduka, baze balazisise iqiniso, 26basanguluke, baphume ogibeni lukaSathane ababanjwe nguye ukuba benze intando yakhe.

2 kuThimothewu 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kuThimothewu 3

Abadukisi bezikhathi zokugcina

1Kepha yazi lokhu ukuthi ezinsukwini zokugcina kuzakuvela izikhathi ezinzima; 2ngokuba abantu bazakuba ngabazithandayo, nabathandimali, nabazigabisayo, nabazidlayo, nabahlambalazayo, nabangalaleli abazali, nabangabongiyo, nabahlazisayo, 3nabangenaluthando, nabahlebi, nabangazithibi, nabangenabumnene, nabangathandi okuhle, 4nabakhapheli, nabanamawala, nabakhukhumele, nabathanda injabulo kunokuthanda uNkulunkulu, 5nabanesimo sokumesaba uNkulunkulu, kepha amandla akho bewaphika; labo-ke wobagwema.

6Ngokuba kulabo kuvela abanyonyobela ezindlini bethumba abesifazane abasindwa yizono, beqhutshwa yizinkanuko eziyizinhlobonhlobo, 7befunda njalo, kepha bengeke bakwazi ukufika ekulazini iqiniso. 8NjengoJane noJambre bamelana noMose, kanjalo laba bamelana neqiniso, abantu abonakele ingqondo, abehluleka enkolweni. 9Kepha abasayikuqhubekela phambili; ngokuba ubuwula babo buyakuba sobala kubo bonke, njengokuba kwaba njalo nobabo.

Ukubambelela esifundisweni esilungileyo

10Kepha wena walandela isifundiso sami nokuziphatha, nomgomo, nenkolo, nokubheka kade, nothando, nokubekezela, 11nokuzingelwa, nezinhlupheko ezangehlela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu naseListra; ukuzingelwa okunje ngakhuthazela kukho, kepha iNkosi yangikhulula kukho konke. 12Yebo, bonke abathanda ukuhamba ngokumesaba uNkulunkulu kuKristu Jesu bayakuzingelwa. 13Kepha abantu ababi nabakhohlisi bazakuqhubekela phambili ebubini, bedukisa, bedukiswa. 14Kepha wena yima kulokho okufundile nowaqiniseka kukho, wazi ukuthi ukufunde kobani, 15nokuthi kusukela ebuntwaneni wazi imibhalo engcwele enamandla okukuhlakaniphisa, kube yinsindiso ngokukholwa kuKristu Jesu. 16Yonke imibhalo iphefumulelwe nguNkulunkulu ilungele ukufundisa, nokusola, nokuqondisa, nokuyala ekulungeni, 17ukuze umuntu kaNkulunkulu aphelele, apheleliselwe yonke imisebenzi emihle.

2 kuThimothewu 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kuThimothewu 4

UThimothewu uyalwa ukuba aqine

1Ngiyaqinisa phambi kukaNkulunkulu noKristu Jesu oyakwahlulela abaphilayo nabafileyo nangokubonakala kwakhe nombuso wakhe, ngithi: 2Shumayela izwi, uqinise, noma kuyisikhathi noma kungesiso; sola, ukhuze, uyale ngakho konke ukubekezela nokufundisa. 3Ngokuba kuyakuba khona isikhathi abangayikuvuma ngaso isifundiso esiphilayo, kepha ngokwezinkanuko zabo bayakuzibuthela abafundisi njengokubatshwa kwezindlebe zabo, 4bafulathelise izindlebe zabo eqinisweni, baphambukele ezinganekwaneni. 5Kepha wena, qonda ezintweni zonke, ubekezele ekuhluphekeni, wenze umsebenzi womvangeli, ufeze ukukhonza kwakho.

6Ngokuba mina sengiyanikelwa, nesikhathi sokumuka kwami sesifikile. 7Ngikulwile ukulwa okuhle, ngiqedile ibanga, ngigcinile ukukholwa; 8sengibekelwe umqhele wokulunga eyakungipha wona ngalolo suku iNkosi, umahluleli olungileyo, kungeyimi ngedwa, kepha bonke abathandile ukubonakala kwayo.

UThimothewu ucelwa ukuba afike kuPawulu

9Shesha uze kimi masinyane. 10Ngokuba uDema wangishiya ethanda leli zwe lamanje, waya eThesalonika; uKreste waya eGalathiya, uThithu eDalmathiya; 11nguLuka yedwa onami. Thatha uMarku, uze naye, ngokuba unosizo kimi ekukhonzeni. 12UThikhiku sengamthuma e-Efesu. 13Ijazi engalishiya eTrowa kuKarpu woliphatha, nxa uza, nezincwadi, ikakhulu ezesikhumba.

14U-Aleksandru, umkhandi wethusi wenza okubi okuningi kimi; iNkosi iyakumbuyisela ngokwemisebenzi yakhe; 15umxwaye nawe, ngokuba wamelana kakhulu namazwi ethu.

16Ekuziphenduleleni kwami kokuqala kwakungekho muntu ongimelayo, kepha bonke bangishiya; makungabalelwa kubo lokho; 17kodwa iNkosi yangimela, yangipha amandla ukuba intshumayelo ipheleliswe ngami, nabezizwe bonke bezwe; ngase ngikhululwa emlonyeni wengonyama. 18INkosi iyakungikhulula kuyo yonke imisebenzi emibi, ingisindise, ngize ngifike embusweni wayo osezulwini; makube kuyo inkazimulo kuze kube phakade naphakade. Amen.

Isigcino

19Khonza koPriska no-Akwila nendlu ka-Onesiforu. 20U-Erastu wasala eKorinte, kepha uTrofimu ngamshiya eMilethu egula. 21Shesha ufike, kungakangeni ubusika. Bakhonza kuwe o-Evubulu, noPhude, noLinu, noKlawudiya, nabo bonke abazalwane.

22INkosi mayibe nomoya wakho. Umusa mawube nani.

2 kuThimothewu 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzAga 22

1Igama elihle likhethekile kunengcebo enkulu,

nomusa kunesiliva negolide.

2Abacebileyo nabampofu bahlangene;

uJehova ungumenzi wabo bonke.

3Qqondileyo uyabona ububi, acashe,

kepha abangenalwazi badlula nje, bahlupheke ngakho.

4Umvuzo wokuthobeka kokumesaba uJehova

uyingcebo, nodumo, nokuphila.

5Ameva nezingibe kusendleleni yabaphambeneyo,

kepha ogcina umphefumulo wakhe uyakudedela kude nakho.

6Khulisa umntwana ngendlela eyakuba ngeyakhe;

kuyakuthi lapho esekhulile,

angasuki kuyo.

7Isicebi sibusa phezu kwabampofu,

nobolekayo uyisigqila somtshelekileyo.

8Ohlwanyela ububi uyakuvuna usizi,

nenduku yolaka lwakhe iyakuphela.

9Oneso elimnene uyakubusiswa,

ngokuba uyapha ompofu okwesinkwa sakhe.

10Xosha isideleli,

besekuphuma ukuxabana,

kuphele ukuphikisana nehlazo.

11Othanda inhlanzeko ngenhliziyo

nonomusa emlonyeni wakhe ungumngane wenkosi.

12Amehlo kaJehova anaka onokwazi,

kepha uyachitha amazwi ombuluzayo.

13Ivila lithi: “Kukhona ingonyama ngaphandle;

ngiyakubulawa phandle esigcawini.”

14Umlomo wowesifazane ondindayo ungumgodi ojulileyo;

othukuthelelwayo nguJehova uyakuwela kuwo.

15Ubuwula buboshelwe enhliziyweni yomntwana,

kepha induku yokulaya iyabudedisela kude naye.

16Ocindezela ompofu ukuba azandisele

nophayo isicebi bayakuba ngabokuswela kuphela.

Amazwi ezihlakaniphi: isigaba sokuqala

17Beka indlebe yakho,

uzwe amazwi ezihlakaniphi,

ubeke ukufundisa kwami enhliziyweni yakho.

18Ngokuba kumnandi, uma ukugcina phakathi kwakho,

kubekwe kanyekanye ezindebeni zakho.

19Ukuba ithemba lakho libe kuJehova,

ngikwazisile khona namuhla,

yebo, wena.

20Angithi ngilobile kuwe nangaphambili

ngeziluleko nangokwazi,

21ukuze ngikwazise ukuthembeka kwamazwi eqiniso

ukuba ubuyisele kwabakuthumileyo amazwi eqiniso, na?

22Ungamphangi ompofu ngokuba empofu,

ungamchobozi oswelayo esangweni,

23ngokuba uJehova uyakumela indaba yabo,

aphuce ababaphucayo umphefumulo wabo.

24Ungabi ngumngane womuntu onolaka,

ungahambi nomuntu onokufutheka,

25funa ufunde izindlela zakhe,

uthole ugibe lomphefumulo wakho.

26Ungabi ngowabaxhawulanayo,

nowabayizibambiso zezikwenetu;

27uma kungekho ongakhokha ngakho,

ubuyakususelwani umbhede wakho phansi kwakho na?

28Ungasusi isikhonkwane esidala

oyihlo abasimisileyo.

29Uyambona umuntu ehlakaniphile emsebenzini wakhe na?

Uyakuma phambi kwamakhosi,

akayikuma phambi kwabantukazana nje.

Ihubo 48

Ngobuhle bomuzi kaNkulunkulu waseSiyoni

Igama. Ihubo lamadodana kaKora.

1Mkhulu uJehova, udunyiswa kakhulu

emzini kaNkulunkulu wethu entabeni yakhe engcwele.

2Inhle ngokuphakama,

ingukuthokoza komhlaba wonke

intaba yaseSiyoni emaceleni asenyakatho,

umuzi weNkosi enkulu.

3UNkulunkulu uyaziwa ezindlini zawo zobukhosi

ukuthi uyinqaba.

4Ngokuba bheka, amakhosi abuthana;

aqhubeka kanyekanye.

5Abona, ayesemangala;

ashaywa luvalo, aphaphatheka.

6Ehlelwa lapho ngukuthuthumela,

yivuso njengakobelethayo.

7Ngomoya wasempumalanga

waphula imikhumbi yaseTharishishi.

8Njengalokho sizwile,

kanjalo sikubonile

emzini kaJehova Sebawoti,

emzini kaNkulunkulu wethu;

uNkulunkulu uyakuwumisa kuze kube phakade. Sela*

9Siyazindla ngomusa wakho, Jehova,

siphakathi ethempelini lakho.

10Njengalo igama lakho, Nkulunkulu,

kunjalo ukubongwa kwakho kuze kube semikhawulweni yomhlaba;

isandla sakho sokunene sigcwele ukulunga.

11Mayijabule intaba yaseSiyoni,

kwethabe amadodakazi akwaJuda ngenxa yezahlulelo zakho.

12Zungezani iSiyoni, nilikake,

nibale imibhoshongo yalo.

13Qaphelani izindonga zalo,

nidabule izindlu zalo zobukhosi,

ukuze nilandisele isizukulwane esizayo.

14Ngokuba lo Nkulunkulu, unguNkulunkulu wethu phakade naphakade;

uzakusihola kuze kube sekufeni.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU