Bible Society of South Africa

To The Word – Day 40

Numbers 24–27, 1 Corinthians 7–8

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNumeri 24

UBileyamu uyaphinda ukubusisa u-Israyeli; ubuyela ekhaya

1UBileyamu esebonile ukuthi kwakukuhle kuJehova ukubusisa u-Israyeli, akayanga njengakuqala ukulindela imilingo, kepha wabhekisa ubuso bakhe ngasehlane. 2UBileyamu waphakamisa amehlo akhe, wabona u-Israyeli ehlezi ngokwezizwe zakhe; uMoya kaJehova wehlela phezu kwakhe.

3Wayesethatha isisho sakhe, wathi:

“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,

umuntu omehlo akhe avuliwe uthi,

4ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,

obonile umbono kaSomandla uthi,

ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe:

5“Mahle kangaka amatende akho,

Jakobe,

namatabernakele* akho, Israyeli.

6Elulekile njengezigodi,

njengamasimu ngasemfuleni,

njengemihlaba ayitshalile uJehova,

njengemisedari* ngaseceleni kwamanzi.

7Amanzi ayakugobhoza,

aphume ezimbizeni zakhe,

imbewu yakhe ibe semanzini amaningi,

inkosi yakhe ibe nkulu kuno-Agagi,

umbuso wakhe uphakame.

8“UNkulunkulu wamkhipha eGibithe;

unjengezimpondo zenyathi kubo;

uyakuqeda izizwe, izitha zakhe,

aphule amathambo azo,

azigwaze ngemicibisholo yakhe.

9Wabuthalala,

walala phansi njengengonyama,

nanjengengonyamakazi,

ngubani oyakumvusa na?

“Mababusiswe bonke abakubusisayo,

baqalekiswe bonke abakuqalekisayo.”

10Ulaka lukaBalaki lwamvuthela uBileyamu, washaya izandla zakhe; uBalaki wathi kuBileyamu: “Ngakubiza ukuba uqalekise izitha zami; bheka, ubabusisile nokubabusisa kathathu. 11Ngalokho baleka uye endaweni yakho; bengithi ngiyakukunika udumo olukhulu; kepha bheka, uJehova ugodlile udumo kuwe.”

12UBileyamu wathi kuBalaki: “Angikhulumanga yini kuzo izithunywa zakho owazithuma kimi ukuthi: 13‘Noma uBalaki ebeyakunginika indlu yakhe igcwele isiliva negolide, anginakulidlula izwi likaJehova ngenhliziyo yami ukwenza okuhle noma okubi; akukhulumayo uJehova lokhu ngiyakukukhuluma,’ na? 14Bheka manje, ngibuyela kubantu bakithi; woza ngikumemezelele ukuthi laba bantu bayakwenzani kubantu bakini ngezinsuku ezizayo.”

15Wayesethatha isisho sakhe, wathi:

“UBileyamu indodana kaBeyori uthi,

umuntu oso lakhe livuliwe uthi,

16ozwileyo amazwi kaNkulunkulu,

owazi ukwazi koPhezukonke,

obonile umbono kaSomandla,

ewela phansi, kuvulwe amehlo akhe, uthi:

17“Ngiyambona, kepha kungemanje;

ngiyambheka, kodwa kungeseduze;

kuyakuvela inkanyezi kuJakobe,

nentonga yobukhosi iyakuvuka kwa-Israyeli,

ishaye uMowabi emaceleni,

ichithe onke amadodana kaSeti.

18U-Edomi uyakuba yifa;

uSeyiri uyakuba yifa naye,

owayengowezitha zakhe,

u-Israyeli esenza okubuqhawe.

19Uyakuvela kuJakobe,

achithe insali emzini.”

20Wayesembuka u-Amaleki, wathatha isisho sakhe, wathi:

“U-Amaleki wayengesokuqala sezizwe,

kepha ukugcina kwakhe kungukubhubha.”

21Wayesewabuka amaKheni, wathatha isisho sakhe, wathi:

“Inamandla indawo yakho yokuhlala;

isidleke sakho simisiwe edwaleni.

22Nokho uKayini uyakuchithwa

uze uthunjwe ngu-Ashuri.”

23Wathatha isisho sakhe, wathi:

“Maye, ngubani oyakuphila,

lapho uNkulunkulu ekwenza lokhu, na?

24Imikhumbi iyakuvela ogwini lwaseKitimi,

imhluphe u-Ashuri,

imhluphe u-Ebere,

naye aye ekubhujisweni.”

25UBileyamu wayesesuka, wahamba, wabuyela endaweni yakhe; uBalaki wahamba ngeyakhe indlela.

UNumeri 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 25

Isono sabakwa-Israyeli namadodakazi akwaMowabi

1U-Israyeli wahlala eShithimi; abantu baqala ukuphinga namadodakazi akwaMowabi, 2ngokuba babiza abantu ukuba beze emihlatshelweni yawonkulunkulu babo; abantu badla, bakhothamela onkulunkulu babo. 3U-Israyeli wazihlanganisa noBali Peyori. Intukuthelo kaJehova yayisimvuthela u-Israyeli.

4UJehova wathi kuMose: “Thabatha zonke izinhloko zabantu, uziphanyekele uJehova elangeni, ukuze intukuthelo evuthayo kaJehova ibuye ku-Israyeli.”

5UMose wathi kubo abahluleli bakwa-Israyeli: “Bulalani, kube yilowo nalowo abantu bakhe abazihlanganisile noBali Peyori.”

6Bheka, umuntu wabantwana bakwa-Israyeli wafika eletha kubafowabo owesifazane wakwaMidiyani emehlweni kaMose nasemehlweni enhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli, besakhala ngasemnyango wetende lokuhlangana. 7Esekubona uFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi wavuka ephakathi kwenhlangano, wathatha umkhonto ngesandla sakhe, 8wamlandela umuntu wakwa-Israyeli, wangena etendeni, wabagwaza bobabili, indoda yakwa-Israyeli nowesifazane esiswini sakhe. Sanqamuka-ke kanjalo isifo kubantwana bakwa-Israyeli. 9Abafayo ngaleso sifo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nane.

10UJehova wayesekhuluma kuMose, wathi: 11“UFinehasi ka-Eleyazare ka-Aroni umpristi ukhalimile intukuthelo yami kubantwana bakwa-Israyeli, ngokuba wayehawuka ngomhawu wami phakathi kwabo, ukuze ngingaqothuli abantwana bakwa-Israyeli ngomhawu wami. 12Ngalokho yisho ukuthi: ‘Bheka, ngiyamnika isivumelwano sami sokuthula; 13siyakuba kuye nakuyo inzalo yakhe emva kwakhe isivumelwano sobupristi obuphakade, ngokuba wayenomhawu ngoNkulunkulu wakhe, wabenzela abantwana bakwa-Israyeli ukubuyisana.’ ”

14Igama lendoda yakwa-Israyeli eyabulawa, eyabulawa kanye nowesifazane wakwaMidiyani, lalinguZimri indodana kaSalu, isikhulu sendlu kayise phakathi kwabakwaSimeyoni. 15Igama lowesifazane wakwaMidiyani owabulawa lalinguKozibi indodakazi kaSuri owayeyinhloko yabantu bendlu kayise kwaMidiyani.

16UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 17“Khathaza abakwaMidiyani, ubashaye, 18ngokuba bayanikhathaza nina ngamacebo abanikhohlise ngawo endabeni kaPeyori nangendaba kaKozibi indodakazi yesikhulu sakwaMidiyani, udadewabo, owabulawa ngosuku lwesifo ngendaba kaPeyori.”

UNumeri 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 26

Ukubalwa okusha kwezizwe zakwa-Israyeli

1Kwathi emva kwaleso sifo uJehova wakhuluma kuMose naku-Eleyazare indodana ka-Aroni umpristi, wathi: 2“Balani umumo wenhlangano yonke yabantwana bakwa-Israyeli kusukela kwabaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, ngezindlu zawoyise, bonke abakwa-Israyeli abangaphuma impi.” 3OMose no-Eleyazare umpristi bakhuluma nabo emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko, bathi: 4“Yebo, bona abaneminyaka engamashumi amabili kuya phezulu, njengalokho uJehova eyalile uMose nabantwana bakwa-Israyeli abaphuma ezweni laseGibithe.”

5URubeni, izibulo lika-Israyeli: amadodana kaRubeni:

    kwaHanoki: ngumndeni wakwaHanoki;
    kwaPhalu: ngumndeni wakwaPhalu;
    6kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;
    kwaKarmi: ngumndeni wakwaKarmi.

7Yileyo eyimindeni yabakwaRubeni; ababalwayo kuyo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nantathu namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

8Amadodana kaPhalu: ngu-Eliyabe. 9Amadodana ka-Eliyabe: ngoNemuweli, noDathani, no-Abiramu. Laba bangoDathani no-Abiramu labo ababizwa yinhlangano ukuba balwe noMose no-Aroni bekulo iviyo likaKora, lilwa noJehova; 10umhlaba wavula umlomo wawo, wabagwinya kanye noKora ekufeni kwalelo viyo, lapho umlilo waqeda amadoda angamakhulu amabili namashumi ayisihlanu, aba yisixwayiso. 11Kepha amadodana kaKora awafanga.

12Amadodana kaSimeyoni ngemindeni yawo:

    kwaNemuweli: ngumndeni wakwaNemuweli;
    kwaJamini: ngumndeni wakwaJamini;
    kwaJakini: ngumndeni wakwaJakini;
    13kwaZera: ngumndeni wakwaZera;
    kwaShawule: ngumndeni wakwaShawule.

14Yileyo eyimindeni yabakwaSimeyoni, izinkulungwane ezingamashumi amabili nambili namakhulu amabili.

15Amadodana kaGadi ngemindeni yawo:

    kwaSefoni: ngumndeni wakwaSefoni;
    kwaHagi: ngumndeni wakwaHagi;
    kwaShuni: ngumndeni wakwaShuni;
    16kwa-Ozini: ngumndeni wakwa-Ozini;
    kwa-Eri: ngumndeni wakwa-Eri;
    17kwa-Arodi: ngumndeni wakwa-Arodi;
    kwa-Areli: ngumndeni wakwa-Areli.

18Yileyo eyimindeni yamadodana kaGadi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amane namakhulu ayisihlanu.

19Amadodana kaJuda: ngo-Eri no-Onani; o-Eri no-Onani bafela ezweni laseKhanani. 20Amadodana kaJuda ngemindeni yawo:

    kwaShela: ngumndeni wakwaShela;
    kwaPheresi: ngumndeni wakwaPheresi;
    kwaZera: ngumndeni wakwaZera.
    21Amadodana kaPheresi:
    kwaHesironi: ngumndeni wakwaHesironi;
    kwaHamule: ngumndeni wakwaHamule.

22Yileyo eyimindeni kaJuda ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nesithupha namakhulu ayisihlanu.

23Amadodana ka-Isakare ngemindeni yawo:

    kwaThola: ngumndeni wakwaThola;
    kwaPhuva ngumndeni wakwaPhuva;
    24kwaJashubi: ngumndeni wakwaJashubi;
    kwaShimroni: ngumndeni wakwaShimroni.

25Yileyo eyimindeni ka-Isakare ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amathathu.

26Amadodana kaZebuloni ngemindeni yawo:

    kwaSeredi: ngumndeni wakwaSeredi;
    kwa-Eloni: ngumndeni wakwa-Eloni;
    kwaJaleli: ngumndeni wakwaJaleli.

27Yileyo eyimindeni yabakwaZebuloni ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisithupha namakhulu ayisihlanu.

28Amadodana kaJosefa ngemindeni yawo: ngoManase no-Efrayimi.

29Amadodana kaManase:

    kwaMakiri: ngumndeni wakwaMakiri; uMakiri wazala uGileyadi;
    kwaGileyadi: ngumndeni wakwaGileyadi.
    30Lawa angamadodana kaGileyadi:
    kwa-Iyezeri: ngumndeni wakwa-Iyezeri;
    kwaHeleki: ngumndeni wakwaHeleki;
    31kwa-Asiriyeli: ngumndeni wakwa-Asiriyeli;
    kwaShekemi: ngumndeni wakwaShekemi;
    32kwaShemida: ngumndeni wakwaShemida;
    kwaHeferi: ngumndeni wakwaHeferi.
    33USelofehadi indodana kaHeferi wayengenamadodana enamadodakazi odwa; amagama amadodakazi kaSelofehadi ayengoMahela, noHogila, noMilka, noTirisa.

34Yileyo eyimindeni kaManase; ababalwayo kubo babeyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nambili namakhulu ayisikhombisa.

35Lawa angamadodana ka-Efrayimi ngemindeni yawo:

    kwaShuthela: ngumndeni wakwaShuthela;
    kwaBekeri: ngumndeni wakwaBekeri;
    kwaThahani: ngumndeni wakwaThahani.
    36Lawa angamadodana kaShuthela:
    kwa-Eranu: ngumndeni wakwa-Eranu.

37Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Efrayimi ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili namakhulu ayisihlanu. Lawo angamadodana kaJosefa ngemindeni yawo.

38Amadodana kaBenjamini ngemindeni yawo:

    kwaBela: ngumndeni wakwaBela;
    kwa-Ashibeli: ngumndeni wakwa-Ashibeli;
    kwa-Ahiramu: ngumndeni wakwa-Ahiramu;
    39kwaShefufamu: ngumndeni wakwaShufamu;
    kwaHufamu: ngumndeni wakwaHufamu.
    40Amadodana kaBela ayengo-Arida noNahamani;
    kwa-Arida: ngumndeni wakwa-Arida;
    kwaNahamani: ngumndeni wakwaNahamani.

41Yilawo angamadodana kaBenjamini ngemindeni yawo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu ayisithupha.

42Lawa angamadodana kaDani ngemindeni yawo:

    kwaShuhamu: ngumndeni wakwaShuhamu. Yileyo eyimindeni kaDani ngemindeni yayo. 43Yonke imindeni yabakwaShuhamu ngokwababalwayo kubo yayiyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nane namakhulu amane.

44Amadodana ka-Asheri ngemindeni yawo:

    kwaJimna: ngumndeni wakwaJimna;
    kwaJishiwi: ngumndeni wakwaJishiwi;
    kwaBeriya: ngumndeni wakwaBeriya.
    45Kumadodana kaBeriya:
    kwaHebere: ngumndeni wakwaHebere;
    kwaMalikiyeli: ngumndeni wakwaMalikiyeli.
    46Igama lendodakazi ka-Asheri lalinguSera.

47Yileyo eyimindeni yamadodana ka-Asheri ngokwababalwayo kubo, izinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu nantathu namakhulu amane.

48Amadodana kaNafetali ngemindeni yawo:

    kwaJaseli: ngumndeni wakwaJaseli;
    kwaGuni: ngumndeni wakwaGuni;
    49kwaJeseri: ngumndeni wakwaJeseri;
    kwaShilemi: ngumndeni wakwaShilemi.

50Yileyo eyimindeni kaNafetali ngemindeni yayo; ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amane nanhlanu namakhulu amane.

51Yilabo ababalwayo babantwana bakwa-Israyeli, izinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha nanye namakhulu ayisikhombisa namashumi amathathu.

52UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 53“Izwe liyakwahlukaniselwa bona labo, libe yifa labo njengokomumo wamagama. 54Abaningi uyakubanika ifa elikhulu, abayingcosana uyakubanika ifa elincane, yilowo nalowo anikwe ifa ngokwababalwayo kuye. 55Izwe liyakwahlukaniswa nokho ngenkatho; bayakulidla ifa ngokwamagama ezizwe zawoyise. 56Ngokwenkatho izwe liyakwahlukaniswa phakathi kwabaningi nabayingcosana.”

57Nampa ababalwayo babaLevi ngemindeni yawo:

    kwaGereshoni: ngumndeni wakwaGereshoni;
    kwaKohati: ngumndeni wakwaKohati;
    kwaMerari: ngumndeni wakwaMerari.
    58Nansi imindeni yamaLevi:
    ngumndeni wakwaLibini,
    nomndeni wakwaHebroni,
    nomndeni wakwaMaheli,
    nomndeni wakwaMushi,
    nomndeni wakwaKora.

UKohati wazala u-Amramu. 59Igama lomka-Amramu lalinguJokebedi indodakazi kaLevi, owazalelwa uLevi eGibithe; wazalela u-Amramu o-Aroni noMose noMiriyamu udadewabo. 60U-Aroni wazala oNadabi, no-Abihu, no-Eleyazare, no-Itamari. 61ONadabi no-Abihu bafa, lapho benikela ngomlilo ongafanele phambi kukaJehova.

62Ababalwayo kubo babe yizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu, bonke abesilisa kusukela kwabanenyanga kuya phezulu; ngokuba ababalwanga phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli, lokhu abanikwanga ifa phakathi kwabantwana bakwa-Israyeli.

63Yilabo ababalwa nguMose nangu-Eleyazare umpristi ababala abantwana bakwa-Israyeli emathafeni akwaMowabi ngaseJordani ngaseJeriko. 64Kepha phakathi kwalabo kwakungekho muntu wababebaliwe nguMose nangu-Aroni umpristi, ababala abantwana bakwa-Israyeli ehlane laseSinayi. 65Ngokuba uJehova wayeshilo ngabo wathi: “Bayakufa nokufa ehlane.” Akusalanga muntu kubo ngaphandle kukaKalebi indodana kaJefune noJoshuwa indodana kaNuni.

UNumeri 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 27

Amadodakazi kaSelofehadi

1Kwase kusondela amadodakazi kaSelofehadi kaHeferi kaGileyadi kaMakiri kaManase, awemindeni kaManase indodana kaJosefa; lawa angamagama amadodakazi akhe: oMahela, noNowa, noHogila, noMilka, noTirisa. 2Ema phambi kukaMose naphambi kuka-Eleyazare umpristi, naphambi kwezikhulu, naphambi kwayo yonke inhlangano ngasemnyango wetende lokuhlangana, athi: 3“Ubaba wafela ehlane; wayengekho phakathi kweviyo labahlanganyela uJehova kulo iviyo likaKora; kepha wafa ngesakhe isono engenamadodana. 4Igama likababa liyakusulelwani emndenini wakhe, lokhu engenandodana na? Siphe ifa phakathi kwabafowabo bakababa.”

5UMose wayiletha indaba yawo phambi kukaJehova. 6UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 7“Amadodakazi kaSelofehadi akhulume kahle; uyakuwanika nokuwanika izwe eliyifa phakathi kwabafowabo bakayise ngokulidlulisela kuwo ifa likayise.

8“Wokhuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Uma umuntu efa engenandodana, wolidlulisela ifa lakhe kuyo indodakazi yakhe. 9Uma engenandodakazi, niyakunika abafowabo ifa lakhe. 10Uma engenabafowabo, niyakunika abafowabo bakayise ifa lakhe. 11Uma uyise engenabafowabo, niyakunika isihlobo sakhe esiseduze naye emndenini wabo ifa lakhe, alidle. Lokhu kuyakuba yisimiso sesahlulelo kubantwana bakwa-Israyeli, njengalokho uJehova emyalile uMose.’ ”

Ukumiswa kukaJoshuwa abe ngumholi

12UJehova wathi kuMose: “Khuphukela entabeni yase-Abarimi, ubheke izwe engibanikile lona abantwana bakwa-Israyeli. 13Lapho ulibonile, nawe uyakubuthelwa kubantu bakini, njengalokho wabuthwa u-Aroni, 14ngokuba ehlane laseSini ekulweni kwenhlangano nahlubuka ezwini lami lokungingcwelisa ngasemanzini phambi kwamehlo abo.” Lawa angamanzi aseMeriba laseKadeshi ehlane laseSini.

15UMose wayesekhuluma kuJehova, wathi: 16“UJehova uNkulunkulu wemimoya yenyama yonke makamise umuntu phezu kwenhlangano, 17ongaphuma phambi kwabo, angene phambi kwabo, abakhiphe, abangenise, ukuze inhlangano kaJehova ingabi njengezimvu ezingenamalusi.”

18UJehova wathi kuMose: “Zithabathele uJoshuwa indodana kaNuni, umuntu onomoya, ubeke isandla sakho phezu kwakhe, 19ummise ngaphambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwayo yonke inhlangano, umnike isikhundla emehlweni abo. 20Uyakubeka udumo lwakho phezu kwakhe ukuba yonke inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ilalele. 21Uyakuma phambi kuka-Eleyazare umpristi oyakumbuzela ngokunquma kwe-Urimi* phambi kukaJehova; ngezwi lakhe bayakuphuma nangezwi lakhe bayakungena, yena nabo bonke abantwana bakwa-Israyeli kanye naye, yebo, yonke inhlangano.”

22UMose wenza-ke njengalokho uJehova emyalile; wamthatha uJoshuwa, wambeka phambi kuka-Eleyazare umpristi naphambi kwenhlangano yonke, 23wabeka izandla zakhe phezu kwakhe, wamnika isikhundla, njengalokho uJehova ekhulumile ngesandla sikaMose.

UNumeri 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 7

Iziluleko nemithetho yokugana

1Maqondana nalokho enaloba ngakho, kuhle kumuntu ukuba angamthinti owesifazane. 2Kepha ngenxa yobufebe akube yilowo nalowo abe nowakhe umfazi, nalowo wesifazane abe neyakhe indoda. 3Indoda ayinike umfazi okumfaneleyo; nomfazi enze njalo endodeni. 4Umfazi kanamandla phezu kowakhe umzimba, kodwa yindoda enawo; kanjalo nayo indoda ayinamandla phezu kowayo umzimba, kodwa ngumfazi onawo. 5Ningagodlelani, kuphela kube ngokwesikhathi ngokuvumelana ukuba nithole ithuba lokukhuleka, nibuye nibe ndawonye, ukuze uSathane anganiyengi ngokungazibambi kwenu. 6Lokho ngikusho ngemvume, angikusho ngomyalo. 7Nokho ngingathanda ukuba abantu bonke babe njengami; kepha yilowo nalowo unesakhe isiphiwo somusa esivela kuNkulunkulu, omunye kanje, omunye kanje.

8Kepha ngithi kwabangaganiwe nakubafelokazi: Kuhle kubona, uma behlala benjengami. 9Kepha uma bengenakuzibamba, mabaganane, ngokuba kuhle ukuganana kunokusha.

10Kepha abaganeneyo ngiyabayala, kungemina kodwa yiNkosi, ukuthi umfazi kangahlukani nendoda; 11– kepha uma eke wahlukana nayo, kahlale engaganile, kumbe abuyisane nendoda yakhe – nendoda ingamlahli umkayo.

12Kepha kwabanye kusho mina, akusho iNkosi, ukuthi uma umzalwane enomfazi ongakholwayo, yena-ke evuma ukuhlala naye, angamlahli; 13nomfazi, uma enendoda engakholwayo, yona-ke ivuma ukuhlala naye, angayishiyi indoda. 14Ngokuba indoda engakholwayo ingcwelisiwe ngomfazi, nomfazi ongakholwayo ungcwelisiwe ngomzalwane. Uma kungenjalo, abantwana benu ngabe bangcolile; kepha kalokhu bangcwele.

15Kepha uma ongakholwayo ehlukana nomkakhe, makahlukane naye; umzalwane noma umzalwanekazi kaboshiwe kokunjalo. Kepha uNkulunkulu unibizile nibe nokuthula. 16Ngokuba wena mfazi, wazi ngani ukuthi ungeyisindise indoda yakho? Nawe ndoda, wazi ngani ukuthi ungemsindise umkakho na?

17Kuphela nje ukuba yilowo nalowo ahambe njengokuba iNkosi imabele, kube yilowo njengokuba uNkulunkulu embizile. Ngiyala kanjalo emabandleni onke. 18Ukhona obizwe esokile na? Kangabi njengongasokile. Ukhona obizwe engasokile na? Kangasoki. 19Ukusoka akulutho, nokungasoki akulutho, kuphela ukugcina imiyalo kaNkulunkulu. 20Akube yilowo nalowo ahlale kulokho kubizwa abizwe ekukho. 21Ubizwe uyisigqila na? Ungakhathazeki ngalokho. Kepha uma kwenzeka ukuba ukhululwe, kukhethe lokho. 22Ngokuba owabizelwa eNkosini eyisigqila ungokhululekile weNkosi; ngokunjalo nowabizwa ekhululekile uyisigqila sikaKristu. 23Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu. 24Bazalwane, akube yilowo nalowo ahlale noNkulunkulu kulokho abizwe ekukho.

25Kepha maqondana nezintombi anginamyalo weNkosi, kepha nginitshela ukubona kwami njengothembekileyo ngokuhawukelwa yiNkosi. 26Ngakho-ke ngithi kuhle lokhu ngenxa yokubandezeka okukhona ukuba umuntu abe njengalokhu enjalo. 27Uboshelwe kumfazi na? Ungafuni ukukhululeka. Ukhululekile kumfazi na? Ungamfuni umfazi. 28Kepha-ke uma uganwa, kawoni; nentombi uma igana, kayoni; kepha abanjalo bayakuba nosizi enyameni; kepha mina benginiphephisa.

29Ngisho lokhu kodwa, bazalwane, ukuthi isikhathi sesinciphile; ngakho emva kwalokhu abanabafazi mababe njengabangenabo, nabakhalayo babe njengabangakhaliyo, 30nabathokozayo babe njengabangathokoziyo, nabathengayo babe njengabangenanto, 31nabasebenzisa leli zwe babe njengabangalisebenzisi, ngokuba isimo saleli zwe siyadlula.

32Kepha ngifuna ukuba ningabi nakukhathazeka. Ongaganiwe ukhathalela okweNkosi ukuba angayithokozisa kanjani iNkosi. 33Kepha oganiweyo ukhathalela okwezwe ukuba angathokozisa kanjani umkakhe, 34wahlukene phakathi. Nongaganile oyintombi ukhathalela okweNkosi, ukuze abe ngcwele emzimbeni nasemoyeni; kepha oganileyo ukhathalela okwezwe ukuba angayithokozisa kanjani indoda yakhe. 35Ngisho lokhu ukuba kube lusizo kinina; akusikho ukuba nginigaxe ngentambo kepha ukuba nihambe ngokufaneleyo, nibambelele eNkosini ngokungaphazameki.

36Kepha uma umuntu ethi wenza okungafanele ngakuyo indodakazi yakhe, uma isikhulile ngeminyaka, akenze akubonayo, uma kumelwe ukuba kwenziwe kanjalo; akoni; mabaganane. 37Kepha omiyo eqinile enhliziyweni yakhe, engacindezelwa lutho, angenza akubonayo; uma esenqumile enhliziyweni yakhe ukuthi uzakugcina indodakazi yakhe iyintombi, wenza kahle. 38Kanjalo nowendisa indodakazi yakhe, wenza kahle; kepha ongayendisiyo wenza kahle kakhulu.

39Umfazi uboshiwe ngesikhathi indoda yakhe isekhona; kepha uma indoda isifile, ukhululekile, angendela nakubani ngokubona kwakhe, kuphela ukuba kube seNkosini. 40Kepha unenhlanhla ngokubona kwami, uma ehlala njengalokhu enjalo; ngithi nami nginoMoya kaNkulunkulu.

1 kwabaseKorinte 7ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 8

Isichasiselo ngenyama yokuhlatshelwe izithombe

1Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinokwazi. Ukwazi kuyakhukhumeza, kepha uthando luyakha. 2Uma umuntu ethi wazi utho, kakazi njengokuba kufanele ukuba azi; 3kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.

4Ngakho-ke maqondana nokudla okuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi asikho isithombe ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu, munye kuphela. 5Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini nokuba kusemhlabeni, njengokuba bakhona onkulunkulu abaningi namakhosi amaningi, 6nokho kithina kukhona uNkulunkulu munye, uYise, okuvela kuye konke, nathi sikhonela yena, nenkosi inye, uJesu Kristu, okungaye konke, nathi sikhona ngaye.

7Kepha lokho kwazi akukho kubo bonke. Kodwa abanye, lokhu bejwayelene nezithombe kuze kube manje, bakudla njengokuhlatshelwe isithombe, nonembeza wabo obuthakathaka uyangcola. 8Kepha ukudla akusisondezi kuNkulunkulu; ngokuba noma singadli, asilahlekelwa lutho; noma sidla, asizuzi lutho. 9Qaphelani kodwa, funa leli lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka. 10Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo osebuthakathaka akayikududeka yini, aze adle okuhlatshelwe isithombe, na? 11Khona obuthakathaka useyabhubha ngenxa yokwazi kwakho, engumzalwane amfelayo uKristu. 12Kanjalo uma nona kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, niyona kuKristu. 13Ngalokhu uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kuze kube phakade, ukuze ngingamkhubekisi umzalwane wami.

1 kwabaseKorinte 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU