Bible Society of South Africa

To The Word – Day 75

1 Samuel 11–15, Psalm 10

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

1 uSamuweli 11

USawule unqoba abakwa-Amoni

1Kwenyuka uNahashi wakwa-Amoni, wamisa eJabeshi Gileyadi; bonke abantu baseJabeshi bathi kuNahashi: “Yenza isivumelwano nathi, siyakukukhonza.”

2UNahashi wakwa-Amoni wathi kubo: “Ngiyakusenza nani ngalokhu ukuba kukhishwe onke amehlo enu okunene, ngikubeke kube yihlazo kuye wonke u-Israyeli.”

3Amalunga aseJabeshi athi kuye: “Siyeke izinsuku eziyisikhombisa ukuba sithume izithunywa emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli; uma kungekho osisindisayo, siyakuphumela kuwe.”

4Izithunywa zafika eGibeya likaSawule, zakhuluma lawo mazwi ezindlebeni zabantu; bonke abantu badazuluka, bakhala. 5Bheka, uSawule weza elandela izinkabi, evela ensimini; uSawule wathi: “Yini ukuba abantu bakhale na?” Bamtshela amazwi abantu baseJabeshi.

6UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule esezwile lawo mazwi; intukuthelo yakhe yavutha kakhulu. 7Wathatha izinkabi ezimbili, wazihlahlela, wazithuma emikhawulweni yonke yakwa-Israyeli ngesandla sezithunywa, ethi: “Ongaphumi emva kukaSawule noSamuweli kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ingebhe ngoJehova yehlela phezu kwabantu, baphuma njengomuntu munye. 8Wababala eBezeki; abantwana bakwa-Israyeli babe yizinkulungwane ezingamakhulu amathathu, nabantu bakwaJuda babe yizinkulungwane ezingamashumi amathathu.

9Bathi kuzo izithunywa ezazifikile: “Niyakusho kanje kubantu baseJabeshi Gileyadi, nithi: ‘Kusasa lapho ilanga libalele niyakukhululwa.’ ” Izithunywa zafika, zabatshela abantu baseJabeshi; bathokoza. 10Ngalokho abantu baseJabeshi bathi: “Kusasa siyakuphumela kini, nenze kithi konke okuhle emehlweni enu.”

11Kwathi ngangomuso uSawule waviva abantu ngezigaba ezintathu; bafika phakathi kwekamu* ngomlindo wokusa, babulala abakwa-Amoni, laze lashisa ilanga; kwathi abaseleyo bahlakazeka, akusalanga kubo ababili bendawonye.

12Abantu bathi kuSawule: “Ngubani oshilo ukuthi uSawule uyakuba yinkosi phezu kwethu na? Lethani labo bantu ukuba sibabulale.”

13USawule wathi: “Akuyikubulawa muntu namuhla, ngokuba namuhla uJehova usebenzile ukusindiswa kwa-Israyeli.”

14USamuweli wayesethi kubantu: “Wozani siye eGiligali, sibuye sivuse umbuso khona.” 15Bonke abantu baya eGiligali, bambeka khona uSawule waba yinkosi phambi kukaJehova eGiligali; bahlaba khona imihlatshelo yeminikelo yokuthula phambi kukaJehova; uSawule nabo bonke abantu bakwa-Israyeli bathokoza kakhulu khona.

1 uSamuweli 11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 12

USamuweli ulanda indaba yomsebenzi wakhe

1USamuweli wathi kuye wonke u-Israyeli: “Bhekani, ngilalele izwi lenu kukho konke enikushiloyo kimi, ngibekile inkosi phezu kwenu. 2Manje bhekani, inkosi iyahamba phambi kwenu; mina sengimdala, ngiyimpunga; nanka amadodana ami akini; ngihambile phambi kwenu kwasebusheni bami kuze kube namuhla. 3Bhekani, ngilapha: fakazani ngami phambi kukaJehova naphambi kogcotshiweyo wakhe ukuthi ngithathe inkabi kabani, ngithathe imbongolo kabani, ngikhohlisile ubani, ngicindezele ubani, ngamukele umvuzo esandleni sikabani ukuba ngifihle amehlo ami ngawo na? Ngiyakukubuyisela kini.”

4Bathi: “Awusikhohlisanga, awusicindezelanga, awamukelanga lutho esandleni samuntu.” 5Wayesethi kubo: “UJehova ungufakazi ngani, nogcotshiweyo wakhe ungufakazi namuhla ukuthi anifumananga lutho esandleni sami.”

Bathi: “Ungufakazi.”

6USamuweli wathi kubantu: “NguJehova, yena owabeka oMose no-Aroni nowakhuphula oyihlo ezweni laseGibithe. 7Kalokhu yimani ukuba ngiphendulane nani phambi kukaJehova ngezenzo zonke ezilungileyo zikaJehova azenza kini nakoyihlo.

8“Lapho uJakobe esefikile eGibithe, oyihlo bakhala kuJehova, uJehova wathuma oMose no-Aroni abakhipha oyihlo eGibithe, babahlalisa kule ndawo.

9“Kepha bakhohlwa uJehova uNkulunkulu wabo, wathengisa ngabo esandleni sikaSisera induna yempi yaseHasori, nasesandleni samaFilisti, nasesandleni senkosi yakwaMowabi, balwa nabo. 10Bakhala kuJehova, bathi: ‘Sonile, ngokuba simshiyile uJehova, sakhonza oBali no-Ashitaroti; kodwa kalokhu sophule esandleni sezitha zethu, siyakukukhonza.’ 11UJehova wayesethuma oJerubali, noBedani, noJefta, noSamuweli, wanophula esandleni sezitha zenu nxazonke, nahlala nalondeka.

12“Kepha lapho nabona uNahashi inkosi yabantwana bakwa-Amoni ephuma ukulwa nani, nathi kimi: ‘Hhayi, kepha masibuswe yinkosi,’ ingani uJehova uNkulunkulu wenu wayeyinkosi yenu. 13Manje nansi inkosi eniyikhethileyo neniyicelileyo; bhekani, uJehova ubekile inkosi phezu kwenu. 14Uma nimesaba uJehova, nimkhonze, nilalele izwi lakhe, ningahlubuki esiyalezweni sakhe, khona nina nenkosi yenu ebusa phezu kwenu niyakulandela uJehova uNkulunkulu wenu; 15kepha uma ningalaleli izwi likaJehova, nihlubuke esiyalezweni sikaJehova, khona isandla sikaJehova siyakumelana nani, njengalokho samelana nawoyihlo.

16“Ngalokho yimani nibone le nto enkulu ayakuyenza uJehova phambi kwamehlo enu. 17Angithi kuyisikhathi sokuvuna ukolweni namuhla na? Ngiyakukhuleka kuJehova ukuba athume ukuduma nemvula, nazi, nibone ukuthi okubi kwenu enikwenzile emehlweni kaJehova ngokucela inkosi kukhulu.”

18USamuweli wayesekhuleka kuJehova; uJehova wathuma ukuduma nemvula ngalolo suku; bonke abantu besaba kakhulu uJehova noSamuweli.

19Bonke abantu bathi kuSamuweli: “Khulekela izinceku zakho kuJehova uNkulunkulu wakho ukuba singafi, ngokuba senezele kuzo zonke izono zethu ububi bokuzicelela inkosi.”

20USamuweli wathi kubantu: “Ningesabi; impela nenzile konke lokho okubi; kepha ningaphambuki ekumlandeleni uJehova, kodwa mkhonzeni uJehova ngayo yonke inhliziyo yenu; 21yebo, ningaphambuki ukuba nilandele izinto eziyize ezingenakusiza nezingenakophula, ngokuba ziyize. 22Ngokuba uJehova akayikushiya abantu bakhe ngenxa yegama lakhe elikhulu, lokhu kwakukuhle kuJehova ukuzenzela nina nibe ngabantu bakhe. 23Futhi nami, makube kude nami ukuba ngone kuJehova ngokuyeka ukunikhulekela; kakhulu ngiyakunifundisa indlela enhle nelungileyo. 24Yesabani uJehova kuphela, nimkhonze ngeqiniso ngenhliziyo yenu yonke, ngokuba bhekani okukhulu anenzele khona. 25Kodwa uma nisenza okubi, niyakubhubha nina nenkosi yenu.”

1 uSamuweli 12ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 13

Impi namaFilisti

1USawule wabusa umnyaka; esebusile iminyaka emibili kwa-Israyeli.

2USawule wazikhethela abantu abayizinkulungwane ezintathu kwa-Israyeli; izinkulungwane ezimbili zazinoSawule eMikimashi nasentabeni yaseBethele, nenkulungwane yayinoJonathani eGibeya lakwaBenjamini; abanye abantu wabamukisa, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe.

3UJonathani wachitha ikhanda lamaFilisti elaliseGeba, amaFilisti akuzwa. USawule wabetha icilongo ezweni lonke, wathi: “Makezwe amaHeberu.” 4Wonke u-Israyeli wezwa kuthiwa uSawule uchithile ikhanda lamaFilisti nokuthi u-Israyeli uyanengeka kuwo amaFilisti. Abantu babuthwa ukuba bamlandele uSawule, baye eGiligali.

5AmaFilisti abuthana ukuba alwe no-Israyeli: izinqola eziyizinkulungwane ezingamashumi amathathu, nabamahhashi abayizinkulungwane eziyisithupha, nabantu abangangesihlabathi esisogwini lolwandle ngobuningi; benyuka bamisa eMikimashi ngasempumalanga kwaseBeti Aveni. 6Lapho abantu bakwa-Israyeli bebona ukuthi basengcingweni, ngokuba bacindezelwa kakhulu, abantu bacasha emihumeni, nasemahlozini, nasemaweni, nasezinqabeni, nasemigodini. 7NamaHeberu ayewelile iJordani ukuya ezweni lakwaGadi nakwelakwaGileyadi; kepha uSawule wayeseseGiligali; abantu bonke bamlandela bethuthumela.

USawule unikela ngokungengamthetho

8Wahlala izinsuku eziyisikhombisa njengesikhathi esimisiwe nguSamuweli, kepha uSamuweli akafikanga eGiligali; abantu bahlakazeka kuye. 9USawule wayesethi: “Lethani kimi umnikelo wokushiswa neminikelo yokuthula.” Wanikela ngomnikelo wokushiswa. 10Kwathi eseqedile ukunikela ngomnikelo wokushiswa, bheka, uSamuweli wafika; uSawule waphuma ukumhlangabeza ukuba ambingelele.

11USamuweli wathi: “Wenzeni na?”

USawule wathi: “Njengokuba ngabona ukuthi abantu bahlakazekile kimi, nokuthi awufikanga ngesikhathi esimisiweyo, nokuthi amaFilisti abuthene eMikimashi, 12ngathi: ‘Manje amaFilisti ayakwehlela kimi eGiligali ngingakhulekanga;’ ngase ngiziphoqa, nganikela ngomnikelo wokushiswa.”

13USamuweli wathi kuSawule: “Wenze ngobuwula, awugcinanga umyalo kaJehova uNkulunkulu wakho akuyala ngawo, ngokuba uJehova ubeseyakuqinisa umbuso wakho kwa-Israyeli kuze kube phakade. 14Kepha manje umbuso wakho awuyikuqhubeka; uJehova usezifunele umuntu ngokwenhliziyo yakhe; uJehova ummisile abe ngumholi wabantu bakhe, ngokuba ungagcinanga lokho uJehova akuyala ngakho.”

15USamuweli wayesesuka, wakhuphuka eGiligali, waya eGibeya lakwaBenjamini. USawule wabala abantu abafumaniseka bekuye, kungathi abantu abangamakhulu ayisithupha.

16OSawule noJonathani indodana yakhe nabantu ababe naye bahlala eGeba lakwaBenjamini, kepha amaFilisti amisa eMikimashi. 17Abaphangi baphuma ekamu* lamaFilisti ngezigaba ezintathu; esinye isigaba sahamba ngendlela eya e-Ofira ezweni laseShuhali; 18esinye isigaba sahamba ngendlela eya eBeti Horoni; esinye isigaba sahamba ngendlela eya emkhawulweni obheka esigodini saseSeboyimi ngasehlane.

19Kwakungekho mkhandi ezweni lonke lakwa-Israyeli, ngokuba amaFilisti athi: “Funa amaHeberu azenzele izinkemba nemikhonto.” 20Bonke abakwa-Israyeli behlela kuwo amaFilisti, kwaba yilowo nalowo ukuba alole umese wakhe, nempumulo yakhe, nembazo yakhe, nesikela lakhe; 21imali yayiyipimi* ngezimpumulo nangezimfoloko, nenxenye yesithathu yeshekeli* ngezimbazo nangokulungisa izincijo zezinkabi.

22Kwathi ngosuku lokulwa akwabakho nkemba namkhonto esandleni samuntu owayenoSawule noJonathani; kodwa koSawule noJonathani indodana yakhe kwakukhona.

23Ikhanda lamaFilisti laphuma, laya ngasentubeni yaseMikimashi.

1 uSamuweli 13ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 14

Ubuqhawe bukaJonathani

1Kwathi ngosuku oluthile uJonathani indodana kaSawule wathi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lamaFilisti elingaphesheya.” Kepha akamtshelanga uyise.

2USawule wahlala emaphethelweni aseGibeya phansi kompomegranati* oseMigroni; abantu ababe naye babe ngamakhulu ayisithupha; 3u-Ahiya indodana ka-Ahithubi, umfowabo ka-Ikabodi indodana kaFinehasi ka-Eli, umpristi kaJehova eShilo, wayembethe ingubo yamahlombe. Abantu babengazi ukuthi uJonathani uhambile.

4Phakathi kwezintuba uJonathani afuna ukuwela ngazo ukuya ekhandeni lamaFilisti kwakukhona ugedla lwesiwa ngalapha nogedla lwesiwa ngalapha; igama lolunye laliyiBosesi, negama lolunye laliyiSene. 5Olunye ugedla lwaluphakeme ngasenyakatho phambi kweMikimashi, nolunye ngaseningizimu phambi kweGeba.

6UJonathani wathi odibini lwakhe oluphethe izikhali zakhe: “Woza siwele, siye ekhandeni lalabo abangasokile; ingabe uJehova uyakusisebenzela, ngokuba akukho okumthiyayo uJehova ukuba asindise ngabaningi noma ngabayingcosana.”

7Ophethe izikhali zakhe wathi kuye: “Yenza konke okusenhliziyweni yakho: hamba, bheka, nginawe njengenhliziyo yakho.”

8Wayesethi uJonathani kuye: “Bheka, siyakuwela, siye kulabo bantu, sizibonakalise kubo. 9Uma bethi kithi: ‘Hlalani size sifike kini,’ khona siyakuma endaweni yethu, singenyukeli kubo. 10Kepha uma bethi: ‘Yenyukelani kithi,’ siyakwenyuka, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sethu; lokhu kuyakuba yisibonakaliso kithi.”

11Bobabili bazibonakalisa kulo ikhanda lamaFilisti; amaFilisti ayesethi: “Bhekani, amaHeberu aphuma emigodini acashe kuyo.” 12Abantu basekhandeni bamphendula uJonathani nodibi lwakhe, bathi: “Khuphukelani kithi, siyakunifundisa indaba.”

UJonathani wayesethi odibini oluphethe izikhali zakhe: “Khuphuka emva kwami, ngokuba uJehova ubanikele esandleni sakwa-Israyeli.”

13UJonathani wakhuphuka ngezandla zakhe nangezinyawo zakhe, nodibi lwakhe emva kwakhe; bawa phambi kukaJonathani, nodibi lwezikhali zakhe lwababulala emva kwakhe. 14Lokho kuceka kokuqala abakwenzayo uJonathani nodibi lwezikhali zakhe kwakungabantu kungathi amashumi amabili ebangeni elingathi inxenye ye-eka* lensimu.

15Kwaba khona ukuthuthumela ekamu,* nasendle, naphakathi kwabantu bonke; ikhanda nabaphangi bathuthumela nabo, nomhlaba wazamazama, kwaze kwaba ngukuthuthumela okukhulu.

16Abalindi bakaSawule eGibeya lakwaBenjamini babona, bheka, isixuku sahlakazeka, saya ngalapha nangalapha. 17USawule wayesethi kubantu ababe naye: “Balani manje, nibone ukuthi ngubani omukile kithi.” Babala, bheka, uJonathani nodibi lwezikhali zakhe babengekho.

18USawule wathi ku-Ahiya: “Letha umphongolo kaNkulunkulu.” Ngokuba umphongolo kaNkulunkulu wawukhona ngaleso sikhathi kwabakwa-Israyeli. 19Kwathi uSawule esakhuluma kumpristi, umsindo owawusekamu* lamaFilisti waqhubeka, wanda; uSawule wathi kumpristi: “Susa isandla sakho.”

20USawule nabo bonke abantu ababe naye babuthana, baya ekulweni; bheka, yilowo nalowo washaya omunye ngenkemba, kwaba khona ukungquzuka okukhulu kakhulu. 21AmaHeberu ayenamaFilisti kuqala nawo akhuphukela ekamu* nxazonke, aphendukela kwabakwa-Israyeli ababe noSawule noJonathani. 22Abantu bonke bakwa-Israyeli ababecashile ezintabeni zakwa-Efrayimi sebezwile ukuthi amaFilisti abaleka, nabo bawaxosha ekulweni. 23UJehova wasindisa u-Israyeli ngalolo suku; ukulwa kwadlulela eBeti Aveni.

Isiyalezo sikaSawule

24Abantu bakwa-Israyeli babecindezelwa ngalolo suku, kepha uSawule wafungisa abantu, wathi: “Makaqalekiswe umuntu odla ukudla kungakahlwi, ngingakaziphindiseli ezitheni zami.” Akwabakho muntu owezwa ukudla.

25Abantu bonke beza ehlathini; kwakukhona izinyosi phansi. 26Abantu sebengenile ehlathini, bheka, izinyosi zaconsa, kepha akwabakho muntu obeka isandla emlonyeni, ngokuba abantu besaba isifungo. 27Kepha uJonathani akezwanga lapho uyise efungisa abantu; ngalokho welula isihloko senduku esesandleni sakhe, wasicwilisa ezinyosini, wabeka isandla emlonyeni; ayeseqabuka amehlo akhe. 28Kwase kuthatha omunye wabantu, wathi: “Uyihlo wabafungisa nokubafungisa abantu, ethi: ‘Makaqalekiswe umuntu odla ukudla namuhla.’ Abantu babephelile amandla.”

29Wayesethi uJonathani: “Ubaba uhluphile izwe; ake nibone ukuthi amehlo ami aseqabukile, ngokuba ngizwe ingcosana yalezi zinyosi. 30Kakhulu kangakanani, uma abantu bebedlile impela impango yezitha zabo abayifumanayo, ngokuba nga engabulawanga kakhulu amaFilisti na?”

31Babulala amaFilisti ngalolo suku kusukela eMikimashi kuze kube se-Ajaloni; abantu baphela amandla kakhulu. 32Abantu batheleka empangweni, bathatha izimvu, nezinkabi, namankonyane, bakubulalela phansi; abantu bakudla kanye negazi. 33Base bemtshela uSawule, bethi: “Bheka, abantu bayona kuJehova ngokudla okunegazi.”

Wathi: “Nenze kabi; gingqelani kimi itshe elikhulu namuhla.” 34Wathi uSawule: “Hlakazekelani phakathi kwabantu, nithi kubo: ‘Lethani kimi, kube yilowo nalowo inkabi yakhe, nalowo imvu yakhe, nizihlabe lapha, nidle, ningoni kuJehova ngokudla okunegazi.’ ” Bonke abantu baletha, kwaba yilowo nalowo inkabi yakhe ngalobo busuku ngesandla sakhe, bazihlaba khona. 35USawule wamakhela uJehova i-altare; kwakuyi-altare lokuqala amakhela lona uJehova.

36USawule wathi: “Masehle, silandele amaFilisti ebusuku, siwaphange kuze kuse, singashiyi noyedwa kuwo.”

Bathi: “Yenza konke okuhle emehlweni akho.”

Umpristi wayesethi: “Masisondele lapha kuNkulunkulu.”

37USawule wabuza kuNkulunkulu wathi: “Ngehle ngilandele amaFilisti na? Uyakuwanikela esandleni sakwa-Israyeli na?” Kepha akamphendulanga ngalolo suku.

38USawule wathi: “Sondelani lapha nina nonke zinhloko zabantu, nazi, nibone ukuthi bekuyisiphi lesi sono sanamuhla. 39Ngokuba, kuphila kukaJehova osindisa u-Israyeli, nokuba sikuJonathani indodana yami, uyakufa nokufa.” Kepha akwabakho noyedwa owamphendulayo.

40Wayesethi ku-Israyeli wonke: “Buyelani nganhlanye nina, mina noJonathani indodana yami siyakubuyela nganhlanye.”

Abantu bathi kuSawule: “Yenza okuhle emehlweni akho.”

41Ngalokho uSawule wathi kuJehova uNkulunkulu ka-Israyeli: “Malivele iqiniso.” OJonathani noSawule badliwa yinkatho, kepha abantu baphunyuka. 42USawule wathi: “Yenzani inkatho phakathi kwami noJonathani indodana yami.” Wadliwa uJonathani.

43USawule wayesethi kuJonathani: “Ngitshele okwenzileyo.”

UJonathani wamtshela wathi: “Impela ngezwa ingcosana yezinyosi ngesihloko senduku eyayisesandleni sami; bheka, sengizakufa.”

44USawule wathi: “Makenze njalo uNkulunkulu, enezele futhi, ngokuba uyakufa nokufa, Jonathani!”

45Abantu bathi kuSawule: “Uyakufa yini uJonathani okwenzile lokho kusindisa okukhulu kwa-Israyeli na? Makube kude; kuphila kukaJehova, akuyikuwela phansi nolulodwa unwele lwekhanda lakhe, ngokuba usebenzile noNkulunkulu namuhla.” Abantu bamhlenga ukuba angafi.

USawule uyalwa nezizwe eziningi

46USawule wayesenyuka ebuya ekulandeleni amaFilisti; aya endaweni yawo.

47USawule esethathile umbuso wakwa-Israyeli walwa nazo zonke izitha zakhe nxazonke, noMowabi, nabantwana bakwa-Amoni, no-Edomi, namakhosi aseSoba, namaFilisti; nomaphi lapho ebheka khona, wayehlula. 48Wenza okobuqhawe, wanqoba ama-Amaleki, wamophula u-Israyeli esandleni sabaphangi.

Abomuzi kaSawule

49Amadodana kaSawule ayengoJonathani, no-Ishivi, noMaliki Shuwa; amagama amadodakazi akhe amabili yilawa: igama lenkulu lalinguMerabi, igama lencane lalinguMikhali. 50Igama lomkaSawule lalingu-Ahinohama indodakazi ka-Ahimahazi; igama lenduna yempi yakhe lalingu-Abineri indodana kaNeri uyisekazi kaSawule. 51UKishi uyise kaSawule noNeri uyise ka-Abineri babe ngamadodana ka-Abiyeli.

52Kwakukhona ukulwa okunzima namaFilisti zonke izinsuku zikaSawule; lapho uSawule ebona iqhawe nendoda enamandla wazithathela bona.

1 uSamuweli 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 uSamuweli 15

USawule uyahlula ama-Amaleki

1USamuweli wathi kuSawule: “UJehova wangithuma ukuba ngikugcobe ube yinkosi phezu kwabantu bakhe u-Israyeli; ngalokho lalela amazwi kaJehova. 2Usho kanje uJehova Sebawoti, uthi: ‘Ngiyakuhambela umAmaleki ngalokho akwenzayo ku-Israyeli wamelana naye endleleni ekukhuphukeni kwakhe eGibithe. 3Hamba manje, unqobe u-Amaleki, uchithe impela konke anakho, ungamhawukeli, kepha bulala abesilisa, nabesifazane, nezingane, nabancelayo, nezinkabi, nezimvu, namakamela, nezimbongolo.’ ”

4USawule wayesebiza abantu, wababala eThelayimi, izinkulungwane ezingamakhulu amabili zemigundatshani nezinkulungwane eziyishumi zabantu bakwaJuda. 5USawule wafika emzini ka-Amaleki, waqamekela esigodini. 6USawule wathi kumaKheni: “Hambani nimuke, nehle kuwo ama-Amaleki, funa nginichithe kanye nawo, ngokuba nabenzela umusa bonke abantwana bakwa-Israyeli ekukhuphukeni kwabo eGibithe.” Ayesesuka amaKheni phakathi kwama-Amaleki.

7USawule wahlula ama-Amaleki kusukela eHavila kuya ngaseShuri elingaphambi kwaseGibithe. 8Wabamba u-Agagi inkosi yama-Amaleki esaphilile, wachitha impela bonke abantu ngosiko lwenkemba. 9Kepha uSawule nabantu bayeka u-Agagi nezinhle nezikhulupheleyo zezimvu nezezinkabi, namawundlu, nakho konke okuhle; babengavumi ukukuqeda lokho; kodwa zonke izinto ezidelekileyo nezondileyo baziqeda nya.

Ukungalaleli nokulahlwa kukaSawule

10Lase lifika izwi likaJehova kuSamuweli, lithi: 11“Ngiyazisola ukuthi ngibekile uSawule inkosi, ngokuba ubuyile ekungilandeleni, kafezanga amazwi ami.” USamuweli wathukuthela, wakhala kuJehova ubusuku bonke.

12USamuweli wavuka kusasa ukuba amhlangabeze uSawule ekuseni; kwabikwa kuSamuweli ukuthi: “USawule wafika eKarmeli; bheka, wazimisela insika, wasuka, wadlula, wehla waya eGiligali.”

13USamuweli wafika kuSawule; uSawule wathi kuye: “Mawubusiswe nguJehova; sengifezile izwi likaJehova.”

14USamuweli wayesethi: “Kuthini, pho, lokhu kukhala kwezimvu ezindlebeni zami, nokukhala kwezinkabi engikuzwayo, na?”

15USawule wathi: “Babuye nazo kuma-Amaleki, ngokuba abantu bayeka ezinhle zezimvu nezezinkabi ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho; ezinye siziqedile nya.”

16USamuweli wayesethi kuSawule: “Kahle, ngikutshele lokho uJehova akukhulumile kimi kulobu busuku.”

Wathi kuye: “Khuluma.”

17Wathi uSamuweli: “Nakuba wawumncane emehlweni akho, awenziwanga yini waba yinhloko yezizwe zakwa-Israyeli na? UJehova wakugcoba, waba yinkosi phezu kuka-Israyeli. 18UJehova wakuthuma indlela, wathi: ‘Hamba uqede nya izoni, ama-Amaleki, ulwe nawo aze aphele.’ 19Awulalelanga ngani izwi likaJehova, kepha watheleka phakathi kwempango, wenza okubi emehlweni kaJehova, na?”

20USawule wathi kuSamuweli: “Ngililalele izwi likaJehova, ngihambile indlela uJehova owangithuma yona, ngimlethile u-Agagi inkosi yama-Amaleki, ngachitha impela ama-Amaleki. 21Kepha abantu bathatha kuyo impango, izimvu nezinkabi, okuhle kokuqalekisiweyo, ukuba bahlabele uJehova uNkulunkulu wakho eGiligali.”

22USamuweli wathi:

“UJehova uyenamela yini

iminikelo yokushiswa nemihlatshelo,

njengalokhu enamele ukulalelwa kwezwi likaJehova, na?

Bheka, ukulalela kuhle kunomhlatshelo,

nokuqaphela kuhle kunamanoni ezinqama.

23Ngokuba ukwambuka kunjengesono sokubhula,

nenkani ifana nokukhonza izithombe namatherafi.*

Ngokuba ulilahlile izwi likaJehova,

naye ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi.”

24USawule wayesethi kuSamuweli: “Ngonile, ngokuba ngeqile isiyalezo sikaJehova namazwi akho, lokhu ngesaba abantu, ngalalela izwi labo. 25Ngalokho ake uthethelele isono sami, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova.”

26USamuweli wathi kuSawule: “Angiyikubuya nawe, ngokuba ulilahlile izwi likaJehova, naye uJehova ukulahlile wena ukuba ungabe usaba yinkosi phezu kuka-Israyeli.”

27USamuweli esephenduka ukuhamba, wabamba umphetho wengubo yakhe, yaklebhuka. 28USamuweli wathi kuye: “UJehova uklebhulile umbuso ka-Israyeli kuwe namuhla, uwunikile umngane wakho omuhle kunawe. 29IThemba Lika-Israyeli aliyikuqamba amanga, lizisole, ngokuba alisiye umuntu ukuba lizisole.”

30Wayesethi: “Ngonile, kepha ake ungituse manje phambi kwamalunga abantu bami naphambi kuka-Israyeli, ubuye nami ukuba ngikhuleke kuJehova uNkulunkulu wakho.” 31USamuweli wabuya, wamlandela uSawule; uSawule wakhuleka kuJehova.

OSamuweli no-Agagi

32USamuweli wayesethi: “Lethani kimi u-Agagi inkosi yama-Amaleki.” U-Agagi wafika kuye esasile.

U-Agagi wathi: “Impela umunyu wokufa udlulile.”

33USamuweli wathi: “Njengalokho inkemba yakho ibaphucile abesifazane abantwana, kanjalo unyoko uyakwaphucwa abantwana kunabanye.” USamuweli wayesehlahlela u-Agagi phambi kukaJehova eGiligali.

34USamuweli waya eRama, kepha uSawule wakhuphukela ekhaya eGibeya likaSawule. 35USamuweli akaphindanga ukumbona uSawule waze wafa, kepha uSamuweli wamkhalela uSawule; uJehova wazisola ukuthi wayembekile uSawule inkosi phezu kuka-Israyeli.

1 uSamuweli 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 10

Ukuchithwa kwababi

1Jehova, umeleni kude na?

Uzifihlelani ubuso ezikhathini zokuhlupheka na?

2Ngokuqhosha komubi ompofu uyahlupheka;

mababanjwe ngamacebo abawacebileyo.

3Ngokuba omubi uyazigabisa ngokufisa komphefumulo wakhe,

nohulazayo uyamvalelisa,

amdelele uJehova.

4Omubi ngokuzikhukhumeza kobuso bakhe uthi:

“Akanaki lutho;

akakho uNkulunkulu,”

injalo imicabango yakhe yonke.

5Izindlela zakhe zithembekile izikhathi zonke;

izahlulelo zakho ziphakeme kakhulu kunokubona kwakhe;

zonke izitha zakhe uyazidelela.

6Uthi enhliziyweni yakhe: “Angiyikuzanyazanyiswa;

izizukulwane nezizukulwane angisoze ngehlelwa ngozi.”

7Umlomo wakhe ugcwele isiqalekiso nenkohliso nobudlova;

ngaphansi kolimi lwakhe kukhona ukwelelesa nokonakala.

8Uhlezi ezindaweni zokuqamekela zemizi;

ezindaweni ezisithekileyo uyambulala ongenacala;

amehlo akhe ayamhlwaya othithibeleyo.

9Endaweni esithekileyo uqamekela njengengonyama emphandwini wayo;

uhlomele ukumbamba ohluphekileyo;

uyambamba ohluphekileyo ngokumngenisa esihibeni sakhe.

10Uyanyonyoba, uyakhothama,

abathithibeleyo bawe ngamazipho akhe.

11Uthi enhliziyweni yakhe:

“UNkulunkulu ukhohliwe,

ubusithezile ubuso bakhe;

akasoze wakubona nanini.”

12Vuka, Jehova!

Nkulunkulu, phakamisa isandla sakho,

ungakhohlwa abahluphekileyo.

13Kungani ukuba omubi adelele uNkulunkulu,

athi enhliziyweni yakhe: “Awuyikukunaka,” na?

14Ubonile wena;

ngokuba ukukhathazeka nokuhlupheka uyakubona wena

ukuze ukubeke esandleni sakho;

othithibeleyo uyazinikela kuwe;

wena ungumsizi wentandane.

15Yaphula ingalo yomubi;

buphenyisise ububi besoni,

ukuze ungabe usabufumana.

16UJehova uyinkosi kuze kube phakade naphakade;

abezizwe bayachithwa emhlabeni wakhe.

17Jehova, uyakuzwa ukulangazela kwabamnene;

uyaqinisa inhliziyo yabo,

indlebe yakho uyibeka kubo

18ukuba wahlulele intandane nocindezelweyo,

ukuze umuntu wasemhlabeni angabe esabanga uvalo.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU