Bible Society of South Africa

To The Word – Day 59

Joshua 13–15, Acts 13–15

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 13

UJehova uyamyala uJoshuwa ukwahlukanisa izwe

1UJoshuwa wayesemdala eneminyaka eminingi; uJehova wathi kuye: “Usumdala uneminyaka eminingi, kepha kusasele izwe elikhulu kakhulu eliyakudliwa.

2“Leli liyizwe elisasele: amazwe onke amaFilisti nawo onke amaGeshuri, 3kusukela eSihori elingaphambi kweGibithe kuze kube semkhawulweni wase-Ekroni ngasenyakatho, elibalelwa kumaKhanani, amakhosi ayisihlanu amaFilisti: amaGaza, nama-Ashidodi, nama-Ashikeloni, namaGiti, nama-Ekroni, nama-Avi, 4lonke izwe lamaKhanani ngaseningizimu neMehara elingelamaSidoni kuze kufike e-Afeki nasemkhawulweni wama-Amori, 5nezwe lamaGebali nalo lonke iLebanoni ngasempumalanga, kusukela eBali Gadi ngaphansi kwentaba yaseHermoni kuze kufike ekuyeni eHamati, 6bonke abakhileyo ezintabeni, kusukela eLebanoni kuze kube seMisirefoti Mayimi, onke amaSidoni; mina ngiyakuwaxosha phambi kwabantwana bakwa-Israyeli, wena-ke ulabele abakwa-Israyeli ngenkatho, libe yifa njengokukuyala kwami. 7Ngalokho yahlukanisa leli zwe libe yifa lezizwe eziyisishiyagalolunye nelenxenye yesizwe sakwaManase.”

8Kanye naye abakwaRubeni nabakwaGadi balamukela ifa abanika lona uMose ngaphesheya kweJordani ngasempumalanga, njengalokho inceku kaJehova uMose yabanika: 9kusukela e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa laseMedeba kuze kufike eDiboni, 10nayo yonke imizi kaSihoni inkosi yama-Amori owabusa eHeshiboni, kuze kube semkhawulweni wabantwana bakwa-Amoni, 11neGileyadi nomkhawulo wamaGeshuri nowamaMahakhathi, nayo yonke intaba yaseHermoni, nalo lonke iBashani kuze kufike eSaleka, 12nawo wonke umbuso ka-Ogi eBashani owayebusa e-Ashitaroti nase-Edireyi, owayesele kuyo insali yamaRefa; uMose wabanqoba, wabaxosha. 13Kepha abantwana bakwa-Israyeli abawaxoshanga amaGeshuri namaMahakhati, kodwa oGeshuri noMahakha bahlala phakathi kuka-Israyeli kuze kube namuhla.

14Isizwe sakwaLevi kuphela akasinikanga fa; iminikelo kaJehova uNkulunkulu ka-Israyeli yomlilo iyifa lakhe njengokukhuluma kwakhe kuye.

Amafa akwaRubeni nakwaGadi nawenxenye yakwaManase

15UMose wanika isizwe sabantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo.

16Umkhawulo wabo wasuka e-Aroweri eliseceleni kwesigodi sase-Arinoni, nomuzi ophakathi nesigodi, nalo lonke ithafa ngaseMedeba, 17neHeshiboni nayo yonke imizi yalo yasethafeni, iDiboni, neBamoti Bali, neBeti Bali Mehoni, 18neJahasi, neKedemoti, neMefahati, 19neKiriyatayimi, neSibima, neSereti Shahari entabeni yasesigodini, 20neBeti Peyori, nemithambeka yasePisiga, neBeti Jeshimoti, 21nayo yonke imizi yasethafeni, nawo wonke umbuso kaSihoni inkosi yama-Amori owayebusa eHeshiboni, ambulalayo uMose kanye nezikhulu zakwaMidiyani, o-Evi, noRekemi, noSuri, noHure, noReba, izikhulu zikaSihoni ezazakhe kulelo zwe. 22UBileyamu indodana kaBeyori, umbhuli, naye bambulala abantwana bakwa-Israyeli ngenkemba phakathi kwabanye ababulawa yibo. 23Umkhawulo wabantwana bakwaRubeni wawuyiJordani nogu lwalo. Lelo laliyifa labantwana bakwaRubeni ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.

24UMose wanika isizwe sakwaGadi, abantwana bakwaGadi, ngemindeni yaso.

25Umkhawulo wabo wawuyiJazeri, nayo yonke imizi yakwaGileyadi, nenxenye yezwe labantwana bakwa-Amoni, kuze kufike e-Aroweri elingaphambi kweRaba, 26kusukela eHeshiboni kuze kufike eRamati Mispa naseBethonimi, kusukela eMahanayimi kuze kufike emkhawulweni weDebiri; 27nasesigodini: iBeti Haramu, neBeti Nimra, neSukoti, neSafoni, insali yombuso kaSihoni inkosi yaseHeshiboni, iJordani nogu lwalo, kuze kufike ekupheleni kolwandle lwaseKinereti phesheya kweJordani ngasempumalanga. 28Lelo laliyifa labantwana bakwaGadi ngemindeni yabo, imizi nemizana yabo.

29UMose wanika inxenye yesizwe sakwaManase: kwaba ngokwenxenye yesizwe sabantwana bakwaManase ngemindeni yabo.

30Umkhawulo wabo wasuka eMahanayimi: lonke iBashani, wonke umbuso ka-Ogi inkosi yaseBashani, nayo yonke imizi yeJayire eseBashani, imizi engamashumi ayisithupha, 31nenxenye yakwaGileyadi, ne-Ashitaroti, ne-Edireyi, imizi yombuso ka-Ogi eBashani; lokho kwaba ngokwabantwana bakwaMakiri indodana kaManase, inxenye yabantwana bakwaMakiri ngemindeni yabo.

32Lawo angamafa uMose awabela emathafeni akwaMowabi phesheya kweJordani, ngaseJeriko ngasempumalanga. 33Kepha isizwe sakwaLevi uMose akasinikanga fa; uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli uyifa labo njengokukhuluma kwakhe kubo.

UJoshuwa 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 14

Izwe elingasentshonalanga kweJordani liyahlukaniswa

1Lawa angamafa abawathathayo abantwana bakwa-Israyeli ezweni laseKhanani abababela wona u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, 2ngenkatho yefa labo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose ngezizwe eziyisishiyagalolunye nangenxenye yesizwe. 3Ngokuba uMose wayezinikile izizwe ezimbili nenxenye yesizwe ifa ngaphesheya kweJordani, kepha amaLevi akawanikanga ifa phakathi kwabo. 4Ngokuba abantwana bakwaJosefa babe yizizwe ezimbili, oManase no-Efrayimi; abawanikanga amaLevi isabelo ezweni, kuphela imizi ukuhlala kuyo, namadlelo ayo ezinkomo zawo, neyemfuyo yawo. 5Njengalokho uJehova amyala uMose, benze njalo abantwana bakwa-Israyeli, bahlukanisa izwe.

Isabelo sikaKalebi

6AbakwaJuda basondela kuJoshuwa eGiligali; uKalebi indodana kaJefune, umKhenizi, wathi kuye: “Uyalazi wena izwi uJehova alikhuluma kuMose umuntu kaNkulunkulu ngami nangawe eKadeshi Barineya. 7Ngangineminyaka engamashumi amane lapho uMose, inceku kaJehova, wangithuma ngisuka eKadeshi Barineya ukuba ngihlole izwe, ngabuyisela izwi kuye njengokusenhliziyweni yami. 8Kepha abafowethu abakhuphuka nami baqeda amandla enhliziyo yabantu, kodwa mina ngamlandela uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo. 9UMose wafunga ngalolo suku, wathi: ‘Impela izwe unyawo lwakho olunyathele kulo liyakuba yifa lakho nelabantwana bakho kuze kube phakade, ngokuba umlandele uJehova uNkulunkulu wami ngokupheleleyo.’

10“Manje bheka, uJehova ungisindisile njengokusho kwakhe le minyaka engamashumi amane nanhlanu, selokhu uJehova akhuluma leli zwi kuMose, u-Israyeli esahamba ehlane; bheka, manje sengineminyaka engamashumi ayisishiyagalombili nanhlanu namuhla. 11Ngisenamandla namuhla njengasosukwini uMose angithuma ngalo; njengamandla ami ngaleso sikhathi anjalo amandla ami manje ekulweni, ekuphumeni nasekungeneni. 12Ngalokho nginike manje le ntaba uJehova akhuluma ngayo ngalolo suku, ngokuba wezwa wena ngalolo suku ukuthi ama-Anaki ayelapho enemizi emikhulu ebiyelweyo; mhlawumbe uJehova uyakuba nami, ngiwaxoshe njengokukhuluma kukaJehova.”

13UJoshuwa wambusisa, wamnika uKalebi indodana kaJefune iHebroni libe yifa lakhe. 14Ngalokho iHebroni laba yifa likaKalebi indodana kaJefuni, umKhenizi, kuze kube namuhla, ngokuba wamlandela uJehova uNkulunkulu ka-Israyeli ngokupheleleyo. 15Igama leHebroni laliyiKiriyati Araba kuqala ngomuntu owayemkhulu kuwo ama-Anaki.

Izwe lase liphumula ekulweni.

UJoshuwa 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 15

Imikhawulo nemizi yesizwe sakwaJuda

1Isabelo sesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo sasingasemkhawulweni wakwa-Edomi nasehlane laseSini ngaseningizimu, ngasekupheleni kweningizimu.

2Umkhawulo wabo waseningizimu wasuka ekupheleni koLwandle Lukasawoti, ethekwini elibheka ngaseningizimu, 3waphuma waya ngaseningizimu kommango wase-Akarabimi, wadlula waya eSini, wakhuphuka ngaseningizimu kwaseKadeshi Barineya, wadlula ngaseHesironi, wenyukela e-Adari, wajika waya eKaraka; 4wadlula waya e-Asimoni, waya emfuleni waseGibithe; ukuphuma komkhawulo kwakungaselwandle; lowo uyakuba ngumkhawulo wenu waseningizimu.

5Umkhawulo wasempumalanga wawuluLwandle Lukasawoti kuze kufike ekugcineni kweJordani. Umkhawulo wasohlangothini lwasenyakatho wasuka ethekwini lolwandle ngasekugcineni kweJordani; 6umkhawulo wenyukela eBeti Hogila, wadlula ngasenyakatho kweBeti Araba; umkhawulo wakhuphukela etsheni likaBohanu indodana kaRubeni; 7umkhawulo wenyukela eDebiri usuka esigodini sase-Akori ngasenyakatho, ubheka ngaseGiligali elibhekana nommango wase-Adumimi elingaseningizimu komfula; umkhawulo wawusudlula, waya emanzini asemthonjeni waseShemeshi; ukuphuma kwawo kwakungasemthonjeni waseRogeli; 8wawusukhuphuka umkhawulo esigodini sendodana kaHinomu ngaseceleni kweJebusi ngaseningizimu, eliyiJerusalema; umkhawulo wenyukela esiqongweni sentaba engaphambi kwesigodi sikaHinomu ngasentshonalanga ngasekugcineni kwesigodi samaRefa ngasenyakatho; 9umkhawulo wawususuka esiqongweni sentaba, waya emthonjeni wamanzi aseNefitowa, waphuma waya emizini yasentabeni yase-Efroni; umkhawulo wasuka waya eBahala eliyiKiriyati Jeharimi; 10umkhawulo wajika usuka eBahala ngasentshonalanga, waya entabeni yaseSeyiri, wadlula waya eceleni kwentaba yaseJeharimi ngasenyakatho, eliyiKesaloni, wehlela eBeti Shemeshi, wadlula ngaseThimna; 11umkhawulo wawusuphuma, waya eceleni kwe-Ekroni ngasenyakatho; umkhawulo wasuka waya eShikeroni, wadlula waya entabeni yaseBahala, waphuma eJabineyeli; ukuphuma komkhawulo kwakuselwandle.

12Umkhawulo wasentshonalanga wawuluLwandle Olukhulu nogu lwalo. Lokho kungumkhawulo wabantwana bakwaJuda nxazonke ngemindeni yabo.

13Wamnika uKalebi indodana kaJefune isabelo phakathi kwabantwana bakwaJuda njengesiyalezo sikaJehova kuJoshuwa, umuzi ka-Araba uyise ka-Anaki, oyiHebroni. 14UKalebi waxosha khona amadodana amathathu ka-Anaki, oSheshayi, no-Ahimani, noTalimayi, abantwana bakwa-Anaki. 15Wasuka lapho, wenyukela kwabakhileyo eDebiri; igama leDebiri laliyiKiriyati Seferi kuqala. 16UKalebi wathi: “Onqoba iKiriyati Seferi, alithathe, yena ngiyakumnika u-Akisa indodakazi yami abe ngumkakhe.” 17U-Otheniyeli indodana kaKenazi umfowabo kaKalebi walithatha; wayesemnika u-Akisa indodakazi yakhe abe ngumkakhe. 18Kwathi ekufikeni kwakhe wamnxusa ukuba acele insimu kuyise; wehla embongolweni yakhe; uKalebi wathi kuye: “Ukhala ngani?”

19Wathi: “Ngiphe isipho; lokhu unginike izwe laseningizimu, ngiphe nemithombo yamanzi.” Wamupha imithombo yasenhla nemithombo yasenzansi.

20Leli liyifa lesizwe sabantwana bakwaJuda ngemindeni yabo.

21Imizi esekupheleni kwesizwe sabantwana bakwaJuda ngasemkhawulweni wakwa-Edomi ngaseningizimu yayiyiKabiseyeli, ne-Edere, neJaguri, 22neKina, neDimona, ne-Adada, 23neKedeshi, neHasori, ne-Itinani, 24neZifi, neTeleme, neBehaloti, 25neHasori Hadatha, neKeriyote Hesironi eliyiHasori, 26ne-Amamu, neShema, neMolada, 27neHasari Gada, neHeshimoni, neBeti Pheleti, 28neHasari Shuwali, neBeri Sheba, neBiziyotiya, 29neBahala, ne-Ijimi, ne-Eseme, 30ne-Elitoladi, neKesili, neHorma, 31neSikilagi, neMadimana, neSanisana, 32neLebawoti, neShilehimi, ne-Ayini, neRimoni, yonke imizi ingamashumi amabili nesishiyagalolunye nemizana yayo.

33Emathafeni: i-Eshitawoli, neSora, ne-Ashina, 34neZanowa, ne-Eni Ganimi, neTaphuwa, ne-Enamu, 35neJarimuthi, ne-Adulamu, neSoko, ne-Azeka, 36neShaharayimi, ne-Aditayimi, neGedera, neGederotayimi, imizi iyishumi nane nemizana yayo.

37ISenani, neHadasha, neMigidali Gadi, 38neDilani, neMispa, neJokiteyeli, 39neLakishi, neBosikati, ne-Egiloni, 40neKaboni, neLahimamu, neKitilishi, 41neGederoti, neBeti Dagoni, neNahama, neMakheda, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo.

42ILibina, ne-Etere, ne-Ashani, 43neJifita, ne-Ashina, neNesibe, 44neKeyila, ne-Akizibi, neMaresha, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.

45I-Ekroni nemizi yalo nemizana yalo; 46kusukela e-Ekroni kuze kufike elwandle, yonke eyayiseceleni kwe-Ashidodi nemizana yayo.

47I-Ashidodi nemizi yalo nemizana yalo; iGaza nemizi yalo nemizana yalo, kuze kufike emfuleni waseGibithe, naseLwandle Olukhulu nogu lwalo.

48Ezintabeni: iShamiri, neJatiri, neSoko, 49neDana, neKiriyati Sana eliyiDebiri, 50ne-Anabi, ne-Eshitemo, ne-Animi, 51neGosheni, neHoloni, neGilo, imizi iyishumi nanye nemizana yayo.

52I-Araba, neDuma, ne-Eshani, 53neJanimi, neBeti Taphuwa, ne-Afeka, 54neHumitha, neKiriyati Araba eliyiHebroni, neSiyori, imizi iyisishiyagalolunye nemizana yayo.

55IMahoni, neKarmeli, neZifi, neJutha, 56neJizreyeli, neJokideyamu, neZanowa, 57neKayini, neGibeya, neThimna, imizi iyishumi nemizana yayo.

58IHalihuli, neBeti Suri, neGedori, 59neMaharati, neBeti Anoti, ne-Elitekoni, imizi iyisithupha nemizana yayo.

60IKiriyati Bali eliyiKiriyati Jeharimi, neRaba, imizi mibili nemizana yayo.

61Ehlane: iBeti Araba, neMidini, neSekaka, 62neNibishani, noMuzi kaSawoti, ne-Eni Gedi, imizi iyisithupha nemizana yayo.

63AmaJebusi ayakhe eJerusalema abantwana bakwaJuda babengenakuwaxosha, kepha amaJebusi ahlala nabantwana bakwaJuda eJerusalema kuze kube namuhla.

UJoshuwa 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 13

Uhambo lokuqala lukaPawulu: ukubusiswa nokuthunywa kwakhe

1Kwakukhona e-Antiyokiya ebandleni lakhona abaprofethi nabafundisi: oBarnaba, noSimeyoni othiwa uNigeri, noLukiyu waseKhurene, noManayeni owayondliwe kanye noHerode umtetrarki,* noSawulu. 2Kwathi bekhonza iNkosi, bezila, uMoya oNgcwele wathi: “Ngahlukaniseleni oBarnaba noSawulu ukuba baye emsebenzini engibabizele wona.” 3Khona bazila ukudla bakhuleka, babeka izandla phezu kwabo, babamukisa.

Ukushumayela kukaPawulu eKhupro

4Bona-ke bethunyiwe nguMoya oNgcwele behlela eSelukiya; basuka lapho, baya eKhupro ngomkhumbi. 5Ekufikeni kwabo eSalami bashumayela izwi likaNkulunkulu emasinagogeni* abaJuda; babe noJohane eyisikhonzi sabo.

6Sebedabule isiqhingi sonke, baze bafika ePhafu, bafumana indoda ethile eyisanusi nomprofethi wamanga, umJuda, ogama lakhe linguBarjesu, 7owayekhona kumbusi wezwe uSergiyu Pawulu, umuntu onengqondo enhle. Yena wabiza oBarnaba noSawulu, wafuna ukuzwa izwi likaNkulunkulu. 8Kodwa u-Eluma, isanusi, ngokuba linjalo igama lakhe ngokuhunyushwa, wamelana nabo, wafuna ukuphambukisa umbusi ekukholweni. 9Kepha uSawulu osethiwa uPawulu, egcwele uMoya oNgcwele wamgqolozela, 10wathi: “O wena ogcwele inkohliso yonke nobubi bonke, ndodana kaSathane, sitha sokulunga konke, awuyikuyeka ukuziphambukisa izindlela eziqondileyo zeNkosi na? 11Bheka, isandla seNkosi siphezu kwakho manje. Uzakuba yimpumputhe, kube yisikhathi ungaliboni ilanga.” Kwase kumfikela khona lapho ukufiphala nobumnyama, wahamba efuna abazakumhola ngesandla. 12Khona umbusi esebona okwenzekileyo wakholwa, emangaliswa ngesifundiso seNkosi.

UPawulu ushumayela e-Antiyokiya lasePhisidiya

13UPawulu nababe naye bamuka ePhafu ngomkhumbi, bafika ePherge lasePhamfiliya; kepha uJohane wahlukana nabo, wabuyela eJerusalema. 14Bona ekumukeni kwabo ePherge baya e-Antiyokiya lasePhisidiya, bangena esinagogeni* ngosuku lwesabatha, bahlala phansi. 15Sekufundiwe umthetho nabaprofethi, abaphathi besinagoge* bathumela kubo, bathi: “Madoda, bazalwane, uma ninezwi lokuyala abantu, khulumani.”

16Wayesesukuma uPawulu, waqhweba ngesandla, wathi: “Madoda akwa-Israyeli, nani enesaba uNkulunkulu, lalelani: 17UNkulunkulu walesi sizwe sakwa-Israyeli wabakhetha obaba, wabaphakamisa abantu bengabafokazi ezweni laseGibithe; wabakhipha kulo ngengalo ephakemeyo. 18Wababekezelela ehlane kungathi iminyaka engamashumi amane. 19Wachitha izizwe eziyisikhombisa ezweni laseKhanani, wababela izwe lazo libe yifa; 20kwadlula kungathi iminyaka engamakhulu amane namashumi ayisihlanu. Emva kwalokho wabanika abahluleli kwaze kwaba nguSamuweli umprofethi. 21Kusukela lapho bacela inkosi; uNkulunkulu wabanika uSawule indodana kaKisi, umuntu wesizwe sakwaBenjamini, iminyaka engamashumi amane. 22Esemkhiphile wabavusela uDavide abe yinkosi, afakaza ngaye ukuthi: ‘Ngimfumene uDavide kaJesayi, umuntu ongowenhliziyo yami, oyakwenza konke engikuthandayo.’ 23Enzalweni yakhe uNkulunkulu walethela u-Israyeli uMsindisi uJesu njengokwethembisa kwakhe; 24engakafiki yena uJohane wayeseshumayele kuso sonke isizwe sakwa-Israyeli umbhapathizo wokuphenduka. 25Esegcina ukuhamba kwakhe uJohane wathi: ‘Lokhu enithi ngiyikho angisikho mina. Kodwa bhekani, uyeza emva kwami engingafanele ukukhumula isicathulo sezinyawo zakhe.’

26“Madoda, bazalwane, madodana ohlanga luka-Abrahama, nabaphakathi kwenu abamesabayo uNkulunkulu, izwi lale nsindiso lithunyelwe kithi. 27Ngokuba abakhileyo eJerusalema nababusi babo abamazanga yena, namazwi abaprofethi afundwa amasabatha ngamasabatha bawagcwalisa ngokumlahla; 28nakuba bengafumananga icala lokufa kuye, nokho bacela kuPilatu ukuba abulawe. 29Kwathi sebefeze konke okwakulotshiwe ngaye, bamehlisa emthini, bambeka ethuneni. 30Kepha uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo. 31Wabonwa izinsuku eziningi yibo ababekhuphukele naye eJerusalema bevela eGalile, asebengofakazi bakhe kubantu manje.

32“Nathi sinishumayeza ivangeli lesithembiso esenziwa kobaba 33ukuthi uNkulunkulu usigcwalisile sona kubantwana bethu ngokumvusa uJesu, njengokuba kulotshiwe futhi kulo ihubo lesibili ukuthi:

“ ‘Wena uyiNdodana yami,

namuhla ngikuzele.’

34“Maqondana nokumvusa kwakhe kwabafileyo ukuba engasayikubuyela ekuboleni wakhuluma kanje, wathi:

“ ‘Ngizakuninika okungcwele

nokuthembekileyo kukaDavide.’

35“Ngakho nakwenye indawo uthi:

“ ‘Awuyikunika oNgcwele wakho abone ukubola.’

36“Ngokuba uDavide esekhonzile icebo likaNkulunkulu esizukulwaneni sakhe, walala ubuthongo, wabekwa koyise, wabona ukubola. 37Kepha yena amvusayo uNkulunkulu akakubonanga ukubola. 38Ngakho-ke makwazeke kini madoda, bazalwane, ukuthi ngalowo kumenyezelwa kini ukuthethelelwa kwezono, nakukho konke ebeningenakulungisiswa kukho ngomthetho kaMose 39yilowo nalowo okholwayo uyakulungisiswa ngaye. 40Ngakho qaphelani, funa nehlelwe ngokwakhulunywa ngabaprofethi ukuthi:

41“ ‘Bhekani nina zideleli,

nimangale, ninyamalale,

ngokuba mina ngisebenza umsebenzi emihleni yenu,

umsebenzi eningayikukholwa yiwo,

nakuba umuntu enilandisa ngawo.’ ”

Izwi lamukelwa ngabezizwe, liphikwa ngabaJuda

42Kwathi ekuphumeni kwabo, babacela ukuba lawo mazwi akhulunywe kubo nangesabatha elizayo. 43Khona sebehlakazekile abesinagoge,* abaningi babaJuda namaproselite* aqotho balandela oPawulu noBarnaba abakhuluma nabo, bebancenga ukuba bahlale emseni kaNkulunkulu.

44Ngesabatha elilandelayo kwabuthana kucishe umuzi wonke ukuzwa izwi likaNkulunkulu. 45Kepha abaJuda bebona izixuku bagcwala umhawu, bakuphika okwakukhulunywa nguPawulu behlambalaza.

46Khona oPawulu noBarnaba bakhuluma ngesibindi, bathi: “Bekudingeka ukuba izwi likaNkulunkulu likhulunywe kini kuqala; kepha lokhu nilinqaba, nizisho nina nithi anifanele ukuphila okuphakade, bhekani, sesiphendukela kwabezizwe. 47Ngokuba iNkosi isiyalezile kanjalo ukuthi:

“ ‘Ngikubekile ube ngukukhanya kwabezizwe,

ube yinsindiso kuze kube semkhawulweni womhlaba.’ ”

48Kwathi abezizwe bekuzwa lokho, bathokoza, balidumisa izwi leNkosi; bakholwa bonke ababemiselwe ukuphila okuphakade.

49Izwi leNkosi lahanjiswa kulo izwe lonke. 50Kepha abaJuda bavusa abesifazane abaqotho abanesithunzi nezikhulu zomuzi, bavusela oPawulu noBarnaba ukuzingelwa, babaxosha emikhawulweni yabo. 51Bona-ke babavuthululela uthuli lwezinyawo zabo, beza e-Ikoniyu. 52Abafundi bagcwala intokozo noMoya oNgcwele.

IzEnzo 14

Uhambo lokuqala lukaPawulu: ushumayela e-Ikoniyu

1Kwathi e-Ikoniyu bangena kanyekanye esinagogeni* labaJuda, bakhuluma kwaze kwakholwa isixuku esikhulu sabaJuda namaGreki. 2Kepha abaJuda abangakholwanga bavusa abezizwe, babenza nhliziyombi ngakubazalwane. 3Nokho bahlala isikhathi eside, befundisa ngesibindi ngeNkosi eyafakazela izwi lomusa wayo, ibanika ukuba kwenziwe izibonakaliso nezimangaliso ngezandla zabo. 4Kepha isixuku somuzi sahlukana phakathi, abanye baba ngakubaJuda nabanye ngakubaphostoli. 5Kwathi ukuba basukelwe yisidumo sabezizwe nabaJuda kanye nababusi babo sokubaphatha kabi nokubakhanda ngamatshe, 6bathi sebekwazi lokho, babalekela emizini yaseLikawoniya, iListra neDerbe, nasezweni langakhona, 7bashumayela khona ivangeli.

UPawulu ushumayela eListra

8EListra kwakuhlezi indoda ethile eyisilima ngezinyawo, eyisishosha selokhu yazalwa ngunina, engazange ihambe. 9Yona yamuzwa uPawulu ekhuluma. Yena eyigqolozela wabona ukuthi inokukholwa kokuba iphiliswe, 10wathi ngezwi elikhulu: “Sukuma, ume ngezinyawo zakho.” Yayisigxuma, yahamba.

11Kwathi-ke izixuku zikubona lokho akwenzile uPawulu, zaphakamisa izwi lazo, zathi ngesiLikawoniya: “Onkulunkulu befana nabantu behlele kithi.” 12UBarnaba bambiza ngokuthi uJupitheri, uPawulu ngokuthi uMerkuriyu, ngokuba kwakunguye owayehola ekukhulumeni. 13Kepha umpristi kaJupitheri othempeli lakhe liphambi komuzi waletha izinkunzi nemigexo yezimbali ngasemasangweni, wafuna ukubahlabela ekanye nezixuku.

14Kwathi ukuba bakuzwe lokho abaphostoli oBarnaba noPawulu, baklebhula izingubo zabo, baphonseka phakathi kwesixuku bememeza 15bethi: “Madoda, nikwenzelani lokhu na? Nathi singabantu abanjengani ngemvelo, sinishumayeza ivangeli ukuba niphenduke kulokho okuyize, niphendukele kuNkulunkulu ophilayo owenza izulu nomhlaba, nolwandle, nakho konke okukukho, 16othe ngezizukulwane ezidlulileyo wayeka izizwe zonke zihambe ngezindlela zazo. 17Nokho akayekanga ukuzifakazela ngokwenza okuhle, waninika imvula yasezulwini nezikhathi zenala, egcwalisa izinhliziyo zenu ngokuhle nangokujabula.” 18Bekusho lokho, baziyekisa kalukhuni izixuku ukuba zingabahlabeli.

UPawulu ushumayela e-Antiyokiya

19Kodwa kwafika abaJuda, bevela e-Antiyokiya nase-Ikoniyu; sebezivumisile izixuku bamkhanda uPawulu ngamatshe, bamhudulela ngaphandle komuzi bethi usefile. 20Kepha kwathi abafundi bembunganyele, wavuka, wangena emzini. Ngangomuso wamuka noBarnaba, baya eDerbe.

21Sebelishumayele ivangeli kulowo muzi, bezuzile abafundi abaningi, babuyela eListra, nase-Ikoniyu, nase-Antiyokiya, 22baqinisa imiphefumulo yabafundi bebaluleka ukuba beme ekukholweni, bethi: “Simelwe ukungena embusweni kaNkulunkulu ngezinhlupheko eziningi.” 23Sebebakhethele amalunga amabandla ngamabandla, bakhuleka bezila ukudla, babanikela eNkosini asebekholwa yiyo. 24Base bedabula iPhisidiya, baya ePhamfiliya. 25Sebekhulumile izwi ePherge, behlela e-Ataliya.

26Basuka lapho ngomkhumbi, baya e-Antiyokiya, lapho babenikelwe khona emseni kaNkulunkulu kulowo msebenzi asebewufezile. 27Kwathi ukuba bafike, balibutha ibandla, balanda ngakho konke uNkulunkulu akwenzile ngabo nokuthi uvulele nabezizwe isango lokukholwa. 28Base behlala nabafundi isikhathi esingesincane.

IzEnzo 15

Umhlangano wabaphostoli eJerusalema ngomthetho kaMose

1Kwehla abathile eJudiya, bafundisa abazalwane ukuthi: “Uma ningasokwa ngomthetho kaMose, ningesindiswe.” 2Kuthe ukuba kuvele ukuphambana nokuphikisana okukhulu phakathi kwabo noPawulu noBarnaba, banquma ukuba oPawulu noBarnaba nabathile kubo bakhuphukele eJerusalema kubaphostoli namalunga ngaleyo ndaba. 3Ngalokho bephelekezelwe yibandla badabula iFenike neSamariya, balandisa ukuphenduka kwabezizwe, benzela bonke abazalwane intokozo enkulu. 4Sebefikile eJerusalema bamukelwa yibandla nabaphostoli namalunga, bakubika konke uNkulunkulu abekwenzile ngabo.

5Kepha kwasukuma abathile behlelo labaFarisi abakholwayo, bathi kumelwe ukuba basokwe, bayalwe ukugcina umthetho kaMose.

6Base bebuthana abaphostoli namalunga, ukuze bayihlole leyo ndaba. 7Sebephikisene kakhulu, wasukuma uPetru, wathi kubo: “Madoda, bazalwane, niyazi ukuthi sekukade uNkulunkulu wakhetha phakathi kwenu ukuba abezizwe bezwe izwi levangeli ngomlomo wami, bakholwe. 8UNkulunkulu owazi inhliziyo wabafakazela, ebapha uMoya oNgcwele njengathi; 9futhi akahlukanisanga ngalutho phakathi kwethu nabo, ehlambulula izinhliziyo zabo ngokukholwa. 10Manje-ke nimlingelani uNkulunkulu ngokubeka ijoka entanyeni yabafundi, obaba nathi esasingenamandla okulithwala na? 11Kepha siyakholwa ukuthi sisindiswa ngomusa weNkosi uJesu ngandlelanye nabo.”

12Isixuku sonke sathula; babelalela oBarnaba noPawulu belanda ngezibonakaliso nangezimangaliso zonke uNkulunkulu abezenzile ngabo phakathi kwabezizwe. 13Kepha sebethulile, uJakobe wathatha wathi: “Madoda, bazalwane, ngilaleleni. 14USimeyoni uselandile ngokuhlela kukaNkulunkulu ekuqaleni ukuba athathele igama lakhe isizwe kubo abezizwe. 15Namazwi abaprofethi ayavumelana nalokho, njengalokho kulotshiwe ukuthi:

16“ ‘Emva kwalokho ngiyakubuya,

ngiyakhe futhi indlu kaDavide ewileyo,

ngibuye ngakhe okudilikileyo kwayo,

ngiyimise,

17ukuze abaseleyo babantu kanye

nabezizwe bonke bayifune iNkosi,

elibizwe phezu kwabo igama lami,’

isho iNkosi ekwenza lokhu,

18okwaziwa kwaphakade.

19“Ngakho mina ngithi masingabakhathazi labo kwabezizwe abaphendukela kuNkulunkulu, 20kodwa masibalobele ukuba bayeke amanyala ezithombe, nawobufebe, nawokuqumbeleneyo, nawegazi. 21Ngokuba uMose unabo abashumayelayo emizini yonke kwasezizukulwaneni zasendulo efundwa emasinagogeni* amasabatha ngamasabatha.”

22Khona kwaba kuhle kubaphostoli namalunga nakulo ibandla lonke ukuthumela e-Antiyokiya noPawulu noBarnaba amadoda akhethiweyo phakathi kwabo, uJuda othiwa uBarsaba noSila, amadoda angabaholi phakathi kwabazalwane, 23baloba ngesandla sabo ngokuthi:

Abaphostoli namalunga, abazalwane, bayabingelela abazalwane abavela kwabezizwe abase-Antiyokiya, nabaseSiriya, nabaseKhilikhiya.

24Njengalokho sizwile ukuthi abanye abavela kithi banikhathazile ngamazwi, benyakazisa imiphefumulo esingabayalelanga khona, 25kwaba kuhle kithi sesinhliziyonye ukuthuma kini amadoda akhethiweyo kanye nabathandiweyo bethu oBarnaba noPawulu, 26abantu abadele ukuphila kwabo ngenxa yegama leNkosi yethu uJesu Kristu. 27Ngalokho sithumile oJuda noSila abazakunitshela lezo zinto ngomlomo. 28Ngokuba kwaba kuhle kuMoya oNgcwele nakithi ukuba singanithwesi umthwalo omkhulu ngaphandle kwalezi zinto ezifunekayo 29zokuthi niyeke okuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe; uma nizilinda kulezo zinto, noba nenza kahle.

Salani kahle.

30Ngakho sebemukisiwe behlela e-Antiyokiya, balibutha ibandla, balinika incwadi. 31Sebeyifundile bathokoza ngenduduzo yayo. 32OJuda noSila, njengokuba nabo bengabaprofethi, babaduduza abazalwane ngamazwi amaningi, babaqinisa. 33Sebehlale khona isikhathi, bamukiswa ngabazalwane ngokuthula, babuyela kubo ababathumileyo. 34Kepha kwaba kuhle kuSila ukuba asale khona. 35Kodwa oPawulu noBarnaba bahlala e-Antiyokiya, befundisa beshumayela izwi leNkosi kanye nabanye abaningi.

Ukwahlukana kukaPawulu noBarnaba

36Emva kwezinsuku ezithile uPawulu wayesethi kuBarnaba: “Ake sibuye, sihambele abazalwane emizini yonke ngaminye esashumayela kuyo izwi leNkosi, sibone ukuthi bahlezi kanjani.” 37UBarnaba wahlosa ukuhamba noJohane othiwa uMarku. 38Kepha uPawulu wathi akufanele ukuba bahambe naye owabashiya ePhamfiliya, akaze aya nabo emsebenzini. 39Kwase kuvela ukuphikisana okukhulu, baze bahlukana; uBarnaba wathatha uMarku, wawelela eKhupro ngomkhumbi.

Uhambo lwesibili lukaPawulu

40Kepha uPawulu wazikhethela uSila, wahamba enikelwe ngabazalwane emseni weNkosi. 41Wadabula iSiriya neKhilikhiya eqinisa amabandla.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU