Bible Society of South Africa

To The Word – Day 41

Numbers 28–31, 1 Corinthians 9–10

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UNumeri 28

Imithetho yeminikelo yemihla yonke

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Yala abantwana bakwa-Israyeli, uthi kubo: ‘Umnikelo wami, isinkwa sami seminikelo yami yomlilo yephunga elimnandi kimi, niyakuqaphela ukunikela ngawo kimi ngesikhathi sawo.’ 3Wothi kubo: ‘Lo ungumnikelo womlilo eniyakunikela ngawo kuJehova: izimvu zamaduna ezinomnyaka munye ezingenasici, zibe zimbili njalo ngosuku, zibe ngumnikelo oshiswa imihla yonke. 4Enye imvu uyakunikela ngayo ekuseni, enye imvu unikele ngayo kusihlwa, 5kanye nokweshumi kwe-efa* lempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu, exovwe nokwesine kwehini* lamafutha agxotshelweyo. 6Kungumnikelo oshiswa imihla yonke, owamiswa entabeni yaseSinayi ube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova. 7Umnikelo wawo wokuphuzwa uyakuba ngokwesine kwehini* ngemvu inye; endaweni engcwele uyakuthululela uJehova umnikelo wokuphuzwa wophuzo olunamandla. 8Enye imvu uyakunikela ngayo kusihlwa, unikele ngayo ibe njengomnikelo wempuphu wasekuseni nomnikelo wawo wokuphuzwa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova.

Imithetho yomnikelo wesabatha neyezinyanga ezethwasayo

9“ ‘Ngosuku lwesabatha izimvu zamaduna ezimbili ezinomnyaka munye ezingenasici, nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha kanye nomnikelo wawo wokuphuzwa: 10lokhu kungumnikelo oshiswa amasabatha onke ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

11“ ‘Ekwethwaseni kwenyanga niyakunikela ngomnikelo wokushiswa kuJehova: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici, 12kanye nokweshumi okuthathu kwempuphu ecolekileyo ibe ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngaleyo naleyo nkunzi, kanye nokweshumi okubili kwempuphu ecolekileyo kube ngumnikelo wempuphu exovwe namafutha ngenqama inye, 13nokweshumi kwempuphu ecolekileyo exovwe namafutha kube ngumnikelo wempuphu ngaleyo naleyo mvu, umnikelo wokushiswa wephunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova. 14Umnikelo wabo wokuphuzwa uyakuba yinxenye yehini* lewayini ngenkunzi, nokwesithathu kwehini* ngenqama, nokwesine kwehini ngemvu; lokhu kungumnikelo wokushiswa wezinyanga zonke kuzo zonke izinyanga zomnyaka. 15Nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono kuJehova; kuyakunikelwa ngayo kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa.

Imithetho yemikhosi emikhulu

16“ ‘Ngenyanga yokuqala ngosuku lweshumi nane lwenyanga kuyiphasika likaJehova. 17Ngosuku lweshumi nanhlanu lwaleyo nyanga kuyakuba ngumkhosi, kudliwe isinkwa esingenamvubelo izinsuku eziyisikhombisa. 18Ngosuku lokuqala kuyakuba khona umhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, 19kepha ninikele ngomnikelo womlilo, umnikelo wokushiswa kuJehova, amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini, 20kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, ninikele ngokweshumi okuthathu ngenkunzi nangokweshumi okubili ngenqama, 21unikele ngokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa, 22nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana; 23ninikele ngalokho kanye nomnikelo oshiswa ekuseni, ongumnikelo oshiswa imihla yonke. 24Niyakunikela kanjalo imihla yonke kube yizinsuku eziyisikhombisa, isinkwa somnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova; kuyakunikelwa ngakho kanye nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wokuphuzwa. 25Ngosuku lwesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi.

26“ ‘Ngosuku lolibo, lapho ninikela ngomnikelo omusha wempuphu kuJehova emkhosini wenu wamasonto, niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, 27kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa wephunga elimnandi: amaduna amabili, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, 28kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi, nokweshumi okubili ngenqama inye, 29nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa, 30nempongo ibe nye ukunenzela ukubuyisana. 31Niyakunikela ngazo ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, zibe ngezingenasici kini, kanye neminikelo yazo yokuphuzwa.

UNumeri 28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 29

Imithetho yeminikelo

1“ ‘Ngenyanga yesikhombisa ngolokuqala lwenyanga niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi; kulusuku lokubetha amacilongo kini. 2Niyakunikela ngomnikelo wokushiswa ube yiphunga elimnandi kuJehova: iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici, 3kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama, 4nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa, 5nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ukunenzela ukubuyisana, 6ngaphandle komnikelo wokushiswa wenyanga eyethwasayo nomnikelo wawo wempuphu, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa ngokwesimiso sayo, kube yiphunga elimnandi, umnikelo womlilo kuJehova.

7“ ‘Ngolweshumi lwaleyo nyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele, nithobise imiphefumulo yenu; ningasebenzi msebenzi, 8kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa kuJehova ube yiphunga elimnandi: iduna, nenqama, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici kini, 9kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngenkunzi, nokweshumi okubili ngenqama, 10nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyisikhombisa, 11nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo wesono wokubuyisana, nomnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu, neminikelo yayo yokuphuzwa.

12“ ‘Ngosuku lweshumi nanhlanu lwenyanga yesikhombisa niyakuba nomhlangano ongcwele; ningasebenzi msebenzi, nimgcinele uJehova umkhosi izinsuku eziyisikhombisa, 13ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: amaduna ayishumi nantathu, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye, zibe ngezingenasici, 14kanye nomnikelo wazo wempuphu, impuphu ecolekileyo exovwe namafutha, okweshumi okuthathu ngaleyo naleyo nkunzi yezinkunzi eziyishumi nantathu, nokweshumi okubili ngaleyo naleyo nqama yezinqama ezimbili, 15nokweshumi ngaleyo naleyo mvu yezimvana eziyishumi nane, 16nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

17“ ‘Ngosuku lwesibili: amaduna ayishumi nambili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 18kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 19nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu neminikelo yayo yokuphuzwa.

20“ ‘Ngosuku lwesithathu: izinkunzi eziyishumi nanye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 21kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 22nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

23“ ‘Ngosuku lwesine: izinkunzi eziyishumi, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 24kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 25nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

26“ ‘Ngosuku lwesihlanu: izinkunzi eziyisishiyagalolunye, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 27kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 28nempongo ibe nye ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

29“ ‘Ngosuku lwesithupha: izinkunzi eziyisishiyagalombili, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 30kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 31nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu neminikelo yawo yokuphuzwa.

32“ ‘Ngosuku lwesikhombisa: izinkunzi eziyisikhombisa, nezinqama ezimbili, nezimvu zamaduna eziyishumi nane ezinomnyaka munye ezingenasici, 33kanye nomnikelo wazo wempuphu, neminikelo yazo yokuphuzwa ngezinkunzi nangezinqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 34nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

35“ ‘Ngosuku lwesishiyagalombili niyakuba nomhlangano ozothileyo; ningasebenzi msebenzi, 36kepha ninikele ngomnikelo wokushiswa, umnikelo womlilo wephunga elimnandi kuJehova: inkunzi ibe nye, nenqama ibe nye, nezimvu zamaduna eziyisikhombisa ezinomnyaka munye ezingenasici, 37kanye nomnikelo wazo wempuphu neminikelo yazo yokuphuzwa ngenkunzi nangenqama nangezimvu, njengokomumo wazo ngokwesimiso, 38nempongo ibe nye, ibe ngumnikelo wesono, ngaphandle komnikelo oshiswa imihla yonke nomnikelo wawo wempuphu nomnikelo wawo wokuphuzwa.

39“ ‘Lokho niyakunikela ngakho kuJehova ngemikhosi yenu emisiweyo, ngaphandle kwezithembiso zenu neminikelo yenu yesihle, kube yiminikelo yenu yokushiswa, neminikelo yenu yempuphu, neminikelo yenu yokuphuzwa, neminikelo yenu yokuthula.’ ”

40UMose wabatshela abantwana bakwa-Israyeli njengakho konke uJehova amyale ngakho uMose.

UNumeri 29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 30

Imithetho yezithembiso

1UMose wayesekhuluma kuzo izinhloko zezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, ethi: “Yilokhu uJehova ayale ngakho ukuthi: 2‘Nxa umuntu enza isithembiso kuJehova, noma efunga isifungo ukubopha umphefumulo wakhe ngesibopho esithile, akayikwaphula izwi lakhe; uyakwenza njengakho konke okuphuma emlonyeni wakhe.

3“ ‘Uma owesifazane enza isithembiso kuJehova, azibophe ngesibopho esithile esendlini kayise, esemusha, 4uyise esizwa isithembiso sakhe nesibopho sakhe abophe ngaso umphefumulo wakhe, engasho lutho kuye, izithembiso zakhe zonke ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 5kepha uma uyise emalela ngosuku akuzwa ngalo, akuyikuma nesisodwa sezithembiso zakhe nesezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe; uJehova uyakumthethelela, ngokuba uyise umalele.

6“ ‘Uma engowendoda, izithembiso zakhe zisephezu kwakhe noma okuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, 7indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye ngosuku ekuzwa ngalo, izithembiso zakhe ziyakuma, nezibopho zakhe abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 8kepha uma indoda yakhe imalela ngosuku ekuzwa ngalo, iyakwenza ize isithembiso sakhe esiphezu kwakhe nokuphahlukiwe ngumlomo wakhe abophe ngakho umphefumulo wakhe, uJehova amthethelele.

9“ ‘Kepha isithembiso somfelokazi noma esolahliweyo, konke abophe ngakho umphefumulo wakhe kuyakuma kuye.

10“ ‘Uma enzile isithembiso endlini yendoda yakhe, noma ebophe ngesibopho umphefumulo wakhe ngesifungo, 11indoda yakhe bese ikuzwa, ingasho lutho kuye, ingamalelanga, zonke izithembiso zakhe ziyakuma, nazo zonke izibopho abophe ngazo umphefumulo wakhe ziyakuma; 12kepha uma indoda yakhe izenza ize ngosuku ezizwa ngalo, konke okuphuma emlonyeni wakhe mayelana nezithembiso zakhe namayelana nesibopho somphefumulo wakhe akuyikuma; indoda yakhe ikwenzile ize; uJehova uyakumthethelela. 13Zonke izithembiso nazo zonke izifungo ezibophayo zokuthobisa umphefumulo, indoda yakhe ingaziqinisa, noma indoda yakhe izenze ize. 14Kepha uma indoda yakhe ithula nokuthula kuye izinsuku ngezinsuku, iyaqinisa zonke izithembiso zakhe nazo zonke izibopho zakhe eziphezu kwakhe; iziqinisile, ngokuba ithulile kuye ngosuku eyazizwa ngalo; 15kepha uma izenza ize lapho isizizwile, iyakuthwala ububi bakhe.’ ”

16Yilezo izimiso uJehova ayala ngazo uMose phakathi kwendoda nomkayo, naphakathi kukayise nendodakazi yakhe isentsha endlini kayise.

UNumeri 30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNumeri 31

Impindiselo kwabakwaMidiyani

1UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 2“Baphindisele abantwana bakwa-Israyeli kwabakwaMidiyani, andukuba ubuthelwe kubantu bakini.”

3UMose wayesekhuluma kubantu, wathi: “Hlomiselani impi amadoda phakathi kwenu ukuba ahlasele abakwaMidiyani, aphindisele uJehova kwabakwaMidiyani; 4kuleso naleso sizwe njalo anoyithuma empini inkulungwane ezizweni zonke zakwa-Israyeli.” 5Kwase kunikelwa ezinkulungwaneni zakwa-Israyeli inkulungwane kuleso naleso sizwe, izinkulungwane eziyishumi nambili, zihlonyiselwe impi. 6UMose wabathuma empini, kwaba yinkulungwane kuleso naleso sizwe, bona noFinehasi indodana ka-Eleyazare umpristi, baye naye empini ephethe impahla yendlu engcwele namacilongo okuhlaba umkhosi esandleni sakhe.

7Balwa noMidiyani, njengalokho uJehova emyalile uMose, babulala abesilisa bonke. 8Babulala amakhosi akwaMidiyani kanye nabanye ababulawayo: o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, amakhosi ayisihlanu akwaMidiyani; noBileyamu indodana kaBeyori bambulala ngemkemba. 9Abantwana bakwa-Israyeli bathumba abesifazane bakwaMidiyani nabancane babo; nazo zonke izinkomo zabo, nazo zonke izimvu zabo, nayo yonke impahla yabo bakuthatha kwaba yimpango yabo. 10Yonke imizi yabo yasezindaweni, lapho bebehlala khona, nawo onke amakamu* abo bakushisa ngomlilo. 11Bathatha yonke impango nayo yonke impahla edliweyo, abantu nezilwane. 12Baletha abathunjwa, nempango, nempahla edliweyo kuMose naku-Eleyazare umpristi, nakuyo inhlangano yabantwana bakwa-Israyeli ekamu* emathafeni akwaMowabi angaseJordani ngaseJeriko.

13OMose, no-Eleyazare umpristi, nazo zonke izikhulu zenhlangano baphuma ukubahlangabeza ngaphandle kwekamu.* 14UMose wazithukuthelela iziphathimandla zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu ezazibuya empini.

15UMose wathi kuzo: “Nisindisile bonke abesifazane na? 16Bhekani, laba benza ukuba abantwana bakwa-Israyeli ngesiluleko sikaBileyamu baphambeke kuJehova ngendaba yasePeyori, kwaba khona isifo phakathi kwenhlangano kaJehova. 17Ngalokho bulalani manje bonke abesilisa phakathi kwabantwana, nibulale nabo bonke abesifazane abayazi indoda ngokulala nayo. 18Kepha onke amantombazana angazanga ndoda ngokulala nayo, nizisindisele wona.

19“Misani ngaphandle kwekamu* izinsuku eziyisikhombisa; yilowo nalowo obulele umuntu, nalowo othintile obuleweyo, makaziphothule ngosuku lwesithathu nangosuku lwesikhombisa, nina nabathunjwa benu. 20Nazo zonke izingubo, nakho konke okwenziwe ngesikhumba, nayo yonke imisebenzi yoboya bezimbuzi, nazo zonke izinto ezenziwe ngomuthi, niyakuziphothula mayelana nakho.”

Ukwahlukaniswa kwempango

21Umpristi u-Eleyazare wathi kumadoda empi ayeyile ekulweni: “Lokhu kuyisimiso somthetho uJehova ayale ngaso uMose: 22kuphela igolide, nesiliva, nethusi, nensimbi, nethini,* nomthofu, 23konke okungahlala emlilweni, niyakukudabulisa emlilweni, kuhlambuluke; kodwa kuyakuhlanjululwa ngamanzi okuphothula, kepha konke okungenakuhlala emlilweni niyakukudabulisa emanzini. 24Niyakuhlanza izingubo zenu ngosuku lwesikhombisa, nihlambuluke, andukuba ningene ekamu.”*

25UJehova wakhuluma kuMose, wathi: 26“Balani impango yonke ethathiweyo, abantu nezilwane, wena no-Eleyazare umpristi, nezinhloko zezindlu zawoyise benhlangano, 27wena wahlukanisele impango kabili phakathi kwamadoda empi aya ekulweni nenhlangano yonke, 28uthelisele uJehova amadoda empi aya ekulweni, kube kunye emakhulwini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, 29nikuthathe enxenyeni yabo, nikunike u-Eleyazare umpristi, kube ngumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova. 30Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli wothabatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu, nawezinkomo, nawezimbongolo, nawezimvu, yebo, awezilwane zonke, ukunike amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova.” 31OMose no-Eleyazare umpristi benza njengalokho uJehova emyalile uMose.

32Impango-ke eyayisele kwethathiwe ngamadoda empi yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu, 33nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa nambili, 34nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisithupha nanye, 35nabantu, abesifazane abangazangandoda ngokulala nayo, abayizinkulungwane ezingamashumi amathathu nambili, bebonke.

36Nenxenye eyayiyisabelo sabaphuma impi umumo wayo wawuyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu, 37nentela kaJehova yezimvu yayingamakhulu ayisithupha namashumi ayisikhombisa nanhlanu. 38Izinkomo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisikhombisa nambili. 39Izimbongolo zaziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, intela kaJehova kuzo ingamashumi ayisithupha nanye. 40Abantu babe yizinkulungwane eziyishumi nesithupha, intela kaJehova kubo ingamashumi amathathu nambili.

41UMose wamnika u-Eleyazare umpristi intela eyayingumnikelo wokuphakanyiswa kaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

42Enxenyeni yabantwana bakwa-Israyeli uMose ayahlukanisa neyamadoda ayelwile 43inxenye yenhlangano yayiyizimvu eziyizinkulungwane ezingamakhulu amathathu namashumi amathathu nesikhombisa namakhulu ayisihlanu, 44nezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu nesithupha, 45nezimbongolo eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu namakhulu ayisihlanu, 46nabantu abayizinkulungwane eziyishumi nesithupha 47yebo, kule nxenye yabantwana bakwa-Israyeli uMose wathatha kube kunye emashumini ayisihlanu, awabantu nawezilwane, wakunika amaLevi agcina inkonzo yetabernakele* likaJehova, njengalokho uJehova emyalile uMose.

48Iziphathimandla ezaziphezu kwezinkulungwane zebandla, izinduna zezinkulungwane nezinduna zamakhulu, zasondela kuMose, zathi kuMose: 49“Izinceku zakho zibale onke amadoda empi asesandleni sethu, akwasala neyodwa yethu. 50Silethile umnikelo kaJehova, kwaba yilowo nalowo lokho akutholileyo, izinto zegolide, nezigqizo, namasongo, nezindandatho, namacici, nemigexo ukuyenzela imiphefumulo yethu ukubuyisana phambi kukaJehova.”

51OMose no-Eleyazare bamukela igolide kubo, namagugu asetshenziweyo. 52Lonke igolide lomnikelo wokuphakanyiswa abanikela ngalo kuJehova, elezinduna zezinkulungwane nelezinduna zamakhulu, lalingamashekeli* ayizinkulungwane eziyishumi nesithupha namakhulu ayisikhombisa namashumi ayisihlanu. 53Ngokuba amadoda empi ayezithathele impango, kwaba yileyo naleyo ngokwayo. 54OMose no-Eleyazare umpristi bamukela igolide kuzo izinduna zezinkulungwane nakwezamakhulu, baliletha etendeni lokuhlangana, laba yisikhumbuzo sabantwana bakwa-Israyeli phambi kukaJehova.

UNumeri 31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 9

Inkululeko nelungelo likaPawulu

1Angikhululekile na? Angisiye umphostoli na? Angimbonanga uJesu iNkosi yethu na? Nina anisiwo umsebenzi wami eNkosini na? 2Noma ngingesiye umphostoli kwabanye, nokho kinina nginguye, ngokuba uphawu lobuphostoli bami eNkosini yinina.

3Lokhu kungukuziphendulela kwami kwabangisolayo. 4Asinalungelo yini lokudla nokuphuza na? 5Asinalungelo yini lokuhamba nomzalwanekazi ongumkethu njengabanye abaphostoli, nabafowabo beNkosi, noKhefase, na? 6Kanti yimi kuphela noBarnaba esingenalungelo lokuyeka ukusebenza na?

7Ngubani oke aye empini ngezakhe izindleko na? Ngubani otshala isivini, angazidli izithelo zaso, na? Ngubani owalusa umhlambi, angadli ubisi lomhlambi, na? 8Lokho ngikusho ngokwabantu nje na? Nomthetho kambe kawusho khona lokho na? 9Ngokuba kulotshiwe emthethweni kaMose ukuthi: “Ungayifaki inkabi isifonyo, nxa ibhula amabele.” Konje uNkulunkulu ukhathalela izinkabi na? 10Noma ukusho ngenxa yethu impela na? Yebo, kwalotshwa ngenxa yethu, ngokuba olimayo kufanele alime enethemba, nobhulayo abhule enethemba lokwabelwa naye. 11Uma thina sihlwanyele kini okomoya, kuyinto enkulu yini, uma sizovuna okwenu kwenyama na? 12Uma abanye behlanganyela lawo mandla phezu kwenu, kungebe yithi kakhulu na? Nokho asilisebenzisanga lelo gunya, kepha sibekezela ngakho konke, ukuze singalithiyi ivangeli likaKristu. 13Anazi yini ukuthi abaphethe imisebenzi yethempeli badla okwethempeli nokuthi abakhonza e-altare bahlanganyela ne-altare na? 14Ngokunjalo iNkosi imisile ukuba abamemezela ivangeli baphile ngevangeli.

15Kepha mina angisebenzisanga lutho lwalezo zinto; futhi lokho angikulobanga ukuba kwenziwe kanjalo kimi; ngokuba kungaba ngcono kimi ukuba ngife kunokuba umuntu alwenz' ize udumo lwami. 16Ngokuba noma ngishumayela ivangeli, anginaludumo ngalokho, ngokuba ngimelwe ukwenze njalo; ngokuba maye kimina uma ngingalishumayeli ivangeli! 17Ngokuba uma ngikwenza lokho ngokuzithandela kwami, nginomvuzo; kepha uma kungengakho ukuzithandela kwami, khona-ke kungumsebenzi engiwuphathisiweyo. 18Pho, uyini umvuzo wami na? Uyilokhu ukuba nxa ngishumayela ivangeli, ngikwenze ukuba ivangeli lingabizi lutho, ukuze ngingasebenzisi ilungelo lami enginalo evangelini.

UPawulu uyisigqila sabo bonke

19Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, ngazenza isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. 20KubaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, noma ngingephansi komthetho mina, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; 21kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho, ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kepha ngiphansi komthetho kaKristu, ukuze ngizuze abangenamthetho; 22kwababuthakathaka ngaba buthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; sengaba yikho konke kubo bonke, ukuze ngakho konke ngisindise abanye. 23Ngikwenza konke ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe ngumhlanganyeli kulona.

Isigijimi senkolo

24Anazi yini ukuthi abagijima ngokuncintisana bagijima bonke, kepha munye owamukela umklomelo? Gijimani kanjalo, ukuze niwuthole. 25Bonke abancintisanayo bayazithiba ezintweni zonke; labo benza ukuze bathole umqhele ophelayo, kepha thina ukuze sithole ongapheliyo. 26Ngakho-ke mina ngiyagijima kungengokungathi kangiqondi; ngiyagadla kungengokungathi ngishaya umoya. 27Kodwa ngiyawutuba umzimba wami, ngiwenza isigqila, ukuba mina engishumayeza abanye ngingaliwa mina uqobo.

1 kwabaseKorinte 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 10

Ningahlubuki uNkulunkulu njengalokho benza abakwa-Israyeli

1Ngokuba angithandi, bazalwane, ukuba ningazi ukuthi okhokho bethu bonke babephansi kwefu, bonke badabula ulwandle; 2bonke baphapathizwa kuMose efwini naselwandle; 3bonke badla kudla kunye komoya; 4bonke baphuza kuphuza kunye komoya; ngokuba baphuza edwaleni lomoya elabalandelayo. Idwala lelo lalinguKristu. 5Kepha iningi labo uNkulunkulu wayengathokozi ngabo; ngokuba bashaywa phansi ehlane.

6Kepha lokho kwaba yizibonelo kithi, size singafisi okubi, njengalokho bona babekufisa. 7Futhi ningabi ngabakhonza izithombe njengabanye kubo, njengokulotshiweyo ukuthi: “Abantu bahlala phansi ukuba badle, baphuze, basukuma ukuba badlale.” 8Futhi asingenzi ubufebe njengokuba abanye kubo benza ubufebe, bafa ngalusuku lunye abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nantathu. 9Futhi asingayilingi iNkosi njengabanye kubo bayilinga, babhujiswa yizinyoka. 10Futhi ningakhononi njengabanye kubo bakhonona, babhujiswa ngumbulali.

11Kepha lezo zinto zabehlela bona kube yisibonelo; kulotshelwe ukusiyala thina, osekufikile kithi ukugcina kwezikhathi. 12Ngakho-ke osuka ethi umi, akaqaphele ukuba angawi. 13Anifikelwanga ukulingwa okungenjengokwabantu; kepha uNkulunkulu uthembekile, ongayikuvuma ukuba nilingwe ngokungaphezu kwamandla enu, kepha oyakuthi kanye nokulingwa anenzele indlela yokuphepha, nize nibe namandla okukuthwala.

Ningakhonzi izithombe

14Ngalokho-ke, bathandwa bami, kubalekeleni ukukhonza izithombe. 15Ngikhuluma njengakwabahlakaniphileyo; qondani engikushoyo. 16Isitsha sesibusiso esisibusisayo asiyiyo inhlanganyelo yegazi likaKristu na? Isinkwa esisihlephulayo asiyiyo inhlanganyelo yomzimba kaKristu na? 17Ngokuba isinkwa sisinye, thina esibaningi singumzimba munye, lokhu thina sonke sihlanganyela leso sinkwa sinye. 18Bhekani u-Israyeli ngokwenyama. Abadla imihlatshelo abasibo abahlanganyela ne-altare na? 19Ngakho ngithini pho? Ngithi okuhlatshelwe isithombe kuyinto na? nokuthi isithombe siyinto na? 20Kodwa ngithi: Lokho okuhlatshwa ngabezizwe bakuhlabela amademoni, kabakuhlabeli uNkulunkulu. Kepha angithandi ukuba nibe nenhlanganyelo namademoni. 21Ningesiphuze isitsha seNkosi kanye nesitsha samademoni; ningelihlanganyele itafula leNkosi kanye netafula lamademoni. 22Kumbe siyayivusela iNkosi ulaka na? Kanti sinamandla kunayo na?

Inkululeko yobuKristu; uthando

23Kuvunyelwe konke, kodwa akusizi konke; kuvunyelwe konke, kodwa akwakhi konke. 24Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye. 25Konke okuthengiswa esilaheni* kudleni, ningahloli lutho ngenxa kanembeza, 26ngokuba umhlaba ungoweNkosi, nakho konke okukuwo. 27Uma omunye kwabangakholwayo enimema, nithanda ukuya, kudleni konke okubekwa phambi kwenu, ningabuzi lutho ngenxa kanembeza. 28Kepha uma umuntu ethi kini: “Lokhu kuhlatshelwe izithombe,” ningakudli ngenxa yalowo okushiloyo nangenxa kanembeza, 29kangisho owakho unembeza, ngisho owalowo omunye. Ngokuba yini ukuba inkululeko yami yahlulwe ngunembeza womunye na? 30Uma ngidla ngokubonga, ngihlanjalazelwani ngalokho engikubongayo na? 31Ngakho-ke noma nidla, noma niphuza, noma nenzani, konke kwenzeleni udumo lukaNkulunkulu. 32Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu, 33njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.

1 kwabaseKorinte 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU