Bible Society of South Africa

To The Word – Day 206

2 Thessalonians 1–3, Philemon 1, Psalms 79–80

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 kwabaseThesalonika 1

Isibingelelo

1OPawulu, noSilvanu, noThimothewu kulo ibandla labaseThesalonika elikuNkulunkulu, uBaba wethu, naseNkosini uJesu Kristu: 2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu ubonga ukuthuthuka kwevangeli phakathi kwebandla

3Simelwe ukumbonga njalo uNkulunkulu ngani bazalwane, njengokuba kufanele, ngokuba inkolo yenu iyanda kakhulu, nothando lwenu nonke omunye komunye luyakhula, 4kuze kuthi thina ngokwethu sizincome ngani emabandleni kaNkulunkulu ngenxa yokukhuthazela kwenu nokukholwa ekuzingelweni kwenu konke nasezinhluphekweni enibekezela kuzo, 5okuyisiboniso sokwahlulela okulungileyo kukaNkulunkulu, ukuze kuthiwe ningabalungele umbuso kaNkulunkulu enihlupheka ngenxa yawo, 6uma kambe kuyinto elungile kuNkulunkulu ukuba abuyisele ukuhlupheka kubo abanihluphayo, 7aniphe nina enihluphekayo ukuphumula kanye nathi ekwambulweni kweNkosi uJesu, evela ezulwini, enezingelosi zamandla akhe, 8elangabini lomlilo, ephindisela kwabangamazi uNkulunkulu nakwabangalaleli ivangeli leNkosi yethu uJesu, 9abazakunikwa isijeziso esingukubhujiswa okuphakade, basuke phambi kobuso beNkosi naphambi kwenkazimulo yamandla akhe, 10nxa efika ukuba akhazimuliswe kubo abangcwele bakhe, abe ngomangalisayo kubo bonke abakholwa ngalowo muhla, ngokuba nakholwa ngukufakaza kwethu.

11Ngenxa yalokho siyanikhulekela njalo, ukuze uNkulunkulu wethu anenze nibe ngabafanele ukubizwa kwenu, agcwalise ngamandla konke okuhle enikuthandayo nomsebenzi wokukholwa, 12ukuze igama leNkosi yethu uJesu likhazimuliswe kini, nani kuye, ngokomusa kaNkulunkulu wethu noweNkosi uJesu Kristu.

2 kwabaseThesalonika 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseThesalonika 2

Ukufika kweNkosi kuyakwandulelwa ngukufika komuntu ongenamthetho

1Kepha siyanxusa, bazalwane, mayelana nokufika kweNkosi yethu uJesu Kristu nokubuthanela kwethu kuyo, 2ukuba ningasheshi ninyakaziswe engqondweni yenu, ningethuswa noma ngomoya, noma ngezwi, noma ngencwadi ngokungathi ivela kithi, sengathi usuku lukaKristu selufikile. 3Makungabikho muntu onikhohlisayo nangayiphi indlela; ngokuba aluyikufika, kungaveli kuqala ukuhlubuka, kwambulwe umuntu ongenamthetho, indodana yokulahlwa, 4omelana nakho konke, nozikhukhumeza phezu kwakho konke okuthiwa uNkulunkulu noma into ekhonzwayo, aze azihlalise ethempelini likaNkulunkulu ezishaya uNkulunkulu.

5Anikhumbuli yini ukuthi ngisekhona kini nganitshela lokho na? 6Senikwazi okumbambezelayo, ukuze ambulwe ngesikhathi sakhe. 7Ngokuba imfihlakalo yokungabi namthetho isiyasebenza, kuphela ukuze kudediswe yena obambezelayo manje. 8Lapho-ke uzakwambulwa lowo ongenamthetho, eyakumqeda iNkosi uJesu Kristu ngomoya womlomo wayo, imchithe ngokubonakala kokufika kwayo, 9lowo okufika kwakhe kungokokusebenza kukaSathane ngawo onke amandla, nezibonakaliso, nezimangaliso zamanga, 10nangayo yonke inkohliso yokungalungi kwababhubhayo, ngenxa yokuba bengavumanga ukuthanda iqiniso, ukuze basindiswe. 11Ngalokho-ke uNkulunkulu ubathumela amandla okuduka, baze bakholwe ngamanga, 12ukuba bonke abangakholwanga yiqiniso benamela ukungalungi balahlwe.

Ukubonga nokunxusa kukaPawulu

13Kepha thina simelwe ukubonga uNkulunkulu njalo ngani bazalwane abathandwa yiNkosi, ngokuba kwasekuqaleni uNkulunkulu wanikhethela ukusindiswa ngokungcwelisa kukaMoya nangokukholwa yiqiniso 14anibizela kukho ngevangeli lethu, nize nizuze inkazimulo yeNkosi yethu uJesu Kristu. 15Ngalokho-ke, bazalwane, yimani niqinile, nibambelele kuwo amasiko enawafundiswa noma ngezwi noma ngencwadi yethu.

16Kepha iNkosi yethu uJesu Kristu uqobo, noNkulunkulu uBaba wethu owasithanda nowasipha ngomusa induduzo yaphakade nethemba elihle, 17makaduduze izinhliziyo zenu, aniqinise emisebenzini yonke nasemazwini onke amahle.

2 kwabaseThesalonika 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseThesalonika 3

Izicelo nezifiso neziluleko zikaPawulu

1Elokugcina, bazalwane, sikhulekeleni ukuba izwi leNkosi likhawuleze, lidunyiswe, njengalokhu kunjalo nakini, 2nokuba sikhululwe kubantu abadukileyo nababi; ngokuba ukukholwa akusikho okwabo bonke. 3Kepha iNkosi ithembekile, eyakuniqinisa, inilondoloze komubi. 4Siyethemba eNkosini ngani ukuthi lokhu esiniyala ngakho niyakwenza nokuthi nizakukwenza. 5Kepha iNkosi mayiqondise izinhliziyo zenu othandweni lukaNkulunkulu nasekubekezeleni kukaKristu.

6Kodwa siyaniyala, bazalwane, egameni leNkosi uJesu Kristu ukuba nizahlukanise nabazalwane bonke abahamba ngokungafanele, bengahambi ngomyalo eniwamukele kithina. 7Ngokuba nani niyazi ngokwenu ukuthi kufanele ukuba nisilingise kanjani, ngokuba asihambanga ngokungafanele phakathi kwenu, 8asidlanga sinkwa samuntu ngesihle, kodwa sadla ngokukhandleka nangokukhathazeka, sisebenza ubusuku nemini ukuba singasindi muntu kini, 9kungengokuba singenalo ilungelo, kodwa ukuze sizinikele sibe yisibonelo kini sokuba nisilingise. 10Ngokuba nalapho sisekini, saniyala ngalokhu ukuthi: “Uma umuntu engathandi ukusebenza, makangadli.”

11Ngokuba sizwa ukuthi abanye phakathi kwenu bahamba ngokungafanele, bengasebenzi lutho, kepha benza okuyize nje; 12abanjalo siyabayala sibaluleka eNkosini uJesu Kristu ukuba basebenze ngokuthula, badle esabo isinkwa. 13Kepha nina bazalwane, ningadinwa ngukwenza okuhle.

14Uma ekhona ongalaleli izwi lethu kule ncwadi, mphawuleni lowo, ningahlanganyeli naye, ukuze abe namahloni; 15kepha ningamphathisi okwesitha, kodwa mlulekeni njengomzalwane.

16Kepha iNkosi yokuthula uqobo mayiniphe ukuthula ngezikhathi zonke nangezindlela zonke. INkosi mayibe nani nonke.

Isigcino

17Ngiyakhonza ngesandla sami mina Pawulu, okuluphawu ezincwadini zonke; ngiloba kanjalo.

18Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani nonke.

2 kwabaseThesalonika 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KuFilemoni 1

Isibingelelo

1UPawulu, isiboshwa sikaKristu Jesu, noThimothewu umzalwane kuFilemoni, isithandwa sethu nesisebenzi kanye nathi, 2naku-Apifiya udadewethu, naku-Arkiphu, ibutho kanye nathi, nakulo ibandla elisendlini yakho: 3Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu ubabaza ukukholwa kukaFilemoni

4Ngibonga uNkulunkulu wami njalo ngikukhumbula emikhulekweni yami, 5uma ngizwa ngothando lwakho nokukholwa onakho eNkosini uJesu nakubo bonke abangcwele, 6ukuze ukuhlanganyela kokukholwa kwakho kube nomsebenzi ekwazini konke okuhle okukithi kuKristu, 7ngokuba nginokuthokoza okukhulu nenduduzo ngothando lwakho, ngokuba izinhliziyo zabangcwele zihlunyelelwe ngawe mzalwane.

UPawulu ukhulumela u-Onesimu

8Ngalokho noma nginesibindi esikhulu kuKristu sokuba ngikuyale ngakho okufaneleyo, 9nokho ngenxa yothando okungcono ngiyancenga, njengokuba nginje mina Pawulu osemdala, manje futhi ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu, 10ngikuncenga ngomntanami engimzeleyo ekuboshweni kwami, u-Onesimu; 11okade engenalusizo kuwe, kepha kalokhu unosizo nakuwe nakimi, 12engimbuyisele kuwe, yena oyinhliziyo yami, 13ebengifuna ukumbamba ahlale kimi, ukuze angikhonze esikhundleni sakho ngisekuboshweni ngenxa yevangeli; 14kepha ngaphandle kokubona kwakho ngangingathandi ukwenza lutho, ukuze umusa wakho ungabi ngokucindezelwa, kodwa ube ngesihle. 15Ngokuba mhlawumbe kungenxa yalokho ukuba ahlukaniswe nawe isikhashana, ukuze abe ngowakho kuze kube phakade, 16angabi esaba njengesigqila, kodwa abe ngaphezu kwesigqila, engumzalwane othandekayo, kakhulu kimi kepha kakhulu kangakanani kuwe, nasenyameni naseNkosini.

17Ngakho uma uthi ngingumhlanganyeli nawe, mamukele ngokungathi yimi. 18Kodwa uma ekonile ngento, noma enecala kuwe, lokho kubalele kimi; 19mina Pawulu ngikuloba ngesandla sami, ngiyakukukhokha ukuba ngingaze ngisho kuwe ukuthi nawe unecala kimi elinguwe uqobo. 20Yebo, mzalwane, mangithokoziswe nguwe eNkosini, uyihlumelele inhliziyo yami kuKristu.

Isigcino

21Ngikulobele ngokwethemba ukulalela kwakho, ngazi ukuthi uzakwenza nokungaphezu kwengikushoyo.

22Futhi-ke wongilungisela nami indawo; ngokuba ngiyethemba ukuthi ngemikhuleko yenu ngizakuphiwa nina.

23Uyakhonza kuwe u-Ephafra oyisiboshwa kanye nami kuKristu Jesu, 24noMarku, no-Aristarku, noDema, noLuka, izisebenzi kanye nami.

25Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nomoya wenu.

KuFilemoni 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 79

Isililo sososizini olukhulu nomkhuleko wokusizwa

Ihubo lika-Asafa.

1Nkulunkulu, abezizwe bangenile efeni lakho;

bangcolisile ithempeli lakho elingcwele;

benze iJerusalema libe yincithakalo.

2Bazinikile izidumbu zezinceku zakho

zibe ngukudla kwezinyoni zezulu,

inyama yabakwesabayo kuzo izilo zomhlaba.

3Bachithile igazi labo njengamanzi nxazonke zeJerusalema,

akwababikho obembelayo.

4Sesiyisihlamba kubakhelwane bethu,

umbhinqo nenhlekiso kwabasiphahlileyo.

5Koze kube nini, Jehova,

uthukuthele njalo,

ukushisekela kwakho kuvutha njengomlilo, na?

6Thela ulaka lwakho phezu kwabezizwe abangakwaziyo

naphezu kwemibuso engakhulekeli igama lakho.

7Ngokuba sebemdlile uJakobe,

umuzi wakhe sebewuchithile.

8Mawungasibaleli amacala akuqala;

umusa wakho mawusheshe usihlangabeze,

ngokuba sesibuthakathaka kakhulu.

9Sisize, Nkulunkulu wensindiso yethu,

ngenxa yenkazimulo yegama lakho;

usikhulule, usithethelele izono zethu

ngenxa yegama lakho.

10Bangasholoni abezizwe ukuthi:

“Uphi uNkulunkulu wabo na?”

Makwazeke kwabezizwe emehlweni ethu

ukuphindiselwa kwegazi lezinceku zakho elichithiweyo.

11Ukububula kwesiboshwa makuze phambi kwakho;

londoloza ngobukhulu bengalo

yakho asebengabantwana bokufa.

12Buyisela kubakhelwane bethu,

kuphindwe kasikhombisa esifubeni sabo

inhlamba abakuhlambalaza ngayo, Nkosi.

13Khona thina bantu bakho,

izimvu zedlelo lakho,

siyakukubonga kuze kube phakade,

sishumayele udumo lwakho ezizukulwaneni ngezizukulwane.

Ihubo 80

Umkhuleko wokusizwa kuka-Israyeli

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Iminduze; ubufakazi. Elika-Asafa. Ihubo.

1Yizwa, malusi ka-Israyeli,

ohola uJosefa njengomhlambi,

ohlezi phezu kwamakherubi;*

mawubonakale ngokukhazimula.

2Vusa amandla akho phambi kuka-Efrayimi noBenjamini noManase,

uze ukusisindisa.

3Sibuyise, Nkulunkulu,

ukhanyise ubuso bakho,

khona siyakusindiswa.

4Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

koze kube nini uthunqela ngolaka umkhuleko wabantu bakho na?

5Wabapha isinkwa sezinyembezi,

wabaphuzisa izinyembezi ngesilinganiso esikhulu.

6Usenza sibe yinto ebangwa ngabakhelwane bethu,

nezitha zethu zisihleka usulu.

7Sibuyise, Nkulunkulu Sebawoti,

ukhanyise ubuso bakho,

khona siyakusindiswa.

8Wakhipha umvini eGibithe,

waxosha abezizwe, watshala wona.

9Wawulungisela indawo phambi kwawo,

wagxila, wagcwalisa umhlaba.

10Izintaba zambozwa ngumthunzi wawo,

nemisedari* kaNkulunkulu ngamagatsha awo.

11Wenabisa amagatsha awo,

aze afika elwandle,

namaxhantela awo, aze afika emfuleni.

12Uzidilizeleni izintango zawo,

baze bawukhe bonke abadlula ngendlela, na?

13Ingulube yasehlathini iyawudla,

nezilwane zasendle ziyawuqothula.

14Nkulunkulu Sebawoti, mawubuye;

bheka usezulwini, ubone,

unakekele lo mvini,

15yebo, lo mvini otshalwe ngesokunene sakho,

nendodana ozikhulisele yona.

16Ushiswe ngumlilo, unqunyiwe;

bayakubhubha ngokukhuza kobuso bakho.

17Isandla sakho masibe phezu kwendoda yesokunene sakho,

phezu kwendodana yomuntu ozikhulisele yona;

18khona asisayikuhoshekela emuva kuwe;

siphilise, khona siyakukhuleka egameni lakho.

19Sibuyise, Jehova Nkulunkulu Sebawoti;

ukhanyise ubuso bakho,

khona siyakusindiswa.

Bible Society of South Africav.4.28.1
SITHOLE KU