Bible Society of South Africa

To The Word – Day 216

2 Corinthians 8–13

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 8

Ngeminikelo yokusiza amaKristu ampofu

1Kepha siyanazisa, bazalwane, ngomusa kaNkulunkulu awuphiweyo amabandla aseMakedoniya 2ukuthi ekuvivinyweni okukhulu kosizi ukuthokoza kwawo okuvamileyo nobumpofu bawo obukhulu kwenza ukuba avame kakhulu ekuphaneni okupheleleyo; 3ngokuba ngokwawo anikela njengamandla awo, yebo, ngiyafakaza ngithi, nangaphezu kwamandla awo; 4asinxusa kakhulu ecela umusa wokuhlanganyela ekukhonzeni abangcwele; 5futhi akubanga njengokwethemba kwethu kuphela, kepha bazinikela bona uqobo kuqala eNkosini nakithi futhi ngentando kaNkulunkulu, 6saze samncenga uThithu ukuba, njengalokho wayeseqalile ngaphambili, kanjalo afeze futhi kini lowo msebenzi womusa. 7Kepha njengalokho nivamile kukho konke: ukukholwa, namazwi, nokwazi, nokukhuthala konke, nothando enisithanda ngalo, manivame nakuwo lowo msebenzi womusa.

8Angikusho njengomyalo, kodwa ukuze ngokukhuthala kwabanye ngivivinye ubuqotho bothando lwenu; 9ngokuba niyawazi umusa weNkosi yethu uJesu Kristu ukuthi, nakuba ecebile, waba mpofu ngenxa yenu, ukuze ngobumpofu bakhe nicebe nina.

10Kulokhu nginitshela ukubona kwami; ngokuba lokhu kulungele nina enaqala nyakenye, kungekwenza kuphela kepha nokuthanda; 11kepha manje fezani nokwenza, ukuze njengalokho kwaba khona inhliziyo ethandayo, kanjalo kube khona nokufeza njengeninakho. 12Ngokuba uma uthando lukhona, kwamukeleka njengalokho umuntu anakho, kungenjengalokho angenakho.

13Ngokuba angikusho lokhu ukuba abanye bakhululeke, nina nikhathazeke, kodwa kube ngokulinganayo, 14ukuze kuthi ngalesi sikhathi inala yenu isize bona ekusweleni kwabo ukuba nenala yabo isize nina ekusweleni kwenu, kube khona ukulingana, 15njengalokho kulotshiwe ukuthi:

“Kowaba nokuningi kakusalanga,

nowaba nokuncane kantulanga.”

16Kepha makabongwe uNkulunkulu obeka enhliziyweni kaThithu le nkuthalo ngani, 17ngokuba wamukela umyalo wethu, kepha naye ekhuthele kakhulu waphuma eza kini ngokuzithandela. 18Sithumele kanye naye umzalwane oludumo lwakhe ngevangeli lwandile kuwo onke amabandla, 19kungesikho lokho kuphela, kodwa ukhethiwe futhi yiwo amabandla ukuba ahambisane nathi ngendaba yalo mnikelo osetshenzwe yithi, kube ludumo kuyo iNkosi, kubonakalise ukukhuthala kwethu, 20sigwemele lokhu ukuthi kungaba khona osisolayo ngalesi sipho esikhulu esisetshenzwe yithi; 21ngokuba sinakekela okuhle, kungesemehlweni eNkosi kuphela kodwa nasemehlweni abantu.

22Kepha sithumele kanye nabo umzalwane wethu esimfumene kaningi ekhuthele ezintweni eziningi, kepha manje ukhuthele kakhulu ngenxa yokunethemba kwakhe okukhulu. 23Uma kubuzwa ngoThithu, yena ungumhlanganyeli nesisebenzi kanye nami kini; noma kubuzwa ngabazalwane bethu, bayizithunywa zamabandla, bayinkazimulo kaKristu. 24Ngakho manibonakalise kubo phambi kwamabandla ubufakazi bothando lwenu nokuzincoma kwethu ngani.

2 kwabaseKorinte 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 9

Ngokunikela nangesibusiso esivela ngokunikela

1Ngokuba maqondana nokukhonza abangcwele akuswelekile ukuba nginilobele, 2ngokuba ngiyalwazi uthando lwenu engizincoma ngalo ngani kwabaseMakedoniya, uma ngithi i-Akhaya lase lizilungisele kwanyakenye nokuthi ukushisekela kwenu kuvusile iningi labo. 3Kepha ngithumile abazalwane ukuba ukuzincoma kwethu ngani kungenziwa ize maqondana nalokhu, ukuze kuthi njengokusho kwami nibe senilungisele, 4funa uma ngabe kufika kanye nami abaseMakedoniya, banifumane ningakabi nilungisele, sijabhe thina – singasaniphathi nina – ngaleli themba. 5Ngalokho-ke bengithi kudingeka ukuba ngincenge abazalwane ukuba bandulele ukuza kini, balungisele ngaphambili isipho senu esathenjiswa ngaphambili, sona sihlale silungisiwe, sibe njengesesibusiso, singabi njengesokuncishana.

6Kepha nakhu: ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana, nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. 7Yilowo nalowo anikele njengalokho azikhethele khona enhliziyweni, kungabi ngokudabuka nangokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda onikelayo ethokoza. 8Kepha uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame, ukuze kuthi ninokwanela konke ezintweni zonke ngezikhathi zonke, nivame imisebenzi yonke emihle, 9njengokuba kulotshiwe ukuthi:

“Wahlaphaza, wapha abampofu;

ukulunga kwakhe kuhlala kuze kube phakade.”

10Kepha yena onika ohlwanyelayo inhlwanyelo nesinkwa sokudliwa uyakulungisela evise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu, 11ukuze ezintweni zonke nicetshiswe kukho ukuphana konke okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.

12Ngokuba ukukhonza ngale nkonzo akuqedi kuphela ukuswela kwabangcwele, kepha futhi kuvamisa kakhulu ukumbonga uNkulunkulu ngabaningi, 13lokhu ngokuvivinyeka kwale nkonzo badumisa uNkulunkulu ngenxa yokulalela kokuvuma kwenu ivangeli likaKristu nangenxa yobuqotho bobudlelwane benu nabo, yebo, nabo bonke, 14banilangazelele futhi ngokunikhulekela ngenxa yomusa omkhulu kakhulu kaNkulunkulu okini. 15Makabongwe uNkulunkulu ngenxa yesipho sakhe esingakhulumekiyo.

2 kwabaseKorinte 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 10

UPawulu uyazivikela kwabamhlebayo

1Kepha mina Pawulu uqobo ngiyanincenga ngobumnene nangokuva kukaKristu, mina engithobile phambi kwenu nxa ngikhona, kepha nginesibindi kini nxa ngingekho, 2ngiyacela ukuba, nxa ngikhona, kungasweleki ukuba ngibasukele ngesibindi engiqonde ukuba naso kwabanye abasho ngathi ukuthi sihamba ngokwenyama. 3Ngokuba noma sihamba sisenyameni kasilwi ngokwenyama, 4ngokuba izikhali zethu zokulwa kasizo ezenyama, kodwa ngaye uNkulunkulu zinamandla okubhidliza izinqaba, sichitha izizindlo, 5nakho konke okudephileyo okuziphakamisela ukuthiyana nokumazi uNkulunkulu, namacebo onke siwathumbela ukumlalela uKristu; 6futhi silungele ukujezisa ukungalaleli konke, nxa sekuphelele ukulalela kwenu.

7Bhekani lokhu okuphambi kobuso. Uma umuntu ezethemba yena ukuthi ungokaKristu, makabuye aqonde lokhu ngokwakhe ukuthi, njengokuba yena engokaKristu, sinjalo nathi. 8Ngokuba noma ngingaze ngizibonge ngaphezulwana ngamandla ethu eyasipha wona iNkosi ukuba nakhiwe kungengukuba nibhidlizwe, angiyikujabhiswa, 9ukuze ngingabi njengokungathi benginethusa nje ngezincwadi. 10Ngokuba izincwadi-ke bathi zinzima, zibukhali, kepha nxa ekhona ngomzimba, ubuthakathaka, ukukhuluma kwakhe kudelelekile. 11Onjalo makaqonde lokhu ukuthi lokhu esiyikho ngamazwi ezincwadi nxa singekho, siyakuba yikho ngesenzo nxa sikhona.

12Ngokuba asinasibindi sokuzilinganisa nokuzifanisa nabathile babo abazincomayo. Kodwa bona, nxa bezilinganisa ngezingqobo zabo, bezifanisa nezingqobo zabo, kaba namqondo. 13Kepha thina asiyikuzibonga ngaphezu kokulinganisa, kodwa ngesilinganiso sendawo esiyisilinganiso asilinganisele sona uNkulunkulu, ukuze sifinyelele nakini. 14Ngokuba asizeluli ngokweqisa ngokungathi asifinyeleli kini, ngokuba sifikile kwaze kwaba nakini ngevangeli likaKristu, 15singazibongi ngemisebenzi yabanye ngaphezu kokulinganisa, kepha sinethemba lokuthi ngokukhula kokukholwa kwenu, siyakukhuliswa kakhulu impela kini endaweni yethu, 16size sishumayele ivangeli nasezindaweni ezingaphambi kwakini, singazibongi ngezinto esezenziwe endaweni yomunye. 17Kepha ozibongayo makazibonge eNkosini. 18Ngokuba akusiye ozincomayo ovunywa abongwe, kepha yilowo iNkosi emncomayo.

2 kwabaseKorinte 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 11

Ukuziphendulela kukaPawulu ngomsebenzi wakhe nangezinhlupheko ezamvelela ekushumayeleni kwakhe

1Sengathi ningangibekezelela ebuwuleni obuyingcosana, yebo, ngibekezeleleni. 2Ngokuba ngiyanishisekela ngokushisekela kukaNkulunkulu, ngokuba nganendisela endodeni eyodwa ukuba nginiyise kuKristu niyintombi emhlophe. 3Kepha nginovalo lokuthi njengalokho inyoka yamkhohlisa u-Eva ngobuqili bayo, kanjalo izingqondo zenu mhlawumbe zingadukiswa, ziyeke ubuqotho nobumhlophe ngakuKristu. 4Ngokuba uma kufika umuntu eshumayela omunye uJesu esingamshumayelanga, noma namukela omunye umoya eningawamukelanga, noma elinye ivangeli eningalamukelanga, nikubekezelela kakhulu. 5Ngokuba ngithi angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu. 6Noma ngiyibhimbi lokukhuluma, nokho angisilo ngokwazi; lokhu sikubonakalisile kinina ngezindlela zonke ezintweni zonke.

7Kumbe ngonile yini ngokuzithoba ukuba niphakanyiswe nina, lokhu nganishumayeza ngesihle ivangeli likaNkulunkulu na? 8Ngaphanga amanye amabandla, ngithatha iholo kuwo, ukuba ngikhonze nina; 9nalapho ngikhona kini ngiswele, angibanga mthwalo kumuntu, ngokuba abazalwane abavela eMakedoniya bakuqeda ukuswela kwami; ezintweni zonke ngazilinda ukuba nginganisindi, futhi ngisezakuzilinda. 10Njengalokhu iqiniso likaKristu likimi, angiyikwaphucwa lolo dumo ezigodini zase-Akhaya. 11Ngani na? Ngokuba nginganithandi na? UNkulunkulu uyazi. 12Kepha engikwenzayo ngizakukwenza futhi, ukuze ngibaphuce ithuba abafuna ithuba lokuba bafunyanwe benjengathi kulokho abazibonga ngakho.

13Ngokuba abanjalo bangabaphostoli bamanga, izisebenzi ezikhohlisayo, beziguqula abaphostoli bakaKristu. 14Akumangalisi, ngokuba uSathane uqobo uziguqula ingelosi yokukhanya. 15Ngakho akuyinto enkulu, uma nezikhonzi zakhe ziziguqula izikhonzi zokulunga ezikuphela kwazo kuyakuba njengokwemisebenzi yazo.

16Ngiyaphinda ngithi: Makungasho muntu ngami ukuthi ngiyisiwula; kepha noma kungaba njalo, nokho ngamukeleni njengesiwula, ukuze nami ngizibonge kancane. 17Lokho engikushoyo ngalesi sibindi sokuzibonga, angikusho ngokweNkosi, kodwa ngikusho kungathi ngobuwula. 18Lokhu abaningi bezibonga ngokwenyama, nami ngiyakuzibonga. 19Ngokuba abayiziwula nibabekezelela ngenjabulo, lokhu ningabahlakaniphileyo, 20ngokuba niyabekezela, uma umuntu enenza izigqila, uma enidla, uma enibamba, uma ezikhukhumeza, uma enishaya ebusweni. 21Ngisho ngamahloni ukuthi kade sibuthakathaka. Kepha kulokho umuntu anesibindi ngakho – ngikhuluma ngobuwula – nami nginesibindi ngakho. 22BangamaHeberu na? Nami. Bangaba-Israyeli na? Nami. Bayinzalo ka-Abrahama na? Nami. 23Bayizikhonzi zikaKristu na? Ngikhulumisa okohlanya – ngiyiso kakhulu kunabo; ekukhandlekeni kakhulu kunabo, nasekuboshweni kaningi kunabo, nasekushayweni okukhulu impela, nasezingozini zokufa ngezikhathi eziningi. 24KubaJuda ngathola kahlanu imivimbo, kushiywa munye emashumini amane; 25ngashaywa kathathu ngezinduku, ngakhandwa kanye ngamatshe, kathathu ngalinyalelwa umkhumbi, ngaba semanzini olwandle ubusuku bunye nemini; 26ngangisekuhambeni kaningi, nasezingozini zemifula, nasezingozini zabaphangi, nasezingozini kwabakithi, nasezingozini kwabezizwe, nasezingozini emzini, nasezingozini ehlane, nasezingozini elwandle, nasezingozini kubazalwane bamanga, 27ngokukhandleka nangokukhathazeka, kaningi ngokuqwasha ebusuku, ngokulamba nangokoma, kaningi ngokuzila ukudla, nasemakhazeni nangokuhambaze; 28ngaphandle kwezinye izinto kukhona okungicindezelayo imihla yonke: ukukhathalela onke amabandla. 29Ngubani obuthakathaka ngingebuthakathaka nami na? Ngubani okhubekiswayo kungavuthi kimi na?

30Uma ngimelwe ukuzibonga, ngiyakuzibonga ngobuthakathaka bami. 31UNkulunkulu noYise weNkosi uJesu, obongekayo phakade naphakade, uyazi ukuthi angiqambi amanga. 32EDamaseku induna yenkosi u-Aretha yalinda umuzi wamaDamaseku ukuba ingibambe; 33ngehliswa efasiteleni ngesilulu ogangeni, ngaphepha ezandleni zayo.

2 kwabaseKorinte 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 12

UPawulu wamukela izambulo kuJesu

1Kumelwe ukuba ngizibonge noma kungasizi; kepha sengizakuphatha imibono nezambulo zeNkosi. 2Ngiyamazi umuntu ekuKristu, sekuyiminyaka eyishumi nane – nakuba wayesemzimbeni angazi, nakuba wayengaphandle komzimba angazi, nguNkulunkulu owaziyo – onjalo wahlwithwa wayiswa kwelesithathu izulu. 3Yebo, ngiyamazi umuntu onjalo – nakuba wayesemzimbeni, nakuba wayengekho emzimbeni, angazi, nguNkulunkulu owaziyo – 4ukuthi wahlwithwa wayiswa eParadisi*, wezwa amazwi angakhulumekiyo, okungavunyelwe ukuba umuntu awakhulume. 5Ngonjalo ngizakuzibonga, kepha ngami uqobo angizukuzibonga, kuphela ngobuthakathaka bami. 6Ngokuba noma bengingathanda ukuzibonga, bengingezukuba yisiwula; ngokuba bengizakube ngikhuluma iqiniso, kepha ngiyayeka, funa umuntu acabange ngami okungaphezu kwalokho angibona ngiyikho nakuzwayo kimi.

7Ngalokho ukuze ngingaziphakamisi kakhulu ngobukhulu bezambulo, nganikwa iva enyameni, ingelosi kaSathane, ukuba ingimukule, ukuze ngingaziphakamisi kakhulu. 8Ngayo-ke nganxusa iNkosi kathathu ukuba isuke kimi. 9Yathi kimi: “Umusa wami ukwanele; ngokuba amandla ami apheleliswa ebuthakathakeni.” Ngakho kunalokho ngijabulela ukuzibonga ngobuthakathaka bami, ukuze amandla kaKristu ahlale phezu kwami. 10Ngakho ngenamile ebuthakathakeni, nasekuphathweni kabi, nasekusweleni, nasekuzingelweni, nasekubandezekeni ngenxa kaKristu, ngokuba uma ngibuthakathaka, yikhona nginamandla.

Ukusolwa kwakhe yibandla akukho eqinisweni

11Sengize ngaba yisiwula; nina ningiphoqile. Ngokuba mina kwakufanele ukuba nginconywe yinina. Ngokuba angisilele ngalutho kubaphostoli abaqhamileyo kakhulu, noma ngingento yalutho. 12Impela izibonakaliso zobuphostoli zenziwe kini ngokukhuthazela konke, nangezibonakaliso, nangezimangaliso, nangemisebenzi yamandla. 13Ngokuba nancishwani kunamanye amabandla, uma kungeyilokho ukuthi mina angibanga mthwalo kini na? Ngithetheleleni lelo cala.

14Bhekani, sekungokwesithathu ngilungele ukuza kini; angiyikuba mthwalo kini, ngokuba angifuni okwenu, kodwa ngifuna nina. Ngokuba akubantwana abafanele ukuqongelela abazali, kodwa abazali baqongelela abantwana. 15Kepha ngokujabula okukhulu ngiyakunikela konke, yebo, ngizinikele mina ngenxa yemiphefumulo yenu. Uma nginithanda kakhulu, kanti kuyilapho ngithandwa kancane na? 16Kepha makube ngukuthi anginisindanga mina, kodwa lokhu ngiyisihlakaniphi, nganibamba ngobuqili. 17Ngake nganiqilizela yini ngomunye walabo engabathumela kini na? 18Nganxusa uThithu, ngathuma kanye naye umzalwane; uThithu wake waniqilizela na? Asihambanga ngamoya munye na? Nangamkhondo munye na?

Iziluleko zokugcina zikaPawulu kwabaseKorinte

19Kade nicabanga ukuthi siyaziphendulela kini. Thina sikhuluma phambi kukaNkulunkulu sikuKristu; kepha konke, bathandwa, kwenzelwa ukwakhiwa kwenu. 20Ngokuba nginovalo lokuthi ekufikeni kwami mhlawumbe ngizakunifumana ningenjengalokho engikuthandayo, nami ngifunyanwe yinina nginjengalokho eningakuthandiyo, mhlawumbe kube khona ukuphikisana, nomhawu, nokuthukuthela, nemibango, nenhlebo, nokuceba, nokukhukhumala, neziyaluyalu, 21funa kuthi ekufikeni kwami futhi uNkulunkulu wami angithobise phambi kwenu, ngililele abaningi abakade bonile, bengaphendukanga kukho ukungcola nobufebe namanyala abakwenzileyo.

2 kwabaseKorinte 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 kwabaseKorinte 13

UPawulu uthi uzakubahlola ngesineke nxa esefikile kubo

1Lokhu kungokwesithathu ngiza kini.

“Ngemilomo yawofakazi ababili

nabathathu izindaba zonke

ziyakuqiniswa.”

2Besengishilo ngaphambili kulabo abakade bonile nakubo bonke abanye, nakalokhu ngisho ngaphambili – ngisho manje ngingekho, njengalokho ngasho ngikhona ngokwesibili – ukuthi nxa ngifika futhi, angiyikuyekethisa. 3Ngokuba nifuna ubufakazi bokuthi kunguKristu okhulumayo kimi, yena ongebuthakathaka ngakini, kepha unamandla phakathi kwenu. 4Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uyaphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kodwa sizakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu ngakini.

UPawulu ululeka ukuba nabo bazihlole, engakafiki

5Zihloleni nina, nibone ukuba nisekukholweni yini, nizivivinye nina. Kanti anizazeli yini ukuthi uJesu Kristu ukinina? Uma kungenjalo, ningabokwaliwa. 6Kepha ngiyethemba ukuthi nizakwazi ukuthi thina asisibo abokwaliwa. 7Siyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi lutho olubi, angisho ukuze sibonakale thina singabavunyiweyo kepha ukuba nina nikwenze okuhle, noma thina singaba njengabaliwayo. 8Ngokuba asinamandla okwenza utho, uma simelana neqiniso, kuphela uma simela iqiniso. 9Ngokuba siyajabula, nxa sibuthakathaka thina, nina-ke ninamandla; sikukhulekela nalokhu: ukupheleliswa kwenu. 10Ngalokho ngiloba lezi zinto ngingekho, ukuze, nxa ngikhona, ngingenzi kabukhali ngokwamandla eyanginika wona iNkosi, kube ngawokwakha, kungabi ngawokubhidliza.

Isigcino

11Elokugcina, bazalwane, thokozani, nipheleliswe, niduduzwe, nibe nhliziyonye, nibe nokuthula; khona uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.

12Bingelelanani ngokwanga okungcwele. 13Abangcwele bonke bayakhonza kini.

14Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen.

2 kwabaseKorinte 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU