Bible Society of South Africa

To The Word – Day 68

Judges 16–21

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

AbAhluleli 16

Izivalo zomuzi waseGaza

1USamsoni waya eGaza; wabona lapho isifebe, wangena kuso. 2Kwathiwa kumaGaza: “USamsoni ufikile lapha.” Bamhaqa, bamqamekela ubusuku bonke esangweni lomuzi; bathula ubusuku bonke, bathi: “Makube sekukhanyeni kokusa; khona siyakumbulala.”

3USamsoni walala kwaze kwaba phakathi kwamabili; wavuka phakathi kobusuku, wabamba izivalo zesango lomuzi nezinsika zombili, wazincothula kanye nomgoqo, wazibeka emahlombe akhe, wazikhuphulela esiqongweni sentaba ephambi kweHebroni.

UDelila

4Kwathi ngasemuva wathanda owesifazane esiGodini saseSoreki ogama lakhe lalinguDelila. 5Amakhosi amaFilisti enyukela kuye, athi kuye: “Myenge, ubone ukuthi amandla akhe amakhulu aphi nokuthi singamahlula ngani ukuba simbophe, simnqobe; siyakukunika, kube yilowo nalowo, izinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva.”

6UDelila wathi kuSamsoni: “Ake ungitshele ukuthi amandla akho amakhulu aphi nokuthi ungaboshwa ngani, unqotshwe.”

7USamsoni wathi kuye: “Uma bengibopha ngezinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

8Amakhosi amaFilisti ayeseletha kuye izinsinga eziyisikhombisa ezimanzi ezingakomi, wambopha ngazo. 9Wayenabaqamekeli behlezi ekamelweni eliphakathi. Wayesethi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wayesegqabula izinsinga njengentambo yefilakisi* igqatshulwa, lapho izwa umlilo. Ngalokho amandla akhe awaziwanga.

10Wayesethi uDelila kuSamsoni: “Bheka, udlale ngami, wangitshela amanga; ake ungitshele manje ukuthi ungaboshwa ngani.”

11Wathi kuye: “Uma bengibopha ngamagoda amasha okungasetshenziwanga ngawo, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

12UDelila wayesethatha amagoda amasha, wambopha ngawo, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Abaqamekeli babehlezi ekamelweni eliphakathi. Wawagqabula ezingalweni zakhe njengomucwana.

13UDelila wayesethi kuSamsoni: “Kuze kube manje udlale ngami, wangitshela amanga; ngitshele ukuthi ungaboshwa ngani.”

Wathi kuye: “Uma weluka amagoda ayisikhombisa ekhanda lami nezintambo zakho zokwelukwa.”

14Wawabethela-ke ngesikhonkwane, wathi kuye: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.” Wavuka ebuthongweni, wasincothula isikhonkwane sokweluka nezintambo zokwelukwa.

15Wayesethi kuye: “Ungasho kanjani ukuthi uyangithanda, nxa inhliziyo yakho ingenami na? Usudlale ngami kathathu, awungitshelanga ukuthi amandla akho aphi.” 16Kwathi lapho emcindezela yonke imihla ngamazwi akhe, emgqugquza, wakhathazeka umphefumulo wakhe kwaze kwaba sekufeni.

17Wamtshela inhliziyo yakhe yonke, wathi kuye: “Akuthintanga mpuco ekhanda lami, ngokuba bengingumNaziri* kaNkulunkulu kwasesizalweni sikamame; uma ngiphuculwa, amandla ami ayakumuka kimi, ngiyakuba buthakathaka, ngibe njengomunye umuntu.”

18UDelila wabona ukuthi wayemtshelile yonke inhliziyo yakhe; wathuma wawabiza amakhosi amaFilisti, wathi: “Yenyukani kalokhu, ngokuba ungitshelile yonke inhliziyo yakhe.” Ayesenyukela kuye amakhosi amaFilisti, aletha imali esandleni sawo. 19Wamlalisa ubuthongo emathangeni akhe, wabiza umuntu, waphucula amagoda ayisikhombisa ekhanda lakhe; waqala ukumhlupha, amandla akhe amuka kuye.

20Wathi: “AmaFilisti aphezu kwakho, Samsoni.”

Wavuka ebuthongweni, wathi: “Ngiyakuphuma njengangezinye izikhathi, ngizithintithe.” Kepha wayengazi ukuthi uJehova wayemukile kuye.

21AmaFilisti ambamba, awakhipha amehlo akhe; amehlisela eGaza, ambopha ngamaketanga; wasila etilongweni. 22Nokho izinwele zekhanda lakhe zaqala ukuhluma futhi esephuculiwe.

Isenzo sokugcina sikaSamsoni nokufa nokumbelwa kwakhe

23Amakhosi amaFilisti abuthana ukuba ahlabele uDagoni unkulunkulu wawo umhlatshelo omkhulu, athokoze, ngokuba athi: “Unkulunkulu wethu unikele uSamsoni isitha sethu esandleni sethu.”

24Abantu bambona, bamtusa unkulunkulu wabo, ngokuba bathi: “Unkulunkulu wethu unikele esandleni sethu isitha sethu nomchithi wezwe lakithi obulele abaningi phakathi kwethu.”

25Kwathi lapho izinhliziyo zabo sezesasile, bathi: “Mbizeni uSamsoni ukuba asidlalele.” Bambiza uSamsoni esetilongweni, wadlala phambi kwabo, bambeka phakathi kwezinsika. 26USamsoni wathi kumfana owayembambe ngesandla: “Ngivumele ukuphatha izinsika indlu emi ngazo ukuba ngencike kuzo.” 27Indlu yayigcwele abesilisa nabesifazane; namakhosi onke amaFilisti ayelapho; ophahleni kwakukhona abantu kungathi abayizinkulungwane ezintathu, abesilisa nabesifazane, ababebukela ukudlala kukaSamsoni. 28USamsoni wakhala kuJehova, wathi: “Nkosi Nkulunkulu, ake ungikhumbule, ungiqinise kube kanye kuphela, Nkulunkulu, ukuba ngiphindise kumaFilisti ngempindiselo ibenye ngenxa yamehlo ami omabili.” 29USamsoni wayesebamba izinsika ezimbili eziphakathi eyayimi ngazo indlu, wencika kuzo, kwenye ngesandla sokunene, kwenye ngesokhohlo. 30USamsoni wathi: “Mangife namaFilisti.” Wakhothama ngamandla akhe onke, indlu yawela phezu kwamakhosi naphezu kwabo bonke abantu ababe kuyo. Abafileyo ababulalayo ekufeni kwakhe babebaningi kunabo ababulalayo ekuhambeni kwakhe.

31Base behla abafowabo nayo yonke indlu kayise, bamthatha, bamenyusa, bammbela phakathi kweSora ne-Eshitawoli ethuneni likaManowa uyise. Wamahlulela u-Israyeli iminyaka engamashumi amabili.

AbAhluleli 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 17

UMika nendlu yakhe yezithombe

1Kwakukhona umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi ogama lakhe lalinguMika. 2Yena wathi kunina: “Lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva ezathathwa kuwe, owaziqalekisa, wakhuluma ngazo ezindlebeni zami, bheka, leyo mali ikimi; ngayithatha.”

Unina wathi: “Mayibusiswe nguJehova indodana yami.”

3Wabuyisela kunina lezo zinhlamvu eziyinkulungwane nekhulu zesiliva; unina wathi: “Ngiyangcwelisa impela leli siliva kuJehova esandleni sami, libe ngelendodana yami ukuba kwenziwe isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; manje ngiyakulibuyisela kuwe.”

4Kepha walibuyisela isiliva kunina, unina wathatha izinhlamvu ezingamakhulu amabili zesiliva, wazinika umkhandi wesiliva owenza ngazo isithombe esibaziweyo nesibunjiweyo; zase zihlala endlini kaMika.

5Lowo muntu uMika wayenendlu enawonkulunkulu, wenza ingubo yamahlombe namatherafi,* wahlukanisela enye indodana yakhe ibe ngumpristi wakhe. 6Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

7Kwakukhona insizwa yaseBetlehema Juda yomndeni wakwaJuda eyayingumLevi; yayigogobele khona. 8Lowo muntu wamuka emzini, iBetlehema Juda, ukuyobona lapho engathola khona indawo; ekuhambeni kwakhe wafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika.

9UMika wathi kuye: “Uvelaphi na?”

Wathi kuye: “NgingumLevi waseBetlehema Juda; ngiyahamba ukubona lapho ngingathola khona indawo.”

10UMika wayesethi kuye: “Hlala kimi, ube ngubaba nompristi wami, ngiyakukunika izinhlamvu eziyishumi zesiliva ngomnyaka, nesambatho, nokudla kwakho.” UmLevi wangena. 11UmLevi wavuma ukuhlala kulowo muntu; nensizwa yaba kuye njengendodana yakhe. 12UMika wayesahlukanisela umLevi, leyo nsizwa yaba ngumpristi wakhe, yahlala endlini kaMika. 13Wayesethi uMika: “Manje sengiyazi ukuthi uJehova uyakungenzela okuhle, lokhu nginomLevi ongumpristi wami.”

AbAhluleli 17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 18

AbakwaDani nezithombe zikaMika

1Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; ngalezo zinsuku isizwe sakwaDani sazifunela ifa lokuhlala, ngokuba kuze kube ngalolo suku babengabelwanga ifa phakathi kwezizwe zakwa-Israyeli. 2Abantwana bakwaDani bathuma abantu abayisihlanu bomndeni wabo, bephuma kuso sonke isizwe sabo, amaqhawe, beseSora nase-Eshitawoli, ukuba bahlole izwe, balicinge; bathi kubo: “Hambani, nilicinge izwe,” bafika ezintabeni zakwa-Efrayimi endlini kaMika, bahlala khona. 3Lapha besengasendlini kaMika, balazi izwi lensizwa engumLevi, baphambukela khona, bathi kuye: “Walethwa ngubani lapha? Wenzani kule ndawo? Ufunani lapha?”

4Wathi kubo: “UMika ungenzele ukuthi nokuthi; ungiqashile ngaba ngumpristi wakhe.”

5Base bethi kuye: “Ake umbuze uNkulunkulu ukuze sazi uma indlela yethu esiyihambayo iyakuba nempumelelo.”

6Umpristi wathi kubo: “Hambani nokuthula; indlela eniyihambayo iphambi kukaJehova.”

Ukunqotshwa kweLayishi

7Base bemuka labo bantu abayisihlanu, bafika eLayishi, babona abantu abakulo ukuthi basahlala belondekile ngendlela yamaSidoni, benokuthula, bengenaluvalo, ngokuba kwakungekho ezweni onamandla ukuba abajabhise ngalutho; babekude namaSidoni, bengenandaba nabanye abantu.

8Babuye bafika kubafowabo eSora nase-Eshitawoli; abafowabo bathi kubo: “Nithini na?”

9Bathi: “Sukani, senyukele kubo, ngokuba silibonile izwe; bhekani, lihle kakhulu; niyathula yini? Ningenqeni ukuhamba, ningene ukuba nilidle izwe. 10Nxa nihamba, niyakufika kubantu abalondekileyo, izwe libanzi, ngokuba uNkulunkulu ulinikele esandleni senu, indawo lapho kungekho khona ukuswela lutho olusemhlabeni.”

11Kwase kuphuma lapho kumndeni wakwaDani eSora nase-Eshitawoli abantu abangamakhulu ayisithupha bebhincile izikhali zokulwa. 12Benyuka, bamisa eKiriyati Jeharimi kwaJuda; ngalokho bayibiza leyo ndawo ngokuthi iMahane Dani kuze kube namuhla; bheka, lingasemva kweKiriyati Jeharimi. 13Basuka khona, baya ezintabeni zakwa-Efrayimi, bafika endlini kaMika.

14Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe laseLayishi base bephendula, bathi kubafowabo: “Niyazi yini ukuthi kukhona kulezi zindlu ingubo yamahlombe, namatherafi,* nesithombe esibaziweyo, nesithombe esibunjiweyo na? Ngalokho cabangani manje ukuthi niyakwenzani.” 15Baphambuka khona, bafika endlini yensizwa yomLevi, endlini kaMika, bayibuza impilo. 16Abantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa abangabantwana bakwaDani bema ngasesikhaleni sesango. 17Abantu abayisihlanu ababeyile ukuhlola izwe benyuka, bafika lapho, basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wema ngasesikhaleni sesango kanye nabantu abangamakhulu ayisithupha bebhince izikhali zokulwa.

18Labo sebengenile endlini kaMika basithatha isithombe esibaziweyo, nengubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibunjiweyo; umpristi wathi kubo: “Nenzani na?”

19Bathi kuye: “Thula, ubeke isandla sakho emlonyeni wakho, uhambe nathi, ube ngubaba nompristi wethu; kuhle yini ukuba ube ngumpristi wendlu yomuntu munye kunokuba ube ngumpristi wesizwe nomndeni kwa-Israyeli na?” 20Yayisithokoza inhliziyo yompristi, wayithatha ingubo yamahlombe, namatherafi, nesithombe esibaziweyo, wangena phakathi kwabantu. 21Baphenduka, bamuka, babeka izingane, nezinkomo, nempahla phambi kwabo.

22Sebekude nendlu kaMika abantu abasezindlini eziseduze nendlu kaMika babuthana, babafica abantwana bakwaDani. 23Bamemeza kubantwana bakwaDani, baphenduka, bathi kuMika: “Yini ukuba ufike nesixuku na?”

24Wathi: “Nithathile onkulunkulu bami engabenzayo, nompristi, namuka; ngisenani na? Nisholoni kimi ukuthi: ‘Yini na?’ ”

25Abantwana bakwaDani base bethi kuye: “Izwi lakho malingezwakali phakathi kwethu, funa abantu bathukuthele, banehlele, ulahlekelwe ngukuphila kwakho kanye nabendlu yakho.” 26Bahamba abantwana bakwaDani; uMika esebonile ukuthi banamandla kunaye, waphenduka, wabuyela endlini yakhe.

27Bathatha abekwenzile uMika nompristi wakhe, bafika eLayishi kubantu abanokuthula belondekile, bababulala ngosiko lwenkemba; bashisa umuzi ngomlilo. 28Kwakungekho owophulayo, ngokuba wawukude neSidoni; babengenandaba nabanye abantu; wawusesigodini esingaseBeti Rehobe. Bawakha umuzi, bahlala kuwo. 29Baqamba igama lomuzi ngokuthi uDani ngegama likaDani uyise owazalelwa u-Israyeli; kepha igama lomuzi laliyiLayishi kuqala. 30Abantwana bakwaDani bazimisela isithombe esibaziweyo; uJonathani indodana kaGereshomu kaMose yena namadodana akhe babe ngabapristi besizwe sakwaDani kwaze kwaba ngosuku lokuthunjwa kwezwe. 31Base bemisa isithombe esibaziweyo sikaMika abesenzile sonke isikhathi indlu kaNkulunkulu iseShilo.

AbAhluleli 18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 19

Isenzo esibi eGibeya

1Kwathi ngalezo zinsuku kungekho inkosi kwa-Israyeli, kwakukhona umLevi othile owayegogobele ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi, owazithathela isancinza eBetlehema Juda. 2Isancinza sakhe samgilela ubufebe, sasuka kuye, saya endlini kayise eBetlehema Juda, sahlala khona isikhathi esiyizinyanga ezine. 3Umyeni waso wasuka, wasilandela ukuba akhulume kuyo inhliziyo yaso, asibuyise, enenceku yakhe nezimbongolo ezimbili; samngenisa endlini kayise; lapho uyise wentombi embona, wathokoza ukuhlangana naye. 4Umukhwe wakhe, uyise wentombi, wambambezela, wahlala kuye izinsuku ezintathu; badla, baphuza, bahlala khona.

5Kwathi ngosuku lwesine bavuka ekuseni kakhulu, wasuka ukuba ahambe; uyise wentombi wathi kumkhwenyana wakhe: “Hlumelela inhliziyo yakho ngocezu lwesinkwa, andukuba nihambe.” 6Bahlala phansi, badla, baphuza bobabili kanyekanye; uyise wentombi wathi kuyo indoda: “Ake udele, ulale ubusuku, ithokoze inhliziyo yakho.” 7Kepha lowo muntu wasukuma nokho ukuba ahambe; wayesemncengisisa umukhwe wakhe, wabuye walala khona. 8Wavuka ekuseni kakhulu ngosuku lwesihlanu ukuba ahambe; uyise wentombi wathi: “Ake uhlumelele inhliziyo yakho, nihlale lize lithambame ilanga.” Badla-ke bobabili.

9Lapho umuntu esesukuma ukuba ahambe, yena nesancinza sakhe nenceku yakhe, umukhwe wakhe, uyise wentombi, wathi kuye: “Bheka, ilanga seliyathambama, sekuzakuhlwa; ake uhlale ubusuku bonke; yebo, ilanga seliyakuphela; hlala lapha ukuba inhliziyo yakho ithokoze, nivuke kusasa ekuseni kakhulu, nihambe indlela yenu ukuba ufike etendeni lakho.” 10Kepha akavumanga lowo muntu ukuhlala lobo busuku, kodwa wavuka wahamba, wafika malungana neJebusi eliyiJerusalema; kwakukhona naye izimbongolo ezimbili ziboshelwe izihlalo; nesancinza sakhe sasinaye.

11SebengaseJebusi, ilanga lase lidlulile kakhulu; inceku yathi enkosini yayo: “Ake uze, siphambukele kulo muzi wamaJebusi, sihlale kuwo.”

12Inkosi yayo yathi kuyo: “Asiyikuphambukela emzini wabafokazi ongesiwo owabantwana bakwa-Israyeli, kepha siyakudlulela eGibeya.” 13Yayisithi encekwini: “Woza, sisondele kwenye yalezi zindawo; siyakulala eGibeya noma eRama.” 14Base bethula bahamba; ilanga lashona bengaseGibeya elingelakwaBenjamini. 15Baphambukela lapho ukuba bangene, balale eGibeya; wangena, wahlala phansi esigcawini somuzi; ngokuba kwakungekho muntu owabamukela endlini yakhe ukuba balale khona.

16Bheka, kwafika ixhegu livela emsebenzini walo ensimini kusihlwa; lalingumuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, lagogobala eGibeya; kepha abantu baleyo ndawo babe ngabakwaBenjamini. 17Waphakamisa amehlo akhe, wabona isihambi esigcawini somuzi; ixhegu lase lithi: “Uyangaphi na? Uvelaphi na?”

18Wathi kulo: “Siyadlula sivela eBetlehema Juda, siya ohlangothini olungasemuva kwezintaba zakwa-Efrayimi; ngivela khona; ngaya eBetlehema Juda; sengiya endlini kaJehova, kepha akukho muntu ongamukela endlini yakhe. 19Kukhona nokho utshani nefoliji* lezimbongolo zethu; mina-ke nginesinkwa newayini, kanjalo nencekukazi yakho nensizwa enathi, izinceku zakho; akusweleke lutho.”

20Lase lithi ixhegu: “Ukuthula makube kuwe; kepha konke okuswelayo makube phezu kwami; kepha ungalali esigcawini.” 21Lase limngenisa endlini yalo, lazinika izimbongolo ifoliji;* bageza izinyawo zabo, badla, baphuza.

22Besajabulisa izinhliziyo zabo, bheka, abantu bomuzi, abantu ababi, bahaqa indlu nxazonke, bangqongqotha emnyango; basho kumninindlu, ixhegu, bathi: “Khipha lowo muntu owangena endlini yakho ukuba simazi.”

23Ixhegu, umninindlu, laphumela kubo, lathi kubo: “Hhayi, bafowethu, ngiyanicela, ningenzi okubi okungako; lokhu lo muntu engenile endlini yami, ningenzi lobu buwula. 24Bhekani, nansi indodakazi yami, intombi, nesancinza sakhe; ngiyakubakhipha bona manje, nibone, nenze kubo njengokuthanda kwenu; kepha kulo muntu ningenzi ubuwula obunjalo.”

25Kepha abantu kabavumanga ukumlalela; khona lowo muntu wasibamba isancinza sakhe, wasikhiphela kubo; basazi, basona ubusuku bonke kwaze kwaba sekuseni; ekuthatheni kokusa basiyeka. 26Owesifazane wayesefika ngovivi lokusa, wawa ngasemnyango wendlu yomuntu, lapho yayikhona inkosi yakhe, kwaze kwakhanya.

27Inkosi yakhe yavuka ekuseni, yavula iminyango yendlu, yaphuma ukuba ihambe indlela yayo; bheka, owesifazane, isancinza sakhe, wayewile ngasemnyango wendlu, izandla zakhe ziphezu kombundu. 28Yathi kuye: “Vuka sihambe,” kepha akuphendulanga muntu. Yayisimbeka embongolweni yayo; wasuka lowo muntu, waya endaweni yakhe.

29Lapho esengenile endlini yakhe, wathatha umese, wabamba isancinza sakhe, wasihlahlela ithambo ngethambo, kwaba yizinqamu eziyishumi nambili, wasithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli. 30Kwathi bonke abakubonayo bathi: “Akuzange kwenziwe okunjalo, akuzange kubonwe kusukela osukwini abantwana bakwa-Israyeli abakhuphuka ngalo ezweni laseGibithe kuze kube namuhla; zindlani ngalokho, nilulekane, nikhulume.”

AbAhluleli 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 20

Abakwa-Israyeli balwa noBenjamini

1Base bephuma bonke abantwana bakwa-Israyeli, inhlangano yahlangana njengomuntu munye, kusukela kwaDani kwaze kwaba seBeri Sheba kanye nezwe lakwaGileyadi kuJehova eMispa. 2Izinhloko zabantu bonke, izizwe zonke zakwa-Israyeli, zafika ebandleni labantu bakaNkulunkulu, abantu abayimigundatshani; abayizinkulungwane ezingamakhulu amane, abahlome inkemba. 3Abantwana bakwaBenjamini bezwa ukuthi abantwana bakwa-Israyeli babenyukele eMispa. Bathi abantwana bakwa-Israyeli: “Sitsheleni ukuthi lobu bubi benziwa kanjani na?”

4UmLevi, umyeni wowesifazane owayebulewe, waphendula wathi: “Ngafika eGibeya lakwaBenjamini, mina nesancinza sami, ukulala khona. 5Abantu baseGibeya bangivukela, bahaqa indlu nxazonke zami ebusuku; bacabanga ukungibulala mina, nesancinza sami basona; sesifile. 6Ngase ngithatha isancinza sami, ngasihlahlela, ngasithuma ezweni lonke lefa lakwa-Israyeli, ngokuba babesebenzile ukona nobuwula kwa-Israyeli. 7Bhekani nina bantwana bakwa-Israyeli, nina nonke; qondisani, niluleke lapha.”

8Bonke abantu bavuka njengomuntu munye, bathi: “Asiyikuya, sisho namunye etendeni lakhe; asiyikuphambukela sisho namunye endlini yakhe. 9Kepha nakhu esiyakukwenza eGibeya: Siyakulihlasela ngenkatho, 10sithathe abantu abayishumi ekhulwini kuzo zonke izizwe zakwa-Israyeli, nabayikhulu enkulungwaneni, nabayinkulungwane ezinkulungwaneni eziyishumi, ukuba balande ukudla kwabantu, nalapho sebefike eGibeya lakwaBenjamini benze ngokobuwula ababenzile kwa-Israyeli.” 11Abantu bonke bakwa-Israyeli babehlanganyele umuzi, bebumbene kungathi ngumuntu munye.

12Izizwe zakwa-Israyeli zathuma abantu emindenini yonke yakwaBenjamini, zathi: “Ububi buni lobu obenziwe phakathi kwenu na? 13Ngalokho khiphani labo bantu, abantu ababi, abaseGibeya, ukuba sibabulale, sixoshe ububi kwa-Israyeli.” Kepha uBenjamini kavumanga ukulalela izwi labafowabo, abantwana bakwa-Israyeli. 14Abantwana bakwaBenjamini babuthana eGibeya, bevela emizini, ukuba baphume balwe nabantwana bakwa-Israyeli. 15Abantwana bakwaBenjamini abavela emizini babalwa ngalolo suku baba ngamadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nesithupha ahlome inkemba ngaphandle kwabakhileyo eGibeya ababalwa baba ngamakhulu ayisikhombisa, amadoda akhethiweyo. 16Phakathi kwabo bonke labo bantu kwakukhona amadoda angamakhulu ayisikhombisa akhethiweyo angamanxele; onke ayekwazi ukuphonsa amatshe ngisho nasonweleni, engageji.

17Abantu bakwa-Israyeli ngaphandle kukaBenjamini babalwa baba yizinkulungwane ezingamakhulu amane, amadoda ahlome inkemba; bonke labo babe ngamadoda empi.

18Abantwana bakwa-Israyeli bavuka, bakhuphukela eBethele, babuza kuNkulunkulu, bathi: “Ngubani oyakusikhuphukelela kuqala ukulwa nabantwana bakwaBenjamini na?”

UJehova wathi: “NguJuda kuqala.”

19Abantwana bakwa-Israyeli bavuka ekuseni, bamisa malungana neGibeya. 20Abantu bakwa-Israyeli baphuma ukuba balwe noBenjamini; abantu bakwa-Israyeli bazihlelela ukulwa nabo eGibeya. 21Abantwana bakwaBenjamini baphuma eGibeya, babulala kwabakwa-Israyeli ngalolo suku amadoda ayizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili. 22Abantu, amadoda akwa-Israyeli, baziqinisa, babuye bahlela impi endaweni abazihlela kuyo ngosuku lokuqala. 23Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka, bakhala phambi kukaNkulunkulu kwaze kwahlwa; babuza kuJehova, bathi: “Siyakuphinda sisondele ukulwa nabantwana bakwaBenjamini umfowethu na?”

UJehova wathi: “Yenyukelani kuye.”

24Abantwana bakwa-Israyeli basondela kubantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesibili. 25UBenjamini waphuma eGibeya ukuhlangabezana nabo ngosuku lwesibili, wabuye wabulala kubantwana bakwa-Israyeli amadoda ayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babehlome inkemba.

26Base bekhuphuka bonke abantwana bakwa-Israyeli, abantu bonke, bafika eBethele, bakhala, bahlala khona phambi kukaJehova, bazila ukudla ngalolo suku kwaze kwahlwa; banikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula phambi kukaJehova. 27Abantwana bakwa-Israyeli babuza kuJehova ngokuba umphongolo wesivumelwano sikaNkulunkulu wawulapho ngalezo zinsuku; 28uFinehasi indodana ka-Eleyazare ka-Aroni wema phambi kwawo ngalezo zinsuku bathi: “Siyakuphinda siphume ukuba silwe nabantwana bakwaBenjamini umfowethu, nokuba siyeke na?”

UJehova wathi: “Khuphukani, ngokuba kusasa ngiyakubanikela esandleni sakho.”

29U-Israyeli wabeka abaqamekeli kulo iGibeya nxazonke. 30Abantwana bakwa-Israyeli bakhuphuka ukulwa nabantwana bakwaBenjamini ngosuku lwesithathu, bazihlelela ukulwa neGibeya njengakwezinye izikhathi. 31Abantwana bakwaBenjamini baphuma ukulwa nabantu, badonswa, baphuma emzini; baqala ukubulala nokuceka abantu njengakwezinye izikhathi emendweni, omunye okhuphukela eBethele, omunye oya eGibeya ensimini, kungathi amadoda angamashumi amathathu kwa-Israyeli.

32Abantwana bakwaBenjamini bathi: “Babulewe phambi kwethu njengakuqala.”

Kepha abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Masibaleke, sibadonse, baphume emzini, baye emendweni.”

33Bonke abantu bakwa-Israyeli basuka endaweni yabo, bazihlela eBali Tamari; abaqamekeli bakwa-Israyeli bavumbuluka endaweni yabo eMare Geba. 34Kweza malungana neGibeya abantu abayizinkulungwane eziyishumi abakhethiweyo kuye wonke u-Israyeli; ukulwa kwakunzima, kepha babengazi ukuthi ingozi isifikile kubo. 35UJehova wanqoba uBenjamini phambi kuka-Israyeli; abantwana bakwa-Israyeli babulala ngalolo suku kwaBenjamini abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu nekhulu; bonke labo babehlome inkemba. 36Base bebona abantwana bakwaBenjamini ukuthi banqotshiwe; abantu bakwa-Israyeli bamdela uBenjamini lokhu bebebethemba abaqamekeli ababebabekile ngaseGibeya. 37Abaqamekeli bashesha badumela eGibeya; abaqamekeli basuka bachitha umuzi wonke ngosiko lwenkemba. 38Isiboniso esinqunyiweyo phakathi kwabantu bakwa-Israyeli nabaqamekeli sasiyilesi sokuba bathunqise umusi omkhulu wenyuke emzini. 39Abantu bakwa-Israyeli babuyela emuva empini; uBenjamini wayeseqalile ukubulala nokuceka kubantu bakwa-Israyeli kungathi abantu abangamashumi amathathu, ngokuba bathi: “Impela babulewe phambi kwethu njengasekulweni kwakuqala.”

40Kepha lapho sekuqale ukuthunqa insika yomusi emzini, abakwaBenjamini babheka emuva, nanko umuzi wonke uthunqela ngasezulwini. 41Base bephenduka abantu bakwa-Israyeli, nabantu bakwaBenjamini bashaywa luvalo, ngokuba babona ukuthi behlelwe ngububi. 42Ngalokho bafulathela phambi kwabantu bakwa-Israyeli, bahamba ngendlela yasehlane, kepha ukulwa kwabalandela; abaphuma emizini bababulala phakathi kwayo. 43Babahaqa abakwaBenjamini nxazonke, babaxosha, babanyathela phansi endaweni yabo yokuphumula, baze bafika malungana neGibeya ngasempumalanga. 44Kwawa abantu bakwaBenjamini abayizinkulungwane eziyishumi nesishiyagalombili; bonke labo babe ngamaqhawe. 45Baphenduka babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni; bakhothoza kubo emendweni abantu abayizinkulungwane eziyisihlanu, babaxosha kwaze kwabaseGideyomu, babulala kubo abantu abayizinkulungwane ezimbili.

46Bonke abawa ngalolo suku kwaBenjamini babe ngabantu abayizinkulungwane ezingamashumi amabili nanhlanu abahlome inkemba; bonke labo babe ngamaqhawe. 47Kepha abantu abangamakhulu ayisithupha baphenduka, babalekela ehlane edwaleni lakwaRimoni, bahlala edwaleni lakwaRimoni izinyanga ezine. 48Abantu bakwa-Israyeli babuyela kubantwana bakwaBenjamini, bababulala ngosiko lwenkemba ababesaphila emzini, nezinkomo, yebo, konke okwafunyaniswayo; futhi yonke imizi abayifumanisayo bayithungela ngomlilo.

AbAhluleli 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

AbAhluleli 21

Isizwe sakwaBenjamini sibuye simiswe

1Abantu bakwa-Israyeli babefungile eMispa, bethi: “Akuyikubakho muntu oyakunika owakwaBenjamini indodakazi yakhe ibe ngumkakhe.”

2Abantu base befika eBethele, bahlala khona kwaze kwahlwa phambi kukaNkulunkulu, baphakamisa izwi labo, bakhala kakhulu. 3Bathi: “Jehova Nkulunkulu ka-Israyeli, lokhu kwenzelweni kwa-Israyeli ukuba kusilale namuhla esinye isizwe sakwa-Israyeli na?”

4Kwathi ngakusasa abantu bavuka ekuseni, bakha khona i-altare, banikela ngeminikelo yokushiswa neminikelo yokuthula.

5Abantwana bakwa-Israyeli bathi: “Yisiphi phakathi kwazo zonke izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga ebandleni kuJehova na?” Ngokuba bebefungile isifungo esikhulu ngaye ongakhuphukeli kuJehova eMispa ukuthi wobulawa nokubulawa.

6Abantwana bakwa-Israyeli bamhawukela uBenjamini umfowabo, bathi: “Kunqunyiwe namuhla esinye isizwe kwa-Israyeli. 7Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu sifungile uJehova ukuthi asiyikubanika amadodakazi ethu abe ngomkabo, na?” 8Bathi: “Yisiphi kuzo izizwe zakwa-Israyeli esingakhuphukelanga kuJehova eMispa na?” Bheka, akufikanga muntu ekamu* ovela eJabeshi Gileyadi ukuya ebandleni. 9Sebebalwa abantu; bheka, kwakungekho muntu kwabakhile eJabeshi Gileyadi lapho.

10Inhlangano yathuma khona abantu abayizinkulungwane eziyishumi nambili abangamaqhawe amakhulu, yabayala yathi: “Hambani nibabulale abakhe eJabeshi Gileyadi ngosiko lwenkemba kanye nabesifazane nezingane. 11Yilokhu eniyakukwenza: Niyakuchitha nokuchitha bonke abesilisa nabo bonke abesifazane abake balala nendoda.” 12Bafumana phakathi kwabakhileyo eJabeshi Gileyadi izintombi ezintsha ezingamakhulu amane ezingazanga ndoda ngokulala nayo; baziyisa ekamu* eShilo elisezweni laseKhanani.

13Yonke inhlangano yathuma yakhuluma kubantwana bakwaBenjamini ababesedwaleni lakwaRimoni, yamemezela ukuthula kubo. 14UBenjamini wabuya ngaleso sikhathi; babanika abesifazane ababebasindisile kwabesifazane baseJabeshi Gileyadi; kepha ababanelanga.

15Abantu bamhawukela uBenjamini, ngokuba uJehova wayenze ukwahlukana ezizweni zakwa-Israyeli. 16Amalunga enhlangano ayesethi: “Siyakwenze njani ukuba abaseleyo babe nabafazi, lokhu abesifazane bechithiwe kwaBenjamini, na?” 17Athi: “Nga liba khona ifa labaphunyukileyo bakwaBenjamini, ukuze kungesulwa sizwe kwa-Israyeli. 18Kepha asinakubanika nokho amadodakazi ethu abe ngomkabo, ngokuba abantwana bakwa-Israyeli babefungile bethi: ‘Makaqalekiswe onika owakwaBenjamini umfazi.’ ” 19Athi: “Bheka, kukhona umkhosi kaJehova iminyaka ngeminyaka eShilo elingasenyakatho kwaseBethele ngasempumalanga komendo okhuphuka eBethele uya eShekemi nangaseningizimu kwaseLebona.”

20Abayala abantwana bakwaBenjamini, athi: “Hambani niqamekele ezivinini, 21nibone: bhekani, uma amadodakazi aseShilo ephuma ukusina lapho kusinwa khona, anophuma ezivinini, nizibambele, kube yilowo nalowo umkakhe kuwo amadodakazi aseShilo, niye ezweni lakwaBenjamini. 22Kuyakuthi lapho oyise noma abanewabo befika ukuphikisana nathi, sithi kubo: ‘Sinikeni wona ngomusa, ngokuba asithathanga, kwaba yilowo nalowo umkakhe empini, futhi anibanikanga wona; khona ngabe nitholile icala.’ ”

23Abantwana bakwaBenjamini benze njalo, bazithathela abafazi njengenani labo kwabasinayo, ababaqhwagayo; bahamba, babuyela efeni labo, bakha imizi, bahlala kuyo.

24Abantwana bakwa-Israyeli bamuka khona ngaleso sikhathi, yilowo nalowo waya esizweni sakhe nasemndenini wakhe, baphuma lapho, yilowo nalowo waya efeni lakhe.

25Ngalezo zinsuku kwakungekho nkosi kwa-Israyeli; yilowo nalowo wenza okulungile emehlweni akhe.

AbAhluleli 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU