Bible Society of South Africa

To The Word – Day 179

Jeremiah 7–12

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 7

Ukungcoliswa kwethempeli

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: 2“Yima esangweni lendlu kaJehova, umemeze lapho leli zwi, uthi:

“ ‘Zwanini izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda eningena ngalawa masango ukukhuleka kuJehova. 3Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Lungisani izindlela zenu nezenzo zenu, khona ngiyakunakhisa kule ndawo. 4Ningethembi emazwini amanga, lapho kuthiwa: “Nanti ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova, ithempeli likaJehova.” 5Ngokuba uma nizilungisa nokuzilungisa izindlela zenu nezenzo zenu, uma nenza ukwahlulela impela phakathi komuntu nomakhelwane wakhe, 6uma ningacindezeli umfokazi, nentandane, nomfelokazi, ningachithi igazi elingenacala kule ndawo, futhi ningalandeli abanye onkulunkulu ukuba nilimale, 7ngiyakunakhisa kule ndawo ezweni engalinika oyihlo kusukela endulo kuze kube phakade. 8Bhekani, niyethemba emazwini amanga angenakusiza.

9“ ‘Niyakweba yini, nibulale, niphinge, nifunge amanga, nimshisele uBali impepho, nilandele abanye onkulunkulu eningabazanga, 10bese nifika nime ngaphambi kwami kule ndlu ebizwe ngegama lami, nithi: “Sophuliwe” – nize nenze zonke lezi zinengiso, na? 11Le ndlu ebizwe ngegama lami isiphenduke umhume wabaphangi emehlweni enu na? Bhekani, nami ngiyakubona, usho uJehova.

12“ ‘Kepha hambani niye endaweni yami eShilo, lapho ngalibeka khona igama lami kuqala, nibone engakwenzayo kuyo ngenxa yobubi babantu bami u-Israyeli. 13Manje ngokuba niyenzile yonke le misebenzi, usho uJehova, ningalalelanga, noma ngakhuluma njalonjalo, nganibiza, ningaphendulanga, 14ngiyakwenza kule ndlu ebizwe ngegama lami nenithemba kuyo, nakule ndawo enganinika yona nina nawoyihlo, njengalokho ngenza kulo iShilo. 15Ngiyakunilahla ebusweni bami, njengalokho ngabalahla bonke abafowenu, yonke inzalo yakwa-Efrayimi.’

16“Wena-ke ungakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nomkhuleko, ungabanxuseli kimi, ngokuba angiyikuzwa. 17Awuboni ukuthi benzani emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema na? 18Abantwana batheza izinkuni, oyise baphemba umlilo, abesifazane baxova inhlama ukuba benzele inkosikazi yezulu amaqebelengwane, bathululele abanye onkulunkulu umnikelo wokuphuzwa ukuba bangicunule. 19Kepha yimi abangicunulayo yini, usho uJehova: akusibo, buze bujabhe ubuso babo, na?

20“ ‘Ngalokho isho njalo iNkosi uNkulunkulu, ithi: Bheka, intukuthelo yami nokufutheka kwami kuyakuthululwa kule ndawo phezu kwabantu, naphezu kwezinkomo, naphezu kwemithi yasendle, naphezu kwezithelo zomhlaba, kuvuthe kungacimi.

21“ ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli: Thasiselani iminikelo yenu yokushiswa emihlatshelweni yenu, nidle inyama. 22Ngokuba angikhulumanga koyihlo, angibayalelanga ngezindaba zeminikelo nemihlatshelo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, 23kepha ngabayala kuphela le nto yokuthi: Lalelani izwi lami, ngiyakuba nguNkulunkulu wenu, nina nibe ngabantu bami, nihambe ngezindlela zonke enganiyala ngazo ukuba kube kuhle kini. 24Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba ngamacebo abo nangenkani yezinhliziyo zabo ezimbi; bahlehla, abayanga phambili. 25Kusukela osukwini oyihlo abaphuma ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla ngithumile kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngibathuma imihla ngemihla njalonjalo. 26Nokho abangilalelanga, ababekanga izindlebe zabo, kepha benza lukhuni izintamo zabo; benza kabi kunawoyise.’

27“Uyakukhuluma onke lawo mazwi kubo, kepha abayikukulalela; uyakubabiza, kepha abayikukuphendula. 28Uyakuthi kubo: ‘Yilesi sizwe esingalilalelanga izwi likaJehova uNkulunkulu waso, singamukelanga ukulaywa; iqiniso libhubhile, linqunyiwe emlonyeni waso. 29Gunda izinwele zakho, Jerusalema, uzilahle, wenze isililo emadulini angenalutho, ngokuba uJehova usalile, wasilahla isizukulwane sentukuthelo yakhe.

30“ ‘Ngokuba abantwana bakwaJuda benzile okubi emehlweni ami, usho uJehova; bazibekile izinengiso zabo endlini ebizwe ngegama lami zokuba bayingcolise. 31Bakhile izindawo eziphakemeyo zaseThofeti ezisesigodini sendodana kaHinomu ukuba bashise amadodana abo namadodakazi abo ngomlilo, engingakuyalelanga nokungangenanga enhliziyweni yami. 32Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza, usho uJehova, elingasayikubizwa ngazo ngokuthi iThofeti nesigodi sendodana kaHinomu kepha isiGodi Sokubulala, ngokuba bayakumbela eThofeti, lokhu ingekho enye indawo. 33Izidumbu zalaba bantu ziyakuba ngukudla kwezinyoni zezulu nokwezilwane zomhlaba; akakho oyakuzesabisa. 34Ngiyakuthulisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema izwi lokujabula nezwi lokuthokoza, izwi lomyeni nezwi lomakoti, ngokuba izwe liyakuba yincithakalo.

UJeremiya 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 8

1“ ‘Ngaleso sikhathi, usho uJehova, bayakuwakhipha amathambo amakhosi akwaJuda, namathambo ezikhulu zakhe, namathambo abapristi namathambo abaprofethi, namathambo abakhileyo eJerusalema emathuneni abo, 2baweneke elangeni nasenyangeni nakulo lonke ibandla lasezulwini, abakuthandile, bakukhonza, bakulandela, bakufuna, bakhuleka kukho; awayikubuthwa, awayikumbelwa, ayakuba ngumquba ebusweni bomhlabathi. 3Ukufa kuyakukhethwa kunokuphila yinsali yonke esele kulowo mndeni omubi, esele ezindaweni zonke, lapho ngiyixoshele khona, usho uJehova Sebawoti.’

Izono nokwahlulela

4“Futhi uyakusho kubo, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Abantu bayakuwa,

bangabuyi basukume, na?

Umuntu uyaphambuka,

angabuyi aphenduke, na?

5Bahlehlelani laba bantu baseJerusalema

ngokuhlehla njalonjalo na?

Babambelela enkohlisweni,

bala ukubuya.

6Ngaqaphela, ngezwa;

abakhulumanga kahle;

akakho ozisola ngobubi bakhe, ethi:

“Ngenzeni na?”

Bonke baphendukela emisebenzini yabo

njengamahhashi aphulukundlela empini.

7Nonogolantethe emkhathini

uyazazi izikhathi zakhe ezimisiweyo,

ihobhe, nenkonjane, nonohemu

bagcina isikhathi sokufika kwabo,

kepha abantu bami abazazi izahlulelo zikaJehova.

8“ ‘Ningasho kanjani, nithi:

“Sihlakaniphile,

umthetho kaJehova unathi,” na?

Impela bheka, uthi lokuloba lwamanga lwababhali

lusebenzile okwamanga.

9Abahlakaniphileyo bayakujabha,

besabe, babhajwe;

bheka, balilahlile izwi likaJehova,

banokuhlakanipha kuni na?

10Ngalokho abafazi babo ngiyakubanika abanye,

namasimu abo kwabayakuwadla,

ngokuba kusukela kwabancane kuya kwabakhulu

bayaphanga impango bonke,

nabaprofethi nabapristi bonke

baqamba amanga.

11Bapholisa kalula ukulimala kwendodakazi yabantu bami, bathi:

“Ngukuthula, ngukuthula;”

kepha akukho ukuthula.

12Bayakuba namahloni,

ngokuba benza izinengiso;

nokho abanamahloni nakanye, abakhophozi;

ngalokho bayakuwa phakathi kwabawayo,

ngesikhathi sokubahambela kwami

bayakukhubeka, usho uJehova.

13“ ‘Bengiyakubutha nokubutha,’ usho uJehova,

‘kepha azikho izithelo zomvini emvinini,

namakhiwane emkhiwaneni;

namaqabunga abunile;

engibanikile khona kusukile kubo.’ ”

14“Sihlalelani na?

Buthanani,

singene emizini ebiyelweyo,

sibhubhe khona,

ngokuba uJehova uNkulunkulu wethu usibhubhisile,

wasiphuzisa amanzi enyongo,

ngokuba sonile kuJehova.

15Silindela ukuthula,

kepha okuhle akukho,

nesikhathi sokuphulukiswa,

kepha bheka, luvalo.

16Ukuthimula kwamahhashi akhe kuyezwakala kwaDani;

ngezwi lokuyiyiza kwanamandla akhe

izwe lonke liyathuthumela,

ngokuba afikile,

alidlile izwe nakho konke okukulo,

umuzi nabakhe kuwo.”

17“Ngokuba ngiyathuma kini izinyoka

nawomantshingeyana abangenakulunjwa,

bayakuniluma,” usho uJehova.

18Alunakududuzeka kimi usizi oluphezu kwami,

inhliziyo yami idangele.

19Bheka, izwi lokukhala kwendodakazi yabantu bami

livela ezweni elikude, lithi:

“Akakho uJehova eSiyoni na?

Ayikho inkosi yalo kulo na?”

“Bangicunuleleni ngezithombe zabo ezibaziweyo

nangokuyize kwabezizwe na?”

20“Ukuvuna kudlulile,

ihlobo liphelile,

kepha thina asisindiswanga.”

21Ngokulimala kwendodakazi yabantu bami ngilimele;

ngidabukile, ukumangala kungibambile.

22Ibhalisamu* alikho kwaGileyadi na?

Inyanga ayikho lapho na?

Pho, ayipheleliswa ngani

impilo yendodakazi yabantu bami na?

UJeremiya 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 9

1Sengathi ikhanda lami nga lingamanzi,

namehlo ami umthombo wezinyembezi

ukuba ngikhalele ababuleweyo bendodakazi yabantu bami

imini nobusuku.

2Sengathi nga nginendawo yokulala

kwezihambi ehlane

ukuba ngishiye abantu bami,

ngisuke kubo,

ngokuba bangabaphingi bonke,

umhlangano wabakhohlisi.

3“Bagobela umnsalo wolimi lwabo amanga,

abaqinelanga iqiniso ezweni;

kepha basuka kokubi, baya kokubi;

mina-ke abangazi,” usho uJehova.

4“Yilowo nalowo makaxwaye umakhelwane wakhe,

ningethembi nakumfowenu,

ngokuba abafowenu bonke bayaqinela,

nabo bonke abakhelwane bayahambahamba behleba.

5Yilowo nalowo uyakhohlisa umakhelwane wakhe,

abakhulumi iqiniso;

bazifundisile izilimi zabo ukukhuluma amanga,

bazikhathaza ngokwenza okubi.

6Uhlala phakathi kwenkohliso;

ngenkohliso bayala ukungazi,” usho uJehova.

7Ngalokho uJehova Sebawoti usho kanje, uthi:

“Ngiyakubancibilikisa, ngibavivinye,

ngokuba ngingenze njani

ngenxa yendodakazi yabantu bami na?

8Ulimi lwabo lungumcibisholo obulalayo,

lukhuluma inkohliso;

bakhuluma kahle ngomlomo wabo kumakhelwane wabo,

kepha ezinhliziyweni bayamqamekela.

9Angiyikubahambela ngalokhu na?” usho uJehova.

“Umphefumulo wami

awuyikuphindisa esizweni esinjengalesi na?”

10Ngiyakuphakamisela izintaba ukukhala nokulila,

namadlelo asehlane ukulilisela,

ngokuba ashisiwe kungekho muntu odlula kuwo,

kungezwakali ukukhonya kwezinkomo;

izinyoni zezulu nezilwane zibalekile, zahamba.

11“Ngiyakulenza iJerusalema libe yizinqwaba

nekhaya lamakhanka,

ngenze imizi yakwaJuda incithakalo,

lapho kungahlali muntu khona.”

12Ngubani umuntu ohlakaniphileyo ongakuqonda lokhu, okhulumile kuye umlomo kaJehova, akumemezele, na? Izwe lichithelweni, lasha njengehlane, kungekho odabulayo, na?

13UJehova wathi: “Ngokuba bewushiyile umthetho wami engawubeka phambi kwabo, bengalilalelanga izwi lami, bengahambanga ngalo, 14kepha belandela inkani yezinhliziyo zabo nawoBali abakufundiswa ngoyise.” 15Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubanika laba bantu ukuba badle umhlonyane, baphuze amanzi enyongo. 16Ngiyakubahlakazela ezizweni abangazazanga bona nawoyise, ngithume emva kwabo inkemba, ngize ngibaqede.”

17Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi:

“Qaphelani, nibize abesifazane besililo

ukuba bafike,

nithumele kwabesifazane abahlakaniphileyo

ukuba bafike,

18basheshe basikhihlele isililo,

ukuze amehlo ethu amululeke izinyembezi,

nezinkophe zethu ziphophoze amanzi.

19Ngokuba izwi lokukhala lizwakala

livela eSiyoni, lithi:

‘Yeka ukuphangwa kwethu!

Sijabhile kakhulu, ngokuba silishiyile izwe,

ngokuba badilizile izindlu zethu.’ ”

20Yebo, zwanini izwi likaJehova

nina besifazane,

izindlebe zenu zilamukele izwi lomlomo wakhe,

nifundise amadodakazi enu ukukhala,

kube yilowo nalowo umakhelwane wakhe ukulila.

21Ngokuba ukufa kwenyukele emafasiteleni ethu,

kungene ezindlini zethu zamakhosi

ukunquma abantwana ezitaladini,

nezinsizwa ezigcawini.

22Khuluma! “Usho kanje uJehova, uthi:

“ ‘Izidumbu zabantu ziyakuwa njengomquba endle,

nanjengesithonto emva komvuni,

kungekho okubuthayo.’ ”

23Usho kanje uJehova, uthi:

“Ohlakaniphileyo makangazibongi

ngokuhlakanipha kwakhe,

neqhawe malingazibongi

ngobuqhawe balo,

nocebileyo makangazibongi

ngengcebo yakhe,

24kepha ozibongayo makazibonge

ngalokhu ukuthi uyangiqonda,

angazi ukuthi nginguJehova

owenza umusa nokwahlulela nokulunga emhlabeni,

ngokuba ngiyathokoza ngokunjalo,” usho uJehova.

25“Bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova, “lapho ngiyakuhambela bonke abasokileyo ekungasokini kwabo, 26iGibithe, noJuda, no-Edomi, nabantwana bakwa-Amoni, noMowabi, nabo bonke abadilingiwe emaceleni amakhanda abo abakhe ehlane, ngokuba zonke izizwe azisokile, nendlu yonke yakwa-Israyeli ayisokile enhliziyweni.”

UJeremiya 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 10

Ubuze bokukhonza izithombe

1Zwanini izwi uJehova alikhuluma kini nina ndlu ka-Israyeli. 2Usho kanje uJehova, uthi:

“Ningayifundi indlela yabezizwe,

ningashaywa luvalo ngezibonakaliso zasezulwini,

ngokuba abezizwe bezesaba.

3Ngokuba imikhuba yabantu iyize,

lokhu kugawulwa umuthi ehlathini;

ngumsebenzi wesandla sesisebenzi ngembazo.

4Bawenza ube muhle ngesiliva nangegolide,

bawubethela ngezipikili nangezando

ukuba ungazamazami.

5Ungumsebenzi okhandiweyo, awukhulumi;

uyathwalwa nokuthwalwa,

ngokuba awuhambi.

Ungawesabi, ngokuba awenzi okubi,

nokuhle awunakukwenza.”

6Akakho onjengawe Jehova;

umkhulu, igama lakho likhulu ngobuqhawe.

7Ngubani ongekwesabe,

Nkosi yezizwe,

ngokuba uyimfanelo yakho,

ngokuba phakathi kwabo bonke

abahlakaniphileyo bezizwe

nakuyo yonke imibuso yabo akakho onjengawe.

8Bayiziphukuphuku, bayiziwula bonke;

ngukulaya kwezithombe;

kungumuthi nje,

9nezingcwecwe zesiliva

ezilethwe zivela eTharishishi

negolide lase-Ofiri,

umsebenzi wesisebenzi nowezandla zomkhandi,

kugqokiswe okuluhlaza nokububende,

kungumsebenzi wabahlakaniphileyo konke.

10Kepha uJehova unguNkulunkulu weqiniso,

unguNkulunkulu ophilileyo neNkosi yaphakade;

ngentukuthelo yakhe umhlaba uyazamazama,

izizwe azinakuma ngokufutheka kwakhe.

11“Niyakusho kanje kubo, nithi: ‘Onkulunkulu abangenzanga izulu nomhlaba, labo bayakubhubha emhlabeni nangaphansi kwezulu.’ ”

12Wawenza umhlaba ngamandla akhe,

walimisa izwe ngokuhlakanipha kwakhe,

ngokuqonda kwakhe waleneka izulu.

13Lapho elizwakalisa izwi lakhe,

kungukuhlokoma kwamanzi ezulwini;

uzikhuphula izinkungu emikhawulweni yomhlaba,

enzele imvula unyazi,

awukhiphe umoya endlini yengcebo.

14Bonke abantu bayiziphukuphuku,

abanakwazi;

bonke abakhandi bajabhiswa nezithombe zabo ezibaziweyo,

ngokuba izithombe zabo ezibunjiweyo zingamanga,

nomoya awukho kuzo.

15Ziyize, umsebenzi wenkohliso;

ngesikhathi sokuhanjelwa kwabo ziyakubhubha.

16Oyisabelo sikaJakobe akanjengalezo,

ngokuba nguye obumbile konke;

u-Israyeli uyisizwe sefa lakhe,

nguJehova Sebawoti igama lakhe.

Ukumenyezelwa kokuthunjwa

17Qoqa umshuqulo wakho ezweni

wena ohlezi ekuvinjezelweni.

18Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, ngiyakubazwiba abakhileyo

ezweni ngalo mzuzwana,

ngibacindezele ukuze bakuzwe.”

19Maye kimina ngenxa yokulimala kwami!

Ukushaywa kwami kunzima.

Kepha ngithi mina:

“Nempela lokhu kulusizi lwami,

ngiyakuluthwala.”

20Itende lami lichithakele,

zonke izintambo zami zigqabukile;

abantwana bami basukile kimi,

kabasekho;

kasekho owokwelula itende lami

nowokumisa izilenge zami.

21Ngokuba abelusi bayiziphukuphuku,

abamfunanga uJehova;

ngalokho abaphumelelanga,

nomhlambi wabo wonke uhlakazekile.

22Bheka, kusondela izwi lombiko,

nokuzamazama okukhulu okuvela ezweni lasenyakatho,

ukuba kwenze imizi yakwaJuda ibe yincithakalo,

indawo yokuhlala kwamakhanka.

23Ngiyazi, Jehova,

ukuthi indlela yomuntu ayikuye uqobo;

akukuyo indoda ukuba ihambe,

iqondise izinyathelo zayo.

24Ngilaye, Jehova,

kepha ngokwahlulela,

kungabi ngentukuthelo yakho,

funa ungenze into engelutho.

25Thulula ukufutheka kwakho phezu

kwabezizwe abangakwaziyo

naphezu kwemindeni engalibizi igama lakho,

ngokuba bamdlile uJakobe;

yebo, bamdlile bamqeda,

balichitha ikhaya lakhe.

UJeremiya 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 11

Amazwi esivumelwano

1Izwi elafika kuJeremiya livela kuJehova, lithi: 2“Zwanini amazwi alesi sivumelwano, nikhulume kubantu bakwaJuda nakwabakhileyo eJerusalema, 3uthi kubo: Usho kanje uJehova, uNkulunkulu ka-Israyeli: ‘Makaqalekiswe umuntu ongezwa amazwi alesi sivumelwano, 4engayala ngawo oyihlo mhla ngibakhipha ezweni laseGibithe, isithando sensimbi,’ ngokuthi: ‘Zwanini izwi lami, nilenze njengakho konke enginiyala ngakho, nibe ngabantu bami, mina ngibe nguNkulunkulu wenu, 5ukuba ngisiqinise isifungo engasifunga koyihlo ukubanika izwe elichichima ubisi nezinyosi’ – njenganamuhla.”

Ngase ngiphendula ngithi: “Amen, Jehova.”

6Wayesethi uJehova kimi: “Memeza onke lawa mazwi emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, uthi: ‘Zwanini amazwi alesi sivumelwano, niwenze. 7Ngokuba ngibayalile nokubayala oyihlo osukwini engabakhuphula ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla, ngibayalile, ngathi: “Yizwani izwi lami.” 8Kepha abalalela, ababekanga izindlebe zabo, kepha bahamba, kwaba yilowo nalowo ngobulukhuni benhliziyo yakhe embi; ngase ngehlisela phezu kwabo onke amazwi alesi sivumelwano engabayala ukuwenza, kepha kabawenzanga.’ ”

9Wayesethi uJehova kimi: “Kufunyenwe uzungu phakathi kwabantu bakwaJuda naphakathi kwabakhileyo eJerusalema. 10Babuyele ebubini bawoyise bokuqala abala ukuzwa amazwi ami, balandela abanye onkulunkulu ukuba babakhonze: indlu ka-Israyeli nendlu kaJuda zisaphulile isivumelwano sami engasenza nawoyise. 11Ngalokho usho kanje uJehova, uthi: ‘Bheka, ngiyakwehlisela okubi phezu kwabo abangayikuba nakuphuma kukho; bayakukhala kimi, kepha angiyikubezwa. 12Imizi yakwaJuda nabakhileyo eJerusalema bayakukhala konkulunkulu ababashisela impepho, kepha abayikubasindisa neze ngesikhathi sokuhlupheka kwabo. 13Ngokuba njengomumo wemizi yakho, banjalo onkulunkulu bakho, Juda, nanjengomumo wezitaladi zaseJerusalema nimisele uBosheti* ama-altare, ama-altare okushisela uBali impepho.’

14“Ngalokhu ungabakhulekeli laba bantu, ungabaphakamiseli ukukhala nokuthandaza, ngokuba angiyikubezwa mhla bekhala kimi ngokuhlupheka kwabo.

15“Othandiweyo wami unani endlini yami

lapho enza amacebo nabaningi na?

Inyama engcwele ingavela kuwe,

lokhu ujabula ngokwenza okubi, na?”

16UJehova wabiza igama lakho

ngokuthi umnqumo oluhlaza obukekayo,

onezithelo ezinhle;

ngomsindo wesidumo esikhulu

uyakuphemba umlilo kuwo,

kwaphuke amagatsha awo.

17“UJehova Sebawoti owakutshala ukhulumile okubi phezu kwakho ngenxa yokubi kwendlu yakwa-Israyeli nokwendlu yakwaJuda abakwenzile ukuba bangicunule ngokushisela uBali impepho.”

18UJehova wangazisa, ngakwazi; khona wangibonisa izenzo zabo. 19Kepha mina nganginjengewundlu eliyiswa ekuhlatshweni; ngangingazi ukuthi bangicebela amacebo, bethi:

“Masiwuchithe umuthi kanye nezithelo zawo,

simnqume ezweni labaphilayo,

igama lakhe lingabe lisakhunjulwa.”

20Jehova Sebawoti,

mahluleli olungileyo,

ovivinya izinso nenhliziyo,

mangibone ukuphindisela kwakho kubo,

ngokuba ngibonakalisile indaba yami kuwe.

21“Ngalokho usho kanje uJehova ngabantu base-Anathoti abafuna ukuphila kwakho, bathi: ‘Awuyikuprofetha ngegama likaJehova, ukuze ungafi ngesandla sethu;’ 22ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Bheka, ngiyakubahambela; izinsizwa ziyakufa ngenkemba; amadodana abo namadodakazi abo ayakufa ngendlala, 23nensali ayiyikuba khona kubo, ngokuba ngiyakubehlisela abantu base-Anathoti okubi ngomnyaka wokuhanjelwa kwabo.’ ”

UJeremiya 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 12

1Ulungile wena Jehova,

noma ngimelana nawe;

ngiyakukhuluma nawe ngokwahlulela:

iphumelelani indlela yababi,

kungani ukuba babe nokuthula abakhohlisa nokukhohlisa, na?

2Ubatshalile, futhi bagxilile;

bayakhula, bathela izithelo;

useduze nomlomo wabo,

kepha ukude nezinhliziyo zabo.

3Kepha wena Jehova uyangazi,

uyangibona, uvivinya inhliziyo yami

ukuthi injani kuwe;

bakhiphe njengezimvu zokuhlatshwa,

ubalungisele usuku lokuhlatshwa.

4Koze kube nini izwe lidabuka,

nemifino yonke yasendle ibuna, na?

Ngobubi babakhileyo khona

izinkomo nezinyoni ziyabhubha, ngokuba bathi:

“Akayikubona ukugcina kwethu.”

5“Uma ugijimile nemigundatshani,

yakukhathaza,

ungancintisana kanjani namahhashi na?

Uma wethemba ezweni lokuthula kuphela,

uyakwenze njani ekukhukhumaleni kweJordani na?

6Ngokuba nabafowenu nendlu kayihlo

nabo bakukhohlisile,

nabo bamemeza kakhulu emva kwakho;

ungabethembi, noma bekhuluma okuhle kuwe.”

Ukumenyezelwa kokubhujiswa

7“Ngiyishiyile indlu yami,

ngililahlile ifa lami,

nginikele othandiweyo womphefumulo wami

esandleni sezitha zakhe.

8Ifa lami likimi

njengengonyama ehlathini;

lingiphumisele izwi;

ngalokho ngiyalizonda.

9Ifa lami liyinqe elimanakanaka kimi,

amanqe angakulo alihaqile nxazonke;

hambani, nibuthe zonke izilwane zasendle,

nizilethe, zidle.

10Abelusi abaningi basichithile isivini sami,

basinyathele phansi isabelo sami,

benze ifa lami elinxanelekayo ihlane elichithakeleyo.

11Basenze incithakalo;

siyincithakalo, sikhala kimi;

izwe lonke lichithiwe,

kepha akakho okubeka enhliziyweni.

12Abaphangi bafikele onke amaduli angenalutho,

ngokuba inkemba kaJehova iyadla,

kusukela komunye umkhawulo womhlaba

kuze kufike komunye,

nenyama enokuthula ayikho.

13Bahlwanyele ukolweni,

bavuna ameva,

bakhandlekile bengasizakalanga;

yebo, niyakuba namahloni ngezithelo zenu

ngenxa yokufutheka okuvuthayo kukaJehova.”

14Usho kanje uJehova ngabakhelwane bonke bami ababi, abalithinta ifa lami engabanika lona abantu bami u-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakubasiphula ezweni lakubo, ngiyisiphule indlu yakwaJuda phakathi kwabo. 15Kepha kuyakuthi lapho ngibasiphulile, ngibuye ngibahawukele, ngibabuyisele, kube yilowo nalowo efeni lakhe, kube yilowo nalowo ezweni lakubo. 16Kuyakuthi uma beyakuzifunda nokuzifunda izindlela zabantu bami ukuba bafunge igama lami ngokuthi: ‘Kuphila kukaJehova,’ njengalokhu kade befundisa abantu bami ukufunga uBali, bakhiwe phakathi kwabantu bami. 17Kepha uma bengalaleli, ngiyakusisiphula nokusisiphula lesi sizwe, ngisichithe,” usho uJehova.

UJeremiya 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU