Bible Society of South Africa

To The Word – Day 2

Genesis 1–3, John 1–3

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 1

Ukudalwa

1Ekuqaleni uNkulunkulu wadala izulu nomhlaba. 2Umhlaba wawuyihlane elingenalutho; kwakungubumnyama phezu kotwa, kepha uMoya kaNkulunkulu wehla wenyuka phezu kwamanzi.

3UNkulunkulu wathi: “Makube khona ukukhanya,” kwaba khona ukukhanya. 4UNkulunkulu wabona ukukhanya ukuthi kuhle; uNkulunkulu wahlukanisa ukukhanya nobumnyama. 5UNkulunkulu wabiza ukukhanya ngokuthi imini; ubumnyama wabubiza ngokuthi ubusuku. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lokuqala.

6UNkulunkulu wathi: “Makube khona umkhathi phakathi kwamanzi, kwahlukaniswe amanzi namanzi.” 7UNkulunkulu wenza umkhathi, wahlukanisa amanzi aphansi komkhathi namanzi aphezu komkhathi; kwaba njalo. 8UNkulunkulu wabiza umkhathi ngokuthi izulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesibili.

9UNkulunkulu wathi: “Amanzi aphansi kwezulu mawaqoqekele ndawonye, kubonakale umhlabathi owomileyo,” kwaba njalo. 10Okomileyo uNkulunkulu wakubiza ngokuthi umhlaba, nokuqoqeka kwamanzi wakubiza ngokuthi ulwandle; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 11UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze utshani, nemifino ethela imbewu, nemithi yezithelo ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo, emhlabeni,” kwaba njalo. 12Umhlaba wawusuveza utshani nemifino ethela imbewu ngezinhlobo zayo, nemithi ethela izithelo ngezinhlobo zayo, ekuyo imbewu yayo; uNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 13Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithathu.

14UNkulunkulu wathi: “Makube khona emkhathini wezulu izinkanyiso ezahlukanisa imini nobusuku, zibe yizibonakaliso zezinkathi, nezezinsuku, nezeminyaka, 15zibe yizinkanyiso emkhathini wezulu zokukhanyisa emhlabeni,” kwaba njalo. 16UNkulunkulu wazenza izinkanyiso ezimbili ezinkulu, inkanyiso enkulu ukuba ibuse imini, nenkanyiso encane ukuba ibuse ubusuku, kanye nezinkanyezi. 17UNkulunkulu wazifaka emkhathini wezulu ukuba zikhanyise emhlabeni, 18zibuse imini nobusuku, zahlukanise ukukhanya nobumnyama. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 19Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesine.

20UNkulunkulu wathi: “Amanzi mawagcwale uswebezane lwezilwane eziphilayo, kundize izinyoni phezu komhlaba emkhathini wezulu.” 21UNkulunkulu wadala imikhomo emikhulu nezilwane zonke eziphilayo ezihambayo, amanzi agcwala zona ngezinhlobo zazo, nezinyoni zonke ezinamaphiko ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 22UNkulunkulu wazibusisa, wathi: “Zalani, nande, nigcwalise amanzi aselwandle, nezinyoni zande emhlabeni.” 23Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesihlanu.

24UNkulunkulu wathi: “Umhlaba mawuveze izilwane eziphilayo ngezinhlobo zazo, izinkomo, nezilwanyana ezinwabuzelayo, nezilo zomhlaba ngezinhlobo zazo,” kwaba njalo. 25UNkulunkulu wazenza izilo zomhlaba ngezinhlobo zazo, nezinkomo ngezinhlobo zazo, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni ngezinhlobo zazo. UNkulunkulu wabona ukuthi kuhle. 26UNkulunkulu wathi: “Masenze abantu ngomfanekiso wethu, basifuze, babuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezinkomo, nomhlaba wonke, nezilwanyana zonke ezinwabuzelayo emhlabeni.”

27UNkulunkulu wamdala umuntu ngomfanekiso wakhe; wamdala ngomfanekiso kaNkulunkulu; wabadala owesilisa nowesifazane.

28UNkulunkulu wababusisa; uNkulunkulu wathi kubo: “Zalani, nande, nigcwalise umhlaba, niwunqobe, nibuse phezu kwezinhlanzi zolwandle, nezinyoni zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni.” 29UNkulunkulu wathi: “Bhekani, ngiyaninika yonke imifino ethela imbewu, esemhlabeni wonke, nemithi yonke okukuyo izithelo zomuthi oveza imbewu, kube ngukudla kwenu. 30Kepha zonke izilwane zomhlaba, nezinyoni zonke zezulu, nezilwanyana ezinwabuzelayo emhlabeni, eziphefumulayo, zona nginike yonke imifino eluhlaza ibe ngukudla,” kwaba njalo. 31UNkulunkulu wabona konke akwenzileyo; bheka, kwakukuhle kakhulu. Kwaba ngukuhlwa, kwaba ngukusa, usuku lwesithupha.

UGenesise 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 2

Usuku lwesikhombisa

1Kwase kupheleliswa izulu nomhlaba kanye nombuthano wakho wonke.

2UNkulunkulu waqeda ngosuku lwesikhombisa imisebenzi yakhe abeyenzile; waphumula ngosuku lwesikhombisa emisebenzini yakhe yonke abeyenzile. 3UNkulunkulu wabusisa usuku lwesikhombisa, walungcwelisa, ngokuba ngalolo suku waphumula emisebenzini yonke abeyidalile uNkulunkulu, wayenza.

4Lokhu kungumlando wokudalwa kwezulu nomhlaba ekudalweni kwakho mhla uJehova uNkulunkulu ewenza umhlaba nezulu. 5Kwakungakabikho sihlahla endle, namifino yayingakamili emhlabathini, ngokuba uJehova uNkulunkulu wayengakanisi imvula emhlabeni, kungakabikho muntu wokulima umhlabathi. 6Kepha kwenyuka inkungu ivela emhlabathini, yanisela ubuso bonke bomhlaba. 7UJehova uNkulunkulu wambumba umuntu ngomhlabathi, waphefumulela emakhaleni akhe umoya wokuphila; kanjalo umuntu waba umphefumulo ophilayo.

Insimu yase-Edene

8UJehova uNkulunkulu watshala insimu e-Edene ngasempumalanga; wambeka khona umuntu amenzileyo. 9UJehova uNkulunkulu wahlumisa emhlabathini imithi yonke ebukekayo, emihle, edliwayo, nomuthi wokuphila phakathi nensimu, nomuthi wokwazi okuhle nokubi.

10E-Edene kwavela umfula owamanzisa insimu; wahlukana khona, waba yizimbaxa ezine. 11Eyokuqala inegama lokuthi iPishoni; yiyo ezungeza izwe lonke laseHavila, lapho kukhona igolide. 12Lihle igolide lalelo zwe. Kukhona nenhlaka yebedola* netshe leshohamu* lapho. 13Igama leyesibili linguGihoni; yiyo ezungeza lonke izwe laseKushe. 14Igama leyesithathu linguHidekeli; yiyo egobhoza ngasempumalanga kwase-Asiriya. Eyesine ingu-Ewufrathe.

15UJehova uNkulunkulu wayesemthatha umuntu, wambeka ensimini yase-Edene ukuba ayilime, ayigcine. 16UJehova uNkulunkulu wamyala umuntu, wathi: “Ungadla kuyo yonke imithi yensimu ngokuthanda kwakho, 17kepha ungadli kuwo umuthi wokwazi okuhle nokubi, ngokuba mhla udla kuwo uyakufa nokufa.”

Ukudalwa kowesifazane

18UJehova uNkulunkulu wathi: “Akukuhle ukuba umuntu ahlale yedwa. Ngizakumenzela umsizi onjengaye.”

19UJehova uNkulunkulu wabumba ngomhlabathi zonke izilwane zasendle nezinyoni zonke zezulu, waziyisa kumuntu ukuba abone ukuthi umuntu angaziqamba ngokuthini, ukuze kuthi, njengalokhu umuntu eziqamba zonke izilwane eziphilayo, lokhu kube ngamagama azo. 20Umuntu waziqamba amagama zonke izinkomo, nezinyoni zezulu, nezilwane zasendle. Kepha umuntu akatholelwanga umsizi onjengaye. 21UJehova uNkulunkulu wamehlisela umuntu ubuthongo obunzima, walala; wayesethatha olunye lwezimbambo zakhe, wavala indawo ngenyama. 22UJehova uNkulunkulu wakha owesifazane ngobambo abeluthathile kumuntu, wamyisa kumuntu.

23Wayesethi umuntu: “Lo useyithambo lamathambo ami nenyama yenyama yami; uyakubizwa ngokuthi indodakazi, ngokuba uthathwe endodeni.” 24Ngalokho indoda iyakushiya uyise nonina, inamathele kumkayo; bayakuba nyamanye.

25Babehamba ze bobabili, u-Adamu* nomkakhe, bengenamahloni.

UGenesise 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 3

Ukuwela esonweni

1Inyoka yayinobuqili kunazo zonke izilwane zasendle abezenzile uJehova uNkulunkulu. Yathi kowesifazane: “Ngempela uNkulunkulu ushilo yini ukuthi: ‘Ningadli emithini yasensimini,’ na?”

2Owesifazane wathi enyokeni: “Singadla izithelo zemithi yasensimini, 3kepha ngezithelo zomuthi ophakathi nensimu uNkulunkulu ushilo ukuthi: ‘Ningazidli, ningazithinti ukuba ningafi.’ ”

4Inyoka yathi kowesifazane: “Aniyikufa nokufa; 5kepha uNkulunkulu uyazi ukuthi mhla nizidla, kuyakuvuleka amehlo enu, nibe njengoNkulunkulu, nikwazi okuhle nokubi.”

6Owesifazane ebona ukuthi umuthi ulungele ukudliwa, nokuthi uyabukeka emehlweni, nokuthi umuthi unxanelekile ekuhlakaniphiseni, wathatha izithelo zawo, wadla, wanika nendoda yakhe kanye naye, nayo yadla. 7Ayesevuleka amehlo abo bobabili, babona ukuthi bahamba ze; bathunga amaqabunga omkhiwane, bazenzela izibhinco.

8Base bezwa izwi likaJehova uNkulunkulu ehamba ensimini kusihlwa ngokuphola kwelanga; u-Adamu nomkakhe bacasha ebusweni bukaJehova uNkulunkulu phakathi kwemithi yensimu. 9Kepha uJehova uNkulunkulu wambiza u-Adamu, wathi kuye: “Uphi na?”

10Wathi: “Ngizwe izwi lakho ensimini, ngesaba ngokuba ngihamba ze; ngalokho ngacasha.”

11Khona wathi: “Ngubani owakutshela ukuthi uhamba ze na? Udlile kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo na?”

12U-Adamu wathi: “Owesifazane, owangipha yena ukuba abe nami, unginikile kuwo umuthi, ngadla.”

13UJehova uNkulunkulu wathi kowesifazane: “Yini lokhu okwenzileyo na?”

Owesifazane wathi: “Inyoka ingikhohlisile, ngadla.”

14UJehova uNkulunkulu wathi enyokeni: “Njengokuba usukwenzile lokho, uqalekisiwe phakathi kwezilwane zonke naphakathi kwazo zonke izilwane zasendle; uzakuhamba ngesisu sakho, udle uthuli izinsuku zonke zokuhamba kwakho. 15Ngizakubeka ubutha phakathi kwakho nowesifazane, naphakathi kwenzalo yakho nenzalo yakhe. Yona iyakuchoboza ikhanda lakho, wena uyakulimaza isithende sayo.” 16Wathi kowesifazane: “Ngizakukubangela ubuhlungu obukhulu ekukhulelweni kwakho; uyakubeletha abantwana ngobuhlungu. Ukunxanela kwakho kuyakuba sendodeni yakho; yona iyakukubusa.”

17Wayesethi ku-Adamu: “Njengokuba ulalele izwi lomkakho, wadla kulowo muthi engakuyala ngawo ukuthi ungadli kuwo, ngalokho umhlabathi uqalekisiwe ngenxa yakho. Uyakudla kuwo ngokukhathazeka zonke izinsuku zokuhamba kwakho. 18Uyakukuvezela ameva namakhakhasi, wena udle imifino yasendle. 19Ngesithukuthuku sobuso bakho uyakudla isinkwa sakho, uze ubuyele emhlabathini, lokhu wathathwa kuwo; ngokuba ungumhlabathi, uyakuphenduka umhlabathi.”

20U-Adamu wamqamba umkakhe igama lokuthi u-Eva,* ngokuba waba ngunina wabo bonke abaphilayo.

21UJehova uNkulunkulu wabenzela u-Adamu nomkakhe iziphuku, wabembathisa.

22UJehova uNkulunkulu wathi: “Bheka, u-Adamu usenjengomunye wethu, uyakwazi okuhle nokubi; kepha manje makangeluli isandla sakhe, athathe nakuwo umuthi wokuphila, adle, aphile kuze kube phakade.” 23UJehova uNkulunkulu wammukisa ensimini yase-Edene ukuba alime umhlabathi athathwe kuwo. 24Wamxosha u-Adamu, wabeka ngasempumalanga kwensimu yase-Edene amakherubi* kanye nenkemba yelangabi ephenduphendukayo, ilinde indlela eya emthini wokuphila.

UGenesise 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 1

UbuNkulunkulu nobuntu nomsebenzi kaJesu Kristu

1Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. 2Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.

3Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. 4Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu; 5ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

6Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. 7Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. 8Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. 9Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.

10Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. 11Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. 12Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, 13abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.

14ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

15UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” 16Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. 17Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. 18Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

Ubufakazi bukaJohane

19Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?” 20Wavuma, kaphikanga, wavuma wathi: “Angisiye uKristu mina.”

21Bambuza bathi: “Uyini pho? Ungu-Eliya na?”

Wathi: “Angisiye.”

“UngumProfethi na?”

Waphendula wathi: “Qha.”

22Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze sibaphendule abasithumileyo; uzisho ukuthi ungubani na?”

23Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi.

24Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi. 25Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?”

26UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo: 27yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.”

28Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.

29Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. 30Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ 31Nami bengingamazi; kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.”

32UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. 33Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’ 34Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”

Abafundi bokuqala

35Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe. 36Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”

37Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu. 38Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?”

Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?”

39Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

40Omunye walabo ababili abamuzwa uJohane balandela uJesu wayengu-Andreya umfowabo kaSimoni Petru; 41yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya,” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

42Wamyisa kuJesu; uJesu wambheka wathi: “Wena unguSimoni kaJona; uzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okuhunyushwa ngokuthi uPetru.

43Ngangomuso wayefuna ukuya eGalile, wafumana uFiliphu; uJesu wathi kuye: “Ngilandele.”

44UFiliphu wayengowaseBetsayida, umuzi ka-Andreya noPetru. 45UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.”

46UNathanayeli wathi kuye: “Kungase kuvele okuhle eNazaretha na?”

UFiliphu wathi kuye: “Woza ubone.”

47UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”

48UNathanayeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?”

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komkhiwane, ngakubona.”

49UNathanayeli wamphendula wathi: “Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”

50UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukholwa ngokuba ngithe kuwe ngakubona uphansi komkhiwane na? Uzakubona okukhulu kunalokho.” 51Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”

NgokukaJohane 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 2

Isimangaliso sokuqala sikaJesu

1Kwathi ngosuku lwesithathu kwakukhona umshado eKhana laseGalile; wayekhona lapho unina kaJesu. 2NoJesu nabafundi bakhe babemenyiwe emshadweni. 3Kwathi ukuba lisweleke iwayini, unina kaJesu wathi kuye: “Kabanalo iwayini.”

4UJesu wathi kuye: “Mame, ungene ngani kokwami na? Isikhathi sami asikafiki.”

5Wathi unina ezincekwini: “Nayikuphi akusho kini anokwenza.”

6Kwakukhona lapho izimbiza zamatshe eziyisithupha zibekwe ngesiko lokuhlamba labaJuda, ziphethe yileso naleso izilinganiso ezimbili noma ezintathu.

7UJesu wathi ezincekwini: “Gcwalisani izimbiza ngamanzi;” zazigcwalisa-ke.

8Wayesethi kuzo: “Yikhani manje, niyise kumphathi wokudla;” zayisa-ke. 9Umphathi wokudla ezwa amanzi aphenduke iwayini, engazi ukuthi livelaphi, kepha izinceku ezaziwakhile amanzi bezazi, umphathi wokudla wabiza umyeni, wathi kuye: 10“Wonke umuntu ubeka iwayini elimnandi kuqala, kuthi lapha sebephuze kakhulu, akhiphe elibi kunalo; wena ugcinile elimnandi kuze kube manje.”

11Lokho ukuqala kwezibonakaliso wakwenza uJesu eKhana laseGalile ebonakalisa inkazimulo yakhe; abafundi bakhe bakholwa nguye.

Abathengisi ethempelini

12Ngasemva kwalokho wehlela eKapernawume, yena, nonina, nabafowabo, nabafundi bakhe, bahlala khona izinsuku ezingeziningi.

13Lalisondele iPhasika labaJuda; uJesu wakhuphukela eJerusalema. 14Wafumana ethempelini abathengisa ngezinkomo nangezimvu nangamajuba, nabahlezi beshintsha imali. 15Wayesenza inkalivasi* ngezintambo, waxosha bonke ethempelini, nezimvu nezinkomo, wachitha imali yabashintshayo, wagumbuqela amatafula, 16wathi kwabathengisa ngamajuba: “Susani lokhu lapha, ningayenzi indlu kaBaba indlu yokuthengelana.”

17Abafundi bakhe bakhumbula ukuba kulotshwe ukuthi: “Ukushisekela indlu yakho kuyangidla.”

18Ngakho-ke abaJuda baphendula, bathi kuye: “Usitshengisa isibonakaliso sini ukuba wenze lokhu na?”

19UJesu waphendula, wathi kubo: “Bhidlizani leli thempeli, ngizakulivusa ngezinsuku ezintathu.”

20Ngakho bathi abaJuda: “Leli thempeli kwaba yiminyaka engamashumi amane nesithupha lakhiwa, wena-ke uzakulivusa ngezinsuku ezintathu na?” 21Kepha wayekhuluma ngethempeli lomzimba wakhe. 22Kuthe esevukile kwabafileyo, abafundi bakhe bakhumbula ukuthi washo njalo kubo; bakholwa ngumbhalo nezwi abelishilo uJesu.

23Kwathi eseJerusalema ngePhasika emkhosini, abaningi bakholwa egameni lakhe bebona izibonakaliso zakhe azenzayo; 24kepha uJesu yena kabethembanga ukuba abhobokelane nabo, ngokuba wayebazi bonke, 25nangokuba engaswele nobani amfakazele ngomuntu; wayekwazi yena okuphakathi komuntu.

NgokukaJohane 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 3

UJesu ukhuluma noNikodemu

1Kwakukhona umuntu wakubaFarisi, nguNikodemu igama lakhe, isikhulu sabaJuda. 2Lowo-ke weza kuye ebusuku, wathi kuye: “Rabi, siyazi ukuthi ungumfundisi ovele kuNkulunkulu, ngokuba akakho ongenza lezi zibonakaliso ozenzayo, uma uNkulunkulu engenaye.”

3UJesu waphendula, wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngokusha, angewubone umbuso kaNkulunkulu.”

4UNikodemu wathi kuye: “Umuntu angazalwa kanjani esemdala na? Angangena ngokwesibili esiswini sikanina, azalwe, na?”

5Waphendula uJesu, wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Uma umuntu engazalwa ngamanzi nangoMoya, angengene embusweni kaNkulunkulu. 6Lokho okuzelwe yinyama kuyinyama; nalokho okuzelwe nguMoya kungumoya. 7Ungamangali ngokuba ngithe kuwe: ‘Nimelwe ukuzalwa ngokusha.’ 8Umoya uphephetha lapha uthanda khona; uyaluzwa udumo lwawo, kodwa kawazi lapho uvela khona nalapho uya khona; banjalo bonke abazelwe nguMoya.”

9UNikodemu waphendula, wathi kuye: “Lokhu kungenzeka kanjani na?”

10UJesu waphendula, wathi kuye: “Wena ungumfundisi ka-Israyeli, awukwazi lokhu na? 11Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kuwe: Sikhuluma esikwaziyo, sifakaza ngesikubonileyo; kepha anibamukeli ubufakazi bethu. 12Nxa nginitshelile okomhlaba, kanakholwa; ningakholwa kanjani, uma nginitshela okwasezulwini na? 13Akakho owenyukele ezulwini, kuphela yena owehla ezulwini, iNdodana yomuntu. 14Njengokuba uMose waphakamisa inyoka ehlane, kanjalo iNdodana yomuntu imelwe ukuphakanyiswa 15ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo abe nokuphila okuphakade.

16“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. 17Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo. 18Okholwa yiyo kahlulelwa; ongakholwa usahlulelwe, lokhu engakholwanga egameni leNdodana ezelwe yodwa kaNkulunkulu. 19Ukwahlulela kuyilokhu ukuba ukukhanya kufikile ezweni, kepha abantu bathanda ubumnyama kunokukhanya, ngokuba imisebenzi yabo ibimibi. 20Ngokuba yilowo nalowo owenza okubi uzonda ukukhanya, akezi ekukhanyeni ukuba imisebenzi yakhe ingasolwa. 21Kepha owenza iqiniso uyeza ekukhanyeni, ukuze imisebenzi yakhe ibonakaliswe ukuthi yenziwe kuNkulunkulu.”

Ubufakazi bokugcina bukaJohane

22Ngasemva kwalokho uJesu weza nabafundi bakhe ezweni laseJudiya; wahlala khona nabo, wabhapathiza. 23Naye uJohane wayebhapathiza e-Enoni eduze neSalimi, ngokuba amanzi ayemaningi lapho; beza babhapathizwa. 24Ngokuba uJohane wayengakafakwa etilongweni. 25Kwase kuvela ukuphikisana phakathi kwabafundi bakaJohane nabaJuda ngokuhlambulula. 26Base beza kuJohane, bathi kuye: “Rabi, lowo owayenawe phesheya kweJordani, owamfakazelayo, bheka, uyabhapathiza, bonke beza kuye.”

27UJohane waphendula wathi: “Umuntu angelwamukele utho, uma engaluphiwanga luvela ezulwini. 28Nina ngokwenu niyangifakazela ukuba ngathi: ‘Angisiye uKristu mina, kodwa ngithunyiwe ngaphambi kwakhe.’ 29Onomlobokazi ungumyeni, kepha umhlobo womyeni omiyo emuzwa uthokoza nokuthokoza ngezwi lomyeni. Le ntokozo yami isiphelele. 30Umelwe ukukhula yena, nginciphe mina.

31“Ovela phezulu uphezu kwakho konke; ovela emhlabeni ungowomhlaba, ukhuluma okomhlaba. Ovela ezulwini uphezu kwakho konke. 32Akubonileyo nakuzwileyo lokho ufakaza ngakho; kepha akakho owamukela ubufakazi bakhe. 33Owamukele ubufakazi bakhe ulubekile uphawu lokuthi uNkulunkulu uqinisile. 34Ngokuba lowo uNkulunkulu amthumileyo ukhuluma amazwi kaNkulunkulu; ngokuba akaniki uMoya ngokulinganisela. 35UYise uyayithanda iNdodana, wanikela konke esandleni sayo. 36Okholwa yiNdodana unokuphila okuphakade; kepha ongakholwa yiNdodana kayikubona ukuphila, kodwa intukuthelo kaNkulunkulu ihlezi phezu kwakhe.”

NgokukaJohane 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU