Bible Society of South Africa

To The Word – Day 201

Malachi 1–4, Psalms 71 & 73

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UMalaki 1

Uthando lukaJehova ku-Israyeli

1Isiprofetho.

Izwi likaJehova ku-Israyeli ngesandla sikaMalaki.

2“Nginithandile,” usho uJehova.

“Nokho nithi: ‘Usithande kanjani na?’

“U-Esawu akasiye umfowabo kaJakobe na?” usho uJehova. “Ngamthanda uJakobe, 3kepha u-Esawu ngamzonda, ngenza izintaba zakhe incithakalo, nefa lakhe ngalinika amakhanka asehlane.”

4Uma u-Edomi ethi: “Sichithiwe, kepha siyakubuye sakhe izincithakalo,” usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: “Bayakwakha bona, kepha mina ngiyakudiliza, babizwe ngokuthi uMkhawulo Wobubi, nabantu uJehova abathukuthelelayo kuze kube phakade. 5Amehlo enu ayakukubona, bese nithi: ‘UJehova uyakuba mkhulu, kudlule nasemkhawulweni ka-Israyeli.’

UJehova uyadelelwa

6“Indodana idumisa uyise, nenceku inkosi yayo; uma nginguyise, kuphi ukudunyiswa kwami? Uma ngiyinkosi, kuphi ukwesatshwa kwami?” usho uJehova Sebawoti, “kinina bapristi enilidelela igama lami.”

Nokho nithi: “Silidelele kanjani igama lakho na?”

7“Ngokunikela ngesinkwa esingcolileyo e-altare lami.”

Bese nithi: “Sikungcolise ngani na?”

“Ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula likaJehova lidelelekile.’ 8Lapho ninikela ngesilwane esiyimpumputhe sibe ngumhlatshelo, akukubi na? Lapho ninikela ngesilwane esiqhugayo nesigulayo, akukubi na? Mawusisondeze kumbusi wakho; uyakuba nomusa kuwe na? Uyakukwamukela na?” usho uJehova Sebawoti.

9“Manje ake ninxuse kuNkulunkulu ukuba abe nomusa kithi; njengokuba ninokunjalo ezandleni zenu, uyakunamukela na?” usho uJehova Sebawoti.

10“Sengathi kungaba khona phakathi kwenu ongavala izicabha, ukuze ningabaseli ize e-altare lami! Angithokozi ngani,” usho uJehova Sebawoti, “angiyikwamukela iminikelo ezandleni zenu. 11Ngokuba kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo igama lami likhulu phakathi kwezizwe; ezindaweni zonke igama lami lishiselwa impepho kanye neminikelo ehlambulukileyo, ngokuba igama lami likhulu phakathi kwezizwe,” usho uJehova Sebawoti.

12“Kepha niyalihlambalaza ngokusho kwenu ukuthi: ‘Itafula leNkosi lingcolile lona, nesithelo salo, ukudla kwalo, sidelelekile.’ 13Nisho futhi ukuthi: ‘Bheka ukuhlupheka!’ bese nilincimfela,” usho uJehova Sebawoti, “niletha okuthathwe ngobudlova, nokuqhugayo, nokugulayo, niletha kanjalo umnikelo; bengiyakwamukela lokhu esandleni senu na?” usho uJehova. 14“Makaqalekiswe okhohlisayo, okukhona emhlambini wakhe iduna, kanti athembise, ahlabele iNkosi okonakeleyo; ngokuba ngiyinkosi enkulu,” usho uJehova Sebawoti, “negama lami liyesabeka phakathi kwezizwe.”

UMalaki 2

Ukukhohlisa kuka-Israyeli

1“Manje lo myalo ungowenu bapristi. 2Uma ningezwa, uma ningakubeki enhliziyweni ukunika igama lami udumo,” usho uJehova Sebawoti, “ngiyakuthuma kini isiqalekiso, ngiqalekise izibusiso zenu, yebo, sengiziqalekisile, ngokuba anikubeki enhliziyweni.

3“Bhekani, ngiyakusongela inzalo yenu ngenxa yenu, ngithele umquba ebusweni benu, umquba wemikhosi yenu, nisuselwe kuwo. 4Niyakwazi ukuthi ngithumile kini lo myalo ukuba isivumelwano sami noLevi sime,” usho uJehova Sebawoti. 5“Isivumelwano sami naye sasingukuphila nokuthula, ngamnika khona ukuba esabe; wangesaba, waphela amandla phambi kwegama lami. 6Umthetho weqiniso wawusemlonyeni wakhe, nobubi babungatholwa ezindebeni zakhe; wahamba nami ngokuthula nangobuqotho, wabuyisa abaningi ebubini.

7“Ngokuba izindebe zompristi ziyakugcina ukwazi, kufunwe umthetho emlonyeni wakhe, ngokuba uyisithunywa sikaJehova Sebawoti. 8Kepha nichezukile endleleni, nikhubekisile abaningi emthethweni; nisonakalisile isivumelwano sikaLevi,” usho uJehova Sebawoti. 9“Ngalokho mina nginenzile naba ngabadelelekileyo nabathotshisiweyo phambi kwabantu bonke njengokuba ningazigcinanga izindlela zami, kepha nikhethe ubuso emthethweni.

10“Asinaye ubaba munye thina sonke? Asidalwanga nguNkulunkulu munye na? Sikhohlisanelani, kube yilowo nomfowabo, sisingcolisa isivumelwano sawobaba na?

11“UJuda ukhohlisile, isinengiso senziwe kwa-Israyeli naseJerusalema, ngokuba uJuda uyingcolisile indlu engcwele kaJehova ayithandayo, waganwa yindodakazi kankulunkulu wabezizwe. 12UJehova makanqume kumuntu owenza lokhu ufakazi nophendulayo ematendeni akwaJakobe kanye noletha umnikelo kuJehova Sebawoti.

13“Ngokwesibili niyakwenza nalokhu: nisibekela i-altare likaJehova ngezinyembezi, nangokukhala, nangokububula, angabe esayinakekela iminikelo, ingabe isamukeleka esandleni senu. 14Bese nithi-ke: ‘Ngani na?’ Ngokuba uJehova wayengufakazi phakathi kwakho nomfazi wobusha bakho omkhohlisile wena, noma engumngane wakho nomfazi wesivumelwano sakho.

15“AkusiMunye osenzileyo, okusele kuye umoya wethu na? Ufunani lo Munye? Inzalo kaNkulunkulu. Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningamkhohlisi umfazi wobusha benu.

16“Ngokuba ngiyazonda ukwahlukana,” usho uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli, “nozisibekelayo ngobudlova njengesambatho,” usho uJehova Sebawoti.

Ngalokho qaphelani umoya wenu ukuba ningakhohlisi.

17Nimkhathazile uJehova ngamazwi enu.

Nokho nithi: “Simkhathaze kanjani?”

Ngokusho ukuthi: “Bonke abenza okubi bahle emehlweni kaJehova; yena uthokoza ngabo,” noma: “Uphi uNkulunkulu wokwahlulela na?”

UMalaki 3

Isithunywa sikaJehova

1“Bhekani, ngiyathuma isithunywa sami; siyakulungisa indlela phambi kwami. INkosi eniyifunayo iyakufika ngokuzumayo ethempelini layo; nesithunywa sesivumelwano enithokoza ngaso, bheka, siyeza,” usho uJehova Sebawoti.

2Ngubani ongathwala usuku lokufika kwaso? Ngubani oyakuma ekubonakaleni kwaso na? Ngokuba sinjengomlilo wocwengisisayo nensipho yomhlanzi. 3Siyakuhlala sicwengisisa sihlanza isiliva, sihlambulule amadodana kaLevi, siwahluze njengegolide nesiliva, aze anikele ngeminikelo kuJehova ngokulunga. 4Isiyakuba mihle kuJehova iminikelo yakwaJuda neyeJerusalema njengasezinsukwini zasendulo naseminyakeni yakuqala.

5“Ngiyakusondela kini ukwahlulela, ngibe ngufakazi osheshayo ngabalumbi, nangeziphingi, nangabafunga amanga, nangabacindezela abaqashwa ngenkokhelo yabo, nabafelokazi, nezintandane, nabachezukisa abafokazi, bengangesabi mina,” usho uJehova Sebawoti.

6“Ngokuba mina Jehova angiguquki; ngalokho nina madodana kaJakobe aniqedwa. 7Kusukela emihleni yawoyihlo nichezukile ezimisweni zami, anizigcinanga. Buyelani kimi, ngiyakubuyela kini,” usho uJehova Sebawoti.

“Nokho nithi: ‘Siyakubuyela kanjani?’

8“Umuntu angaphanga uNkulunkulu na? Nokho niyangiphanga.

“Bese nithi: ‘Sikuphange kanjani na?’

“Ngokweshumi nangeminikelo. 9Niqalekisiwe ngesiqalekiso, nokho niyangiphanga, sizwe sonke. 10Ngenisani konke okweshumi endlini yengcebo ukuba kube ngukudla endlini yami, ningivivinye ngalokhu,” usho uJehova Sebawoti, “uma ngingayikunivulela amafasitele asezulwini, nginithululele isibusiso kunokwaneleyo. 11Ngenxa yenu ngiyakukhuza okudlayo, kungachithi izithelo zomhlabathi wenu, nemivini yenu ayiyikuphutha endle,” usho uJehova Sebawoti. 12“Zonke izizwe ziyakuthi nibusiswe, ngokuba niyakuba yizwe elithokozisayo,” usho uJehova Sebawoti.

Ukunqoba kolungileyo

13“Amazwi enu ayelukhuni kimi,” usho uJehova.

“Nokho nithi: ‘Sikhulumeni ngawe na?’

14“Nithi: ‘Kuyize ukukhonza uNkulunkulu; kuyinzuzoni ukuthi sigcinile imfanelo yakhe nokuthi sihambe ngokukhedamisa phambi kukaJehova Sebawoti na? 15Kepha manje siyakuthi babusisiwe abaziqhenyayo; yebo, abenza okubi bayakhiwa; noma bemlinga uNkulunkulu, bayakhululwa.’ ”

16Khona abamesabayo uJehova bakhuluma bodwa omunye nomunye; uJehova waqaphela, wezwa, kwalotshwa phambi kwakhe incwadi yokukhumbula ababemesaba uJehova, bezindla ngegama lakhe.

17“Bayakuba ngabami,” usho uJehova Sebawoti, “babe yimfuyo yami ngosuku engiyakulwenza, ngibahawukele, njengalokhu umuntu ehawukela indodana yakhe emkhonzayo. 18Bese nibuya, nahlukanise abalungileyo nababi, abamkhonza uNkulunkulu nabangamkhonziyo.

UMalaki 4

Usuku lukaJehova

1“Ngokuba bheka, luyeza usuku, luvutha njengeziko; bonke abaziqhenyayo nabo bonke abenza okubi bayakuba ngamabibi; luyakubashisa lolo suku oluzayo,” usho uJehova Sebawoti, “lungabashiyeli mpande nagatsha. 2Kepha kinina enilesabayo igama lami kuyakuphuma ilanga lokulunga, linokuphilisa emaphikweni alo; niyakuphuma, nitshekule njengamathole esibaya. 3Niyakunyathela phansi ababi, ngokuba bayakuba luthuli phansi kwamathe ezinyawo zenu ngosuku engilwenzayo,” usho uJehova Sebawoti.

4“Khumbulani umthetho kaMose inceku yami engamyala ngawo eHorebe ngaye wonke u-Israyeli, waba yizimiso nezahlulelo.

Ukubuya komprofethi u-Eliya

5“Bhekani, ngiyakuthuma kini u-Eliya umprofethi, lungakafiki usuku lukaJehova olukhulu nolwesabekayo. 6Uyakuphendulela izinhliziyo zawoyise kubantwana nezinhliziyo zabantwana koyise, funa ngifike, ngishaye izwe ngesiqalekiso.”

Ihubo 71

Umkhuleko wocela ukusizwa

1Jehova, ngiyethemba wena;

mangingajabhi naphakade.

2Ngikhulule ngokulunga kwakho, ungihlangulise;

beka indlebe yakho kimi, ungisindise.

3Yiba kimi idwala lokuhlala,

ukuze ngiye kulo njalonjalo;

ukuyalezile ukusindiswa kwami,

ngokuba uyidwala lami nenqaba yami.

4Nkulunkulu wami,

ngikhulule esandleni somubi,

esandleni songalungile nesonakeleyo.

5Ngokuba wena uyithemba lami, Nkosi Jehova,

ithemba lami kwasebusheni bami.

6Ngencike kuwe kwasesiswini;

nguwe owangikhipha ezibilinini zikamame;

ukudumisa kwami kuyakuba ngawe njalo.

7Nginjengesimangaliso kwabaningi,

kepha wena uyisiphephelo sami esinamandla.

8Umlomo wami uzakugcwala ukubonga wena,

nalo udumo lwakho usuku lonke.

9Ungangilahli esikhathini sobudala,

ungangishiyi ekupheleni kwamandla ami,

10ngokuba izitha zami zikhuluma ngami,

nabawuhlomele umphefumulo wami bayahlebelana,

11bathi: “UNkulunkulu umshiyile;

zingelani nimbambe,

ngokuba akakho osindisayo.”

12Nkulunkulu, ungabi kude nami;

Nkulunkulu, phuthuma ungisize.

13Abamelene nomphefumulo wami mabajabhe, baphele;

abangifunela umonakalo mabembathe

amahloni nenhlamba.

14Mina kodwa ngiyakwethemba njalo,

ngengeze ukudumisa ekudunyisweni kwakho.

15Umlomo wami uyakulanda ukulunga kwakho,

nensindiso yakho lonke usuku;

ngokuba anginakukubala.

16Ngiyakuletha izenzo ezinqabileyo zeNkosi uJehova;

ngiyakubonga ukulunga kwakho, okwakho kuphela.

17Nkulunkulu, ungifundisile kwasebusheni bami;

ngizilandile izimangaliso zakho kuze kube manje.

18Futhi mawungangishiyi,

nxa ngimdala, ngiyimpunga,

ngize ngishumayele ingalo yakho kuso isizukulwane,

amandla akho kubo bonke abezayo.

19Ukulunga kwakho, Nkulunkulu, kufinyelele ezulwini;

wena owenze izinto ezinkulu, Nkulunkulu,

ngubani onjengawe na?

20Wena owasizwisa izinhlupheko eziningi ezimbi,

uyakubuye usiphilise,

usikhuphule ezinzulwini zomhlaba.

21Yandisa udumo lwami,

ubuye ungiduduze.

22Yikhona nami ngizakububonga ubuqotho bakho,

Nkulunkulu wami,

ngogubhu lwezintambo;

ngizakukudumisa ngehabhu*

wena oNgcwele ka-Israyeli.

23Izindebe zami zizakujabula,

ngokuba ngizakukudumisa wena,

nomphefumulo wami owuhlengileyo.

24Ulimi lwami futhi luzakukhuluma lonke usuku ngokulunga;

ngokuba badunyaziwe, bajabhisiwe abangifunela umonakalo.

Ihubo 73

INCWADI YESITHATHU

Amahubo 73 – 89

Umkhuleko wowethemba uNkulunkulu

Ihubo lika-Asafa.

1Impela uNkulunkulu umnene ku-Israyeli,

kubo abanenhliziyo ehlanzekileyo.

2Kepha mina, izinyawo zami zicishe zakhubeka;

kwaba kancane ukuba izinyathelo zami zishelele.

3Ngokuba ngaba nomhawu ngabazidlayo,

lapho ngibona ukubusa kwababi.

4Ngokuba abanabuhlungu kuze kube sekufeni kwabo,

namandla abo aqinile.

5Abahlupheki njengabanye abantu;

abahlushwa njengabanye abantu.

6Ngakho-ke iqholo lingumnaka wabo;

indluzula ibembesa njengengubo.

7Amehlo abo aphinqekile ngokunona;

imicabango yenhliziyo iyachichima.

8Bayaklolodela; ebubini bakhuluma ngokukhahla;

bakhuluma besekuphakamemi.

9Umlomo wabo bawuphakamisela ezulwini;

ulimi lwabo luhambela emhlabeni.

10Ngakho-ke isizwe sakhe sibuyela lapha;

amanzi amaningi bazimuncela wona.

11Bathi: “UNkulunkulu wazi kanjani na?

Imbala kukhona ukwazi koPhezukonke na?”

12Bheka, laba bayibo ababi;

bazinza njalo; bandisa imfuyo.

13Impela ngiyihlanzele ize inhliziyo yami,

ngahlamba izandla zami ngingenacala,

14ngokuba ngahlushwa usuku lonke;

kwasa ngijeziswa.

15Uma bengithe,

ngizakukhuluma kanjalo,

bheka, ngabe ngisikhohlisile isizukulwane sabantwana bakho.

16Kwathi ngicabanga ukuba ngikuqonde lokho,

kwaba luhlupho emehlweni ami,

17ngaze ngangena endlini engcwele kaNkulunkulu,

ngaqaphelisisa ukugcina kwabo.

18Impela ubabeka ezindaweni ezibushelezi;

ubawisa babe yincithakalo.

19Maye, bachithwa ngokuphazima kweso!

Bashona, babhubha benovalo.

20Njengephupho ekuphaphameni, Nkosi,

uyakudelela umfanekiso wabo ekuvukeni kwakho.

21Kwathi inhliziyo yami yaba nomunyu,

kuhlaba ezinsweni zami,

22ngaba yisiphukuphuku,

angaqonda lutho;

ngaba yisilwane kuwe.

23Kepha mina ngiyakube ngikuwe njalo;

ungibambile ngesandla sami sokunene.

24Uyakungihola ngesiluleko sakho,

andukuba ungamukele enkazimulweni.

25Nginobani ezulwini na?

Uma nginawe, angifuni lutho emhlabeni.

26Inyama yami nenhliziyo yami iyaphela;

nokho uNkulunkulu uyidwala lenhliziyo yami

nesabelo sami kuze kube phakade.

27Ngokuba bheka, abakude nawe bayakubhubha;

uyabachitha bonke abahlubukayo kuwe ngokuphinga.

28Kepha mina kungilungele ukusondela kuNkulunkulu;

ngenzile iNkosi uJehova ibe yisiphephelo sami,

ukuze ngishumayele zonke izenzo zakho.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU