Bible Society of South Africa

To The Word – Day 210

Catch-Up Day (Ephesians 1–6)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

Kwabase-Efesu 1

Isibingelelo

1UPawulu, umphostoli kaKristu Jesu ngentando kaNkulunkulu, kubo abangcwele abase-Efesu nakubo abakholwa nguKristu Jesu: 2Makube kini umusa nokuthula okuvela kuNkulunkulu uBaba wethu naseNkosini uJesu Kristu.

UPawulu udumisa uNkulunkulu ngenxa yensindiso asenzela yona ngoKristu

3Makabongwe uNkulunkulu, uYise weNkosi yethu uJesu Kristu osibusisile ezulwini kuKristu ngesibusiso sonke sokomoya, 4njengalokho asikhethela kuye ngothando ngaphambi kokusekelwa kwezwe ukuba sibe ngcwele, singabi nakusolwa phambi kwakhe; 5wasimisela ngaphambili ukuba sibe ngabantwana kuye ngoJesu Kristu, njengalokho kwaba kuhle kuye ngentando yakhe, 6ukuze kutuswe inkazimulo yomusa wakhe asiphe wona ngesihle ngaye oThandiweyo; 7esinokuhlengwa kuye ngegazi lakhe, ukuthethelelwa kwezono ngokwengcebo yomusa wakhe 8awuvamisa kithi ngakho konke ukuhlakanipha nokuqonda, 9esazisa imfihlakalo yentando yakhe njengokuzibonela kwakhe azimisela khona ngaphambili, 10kuze kube yihlelo lokuphelela kwezikhathi lokuba kuhlanganiselwe ndawonye kuKristu konke okusezulwini nokusemhlabeni; 11kuyena esabelwa futhi ifa kuye, esakumiselwa ngaphambili ngokwesimiso salowo osebenza izinto zonke ngokunquma kwentando yakhe, 12ukuze sibe ludumo lwenkazimulo yakhe, thina esethemba ngaphambili kuKristu; 13kuye nani esenizwile izwi leqiniso, ivangeli lokusindiswa kwenu, enakholwa nguye futhi, nani nabekwa uphawu olunguMoya oNgcwele wesithembiso 14oyisibambiso sefa lethu, kube ngukuhlengwa kokungokwakhe, ukuze kutuswe inkazimulo yakhe.

UPawulu ucelela ibandla ukuba lazi ubukhosi bukaKristu

15Ngalokho nami, sengizwile ngokukholwa okukini eNkosini uJesu nothando kubo bonke abangcwele, 16angiyeki ukubonga ngenxa yenu, nginikhumbula emikhulekweni yami, 17ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena; 18ekhanyisiwe amehlo enhliziyo yenu, nize nazi okuyithemba lobizo lwakhe nokuyingcebo yenkazimulo yefa lakhe kubo abangcwele, 19nokungubukhulu obumangalisayo bamandla akhe kithina esikholwayo, ngokokusebenza kwamandla akhe amakhulu 20asebenze ngawo kuKristu emvusa kwabafileyo, wamhlalisa ngakwesokunene sakhe ezulwini, 21ngaphezu kwakho konke ukubusa, negunya, namandla, nobukhosi, namagama onke aphathwayo, kungekuleli zwe lodwa kepha nakulo elizayo; 22wakubeka konke phansi kwezinyawo zakhe, wammisa abe yinhloko phezu kwakho konke kulo ibandla, 23elona lingumzimba wakhe, ukugcwala kwakhe ogcwalisa konke kubo bonke.

Kwabase-Efesu 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 2

Abezizwe bahlanganyela nabaJuda insindiso yomusa

1Uniphilisile nani enanifile ngeziphambeko nangezono zenu, 2enanikade nihamba kuzo ngokwendlela yaleli zwe, ngokombusi wamandla omkhathi, ongumoya osasebenza kubantwana bokungalaleli, 3esasikade sihamba phakathi kwabo sonke ezinkanukweni zenyama yethu, senza intando yenyama neyengqondo; ngemvelo sasingabantwana bolaka njengabo abanye. 4Kepha uNkulunkulu ecebile ngesihawu, ngenxa yothando lwakhe olukhulu asithanda ngalo, 5sesifile ngeziphambeko, wenza siphile kanye noKristu – kungomusa nisindisiwe – 6wasivusa kanye naye, wasihlalisa kanye naye embusweni wezulu kuKristu Jesu, 7kuze kuthi ezikhathini ezizayo abonakalise ingcebo enkulu yomusa wakhe ngobubele kithina kuKristu Jesu. 8Ngokuba ngomusa nisindisiwe ngokukholwa; nalokhu akuveli kini, kuyisipho sikaNkulunkulu; 9akuveli ngemisebenzi, ukuze kungabikho ozibongayo. 10Ngokuba singumsebenzi wakhe kuKristu Jesu, sidalelwe imisebenzi emihle ayilungisela ngaphambili uNkulunkulu ukuba sihambe kuyo.

11Ngakho khumbulani ukuthi nina enanikade ningabezizwe ngokwenyama, ababizwa ngokuthi abangasoki yilabo ababizwa ngokuthi abokusoka, okwenziwa ngezandla enyameni, 12ukuthi ngaleso sikhathi naningenaye uKristu, naningaphandle kombuso ka-Israyeli, naningabafokazi ezivumelwaneni zesithembiso, ningenathemba, ningenaNkulunkulu ezweni. 13Kepha manje kuKristu Jesu nina enanikade nikude senenziwe abaseduze ngegazi likaKristu.

14Ngokuba yena ungukuthula kwethu, owenza kokubili kwaba kunye, nowabhidliza udonga olwahlukanisayo olungubutha, 15ngenyama yakhe ewenzile ize umthetho wemiyalo esezimisweni ukuba adale kuyena labo ababili babe muntu munye omusha, enze ukuthula, 16enze futhi ukuba bobabili babuyisane noNkulunkulu emzimbeni munye ngesiphambano, esebulele ubutha ngakho. 17Weza washumayela ivangeli lokuthula kinina enanikude, yebo, ukuthula nakubo abaseduze. 18Ngokuba ngaye sinokungena sobabili ngoMoya munye kuYise.

19Ngakho aniseyibo abafokazi nezihambi, kodwa senimbuso munye nabangcwele, ningabendlu kaNkulunkulu, 20nakhiwe phezu kwesisekelo sabaphostoli nabaprofethi, uKristu Jesu uqobo lwakhe eyitshe legumbi, 21okuhlanganiselwe kuye isakhiwo sonke, sikhule sibe yithempeli elingcwele eNkosini, 22okukuyo nani, nakhiwe kanye nabanye, ukuba nibe yindlu kaNkulunkulu ngoMoya.

Kwabase-Efesu 2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 3

UPawulu umiselwe ukwambula imfihlakalo kaKristu

1Ngenxa yalokho mina Pawulu ngiyisiboshwa sikaKristu Jesu ngenxa yenu nina bezizwe – 2uma ngabe senizwile ngohlelo lomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo ngenxa yenu 3ukuthi ngaziswa imfihlakalo ngesambulo, njengalokho sengaloba ngokufushane – 4okungakho, nxa nikufunda, ningaqonda ukwazi kwami ngemfihlakalo kaKristu, 5bengayaziswanga abantwana babantu ezizukulwaneni ezinye, njengalokhu isiyambuliwe manje kubaphostoli bakhe abangcwele nabaprofethi ngoMoya 6ukuthi abezizwe bayizindlalifa kanye nathi, nokuthi bamzimba munye nathi, nokuthi bangabahlanganyeli besithembiso kanye nathi kuKristu Jesu ngevangeli; 7engenziwa isikhonzi salo ngokwesipho somusa kaNkulunkulu engiwuphiwe ngokokusebenza kwamandla akhe. 8Mina engimncinyane kunabo bonke abangcwele ngaphiwa lowo musa wokushumayeza abezizwe ivangeli lengcebo kaKristu engaphenyekiyo 9nokubakhanyisela ukuthi luyini uhlelo lwemfihlakalo ebifihliwe kwaphakade kuNkulunkulu owadala izinto zonke, 10ukuze imibuso nabanamandla emazulwini baziswe manje ngebandla ukuhlakanipha okuninginingi kukaNkulunkulu, 11ngokwecebo laphakade alenza ngoKristu Jesu iNkosi yethu; 12okungaye sinesibindi ukungena ngokwethemba, ngokukholwa nguye. 13Ngalokho ngiyacela ukuba ningadangali ngezinhlupheko zami ngenxa yenu, okuludumo lwenu.

UPawulu ukhulekela ibandla ukuba likhule ekwazini uthando lukaNkulunkulu

14Ngenxa yalokho ngiguqa ngamadolo ami kuYise, 15eyethiwa ngaye imindeni yonke ezulwini nasemhlabeni, 16ukuba ngokwengcebo yenkazimulo yakhe aninike ukuqiniseka emandleni ngoMoya wakhe kumuntu ongaphakathi; 17uKristu ahlale ezinhliziyweni zenu ngokukholwa, ukuze nigxile, nisekelwe othandweni, 18nibe namandla okuqonda kanye nabangcwele bonke okungububanzi, nobude, nokuphakama, nokujula, 19nokulwazi uthando lukaKristu oludlula ukwazi konke, ukuze nigcwaliswe kube ngukugcwala konke kukaNkulunkulu.

20Kepha yena onamandla okwenza okukhulu kakhulu kunakho konke esikucelayo nesikuqondayo ngokwamandla asebenza kithi, 21makube kuye udumo ebandleni nakuKristu Jesu ezizukulwaneni zonke zaphakade naphakade. Amen.

Kwabase-Efesu 3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 4

Ukwahlukana kweziphiwo zikaMoya nobunye bokukholwa

1Ngakho mina siboshwa eNkosini ngiyanincenga ukuba nihambe ngokufanele ukubizwa enabizwa ngakho, 2ngokuthobeka konke nobumnene, ngokubheka kade nokubekezelelana ngothando, 3nikhuthalele ukugcina ubunye bukaMoya ngesibopho sokuthula; 4munye umzimba, munye uMoya, njengalokho nabizelwa ethembeni linye lokubizwa kwenu; 5yinye iNkosi, yinye inkolo, munye umbhapathizo; 6munye uNkulunkulu, uYise wabo bonke, ophezu kwabo bonke, okubo bonke, ophakathi kwabo bonke.

7Kepha yilowo nalowo kithina uphiwe umusa ngokwesilinganiso sesipho sikaKristu. 8Ngalokho uthi:

“Esenyukele phezulu

wathumba abathunjiweyo,

wapha abantu izipho.”

9Kepha lokhu ukuthi wenyuka, kuthini, uma kungesikho ukuthi wake wehlela ezindaweni zomhlaba eziphansi na? 10Owehlayo nguyena owenyukela futhi ngaphezu kwamazulu onke, ukuze agcwalise konke. 11Nguyena futhi owanika abanye ukuba babe ngabaphostoli, abanye abaprofethi, abanye abavangeli, abanye abelusi nabafundisi, 12ukuze abangcwele bapheleliselwe umsebenzi wokukhonza, kwakhiwe umzimba kaKristu, 13size sifinyelele sonke ebunyeni bokukholwa nasekwazini iNdodana kaNkulunkulu, ebudodeni obupheleleyo, esilinganisweni sobukhulu sokugcwala kukaKristu, 14ukuze singabe sisaba yizingane, sishukunyiswa okwamaza, sipheshulwa yimimoya yonke yezifundiso ngenkohliso yabantu, ngobuqili obunamacebo okudukisayo; 15kodwa sithi sikhuluma iqiniso ngothando, sikhulele ngakho konke kuye oyinhloko, uKristu, 16okungaye umzimba wonke uhlanganisiwe, ubambene ngokwelekelelana kwamalungu onke awo njengokusebenza okulinganiselwe yilelo nalelo lungu, kukhuliswe umzimba, ube yisakhiwo othandweni.

Izono zabangakholwayo

17Ngakho ngisho, ngifakaza eNkosini, ngithi ningabe nisahamba njengalokhu kuhamba abezizwe ebuzeni bengqondo yabo, 18behlwelwe emqondweni, behlukanisiwe nokuphila kukaNkulunkulu ngokungazi okukubo ngenxa yobulukhuni benhliziyo yabo, 19abathi bebuthuntu, bazinikela emanyaleni, ukuze basebenze ukungcola konke ngokuhuheka.

20Kepha nina animfundanga uKristu kanjalo, 21uma-ke nimzwile nafundiswa kuye, njengokuba iqiniso likuJesu, 22ukuba nikhumule umuntu omdala ongowenkambo yokuqala, owonakala ngezinkanuko zenkohliso, 23nenziwe basha emoyeni wengqondo yenu, 24nembathe umuntu omusha owadalwa ngokukaNkulunkulu ekulungeni nasebungcweleni beqiniso.

25Ngakho lahlani amanga, nikhulume iqiniso, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe, lokhu singamalungu omunye komunye. 26Thukuthelani ningoni; ilanga malingashoni nisathukuthele. 27Ningamniki uSathane indawo. 28Owebayo angabe eseba, kepha kunalokho akhuthale asebenze okuhle ngezandla zakhe, ukuze abe nokokwabela osweleyo.

29Makungaphumi emlonyeni wenu nalinye izwi elibolileyo, kodwa kube ngelilungele ukwakha njengokuswelekileyo, ukuze libavezele umusa abezwayo. 30Ningamdabukisi uMoya oNgcwele kaNkulunkulu enabekwa uphawu ngaye kuze kube lusuku lokuhlengwa. 31Konke okubabayo, nentukuthelo, nolaka, nomsindo, nokuhlambalaza makususwe kini kanye nakho konke okubi. 32Maniphathane ngobumnene, nihawukelane, nithethelelane, njengalokho noNkulunkulu wanithethelela ngoKristu.

Kwabase-Efesu 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 5

UPawulu uxwayisa ngemisebenzi yobumnyama

1Ngakho yibani ngabalingisa uNkulunkulu njengabantwana abathandekayo, 2nihambe othandweni, njengalokho uKristu wanithanda, wazinikela ngenxa yethu, abe ngumnikelo nomhlatshelo, abe yiphunga elimnandi kuNkulunkulu.

3Kepha ubufebe, nakho konke ukungcola, noma isangabe, makungaphathwa nangegama phakathi kwenu, njengokuba kufanele abangcwele, 4nehlazo, nokubheda, nokulawula, okuyizinto ezingafanele, kepha kunalokho makube ngukubonga. 5Ngokuba yazini lokhu, nikuqonde ukuthi akukho sifebe, noma ongcolileyo, noma onesangabe ongokhonza izithombe, onefa embusweni kaKristu noNkulunkulu.

Ukuhamba ekukhanyeni

6Masingakhohliswa muntu ngamazwi ayize, ngokuba ngenxa yalezo zinto ulaka lukaNkulunkulu lwehlela phezu kwabantwana bokungalaleli. 7Ngakho-ke ningabi ngabahlanganyela nabo.

8Ngokuba kade naningubumnyama, kepha manje ningukukhanya eNkosini; hambani njengabantwana bokukhanya, 9ngokuba izithelo zokukhanya zisebuhleni bonke nasekulungeni naseqinisweni, 10nihlole ukuthi kuyini okuthandeka eNkosini, 11ningahlanganyeli imisebenzi yobumnyama engenazithelo, kepha kunalokho niyidalule; 12ngokuba okwenziwa yibo ngasese kuyihlazo nokukhuluma ngakho. 13Kepha konke okudalulwayo kubonakaliswa ngukukhanya, ngokuba konke okubonakaliswayo kungukukhanya. 14Ngalokho uthi:

“Phaphama wena oleleyo,

uvuke kwabafileyo,

uKristu uzakukukhanyisa.”

15Ngakho-ke bhekisisani ukuthi nihamba kanjani, kungabi njengabangahlakaniphile kepha njengabahlakaniphileyo, 16nithengisise isikhathi, ngokuba izinsuku zimbi. 17Ngakho-ke ningabi yiziwula, kodwa qondani okuyintando yeNkosi. 18Ningadakwa yiwayini, kuvela kulo umhumheko, kodwa nigcwaliswe ngoMoya, 19niphendulane ngamahubo nangezihlabelelo nangamaculo okomoya, nihlabelele, nihubele iNkosi enhliziyweni yenu, 20nimbonge njalo uNkulunkulu uYise ngakho konke egameni leNkosi yethu uJesu Kristu, 21nithobelane ngokumesaba uKristu.

Ukuphathana kwabaganeneyo

22Abafazi mabathobele amadoda abo kungathi kukuyo iNkosi, 23ngokuba indoda iyinhloko yomfazi, njengokuba noKristu uyinhloko yebandla, yena engumsindisi womzimba. 24Kepha njengokuba ibandla lithobela uKristu, kanjalo nabafazi mabathobele amadoda ezintweni zonke.

25Madoda, thandani omkenu, njengalokho noKristu ulithandile ibandla, wazinikela ngenxa yalo 26ukuba alingcwelise, alihlambulule ngesigezo samanzi ngezwi, 27ukuze azimisele ibandla elinenkazimulo, lingenasisihla, nambimbi, nanto enjalo, kodwa libe ngcwele lingenacala. 28Kanjalo amadoda afanele ukuthanda omkawo njengemizimba yawo. Othanda umkakhe uzithanda yena. 29Ngokuba akakho owake wazonda eyakhe inyama, kepha uyayondla, ayiphathe kahle, njengalokhu noKristu enza kulo ibandla; 30ngokuba singamalungu omzimba wakhe. 31Ngenxa yalokho umuntu uyakushiya uyise nonina, anamathele kumkakhe; labo ababili bayakuba nyamanye. 32Le mfihlakalo inkulu, kepha ngikhuluma ngoKristu nebandla. 33Nani-ke, yilowo nalowo makathande umkakhe njengokuba ezithanda yena, kepha umfazi makahloniphe indoda yakhe.

Kwabase-Efesu 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 6

Iziluleko kubantwana nabazali

1Bantwana, lalelani abazali benu eNkosini, ngokuba lokho kulungile. 2Yazisa uyihlo nonyoko, okungumyalelo wokuqala onesithembiso: 3ukuze kube kuhle kuwe, uhlale kade emhlabeni. 4Nani boyise, ningabathukuthelisi abantwana benu, kodwa nibondle ngokuyala nangokuqondisa kweNkosi.

Iziluleko kuzo izinceku namakhosi

5Zinceku, abangamakhosi enu ngokwenyama, balaleleni ngokwesaba nokuthuthumela ngobuqotho benhliziyo yenu kungathi kukuKristu, 6ningathengi amehlo njengabathokozisa abantu, kodwa njengezinceku zikaKristu nenze intando kaNkulunkulu ngenhliziyo, 7nikhonze ngothando kungathi kuseNkosini kungekubantu, 8nazi ukuthi konke okuhle yilowo nalowo akwenzayo, uzakukwamukela okunjalo eNkosini, noma eyinceku noma engokhululekileyo.

9Nani makhosi, yenzani okunjalo kuzo, niyeke ukusongela, nazi ukuthi neyazo neyenu iNkosi isezulwini nokuthi ukukhetha umuntu akukho kuye.

Izikhali zamaKristu

10Elokugcina, qinani eNkosini nasemandleni ayo amakhulu. 11Hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu, ukuze nibe namandla okumelana namaqhinga kaSathane; 12ngokuba asibambene negazi nenyama, kodwa sibambene nemibuso, namandla, nababusi bezwe balobu bumnyama, nabawomoya bobubi emkhathini. 13Ngakho hlomani izikhali zonke zikaNkulunkulu ukuba nibe namandla okuzabalaza ngosuku olubi, nalapho senifeze konke, nime. 14Ngakho yimani izinkalo zenu ziboshiwe ngeqiniso, nifakile isivikelo sesifuba sokulunga, 15izinyawo zigqokisiwe ukulungela kukho ukushumayela ivangeli lokuthula; 16kukho konke nithathe isihlangu sokukholwa eniyakuba namandla okucima ngaso yonke imicibisholo evuthayo yomubi, 17namukele futhi isigqoko sensindiso, nenkemba kaMoya eyizwi likaNkulunkulu, 18ngokukhuleka konke nokunxusa, nikhuleka ngezikhathi zonke ngoMoya; kulokho nilinde ngesineke sonke nangokunxusela abangcwele bonke, 19ninginxusele nami ukuba ngiphiwe izwi, nxa ngivula umlomo wami, ngize ngiyishumayele ngesibindi imfihlakalo yevangeli; 20engiyisithunywa ngalo esiboshiwe ngamaketanga, ukuze ngikhulume ngesibindi ngalo, njengokuba kufanele ukuba ngikhulume.

Isigcino

21Kepha ukuba nani nazi okuqondene nami nalokhu engikwenzayo, uyakunazisa konke uThikhiku, umzalwane othandekayo nesikhonzi esikholekileyo eNkosini, 22engamthumela kini ngakho lokho ukuba nazi izindaba zethu, nokuba aduduze izinhliziyo zenu.

23Ukuthula makube kubazalwane, nothando kanye nokukholwa okuvela kuNkulunkulu uYise naseNkosini uJesu Kristu. 24Umusa mawube nabo bonke abathanda iNkosi yethu uJesu Kristu ngokunganqamukiyo.

Kwabase-Efesu 6ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU