Bible Society of South Africa

To The Word – Day 204

Daniel 11–12, Psalms 76–78

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDaniyeli 11

1“Mina-ke, ngomnyaka wokuqala kaDariyu umMede, ngema ukumqinisa ukuba abe namandla.

2“Kalokhu ngiyakukutshela iqiniso. Bheka, kusezakuvela amakhosi amathathu ePheresiya; eyesine iyakunotha kunawo onke; isiqinile ngengcebo yayo iyakuvusa bonke ukulwa nombuso waseJavani. 3Kuyakuvela inkosi enamandla eyakubusa ngokubusa okukhulu, yenze njengentando yayo. 4Iyakwanele ukuvela nje, umbuso wayo uyakufohlozwa, wahlukaniselwe emimoyeni yomine yezulu, ungabi ngowenzalo yayo, ungabi njengasekubuseni kwayo eyabusa ngakho, ngokuba umbuso wayo uyakusishulwa, ube ngowabanye ngaphandle kwalaba.

5“Inkosi yaseningizimu iyakuba namandla, kanjalo esinye sezikhulu zayo, yebo, sibe namandla kunayo, sibuse, nokubusa kwaso kuyakuba ngukubusa okukhulu. 6Ngasekupheleni kweminyaka bayakuhlangana, kufike indodakazi yenkosi yaseningizimu enkosini yasenyakatho ukwenza isivumelwano; kepha ayiyikugcina amandla engalo, nayo inkosi ayiyikuma nengalo yayo, kodwa iyakunikelwa nabayilethayo, nowayizalayo, nowayisizayo ngalezo zikhathi.

7“Kepha ehlumeleni lezimpande zayo kuyakuvela omunye esikhundleni sayo oyakuya empini, angene enqabeni yenkosi yasenyakatho, amelane nabo, ahlule. 8Nawonkulunkulu babo kanye nezithombe zabo ezibunjiweyo nezitsha zabo ezinxanelekayo zesiliva nezegolide uyakukuthumba, akuyise eGibithe, ayiyeke inkosi yasenyakatho iminyaka ethile. 9Kepha yona iyakungena embusweni wenkosi yaseningizimu, kodwa iyakubuyela ezweni lakubo. 10Amadodana ayo ayakuhloma, abuthe isixuku sezimpi eziningi; ziyakufika nokufika, zikhukhule, zidlule; ziyakubuya, zilwe kuze kube senqabeni yayo.

11“Inkosi yaseningizimu iyakubaba, iphume, ilwe nenkosi yasenyakatho; iyakuveza isixuku esikhulu, isixuku sinikelwe esandleni sayo. 12Kepha isixuku sesisusiwe, inhliziyo yayo iyakuziphakamisa, iwise phansi izinkulungwane ezingamashumi amaningi, kepha ayiyikuba namandla. 13Inkosi yasenyakatho iyakubuya, iveze isixuku esikhulu kunesokuqala, ifike nokufika ngasekupheleni kwezikhathi eziyiminyaka nempi enkulu nempahla eningi.

14“Ngalezo zikhathi abaningi bayakuyisukela inkosi yaseningizimu, nabaphangi babantu bakho bayakuziphakamisa ukuwuqinisa umbono, kepha bayakuwa. 15Iyakufika inkosi yasenyakatho, inqwabele iduli, ithathe umuzi obiyelweyo; izingalo zaseningizimu aziyikuma, nabantu bayo abakhethiweyo abayikuba namandla okuma. 16Kepha omsukelayo uyakwenza njengentando yakhe, akakho oyakuma phambi kwakhe; uyakuma ezweni elihle, abhubhise ngesandla sakhe. 17Uyakubhekisa ubuso bakhe ukufika namandla ombuso wakhe wonke kanye nezivumelwano, azenze; uyakumnika indodakazi yabesifazane, ayonakalise, kepha ayiyikuma, ingabi ngowakhe. 18Useyakubuphendulela ubuso bakhe eziqhingini, athathe eziningi, kepha isikhulu siyakuqeda ihlazo elenziwa nguye, futhi sibuyisele ihlazo lakhe kuye. 19Useyakubuphendulela ubuso bakhe ezinqabeni zezwe lakubo, kepha uyakukhubeka, awe, angabe esafunyanwa.

20“Bese kuvela esikhundleni sakhe oyakudlulisa umthelisi emhlobisweni wombuso, kepha ngezinsuku eziyingcosana uyakubhujiswa, kungabi ngolaka nangokulwa kodwa.

21“Esikhundleni sakhe kuyakuvela odelelekileyo abangamnikanga udumo lobukhosi; uyakufika ngesikhathi sokuthula, athathe umbuso ngobushelezi. 22Ngengalo yesifufula bayakukhukhulwa ebusweni bakhe, babhujiswe, yebo, nesikhulu sesivumelwano. 23Emva kokuvumelana naye uyakusebenza ngenkohliso, ngokuba uyakukhuphuka, abe namandla enesizwe esincane nje. 24Ngesikhathi sokuthula uyakusukela izindawo ezinonileyo zesifunda, akwenze okungenziwanga ngoyise nangoyisemkhulu: uyakuhlakaza phakathi kwabo impango, nengcugco, nempahla, acebe amacebo ngezinqaba kube yisikhathi.

25“Uyakuvusela inkosi yaseningizimu amandla akhe nesibindi sakhe ngempi enkulu, inempi enkulu enamandla impela; kepha ayiyikuma, ngokuba bayakuceba amacebo ngayo. 26Abadla ukudla kwayo okumnandi bayakuyibhubhisa, impi yayo ikhukhulwe; abaningi bayakuwa phansi begwaziwe. 27Amakhosi-ke omabili, izinhliziyo zawo ziyakuba ngezokwenza okubi; ayakukhuluma amanga esetafuleni linye, kepha akuyikuphumelela, ngokuba ukuphela kusezakuba sesikhathini esimisiweyo. 28Bese ibuyela ezweni lakubo inempahla enkulu, inhliziyo yayo imelane nesivumelwano esingcwele; isikwenzile iyakubuyela ezweni lakubo.

29“Ngesikhathi esinqunyiweyo iyakubuya, iye eningizimu; kepha akuyikuba sekugcineni njengasekuqaleni. 30Imikhumbi yaseKitimi iyakuyisukela; bese idabuka, ibuye ithukuthelele isivumelwano esingcwele, ifeze; iyakubuya, inake abasishiyile isivumelwano esingcwele.

31“Izimpi ziyakuvela nayo, zingcolise indlu engcwele, inqaba, zisuse umnikelo oshiswa imihla yonke, zimise isinengiso esichithayo. 32Iyakonakalisa ngokuthopha abaphatha kabi isivumelwano, kepha abantu abamaziyo uNkulunkulu wabo bayakuba namandla, baphikelele.

33“Abahlakaniphileyo babantu bayakuqondisa abaningi; kepha bayakuwa ngenkemba, nangelangabi, nangokuthunjwa, nangokuphangwa izinsuku eziningi. 34Ekuweni kwabo bayakusizwa ngokusizwa okuncane, bese bebambelela kubo abaningi ngokuthopha. 35Abanye kwabahlakaniphileyo bayakuwa ukuba bacwengisiswe, bahlanzwe, benziwe mhlophe kuze kube sesikhathini sokuphela, ngokuba kusezakuba sesikhathini esimisiweyo.

36“Inkosi iyakwenza njengentando yayo, iziphakamise, izikhulise phezu kwabo bonke onkulunkulu, ikhulume okumangalisayo ngoNkulunkulu wawonkulunkulu, ibe nenhlanhla luze luphelele ulaka, ngokuba okumisiweyo kuyakwenziwa. 37Ayiyikunakekela onkulunkulu bawoyise nofiswa yisifazane, inganaki nonkulunkulu oyedwa, ngokuba iyakuzikhulisa phezu kwabo bonke. 38Kepha unkulunkulu wezinqaba uyakumdumisa esikhundleni sabo, nonkulunkulu ababengamazi oyise uyakumdumisa ngegolide, nangesiliva, nangamatshe anqabileyo nangokunye okuthandiweyo. 39Iyakwenze njalo ezinqabeni ezinamandla inonkulunkulu ongowabezizwe; omvumayo iyakumandisela udumo, imenze ukuba abuse abaningi, imahlukanisele izwe libe ngumvuzo wakhe.

40“Ngesikhathi sokuphela inkosi yaseningizimu iyakuqhubukushana nayo; inkosi yasenyakatho isiyakuvunguzela yona ngezinqola, nangabamahhashi, nangemikhumbi eminingi, ingene emazweni amaningi, ikhukhule, idlule. 41Iyakungena nasezweni elihle, namanye amaningi ayakukhubeka, kepha lana ayakophulwa esandleni sayo: o-Edomi, noMowabi, nemvama yabantwana bakwa-Amoni. 42Iyakwelulela isandla emazweni, nezwe laseGibithe aliyikubaleka. 43Iyakubusa phezu kwengcebo yegolide nesiliva, naphezu kwakho konke okuthandiweyo kwaseGibithe; amaLubi namaKushe ayakuba sezinyathelweni zayo. 44Iyakwethuswa yimibiko evela empumalanga nasenyakatho; iyakuphuma ngokufutheka okukhulu ukuchitha nokubhubhisa abaningi. 45Iyakumisa itende lendlu yayo yobukhosi phakathi kolwandle nentaba enhle engcwele; kepha iya nokho ekupheleni kwayo, akakho ongayisiza.

UDaniyeli 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDaniyeli 12

1“Ngaleso sikhathi uMikayeli uyakuvela, isikhulu esigqamileyo esimela abantwana babantu bakho; kuyakuba yisikhathi sokuhlupheka esingazange sibe khona kusukela ekuveleni kwabantu kuze kube yileso sikhathi; ngaleso sikhathi abantu bakho bayakukhululwa, bonke abafunyanwa belotshiwe encwadini. 2Abaningi abalele emhlabathini wothuli bayakuvuka, abanye bavukele ukuphila okuphakade, abanye ihlazo nokunengwa okuphakade. 3Abahlakaniphileyo bayakukhanya njengokukhazimula kwesibhakabhaka, nabaphendulela abaningi ekulungeni njengezinkanyezi kuze kube phakade naphakade. 4Kepha wena Daniyeli, gcina amazwi, unamathelise incwadi kuze kube sesikhathini sokugcina; abaningi bayakwehla benyuka, ukwazi kube kuningi.”

5Ngase ngibona mina Daniyeli; bheka, kwakumi abanye ababili, omunye ogwini lomfula nganeno, omunye ogwini lomfula ngaphesheya. 6Omunye wathi kumuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula: “Kuyakuba nini ukuphela kwalezi zimangaliso na?”

7Ngezwa umuntu owembethe ilineni, owayephezu kwamanzi omfula; waphakamisela isandla sakhe sokunene nesandla sakhe sokhohlo ezulwini, wamfunga ophila kuze kube phakade ukuthi kuyakuba ngokwesikhathi, nezikhathi, nenxenye, nalapho sebeqedile ukuphohloza amandla abantu abangcwele, zonke lezo zinto ziyakuqedwa.

8Ngakuzwa, kepha angiqondanga; bese ngithi: “Nkosi yami, ukuphela kwalokho kuyakuba yini na?”

9Wathi: “Hamba, Daniyeli, ngokuba amazwi avalelwe, anamathelisiwe kuze kube sesikhathini sokugcina. 10Abaningi bayakuzihlanza, bazenze mhlophe, bacwengisiswe, kepha ababi bayakwenza kabi, kodwa akayikuqonda noyedwa omubi; nokho abahlakaniphileyo bayakuqonda.

11“Kusukela esikhathini sokususwa komnikelo oshiswa imihla yonke nokumiswa kwesinengiso esichithayo kuyakuba yizinsuku eziyinkulungwane namakhulu amabili namashumi ayisishiyagalolunye. 12Ubusisiwe olindayo afinyelele ezinsukwini eziyinkulungwane namakhulu amathathu namashumi amathathu nanhlanu.

13“Kepha hamba wena kuze kube sekupheleni; usuphumulile uyakuma esabelweni sakho ngasekupheleni kwezinsuku.”

UDaniyeli 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 76

UNkulunkulu ungumahluleli nomkhululi

Kumholi wokuhlabelela. Ngogubhu. Ihubo lika-Asafa. Igama.

1UNkulunkulu uyaziwa kwaJuda,

igama lakhe likhulu kwa-Israyeli.

2Itabernakele* lakhe liseSalema,

nendlu yakhe iseSiyoni.

3Waphula lapho imicibisholo yomnsalo,

nesihlangu, nenkemba, nempi. Sela*

4Uyakhazimula ngobukhosi,

lapho uvela ezintabeni zempango.

5Bachithekile abaqinile ngenhliziyo,

balele ubuthongo babo;

amaqhawe awafumanisanga izandla zawo.

6Ngokusola kwakho,

Nkulunkulu kaJakobe,

kwehlelwa ngubuthongo inqola kanye nehhashi.

7Wena, yebo, wena uyesabeka;

ngubani ongema ebusweni bakho

ngesikhathi solaka lwakho na?

8Wezwakalisa ukwahlulela kuvela ezulwini;

umhlaba wesaba, wathula

9mhla evuka uNkulunkulu ukuba ahlulele,

asindise bonke abathobekileyo bomhlaba. Sela*

10Ngokuba ulaka lomuntu luyakukudumisa;

insalelo yolaka uyakuyibhinca.

11Thembisani, nigcwalise izithembiso kuJehova uNkulunkulu wenu.

Bonke abamzungezileyo mabalethe izipho kuye owEsabekayo.

12Uyanquma umoya wezikhulu,

wesabeka kuwo amakhosi omhlaba.

Ihubo 77

UNkulunkulu waphakade uyisiphephelo sabantu bakhe

Kumholi wokuhlabelela. KuJeduthuni.* Elika-Asafa. Ihubo.

1Izwi lami ngiyakuliphakamisela kuNkulunkulu,

ngikhale kuNkulunkulu ukuba angibekele indlebe.

2Osukwini losizi lwami ngiyayifuna iNkosi;

ebusuku isandla sami seluliwe, asidangali;

umphefumulo wami wala ukududuzwa.

3Ngiyamkhumbula uNkulunkulu ngibubula;

ngiyazindla, umoya wami uyaphela amandla. Sela*

4Uzibambile izinkophe zamehlo ami, angavaleki;

ngikhathazekile,

angisakwazi ukukhuluma.

5Ngiyazindla ngezinsuku zasendulo,

ngeminyaka yaphakade.

6Ebusuku ngiyakhumbula ukubetha kwami ugubhu,

ngizindla enhliziyweni yami;

nomoya wami uyahlolisisa.

7INkosi iyakulahla kuze kube phakade na?

Ayisenakuphinda ibe nomusa na?

8Umusa wayo unqamukile njalo yini na?

Isithembiso siphelile yini ezizukulwaneni ngezizukulwane na?

9UNkulunkulu ukhohliwe ukuba abe nomusa na?

Uvalele ububele bakhe ngolaka na? Sela*

10Ngase ngithi:

“Yilokhu ukuhlupheka kwami,

ngokuba isandla sokunene soPhezukonke siphendukile.”

11Ngiyakukhumbula izenzo zikaJehova,

yebo, ngikhumbule izimangaliso zasendulo,

12ngicabange ngawo wonke umsebenzi wakho,

ngizindle ngezenzo zakho.

13Indlela yakho, Nkulunkulu, isebungcweleni;

ngubani ongunkulunkulu omkhulu njengoNkulunkulu na?

14Wena unguNkulunkulu owenza izimangaliso;

amandla akho uwazisile ezizweni.

15Ngengalo yamandla wasindisa abantu bakho,

amadodana kaJakobe noJosefa. Sela*

16Amanzi akubona, Nkulunkulu,

amanzi akubona, athuthumela,

nezintwa zazamazama.

17Amafu athela amanzi,

izulu laduma,

imicibisholo yakho yaphuma.

18Izwi lokuduma kwakho lalisesivunguvungwini;

imibani yakhanyisa izwe;

umhlaba wadikizela, wazamazama.

19Indlela yakho yayiselwandle,

nomendo wakho wawusemanzini amaningi,

kodwa izinyathelo zakho zazingaziwa.

20Wahola abantu bakho njengezimvu ngesandla sikaMose no-Aroni.

Ihubo 78

Isifundiso esivela endabeni yasendulo kwa-Israyeli

IMaskili* lika-Asafa.

1Zwanini, bantu bami, umthetho wami,

nibeke izindlebe zenu emazwini omlomo wami.

2Ngizakuvula umlomo wami ngomfanekiso,

ngibonakalise izimfihlakalo zasendulo.

3Esikuzwileyo sakwazi,

nawobaba abasitshela khona,

4asinakukufihla kubantwana babo,

izindumiso zikaJehova zisitshele kuso isizukulwane esizayo,

namandla akhe nezimangaliso zakhe azenzileyo.

5Ngokuba wamisa ubufakazi kwaJakobe,

wabeka umthetho kwa-Israyeli,

ayala ngawo obaba

ukuba bafundise abantwana babo,

6ukuze isizukulwane esilandelayo sazi,

abantwana abayakuzalwa,

bavuke, batshele abantwana babo,

7babeke ithemba labo kuNkulunkulu,

bangakhohlwa imisebenzi kaNkulunkulu,

kepha bagcine imiyalo yakhe.

8Bangabi njengawoyise,

isizukulwane esiphambeneyo nesihlubukayo,

isizukulwane esingaqinisanga inhliziyo yaso,

nesimoya waso wawungathembekile kuNkulunkulu.

9Abantu bakwa-Efrayimi,

sebehlomile bephethe iminsalo,

babuyela emuva ngosuku lokulwa.

10Abasigcinanga isivumelwano sikaNkulunkulu,

benqaba ukuhamba emthethweni wakhe,

11bakhohlwa imisebenzi yakhe

nezimangaliso zakhe abebabonisile zona.

12Wazenza izimangaliso emehlweni awoyise

ezweni laseGibithe endaweni yaseSowani.

13Wahlukanisa ulwandle, wabawelisa;

wamisa amanzi njengodonga.

14Wabahola ngefu emini,

nobusuku bonke ngokukhanya komlilo.

15Waqhekeza amadwala ehlane,

wabaphuzisa njengasotweni olujulileyo.

16Waphumisa edwaleni izifufula,

wehlisa amanzi njengemifula.

17Nokho baqhubeka benza ukona kuye,

baphambana noPhezukonke ehlane.

18Bamlinga uNkulunkulu enhliziyweni yabo

ngokucela ukudla abakufisayo.

19Bakhuluma kabi ngoNkulunkulu, bathi:

“UNkulunkulu angalungisa isithebe ehlane na?

20Bhekani, washaya idwala,

kwaphuma amanzi,

nemifula yampompoza;

kepha angabanika nesinkwa,

alungisele abantu bakhe inyama, na?”

21Ngalokho uJehova ekuzwa lokho

wathukuthela, kwavutha umlilo ngoJakobe,

ulaka lwavuka ngo-Israyeli;

22ngokuba abakholwanga nguNkulunkulu,

abathembanga ensindisweni yakhe.

23Nokho wayala amafu phezulu,

wavula iminyango yezulu,

24wanisa phezu kwabo imana* kube ngukudla,

wabapha amabele ezulu;

25abantu badla isinkwa sezingelosi,

bathunyelwa ukudla ngokugcweleyo.

26Waphumisa umoya wasempumalanga ezulwini;

ngamandla akhe waqhuba umoya waseningizimu.

27Wawisa phezu kwabo inyama njengothuli,

nezinyoni ezinamaphiko njengesihlabathi solwandle.

28Wakwehlisa phakathi kwekamu* labo naphakathi kwezindlu zabo.

29Badla, basuthiswa kakhulu;

baphiwa abakufisayo.

30Bebengakahlukani nokufisa kwabo,

ukudla kwabo kusesemlonyeni wabo,

31intukuthelo kaNkulunkulu yabavukela,

wabulala abakhulupheleyo babo,

wawisa phansi izinsizwa zakwa-Israyeli.

32Nokho bona njalo,

abakholwanga yizimangaliso zakhe.

33Ngakho waqedela izinsuku zabo ezeni neminyaka yabo ovalweni.

34Lapho ebabulala, bamfuna;

babuye bamfunisisa uNkulunkulu.

35Base bekhumbula ukuthi uNkulunkulu uyidwala labo;

uNkulunkulu oPhezukonke ungumkhululi wabo.

36Kepha bamthopha ngomlomo wabo,

baqamba amanga kuye ngolimi lwabo;

37ngokuba inhliziyo yabo yayingabambeleli kuye,

bengathembekile esivumelwaneni sakhe.

38Kepha yena enesihawu wathethelela ububi babo,

akabhubhisanga;

yebo, wabamba kaningi intukuthelo yakhe,

akavusanga lonke ulaka lwakhe.

39Wakhumbula ukuthi bayinyama,

bangumoya odlulayo ongabuyiyo.

40Kwaba kaningi kangakanani bephambana naye ehlane,

bemdabukisa kwahlongasibi.

41Babuye bamlinga uNkulunkulu,

bamdabukisa oNgcwele ka-Israyeli.

42Abakhumbulanga isandla sakhe

nosuku abahlenga ngalo ezitheni,

43lapho ezenza izibonakaliso zakhe eGibithe

nezimangaliso zakhe endaweni yaseSowani.

44Waphendula lapho imifula yabo nemifudlana yabo yaba yigazi,

ukuze bangabi nakuphuza.

45Wathumela phakathi kwabo izibawu ezabadlayo

namasele ababhubhisayo.

46Wanika imiswenya ukudla kwabo,

nomsebenzi wabo isikhonyane.

47Wabulala imivini yabo ngesichotho,

nemikhiwane yabo ngesangquma.

48Wanikela izinkomo zabo esichothweni

nezimvu zabo kuyo imibani.

49Waphonsa kubo ukuvutha kwentukuthelo yakhe,

nolaka, nokufutheka, nokuhlupheka,

ngokuthuma izithunywa zobubi.

50Walungisela intukuthelo yakhe indlela;

akaphephisanga umphefumulo wabo ekufeni,

kepha wanikela ukuphila kwabo ezifweni.

51Washaya amazibulo onke aseGibithe,

okokuqala kwamandla abo ematendeni kaHamu.

52Kepha waphumisa abantu bakhe njengezimvu;

wabahola ehlane njengomhlambi.

53Wabahola kahle, abaze besaba;

kepha ulwandle lwasibekela izitha zabo.

54Wabayisa emnceleni wakhe ongcwele,

entabeni esasiyizuzile isandla sakhe sokunene.

55Waxosha abezizwe phambi kwabo;

edabula izwe wababela ifa,

wahlalisa izizwe zakwa-Israyeli ematendeni azo.

56Nokho bamlinga, baphambana noNkulunkulu oPhezukonke,

abaze bagcina imiyalo yakhe.

57Bahoshekela emuva,

bakhohlisa njengawoyise,

baphenduka njengomnsalo ogejayo.

58Bamthukuthelisa ngezindawo zabo eziphakemeyo,

bamcunula ngezithombe zabo.

59UNkulunkulu ekuzwa lokho wathukuthela,

wamlahla impela u-Israyeli.

60Walishiya itabernakele* laseShilo,

itende abelimisile phakathi kwabantu.

61Wanikela amandla akhe ekuthunjweni,

nenkazimulo yakhe esandleni sesitha.

62Wanikela abantu bakhe enkembeni,

wathukuthelela ifa lakhe.

63Izinsizwa zabo zadliwa ngumlilo;

izintombi zabo azihutshelwanga.

64Abapristi babo bawa ngenkemba;

abafelokazi babo abaze balila.

65Yayisivuka iNkosi njengokade elele,

njengesiqhwaga esikade sahlulwa yiwayini,

66yazishayela emuva izitha zayo,

yazithela ngehlazo eliphakade.

67Yalahla indlu kaJosefa,

ayikhethanga isizwe sakwa-Efrayimi.

68Kepha yakhetha isizwe sakwaJuda,

intaba yaseSiyoni eyithandayo.

69Yayakha indlu yayo engcwele njengezintaba

nanjengomhlaba ewusekeleyo kuze kube phakade.

70Yakhetha uDavide inceku yayo,

yamthabatha ezibayeni zezimvu.

71Esalandele izimvukazi ezenyisayo,

yamthabatha ukuba abeluse abantu bayo uJakobe,

nefa layo u-Israyeli.

72Njalo wabelusa ngobuqotho benhliziyo yakhe,

wabahola ngenhlakanipho yesandla sakhe.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU