Bible Society of South Africa

To The Word – Day 5

Genesis 12–16, John 8–9

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 12

Ukubizwa kuka-Abrama

1UJehova wathi ku-Abrama: “Phuma ezweni lakini, nasezihlotsheni zakho, nasendlini kayihlo, uye ezweni engiyakukukhombisa lona. 2Ngiyakukwenza isizwe esikhulu, ngikubusise, ngenze igama lakho libe likhulu, wena ube yisibusiso. 3Ngiyakubabusisa abakubusisayo, nokuqalekisayo ngiyakumqalekisa; imindeni yonke yomhlaba iyakubusiswa kuwe.”

4Wayesesuka u-Abrama, njengalokho uJehova emtshelile; uLoti wahamba naye; u-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisikhombisa nanhlanu mhla ephuma eHarana. 5U-Abrama wathatha uSarayi umkakhe, noLoti indodana yomfowabo, nempahla yonke ababeyibuthile, nezinceku ababezitholile eHarana; basuka ukuya ezweni laseKhanani; bafika-ke ezweni laseKhanani.

Ukufika kuka-Abrama eKhanani

6U-Abrama wadabula izwe, waze wafika endaweni yaseShekemi nase-okini* laseMore; amaKhanani ayesekhona ezweni. 7UJehova wabonakala ku-Abrama, wathi: “Leli zwe ngiyakulinika inzalo yakho.” Wamakhela khona i-altare uJehova owayebonakele kuye.

8Wayesesuka lapho, waya entabeni ngasempumalanga kwaseBethele, wamisa itende lakhe, iBethele lingasentshonalanga ne-Ayi lingasempumalanga; wamakhela khona uJehova i-altare, wakhuleka egameni likaJehova. 9Ngasemuva u-Abrama wahamba waqonda njalo ngaseningizimu.

Ukuhamba kuka-Abrama ukuya eGibithe

10Kwakukhona indlala ezweni; u-Abrama wehlela eGibithe ukuba agogobale khona, ngokuba indlala yayinzima ezweni. 11Kwathi esasondela ukungena eGibithe, wathi kuSarayi umkakhe: “Bheka-ke, ngiyazi ukuthi ungowesifazane omuhle, obukekayo. 12Kuyakuthi ukuba abaseGibithe bakubone, bathi: ‘Ngumkakhe lowo,’ bazakungibulala mina, bakulonde wena. 13Mawuthi ungudadewethu, ukuze kube kuhle kimi ngenxa yakho, umphefumulo wami uphile ngenxa yakho.”

14Kwathi u-Abrama efika eGibithe, abaseGibithe babona owesifazane ukuthi muhle kakhulu. 15Izinduna zikaFaro zambona, zambabaza phambi kukaFaro; owesifazane wangeniswa endlini kaFaro. 16U-Abrama waphathwa kahle ngenxa yakhe; waba nezimvu, nezinkabi, nezimbongolo, nezinceku, nezincekukazi, nezimbongolokazi, namakamela.

17Kepha uJehova wamshaya uFaro nendlu yakhe ngezinhlupho ezinkulu ngenxa kaSarayi umka-Abrama. 18UFaro wayesembiza u-Abrama, wathi: “Kuyini lokho okwenze kimi na? Awungitshelanga ngani ukuthi ungumkakho na? 19Usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ ngize ngimthathe abe ngumkami, na? Bheka manje, nangu umkakho; mthathe, uhambe.” 20UFaro wayala amadoda ngaye; ammukisa kanye nomkakhe nakho konke anakho.

UGenesise 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 13

Ukwahlukana kuka-Abrama noLoti

1U-Abrama wakhuphuka eGibithe kanye nomkakhe nakho konke anakho, uLoti enaye, waya ngaseningizimu. 2U-Abrama wayefuyile kakhulu izinkomo, nesiliva, negolide.

3Kuzo izinkambo zakhe wasuka eningizimu, wafika eBethele, leyo ndawo lapho lalikhona itende lakhe kuqala, phakathi kweBethele ne-Ayi, 4indawo ye-altare abelenzile khona kuqala; u-Abrama wakhuleka lapho egameni likaJehova.

5Naye uLoti owahamba no-Abrama wayenezimvu, nezinkomo, namatende. 6Izwe lalingenakubanela ukuba bahlale ndawonye, ngokuba impahla yabo yayiningi kunokuba bahlale ndawonye. 7Kwavela ukuxabana phakathi kwabelusi bezinkomo zika-Abrama nabelusi bezinkomo zikaLoti; amaKhanani namaPherizi ayehlala khona ezweni.

8U-Abrama wathi kuLoti: “Akungabikho ukuxabana phakathi kwami nawe naphakathi kwabelusi bami nabelusi bakho, ngokuba singabazalwane. 9Izwe lonke alisobala ebusweni bakho na? Mawuhlukane nami; uma uya ngakwesokhohlo, ngiyakuya ngakwesokunene; uma uya ngakwesokunene, ngiyakuya ngakwesokhohlo.”

10ULoti waphakamisa amehlo akhe, wabona ukuthi ithafa lonke laseJordani lalinamanzi lonke; uJehova engakachithi iSodoma neGomora, lalinjengensimu kaJehova nanjengezwe laseGibithe kwaze kwaba seSowari. 11ULoti wakhetha ithafa lonke laseJordani; uLoti wasuka waya ngasempumalanga; bahlukana omunye nomunye. 12U-Abrama wahlala ezweni laseKhanani; uLoti wahlala emizini yasethafeni, wamisa itende lakhe ngaseSodoma. 13Kepha abantu baseSodoma babebabi, bengabonayo kakhulu phambi kukaJehova.

14UJehova wathi ku-Abrama, uLoti esehlukene naye: “Phakamisa manje amehlo akho ubuke, usendaweni lapho umi khona, ngasenyakatho, naseningizimu, nasempumalanga, nasentshonalanga, 15ngokuba izwe lonke olibonayo ngiyakulinika wena nenzalo yakho kuze kube phakade. 16Ngiyakwenza inzalo yakho ibe njengothuli lomhlaba, kuze kuthi, uma umuntu engabala uthuli lomhlaba, iyakubalwa nenzalo yakho. 17Suka udabule izwe, ubude balo nobubanzi balo, ngokuba ngiyakukunika lona.”

18Wayesesuka u-Abrama, weza wakha ngasema-okini* aseMamre laseHebroni, wamakhela khona uJehova i-altare.

UGenesise 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 14

Impi kaKedorlawomere

1Kwathi emihleni ka-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare, noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, 2baphaka impi noBera inkosi yaseSodoma, noBirisha inkosi yaseGomora, noShinabe inkosi yase-Adima, noShemebere inkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari. 3Bonke laba bahlangana esiGodini saseSidimi esiluLwandle Lukasawoti. 4Iminyaka eyishumi nambili bamkhonza uKedorlawomere, kepha ngomnyaka weshumi nantathu bahlubuka.

5Ngomnyaka weshumi nane kweza uKedorlawomere kanye namakhosi anaye, banqoba amaRefa e-Ashiteroti Karinayimi, namaZuzi eHamu, nama-Emi eShave Kiriyatayimi, 6namaHori entabeni yawo iSeyiri, kwaze kwaba se-Eli Pharanu ngasehlane. 7Base bebuyela emuva, beza e-Eni Mishipati eliyiKadeshi, bachitha izwe lonke lama-Amaleki nelama-Amori ayehlala eHasasoni Tamari.

8Yaphuma inkosi yaseSodoma, nenkosi yaseGomora, nenkosi yase-Adima, nenkosi yaseSeboyimi, nenkosi yaseBela eliyiSowari; bahloma, balwa nabo esiGodini saseSidimi. 9Balwa noKedorlawomere inkosi yase-Elamu, noTidali inkosi yezizwe, no-Amrafeli inkosi yaseShineyari, no-Ariyoki inkosi yase-Elasare; amakhosi amane alwa nayisihlanu. 10IsiGodi saseSidimi sasigcwele imigodi yebitume;* inkosi yaseSodoma neyaseGomora abaleka, awela kuyo; abaseleyo babalekela entabeni. 11Bathatha yonke impahla yaseSodoma neyaseGomora kanye nakho konke ukudla, bamuka. 12Bamthatha uLoti indodana yomfowabo ka-Abrama owayehlala eSodoma kanye nempahla yakhe, bamuka.

Ukusiza kuka-Abrama nokukhululwa kukaLoti

13Kepha kweza ophunyukileyo, wamtshela u-Abrama umHeberu, ngokuba wayehlala ngasema-okini* kaMamre umAmori, umfowabo ka-Eshikoli nomfowabo ka-Anere; labo babehlangene no-Abrama. 14Nxa u-Abrama esezwile ukuthi umzalwane wakhe uLoti uthunjiwe, wabutha izinceku zakhe ezifundisiweyo ebezizelwe endlini yakhe, ezingamakhulu amathathu neshumi nesishiyagalombili, wabaxosha kwaze kwaba kwaDani. 15Wazahlukanisa ebusuku izinceku zakhe, wabahlasela, wabanqoba, wabaxosha, waze wafika eHoba elingasenyakatho kwaseDamaseku. 16Wabuyisa yonke impahla, wambuyisa noLoti umzalwane wakhe, nempahla yakhe, nabesifazane, nabantu.

O-Abrama noMelkisedeki

17Emva kokubuya kwakhe ekunqobeni uKedorlawomere namakhosi anaye yaphuma inkosi yaseSodoma, yaya ukumhlangabeza esiGodini saseShave esiyisiGodi seNkosi.

18UMelkisedeki inkosi yaseSalema waletha isinkwa newayini; wayengumpristi kaNkulunkulu oPhezukonke. 19Wambusisa wathi: “U-Abrama makabusiswe nguNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba. 20Makabongwe uNkulunkulu oPhezukonke onike izitha zakho esandleni sakho.” U-Abrama wamnika okweshumi kwakho konke.

21Inkosi yaseSodoma yathi ku-Abrama: “Ngiphe abantu, uzithathele impahla.”

22Kepha u-Abrama wathi enkosini yaseSodoma: “Ngiyaphakamisela isandla sami kuJehova, uNkulunkulu oPhezukonke, umdali wezulu nomhlaba, 23ngithi angiyikuthatha umucwana nomchilo wezicathulo nokunye okwakho ukuba ungasho ukuthi: ‘Ngimcebisile u-Abrama.’ 24Kuphela lokho ezikudlile izinceku, nesabelo samadoda ayehamba nami; o-Anere, no-Eshikoli, noMamre mabathathe isabelo sabo.”

UGenesise 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 15

Isivumelwano sikaJehova no-Abrama

1Emva kwalokho kwafika izwi likaJehova ku-Abrama ngombono, lithi: “Ungesabi, Abrama, ngiyisihlangu sakho; umvuzo wakho uyakuba mkhulu kakhulu.”

2Kepha u-Abrama wathi: “Nkosi Jehova, uyakungiphani na? Ngihamba ngingenamntwana; indlalifa yendlu yami ingu-Eliyezeri waseDamaseku.” 3U-Abrama wathi futhi: “Bheka, awunginikanga nzalo; bheka, inceku yendlu yami iyakuba yindlalifa yami.”

4Bheka, izwi likaJehova leza kuye, lathi: “Lona akayikudla ifa lakho, kepha oyakuphuma ezibilinini zakho uyakudla ifa lakho.” 5Wamphumisela ngaphandle, wathi: “Bheka ngasezulwini, ubale izinkanyezi, uma ungazibala.” Wathi kuye: “Kuyakuba njalo inzalo yakho.”

6Wakholwa nguJehova; wambalela lokho kwaba ngukulunga.

7Wayesethi kuye: “NginguJehova owakuphumisa e-Uri lamaKaledi ukuba ngikunike leli zwe libe yifa lakho.”

8Wathi: “Nkosi Jehova, ngiyokwazi ngani ukuthi ngiyakulidla na?”

9Wathi kuye: “Ngithabathele isithokazi esineminyaka emithathu, nembuzi eyinsikazi eneminyaka emithathu, nenqama eneminyaka emithathu, nehobhe, nephuphu lejuba.”

10Wamthathela zonke lezo, wazinquma phakathi, wabeka kwaba yileyo naleyo nxenye ukuba ibhekane nenye; kepha izinyoni akazinqumanga. 11Amanqe ehlela phezu kwezidumbu; u-Abrama wawaxosha.

12Kwathi ngokushona kwelanga ubuthongo obunzima bamehlela u-Abrama; bheka, washaywa luvalo lobumnyama obukhulu. 13Wathi ku-Abrama: “Yazisisa ukuthi inzalo yakho izakuba ngumfokazi ezweni elingesilo elayo, ibe yizigqila, icindezelwe iminyaka engamakhulu amane. 14Kepha leso sizwe eyakuba yizigqila zaso ngiyakusahlulela mina; ngasemuva iyakuphuma inempahla eningi. 15Kepha wena uyakuya koyihlo ngokuthula, umbelwe usumdala. 16Esizukulwaneni sesine iyakubuyela lapha, ngokuba ububi bama-Amori abukapheleli.”

17Kwathi ngokushona kwelanga kwaba mnyama, bheka, nanto iziko elithunqayo, nelangabi lomlilo ladabula phakathi kwalezo zinxenye. 18Ngalolo suku uJehova wasenza isivumelwano no-Abrama, wathi: “Ngiyakunika inzalo yakho leli zwe, kusukela emfuleni waseGibithe kuze kube semfuleni omkhulu, umfula u-Ewufrathe: 19amaKheni, namaKhenizi, namaKadimoni, 20namaHeti, namaPherizi, namaRefa, 21nama-Amori, namaKhanani, namaGirigashi, namaJebusi.”

UGenesise 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 16

OHagari no-Ishmayeli

1USarayi umka-Abrama wayengamzaleli mntwana; kepha wayenencekukazi yaseGibithe, igama layo linguHagari. 2USarayi wathi ku-Abrama: “Bheka-ke, uJehova ungivalile ekuzaleni; mawungene kuyo incekukazi yami; mhlawumbe ngizakwakhelwa ngayo.” U-Abrama walalela izwi likaSarayi. 3USarayi, umka-Abrama, wathatha uHagari waseGibithe, incekukazi yakhe, wamnika u-Abrama indoda yakhe abe ngumkakhe, u-Abrama esehlalile iminyaka eyishumi ezweni laseKhanani.

4Wangena kuHagari; wakhulelwa. Esebonile ukuthi ukhulelwe, inkosikazi yakhe yadeleleka emehlweni akhe. 5USarayi wathi ku-Abrama: “Okubi okwenziwe kimi akube phezu kwakho. Mina nganikela incekukazi yami esifubeni sakho; kepha nxa isibonile ukuthi ikhulelwe, ngase ngideleleka emehlweni ayo; uJehova makahlulele icala phakathi kwami nawe.”

6U-Abrama wathi kuSarayi: “Bheka, incekukazi yakho isesandleni sakho; yenza kuyo okufanele emehlweni akho.” USarayi wayilaya, yabaleka ebusweni bakhe.

7Ingelosi kaJehova yamfumana ngasemthonjeni wamanzi ehlane, umthombo osendleleni eya eShuri. 8Yathi: “Hagari, ncekukazi kaSarayi, uvelaphi na? Uyangaphi na?”

Wathi: “Ngibaleka ebusweni bukaSarayi inkosikazi yami.”

9Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Buyela kuyo inkosikazi yakho, uzithobise phansi kwesandla sayo.” 10Ingelosi kaJehova yathi futhi kuye: “Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ingabe isabalwa ngobuningi bayo.”

11Ingelosi kaJehova yathi kuye: “Bheka, usukhulelwe; uyakuzala indodana, uyiqambe igama lokuthi u-Ishmayeli,* ngokuba uJehova uzwile ukuhlupheka kwakho. 12Uyakuba ngumuntu onjengembongolo engathanjisiwe, isandla sakhe simelane nabo bonke, nesandla sabo bonke simelane naye, ahlale ngasempumalanga kwabafowabo bonke.”

13Wamqamba uJehova owayekhulume kuye igama lokuthi: “Wena unguNkulunkulu Obonayo,” ngokuba wathi: “Imbala ngimbonile ongibonayo na?” 14Ngalokho umthombo wabizwa ngokuthi iBeri Lahayi Royi;* bheka, uphakathi kweKadeshi neBeredi.

15UHagari wamzalela u-Abrama indodana; u-Abrama waqamba igama lendodana yakhe ayizalayo uHagari ngokuthi u-Ishmayeli. 16U-Abrama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nesithupha mhla uHagari emzalela u-Abrama u-Ishmayeli.

UGenesise 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 8

Owesifazane obanjwe ephinga

1Khona uJesu waya eNtabeni Yeminqumo. 2Ekuseni kakhulu wabuye weza ethempelini; abantu bonke beza kuye; wayesehlala phansi, wabafundisa. 3Kepha ababhali nabaFarisi baletha kuye owesifazane ebanjwe ephinga; sebemmise phakathi kwabo, 4bathi kuye: “Mfundisi, lo wesifazane ubanjwe esoqotsheni lokuphinga. 5Emthethweni uMose wasiyala ngabanje ukuba bakhandwe ngamatshe. Pho, wena uthini na?” 6Bakusho lokho bemlinga, ukuze babe nokummangalela.

Kepha uJesu wakhothama, waloba ngomunwe emhlabathini. 7Wathi besambuza njalo, walulama, wathi kubo: “Ongenasono phakathi kwenu kaqale amphonse ngetshe.” 8Waphinda wakhothama, waloba emhlabathini.

9Bathi ukuzwa lokho, belahlwa yizinhliziyo zabo baphuma ngabanye, beqalela kwabadala kwaze kwaba ngabokugcina, uJesu wasala yedwa; nowesifazane wayemi khona. 10UJesu wayeselulama; engaboni muntu ngaphandle kowesifazane wathi kuye: “Sifazane, baphi labo bamangaleli bakho na? Akakho okulahlayo na?”

11Wayesethi: “Akakho, Nkosi.”

Wathi-ke uJesu kuye: “Nami angikulahli; hamba, ungabe usona.”

Ukukhanya kwezwe

12Ngakho uJesu waphinda wakhuluma kubo, wathi: “Mina ngingukukhanya kwezwe; ongilandelayo kasoze ahamba ebumnyameni, kodwa woba nokukhanya kokuphila.”

13Khona bathi kuye abaFarisi: “Uyazifakazela wena; ubufakazi bakho ubuqinisile.”

14UJesu waphendula, wathi kubo: “Noma ngizifakazela mina, ubufakazi bami buqinisile, ngokuba ngiyazi ukuthi ngavelaphi nokuthi ngiyaphi; kepha nina anazi ukuthi ngivelaphi nokuthi ngiyaphi. 15Nina nahlulela ngokwenyama, kepha mina angahluleli muntu. 16Nakuba ngahlulela, ukwahlulela kwami kungokuqinisileyo, ngokuba ngingengedwa, kodwa yimina nongithumileyo. 17Yebo, kulotshiwe nasemthethweni wakini ukuthi ubufakazi babantu ababili bungobuqinisileyo. 18Mina ngingozifakazelayo; noBaba ongithumileyo ufakaza ngami.”

19Base bethi kuye: “Uphi uyihlo na?”

UJesu waphendula ngokuthi: “Anazi nami naBaba; uma beningazi mina, nga nimazi noBaba.” 20Lawo mazwi wawakhuluma ngasemphongolweni weminikelo efundisa ethempelini; akubangakho ombambayo, ngokuba isikhathi sakhe sasingakafiki.

21Khona waphinda wathi kubo: “Ngiyamuka mina, niyakungifuna, nifele ezonweni zenu; lapho ngiya khona mina, ningeze nina.”

22Base bethi abaJuda: “Imbala uzakuzibulala yini, lokhu ethi: ‘Lapho ngiya khona mina, ningeze nina,’ na?”

23Wathi kubo: “Nina ningabaphansi, mina ngingowaphezulu; nina ningabaleli zwe, mina angingowaleli zwe. 24Ngakho-ke ngathi kini nizakufela ezonweni zenu; ngokuba uma ningakholwa ukuthi nginguye, nizakufela ezonweni zenu.”

25Base bethi kuye: “Wena ungubani na?”

Wathi kubo uJesu: “Lokho enganitshela khona kwasekuqaleni. 26Nginezinto eziningi enginokuzikhuluma nokwahlulela ngani, kepha ongithumileyo uqinisile, nami engakuzwa kuye ngikukhuluma ezweni.”

27Kabazanga ukuthi ukhuluma kubo ngoYise. 28Wayesethi uJesu: “Nxa seniyiphakamisile iNdodana yomuntu, khona-ke nizakwazi ukuthi nginguye nokuthi angenzi lutho ngokwami, kodwa ngikhuluma lokhu njengokuba uBaba engifundisile. 29Ongithumileyo unami, kangishiyanga ngedwa, ngokuba ngenza njalo okuthandeka kuye.”

UJesu uphendulana nabaJuda ngo-Abrahama

30Esakhuluma lokho, abaningi bakholwa nguye. 31Khona uJesu wathi kubaJuda abase bekholiwe nguye: “Uma nimi ezwini lami, ningabafundi bami isibili; 32niyakulazi iqiniso, neqiniso liyakunikhulula.”

33Bamphendula bathi: “Siyinzalo ka-Abrahama thina, asibonange sibe yizigqila zamuntu; wena usho kanjani ukuthi: ‘Nizakuba ngabakhululekileyo’ na?”

34UJesu wabaphendula wathi: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Yilowo nalowo owenza isono uyisigqila sesono. 35Isigqila kambe asihlali phakade endlini; kepha indodana ihlala phakade. 36Ngakho-ke uma iNdodana inikhulula, niyakuba ngabakhululekileyo impela. 37Ngiyazi ukuthi niyinzalo ka-Abrahama; kepha nifuna ukungibulala, ngokuba izwi lami lingenandawo kini. 38Ngikhuluma lokho engikubonile mina kuBaba; nani-ke nenza lokho enikuzwile kuyihlo.”

39Baphendula, bathi kuye: “Ubaba ngu-Abrahama.”

UJesu wathi kubo: “Uma beningabantwana baka-Abrahama; beniyakwenza imisebenzi ka-Abrahama. 40Kodwa kalokhu nifuna ukungibulala mina muntu onitshele iqiniso, engilizwe kuNkulunkulu; u-Abrahama kakwenzanga lokho. 41Nina nenza imisebenzi kayihlo.”

Bathi kuye: “Thina asizalwanga ngokuphinga; sinobaba munye, uNkulunkulu.”

42Wathi kubo uJesu: “Uma uNkulunkulu ebenguyihlo, beniyakungithanda mina, ngokuba ngafika ngivela kuNkulunkulu; ngokuba angizizelanga ngokwami, kepha yena ungithumile. 43Yini ukuba ningayizwisisi inkulumo yami na? Kungokuba aninakuzwa izwi lami. 44Nina ningabakayihlo uSathane, nithanda ukwenza izinkanuko zikayihlo. Yena wayengumbulali wabantu kwasekuqaleni, akemi eqinisweni, ngokuba iqiniso lingekho kuye. Nxa ekhuluma amanga, ukhuluma okungokwakhe, lokhu engumqambimanga noyise wawo. 45Kepha mina, ngokuba ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi. 46Ngumuphi kini ongangilahla ngesono na? Uma ngikhuluma iqiniso, anikholwa yimi ngani na? 47OngokaNkulunkulu uzwa amazwi kaNkulunkulu; kungakho ningezwe nina, ngokuba anisibo abakaNkulunkulu.”

48Baphendula abaJuda, bathi kuye: “Asisho kahle yini ukuthi ungumSamariya nokuthi unedemoni na?”

49UJesu waphendula wathi: “Anginademoni, kepha ngidumisa uBaba; nina-ke niyangidumaza. 50Mina-ke angifuni olwami udumo; ukhona ofunayo nowahlulelayo. 51Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Uma umuntu egcina izwi lami, akasoze akubona ukufa naphakade.”

52Bathi kuye abaJuda: “Manje sesiyazi ukuthi unedemoni; u-Abrahama wafa, nabaprofethi; wena-ke uthi: ‘Uma umuntu egcina izwi lami, kasoze akuzwa ukufa naphakade.’ 53Wena umkhulu yini kunobaba u-Abrahama osewafa na? Nabaprofethi sebafa. Uzenza bani na?”

54UJesu waphendula wathi: “Uma ngizidumisa mina, udumo lwami luyize; nguBaba ongidumisayo, enisho ngaye ukuthi unguNkulunkulu wenu. 55Kanti animazanga, kepha mina ngiyamazi. Uma ngithi angimazi, ngingaba ngumqambimanga njengani. Kepha ngiyamazi, ngigcina izwi lakhe. 56U-Abrahama uyihlo wathokozela ukubona usuku lwami, walubona, wajabula.”

57Base bethi kuye abaJuda: “Awukabi naminyaka engamashumi ayisihlanu, kanti u-Abrahama usuke wambona na?”

58UJesu wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Engakabikho u-Abrahama, ngangikhona mina.” 59Base bethatha amatshe ukuba bamkhande. Kepha uJesu wasithela, waphuma ethempelini.

NgokukaJohane 8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 9

UJesu uvula amehlo omuntu owayezelwe eyimpumputhe

1Wathi edlula, wabona umuntu owayeyimpumputhe kwasekuzalweni kwakhe. 2Abafundi bakhe bambuza bathi: “Rabi, ngubani owonayo, lona noma abazali bakhe, aze azalwe eyimpumputhe na?”

3UJesu waphendula wathi: “Akonanga noma yena noma abazali bakhe, kodwa ukuze kubonakaliswe kuye imisebenzi kaNkulunkulu. 4Ngimelwe ukusebenza imisebenzi yongithumileyo, kusesemini; buyeza ubusuku, lapho kungesebenze muntu. 5Ngisekhona ezweni ngingukukhanya kwezwe.”

6Eseshilo lokho wafela amathe emhlabathini, wenza udaka ngamathe, waninda amehlo ayo ngodaka. 7Wathi kuyo: “Hamba uyogeza echibini laseSilowama,” okuhunyushwa ngokuthi oThunyiweyo; yamuka-ke, yageza, yeza ibona.

8Ngakho abakhelene nayo nababeyibonile phambili iyisinxibi bathi: “Akusiye lo owayehlezi enxiba na?” 9Abanye bathi: “Nguyena,” abanye bathi: “Qha, kepha ufana naye;” yena wathi: “Nginguye.”

10Base bethi kuye: “Pho, amehlo akho avulwe kanjani na?”

11Waphendula yena, wathi: “Umuntu othiwa uJesu wenza udaka, wagcoba amehlo ami, wathi kimi: ‘Yana eSilowama, ugeze.’ Ngaya, ngageza, ngabona.”

12Bathi kuye: “Uphi yena na?”

Wathi: “Angazi.”

13Bamyisa kubaFarisi lowo okade eyimpumputhe. 14Kwakuyisabatha mhla uJesu enza udaka, evula amehlo akhe. 15Khona nabaFarisi futhi bambuza ukuthi ukuthole kanjani ukubona. Wathi kubo: “Waninda amehlo ami ngodaka, ngageza, sengiyabona.”

16Ngakho abanye kubaFarisi bathi: “Lona kaveli kuNkulunkulu, lokhu engagcini isabatha.”

Abanye bathi: “Umuntu oyisoni angazenza kanjani izibonakaliso ezinje na?” Kwaba khona ukwahlukana phakathi kwabo.

17Khona baphinda bathi kuyo impumputhe: “Wena uthini ngaye, lokhu evule amehlo akho, na?”

Yathi: “Ungumprofethi.”

18Kepha abaJuda abakholwanga ngaye ukuthi wabeyimpumputhe nokuthi usethole ukubona, baze babiza abazali bakhe lowo osethole ukubona. 19Bababuza bathi: “Lo uyindodana yenu enithi ngayo yazalwa iyimpumputhe na? Pho, isibona kanjani manje na?”

20Abazali bakhe base bephendula bethi: “Siyazi ukuthi lo uyindodana yethu nokuthi wazalwa eyimpumputhe; 21kepha ukuthi usebona kanjani kalokhu asazi, nokuthi ngubani ovule amehlo akhe asazi; mbuzeni yena, usekhulile, uzozikhulumela yena.” 22Abazali bakhe basho lokho, ngokuba besaba abaJuda. Ngokuba abaJuda base bevumelene ngokuthi, uma ekhona ovuma ukuba unguKristu, kakhishwe esinagogeni.* 23Ngakho-ke abazali bakhe bathi: “Usekhulile, mbuzeni yena.”

24Bambiza-ke ngokwesibili lowo muntu owabeyimpumputhe, bathi kuye: “Mnike uNkulunkulu udumo; thina siyazi ukuthi lowo muntu uyisoni.”

25Yena wayesephendula ethi: “Nokuba uyisoni angazi; kunye engikwaziyo, ukuthi bengiyimpumputhe, manje sengiyabona.”

26Bathi-ke kuye: “Wenzeni kuwe na? Uwavule kanjani amehlo akho na?”

27Wabaphendula wathi: “Kade nginitshela, kepha anizwanga; nifunelani ukuzwa futhi na? Niyafuna yini nani ukuba ngabafundi bakhe na?”

28Bamthuka bathi: “Nguwe ongumfundi wakhe, kepha thina singabafundi bakaMose. 29Siyazi ukuthi uNkulunkulu wakhuluma kuMose, kodwa lo asimazi lapha evela khona.”

30Waphendula lowo muntu, wathi kubo: “Lokhu kuyisimangaliso ukuthi nina anazi lapho evela khona, ingani uvule amehlo ami. 31Siyazi ukuthi uNkulunkulu akazizwa izoni, kodwa uma umuntu emesaba uNkulunkulu, ayenze intando yakhe, uyamuzwa lowo. 32Selokhu kwathini akuzange kuzwakale ukuthi ukhona owavula amehlo ozelwe eyimpumputhe. 33Uma lo ebengaveli kuNkulunkulu, ubengenakwenza lutho.”

34Baphendula, bathi kuye: “Wena wazalwa ezonweni ngokwempela, wena ufundisa thina na?” Base bemkhiphela phandle.

35UJesu wezwa ukuthi bamkhiphele phandle; kwathi emfumana, wathi: “Uyakholwa yiNdodana kaNkulunkulu na?”

36Waphendula yena, wathi: “Ingubani, Nkosi, ngize ngikholwe yiyo, na?”

37UJesu wathi kuye: “Usuyibonile; okhuluma nawe yiyona.”

38Wayesethi: “Ngiyakholwa, Nkosi.” Wakhuleka kuye.

39Wathi uJesu: “Mina ngizele ukwahlulela kuleli zwe ukuba abangaboniyo babone, nababonayo babe yizimpumputhe.”

40Labo kubaFarisi ababenaye bezwa lokho, bathi kuye: “Pho, nathi siyizimpumputhe na?”

41Wathi kubo uJesu: “Ukuba beniyizimpumputhe, ngabe aninasono. Kepha manje nithi: ‘Siyabona;’ isono senu sihlezi.

NgokukaJohane 9ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU