Bible Society of South Africa

To The Word – Day 8

Genesis 25–28, John 14–16

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

UGenesise 25

Amadodana ka-Abrahama kuKetura.Ukufa kuka-Abrahama

1U-Abrahama waphinda wathatha umfazi ogama lakhe linguKetura. 2Wamzalela oZimrani, noJokishani, noMedani, noMidiyani, no-Ishibaki, noShuwa. 3UJokishani wazala oSheba noDedani. Amadodana kaDedani ayengama-Ashuri, namaLetushi, namaLewumi. 4Amadodana kaMidiyani ayengo-Efa, no-Eferi, noHanoki, no-Abida, no-Elidaha. Bonke labo babengamadodana kaKetura.

5U-Abrahama wamnika u-Isaka konke anakho. 6Kepha amadodana ezancinza zika-Abrahama u-Abrahama wawanika izipho nje, wawamukisa ku-Isaka indodana yakhe esekhona, aye ngasempumalanga ezweni lasempumalanga.

7Lezi ziyizinsuku zeminyaka yokuhamba kuka-Abrahama azihambayo: iminyaka eyikhulu namashumi ayisikhombisa nanhlanu. 8U-Abrahama wagqibuka wafa, esemdala egugile, esanelisiwe yizinsuku, wabuthelwa kubantu bakhe. 9O-Isaka no-Ishmayeli amadodana akhe bammbela emhumeni waseMakaphela, ensimini ka-Efroni indodana kaSowari umHeti engaphambi kweMamre, 10insimu ayithenga u-Abrahama kubo abantwana bakwaHeti; khona wembelwa u-Abrahama noSara umkakhe. 11Kwathi emva kokufa kuka-Abrahama uNkulunkulu wambusisa u-Isaka indodana yakhe; u-Isaka wahlala eBeri Lahayi Royi.

Inzalo ka-Ishmayeli

12Lezi ziyizizukulwane zika-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, uHagari waseGibithe incekukazi kaSara amzalela zona u-Abrahama.

13Lawa angamagama amadodana ka-Ishmayeli ngamagama awo nangokuzalwa kwawo: izibulo lika-Ishmayeli nguNebayoti, kanye noKedari, no-Adibeli, noMibisamu, 14noMishima, noDuma, noMasa, 15noHadadi, noThema, noJeturu, noNafishi, noKhedema; 16yilawo angamadodana ka-Ishmayeli, yilawo angamagama awo ngemizi yawo nangezikaniso zawo, izikhulu eziyishumi nambili ngezizwe zawo. 17Le iyiminyaka yokuhamba kuka-Ishmayeli: iminyaka eyikhulu namashumi amathathu nesikhombisa; wagqibuka wafa, wabuthelwa kubantu bakhe. 18Bahlala-ke kwasukela eHavila kwaze kwaba seShuri elingaphambi kwaseGibithe ekuhambeni ukuya e-Asiriya; wakha ngasempumalanga kwabafowabo.

Ukuzalwa kuka-Esawu noJakobe

19Lezi ziyizizukulwane zika-Isaka indodana ka-Abrahama: u-Abrahama wazala u-Isaka; 20u-Isaka wayeneminyaka engamashumi amane mhla emthatha uRebeka indodakazi kaBetuweli, umAramu wasePhadani Aramu, udadewabo kaLabani umAramu, abe ngumkakhe.

21U-Isaka wamkhulekela umkakhe kuJehova, ngokuba wayeyinyumba; uJehova wamzwela; uRebeka umkakhe wakhulelwa. 22Abantwana baqhubukushana phakathi kwakhe; wathi: “Uma kunje, ngisekhona ngani na?” Waya wabuza kuJehova.

23UJehova wathi kuye:

“Esiswini sakho kukhona izizwe ezimbili;

izinhlobo ezimbili zabantu ziyakwahlukana ezibilinini zakho;

esinye isizwe siyakwahlula esinye,

omkhulu akhonze omncane.”

24Kwathi seziphelele izinsuku zakhe zokubeletha, bheka, kwakukhona amawele esiswini sakhe.

25Waphuma owokuqala, ebomvana wonke umzimba, enjengengubo yoboya; baqamba igama lakhe ngokuthi u-Esawu. 26Emva kwalokho kwaphuma umfowabo, isandla sakhe sibambelele esithendeni sika-Esawu; igama lakhe labizwa ngokuthi uJakobe;* u-Isaka wayeneminyaka engamashumi ayisithupha ekuzalweni kwabo.

27Abafana bakhula; u-Esawu waba yiphisi, umuntu wasendle; uJakobe waba yibeka, ehlala ematendeni. 28U-Isaka wamthanda u-Esawu, ngokuba wayedla inyama yenyamazane yakhe; uRebeka wamthanda uJakobe.

29Kwathi uJakobe wapheka ukudla, kwafika u-Esawu evela endle, ediniwe. 30U-Esawu wathi kuJakobe: “Ake ungiphe ukuba ngidle kokubomvu, kulokho okubomvu, ngokuba sengidiniwe,” ngalokho igama lakhe lathiwa u-Edomi.*

31Wayesethi uJakobe: “Thengisa kimi namuhla ngefa lobuzibulo bakho.”

32Wathi u-Esawu: “Bheka, sengizakufa; linosizo luni kimi ifa lobuzibulo bami na?”

33UJakobe wathi: “Funga kimi namuhla.” Wayesefunga kuye, wathengisa ngefa lobuzibulo bakhe kuJakobe.

34UJakobe wamupha u-Esawu isinkwa nokudla kwembumba; wadla, waphuza, wavuka, wahamba; wadelela kanjalo u-Esawu ubuzibulo bakhe.

UGenesise 25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 26

U-Isaka eseGerari naseBeri Sheba

1Kwaba khona indlala ezweni ngaphandle kwendlala yokuqala eyayikhona emihleni ka-Abrahama; u-Isaka waya eGerari ku-Abimeleki inkosi yamaFilisti. 2UJehova wabonakala kuye, wathi: “Ungehleli eGibithe; hlala ezweni engizakukutshela lona, 3ugogobale kuleli zwe; ngizakuba nawe, ngikubusise, ngokuba ngiyakunika wena nenzalo yakho onke lawa mazwe, ngigcwalise isifungo engasifunga ku-Abrahama uyihlo. 4Ngiyakwandisa inzalo yakho, ibe ngangezinkanyezi zezulu, ngiyiphe inzalo yakho onke lawa mazwe; ngenzalo yakho ziyakubusiswa izizwe zonke zomhlaba, 5ngokuba u-Abrahama walalela izwi lami, wagcina ukusho kwami, nemiyalo yami, nezimiso zami, nemithetho yami.” 6U-Isaka wahlala-ke eGarari.

7Amadoda aleyo ndawo ambuza ngomkakhe; wathi: “Ungudadewethu,” ngokuba wesaba ukusho ukuthi: “Ungumkami,” ethi: “Funa amadoda aleyo ndawo angibulale ngenxa kaRebeka, lokhu ebukeka kahle.”

8Kwathi esehlale khona isikhathi eside, u-Abimeleki inkosi yamaFilisti walunguza efasiteleni, wabona; bheka, u-Isaka wayetekula noRebeka umkakhe. 9U-Abimeleki wambiza u-Isaka, wathi: “Bheka, impela yena ungumkakho; usholoni ukuthi: ‘Ungudadewethu,’ na?”

U-Isaka wathi: “Ngokuba ngathi: Funa ngife ngenxa yakhe.”

10U-Abimeleki wayesethi: “Kuyini okwenzile kithina na? Bekulula ukuba kufike omunye wabantu, alale nomkakho; ubususibangele icala.”

11U-Abimeleki wayala bonke abantu, wathi: “Othinta lo muntu nomkakhe uzakubulawa nokubulawa.”

Amandla ka-Isaka nokuphikisana ngemithombo

12U-Isaka watshala kulelo zwe, wathola ngawona lowo mnyaka okuphindwe kayikhulu, ngokuba uJehova wambusisa. 13Lowo muntu waba mkhulu; kwayilokhu eqhubeka ukukhula njalo, waze waba mkhulu kakhulu. 14Wayenemfuyo yezimvu, nemfuyo yezinkomo, nezinceku eziningi; amaFilisti ayenomhawu ngaye. 15Yonke imithombo ezaziyimbile izinceku zikayise ezinsukwini zika-Abrahama uyise, amaFilisti ayeyivalile, ayigcwalisa ngomhlabathi.

16U-Abimeleki wathi ku-Isaka: “Suka kithina, ngokuba unamandla kakhulu kunathi.”

17U-Isaka wayesesuka khona, wakha esigodini saseGerari, wahlala lapho. 18U-Isaka wabuye wemba imithombo yamanzi ababeyimbile ezinsukwini zika-Abrahama uyise, ngokuba amaFilisti ayeyivalile emva kokufa kuka-Abrahama; wayibiza ngamagama ayiqamba ngawo uyise.

19Izinceku zika-Isaka zemba esigodini, zafumana umthombo wamanzi aphethuzayo. 20Abelusi baseGerari baphikisana nabelusi baka-Isaka, bathi: “Amanzi angawethu.” Wabiza igama lomthombo ngokuthi i-Eseke,* ngokuba baphikisana naye. 21Bemba omunye umthombo, baphikisana nangawo. Waqamba igama lawo ngokuthi iSitina.* 22Wasuka lapho, wemba omunye umthombo; abaphikisananga ngawo; wabiza igama lawo ngokuthi iRehoboti,* wathi: “Ngokuba uJehova usenzele indawo; siyakwanda ezweni.”

Isithembiso sika-Abrahama siyaphindwa ku-Isaka

23Wasuka lapho, wakhuphuka waya eBeri Sheba. 24UJehova wabonakala kuye ngabona lobo busuku, wathi: “NginguNkulunkulu kayihlo u-Abrahama; ungesabi, ngokuba nginawe; ngizakukubusisa, ngiyandise inzalo yakho ngenxa yenceku yami u-Abrahama.”

25Wakha khona i-altare, wakhuleka egameni likaJehova, wamisa lapho itende lakhe; izinceku zika-Isaka zemba umthombo khona.

Isivumelwano sika-Isaka no-Abimeleki

26U-Abimeleki wayeseya kuye evela eGerari, eno-Ahuzati umngane wakhe noPikoli induna yempi yakhe. 27U-Isaka wathi kubo: “Nizeleni kimi, lokhu niyangizonda, ningixoshile kini, na?”

28Bathi: “Sesibone nokubona ukuthi uJehova unawe. Sathi: ‘Akube khona manje phakathi kwethu isifungo,’ phakathi kwethu nawe, senze isivumelwano nawe 29sokuthi awuyikusenzela okubi, njengokuba singakuthintanga, sikwenzele okuhle kodwa, sakumukisa ngokuthula; wena usubusiswe nguJehova.”

30Wabenzela idili, badla, baphuza. 31Bavuka ekuseni, bafungisana omunye nomunye; u-Isaka wayesebamukisa, basuka kuye ngokuthula.

32Kwathi ngalolo suku zafika izinceku zika-Isaka, zamtshela ngomthombo ezaziwumbile, zathi kuye: “Sitholile amanzi.” 33Wayesewubiza ngokuthi iSheba; ngalokho igama lomuzi lithi iBeri Sheba kuze kube namuhla.

Amakhosikazi ka-Esawu

34Kwathi u-Esawu eseneminyaka engamashumi amane, wathatha umfazi uJuditi indodakazi kaBeri umHeti noBasemati indodakazi ka-Eloni umHeti. 35Baba lusizi enhliziyweni ka-Isaka noRebeka.

UGenesise 26ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 27

UJakobe uyazitholela ngenkohliso isibusiso sikayise

1Kwathi u-Isaka esemdala namehlo akhe efiphele engasaboni, wabiza u-Esawu indodana yakhe enkulu, wathi kuye: “Ndodana yami!”

Wathi kuye: “Ngilapha.”

2Wayesethi: “Bheka, sengimdala, angilwazi usuku lokufa kwami. 3Ngalokho awuthathe manje izikhali zakho, umgodla wakho nomnsalo wakho, uye endle, ungizingelele inyamazane, 4ungilungisele isilovela engisithandayo, usilethe kimi ukuba ngidle, umphefumulo wami ukubusise ngingakafi.”

5URebeka wezwa u-Isaka ekhuluma no-Esawu indodana yakhe. U-Esawu waya endle ukuyozingela inyamazane, abuye nayo. 6URebeka wakhuluma kuJakobe indodana yakhe, wathi: “Bheka, ngizwe uyihlo ekhuluma no-Esawu umnewenu, ethi: 7‘Ngilethele inyamazane, ungilungisele isilovela, ukuze ngidle, ngikubusise ebusweni bukaJehova ngingakafi.’ 8Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami kulokhu engikuyala ngakho. 9Yana emhlambini, ungithathele khona amazinyane amabili amahle ezimbuzi, ngilungisele uyihlo isilovela njengalokho akuthandayo, 10wena usiyise kuyihlo, aze adle, akubusise engakafi.”

11UJakobe wathi kuRebeka unina: “Bheka, umnewethu ungumuntu oyinundu, mina ngiluqwatha. 12Mhlawumbe ubaba uyakungiphatha, ngibe ngokhohlisayo emehlweni akhe, ngizilethele isiqalekiso, kungabi yisibusiso.”

13Unina wayesethi kuye: “Isiqalekiso sakho, ndodana yami, masibe phezu kwami; lalela izwi lami, uhambe ukungithathela wona.”

14Wayesehamba-ke, wawathatha, wawayisa kunina; unina walungisa isilovela njengalokho akuthandayo uyise. 15URebeka wayesethatha izingubo ezinhle zika-Esawu indodana yakhe enkulu ezazikuye endlini, wamembathisa zona uJakobe indodana yakhe encane. 16Wamnqwambisa izikhumba zamazinyane ezimbuzi ezandleni zakhe nasocwatheni lwentamo. 17Wanikela esandleni sikaJakobe indodana yakhe isilovela nesinkwa akulungisileyo.

18Yena waya kuyise, wathi: “Baba!”

Wathi yena: “Ngilapha; ungubani wena ndodana yami na?”

19UJakobe wathi kuyise: “Ngingu-Esawu izibulo lakho; ngenze njengalokho ungitshelile; mawuvuke, uhlale, udle ukuba umphefumulo wakho ungibusise.”

20U-Isaka wathi kuyo indodana yakhe: “Kwenzeke kanjani ukuba usheshe kangaka ukuyithola, ndodana yami, na?”

Wathi: “Ngokuba uJehova uNkulunkulu wakho uyenze ukuba ize phambi kwami.”

21U-Isaka wayesethi kuJakobe: “Ake usondele, ngikuphathe, ndodana yami, uma uyindodana yami u-Esawu uqobo noma ungesiyo na?”

22UJakobe wasondela ku-Isaka uyise; wamphatha, wathi: “Izwi liyizwi likaJakobe, kepha izandla ziyizandla zika-Esawu.” 23Akamazanga, ngokuba izandla zakhe zazinoboya njengezandla zomnewabo u-Esawu; wayeseyakumbusisa. 24Kepha wayesethi: “Uyindodana yami u-Esawu uqobo na?”

Wathi: “Nginguye.”

25Wayesethi: “Sondeza kimi, ngidle inyamazane yendodana yami ukuba umphefumulo wami ukubusise.” Wayeseyisondeza kuye, wadla; wayisa kuye iwayini, waphuza. 26Uyise u-Isaka wathi kuye: “Ake usondele ungange, ndodana yami.”

27Wasondela wamanga, wahogela iphunga lezingubo zakhe, wambusisa wathi:

“Bheka, iphunga lendodana yami

linjengephunga lensimu ebusisiwe nguJehova.

28UNkulunkulu makakuphe amazolo ezulu,

namanoni omhlaba,

nenala yamabele neyewayini.

29Abantu mabakukhonze,

izizwe zikukhothamele;

yiba yinkosi yabafowenu,

amadodana kanyoko akukhothamele;

makaqalekiswe okuqalekisayo,

abusiswe okubusisayo.”

30Kwathi u-Isaka eseqede ukumbusisa uJakobe, uJakobe esand' ukuphuma ebusweni buka-Isaka uyise, wafika u-Esawu umnewabo evela ekuzingeleni kwakhe. 31Naye wenza isilovela, wasiyisa kuyise; wathi kuyise: “Ubaba makavuke, adle inyamazane yendodana yakhe ukuba umphefumulo wakho ungibusise.”

32U-Isaka uyise wathi kuye: “Ungubani wena na?”

Wathi: “Ngiyindodana yakho, izibulo lakho, u-Esawu.”

33U-Isaka wayesethuthumela nokuthuthumela kakhulu impela, wathi: “Ngubani, pho, othathe inyamazane, wayiletha kimi, ngayidla yonke ungakafiki, ngambusisa, na? Yena uyakuba ngobusisiweyo.”

34U-Esawu esezwa amazwi kayise wakhala nokukhala kamunyu impela, wathi kuyise: “Ngibusise nami, baba!”

35Wayesethi: “Umfowenu ufike ngenkohliso, wathatha isibusiso sakho.”

36Wathi: “Aliqanjwanga kahle igama lakhe ngokuthi uJakobe na? Ngokuba sekukabili engiqinela; wathatha ubuzibulo bami; bheka, manje usethathe isibusiso sami.” Wathi: “Mina, awungigodlelanga sibusiso na?”

37U-Isaka waphendula, wathi ku-Esawu: “Bheka, ngimmisile abe yinkosi yakho, nabafowabo bonke ngimnike bona babe yizinceku zakhe; ngimphasile ngamabele nangewayini; ngingase ngikwenzeleni wena ndodana yami na?”

38Wayesethi u-Esawu kuyise: “Baba, sinye nje isibusiso sakho na? Ngibusise nami, baba!” U-Esawu wadazuluka, wakhala.

39U-Isaka uyise waphendula, wathi kuye:

“Bheka, umuzi wakho uyakuba kude namanoni omhlaba

namazolo ezulu avela phezulu.

40Uyakuphila ngenkemba yakho,

umkhonze umfowenu;

kuyakuthi lapho udlubulunda,

uhluzule ijoka lakhe entanyeni yakho.”

41U-Esawu wayesemzonda uJakobe ngenxa yesibusiso uyise ambusise ngaso; u-Esawu wathi enhliziyweni yakhe: “Izinsuku zokulilela ubaba sezisondele; khona ngiyakumbulala umfowethu uJakobe.”

42URebeka watshelwa amazwi ka-Esawu indodana yakhe enkulu; wathuma wambiza uJakobe indodana yakhe encane, wathi kuye: “Bheka, umnewenu u-Esawu uyaziduduza ngawe ngokuthi uyakukubulala. 43Ngalokho, ndodana yami, lalela izwi lami: vuka ubalekele kuLabani umfowethu eHarana, 44uhlale kuye izinsukwana ezithile, kuze kubohle ukufutheka komfowenu, 45kusuke kuwe ukuthukuthela komnewenu, akhohlwe lokho okwenze kuye, bese ngithuma ngikulande khona; ngizakwaphucwa ngani nina nobabili ngalusuku lunye na?”

46URebeka wayesethi ku-Isaka: “Ngidiniwe ukuphila ngenxa yamadodakazi kaHeti; uma uJakobe ethatha umfazi kuwo amadodakazi kaHeti onjengalawa, kuwo amadodakazi aleli zwe, kuyakungisiza ngani ukuphila na?”

UGenesise 27ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UGenesise 28

UJakobe uyabalekela ezihlotsheni zaseHarana

1U-Isaka wambiza uJakobe, wambusisa, wamyala, wathi kuye: “Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani. 2Vuka uye ePhadani Aramu endlini kaBetuweli uyise kanyoko, uzithathele khona umfazi kuwo amadodakazi kaLabani unyokolume. 3UNkulunkulu uSomandla makakubusise, akuchumise, akwandise, ube yizizwe eziningi, 4akuphe isibusiso sika-Abrahama, wena nenzalo yakho kanye nawe, udle ifa lezwe lokugogobala kwakho uNkulunkulu amnika lona u-Abrahama.” 5U-Isaka wayesemmukisa uJakobe, waya ePhadani Aramu kuye uLabani indodana kaBetuweli umAramu, umfowabo kaRebeka unina kaJakobe no-Esawu.

6U-Esawu ebona ukuthi u-Isaka umbusisile uJakobe, wamthuma ePhadani Aramu ukuyothatha khona umfazi, nokuthi lapho embusisa wamyala wathi: “Awuyikuthatha umfazi kuwo amadodakazi aseKhanani,” 7nokuthi uJakobe walalela uyise nonina, waya ePhadani Aramu, 8khona u-Esawu wabona ukuthi amadodakazi aseKhanani mabi emehlweni ka-Isaka uyise, 9waya ku-Ishmayeli, wathatha uMahalati indodakazi ka-Ishmayeli indodana ka-Abrahama, udadewabo kaNebayoti, abe ngumkakhe kanye nabafazi ayesenabo.

Iphupho likaJakobe eseBethele

10UJakobe wayesemuka eBeri Sheba, waya eHarana. 11Wafika endaweni ethile, wahlala khona ubusuku bonke, ngokuba ilanga lase lishonile; wathatha elinye lamatshe aleyondawo, walibeka phansi kwekhanda lakhe, walala kuleyo ndawo. 12Waphupha, bheka, nanko umkhwelo umiswe emhlabathini, isihloko sawo sifinyelela ezulwini; nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla kuwo. 13Bheka, uJehova wayemi ngaphezu kwawo, wathi: “NginguJehova uNkulunkulu ka-Abrahama uyihlo, noNkulunkulu ka-Isaka; leli zwe olele kulo ngizakulinika wena nenzalo yakho. 14Inzalo yakho iyakuba ngangothuli lomhlabathi, wena usabalalele ngasentshonalanga, nasempumalanga, nasenyakatho, naseningizimu; ngawe nangenzalo yakho iyakubusiswa imindeni yonke yomhlaba. 15Bheka, nginawe; ngiyakukulondoloza nakuphi lapho uya khona, ngikubuyisele kuleli zwe, ngokuba angiyikukushiya, ngingakakwenzi lokho engikushilo kuwe.”

16Wayesephaphama uJakobe ebuthongweni bakhe, wathi: “Imbala uJehova ukule ndawo, mina-ke bengingakwazi.” 17Washaywa luvalo, wathi: “Yeka ukwesabeka kwale ndawo! Akusikho okunye, yindlu kaNkulunkulu kuphela, yisango lezulu.”

18UJakobe wavuka ekuseni, walithatha itshe abelibeke phansi kwekhanda lakhe, walimisa laba yinsika, wathela amafutha esihlokweni salo. 19Waqamba igama laleyo ndawo ngokuthi iBethele; kuqala igama lomuzi laliyiLuze.

20UJakobe wenza isithembiso, wathi: “Uma uNkulunkulu eyakuba nami, angilondoloze kule ndlela engihamba ngayo, angiphe isinkwa sokudliwa nezingubo zokwembatha, 21ukuze ngibuyele endlini kababa ngokuthula, khona uJehova uyakuba nguNkulunkulu wami, 22naleli tshe engilimise libe yinsika liyakuba yindlu kaNkulunkulu, nakukho konke oyakungipha khona ngiyakukunika okweshumi.”

UGenesise 28ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

Inkulumo yokuvalelisa kukaJesu

1“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi. 2Ekhaya likaBaba kukhona izindlu eziningi; uma bekungenjalo, bengiyakunitshela ukuthi ngiya ukunilungisela indawo. 3Nanxa ngiya nginilungisela indawo, ngobuye ngize, nginibuyisele kimi ukuba lapho ngikhona nibe khona nani. 4Nalapho ngiya khona niyayazi indlela.”

5UTomase wathi kuye: “Nkosi, asazi lapho uya khona; siyazi kanjani indlela na?”

6UJesu wathi kuye: “Mina ngiyindlela, neqiniso, nokuphila; akakho oza kuBaba ngaphandle kwami. 7Uma beningazi mina, beniyakumazi noBaba; kusukela manje niyamazi, nimbonile.”

8UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”

9UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? 10Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. 11Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi. 12Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Okholwa yimi, imisebenzi engiyenzayo mina naye uyakuyenza, nemikhulu kunale uyakuyenza; ngokuba mina ngiya kuBaba. 13Noma yini eniyakukucela egameni lami ngiyakukwenza ukuba uBaba akhazimuliswe eNdodaneni. 14Uma nicela utho kimi egameni lami, ngolwenza.

15“Uma ningithanda, niyakugcina imiyalo yami. 16Ngiyakucela kuBaba aniphe omunye uMduduzi wokuba ahlale kini phakade, 17uMoya weqiniso, izwe elingemamukele, ngokuba lingamboni, lingamazi; nina niyamazi yena, ngokuba uhlala nani, uyakuba kini. 18Angiyikunishiya niyizintandane; ngiyeza kini. 19Kuseyisikhashana izwe lingasangiboni, kepha niyangibona nina, ngokuba ngiphila mina, nani nizakuphila. 20Ngalolo suku niyakukwazi nina ukuba ngikuBaba, nani nikimi, nami ngikini. 21Onemiyalo yami ayigcine, nguyena ongithandayo; ongithandayo uyakuthandwa nguBaba, nami ngiyakumthanda, ngizibonakalise kuye.”

22UJuda, ongesiye u-Iskariyothe, wathi kuye: “Nkosi, kwenziwa yini ukuba uyakuzibonakalisa kithina, ungazibonakalisi kulo izwe, na?”

23UJesu waphendula, wathi kuye: “Uma umuntu engithanda, uyakugcina izwi lami; uBaba uyakumthanda; siyakuza kuye, sihlale naye. 24Ongangithandiyo kagcini amazwi ami, nezwi enilizwayo akusilo elami kepha ngelikaBaba ongithumileyo.

25“Ngikhulume lokho kini ngisahlezi nani. 26Kepha uMduduzi, uMoya oNgcwele, uBaba ayakumthumela egameni lami uyakunifundisa konke, anikhumbuze konke enginitshele khona. 27Ukuthula ngikushiya kinina, ukuthula kwami nginipha khona. Akunjengokupha kwezwe ukunipha kwami. Inhliziyo yenu mayingakhathazeki, ingesabi.

28“Nizwile ukuthi nganitshela ngathi: Ngiyamuka, kepha ngiyabuyela kini. Uma beningithanda, beniyakujabula, ngokuba ngiya kuBaba, lokhu uBaba mkhulu kunami. 29Manje senginitshelile kungakenzeki, ukuze nikholwe, nxa sekwenzekile. 30Angisayikukhuluma okuningi nani, ngokuba uyeza umbusi wezwe, kepha akanalutho kimi, 31kodwa kungukuba izwe lazi ukuthi ngiyamthanda uBaba nokuthi ngenza njengokuba uBaba engiyalile.

“Sukumani simuke lapha.

NgokukaJohane 14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 15

Umvini namagatsha

1“Mina ngingumvini owonawona, uBaba ungumlimi. 2Yilelo nalelo gatsha elikimi, elingatheli izithelo, uyalisusa. Yilelo nalelo elithela izithelo uyalihlunga ukuba lithele kakhulu. 3Nina senihlanzekile ngezwi engilikhulume kinina. 4Hlalani kimi, nami kini. Njengalokhu igatsha lingethele izithelo ngokwalo, kuphela uma lihlala emvinini, kunjalo nani, kuphela uma nihlala kimi.

5“Mina ngingumvini, nina ningamagatsha; ohlala kimi, nami kuye, lowo uthela izithelo eziningi; ngokuba ngaphandle kwami ningenze lutho. 6Uma umuntu engahlali kimi, ulahlwa ngaphandle njengegatsha, abune; bawabuthe, bawaphonse emlilweni, ashe. 7Uma nihlala kimi, namazwi ami ehlala kini, niyakucela enikuthandayo, nikwenzelwe. 8UBaba uyakhazimuliswa ngalokhu ukuba nithele izithelo eziningi, nibe ngabafundi bami.

9“Njengalokho uBaba engithandile, nami nginithandile; hlalani othandweni lwami. 10Uma nigcina imiyalo yami, niyakuhlala othandweni lwami, njengalokho mina ngigcinile imiyalo kaBaba ngihlala othandweni lwakhe. 11Nginitshelile lokho ukuba ukuthokoza kwami kube kini, nokuthokoza kwenu kugcwale.

Umyalo wokuthandana

12“Yilo umyalo wami wokuba nithandane, njengalokho nginithandile. 13Akakho onothando olukhulu kunalolo lokuba adele ukuphila kwakhe ngenxa yabahlobo bakhe. 14Ningabahlobo bami, uma nenza lokhu enginiyala ngakho. 15Angisasho ukuthi niyizinceku, ngokuba inceku ayikwazi ukuthi inkosi yayo yenzani, kepha ngithe ningabahlobo nina, ngokuba konke engikuzwile kuBaba nginazisile khona. 16Aningikhethanga nina, kodwa mina nginikhethile nina, nganibeka ukuba niphume, nithele izithelo, nezithelo zenu zihlale ukuba noma yini eniyakukucela kuBaba egameni lami aninike khona. 17Nginiyala ngalezo zinto, ukuze nithandane.

Inzondo yezwe

18“Uma izwe linizonda, niyazi ukuthi langizonda mina ngaphambi kwenu. 19Uma beningabezwe, izwe belizakuthanda okwalo, kepha lokhu ningesibo abezwe kodwa nganikhetha mina ezweni, kungalokho izwe linizonda. 20Khumbulani izwi enganitshela lona mina lokuthi: ‘Inceku ayinkulu kunenkosi yayo.’ Uma bengizingele mina, nani bayakunizingela; uma begcina izwi lami, nelenu bayakuligcina. 21Kepha konke lokho bayakukwenza kini ngenxa yegama lami, ngokuba bengamazi ongithumileyo. 22Uma bengingafikile, ngakhuluma kubo, ngabe abanasono; kepha kalokhu kabanazaba ngesono sabo. 23Ozonda mina uzonda noBaba. 24Uma bengingenzanga phakathi kwabo imisebenzi engenziwanga ngomunye, ngabe abanasono, kepha kalokhu babonile, bangizonda nami noBaba. 25Kodwa kunjalo ukuba kugcwaliseke izwi elilotshiweyo emthethweni wakubo lokuthi: ‘Bangizonda ngeze.’

26“Nxa esefikile uMduduzi engiyakumthumela kini evela kuBaba, uMoya weqiniso, ophuma kuBaba, nguyena oyakufakaza ngami. 27Nani niyafakaza, ngokuba beninami kwasekuqaleni.

NgokukaJohane 15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 16

Isigcino senkulumo kaJesu. Ukuhlupheka okuzayo

1“Lokho ngikukhulume kini ukuba ningakhubeki. 2Bayakunikhipha emasinagogeni,* yebo, siyeza isikhathi sokuba lowo onibulalayo uyakuthi ukhonza uNkulunkulu. 3Lokhu-ke bayakukwenza ngokuba bengamazanga uBaba nami; 4kepha lokho ngikukhulume kini, ukuze kuthi, nxa kufika leso sikhathi, nikhumbule ukuthi nganitshela khona; anginitshelanga lokho kwasekuqaleni, ngokuba benginani.

Umsebenzi kaMoya oNgcwele

5“Manje ngiyamuka, ngiya kongithumileyo; akakho kinina ongibuza ukuthi: ‘Uya ngaphi na?’ 6Kepha ngokuba ngikhulume lokho kini, inhliziyo yenu igcwele usizi. 7Kodwa mina nginitshela iqiniso lokuthi kunilungele ukuba ngimuke; ngokuba uma ngingamuki, uMduduzi kayikuza kini; kepha uma ngimuka, ngiyakumthumela kini. 8Lapho esefikile yena, uyakuqondisa izwe ngesono, nangokulunga, nangokwahlulela: 9ngesono, ngokuba bengakholwa yimi; 10ngokulunga, ngokuba ngiya kuBaba, ningabe nisangibona; 11ngokwahlulela, ngokuba umbusi waleli zwe wahlulelwe.

12“Ngise nokuningi okokunitshela, kodwa ningekuthwale manje. 13Kepha nxa esefikile yena, uMoya weqiniso, uzakuniholela kulo lonke iqiniso; ngokuba akayikukhuluma ngokwakhe, kodwa lokho akuzwayo uyakukukhuluma, anibikele okuzayo. 14Uyakungikhazimulisa, ngokuba uyakuthatha kokwami anibikele khona. 15Konke uBaba anakho kungokwami; ngalokho-ke ngithe uyakuthatha kokwami, anibikele.

Ukumuka nokubuya kukaJesu

16“Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone, ngokuba ngiya kuBaba.”

17Ngakho abanye kubo abafundi bakhe base bekhuluma bodwa, bethi: “Kuyini lokho akushoyo kithi ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona, kubuye kube yisikhashana ningibone,’ nokuthi: ‘Ngokuba ngiya kuBaba,’ na?” 18Bathi: “Kuyini lokho akushoyo ukuthi: ‘Yisikhashana,’ na? Asazi ukuba uthini.”

19UJesu wazi ukuthi bebethanda ukumbuza, wathi kubo: “Niyabuzana ngalokho engikushiloyo ukuthi: ‘Kusezakuba yisikhashana ningabe nisangibona kubuye kube yisikhashana ningibone,’ na? 20Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Niyakukhala nilile nina, kepha izwe liyakujabula; niyakuba lusizi nina, kepha usizi lwenu luyakuphendulwa lube ngukuthokoza. 21Owesifazane, nxa esabeletha, ulusizi, ngokuba sifikile isikhathi sakhe; kepha nxa esembelethile umntwana, akabe esakhumbula ubuhlungu ngenxa yentokozo yokuba kuzelwe umuntu ezweni. 22Nani-ke nilusizi manje, kepha ngiyakubuye nginibone, inhliziyo yenu ithokoze; intokozo yenu akakho onganamuka yona. 23Ngalolo suku aniyikubuza lutho kimi. Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Lokhu eniyakukucela kuBaba egameni lami uyakuninika khona. 24Kuze kube kalokhu anicelanga lutho egameni lami. Celani, niyakwamukeliswa ukuba intokozo yenu igcwale.

25“Ngikhulume lokho kini ngemifanekiso; isikhathi siyeza, lapho ngingasayikukhuluma ngemifanekiso; kodwa ngiyakunitshela ngoBaba ngokusobala. 26Ngalelo langa niyakucela egameni lami; angisho kini ukuthi ngiyakunicelela mina kuBaba; 27ngokuba uBaba uqobo uyanithanda, ngokuba ningithandile nina, nakholwa ukuthi mina ngavela kuNkulunkulu. 28Ngavela kuBaba, ngeza ezweni; ngiyalishiya futhi izwe, ngibuyela kuBaba.”

29Abafundi bakhe bathi kuye: “Bheka, manje usukhuluma ngokusobala, awusakhulumi mfanekiso. 30Kalokhu siyazi ukuthi wazi konke, awudingi ukuba umuntu akubuze; ngalokho siyakholwa ukuba wavela kuNkulunkulu.”

31UJesu waphendula wathi: “Seniyakholwa manje na? 32Bhekani, isikhathi siyeza, yebo, sesifikile sokuba nihlakazeke, yilowo nalowo aye kokwakhe, ningishiye ngingedwa; nokho angingedwa, lokhu uBaba unami.

33“Lokho ngikukhulume kini ukuba nibe nokuthula kimi. Ezweni niyakuba lusizi, kepha yimani isibindi, mina ngilinqobile izwe.”

NgokukaJohane 16ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU