Bible Society of South Africa

To The Word – Day 186

Jeremiah 43–48, Psalm 56

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJeremiya 43

1Kwathi lapho uJeremiya eseqedile ukukhuluma kubantu bonke onke amazwi kaJehova uNkulunkulu wabo, uJehova uNkulunkulu wabo amthume nawo kubo, onke lawa mazwi, 2kwakhuluma u-Azariya indodana kaHoshaya, noJohanani indodana kaKhareya, nabantu bonke abaziqhenyayo, bathi kuJeremiya: “Ukhuluma amanga; uJehova uNkulunkulu wethu akakuthumanga ukuba uthi: ‘Aniyikuya eGibithe ukuba nigogobale khona,’ 3kepha uBaruki indodana kaNeriya ukuqhathanisa nathi ukuba sinikelwe esandleni samaKaledi, ukuze asibulale, asithumbele eBabele.”

4UJohanani indodana kaKhareya, nazo zonke izinduma zempi, nabantu bonke abalilalelanga izwi likaJehova lokuba bahlale ezweni lakwaJuda. 5Kepha uJohanani indodana kaKhareya nazo zonke izinduna zempi bayithatha yonke insali yakwaJuda eyayibuye ezizweni zonke eyayixoshelwe kuzo ukuba igogobale ezweni lakwaJuda, 6abesilisa, nabesifazane, nabantwana, namadodakazi enkosi, nabo bonke abantu uNebuzaradani induna yabalindi ayebashiyile kuGedaliya indodana ka-Ahikamu kaShafani, noJeremiya umprofethi, noBaruki indodana kaNeriya, 7bafika ezweni laseGibithe, ngokuba babengalilaleli izwi likaJehova; bafika eThahipanesi.

8Lase lifika izwi likaJehova kuJeremiya eThahipanesi, lithi: 9“Thatha ngesandla sakho amatshe amakhulu, uwashiqele odakeni kuhonela ongasemnyango wendlu kaFaro eThahipanesi emehlweni abantu bakwaJuda, 10uthi kubo: ‘Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakuthumela ukuba ngimbambe uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, inceku yami, ngibeke isihlalo sakhe sobukhosi phezu kwalawa matshe engiwashiqeleyo, uyakweneka isivikelo sakhe phezu kwawo. 11Uyakufika, ashaye izwe laseGibithe, abokufa babe ngabokufa, abokuthunjwa babe ngabokuthunjwa, abenkemba babe ngabenkemba. 12Ngiyakuphemba umlilo uyakuzishisa, athumbe onkulunkulu, embathe izwe laseGibithe njengomalusi embatha ingubo yakhe, aphume eGibithe ngokuthula. 13Uyakwaphula izinsika zaseBeti Shemeshi elisezweni laseGibithe; izindlu zawonkulunkulu baseGibithe uyakuzishisa ngomlilo.’ ”

UJeremiya 43ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 44

UJeremiya uyancenga abaJuda eGibithe

1Izwi elafika kuJeremiya ngabaJuda bonke ababehlala ezweni laseGibithe, ababehlala eMigidoli, naseThahipanesi, naseNofi, nasezweni lasePhatirosi, lathi: 2“Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nikubonile konke okubi engikwehlisele phezu kweJerusalema naphezu kwayo yonke imizi yakwaJuda; bhekani, namuhla iyincithakalo, akakho ohlala kuyo 3ngenxa yobubi babo ababenzileyo ukuba bangicunule, behamba beshisa impepho, bekhonza abanye onkulunkulu abangabazanga bona, nani, nawoyihlo. 4Kepha ngathuma kini zonke izinceku zami abaprofethi, ngizithuma njalonjalo, ngathi: ‘Maningenzi le nto enengekayo engiyizondayo.’ 5Kepha abalalelanga, ababekanga izindlebe zabo ukuba babuye ebubini babo, bangashiseli abanye onkulunkulu impepho. 6Kwase kuthululwa ukufutheka kwami nentukuthelo yami, kwavutha emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, kwaba yincithakalo nokuchitheka njenganamuhla.

7“Manje usho kanje uJehova uNkulunkulu Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nenzelani lokhu okubi okukhulu kuyo imiphefumulo yenu, ninqume kini abesilisa nabesifazane, izingane nabancelayo phakathi kukaJuda, nize ningashiyelwa nsali, 8ngokungicunula ngemisebenzi yezandla zenu, nishisela abanye onkulunkulu impepho ezweni laseGibithe, lapho niyile khona ukugogobala, ukuba ninqunywe, nibe yisiqalekiso nehlazo phakathi kwezizwe zonke zomhlaba, na? 9Nikhohliwe yini ububi bukayihlo, nobubi bamakhosi akwaJuda, nobubi bamakhosikazi awo, nobubi benu, nobubi bawomkenu ababebenza ezweni lakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, na? 10Abazithobanga kuze kube namuhla, abesabanga, abahambanga ngomthetho wami nangezimiso zami engikubeke phambi kwenu naphambi kwawoyihlo.

11“Ngalokho usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Bheka, ngiyakubhekisa ubuso bami kini kube kubi, kunqunywe uJuda wonke. 12Ngiyakuthatha insali yakwaJuda ebhekise ubuso bayo ukuba ingene ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona, baphele bonke, bawe ezweni laseGibithe, baphele ngenkemba nangendlala, abakhulu nabancane bafe ngenkemba nangendlala, babe yisithuko, nesimangaliso, nesiqalekiso, nehlazo. 13Ngiyakubajezisa abahlala ezweni laseGibithe, njengalokho ngilijezisile iJerusalema, ngenkemba, nangendlala, nangesifo, 14kungaphunyuki, kungasali muntu ensalini yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona ukubuyela ezweni lakwaJuda, efisa ukubuyela kulo ukuba ihlale khona, ngokuba akuyikubuya muntu, abaphunyukileyo bodwa.”

15Ayesephendula uJeremiya onke amadoda ayekwazi ukuthi omkawo bashisela abanye onkulunkulu impepho nabo bonke abesifazane ababemi khona, ibandla elikhulu, bonke abantu ababehlala ezweni laseGibithe ePhatirosi; bathi: 16“Izwi olikhulume kithi egameni likaJehova asiyikulilalela. 17Kepha siyakwenza nokwenza onke amazwi aphumile emilonyeni yethu, sishisele inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, njengalokho senzile, thina nawobaba, namakhosi ethu, nezikhulu zethu emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema, ngokuba sasisuthi isinkwa, sahlala kahle, asabona okubi. 18Kepha selokhu sayeka ukushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa, siswele konke, siqedwe ngenkemba nangendlala.

19“Lapho sesishisela inkosikazi yezulu impepho, siyithululele iminikelo yokuphuzwa, siyenzela amaqebelengwane anesithombe sayo, siyithululelele iminikelo yokuphuzwa ngaphandle kwamadoda ethu, na?”

20UJeremiya washo kubantu bonke, kwabesilisa nakwabesifazane, kubo bonke abantu abamphendule kanjalo, wathi: 21“Impepho enayishisa emizini yakwaJuda nasezitaladini zaseJerusalema nina nawoyihlo, namakhosi enu, nezikhulu zenu, nabantu bezwe, uJehova akayikhumbulanga, ayingenanga enhliziyweni yakhe, na? 22UJehova wayengasenakuthwala okubi kwemisebenzi yenu nezinengiso zenu enizenzileyo; ngalokho izwe lakini seliyincithakalo, nesimangaliso, nesiqalekiso, kungekho owakhile kulo njenganamuhla. 23Ngokuba niyishisile impepho nangokuba nonile kuJehova, ningalilalelanga izwi likaJehova, ningahambanga ngomthetho wakhe, nangezimiso zakhe, nangobufakazi bakhe, ngalokho le ngozi ihlangabezene nani njenganamuhla.”

24UJeremiya wathi futhi kubantu bonke nakubo bonke abesifazane: “Yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enisezweni laseGibithe. 25Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: Nina nawomkenu nikhulumile ngemilomo yenu, nakugcwalisa ngezandla zenu, nathi: ‘Siyakugcwalisa nokugcwalisa izithembiso zethu esizenzileyo zokushisela inkosikazi yezulu impepho nokuyithululela iminikelo yokuphuzwa.’ Qinisani nokuqinisa izithembiso zenu, nigcwalise nokugcwalisa izithembiso zenu. 26Ngalokho yizwani izwi likaJehova nina nonke bakwaJuda enihlala ezweni laseGibithe: ‘Bhekani, ngifungile igama lami elikhulu,’ usho uJehova, ‘ukuthi igama lami alisayikubizwa mlomo wamuntu wakwaJuda ezweni lonke laseGibithe ukuthi: “Kuphila kukaJehova.” 27Bheka, ngiyabalinda kube kubi, kungabi kuhle; bonke abantu bakwaJuda abasezweni laseGibithe bayakuphela ngenkemba nangendlala, baze baqedwe. 28Abaphunyuka enkembeni bayakubuya ezweni laseGibithe, babuyele ezweni lakwaJuda, bengaba yingcosana ngomumo; yonke insali yakwaJuda eye ezweni laseGibithe ukuba igogobale khona iyakwazi ukuthi yiliphi izwi eliyakuma, elami noma elabo.

29“ ‘Lesi siyakuba yisibonakaliso kini,’ usho uJehova, ‘ukuthi ngiyakunijezisa kule ndawo ukuba nazi ukuthi amazwi ami ayakuma amelane nani kube kubi.’ 30Usho kanje uJehova, uthi: ‘Bhekani, ngiyakunikela uFaro uHofira inkosi yaseGibithe esandleni sezitha zakhe nasesandleni sabafuna ukuphila kwakhe, njengalokho nganikela uSedekiya inkosi yakwaJuda esandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, isitha sakhe esasifuna ukuphila kwakhe.’ ”

UJeremiya 44ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 45

Isiprofetho ngoBaruki

1Izwi uJeremiya, umprofethi, alikhuluma kuBaruki, indodana kaNeriya, ekulobeni kwakhe lawa mazwi encwadini, ewathatha emlonyeni kaJeremiya, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi, indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda, lokuthi: 2“Usho kanje uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli kuwe Baruki: 3Uthi wena: ‘Maye kimina! Ngokuba uJehova wenezele usizi ebuhlungwini bami, ngikhathele ukukhala, nokuthula angikufumani.’

4“Uyakusho kanje kuye, uthi: ‘Usho kanje uJehova, uthi: Bheka, lokho engikwakhileyo ngiyakukudiliza, nalokhu engikutshalileyo ngiyakukusiphula, yebo, ezweni lonke. 5Uyazifunela izinto ezinkulu na? Ungazifuni, ngokuba bheka, ngiyakwehlisela inyama yonke okubi, usho uJehova, ngikunike ukuphila kwakho kube yimpango ezindaweni zonke lapho uya khona.’ ”

UJeremiya 45ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 46

Isiprofetho ngeGibithe

1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngezizwe.

2NgeGibithe ngempi kaFaro Nekho inkosi yaseGibithe eyayingasemfuleni u-Ewufrathe eKharikemishi, owayinqoba uNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ngomnyaka wesine kaJehoyakimi indodana kaJosiya, inkosi yakwaJuda.

3“Lungisani amahawu nezihlangu, nisondele empini.

4Bophelani amahhashi,

nikhwele nina bamahhashi,

nisuke nime ninezigqoko zempi,

niphucuze imikhonto,

nembathe amabhantshi ensimbi.

5Ngikuboneleni na?

Baphelile amandla, babuyele emuva.

Amaqhawe abo anqotshiwe,

ayabaleka nokubaleka engabheki emuva;

luvalo nxazonke,” usho uJehova.

6“Onejubane makangabaleki naye,

kungaphunyuki neqhawe;

ngasenyakatho eceleni komfula u-Ewufrathe

bayakhubeka, bawe.

7“Ngubani lo owenyuka njengeNayile,

omanzi akhe agubha njengemifula.

8IGibithe lenyuka njengeNayile,

amanzi alo agubha njengemifula.

Lithi: ‘Ngiyakwenyuka,

ngisibekele umhlaba;

ngiyakuchitha umuzi nabahlala kuwo.’

9Yenyukani, mahhashi,

nihlanye, zinqola,

aphume amaqhawe:

oKushe noPhuthi ababambe izihlangu,

namaLudi abambe ensala umnsalo.

10Lolu suku lungusuku lweNkosi uJehova Sebawoti,

usuku lokuphindisela lokuba aziphindisele kwabamelene naye.

Inkemba iyakudla isuthe,

izanelise ngegazi labo,

ngokuba iNkosi uJehova Sebawoti inomhlatshelo

ezweni lasenyakatho ngasemfuleni u-Ewufrathe.

11“Khuphukela kwaGileyadi,

uthathe ibhalisamu,*

wena ntombi, ndodakazi yaseGibithe;

usebenzisela ize imithi eminingi,

ukuphuluka akukho kuwe.

12Izizwe zizwile ngehlazo lakho,

umhlaba ugcwele ukukhala kwakho;

ngokuba iqhawe likhubeka ngelinye,

awa omabili kanyekanye.”

13Izwi uJehova alikhuluma kuJeremiya umprofethi ngokuza kukaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, ukuchitha izwe laseGibithe.

14“Yazisani eGibithe,

nizwakalise eMigidoli,

nizwakalise naseNofi naseThahipanesi,

nithi: ‘Suka ume, uzilungise,

ngokuba inkemba iyadla nxazonke zakho.’

15Abanamandla bakho bakhukhulelweni na?

Abemanga, ngokuba uJehova wabahlohloloza.

16Wakhubekisa abaningi,

yebo, bawa omunye phezu komunye,

bathi: ‘Sukani,

sibuyele kubantu bakithi

nasezweni lokuzalwa kwethu,

sisuke enkembeni ecindezelayo.’

17Bamemeza khona, bathi:

‘UFaro inkosi yaseGibithe ungumsindo,

udlulisile isikhathi esimisiweyo.’

18“Kuphila kwami,” isho iNkosi

egama layo linguJehova Sebawoti,

“impela njengeThabori phakathi kwezintaba,

nanjengeKarmeli ngaselwandle, kanjalo uyakufika.

19Zenzele izinto zokuthunjwa,

ndodakazi, ohlala eGibithe,

ngokuba iNofi liyakuba yincithakalo,

lishiswe kungabe kusabakho ohlala kulo.

20“IGibithe liyisithokazi esihle kakhulu,

kepha kuvela isibawu enyakatho, sesifikile.

21Abaqashwa balo phakathi kwalo

banjengamathole akhuluphalisiweyo;

nabo babuyele emuva,

babaleka kanyekanye, abemanga,

ngokuba usuku lwengozi yabo lubehlele,

isikhathi sokuhanjelwa kwabo.

22Ukuhashaza kokuhamba kwalo kunjengokwenyoka;

ngokuba bahamba nempi,

balifikele bephethe amazembe

njengabagawuli bemithi.

23Bagawula ihlathi lalo,” usho uJehova,

“ngokuba alinakuhanjwa,

lokhu bebaningi kunesikhonyane,

bengenakubalwa.

24Indodakazi yaseGibithe iyakujabhiswa,

inikelwe esandleni sabantu basenyakatho.”

25UJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi: “Bheka, ngiyakujezisa u-Amoni waseNo, noFaro, neGibithe, nawonkulunkulu balo, namakhosi alo, yebo, uFaro nabamethembayo, 26ngibanikele esandleni sabafuna ukuphila kwabo, nasesandleni sikaNebukadinesari, inkosi yaseBabele, nasesandleni sezinceku zakhe, andukuba lakhiwe njengasezinsukwini zasendulo,” usho uJehova.

27“Kepha ungesabi wena Jakobe,

nceku yami,

ungapheli amandla, Israyeli,

ngokuba bheka, ngiyakukusindisa usekude,

nenzalo yakho ezweni lokuthunjwa kwayo;

uJakobe uyakubuya, aphumule, agcineke,

angesatshiswa muntu.

28Ungesabi wena Jakobe, nceku yami,” usho uJehova,

“ngokuba nginawe,

ngokuba ngiyakuqeda ngokupheleleyo

zonke izizwe engikuxoshele kuzo,

kepha wena angiyikukuqeda;

kodwa ngiyakukulaya ngokwahlulela,

ngingakwenzi ube ngongenacala.”

UJeremiya 46ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 47

Isiprofetho ngamaFilisti

1Izwi likaJehova elafika kuJeremiya umprofethi ngamaFilisti, uFaro engakanqobi iGaza.

2Usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, amanzi ayenyuka enyakatho,

abe ngumfula okhukhulayo,

akhukhule izwe nokugcwala kwalo,

umuzi nabakhileyo kuwo;

abantu bayakukhala,

bonke abakhileyo ezweni bahhewule.

3Ngomsindo wokudubhuza kwezinselo zamahhashi akhe anamandla,

nangokuduma kwezinqola zakhe,

nangodumo lwamasondo akhe

oyise ababheki emuva kubantwana

ngenxa yobuthakathaka bezandla zabo

4ngenxa yosuku olufika ukuchitha onke amaFilisti

nokunquma eTire naseSidoni bonke abasizi abaseleyo,

ngokuba uJehova uyakuwachitha amaFilisti,

insali yesiqhingi saseKafitori.

5Ubumpandla bulehlele iGaza;

i-Ashikeloni liphelile,

insali yesigodi sabo;

uyakuzisika kuze kube nini na?

6“Awu wena nkemba kaJehova,

koze kube nini ungathuli na?

Buyela emgodleni wakho,

uthule, uzole.

7Ingathula kanjani,

lapho iyalezwe nguJehova, na?

Uyinqumele i-Ashikeloni nogu lolwandle.”

UJeremiya 47ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJeremiya 48

Isiprofetho ngoMowabi

1NgoMowabi.

Usho kanje uJehova Sebawoti, uNkulunkulu ka-Israyeli, uthi:

“Wo kulo iNebo,

ngokuba lichithekile,

iKiriyatayimi lijabhile, linqotshiwe;

iMisigabi lijabhile, liphelile amandla.

2Udumo lukaMowabi alusekho;

eHeshiboni bacebe okubi ngaye ngokuthi:

Wozani simnqume, angabe esaba yisizwe.

Nawe Madimeni uyakuthuliswa,

inkemba ikulandele.

3Izwi lokukhala livela eHoranayimi,

ukuchithwa nokuqothulwa okukhulu.

4UMowabi uchithekile;

abancane bakhe bezwakalisa ukukhala.

5Ngokuba bakhuphuka egqumeni laseLuthite,

bekhala njalo,

nasekwehleni ukuya eHoronayimi

bezwile usizi lokukhala kwencithakalo.

6Balekani, nisindise ukuphila kwenu,

nibe njengesihlahla esiyize ehlane.

7Ngokuba ngenxa yokwethemba

kwakho imisebenzi yakho

nengcebo yakho nawe uyakubanjwa,

uKemoshi aye ekuthunjweni,

abapristi bakhe nezikhulu zakhe kanyekanye.

8Umchithi uyakufikela yonke imizi,

akuyikuphunyuka muzi;

isigodi siyakuchithwa,

ithafa liqothulwe,

njengalokho uJehova eshilo.

9Nikani uMowabi amaphiko,

ngokuba uyakundiza, aphume;

imizi yakhe iyakuba yincithakalo,

kungabikho osahlala kuyo.

10“Makaqalekiswe owenza umsebenzi

kaJehova ngokunganakekeli,

aqalekiswe naye ogodla inkemba yakhe egazini.

11“UMowabi ugciniwe kwasebusheni bakhe,

uphumulile enhleseni yakhe,

kathululwanga ezitsheni ngezitsha,

akayanga ekuthunjweni;

ngalokho ukuzwakala kwakhe kuhlala kuye,

nephunga lakhe aliguquki.

12Ngalokho bheka, izinsuku ziyeza,” usho uJehova,

“engiyakuthuma ngazo kuye abathambekayo

abayakumthambeka,

bazithulule izitsha zakhe,

baziphohloze izimvaba zakhe.

13UMowabi uyakujabha ngoKemoshi,

njengalokhu indlu ka-Israyeli yajabha ngeBethele,

ithemba labo.

14“Ningasho kanjani ukuthi:

‘Singamaqhawe

namadoda anamandla okulwa’ na?

15Umchithi kaMowabi nemizi yakhe bakhuphukile,

izinsizwa zakhe ezikhethekileyo zehlele ukuyobulawa,”

isho iNkosi egama layo linguJehova Sebawoti.

16“Ingozi kaMowabi iseduze ukufika,

usizi lwakhe lushesha kakhulu.

17Nina nonke enimzungezayo manimkhalele;

nani nonke enilaziyo igama lakhe anothi:

‘Yeka ukwaphuka kwenduku enamandla,

udondolo oluhle!’

18“Yehla ebukhosini bakho,

uhlale womile,

ndodakazi, ohlala eDiboni,

ngokuba umchithi kaMowabi ukhuphukela kuwe,

achithe izinqaba zakho.

19Yima endleleni,

uqaphele wena ohlezi e-Aroweri,

ubuze obalekayo nowesifazane ophunyukayo ukuthi:

‘Kwenze njani na?’

20UMowabi ujabhile, uphelile amandla;

hhewulani, nikhale,

nikwazise e-Arinoni

ukuthi uMowabi uchithiwe.

21Ukwahlulela kwehlele izwe lethafa:

iHoloni, neJahasi, neMefahati,

22neDiboni, neNebo,

neBeti Dibilatayimi,

23neKiriyatayimi, neBeti Gamuli,

neBeti Mehoni,

24neKeriyote, neBosira,

nemizi yonke yezwe lakwaMowabi

ekude noma eseduze.

25Uphondo lukaMowabi lunqunyiwe,

ingalo yakhe yaphukile,” usho uJehova.

26“Mdakiseni, ngokuba uzikhukhumezile kuJehova;

uMowabi makahuquzele ebuhlanzweni bakhe, abe ngohlekwayo naye.

27U-Israyeli wayengahlekwa nguwe na?

Wafunyanwa phakathi kwamasela,

njengokuba, lapho ukhuluma ngaye,

unikina ikhanda, na?

28Shiyani imizi,

nihlale esiweni nina enakhileyo kwaMowabi,

nibe njengejuba elakha emaceleni omlomo wesiwa.

29Sizwile ngokuzidla kukaMowabi okukhulu kakhulu,

ukuziphakamisa kwakhe,

nokuzidla kwakhe,

nokuziqhenya kwakhe,

nokuzikhukhumeza kwenhliziyo yakhe.

30Ngiyazi intukuthelo yakhe,” usho uJehova;

“amacebo akhe ayinkohliso,

nalokhu akwenzayo kuyinkohliso.

31Ngalokho ngiyakuhhewula ngoMowabi,

ngikhale ngaye wonke uMowabi,

balilisele amadoda aseKhiri Heresi.

32Ngiyakukhalela wena mvini waseSibima kunokukhala kukaJazeri;

amagatsha akho adlulile ulwandle,

afinyelela elwandle lwakwaJazeri;

umchithi uthelekele phezu kwezithelo zenu namavini enu.

33Ukuthokoza nokujabula kususiwe

ensimini nasezweni lakwaMowabi;

ngenze ukuba kuphele iwayini ezikhamweni;

akusayikunyathelwa ngokujabula,

ukumemeza akuseyikho ukumemeza.

34“Kusukela eHeshiboni elikhalayo

liyezwakalisa ukukhala kwalo

kuze kube se-Elehale naseJahasi,

kusukela eSowari kuze kube seHoronayimi

nase-Egilati Shelishiya,

ngokuba namanzi aseNimrimi ayakuba yincithakalo.

35Ngiyakwenza ukuba kuphele kwaMowabi,” usho uJehova,

“yena onikela ezindaweni eziphakemeyo

noshisela onkulunkulu bakhe impepho.

36“Ngalokho inhliziyo yami

ikhalela uMowabi njengemitshingo,

futhi inhliziyo yami

ikhalela amadoda aseKhiri Heresi njengemitshingo,

ngokuba okuseleyo abakuzuzileyo kuyachitheka.

37Ngokuba onke amakhanda ayizimpandla,

nazo zonke izilevu zigundiwe;

zonke izandla zisikiwe,

nasezinkalweni zonke kukhona indwangu yamasaka.

38Phezu kwazo zonke izindlu zakwaMowabi

nasezitaladini zakhe kukhona isililo kuphela,

ngokuba ngimaphulile uMowabi

njengesitsha okungathokozi muntu ngaso,” usho uJehova.

39“Yeka ukuphela kwakhe amandla.

Hhewulani!

Yeka ukufulathela kukaMowabi ngamahloni,

uMowabi abe ngohlekwayo noqeda amandla

kubo bonke abamzungezayo.”

40Ngokuba usho kanje uJehova, uthi:

“Bheka, uyandiza njengokhozi,

elulele amaphiko akhe kuMowabi.

41Imizi inqotshiwe,

nezinqaba zithathiwe;

izinhliziyo zamaqhawe akwaMowabi

ziyakuba njengenhliziyo yowesifazane onemihelo.

42UMowabi uyakuchithwa,

angabe esaba yisizwe,

ngokuba uzikhukhumezile kuJehova.

43Ukwesaba, nomgodi, nogibe

kuphezu kwabakhileyo kwaMowabi,” usho uJehova.

44“Obalekela ukwesaba uyakuwela emgodini,

okhuphuka emgodini uyakubanjwa ogibeni,

ngokuba ngiyakwehlisela phezu kwabo,

phezu kukaMowabi,

umnyaka wokujeziswa kwabo,” usho uJehova.

45“Emthunzini waseHeshiboni

ababalekileyo bayema bephelile amandla,

ngokuba umlilo uphumile eHeshiboni,

nelangabi phakathi kweSihoni;

udlile amacele akwaMowabi,

nokhakhayi lwamadoda omsindo okulwa.

46Maye kuwena Mowabi!

Abantu bakaKemoshi baphelile,

ngokuba amadodana akho athunjiwe,

namadodakazi akho ayiswe ekuthunjweni.

47Kepha ngiyakubuyisa ukuthunjwa kukaMowabi

ngezinsuku ezizayo,” usho uJehova.

Kuphela lapha ukwahlulelwa kukaMowabi.

UJeremiya 48ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 56

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni ezizungezayo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ijuba elithulayo emajukujukwini. ElikaDavide. IMiktamu,* ekubanjweni kwakhe ngamaFilisti eGati.

1Yiba nomusa kimi, Nkulunkulu,

ngokuba abantu bafuna ukungigwinya;

usuku lonke bayangicindezela belwa.

2Izitha zami zifuna ukungigwinya usuku lonke;

ngokuba baningi abalwa nami ngokuzidla.

3Mhla ngesabayo

ngiyakwethemba wena.

4KuNkulunkulu ngiyakudumisa izwi lakhe;

ngithemba uNkulunkulu, angiyikwesaba;

inyama ingangenzani na?

5Amazwi ami bawahlanekezela usuku lonke;

yonke imicabango yabo iqonde ukungona.

6Bayabuthana, baqamekele,

baqaphele izinyathelo zami,

njengokuba beqamekela umphefumulo wami.

7Bayakuphunyuka yini ebubini babo na?

Diliza izizwe ngentukuthelo, Nkulunkulu.

8Ukuzula kwami ukubalile wena;

yetha izinyembezi zami egabheni lakho;

azikho encwadini yakho na?

9Khona izitha zami ziyakubuyela emuva mhla ngikhalayo;

ngiyakwazi lokhu ukuthi uNkulunkulu unami.

10KuNkulunkulu ngiyakulidumisa izwi;

kuJehova ngiyakulidumisa izwi.

11Ngiyethemba kuNkulunkulu, angiyikwesaba;

umuntu angangenzani na?

12Nkulunkulu, izithembiso zami kuwe ziphezu kwami;

ngiyakunikela kuwe iminikelo yokubonga.

13Ngokuba uwukhululile umphefumulo wami ekufeni

nezinyawo zami ekuweni,

ukuze ngihambe ebusweni bukaNkulunkulu

ekukhanyeni kwabaphilayo.

Bible Society of South Africav.4.26.6
SITHOLE KU