Bible Society of South Africa

To The Word – Day 6

Genesis 17–20, John 10–11

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 17

Ukuthenjiswa kuka-Isaka

1U-Abrama eneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye uJehova wabonakala ku-Abrama, wathi kuye: “NginguNkulunkulu uSomandla; hamba phambi kwami ungenacala. 2Ngiyakwenza isivumelwano sami phakathi kwami nawe, ngikwandise kakhulu.”

3U-Abrama wayesewa ngobuso bakhe; uNkulunkulu wakhuluma naye, wathi: 4“Bheka, ngokwami isivumelwano sami sikuwe; uyakuba nguyise wezizwe eziningi. 5Igama lakho alisayikuthiwa u-Abrama, kepha igama lakho lizakuba ngu-Abrahama, ngokuba ngikwenzile uyise wezizwe eziningi. 6Ngiyakwandisa kakhulu inzalo yakho, ngikwenze isizwe, kuvele namakhosi kuwe. 7Ngiyakumisa isivumelwano sami phakathi kwami nawe, nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo, sibe yisivumelwano esiphakade, ngibe nguNkulunkulu wakho nowenzalo yakho emva kwakho. 8Ngiyakunika wena nenzalo yakho emva kwakho izwe ohlala kulo ungumfokazi, izwe lonke laseKhanani, libe yifa laphakade, ngibe nguNkulunkulu wabo.”

Ukusoka

9Wayesethi uNkulunkulu ku-Abrahama: “Wena-ke usuyakusigcina isivumelwano sami kanye nenzalo yakho emva kwakho ezizukulwaneni zayo. 10Yilesi isivumelwano sami phakathi kwami nawe nenzalo yakho emva kwakho eniyakusigcina ukuthi bayakusokwa bonke abesilisa bakini. 11Niyakusoka inyama yejwabu lenu, kube luphawu lwesivumelwano phakathi kwami nani. 12Onezinsuku eziyisishiyagalombili phakathi kwenu uyakusokwa, bonke abesilisa ezizukulwaneni zenu, lowo ozelwe endlini nalowo othengwe ngemali kowezizwe, ongesiye owenzalo yakho. 13Makasokwe ozelwe endlini yakho nothengwe ngemali yakho; isivumelwano sami siyakuba senyameni yenu, sibe yisivumelwano esiphakade. 14Owesilisa ongasokiwe, engasokwanga enyameni yejwabu lakhe, lowo muntu uyakunqunywa kubantu bakubo, ngokuba waphulile isivumelwano sami.”

15UNkulunkulu wathi ku-Abrahama: “USarayi umkakho awusayikumbiza ngegama lokuthi uSarayi, kepha igama lakhe alibe nguSara. 16Ngiyakumbusisa, ngikunike indodana ngaye; yebo, ngiyakumbusisa abe yizizwe, kuvele kuye amakhosi abantu.”

17U-Abrahama wayesewa ngobuso bakhe, wahleka, wathi enhliziyweni yakhe: “Oneminyaka eyikhulu uyakuzalelwa na? USara oneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye uyakuzala na?” 18Wathi u-Abrahama kuNkulunkulu: “Sengathi u-Ishmayeli angaphila phambi kwakho.”

19UNkulunkulu wathi: “Qha, uSara umkakho uyakukuzalela indodana; uyakubiza igama layo ngokuthi u-Isaka; ngiyakusimisa isivumelwano sami naye, sibe yisivumelwano esiphakade nenzalo yakhe emva kwakhe. 20Ngo-Ishmayeli lo ngikuzwile; bheka, ngiyakumbusisa, ngimuphe inzalo, ngimandise kakhulu impela, azale izikhulu eziyishumi nambili, ngimenze isizwe esikhulu. 21Kepha ngiyakumisa isivumelwano sami no-Isaka azakukuzalela yena uSara ngalesi sikhathi ngomnyaka ozayo.” 22UNkulunkulu wayeseqeda ukukhuluma naye, wenyuka emshiya u-Abrahama.

Ukusokwa kwabantu baka-Abrahama

23U-Abrahama wathatha u-Ishmayeli indodana yakhe, nabo bonke ababezelwe endlini yakhe, nabo bonke ababethengwe ngemali yakhe, bonke abesilisa phakathi kwabantu bendlu ka-Abrahama, wasoka inyama yejwabu labo ngalona lolo suku, njengalokho uNkulunkulu emtshelile. 24U-Abrahama wayeneminyaka engamashumi ayisishiyagalolunye nesishiyagalolunye mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe. 25U-Ishmayeli indodana yakhe wayeneminyaka eyishumi nantathu mhla esokwa enyameni yejwabu lakhe. 26U-Abrahama nendodana yakhe u-Ishmayeli basokwa ngalusuku lunye. 27Onke amadoda emzini wakhe ayezelwe endlini nayethengwe ngemali kowezizwe asokwa kanye naye.

UGenesise 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 18

UJehova uyahambela u-Abrahama

1UJehova wabonakala kuye ngasema-okini* aseMamre, ehlezi emnyango wetende ngesikhathi sokushisa kwemini. 2Waphakamisa amehlo akhe, wabuka; bheka, amadoda amathathu ayemi phambi kwakhe; wathi ukuba awabone, wasuka emnyango wetende, wagijima ukuwahlangabeza, wakhothama, 3wathi: “Nkosi, uma ngifumene umusa emehlweni akho, mawungadluli encekwini yakho. 4Makulethwe ingcosana yamanzi, nigeze izinyawo zenu, niphumule phansi komuthi. 5Ngizakulanda ucezu lwesikwa, nithokozise izinhliziyo zenu, andukuba nidlule, njengokuba senifikile encekwini yenu.”

Athi: “Yenza njengokusho kwakho.”

6U-Abrahama waphuthuma etendeni kuSara, wathi: “Sheshisa, uthathe amaseya* amathathu empuphu ecolekileyo, uyixove, wenze amaqebelengwane.”

7U-Abrahama wagijima, waya ezinkomeni, walanda ithole elihle nelinonileyo, walinika encekwini; yashesha ukulilungisa. 8Wathatha amangqanga, nobisi, nethole abelilungisile, wakubeka phambi kwawo; wema ngakuwo phansi komuthi; adla.

9Athi kuye: “Uphi uSara umkakho na?”

Wathi: “Nangu etendeni.”

10Wayesethi: “Impela ngiyakubuyela kuwe emva komnyaka ngalesi sikhathi; bheka, khona umkakho uSara uyakuba nendodana.” USara wakuzwa lokhu esemnyango wetende ongasemva kwakhe. 11Kepha o-Abrahama noSara base begugile, beneminyaka eminingi; kwase kuphelile kuSara okwabesifazane. 12USara wahleka phakathi kwakhe, wathi: “Lapho sengimdala, nenkosi yami igugile, ngiyakuba nalenjabulo na?”

13UJehova wathi ku-Abrahama: “Uhlekeleni uSara, ethi: ‘Imbala ngizakuzala ngimdala na?’ 14Kukhona into emahlula uJehova na? Ngalesi sikhathi emva komnyaka ngiyakubuyela kuwe, uSara abe nendodana.”

15USara waphika wathi: “Angihlekanga,” ngokuba wesaba.

Kepha wathi: “Qha, uhlekile.”

Ukumenyezelwa kokuchithwa kweSodoma nokulikhulekela kuka-Abrahama

16Amadoda asuka lapho, abheka ngaseSodoma; u-Abrahama wahamba nawo ewaphelekezela. 17UJehova wathi: “Ngingamfihlela u-Abrahama lokho engizakukwenza na? 18U-Abrahama uyakuba yisizwe esikhulu, esinamandla; ziyakubusiswa kuyena izizwe zonke zomhlaba. 19Ngokuba ngimkhethele ukuba ayale abantwana bakhe nendlu yakhe emva kwakhe ukugcina indlela kaJehova nokusebenza ukulunga nokwahlulela, ukuze uJehova amenzele u-Abrahama lokho amthembise khona.”

20UJehova wathi: “Isikhalo saseSodoma nesaseGomora sikhulu, nezono zabo zinzima impela. 21Ngalokho ngiyakwehla, ngibone ukuba benzile impela konke njengokwesikhalo esesifikile kimi; uma kungenjalo, ngiyakukwazi.”

22Ayesefulathela lapho amadoda, aya ngaseSodoma, kepha u-Abrahama wayesemi ebusweni bukaJehova. 23U-Abrahama wasondela, wathi: “Uyakubhubhisa olungileyo kanye nomubi na? 24Mhlawumbe kukhona abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi; imbala uyakuyibhubhisa, ungayiyeki indawo ngenxa yabalungileyo abangamashumi ayisihlanu abakuyo na? 25Makube kude nawe ukwenza ngale ndlela, ukubulala olungileyo kanye nomubi, olungileyo abe njengomubi; lokhu makube kude nawe; umahluleli womhlaba wonke ubengayikwenza ukulunga na?”

26UJehova wathi: “Uma ngifumana eSodoma abalungileyo abangamashumi ayisihlanu phakathi komuzi, ngiyakuyekela indawo yonke ngenxa yabo.”

27Kepha u-Abrahama waphendula wathi: “Bheka, sengiqalile ukukhuluma eNkosini, mina engiluthuli nomlotha. 28Mhlawumbe kuyakusweleka abayisihlanu kubo abalungileyo abangamashumi ayisihlanu; ubuyakubhubhisa wonke umuzi ngenxa yalabo abayisihlanu na?”

Wathi: “Angiyikuwubhubhisa, uma ngifumana khona abangamashumi amane nanhlanu.”

29Kepha wabuye wakhuluma kuye, wathi: “Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amane.”

Wathi: “Angiyikukwenza ngenxa yabangamashumi amane.”

30Wayesethi: “Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma. Mhlawumbe kungafunyaniswa khona abangamashumi amathathu.”

Wathi: “Angiyikukwenza, uma ngifumana abangamashumi amathathu lapho.”

31Kepha wathi: “Bheka, ngiqalile ukukhuluma neNkosi. Mhlawumbe kungatholakala abangamashumi amabili khona.”

Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yabangamashumi amabili.”

32Wayesethi: “Mayingathukutheli iNkosi ukuthi ngisakhuluma kanye nje. Mhlawumbe kungafunyanwa abayishumi khona.”

Wathi: “Angiyikuwubhubhisa ngenxa yalabo abayishumi.”

33UJehova wasuka, nxa eseqedile ukukhuluma no-Abrahama; u-Abrahama wabuyela endaweni yakhe.

UGenesise 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 19

Ukuchithwa kweSodoma

1Izingelosi zombili zafika eSodoma sekuhlwile; uLoti wayehlezi esangweni laseSodoma; uLoti ezibona wasukuma wazihlangabeza; wakhothamela emhlabathini ngobuso, 2wathi: “Bhekani, makhosi, ake niphambuke, ningene endlini yenceku yenu, nihlale ubusuku, nigeze izinyawo zenu andukuba nivuke ekuseni kusasa, nihambe indlela yenu.”

Zathi: “Qha, siyakuhlala phandle.”

3Kepha wazincenga kakhulu, zaze zaphambukela kuye, zangena endlini yakhe; wazilungisela idili, wenza isinkwa esingenamvubelo, zadla. 4Zingakalali, amadoda omuzi, amadoda aseSodoma, azungeza indlu, amasha namadala, abantu bonke bephelele. 5Bambiza uLoti, bathi kuye: “Aphi lawa madoda angenise kuwe ebusuku na? Sikhiphele wona ukuba siwazi.”

6ULoti waphumela kubo ngasemnyango, wavala umnyango emva kwakhe. 7Wathi: “Bafowethu, ningoni. 8Bhekani, nginamadodakazi amabili angayazi ndoda; ake nginiphumisele wona, nenze kuwo njengokufanele emehlweni enu; kepha kulawa madoda ningenzi lutho, ngokuba angene emthunzini wophahla lwami.”

9Bathi: “Suka lapha!” Bathi futhi: “Lo muntu oyedwa wafika ukuba agogobale; usefuna ukwahlulela; manje siyakukuhlupha wena kunabo.” Bamcindezela kakhulu lo muntu uLoti, basondela ukuba bafohloze umnyango.

10Khona amadoda azelula izandla, ambuyisela uLoti endlini, avala umnyango. 11Amadoda ayephandle kwendlu awashaya ngobumpumputhe, amancane namakhulu, aze akhathala ukufuna umnyango.

12Ayesethi amadoda kuLoti: “Unobani futhi lapha na? Umkhwenyana, namadodana akho, namadodakazi akho, nabo bonke onabo emzini baphumise kule ndawo, 13ngokuba siyakuyichitha le ndawo, lokhu isikhalo sabo sesisikhulu ebusweni bukaJehova; uJehova usithumile ukuba siyichithe.”

14Wayesephuma uLoti, wakhuluma nabakhwenyana bakhe ababeyakuthatha amadodakazi akhe, wathi: “Sukani niphume kule ndawo, ngokuba uJehova uyakuchitha umuzi.” Kepha wayenjengontelayo emehlweni abakhwenyana bakhe.

15Kusantwela izingelosi zamsheshisa uLoti, zathi: “Vuka uthathe umkakho, namadodakazi akho omabili onawo, funa ubhujiswe ngenxa yobubi bomuzi.”

16Esalibala, amadoda abamba isandla sakhe, nesandla somkakhe, nesandla samadodakazi akhe omabili, uJehova enomusa kuye; amphumisa, ambeka ngaphandle komuzi. 17Kwathi esebaphumisile ngaphandle, wathi: “Baleka, usinde; ungabheki emva kwakho, ungemi ndawo ethafeni lonke; balekela entabeni, funa ubhujiswe.”

18Kepha uLoti wathi kuwo: “Nkosi, makungabi njalo. 19Bheka, inceku yakho ifumene umusa emehlweni akho, ungenzele ububele obukhulu ngokusindisa ukuphila kwami; kepha mina angikwazi ukubalekela entabeni, funa ububi bungifice, ngife. 20Bheka-ke, lowo muzi useduze ukuba ngibalekele kuwo, futhi mncane; ake ngibalekele khona angithi mncane ukuba umphefumulo wami uphile.”

21Wathi kuye: “Bheka, nakule nto ngiyakukuvumela; angiyikuwuchitha lo muzi okhuluma ngawo. 22Kepha shesha ubalekele khona, ngokuba ngingenze lutho, ungakafiki khona.” Ngalokho umuzi wabizwa ngokuthi iSowari.*

UmkaLoti namadodakazi akhe

23Ilanga laphumela emhlabeni, uLoti esangena eSowari. 24Khona uJehova wanisa phezu kweSodoma naphezu kweGomora isibabule nomlilo, kuvela kuJehova ezulwini. 25Wachitha leyo mizi nethafa lonke, nabo bonke abakhe emizini, nalokho okuhlumayo emhlabathini. 26Kepha umkakhe wabheka emva kwakhe, waba yinsika kasawoti.

27U-Abrahama wavuka ekuseni, waya endaweni lapho akade emi khona ebusweni bukaJehova. 28Wabheka ngaseSodoma naseGomora nasezweni lonke lethafa, wabona, bheka, isisi sezwe senyuka njengomusi weziko.

29Kwathi lapho uNkulunkulu ebhubhisa imizi yasethafeni, uNkulunkulu wakhumbula u-Abrahama, waphumisa uLoti ekuchithekeni mhla ebhubhisa imizi ayehlezi kuyo uLoti.

30ULoti wakhuphuka eSowari, waya wahlala entabeni kanye namadodakazi akhe omabili, ngokuba wesaba ukuhlala eSowari; wahlala emhumeni namadodakazi akhe amabili. 31Enkulu yayisithi kwencane: “Ubaba usemdala; akukho ndoda ezweni engangena kithi njengokwenza komhlaba wonke. 32Woza simphuzise ubaba iwayini, silale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.”

33Ngalobo busuku ayesemphuzisa uyise iwayini; enkulu yangena yalala noyise, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

34Kwathi ngangomuso enkulu yathi kwencane: “Bheka, bengilele nobaba izolo; asimphuzise iwayini nangalobu busuku, ungene wena, ulale naye ukuba sizizuzele inzalo kubaba.” 35Ayesemphuzisa uyise iwayini nangalobo busuku; encane yasuka yalala naye, engazi ukulala kwayo nokuvuka kwayo.

36Kanjalo amadodakazi kaLoti omabili akhuleliswa nguyise. 37Enkulu yazala indodana, yaqamba igama layo ngokuthi uMowabi; lowo unguyise wabakwaMowabi kuze kube namuhla. 38Encane yazala indodana nayo, yaqamba igama layo ngokuthi uBenami; lowo unguyise wabantwana bakwa-Amoni kuze kube namuhla.

UGenesise 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 20

U-Abrahama nomkakhe beseGerari

1U-Abrahama wayesesuka lapho, waya ngasezweni laseningizimu, wakha phakathi kweKadeshi neShuri; wagogobala eGerari. 2U-Abrahama wathi ngoSara umkakhe: “Ungudadewethu.” Khona u-Abimeleki inkosi yaseGerari wathuma wamthatha uSara.

3Kepha uNkulunkulu weza ku-Abimeleki ngephupho ebusuku, wathi kuye: “Bheka, uyafa ngenxa yowesifazane omthathileyo; uganile endodeni.”

4Kepha u-Abimeleki wayengakasondeli kuye; wathi: “Nkosi, uyakubhubhisa nesizwe esilungileyo na? 5Akashongo kimi ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na? Naye uqobo wathi: ‘Ungumnewethu.’ Ngobuqotho benhliziyo yami nangobumhlophe bezandla zami ngikwenzile lokhu.”

6Wayesethi uNkulunkulu kuye ephusheni: “Nami ngiyazi ukuthi ukwenze lokhu ngobuqotho benhliziyo yakho; futhi ngakuvimba ukuba ungoni kimi; ngalokho angikuvumelanga ukuba umthinte. 7Kepha manje wena, buyisa umfazi wendoda, ngokuba ingumprofethi; iyakukukhulekela ukuba uphile; uma ungambuyiseli, yazi ukuthi uyakufa nokufa, wena nabo bonke abakho.”

8U-Abimeleki wavuka ekuseni, wabiza izinceku zakhe zonke, wakhuluma onke lawa mazwi ezindlebeni zazo; amadoda esaba kakhulu. 9U-Abimeleki wayesembiza u-Abrahama, wathi kuye: “Wenzeni kithi na? Ngoneni kuwe ukuba ungilethele mina nombuso wami icala elingaka na? Wenze kimi okungafanele ukwenziwa.” 10U-Abimeleki wathi ku-Abrahama: “Wabonani ukuba wenze lokhu na?”

11U-Abrahama wathi: “Ngokuba bengithi: Impela ukumesaba uNkulunkulu akukho kule ndawo; bayakungibulala ngenxa yomkami. 12Futhi impela ungudadewethu, indodakazi kababa, kepha akasiyo indodakazi kamame, waba ngumkami. 13Kwathi mhla uNkulunkulu engiphumisa endlini kababa, ngathi kuye: ‘Yilo umusa ozakungenzela wona: ezindaweni zonke esiyakufika kuzo, yisho ngami ukuthi: “Ungumnewethu.” ’ ”

14U-Abimeleki wayesethatha izimvu, nezinkabi, nezinceku, nezincekukazi, wazipha u-Abrahama, wambuyisela uSara umkakhe. 15Wathi u-Abimeleki: “Bheka, izwe lami lisebusweni bakho; yakha lapho uthanda khona.”

16Wathi kuSara: “Bheka, ngimnikile umnewenu amashekeli* ayinkulungwane esiliva; bheka, lokhu kuyisisibekelo secala phambi kwamehlo abo bonke abanawe; kukho konke usulungisiwe.”

17U-Abrahama wakhuleka kuNkulunkulu. UNkulunkulu wamphulukisa u-Abimeleki nomkakhe nezincekukazi zakhe, baze bazala. 18Ngokuba uJehova wayevalile nokuvala zonke izizalo zabendlu ka-Abimeleki ngenxa kaSara umka-Abrahama.

UGenesise 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 10

Umalusi omuhle

1“Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Ongangeni ngesango esibayeni sezimvu, kodwa ekhwela ngenye indawo, lowo uyisela nomphangi. 2Kepha ongena ngesango ungumalusi wezimvu. 3Umlindisango uyamvulela lowo; nezimvu ziyalizwa izwi lakhe; ubiza ezakhe izimvu ngamagama, aziholele phandle. 4Nxa esezikhiphile ezakhe zonke, uhamba phambi kwazo, izimvu zimlandele, ngokuba zilazi izwi lakhe. 5Kepha umfokazi azisoze zamlandela, kodwa ziyakumbalekela, ngokuba zingalazi izwi labafokazi.” 6UJesu washo lo mfanekiso kubo; kepha bona abezwisisanga ukuba kuyini lokho akukhuluma kubo.

7Ngakho-ke uJesu wabuye wathi kubo: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Mina ngiyisango lezimvu. 8Bonke abafike ngaphambi kwami bangamasela nabaphangi, kepha izimvu azibezwanga. 9Mina ngiyisango; uma umuntu engena ngami, uyakusindiswa, angene, aphume, afumane idlelo. 10Isela kalizi kungengokweba nokubulala nokubhubhisa; mina ngize ukuba babe nokuphila, babe nakho kuchichime.

11“Ngingumalusi omuhle. Umalusi omuhle udela ukuphila kwakhe ngenxa yezimvu. 12Okhokhelwayo engesiye umalusi, izimvu zingesizo ezakhe, ebona impisi iza, ushiya izimvu, abaleke – impisi izibhozomele, izihlakaze – 13ngokuba engokhokhelwayo, engazinakekeli izimvu.

14“Mina ngingumalusi omuhle; ngiyazazi ezami, nezami ziyangazi, 15njengalokhu uBaba uyangazi, nami ngiyamazi uBaba; ngidela ukuphila kwami ngenxa yezimvu. 16Nezinye izimvu nginazo ezingesizo ezalesi sibaya; nalezo ngimelwe ukuziletha; ziyakuzwa izwi lami, kube mhlambi munye nomalusi munye. 17Ngalokho uBaba uyangithanda, ngokuba ngidela ukuphila kwami ukuba ngibuye ngikuthabathe. 18Akakho ongangamuka ukuphila kwami, kodwa ngikudela ngokwami; nginamandla okukudela, nginamandla okubuye ngikuthabathe. Lo myalo ngiwamukele kuBaba.”

19Kwaba khona futhi ukwahlukana phakathi kwabaJuda ngalawo mazwi. 20Abaningi kubo bathi: “Unedemoni, uyahlanya; nimlalelelani na?”

21Abanye bathi: “Lawo mazwi akusiwo awomuntu onedemoni; imbala idemoni lingavula amehlo ezimpumputhe na?”

UJesu unguMesiya

22Khona kwakungumkhosi wokuhlanjululwa kwethempeli eJerusalema, kusebusika. 23UJesu wayehamba ethempelini emphemeni kaSolomoni. 24Base bemhaqa abaJuda bethi kuye: “Koze kube nini ulibazisa izinhliziyo zethu na? Uma wena unguKristu, sitshele ngokuchachileyo.”

25UJesu wabaphendula wathi: “Nganitshela, kodwa anikholwanga; imisebenzi engiyenzayo egameni likaBaba yiyona efakaza ngami. 26Kodwa nina anikholwa, ngokuba anisibo abezimvu zami. 27Izimvu zami ziyalizwa izwi lami; nami ngiyazazi, ziyangilandela; 28ngizinika ukuphila okuphakade, azisoze zabhubha naphakade; akakho ongazihlwitha esandleni sami. 29UBaba onginikileyo mkhulu kunabo bonke; akakho ongazihlwitha esandleni sikaBaba. 30Mina noBaba simunye.”

31AbaJuda base bebuye bethatha amatshe ukuba bamkhande. 32UJesu wabaphendula wathi: “Nginitshengise imisebenzi eminingi emihle evela kuBaba; yimuphi umsebenzi kulena eningikhandela wona na?”

33Bamphendula abaJuda, bathi: “Asikukhandi ngenxa yomsebenzi omuhle kepha ngenxa yokuhlambalaza, ngokuba wena ungumuntu ozenza uNkulunkulu.”

34UJesu wabaphendula wathi: “Akulotshiwe yini emthethweni wakini ukuthi: ‘Ngithe: Ningonkulunkulu,’ na? 35Uma wathi bangonkulunkulu bona eleza kubo izwi likaNkulunkulu – nombhalo ungeqiwe – 36nithi ngaye uYise amahlukanisileyo, wamthumela ezweni, ukuba uyahlambalaza, ngokuba ngithe: ‘NgiyiNdodana kaNkulunkulu,’ na? 37Uma ngingenzi imisebenzi kaBaba, maningakholwa yimi. 38Kepha uma ngiyenza, nakuba ningakholwa yimi, kholwani yimisebenzi, ukuze nazi, niqonde ukuthi uBaba ukimi, nami ngikuBaba.” 39Base befuna futhi ukumbamba, kepha waphunyuka esandleni sabo.

40Waphinda wamuka, waya phesheya kweJordani kuleyo ndawo lapho uJohane waqala ukubhapathiza khona, wahlala lapho. 41Nabaningi beza kuye, bathi: “UJohane nempela akenzanga sibonakaliso nasinye, kepha konke uJohane akusho ngalowo muntu kwakuqinisile.” 42Abaningi bakholwa nguye lapho.

NgokukaJohane 10ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 11

Ukuvuswa kukaLazaru

1Kwakukhona othile ogulayo, uLazaru waseBethaniya umuzi wakubo kaMariya nodadewabo uMarta. 2UMariya kwakunguye owagcoba iNkosi ngamafutha, wesula izinyawo zayo ngezinwele zakhe, omnewabo uLazaru wayegula. 3Ngakho-ke odadewabo bathumela kuye, bathi: “Nkosi, bheka, lo omthandayo uyagula.”

4UJesu esekuzwile lokho wathi: “Lokhu kugula akusikho okokufa, kodwa kungenxa yenkazimulo kaNkulunkulu ukuba iNdodana kaNkulunkulu ikhazimuliswe ngakho.” 5Kepha uJesu wayebathanda oMarta nodadewabo noLazaru. 6Ngakho-ke kwathi ezwa ukuthi uyagula, wahlala futhi izinsuku ezimbili endaweni abe kuyo.

7Emva kwalokho wathi kubafundi bakhe: “Asibuye, siye eJudiya.”

8Abafundi bathi kuye: “Rabi, abaJuda basand' ukufuna ukukukhanda ngamatshe; usaya futhi khona na?”

9UJesu waphendula wathi: “Awakho yini amahora ayishumi nambili emini na? Uma umuntu ehamba emini, akakhubeki, ngokuba ubona ukukhanya kwaleli zwe. 10Kodwa uma umuntu ehamba ebusuku, uyakhubeka, ngokuba kungekho ukukhanya kuye.”

11Wakhuluma lokho; emva kwalokho wathi kubo: “ULazaru umhlobo wethu ulele, kepha ngiyahamba ukuba ngimvuse ebuthongweni.”

12Abafundi bakhe base bethi kuye: “Nkosi, uma elele, uyakusinda.” 13Kepha uJesu wayekhuluma ngokufa kwakhe, kepha bona babethi ukhuluma ngokulala ubuthongo.

14Ngakho-ke uJesu wathi kubo ngokuchachileyo: “ULazaru ufile; 15ngiyathokoza ngenxa yenu ukuthi bengingekho, ukuze nikholwe; kepha asiye kuye.”

16Khona uTomase, othiwa uDidimu, wathi kubafundi abakanye naye: “Asihambe nathi, ukuze sife kanye naye.”

17Kwathi-ke esefika uJesu, wamfumana esenezinsuku ezine ethuneni. 18IBethaniya laliseduze neJerusalema, kungaba ngamastadiyu* ayishumi nanhlanu. 19Abaningi kubaJuda babefikile koMarta noMariya ukubakhuza ngomnewabo. 20Ngakho uMarta esezwe ukuthi uJesu uyeza, waya ukumhlangabeza, kepha uMariya wahlala endlini.

21Wayesethi uMarta kuJesu: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga; 22kepha ngiyazi nakalokhu ukuthi nokuba yini ongakucela kuNkulunkulu, uNkulunkulu uzakukunika khona.”

23UJesu wathi kuye: “Umnewenu uzakuvuka.”

24UMarta wathi kuye: “Ngiyazi ukuthi uyakuvuka ekuvukeni ngosuku lokugcina.”

25UJesu wathi kuye: “Mina ngingukuvuka nokuphila; okholwa yimi, noma efa, wophila. 26Nalowo ophila, akholwe yimi, kasoze afa naphakade. Uyakholwa yilokho na?”

27Wathi kuye: “Yebo, Nkosi, ngiyakholwa ukuthi wena unguKristu, iNdodana kaNkulunkulu, obezakuza ezweni.”

28Eseshilo lokho wamuka wabiza uMariya udadewabo ngasese, wathi: “UMfundisi ukhona, uyakubiza.” 29Yena-ke ekuzwa lokho wasuka masinyane, waya kuye. 30Kepha uJesu wayengakafiki emzini, kodwa wayesekuleyo ndawo uMarta amhlangabeza kuyo. 31AbaJuda ababesendlini naye bemkhuza, bebona uMariya esuka masinyane ephuma, bamlandela, bathi: “Uya ethuneni ukuba akhale khona.”

32UMariya esefike lapho ekhona uJesu, embona, wawa ngasezinyaweni zakhe, wathi: “Nkosi, uma ubukhona, umnewethu nga engafanga.”

33Ngakho uJesu embona ekhala, nabaJuda abafika naye bekhala, wabubula emoyeni, wakhathazeka; 34wathi: “Nimbekephi na?”

Bathi kuye: “Nkosi, woza ubone.”

35UJesu wakhala izinyembezi.

36Ngakho-ke abaJuda bathi: “Bheka, ukumthanda kwakhe okungaka.”

37Kepha abanye kubo bathi: “Lo owavula amehlo empumputhe wayengekwenze yini ukuba yena lo angafi na?”

38Ngakho uJesu, ebubula futhi phakathi kwakhe, wafika ethuneni. Lalingumhume, kwakukhona itshe phezu kwawo. 39Wathi uJesu: “Susani itshe.”

UMarta, udadewabo wofileyo, wathi kuye: “Nkosi, usenuka; ngokuba sezizine.”

40UJesu wathi kuye: “Angishongo yini kuwe ukuthi uma ukholwa, uzakubona inkazimulo kaNkulunkulu, na?”

41Balisusa-ke itshe. Kepha uJesu waphakamisa amehlo, wathi: “Baba, ngiyakubonga ngokuba ungizwile. 42Bengazi mina ukuthi ungizwa njalo, kodwa ngenxa yesixuku esingiphahlileyo ngishilo lokho, ukuze bakholwe ukuthi nguwena ongithumileyo.”

43Esekhulume lokho wamemeza ngezwi elikhulu, wathi: “Lazaru, phuma.” 44Waphuma ofileyo eboshwe izinyawo nezandla ngezindwangu, ubuso bakhe bumboziwe ngeduku. UJesu wathi kubo: “Mthukululeni, nimyeke ahambe.”

Umphakathi unquma ukumbulala uJesu

45Khona abaningi kubaJuda ababezile kuMariya bebona abekwenzile, bakholwa nguye. 46Kepha abanye babo baya kubaFarisi, babatshela abekwenzile uJesu. 47Ngalokho abapristi abakhulu nabaFarisi base bemema umphakathi, bathi: “Siyakwenze njani na? Lo muntu wenza izibonakaliso eziningi; 48uma simyeka njalo, bazakukholwa nguye bonke; amaRoma ayakufika, asamuke indawo nesizwe.”

49Kepha othile wabo, uKayafase, engumpristi omkhulu walowo mnyaka, wathi kubo: “Anazi lutho nina; 50aniqondi futhi ukuthi kunilungele ukuba umuntu oyedwa afele abantu, isizwe sonke singabhubhi.”

51Lokho kakushongo ngokwakhe, kodwa engumpristi omkhulu walowo mnyaka waprofetha ukuba uJesu wayezakufa ngenxa yesizwe; 52kungengenxa yesizwe kuphela, kepha ukuba abuthele ndawonye abantwana bakaNkulunkulu abahlakazekileyo, babe munye. 53Kusukela kulolo suku baceba ukuba bambulale.

54Ngakho uJesu kabuyange esahamba obala phakathi kwabaJuda, kepha wamuka lapho, waya ezweni eliseduze nehlane emzini othiwa i-Efrayimi; wahlala khona nabafundi bakhe.

55Lase liseduze iPhasika labaJuda; abaningi abavela emaphandleni bakhuphukela eJerusalema ngaphambi kwePhasika ukuba bazihlambulule. 56Ngakho bamfuna uJesu, bexoxa bemi ethempelini, bethi: “Nithini na? Akayikuza nempela emkhosini na?” 57Abapristi abakhulu nabaFarisi babekhiphe umyalo wokuthi uma kukhona owaziyo lapho ekhona, ababikele, ukuze bambambe.

NgokukaJohane 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU