Bible Society of South Africa

To The Word – Day 61

Joshua 19–21, Acts 19–21

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UJoshuwa 19

Isabelo sesizwe sakwaSimeyoni

1Inkatho yesibili yadla uSimeyoni, isizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo; ifa labo laliphakathi kwefa labantwana bakwaJuda. 2Ifa labo laliyiBeri Sheba, neSheba, neMolada, 3neHasari Shuwali, neBala, ne-Eseme, 4ne-Elitoladi, neBethuli, neHorma, 5neSikilagi, neBeti Marikaboti, neHasari Susa, 6neBeti Lebawoti, neSharuheni, imizi iyishumi nantathu nemizana yayo; 7i-Ayini, neRimoni, ne-Etere, ne-Ashani, imizi mine nemizana yayo, 8nayo yonke imizana eyayinxazonke zaleyo mizi kuze kube seBalati Beri, iRama laseNingizimu. Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaSimeyoni ngemindeni yabo. 9Ifa labantwana bakwaSimeyoni lavela esabelweni sabantwana bakwaJuda, ngokuba isabelo sabantwana bakwaJuda sasisikhulu kubo; ngalokho abantwana bakwaSimeyoni babenefa phakathi kwefa labo.

Isabelo sakwaZebuloni

10Inkatho yesithathu yadla abantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo; umkhawulo wefa labo wafika eSaridi; 11umkhawulo wabo wenyukela ngasentshonalanga kuze kube seMarala, wafinyelela naseDabesheti, wafinyelela nasemfuleni ongasempumalanga kwaseJokineyamu, 12wajika wasuka eSaridi ngasempumalanga, lapho kuphuma khona ilanga, kuze kube semkhawulweni waseKisiloti Thabori, waphuma waya eDaberati, wenyukela eJafiya; 13kusukela lapho wadlula waya ngasempumalanga eGati Heferi, nase-Eti Kasini, waphuma waya eRimoni elifika naseNeya; 14umkhawulo wawusujika ngasenyakatho kwalo, waya eHanathoni; ukuphuma kwawo kwakungasesigodini saseJifitayeli; 15neKathati, neNahalali, neShimroni, neJidala, neBetlehema, imizi iyishumi nambili nemizana yayo.

16Lokho kwakuyifa labantwana bakwaZebuloni ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.

Isabelo sakwa-Isakare

17Inkatho yesine yadla u-Isakare, abantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo. 18Umkhawulo wabo wawuyiJizreyeli, neKesuloti, neShunemi, 19neHafarayimi, neShiyoni, ne-Anaharati, 20neRabiti, neKishiyoni, ne-Ebesi, 21neRemeti, ne-Eni Ganimi, ne-EniHada, neBeti Phasesi; 22umkhawulo wafinyelela eThabori, naseShahasuma, naseBeti Shemeshi; ukuphuma komkhawulo wabo kwakuseJordani, imizi iyishumi nesithupha nemizana yayo. 23Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Isakare ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.

Isabelo sakwa-Asheri

24Inkatho yesihlanu yadla isizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo. 25Umkhawulo wabo wawuyiHelikati, neHali, neBetheni, ne-Akishafu, 26ne-Alameleki, ne-Amadi, neMishali; wafinyelela eKarmeli ngasentshonalanga, naseShihori Libinati; 27wajika ngasempumalanga, waya eBeti Dagoni, wafinyelela kwaZebuloni nasesigodini saseJifitayeli ngasenyakatho ukuya eBeti Emeki naseNeyiyeli, waphumela eKabuli ngakwesokhohlo; 28ne-Ebironi, neRehobi, neHamoni, neKhana, neSidoni Elikhulu; 29umkhawulo wajika waya eRama, nasemzini obiyelweyo waseTire; umkhawulo wajika waya eHosa; ukuphuma kwawo kwakuselwandle ngasezweni lase-Akizibi; 30ne-Uma, ne-Afeki, neRehobi, imizi ingamashumi amabili nemizana yayo.

31Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwa-Asheri ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.

Isabelo sakwaNafetali

32Inkatho yesithupha yadla abantwana bakwaNafetali, abantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo.

33Umkhawulo wabo wasuka eHelefi, kulo i-oki* laseSahananimi, nase-Adami Nekebi, naseJabineyeli, waze wafika eLakumi; ukuphuma kwawo kwakungaseJordani; 34umkhawulo wawusujika ngasentshonalanga, waya e-Azinoti Thabori; waphuma lapho, waya eHukoki; wafinyelela kwaZebuloni ngaseningizimu, wafinyelela kwa-Asheri ngasentshonalanga nakwaJuda ngaseJordani ngasempumalanga. 35Imizi ebiyelweyo yayiyiSidimi, neSeri, neHamati, neRakati, neKinereti, 36ne-Adama, neRama, neHasori, 37neKedeshi, ne-Edireyi, ne-EniHasori, 38neJireyoni, neMigidaliyeli, neHoremi, neBeti Anati, neBeti Shemeshi, imizi iyishumi nesishiyagalolunye nemizana yayo. 39Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaNafetali ngemindeni yabo, imizi kanye nemizana yayo.

Isabelo sakwaDani

40Inkatho yesikhombisa yadla abantwana bakwaDani ngemindeni yabo. 41Umkhawulo wefa labo wawuyiSora, ne-Eshitawoli, ne-Iri Shemeshi, 42neShahalabini, ne-Ajaloni, neJitila, 43ne-Eloni, neThimna, ne-Ekroni, 44ne-Eliteke, neGibethoni, neBalati, 45neJehudi, neBene Beraki, neGati Rimoni, 46neMe Jarikhoni, neRakhoni, kanye nomkhawulo malungana neJafo.

47Umkhawulo wabantwana bakwaDani waphuma kuwo; kepha abantwana bakwaDani bakhuphuka balwa neLeshemu, balithatha, balichitha ngosiko lwenkemba, balidla, bakha kulo, baliqamba iLeshemu ngokuthi iDani ngegama likaDani uyise. 48Lokho kwakuyifa lesizwe sabantwana bakwaDani ngemindeni yabo, leyo mizi kanye nemizana yayo.

Isabelo sikaJoshuwa

49Base beqeda ukwabelana izwe libe yifa ngemikhawulo yalo; abantwana bakwa-Israyeli bamnika uJoshuwa indodana kaNuni ifa phakathi kwabo; 50ngesiyalezo sikaJehova bamnika umuzi awucelayo, iThimnati Sera, ezintabeni zakwa-Efrayimi; wakha umuzi, wahlala kuwo.

51Lawo angamafa abawabela ngenkatho u-Eleyazare umpristi, noJoshuwa indodana kaNuni, nezinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli eShilo phambi kukaJehova ngasemnyango wetende lokuhlangana. Baqeda-ke ukwabela izwe.

UJoshuwa 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 20

Imizi eyisithupha yokuphephela

1UJehova wakhuluma kuJoshuwa, wathi: 2“Khuluma kubantwana bakwa-Israyeli ngokuthi: ‘Zimiseleni imizi yokuphephela engakhuluma ngayo kini ngesandla sikaMose 3ukuba umbulali obulala umuntu ngesiphosiso kungengamabomu abalekele khona, yona ibe yisiphephelo kumphindiseli wegazi.

4“ ‘Obalekelayo komunye waleyo mizi uyakuma ngasesikhaleni sesango lomuzi, akhulume indaba yakhe ezindlebeni zamalunga alowo muzi, angene naye emzini, amuphe indawo ukuba ahlale phakathi kwabo. 5Uma umphindiseli wegazi emxosha, awayikumnikela umbulali esandleni sakhe, ngokuba wambulala umakhelwane wakhe kungengamabomu ebekade engamzondi. 6Uyakuhlala kulowo muzi aze eme phambi kwenhlangano ukuba kuthethwe icala, kuze kufe umpristi omkhulu okhona ngalezo zinsuku, andukuba umbulali abuye, afike kowakhe umuzi, nakweyakhe indlu, yebo, kulowo muzi abaleka kuwo.’ ”

7Bangcwelisa iKedeshi laseGalile ezintabeni zakwaNafetali, neShekemi ezintabeni zakwa-Efrayimi, neKiriyati Araba eliyiHebroni ezintabeni zakwaJuda. 8Phesheya kweJordani ngaseJeriko ngasempumalanga bamisa iBeseri ehlane ethafeni esizweni sakwaRubeni, neRamoti kwaGileyadi esizweni sakwaGadi, neGolanu eBashani esizweni sakwaManase. 9Leyo yayiyimizi emiselwe bonke abantwana bakwa-Israyeli nabafokazi ababegogobele phakathi kwabo, ukuze yilowo nalowo obulele umuntu ngesiphosiso abalekele khona, angafi ngesandla somphindiseli wegazi, aze eme phambi kwenhlangano.

UJoshuwa 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJoshuwa 21

Imizi engamashumi amane nesishiyagalombili yamaLevi

1Kwasondela izinhloko zawoyise bamaLevi ku-Eleyazare umpristi, nakuJoshuwa indodana kaNuni, nakuzo izinhloko zawoyise bezizwe zabantwana bakwa-Israyeli, 2bakhuluma kubo eShilo ezweni laseKhanani, bathi: “UJehova wayala ngesandla sikaMose ukuba siphiwe imizi ukuhlala kuyo kanye namadlelo ayo, abe ngawezinkomo zethu.” 3Abantwana bakwa-Israyeli base bewanika amaLevi efeni labo njengesiyalezo sikaJehova le mizi kanye namadlelo ayo.

4Inkatho yadla imindeni yamaKohati; abantwana bakwa-Aroni umpristi ababe ngamaLevi babelwa esizweni sakwaJuda, nasesizweni sakwaSimeyoni, nasesizweni sakwaBenjamini imizi eyishumi nantathu. 5Abantwana abaseleyo bamaKohati babelwa emindenini yesizwe sakwa-Efrayimi, nasesizweni sakwaDani, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase imizi eyishumi.

6Abantwana bakwaGereshoni babelwa emindenini yesizwe sakwa-Isakare, nasesizweni sakwa-Asheri, nasesizweni sakwaNafetali, nakuyo inxenye yesizwe sakwaManase eBashani imizi eyishumi nantathu.

7Abantwana bakwaMerari ngemindeni yabo babelwa esizweni sakwaRubeni, nasesizweni sakwaGadi, nasesizweni sakwaZebuloni imizi eyishumi nambili.

8Abantwana bakwa-Israyeli bawanika amaLevi ngenkatho leyo mizi kanye namadlelo ayo, njengalokho uJehova ebeyalile ngesandla sikaMose.

9Abelwa esizweni sabantwana bakwaJuda nasesizweni sabantwana bakwaSimeyoni lemizi eshiwo lapha ngamagama 10yaba ngeyabantwana bakwa-Aroni bemindeni yamaKohati ayengamaLevi; ngokuba inkatho yokuqala yaba ngeyabo.

11Bawanika umuzi ka-Araba owayenguyise ka-Anaki, oyiHebroni, ezintabeni zakwaJuda, kanye namadlelo awo nxa zonke zawo. 12Kepha amasimu omuzi nemizana yawo bamnika khona uKalebi indodana kaJefune kube yifa lakhe.

13Abantwana bakwa-Aroni, umpristi, babanika iHebroni kanye namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neLibina kanye namadlelo alo, 14neJatiri namadlelo alo, ne-Eshitemowa namadlelo alo, 15neHoloni namadlelo alo, neDebiri namadlelo alo, 16ne-Ayini namadlelo alo, neJutha namadlelo alo, neBeti Shemeshi namadlelo alo, imizi eyisishiyagalolunye kulezo zizwe zombili.

17Esizweni sakwaBenjamini: iGibeyoni namadlelo alo, neGeba namadlelo alo, 18ne-Anathoti namadlelo alo, ne-Alimoni namadlelo alo, imizi mine.

19Yonke imizi yabantwana bakwa-Aroni, abapristi, yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.

20Imindeni yabantwana bamaKohati amaLevi, abantwana abaseleyo bamaKohati, yabelwa ngenkatho imizi yabo esizweni sakwa-Efrayimi.

21Bayinika iShekemi namadlelo alo ezintabeni zakwa-Efrayimi, umuzi wokuphephela wombulali, neGezeri namadlelo alo, 22neKibisayimi namadlelo alo, neBeti-Horoni namadlelo alo, imizi mine.

23Esizweni sakwaDani: i-Elitheke namadlelo alo, neGibethoni namadlelo alo, 24ne-Ajaloni namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mine.

25Kuyo inxenye yesizwe sakwaManase: iThahanaki namadlelo alo, neGati Rimoni namadlelo alo, imizi mibili.

26Yonke imizi yemindeni yabantwana abaseleyo bamaKohati yayiyishumi namadlelo ayo.

27Abantwana bakwaGereshoni bemindeni yamaLevi babelwa kuyo inxenye yesizwe sakwaManase iGolanu eBashani namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neBeyeshitera namadlelo alo, imizi mibili. 28Esizweni sakwa-Isakare: iKishiyoni namadlelo alo, neDaberati namadlelo alo, 29neJarimuthi namadlelo alo, ne-Eni Ganimi namadlelo alo, imizi mine.

30Esizweni sakwa-Asheri: iMishali namadlelo alo, ne-Abidoni namadlelo alo, 31neHelikati namadlelo alo, neRehobe namadlelo alo, imizi mine.

32Esizweni sakwaNafetali: iKedeshi laseGalile namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neHamoti Dori namadlelo alo, neKaritani namadlelo alo, imizi mithathu.

33Yonke imizi yamaGereshoni ngemindeni yawo yayiyimizi eyishumi nantathu namadlelo ayo.

34Imindeni yabantwana bakwaMerari, abaseleyo kumaLevi, yabelwa esizweni sakwaZebuloni iJokineyamu namadlelo alo, neKarita namadlelo alo, 35neDimina namadlelo alo, neNahalali namadlelo alo, imizi mine.

36Esizweni sakwaRubeni: iBeseri namadlelo alo, neJahasi namadlelo alo, 37neKedemoti namadlelo alo, neMefahati namadlelo alo, imizi mine.

38Esizweni sakwaGadi: iRamoti kwaGileyadi namadlelo alo, umuzi wokuphephela wombulali, neMahanayimi namadlelo alo, 39neHeshiboni namadlelo alo, neJazeri namadlelo alo, yonke iyimizi emine.

40Yonke imizi yabantwana bakwaMerari ngemindeni yabo, imindeni eseleyo yamaLevi, isabelo sabo sasiyimizi eyishumi nambili. 41Yonke imizi yamaLevi phakathi kwefa labantwana bakwa-Israyeli yayiyimizi engamashumi amane nesishiyagalombili namadlelo ayo. 42Leyo mizi yonke yayinamadlelo ayo nxazonke zayo; kwakunjalo kuyo yonke leyo mizi.

43UJehova wamnika-ke u-Israyeli lonke izwe afunga ukubanika lona oyise, balidla, bakha kulo. 44UJehova wabanika ukuphumula nxazonke njengakho konke ayekufungile koyise; kwakungekho muntu kuzo zonke izitha zabo owema phambi kwabo; uJehova wanikela zonke izitha zabo esandleni sabo. 45Akuphuthanga lutho kukho konke okuhle uJehova akukhuluma khona kuyo indlu ka-Israyeli; kwenziwa konke.

UJoshuwa 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 19

Uhambo lwesithathu lukaPawulu: use-Efesu

1Kwathi u-Apholo eseKorinte, uPawulu wafika e-Efesu esedabulile amazwe angasenhla, wafumana abafundi abathile, 2wathi: “Namamukela yini uMoya oNgcwele mhla nikholwayo na?”

Bathi kuye: “Qhabo, asizwanga nokuzwa ukuba kukhona uMoya oNgcwele.”

3Wathi: “Pho, nabhapathizelwa kukuphi na?”

Base bethi: “Kukho ukubhapathiza kukaJohane.”

4UPawulu wayesethi: “UJohane wabhapathiza umbhapathizo wokuphenduka, ethi kubantu mabakholwe nguyena obezakuza emva kwakhe, kungukuthi uJesu.” 5Bathi ukuzwa lokho, babhapathizwa egameni leNkosi uJesu. 6Kwathi uPawulu esebekile izandla phezu kwabo, uMoya oNgcwele wehlela phezu kwabo; base bekhuluma ngezilimi, baprofetha. 7Babe ngamadoda angathi ishumi nambili bebonke.

8Wayesengena esinagogeni,* wakhuluma ngesibindi izinyanga zaba ntathu, eshumayela ebafundisa ngombuso kaNkulunkulu. 9Kepha lapho abathile bezenza lukhuni bengalaleli, bekhuluma kabi ngaleyo Ndlela phambi kwabantu, wasuka kubo, waqembula abafundi, washumayela imihla ngemihla esikoleni sikaTiranu. 10Lokho kwenzeka iminyaka emibili, baze balizwa izwi leNkosi bonke abakhileyo e-Asiya, abaJuda namaGreki.

11UNkulunkulu wenza imisebenzi yamandla engavamile ngezandla zikaPawulu, 12baze bathatha amaduku nezindwangu emzimbeni wakhe, bazibeka phezu kwabagulayo; zase zisuka kubo izifo, nomoya ababi baphuma.

13Kepha nabathile abayizanusi kubaJuda, abayizinzulane, balokotha ukuphatha igama leNkosi uJesu phezu kwabakhwelwe ngomoya ababi, bathi: “Ngiyanifungisa uJesu amshumayelayo uPawulu.” 14USkeva othile, umJuda, umpristi omkhulu, wayenamadodana ayisikhombisa ayekwenza lokho. 15Kepha umoya omubi waphendula, wathi kuwo: “UJesu ngiyamazi, noPawulu ngiyamqonda; kepha nina ningobani na?” 16Lowo muntu onomoya omubi wabadumela, wahlula ababili, wabanqoba, baze baphunyuka kuleyo ndlu behambaze, belimele.

17Lokho kwezwakala kubo bonke abakhileyo e-Efesu, abaJuda namaGreki, ukwesaba kwabehlela bonke; ladunyiswa igama leNkosi uJesu; 18nabaningi kwabakholwayo beza bazivuma, bazibika izenzo zabo. 19Kepha abaningi kubo ababenza imilingo babuthela ndawonye izincwadi zabo, bazishisa phambi kwabo bonke; bahlanganisa amanani azo, bafumana ukuthi ayizinhlamvu zesiliva eziyizinkulungwane ezingamashumi ayisihlanu. 20Kanjalo izwi landa ngamandla eNkosi, lanqoba.

21Kwathi ukuba sezenzekile lezo zinto, uPawulu wazimisela emoyeni ukuya eJerusalema esedabulile iMakedoniya ne-Akhaya, wathi: “Emva kokufika kwami khona ngimelwe ukubona neRoma.” 22Wayesethumela eMakedoniya ababili kwabamkhonzayo oThimothewu no-Erastu; yena uqobo wasala isikhathi e-Asiya.

Isiphithiphithi sikaDemetriyu

23Kepha ngaleso sikhathi kwavela isiphithiphithi esingesincane maqondana naleyo Ndlela. 24Ngokuba umuntu othile ogama lakhe linguDemetriyu, umkhandi wesiliva owenza amathempelana esiliva kaDiyana, wazuzisa abakhandi besiliva inzuzo engencane, 25waqoqa bona kanye nezisebenzi ezinjalo, wathi: “Madoda, niyazi ukuthi kulo msebenzi kuvela ingcebo yethu, 26kepha seniyabona, niyezwa futhi ukuthi akukuphela e-Efesu kodwa cishe kulo lonke i-Asiya uPawulu lona udukisile abantu abaningi ngokubancenga, ethi akusibo onkulunkulu labo abenziwe ngezandla. 27Ngakho akusikho lokhu kuphela ukuba umsebenzi wethu usengozini yokudelelwa, kodwa nethempeli lonkulunkulukazi omkhulu uDiyana liyakuthiwa aliyinto yalutho, nobukhulukazi bakhe sebuzakuphela, yena elimkhonzayo lonke i-Asiya nezwe lonke.”

28Kwathi bekuzwa lokho, bagcwala ulaka, bamemeza bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.” 29Umuzi wonke wagcwala isiphithiphithi, batheleka nganhliziyonye esigcawini sokubukela, babamba oGayu no-Aristarku, abaseMakedoniya, ababehamba noPawulu. 30Kepha uPawulu esefuna ukungena phakathi kwabantu, abafundi abamvumelanga. 31Nabanye bababusi base-Asiya, bengabahlobo bakhe, bathumela kuye, bamncenga ukuba angaze angena esigcawini sokubukela.

32Khona-ke abanye bamemeza okunye nabanye okunye; ngokuba ibandla layaluza nje, nabaningi babengazi ukuthi babuthanele indabani. 33Base bekhipha u-Aleksandru esixukwini, abaJuda bamqhubela phambili; kepha u-Aleksandru waqhweba ngesandla, efuna ukuziphendulela kubantu. 34Kwathi ukuba bezwe ukuthi ungumJuda, bamemeza bonke ngazwi linye kwangathi amahora amabili, bathi: “Mkhulu uDiyana wabase-Efesu.”

35Kepha umbhali esebathulisile abantu wathi: “Madoda ase-Efesu, kukhona yini phakathi kwabantu ongaziyo ukuthi umuzi wase-Efesu ungumlondi wethempeli likaDiyana omkhulu nowesithombe esawa ezulwini na? 36Ngakho lokhu lezo zinto zingephikwe, kufanele nithule, ningenzi lutho ngamawala. 37Ngokuba nilethile lawa madoda angesibo abaphangi bamathempeli nokuba abahlambalaza uNkulunkulu wethu. 38Ngakho uma uDemetriyu kanye nezingcweti zabakhandi besiliva benendaba nomuntu, zikhona izinsuku zokuthetha amacala, bakhona nababusi; mabamangalelane. 39Kepha uma nifuna utho ngaphezu kwalokho, kuyalungiswa ebandleni elimisiweyo. 40Ngokuba-ke sisengozini yokumangalelwa ngomsindo wanamuhla, lokhu kungekho sizathu esingazilandulela ngaso ngalesi siwiliwili.” 41Eseshilo lokho walimukisa ibandla.

IzEnzo 20

Uhambo lwesithathu lukaPawulu: useMakedoniya

1Sesiphelile isiyaluyalu, uPawulu wababiza abafundi, wabavuselela, wavalelisa, wamuka waya eMakedoniya. 2Esedabulile lezo zindawo, ebavuselela ngamazwi amaningi, wafika ezweni lamaGreki, 3wahlala khona izinyanga ezintathu; abaJuda sebenzile icebo ngaye esezakumuka ngomkhumbi ukuya eSiriya, wazimisela ukubuyela emuva edabula iMakedoniya. 4Waphelekezelwa nguSophatru kaPhiru waseBereya, nabaseThesalonika o-Aristarku noSekhundu, noGayu waseDerbe, noThimothewu, nabase-Asiya oThikhiku noTrofimu. 5Laba basandulela, basilindela eTrowa. 6Kepha thina samuka ngomkhumbi eFilipi emva kwezinsuku zezinkwa ezingenamvubelo, safika kubo eTrowa ngezinsuku eziyisihlanu, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa.

UPawulu uvusa u-Evitiku ekufeni

7Kwathi ngosuku lokuqala lweviki, sesibuthene ukuba sihlephule isinkwa, uPawulu washumayela kubo ebezakumuka ngangomuso, welula amazwi akhe kwaze kwaba phakathi kobusuku. 8Kwakukhona izibani eziningi ekamelweni eliphezulu esasibuthene kulo. 9Kwakuhlezi efasiteleni insizwa ethile igama layo lingu-Evitiku, eyazunywa ngubuthongo obunzima, uPawulu eshumayela isikhathi eside; isiyahlulwe ngubuthongo, yawa phansi isuka esitezi sesithathu, yathathwa isifile. 10Kepha uPawulu wehla, wawa phezu kwayo, wayisingatha, wathi: “Ningaxokozeli, ngokuba umphefumulo wayo usekhona kuyo,” 11esenyukile wahlephula isinkwa, wadla, wakhuluma nabo isikhathi eside kwaze kwasa; wayesemuka-ke. 12Base bemletha umfana ephilile, baduduzeka kakhulu.

13Kepha thina sandulela ukuya emkhunjini, samuka saya e-Asu, lapho sasizakumkhwelisa khona uPawulu; ngokuba wayenqumile kanjalo, yena ebezakuhamba ngezinyawo. 14Kwathi esehlangene nathi e-Asu, samkhwelisa, safika eMithilene; 15sesimukile lapho ngomkhumbi, ngangomuso safika maqondana neKiyu; ngangomhlomunye sasondela eSamu; ngolulandelayo safika eMilethu. 16Ngokuba uPawulu wayezimisele ukudlula e-Efesu ngomkhumbi ukuze angalibali isikhathi e-Asiya; ngokuba wayekhawulezela ukuba, uma kungenzeka, abe khona eJerusalema ngosuku lwePhentekoste.

UPawulu uvalelisa kwabase-Efesu eMilethu

17EseMilethu wathumela e-Efesu, wabiza amalunga ebandla. 18Kwathi esefikile kuye, wathi kuwo: “Niyazi nina ukuthi kusukela osukwini lokuqala engafika ngalo e-Asiya nganginjani isikhathi sonke nginani, 19ngikhonza iNkosi ngakho konke ukuthobeka, nangezinyembezi, nangokulingwa okwangehlela ngamacebo abaJuda, 20nokuthi angigwemanga ukunitshela okusizayo nokunifundisa phambi kwabantu nakuzo izindlu ngezindlu, 21ngifakaza kubaJuda nakumaGreki ukuphendukela kuNkulunkulu nokukholwa yiNkosi yethu uJesu.

22“Kepha manje, bhekani, mina sengiya eJerusalema ngiboshiwe emoyeni, ngingakwazi okuzakungehlela khona, 23kuphela ukuba uMoya oNgcwele uyafakaza kimi imizi ngemizi ethi izibopho nezinhlupheko zingihlalele. 24Kepha ukuphila angikushayi into yalutho ukuba kube yigugu kimi, kuphela ukuba ngiphelelise ukuhamba kwami nenkonzo engayamukela eNkosini uJesu yokufakaza ngevangeli lomusa kaNkulunkulu.

25“Kalokhu bhekani, ngiyazi ukuthi anisayikubona ubuso bami nina nonke engahamba phakathi kwenu, ngishumayela umbuso. 26Ngakho-ke ngiyafakaza kini ngalolu suku lwanamuhla ngithi anginacala egazini labo bonke. 27Ngokuba angigwemanga ukunitshela lonke icebo likaNkulunkulu. 28Ziqapheleni nina nomhlambi wonke anibeke kuwo uMoya oNgcwele ukuba nibe ngababonisi bokwalusa ibandla likaNkulunkulu azizuzele lona ngegazi lakhe. 29Mina ngiyazi ukuthi emva kokumuka kwami kuzakungena kini izimpisi ezihahayo zingawuhawukeli umhlambi, 30naphakathi kwenu kuzakuvuka amadoda akhuluma okudukisayo, ahunge abafundi ukubalandela. 31Ngakho lindani, nikhumbule ukuthi ngeminyaka emithathu ubusuku nemini angiyekanga ukuniluleka nonke ngabanye ngezinyembezi.

32“Kalokhu sengiyanibeka eNkosini nasezwini lomusa wayo, yona enamandla okwakha nokwabela ifa phakathi kwabo bonke abangcwelisiweyo. 33Angifisanga siliva lamuntu, nagolide, nangubo; 34nina niyazi ukuthi lezi zandla zasebenzela izinswelo zami nezababe nami. 35Kukho konke ngangikhombisa ukuthi kumelwe ukuba nisize ababuthakathaka ngokusebenza okunje, nikhumbule futhi amazwi eNkosi uJesu ukuba yena wathi: ‘Kubusisekile ukupha kunokwamukela.’ ”

36Eseshilo lokho waguqa phansi kanye nabo bonke, wakhuleka. 37Bakhala kakhulu bonke, bamgona uPawulu ngentamo, bamanga, 38belusizi kakhulu ngezwi alishilo lokuthi abasayikubona ubuso bakhe. Base bemphelekezela, baya emkhunjini.

IzEnzo 21

1Kwathi sesimukile kubo, sasuka ngomkhumbi, saqonda ngqo, safika eKhose nangangomuso eRodu; sasuka lapho, safika ePathara; 2sesifumene umkhumbi owelela eFenike, sangena kuwo, samuka. 3Kwathi sekuqhamuke iKhupro, sesilishiyile ngakwesokhohlo, saqonda eSiriya, sehlika eTire, ngokuba umkhumbi wawuzakwethula khona impahla. 4Safumana abafundi, sahlala khona izinsuku eziyisikhombisa; bona bathi ngoMoya kuPawulu, angalubeki unyawo eJerusalema. 5Kwathi sesiqedile lezo zinsuku, saphuma sahamba; bonke basiphelekezela kanye nawomkabo nabantwana, kwaze kwaba ngaphandle komuzi; saguqa ngamadolo ogwini, sakhuleka, 6savalelisana, sangena emkhunjini, kepha bona babuyela emakhaya.

7Thina sesiqedile ukuhamba ngomkhumbi sisuka eTire, safika ePetolemayi, sabingelela abazalwane, sahlala nabo usuku lwaba lunye. 8Kepha ngangomuso samuka safika eKesariya, sangena endlini kaFiliphu umvangeli, owayengomunye wabayisikhombisa, sahlala naye. 9Yena-ke wayenamadodakazi amane, izintombi eziprofethayo.

10Kwathi sisahlezi khona izinsuku eziningana, kwehla eJudiya umprofethi ogama lakhe lingu-Agabu; 11yena wafika kithi, wathatha uqhotho lukaPawulu, wazibopha izinyawo nezandla, wathi: “Usho njalo uMoya oNgcwele, uthi: ‘Umuntu olungolwakhe lolu qhotho abaJuda bazakumbopha kanje eJerusalema, bamkhaphele ezandleni zabezizwe.’ ”

12Sesikuzwile lokho samncenga thina kanye nabakuleyo ndawo ukuba angakhuphukeli eJerusalema. 13Khona uPawulu waphendula wathi: “Nenzelani ukukhala nichoboza inhliziyo yami na? Ngokuba sengilungele, kungesikho ukuboshwa kuphela kepha nokufa eJerusalema ngenxa yegama leNkosi uJesu.” 14Engenakuvunyiswa, sathula sathi: “Mayenziwe intando yeNkosi.”

UPawulu eseJerusalema

15Emva kwalezo zinsuku sabopha impahla, sakhuphukela eJerusalema; 16kwahamba nathi abanye kubafundi baseKesariya, besiyisa kuMnasoni othile waseKhupro, umfundi omdala, ebesizakungenisa kwakhe.

17Sesifinyelele eJerusalema, abazalwane basamukela ngokujabula. 18Ngangomuso uPawulu wangena nathi kuJakobe; namalunga onke ayekhona. 19Wababingelela, wabalandisa ngakho konke ngakunye uNkulunkulu abekwenzile phakathi kwabezizwe ngenkonzo yakhe.

20Sebekuzwile lokho bamdumisa uNkulunkulu, bathi kuye: “Uyabona, mzalwane, ukuthi ziningi kangaka izigidi zabakholwayo phakathi kwabaJuda, futhi bonke bayizishisekeli zomthetho; 21sebebikelwe ngawe ukuthi ufundisa bonke abaJuda abaphakathi kwabezizwe ukuhlubuka kuMose, uthi mabangasoki abantwana babo, bangahambi ngamasiko. 22Pho-ke, senze njani na? Impela bazakuzwa ukuthi usufikile. 23Ngakho yenza lokhu esikusho kuwe: Kukhona kithi amadoda amane azibophile ngesifungo; 24wathathe wona, uzihlambulule kanye nawo, uwakhokhele ukuba aphucule ikhanda; khona bazakwazi bonke ukuthi akukho lutho lwalokho abakubikelwe ngawe, kepha ukuthi nawe uhamba ulonda umthetho. 25Kepha maqondana nabezizwe abakholwayo sesilobile sanquma ngokuthi mabazilonde kokuhlatshelwe izithombe, negazi, nokuqumbeleneyo, nobufebe.”

26Khona uPawulu wawathatha lawo madoda, ngangomuso wayesezihlambulula kanye nawo, wangena ethempelini, wabika ukuphela kwezinsuku zokuhlanjululwa, kuze kulethwe umnikelo ngenxa yawo onke.

AbaJuda bavusa umsindo; uPawulu uyaboshwa

27Kwathi sezizakuphela lezo zinsuku eziyisikhombisa, abaJuda base-Asiya bembonile ethempelini, bayaluzisa sonke isixuku, babeka izandla kuye, 28bamemeza bathi: “Madoda akwa-Israyeli, yelekelelani; nguye lo muntu ofundisa bonke ezindaweni zonke okuphambene nesizwe, nomthetho, nale ndawo, futhi wangenisa ethempelini amaGreki, wayingcolisa le ndawo engcwele.” 29Ngokuba babebonile ngaphambili uTrofimu wase-Efesu enaye emzini, ababesho ngaye ukuthi uPawulu umngenisile ethempelini.

30Umuzi wonke wanyakaziswa, abantu bagijimela ndawonye, bambamba uPawulu, bamhudulela ngaphandle kwethempeli; iminyango yavalwa masinyane. 31Kuthe sebefuna ukumbulala, kwafika izwi enduneni yenkulungwane lokuthi lonke iJerusalema liyayaluza; 32yona yayisithatha masinyane amabutho nezinduna zekhulu, yagijimela kubo; sebebona induna yenkulungwane namabutho bayeka ukumshaya uPawulu.

33Khona induna yenkulungwane yasondela, yamthatha, yayala ukuba aboshwe ngamaketanga amabili, yabuza ukuthi ungubani nokuthi wenzeni. 34Kepha abanye esixukwini bamemeza okunye, abanye okunye; yathi ukuba ingenakulazi iqiniso ngenxa yomsindo, yayala ukuba ayiswe ekamu.* 35Esefikile esikhwelweni, kwenzeka ukuba athwalwe ngamabutho ngenxa yokukhandana kwesixuku; 36ngokuba kwalandela isixuku sabantu bememeza bethi: “Msuseni!”

37Esezakungeniswa ekamu* uPawulu wathi enduneni yenkulungwane: “Ngivunyelwe ukuba ngisho utho na?”

Yona yathi: “Uyasazi isiGreki na? 38Kanti awusiye yini lowo waseGibithe owambuka ngaphambi kwalezi zinsuku, waholela ehlane amadoda ayizinkulungwane ezine angababulali na?”

39Kepha uPawulu wathi: “Mina ngingumJuda waseTarsu laseKhilikhiya, ngingumuntu womuzi ongesiwo ongenalo udumo; ngiyacela, ake ungivumele ngikhulume kubantu.”

40Esemvumele, uPawulu wema esikhwelweni, waqhweba abantu ngesandla; sekuthe cwaka, wakhuluma ngolimi lwesiHeberu, wathi:

Bible Society of South Africav.4.28.1
SITHOLE KU