Bible Society of South Africa

To The Word – Day 52

Deuteronomy 29–31, Mark 15–16, Psalm 22, Hebrews 5

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UDuteronomi 29

Inkulumo kaMose yokuyala

1Nanka amazwi esivumelwano uJehova amyala ngaso uMose ukuba asenze nabantwana bakwa-Israyeli ezweni lakwaMowabi ngaphandle kwesivumelwano asenza nabo eHorebe.

2UMose wabiza bonke abakwa-Israyeli, wathi kubo: “Nibonile konke uJehova akwenzayo phambi kwamehlo enu ezweni laseGibithe kuFaro, nakuzo zonke izinceku zakhe, nakulo lonke izwe lakhe: 3izinhlupheko ezinkulu azibonayo amehlo akho, nezibonakaliso, nezimangaliso lezo ezinkulu; 4kepha uJehova akaninikanga inhliziyo yokwazi, namehlo okubona, nezindlebe zokuzwa kuze kube namuhla. 5Nganihola iminyaka engamashumi amane ehlane; izingubo zenu aziguganga kini, nesicathulo asiguganga onyaweni lwenu. 6Anidlanga isinkwa, aniphuzanga iwayini noma uphuzo olunamandla, ukuze nazi ukuthi nginguJehova uNkulunkulu wenu.

7“Ekufikeni kwenu kule ndawo uSihoni inkosi yaseHeshiboni no-Ogi inkosi yaseBashani basiphumela ukulwa, sabanqoba, 8sathatha izwe lakubo, salinika laba yifa labakwaRubeni, nelabakwaGadi, nelenxenye yesizwe sabakwaManase.

9“Ngalokho gcinani amazwi alesi sivumelwano, niwenze ukuba niphumelele kukho konke enikwenzayo.

10“Nimi namuhla nonke phambi kukaJehova uNkulunkulu wenu: izinhloko zenu, nezizwe zenu, namalunga enu, nezinduna zenu, bonke abantu bakwa-Israyeli, 11nezingane zenu, nawomkenu, nomfokazi ophakathi kwamakamu* akho, kusukela kumgawuli wemithi kuze kufike kumukhi wamanzi, 12ukuba ungene esivumelwaneni sikaJehova uNkulunkulu wakho, nasesifungweni sakhe asenzayo nawe namuhla uJehova uNkulunkulu wakho, 13ukuze azimisele wena namuhla ube yisizwe sakhe, yena abe nguNkulunkulu wakho, njengalokho akhuluma kuwe, nanjengalokho afunga koyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe. 14Akenzi lesi sivumelwano nalesi sifungo nani nodwa, 15kepha nanomiyo nathi lapha namuhla phambi kukaJehova uNkulunkulu wethu, nanongekho nathi namuhla 16ngokuba nina niyazi ukuthi sahlala ezweni laseGibithe nokuthi sadlula phakathi kwezizwe enadabula kuzo, 17nizibonile izinengiso zazo, nezithombe zazo, imithi, namatshe, nesiliva, negolide, okwakuphakathi kwazo 18funa kube khona phakathi kwenu indoda, noma umfazi, noma umndeni, noma isizwe esinhliziyo yaso ifulathela namuhla uJehova uNkulunkulu wethu ukuyokhonza onkulunkulu balezo zizwe, kube phakathi kwenu impande ethela inhlungunyembe nomhlonyane; 19kuze kuthi, lapho ezwa amazwi alesi sifungo, azibusise enhliziyweni yakhe ngokuthi: ‘Ngiyakuba nokuthula, noma ngihamba ngenkani yenhliziyo yami,’ ukuze kuqedwe okuswakemeyo kanye nokomileyo, 20uJehova angamthetheleli, kepha intukuthelo kaJehova nomhawu wakhe kumvuthele lowo muntu, kuze kuthi zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi zibe phezu kwakhe, uJehova alesule igama lakhe phansi kwezulu. 21UJehova uyakumahlukanisela ububi kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli njengeziqalekiso zonke zesivumelwano ezilotshwe kule ncwadi yomthetho.

22“Isizukulwane esizayo, abantwana benu abayakuvela emva kwenu, nomfokazi oyakuphuma ezweni elikude bayakusho, lapho bebona izinhlupheko zaleso sizwe, nezifo uJehova aligulise ngazo, 23nezwe lonke langakhona ukuthi lishisiwe, liyisibabule nosawoti, lingenakutshalwa, lingenakho okumilayo, lingenambali ekhahlelayo, linjengokuchithwa kweSodoma neGomora neSeboyimi achithwa nguJehova ngentukuthelo yakhe nangolaka lwakhe; 24yebo, bonke abantu bayakuthi: ‘UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe na? Kuthini ukuvutha kwalolu laka olukhulu na?’

25“Bese kuthiwa: ‘Ngokuba basishiya isivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wawoyise asenzayo nabo ekubakhipheni kwakhe ezweni laseGibithe, 26baya bakhonza abanye onkulunkulu, bakhuleka kubo, onkulunkulu abangabaziyo, angabahlukaniselanga bona, 27ngalokho intukuthelo kaJehova yavuthela leli zwe ukuba alehlisele zonke iziqalekiso ezilotshwe kule ncwadi; 28uJehova wabasiphula ezweni lakubo ngolaka nangokufutheka nangentukuthelo enkulu, wabaphonsa kwelinye izwe njenganamuhla.’

29“Izimfihlakalo zingezikaJehova uNkulunkulu wethu, kepha okwambuliweyo kungokwethu nokwabantwana bethu kuze kube phakade ukuba siwenze onke amazwi alo mthetho.

UDuteronomi 29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 30

Sisaqhubeka isiyalezo sikaMose

1“Kuyakuthi lapho zonke lezi zinto sezikwehlele, isibusiso nesiqalekiso, engizibekile phambi kwakho, uzindle ngazo enhliziyweni yakho phakathi kwezizwe lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuxoshele khona, 2ubuyele kuJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe njengakho konke engikuyala ngakho namuhla, wena nabantwana bakho, ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho, 3khona uJehova uNkulunkulu wakho uyakubuyisa ukuthunjwa kwakho, akuhawukele, abuye akubuthe ezizweni zonke, lapho uJehova uNkulunkulu wakho ekuhlakazele khona. 4Uma ekhona oxoshelwe nasekugcineni kwezulu, uJehova uNkulunkulu wakho uyakukubutha khona, akulande khona, 5uJehova uNkulunkulu wakho akungenise ezweni oyihlo abalidlayo, ulidle; uyakukwenzela okuhle, akwandise ngaphezu kwawoyihlo. 6UJehova uNkulunkulu wakho uyakusoka inhliziyo yakho nenhliziyo yenzalo yakho ukumthanda uJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho ukuba uphile. 7UJehova uNkulunkulu wakho uyakuzibeka zonke lezi ziqalekiso phezu kwezitha zakho naphezu kwabakuzondayo ababekuzingela. 8Uyakubuya, ulilalele izwi likaJehova, uyenze yonke imiyalo yakhe engikuyala ngayo namuhla. 9UJehova uNkulunkulu wakho uyakukwandisa emisebenzini yonke yesandla sakho, nasenzalweni yesisu sakho, nasenzalweni yezinkomo zakho, nasezithelweni zomhlabathi wakho, kube kuhle, ngokuba uJehova uyakubuye athokoze ngawe ukuba kube kuhle njengokuthokoza kwakhe ngawoyihlo, 10uma ulalela izwi likaJehova uNkulunkulu wakho, ugcine imiyalo yakhe nezimiso zakhe ezilotshwe kule ncwadi yomthetho, uma ubuyela kuJehova uNkulunkulu wakho ngayo yonke inhliziyo yakho nangawo wonke umphefumulo wakho.

11“Ngokuba lo myalo engikuyala ngawo namuhla awulukhuni kuwe, awukude. 12Awusezulwini ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusikhuphukelela ezulwini, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’ 13Futhi awuphesheya kolwandle ukuba uthi: ‘Ngubani oyakusiwelela ulwandle, asilethele wona, siwuzwe, siwenze, na?’ 14Cha, izwi liseduze kakhulu nawe, lisemlonyeni wakho nasenhliziyweni yakho ukuba ulenze.

15“Bheka, ngibeke namuhla phambi kwakho ukuphila nokuhle, ukufa nokubi, 16ngokukuyala namuhla ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, uhambe ngezindlela zakhe, ugcine imiyalo yakhe, nezimiso zakhe, nezahlulelo zakhe, ukuze uphile, wande, uJehova uNkulunkulu wakho akubusise ezweni ongena kulo ukulidla.

17“Kepha uma inhliziyo yakho iphenduka ukuze ungezwa, kepha uyengwe, ukhuleke kwabanye onkulunkulu, ubakhonze, 18ngiyanimemezela namuhla ukuthi niyakubhubha nokubhubha; aniyikuzandisa izinsuku zenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.

19“Ngifakazisa namuhla izulu nomhlaba ngani ukuthi ngibeke phambi kwenu ukuphila nokufa, isibusiso nesiqalekiso; ngalokho khethani ukuphila ukuba niphile, wena nenzalo yakho, 20ukuba umthande uJehova uNkulunkulu wakho, ulilalele izwi lakhe, unamathele kuye, ngokuba lokho kungukuphila kwakho nobude bezinsuku zakho, ukuze uhlale ezweni uJehova alifungela oyihlo, o-Abrahama, no-Isaka, noJakobe, ukubanika lona.”

UDuteronomi 30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UDuteronomi 31

Isinqumo sokuba uJoshuwa athathe isikhundla sikaMose

1UMose waya ukukhuluma lawa mazwi kubo bonke abakwa-Israyeli, 2wathi kubo: “Ngineminyaka eyikhulu namashumi amabili namuhla; angisenamandla okuphuma nokungena; uJehova ushilo kimi ukuthi: ‘Awuyikuliwela leli Jordani.’ 3Kepha uJehova uNkulunkulu wakho uyakuwela phambi kwakho, achithe lezi zizwe phambi kwakho, uzidle; uJoshuwa uyakuwela phambi kwakho njengokukhuluma kukaJehova. 4UJehova uyakwenza kuzo njengokwenza kwakhe kuSihoni naku-Ogi amakhosi ama-Amori nakulo izwe lakubo ababulalayo. 5UJehova uyakuzinikela phambi kwenu, nenze kuzo njengemiyalo yonke enginiyale ngayo. 6Qinani, nime isibindi, ningesabi, ningashaywa luvalo ngabo, ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho nguyena ohamba nawe; akayikukuyeka, akushiye.”

7UMose wambiza uJoshuwa, wathi kuye emehlweni abantu bonke bakwa-Israyeli: “Qina, ume isibindi, ngokuba uyakuhamba nalaba bantu, uye ezweni uJehova afunga koyise ukubanika lona; wena uyakwenza ukuba balidle ifa lalo. 8UJehova nguye ohamba phambi kwakho; uyakuba nawe; akayikukuyeka, akushiye; ungesabi, ungabi nangebhe.”

9UMose waloba lowo mthetho, wabanika wona abapristi, amadodana kaLevi, ababethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova namalunga onke akwa-Israyeli. 10UMose wabayala wathi: “Ngasekugcineni kweminyaka eyisikhombisa njalo, ngesikhathi esinqunyiweyo somnyaka woyekelo ngomkhosi wamadokodo, 11lapho wonke u-Israyeli efike ukubonakala phambi kukaJehova uNkulunkulu wakho endaweni ayakuyikhetha, wofunda lo mthetho phambi kuka-Israyeli wonke ezindlebeni zakhe. 12Butha abantu, amadoda, nabesifazane, nabantwana, nomfokazi wakho ophakathi kwamasango akho ukuba bezwe, bafunde, bamesabe uJehova uNkulunkulu wakho, baqaphele ukuwenza onke amazwi alo mthetho, 13nokuba abantwana babo abangawaziyo bezwe, bafunde ukumesaba uJehova uNkulunkulu wenu isikhathi sonke sokuhlala kwenu ezweni eniwela iJordani ukuba ningene kulo ukulidla.”

14UJehova wathi kuMose: “Bheka, izinsuku zakho sezisondele zokuba ufe; mbize uJoshuwa, nime etendeni lokuhlangana ukuba ngimyale.” OMose noJoshuwa base behamba, bema etendeni lokuhlangana.

15UJehova wabonakala etendeni esensikeni yefu, insika yema ngasemnyango wetende. 16UJehova wathi kuMose: “Bheka, wolala koyihlo; laba bantu bayakusuka, baye ukuphinga nawonkulunkulu babezizwe abasezweni abaya kulo ukuba bahlale phakathi kwabo, bangishiye, basaphule isivumelwano engisenzile nabo. 17Intukuthelo yami iyakubavuthela ngalolo suku, ngibashiye, ngifihle ubuso bami kubo; bayakudliwa, behlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, baze bathi ngalolo suku: ‘Lokhu okubi akusehlelanga yini ngokuba uNkulunkulu wethu engekho phakathi kwethu na?’ 18Mina ngiyakufihla nokufihla ubuso bami ngalolo suku ngenxa yakho konke okubi abayakube bekwenzile, lokhu bephendukele kwabanye onkulunkulu.

19“Ngalokho zilobeleni leli hubo, ulifundise abantwana bakwa-Israyeli, ulibeke emilonyeni yabo ukuba leli hubo libe ngufakazi wami ukumelana nabantwana bakwa-Israyeli. 20Ngokuba lapho sengibangenisile ezweni engalifungela oyise, elivame ubisi nezinyosi, badle, basuthe, bakhuluphale, bayakuphendukela kwabanye onkulunkulu, babakhonze, bangidelele, basaphule isivumelwano sami. 21Kuyakuthi lapho sebehlelwe ngokubi nezinhlupheko eziningi, leli hubo lifakaze phambi kwabo njengofakazi, ngokuba aliyikukhohlakala emilonyeni yenzalo yabo, lokhu ngiyazi imicabango yabo abayicabangayo namanje, ngingakabangenisi ezweni engalifungela bona.” 22UMose wayeseloba leli hubo ngalona lolo suku, walifundisa abantwana bakwa-Israyeli.

23Wamyala uJoshuwa indodana kaNuni, wathi: “Qina, ume isibindi, ngokuba wena uyakubangenisa abantwana bakwa-Israyeli ezweni engalifungela bona; mina ngiyakuba nawe.”

24Kwathi lapho uMose eseqedile ukuloba amazwi alo mthetho encwadini aze aphela, 25uMose wawayala amaLevi ayethwala umphongolo wesivumelwano sikaJehova, wathi: 26“Thathani le ncwadi yomthetho, niyibeke ngaseceleni komphongolo wesivumelwano sikaJehova uNkulunkulu wenu, ibe khona, ibe ngufakazi, imelane nani. 27Ngokuba mina ngiyakwazi ukwambuka kwakho nentamo yakho elukhuni; bheka, ngisekhona nani namuhla niyahlubuka uJehova; kuyakuba kakhulu kangakanani emva kokufa kwami na? 28Ngibuthele onke amalunga ezizwe zenu nezinduna zenu ukuba ngikhulume lawa mazwi ezindlebeni zazo, ngifakazise izulu nomhlaba ngazo. 29Ngokuba ngiyazi ukuthi emva kokufa kwami niyakona nokona, niphambuke endleleni enginiyale ngayo, ububi bunehlele ngezinsuku ezizayo, ngokuba niyakwenza okubi emehlweni kaJehova, nimthukuthelise ngemisebenzi yezandla zenu.”

30UMose wayesekhuluma ezindlebeni zebandla lonke lakwa-Israyeli amazwi ehubo lakhe, aze aphela.

UDuteronomi 31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 15

UJesu ephambi kukaPilatu

(Math. 27:1; Luk. 23:1; Joh. 18:28)

1Kwathi masinyane ekuseni abapristi abakhulu namalunga nababhali nomphakathi wonke benza icebo, bambopha uJesu, bamqhuba, bamnikela kuPilatu.

2UPilatu wambuza wathi: “Wena uyinkosi yabaJuda na?”

Waphendula, wathi kuye: “Usho khona.”

3Abapristi abakhulu bammangalela ngokuningi. 4UPilatu wabuye wambuza, wathi: “Awuphenduli lutho na? Bheka, bakuthwesa icala ngokuningi kangaka.”

5Kodwa uJesu akabe esaphendula lutho, waze wamangala uPilatu.

6Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo. 7Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni. 8Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela.

9Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” 10Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. 11Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba.

12UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?”

13Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”

14Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?”

Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!”

15Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

16Amabutho ayesemngenisa phakathi endlini ethiwa iPretoriyu, abizela ndawonye ibutho lonke. 17Ayesemembathisa ingubo ebubende, amcwashelisa ngomqhele ayeweluke ngameva. 18Aqala ukumkhulekela, athi: “Bayede, nkosi yabaJuda!” 19Amshaya ekhanda ngomhlanga, amkhafulela ngamathe, aguqa ngamadolo, akhuleka kuye. 20Esembhinqile amhlubula ingubo ebubende, amembathisa izingubo zakhe. Ayesephuma naye ukuba ambethele esiphambanweni. 21Acindezela umuntu obedlula, uSimoni waseKhurene, evela endle, uyise ka-Aleksandru noRufu, ukuba athwale isiphambano sakhe.

UJesu esesiphambanweni

(Math. 27:33; Luk. 23:26; Joh. 19:17)

22Ayesemyisa endaweni yaseGolgotha okungukuthi ngokuhunyushwa iNdawo Yekhanda. 23Amnika iwayini elixutshwe nemure;* kepha akalamukelanga. 24Ayesembethela esiphambanweni, abelana izingubo zakhe, enzelana inkatho ngazo ukuthi yilowo nalowo uyakuthathani.

25Kwakuyihora lesithathu esembethela esiphambanweni. 26Umbhalo wecala lakhe ubulotshiwe ngaphezulu wokuthi: INKOSI YABAJUDA. 27Kwabethelwa kanye naye abaphangi ababili, omunye ngakwesokunene nomunye ngakwesokhohlo sakhe. 28Kwase kugcwaliseka umbhalo othi: “Wabalwa kanye naboni.” 29Abadlulayo bamhlambalaza benikina amakhanda abo, bathi: “Eya wena odiliza ithempeli, ubuye ulakhe ngezinsuku ezintathu; 30zisindise, wehle esiphambanweni.”

31Kanjalo nabapristi abakhulu bambhinqa bebodwa kanye nababhali, bathi: “Wasindisa abanye, angezisindise yena. 32UKristu, iNkosi yakwa-Israyeli, makehle manje esiphambanweni, ukuze sibone, sikholwe.” Nababebethelwe kanye naye bamdumaza.

33Sekufikile ihora lesithupha kwaba mnyama emhlabeni wonke, kwaze kwaba yihora lesishiyagalolunye. 34Ngehora lesishiyagalolunye uJesu wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Eloi, Eloi, lama sabaktani?” okungukuthi ngokuhunyushwa: “Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami, ungishiyeleni na?”

35Abanye kwababemi khona bekuzwa bathi: “Bheka, ubiza u-Eliya.”

36Wayesegijima omunye, wagcwalisa ilula ngoviniga, walichoma emhlangeni, wamphuzisa, wathi: “Yekani, sibone uma u-Eliya eza ukumehlisa.”

37UJesu wayesememeza ngezwi elikhulu, wafa.

38Khona isihenqo sethempeli sadabuka kabili, kusukela phezulu kuze kufike phansi. 39Kepha induna yekhulu eyayimi maqondana naye imbona efa ngokunjalo, yathi: “Nempela lo muntu ube yiNdodana kaNkulunkulu.”

40Kwakukhona nabesifazane bebukela, bekude; phakathi kwabo kwakukhona noMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe omncane nokaJose, kanye noSalome 41ababemlandela eseseGalile, bemkhonza, nabanye abesifazane abaningi abenyukela naye eJerusalema.

Ukumbelwa kukaJesu

(Math. 27:57; Luk. 23:50; Joh. 19:38)

42Kwathi ukuba kuhlwe, ngokuba kwakulusuku lokulungisela okungukuthi olwandulela isabatha, 43kwafika uJosefa wase-Arimatheya, ilunga elidumileyo lomphakathi, owayewubheka naye umbuso kaNkulunkulu; wangena ngesibindi kuPilatu, wacela isidumbu sikaJesu. 44Kepha uPilatu wamangala ngokuthi ngabe usefile, wabiza induna yekhulu, wabuza kuyo ukuthi sekukade efile na? 45Esezwile enduneni yekhulu wamnika uJosefa isidumbu. 46Wathenga indwangu enhle, wamehlisa, wamsonga ngaleyo ndwangu, wambeka ethuneni elaliqoshwe edwaleni, wagingqela itshe emnyango wethuna. 47OMariya Magdalena noMariya unina kaJose babona lapho abekwa khona.

NgokukaMarku 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMarku 16

Ukuvuka kukaJesu

(Math. 28:1; Luk. 24:1; Joh. 20:1)

1Selidlulile isabatha, oMariya Magdalena, noMariya unina kaJakobe, noSalome bathenga amakha ukuba beze bamgcobe. 2Ekuseni kakhulu ngosuku lokuqala lweviki beza ethuneni ekuphumeni kwelanga. 3Bakhuluma bodwa, bathi: “Ngubani oyakusigingqela itshe, lisuke emnyango wethuna na?”

4Bathi ukubheka, babona ukuthi itshe seligingqiwe; ngokuba lalilikhulu kakhulu. 5Kuthe bengena ethuneni, babona insizwa ihlezi ngakwesokunene yembethe ingubo ende emhlophe; bethuka.

6Kepha yathi kubo: “Ningethuki; nifuna uJesu waseNazaretha obebethelwe esiphambanweni; uvukile; kakho lapha; bhekani nansi indawo lapho bebembeke khona. 7Kodwa hambani nitshele abafundi bakhe kanye noPetru ukuthi uyanandulela ukuya eGalile; nizakumbona lapho, njengalokho eshilo kini.”

8Base bephuma, babaleka ethuneni, ngokuba babefikelwe ngukuthuthumela nokumangala, kabashongo lutho kumuntu, ngokuba babesaba.

Ukuzibonakalisa kukaJesu emva kokuvuka kwakhe nokukhuphukela kwakhe ezulwini

9Esevukile, kusekuseni ngosuku lokuqala lweviki, wabonakala kuqala kuMariya Magdalena ayekhiphe kuye amademoni ayisikhombisa. 10Yena wahamba wababikela labo ababe naye uJesu, besalila bekhala. 11Kwathi bona sebezwile ukuthi uyaphila nokuthi uboniwe nguye, abaze bakholwa.

12Emva kwalokho wabonakala ngesinye isimo kwababili kubo behamba beya emaphandleni. 13Nabo bahamba babikela abanye; nalabo abaze bakholwa.

14Ngasemuva wabonakala kwabayishumi nanye behlezi ekudleni, wabasola ngokungakholwa kwabo nangobulukhuni benhliziyo yabo, ngokuba bengakholwanga yilabo abambonileyo esevukile.

15Wayesethi kubo: “Hambani niye ezweni lonke, nishumayele ivangeli kukho konke okudaliweyo. 16Okholwayo abhapathizwe uyakusindiswa, kepha ongakholwayo uyakulahlwa. 17Lezi zibonakaliso ziyakubalandela abakholwayo: ngegama lami bayakukhipha amademoni, bashumayele ngezilimi ezintsha, 18baphathe izinyoka; uma bephuza okubulalayo, akusoze kwaba nangozi; bayakubeka izandla phezu kwabagulayo, basinde.”

19Njalo-ke iNkosi uJesu isikhulumile kubo yakhushulelwa ezulwini, yahlala ngakwesokunene sikaNkulunkulu. 20Kepha bona bephuma bashumayela ezindaweni zonke, iNkosi isebenza nabo, iqinisa izwi ngezibonakaliso ezilandelayo.

NgokukaMarku 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 22

Isiprofetho ngenhlupheko nenkazimulo yolungileyo

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Indluzelekazi yokusa. Ihubo likaDavide.

1Nkulunkulu wami, Nkulunkulu wami,

ungishiyeleni na?

Ukude namazwi okubububula kwami nokusindiswa kwami.

2Nkulunkulu wami,

ngikhala emini, kepha awuphenduli,

nasebusuku, ngingabi nakuthula.

3Kepha wena ungoNgcwele

ohlezi ezibongweni zika-Israyeli.

4Obaba bethu babekwethemba;

babethemba, wena wabakhulula.

5Bakhala kuwe, bakhululwa;

bethemba wena, abaze bajabha.

6Kepha mina ngiyimphethu,

angisiye umuntu;

ngiyisithuko sabantu,

ngiyindelelo yabantu.

7Bonke abangibonayo bayangiklolodela,

baphukule imilomo,

banikine amakhanda,

8bathi: “Zinikele kuJehova;

makamsindise, amkhulule,

njengokuba emthanda.”

9Impela nguwe owangikhipha esizalweni,

wangikhoselisa ngasemabeleni kamame.

10Ngaphonswa phezu kwakho kwasesizalweni;

unguNkulunkulu wami kwasesizalweni sikamame.

11Ungabi kude nami,

ngokuba inhlupheko iseduze,

nosizayo akakho.

12Izinkunzi eziningi zingibunganyele,

ezinamandla zaseBashani zingizungezile.

13Zingikhamisele umlomo wazo

njengengonyama edwengulayo nebhodlayo.

14Ngichithiwe njengamanzi;

onke amathambo ami enyele;

inhliziyo yami injengengcina,

incibilikile phakathi kwezibilini zami.

15Amandla ami omile njengodengezi;

ulimi lwami lunamathela olwangeni lwami;

ungibeka othulini lokufa.

16Ngokuba izinja ziyangibungayela;

umbonda wababi ungizungezile;

izandla zami nezinyawo zami bazibhobozile.

17Ngingabala onke amathambo ami;

bayabukela, bangibuke bengiklibhizela.

18Babelana izingubo zami,

benzelana inkatho ngesambatho sami.

19Kepha wena Jehova mawungabi kude,

wena mandla ami, shesha ungisize.

20Sindisa umphefumulo wami enkembeni,

ukuphila kwami emandleni ezinja.

21Ngisindise emlonyeni wengonyama;

nasezimpondweni zezinyathi uyangizwa.

22Ngiyakushumayeza abafowethu igama lakho,

ngikudumise phakathi kwebandla.

23Nina enesaba uJehova, mbongeni;

nina nonke nzalo kaJakobe, mdumiseni,

nimesabe nina nonke nzalo ka-Israyeli.

24Ngokuba akadelelanga,

akanengwanga yinhlupheko yohluphekayo;

akamfihlelanga ubuso bakhe,

kepha nalapha ekhala kuye, wezwa.

25Kuyakuvela kuwe ukudumisa kwami ebandleni elikhulu;

izithembiso zami ngiyakuzigcwalisa

phambi kwabamesabayo.

26Abamnene bayakudla, basuthe;

abafuna uJehova bayakumdumisa;

inhliziyo yenu mayiphile kuze kube phakade.

27Imikhawulo yonke yomhlaba iyakukhumbula,

iphendukele kuJehova,

nezizukulwane zonke zezizwe ziyakukhuleka ebusweni bakho.

28Ngokuba umbuso ungokaJehova;

nguye obusa izizwe.

29Bonke abacebileyo bomhlaba bayakudla, bakhuleke;

bonke abehlela othulini bayakukhothama phambi kwakhe,

naye ongenakugcina umphefumulo wakhe ekuphileni.

30Inzalo iyakumkhonza;

isizukulwane esizayo siyakulandiswa ngayo iNkosi.

31Bayakuza bashumayele ukulunga kwayo

kuso isizwe esiyakuzalwa ngokuthi ikwenzile.

KumaHeberu 5

Umpristi omkhulu ufanele abe ngumuntu obiziwe nguNkulunkulu

1Ngokuba yilowo nalowo mpristi omkhulu okhethwa kubantu umiselwa abantu kokukaNkulunkulu, ukuze anikele izipho nemihlatshelo ngenxa yezono; 2angabekezelela abangazi lutho nabadukayo, lokhu naye uzungeziwe ngubuthakathaka; 3ngenxa yabo kufanele ukuba, njengalokhu enikela ngezono zabantu, anikele kanjalo nangezakhe. 4Akukho muntu ozithathela leso sikhundla, kuphela obizelwa kuso nguNkulunkulu njengo-Aroni.

UKristu ungumpristi obiziweyo

5Kanjalo noKristu akazidumisanga yena aze abe ngumpristi omkhulu, kepha wadunyiswa nguye owakhuluma kuye, wathi:

“UyiNdodana yami wena,

namuhla ngikuzele,”

6njengokuba esho nakwenye indawo ngokuthi:

“Wena ungumpristi kuze kube phakade

ngokokuma kukaMelkisedeki,”

7owathi esenikele emihleni yenyama yakhe ngemikhuleko, nokunxusa, nokudazuluka okukhulu, nezinyembezi kuyena onamandla okumsindisa ekufeni, wezwiwa ngenxa yokumesaba uNkulunkulu. 8Noma eyiNdodana, wafunda ukulalela ngalokho ahlupheka ngakho; 9esephelelisiwe waba yisisusa sokusindiswa okuphakade kubo bonke abamlalelayo, 10ebizwa nguNkulunkulu ukuthi umpristi omkhulu ngokokuma kukaMelkisedeki.

Basengabantwana ekukholweni

11Sinokuningi esingakusho ngalokho, okulukhuni ukuchasisela, lokhu senaba buthuntu ekuzweni. 12Ngokuba noma benifanele ukuba nibe ngabafundisi, uma kuya ngesikhathi, nisadinga futhi ukuba kube khona onifundisa iziqalo zezifundiso zamazwi kaNkulunkulu; senaba ngabadinga ubisi, kungesikho ukudla okuqinileyo. 13Ngokuba lowo odla ubisi akakaqondi lutho lwezwi lokulunga, ngokuba uyingane. 14Kepha ukudla okuqinileyo kungokwabakhulileyo, abathi ngokujwayela ukuwusebenzisa umqondo, sebenawo osulungele ukwahlukanisa okuhle nokubi.

KumaHeberu 5ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.29.1
SITHOLE KU