Bible Society of South Africa

To The Word – Day 83

2 Samuel 19–24, Psalms 18 & 50 (optional: Psalm 59)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

2 uSamuweli 19

Ukusolwa kukaDavide nokuzisola kuka-Israyeli

1Kwabikelwa uJowabe ukuthi: “Bheka, inkosi iyakhala, imlilela u-Abisalomu.” 2Ukunqoba ngalolo suku kwaphenduka isililo kubantu bonke, ngokuba abantu bezwa kwathiwa ngalolo suku: “Inkosi idabukile ngendodana yayo.” 3Abantu bangena emzini ngalolo suku ngokunyenya njengabantu abanamahloni benyenya, bebalekela impi. 4Inkosi yamboza ubuso bayo, inkosi yakhala ngezwi elikhulu, yathi: “Hhawu, ndodana yami Abisalomu, Abisalomu, ndodana yami, ndodana yami!”

5UJowabe wangena endlini enkosini, wathi: “Udumazile namuhla ubuso bazo zonke izinceku zakho ezisindisile ukuphila kwakho namuhla, nokuphila kwamadodana akho namadodakazi akho, nokuphila kwabafazi bakho, nokuphila kwezancinza zakho 6ngokubathanda abakuzondayo nangokubazonda abakuthandayo. Ngokuba umemezele namuhla ukuthi izikhulu nezinceku azilutho kuwe, lokhu ngibona namuhla ukuthi uma ebephilile u-Abisalomu thina sonke besifile namuhla, ngabe kulungile emehlweni akho. 7Ngalokho suka, ukhulume kahle ezincekwini zakho, ngokuba ngifunga uJehova ngithi, uma ungaphumi, akuyikusala muntu kuwe ngalobu busuku; lokhu kuyakuba kubi kuwe kunakho konke okubi okukwehlele kwasebusheni bakho kuze kube namuhla.”

8Yayisisuka inkosi, yahlala esangweni. Kwathiwa kubo bonke abantu: “Bhekani, inkosi ihlezi esangweni.” Base befika abantu bonke phambi kwenkosi. Kepha abakwa-Israyeli babebalekele, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. 9Bonke abantu babephikisana ezizweni zonke zakwa-Israyeli, bethi: “Inkosi yasophula esandleni sezitha zethu, yasikhulula esandleni samaFilisti; manje isibalekile ezweni, imbalekele u-Abisalomu. 10U-Abisalomu esamgcoba ukuba abe phezu kwethu usefile empini. Manje nithuleleni, ningayibuyisi inkosi na?”

Ukubuyiswa kukaDavide

11Inkosi uDavide yathumela kuSadoki naku-Abiyathara abapristi, yathi: “Khulumani kumalunga akwaJuda, nithi: ‘Kungani ukuba nibe ngabokugcina ukubuyisela inkosi endlini yayo, lokhu kufinyelele enkosini nasendlini yayo konke ukukhuluma kuka-Israyeli, na? 12Ningabafowethu, niyithambo lami nenyama yami; ngalokho kungani ukuba nibe ngabokugcina ukuyibuyisa inkosi na?’ 13Yishoni ku-Amasa ukuthi: ‘Angithi uyithambo lami nenyama yami na? Makenze njalo kimi uNkulunkulu, enezele futhi, uma ungayikuba yinduna yempi ngaphambi kwami njalo esikhundleni sikaJowabe.’ ”

14Wathobisa izinhliziyo zabantu bonke bakwaJuda njengomuntu munye, baze bathuma enkosini, bathi: “Buya wena nazo zonke izinceku zakho.” 15Yayisibuya inkosi, yafika eJordani; uJuda wafika eGiligali ukuba ayihlangabeze inkosi, ayiwelise inkosi iJordani. 16UShimeyi indodana kaGera umBenjamini waseBahurimi washesha wehla nabantu bakwaJuda ukuyihlangabeza inkosi. 17Kweza naye abantu abayinkulungwane bakwaBenjamini, noSiba inceku yendlu kaSawule, namadodana akhe ayishumi nanhlanu, nezinceku zakhe ezingamashumi amabili zinaye; bawela iJordani phambi kwenkosi. 18Kwawela isikebhe sokuwelisa abendlu yenkosi nokwenza okwakukuhle emehlweni ayo. UShimeyi indodana kaGera wawela phansi phambi kwenkosi isiyakuliwela iJordani. 19Wathi enkosini: “Inkosi yami mayingangibaleli icala, futhi ungakhumbuli okubi okwenziwa yinceku yakho mhla inkosi yami, inkosi, iphuma eJerusalema, ukuba inkosi ikubeke enhliziyweni yayo. 20Ngokuba inceku yakho iyazi ukuthi yonile; bheka, ngifikile namuhla ngingowokuqala wendlu yonke kaJosefa, ngehle ukuhlangabeza inkosi yami, inkosi.”

21Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya waphendula wathi: “UShimeyi akayikubulawa yini ngalokho, njengokuba wathuka ogcotshiweyo kaJehova, na?”

22UDavide wathi: “Nginamsebenzi muni nani madodana kaSeruya ukuba nimelane nami namuhla na? Kuzakubulawa umuntu namuhla kwa-Israyeli na? Angazi yini mina ukuthi namuhla ngiyinkosi phezu kuka-Israyeli na?” 23Inkosi yayisithi kuShimeyi: “Awuyikufa.” Inkosi yafunga kuye.

Ukuziphendulela kukaMefibosheti

24Naye uMefibosheti indodana kaSawule wehla ukuhlangabeza inkosi; wayengalungisanga izinyawo zakhe, engalungisanga nesilevu sakhe, engahlanzanga futhi izingubo zakhe, kwasukela osukwini inkosi eyamuka ngalo kwaze kwaba lusuku owabuya ngalo ngokuthula. 25Kwathi esefike eJerusalema ukuyihlangabeza inkosi, inkosi yathi kuye: “Awuhambanga ngani nami, Mefibosheti, na?”

26Wathi: “Nkosi yami, nkosi, inceku yami yangikhohlisa, ngokuba inceku yakho yathi: ‘Ngiyakuzibophelela imbongolo ukuba ngiyikhwele, ngihambe nenkosi, ngokuba inceku yakho ilunyonga.’ 27Ihlebile inceku yakho enkosini yami, inkosi, kepha inkosi yami, inkosi, injengengelosi kaNkulunkulu; ngalokho yenza okuhle emehlweni akho. 28Ngokuba yonke indlu kababa yayinjengabantu abafileyo phambi kwenkosi yami, inkosi; kepha wayibeka inceku yakho phakathi kwabadla etafuleni lakho. Ngisenalungelo lini ukuba ngibuye ngikhale enkosini na?”

29Inkosi yathi kuye: “Usakhulumelani ngezindaba zakho na? Ngithi: Wena noSiba, yahlukaniselani izwe.”

30Wayesethi uMefibosheti enkosini: “Makathathe konke, njengokuba inkosi yami, inkosi, isibuyele endlini yayo ngokuthula.”

UBarizilayi

31UBarizilayi wakwaGileyadi wehla eRogelimi; wawela iJordani kanye nenkosi ukuyiwelisa iJordani. 32UBarizilayi wayengumuntu omdala kakhulu, eneminyaka engamashumi ayisishiyagalombili; wayekade eyipha inkosi ukudla isahlezi eMahanayimi, ngokuba wayengumuntu omkhulu kakhulu. 33Inkosi yathi kuBarizilayi: “Wela nami wena, ngikondle kanye nami eJerusalema.”

34Wayesethi uBarizilayi enkosini: “Zingaki izinsuku zeminyaka yokuhamba kwami ukuba ngenyukele eJerusalema nenkosi na? 35Namuhla ngineminyaka engamashumi ayisihiyagalombili; ngingahlukanisa okuhle nokubi yini? Inceku yakho ingezwa ekudlayo nekuphuzayo na? Ngingabe ngisalizwa izwi lamadoda ahlabelelayo nabesifazane abahlabelelayo na? Inceku yakho isezakuba ngumthwalo wenkosi yami, inkosi, ngani na? 36Inceku yakho iyakusimze iwele nje iJordani nenkosi; pho, inkosi iyakungivuzelani ngomvuzo ongaka na? 37Mayibuyele emuva inceku yakho ukuba ngifele emzini wami ngasethuneni likababa nelikamame. Kepha bheka, inceku yakho uKimihamu mayiwele nenkosi yami, inkosi, wenze kuyo okuhle emehlweni akho.”

38Inkosi yathi: “UKimihamu angawela nami, mina ngenze kuye okuhle emehlweni akho; konke okufunayo kimi ngiyakukwenzela khona.”

39Bonke abantu bawela iJordani, nenkosi yawela; inkosi yamanga uBarizilayi, yambusisa; wabuyela endaweni yakhe.

Ukuphikisana kuka-Israyeli noJuda

40Yayisiwela inkosi, yaya eGiligali, noKimihamu wawela nayo; bonke abantu bakwaJuda bayiwelisa inkosi kanye nenxenye yabantu bakwa-Israyeli.

41Bheka, base befika bonke abantu bakwa-Israyeli enkosini, bathi enkosini: “Abafowethu amadoda akwaJuda bakwebeleni, bawelisa inkosi nabendlu yayo iJordani kanye nabo bonke abantu bakwaDavide benaye, na?”

42Bonke abantu bakwaJuda baphendula abantu bakwa-Israyeli, bathi: “Ngokuba inkosi iyisihlobo sethu impela; kungani ukuba nithukuthele ngale nto na? Sike sadla ntoni engeyenkosi na? Isixoshisile ngamaxosho na?”

43Abantu bakwa-Israyeli baphendula abantu bakwaJuda, bathi: “Sinezinxenye eziyishumi kunani enkosini, yebo, nakuDavide; nisideleleni na? Izwi lethu lokubuyisa inkosi lalingesilo elokuqala na?” Kepha amazwi abantu bakwaJuda ayelukhuni kunamazwi abantu bakwa-Israyeli.

2 uSamuweli 19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 20

USheba.Izinduna zikaDavide

1Kwakukhona umuntu omubi ogama lakhe lalinguSheba indodana kaBikri umBenjamini; wabetha icilongo, wathi: “Asinasabelo kuDavide, asinafa endodaneni kaJese; yiyani nonke ematendeni enu, Israyeli.”

2Bonke abantu bakwa-Israyeli base benyuka bengasamlandeli uDavide, bamlandela uSheba indodana kaBikri; kepha abantu bakwaJuda babambelela enkosini yabo kusukela eJordani kuze kube seJerusalema.

3UDavide wafika endlini yakhe eJerusalema; inkosi yathatha abesifazane abayishumi, izancinza zayo, eyayibashiyile ukuba bayilinde indlu, yababeka endlini yokulindela, yabapha ukudla, kepha ayingenanga kubo. Base bevalelwe kwaze kwaba sosukwini lokufa kwabo, behlezi njengabafelokazi.

4Yayisithi inkosi ku-Amasa: “Ngibuthele abantu bakwaJuda ngezinsuku ezintathu, ube khona nawe.” 5Wayesehamba u-Amasa ukubutha uJuda, kepha walibala phezu kwesikhathi asinqunyelweyo.

6Wayesethi uDavide ku-Abishayi: “Manje uSheba indodana kaBikri uyakwenza okubi kakhulu kithi kuno-Abisalomu; thatha wena izinceku zenkosi yakho, umxoshe, funa azitholele imizi ebiyelweyo, asiphunyuke.” 7Emva kwakhe kwaphuma amadoda kaJowabe, namaKhereti namaPheleti, namaqhawe onke; baphuma eJerusalema ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

8Besesetsheni elikhulu eliseGibeyoni, u-Amasa wafika ukubahlangabeza. UJowabe wayebhince isambatho sakhe sokulwa ayelokhu esigqoka; kusona lalikhona ibhande* elinenkemba emgodleni wayo elaligaxwe okhalweni lwakhe; yawa esehamba.

9UJowabe wayesethi ku-Amasa: “Usaphila, mfowethu, na?” UJowabe wambamba u-Amasa ngesilevu ngesandla sakhe sokunene ukuba amange. 10Kodwa u-Amasa akayinakanga inkemba eyayisesandleni sikaJowabe; wamgwaza ngayo esiswini, wachithela izibilini zakhe emhlabathini; wafa engamphindanga. OJowabe no-Abishayi umfowabo bamxosha uSheba indodana kaBikri.

11Kwema ngakuye enye yezinsizwa zikaJowabe, yathi: “Omthanda uJowabe nongokaDavide mabamlandele uJowabe.” 12U-Amasa wahuquzela egazini lakhe phakathi nomendo. Lapho lo muntu ebona ukuthi bonke abantu bema, wamgudluza u-Amasa emendweni, wamyisa ensimini, waphonsa ingubo phezu kwakhe, lapho ebona ukuthi bonke abadlula ngakuye bema. 13Esesusiwe emendweni, abantu bonke badlula bamlandela uJowabe ukuba bamxoshe uSheba indodana kaBikri.

14Wadabula izizwe zonke zakwa-Israyeli, waze wafika e-Abela, naseBeti Mahakha, nakuwo onke amaBeri; babuthana bamxosha nakhona. 15Bafika bamvimbezela e-Abela laseBeti Mahakha, banqwabela iduli ngasemzini elema ngasodongeni; abantu bonke ababe noJowabe babhidliza ugange ukuba luwe. 16Kwase kumemeza owesifazane ohlakaniphileyo esemzini, wathi: “Zwanini! Zwanini! Ake nithi kuJowabe: ‘Sondela lapho ukuba ngikhulume nawe.’ ” 17Wasondela kuye; owesifazane wayesethi: “Wena unguJowabe na?”

Wathi: “Nginguye.”

Wayesethi kuye: “Yizwa amazwi encekukazi yakho.”

Wathi: “Ngiyezwa.”

18Wathi-ke: “Endulo babevama ukukhuluma ngokuthi: ‘Kuyakubuzwa nokubuzwa e-Abela.’ Base beqeda. 19Mina ngingowokuthula nothembekileyo kwa-Israyeli; wena ufuna ukuchitha umuzi nonina kwa-Israyeli; uyakuligwinyelani ifa likaJehova na?”

20UJowabe waphendula wathi: “Makube kude, makube kude nami ukuba ngigwinye noma ngichithe. 21Akunjalo, kepha umuntu wasezintabeni zakwa-Efrayimi, nguSheba indodana kaBikri igama lakhe, uphakamisele isandla sakhe ngasenkosini, kuDavide; nginikeni yena kuphela, khona ngiyakusuka emzini.”

Wayesethi owesifazane kuJowabe: “Bheka, ikhanda lakhe liyakuphonswa kuwe ngaphandle kogange.”

22Owesifazane wayeseya ngokuhlakanipha kwakhe kubantu bonke. Bamnquma uSheba indodana kaBikri ikhanda, baliphonsa kuJowabe. Yena wabetha icilongo, bahlakazeka kulowo muzi, baya, kwaba yilowo nalowo etendeni lakhe. UJowabe wabuyela eJerusalema enkosini.

23UJowabe wayesephezu kwempi yonke yakwa-Israyeli; uBenaya indodana kaJehoyada wayephezu kwamaKhereti namaPheleti; 24u-Adoramu wayephethe imali; uJehoshafati indodana ka-Ahiludi wayengumabhalana. 25USheva wayengumbhali; oSadoki no-Abiyathara babe ngabapristi; 26u-Ira umJayiri wayengumpristi kaDavide.

2 uSamuweli 20ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 21

Indlala yeminyaka emithathu

1Kwaba khona indlala ezinsukwini zikaDavide iminyaka emithathu ngokulandelana; uDavide wafuna ubuso bukaJehova. UJehova wathi: “Kungenxa kaSawule nangenxa yendlu yakhe yegazi, ngokuba wabulala abaseGibeyoni.”

2Inkosi yayisibiza abaseGibeyoni, yakhuluma kubo, abaseGibeyoni babengesibo abantwana bakwa-Israyeli, beyinsali yama-Amori; abantwana bakwa-Israyeli babefungile kubo; uSawule wafuna ukubabulala ngokushisekela kwakhe abantwana bakwa-Israyeli nabakwaJuda; 3wathi-ke uDavide kwabaseGibeyoni: “Nginenzele ntoni na? Ngingenza ukubuyisana ngantoni ukuba nibusise ifa likaJehova na?”

4AbaseGibeyoni bathi kuye: “Akundaba yesiliva negolide noSawule nendlu yakhe, futhi akundaba yokubulala umuntu kwa-Israyeli.”

Wathi: “Enikushoyo ngiyakunenzela khona.”

5Bathi enkosini: “Umuntu owasibulalayo waceba ngathi ukuba sichithwe singasali phakathi kwemikhawulo yakwa-Israyeli, 6masinikwe abantu abayisikhombisa bamadodana akhe, sibaphanyeke kuJehova eGibeya likaSawule, okhethiweyo kaJehova.”

Inkosi yathi: “Ngiyakuninika bona.”

7Kepha inkosi yamyeka uMefibosheti indodana kaJonathani kaSawule ngenxa yesifungo sikaJehova esasiphakathi kwabo, phakathi kukaDavide noJonathani indodana kaSawule. 8Kepha inkosi yathatha amadodana kaRispa indodakazi ka-Aya ayewazalele uSawule, o-Arimoni noMefibosheti; namadodana ayisihlanu kaMikhali indodakazi kaSawule ayewazalele u-Adriyeli indodana kaBarizilayi umMeholati; 9wabanikela ezandleni zabaseGibeyoni, babaphanyeka entabeni phambi kukaJehova, bawa labo abayisikhombisa kanyekanye; babulawa ngesikhathi sokuvuna ezinsukwini zokuqala ngasekuqaleni kokuvunwa kwebhali.*

10URispa indodakazi ka-Aya wathatha indwangu yamasaka, wazendlalela yona edwaleni, kusukela ekuqaleni kokuvuna kuze kuthelwe phezu kwabo amanzi asezulwini; akavumelanga izinyoni zezulu ukuba zihlale phezu kwabo emini, nezilwane zasendle ebusuku. 11Kwabikelwa uDavide ukuthi uRispa indodakazi ka-Aya, isancinza sikaSawule, wenzeni. 12UDavide waya wathatha amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe kubantu baseJabeshi Gileyadi ababewebile esigcawini saseBeti Shani, lapho, amaFilisti ayebaphanyeke khona, mhla amaFilisti embulala uSawule eGilibowa. 13Wenyusa lapho amathambo kaSawule namathambo kaJonathani indodana yakhe; baqoqa amathambo ababephanyekiwe.

14Bawembela amathambo kaSawule noJonathani indodana yakhe ezweni lakwaBenjamini eSela ethuneni likaKishi uyise; benza konke okuyalezwe yinkosi. Ngasemuva uNkulunkulu wancengwa ngenxa yezwe.

Ukulwa kwamaFilisti

15AmaFilisti abuye aphaka impi no-Israyeli; uDavide wehla, izinceku zakhe zinaye, balwa namaFilisti; uDavide waphela amandla. 16U-Ishibi Benobi wabantwana bamaRefa osisindo somkhonto wakhe sasingamashekeli* angamakhulu amathathu ethusi, ebhince inkemba entsha, wathi uyakumbulala uDavide. 17Kepha u-Abishayi indodana kaSeruya wamsiza, wamshaya umFilisti wambulala. Base befunga kuye abantu bakaDavide, bathi: “Awusayikuphuma impi nathi, funa ucime isibani sakwa-Israyeli.”

18Kwathi emva kwalokho kwabuye kwavuka impi namaFilisti eGobi; khona uSibekayi umHushati wabulala uSafi owayengowamadodana amaRefa.

19Kwabuye kwaba khona impi namaFilisti eGobi; u-Elihanani indodana kaJahari Oregimi waseBetlehema wabulala uGoliyati umGiti oluthi lomkhonto wakhe lwalunjengogongolo lomaluki.

20Kwabuye kwaba khona impi eGati, lapho kwakukhona umuntu omude owayeneminwe eyisithupha esandleni nezinzwani eziyisthupha onyaweni, kungamashumi amabili nane kukonke; naye wazalwa yiRefa. 21Wameyisa u-Israyeli; ngalokho uJonathani indodana kaShimeyi umfowabo kaDavide wambulala.

22Labo bobane bazalwa ngamaRefa eGati; bawa ngesandla sikaDavide nangesandla sezinceku zakhe.

2 uSamuweli 21ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 22

Ihubo lokubonga kukaDavide

1UDavide wakhuluma kuJehova amazwi aleli hubo mhla uJehova emophula esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule, 2wathi:

“UJehova uyidwala lami,

nenqaba yami, nomkhululi wami;

3uNkulunkulu uyidwala lami

engiphephela kulo,

nesihlangu sami,

nophondo lokusindiswa kwami,

inqaba yami ephakemeyo nesiphephelo sami;

msindisi wami, uyangisindisa ebudloveni.

4Ngiyamemeza kuJehova

odumisekayo,

ngisindiswe ezitheni zami.

5“Ngokuba amaza okufa angihaqa;

izikhukhula zokona zangethusa.

6Izintambo zasendaweni yabafileyo

zangizungeza,

izihibe zokufa zangehlela.

7Ekuhluphekeni kwami ngambiza

uJehova,

ngakhala kuNkulunkulu wami;

walizwa izwi lami esethempelini lakhe;

ukukhala kwami kwangena ezindlebeni zakhe.

8“Umhlaba wawusuzamazama,

wadikizela;

izisekelo zezulu zathuthumela,

zaqhaqhazela ngokuba ethukuthele.

9Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,

nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;

amalahle avutha kuye.

10Wathobisa izulu, wehla;

ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

11Wakhwela phezu kwekherubi,*

wandiza;

wabonwa emaphikweni omoya.

12Wenza ubumnyama bube

ngamadokodo amphahlayo,

amanzi aqoqane, amafu abe nzima.

13Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe

kwavuthiswa amalahle omlilo.

14UJehova waduma ezulwini;

oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe.

15Wathuma imicibisholo,

wabangquzula,

yebo, nonyazi, wabadidizelisa.

16Kwase kubonakala imisinga yamanzi;

izisekelo zomhlaba zambulwa

ngesijeziso sikaJehova,

ngokufutha komoya wamakhala akhe.

17Waselula isandla sakhe ephezulu,

wangibamba;

wangikhipha emanzini amaningi.

18Wangophula esitheni sami

esinamandla

nakubo abangizondayo,

ngokuba base bengahlulile.

19Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme

sami,

kepha uJehova waba yinsika yami.

20Wangiphumisela endaweni ebanzi:

wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

21“UJehova wangivuza ngokokulunga

kwami;

wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

22Ngokuba ngizigcinile izindlela

zikaJehova;

angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

23Ngokuba yonke imithetho yakhe

yayiphambi kwami,

nezimiso zakhe angizivumanga ukuba zisuke kimi.

24Ngangiphelele kuye;

ngabuxwaya ububi.

25UJehova wayesebuyisela kimi

njengokulunga kwami,

njengokuhlanzeka kwami phambi kwamehlo akhe.

26“Kothembekileyo uyazibonakalisa

ethembekile;

kumuntu oqotho uyazibonakalisa eqotho;

27kohlanzekileyo uyazibonakalisa

ehlanzekile;

koyisigwegwe uyazibonakalisa enenkani.

28Uyasindisa abantu abathobekileyo,

kepha amehlo akho aphezu kwabaqhoshileyo ukuba ubathobise.

29Ngokuba wena uyisibani sami,

Jehova;

uJehova uyakhanyisa ubumnyama bami.

30Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;

ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

31Indlela kaNkulunkulu iphelele;

izwi likaJehova lihlanzekile;

yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

32“Ngokuba ngubani onguNkulunkulu

ngaphandle kukaJehova,

ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

33UNkulunkulu uyangibhincisa

amandla;

uyenza indlela yami ilunge,

34yena owenza izinyawo zami zibe

njengezendluzelekazi,

angimise emagqumeni ami;

35ofundisa izandla zami ukulwa,

ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

36Wena unginikile isihlangu sensindiso

yakho;

ubumnene bakho bungikhulisile.

37Amabanga okunyathela kwami

uwandisile;

amaqakala ami awaxegi.

38“Ngazixosha izitha zami, ngazifica;

angibuyanga ngingakaziqedi.

39Ngaziqeda, ngaziphahlaza, zaze

zahluleka ukuvuka;

zawa phansi kwezinyawo zami.

40Wangibhincisa amandla okulwa;

ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

41Wangifulathelisela izitha zami,

nabangizondayo ngabaqothula.

42Bakhala, kepha akubangakho

osindisayo,

nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

43Ngabacolisisa njengothuli

lomhlabathi;

ngabagxoba, ngabalahla njengensila ezitaladini.

44“Wangikhulula ezimpini zabantu

bami;

wangilonda ngaba yinhloko yabezizwe;

abantu engingabaziyo bangikhonza.

45Abafo bazithoba phansi kwami;

banele ukungizwa nje ngendlebe,

base bengilalela.

46Abafo babuna,

baphuma ezinqabeni zabo bethuthumela.

47“UJehova usekhona malidunyiswe

idwala lami;

makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

48uNkulunkulu onginikile impindiselo,

wathobisa izizwe phansi kwami;

49ongikhiphile ezitheni zami,

wangiphakamisa phezu kwabangivukelayo,

wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

50Ngalokho-ke ngizakukubonga

phakathi kwabezizwe, Jehova,

ngilihubele igama lakho.

51Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini

yakhe;

uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide

nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.”

2 uSamuweli 22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 23

Amazwi okugcina kaDavide

1Lawa angamazwi okugcina kaDavide.

“UDavide indodana kaJese uthi,

umuntu owaphakanyiselwa phezulu uthi,

ogcotshiweyo kaNkulunkulu kaJakobe

nomhlabeleli omnandi wakwa-Israyeli usho ukuthi:

2“UMoya kaJehova wakhuluma ngami;

izwi lakhe lalisolimini lwami.

3UNkulunkulu ka-Israyeli wathi,

iDwala lika-Israyeli lakhuluma kimi ukuthi:

‘Obusa abantu ngokulunga,

abuse ngokumesaba uNkulunkulu,

4unjengokukhanya kwasekuseni

ekuphumeni kwelanga,

isasa elingenamafu,

lapho kuvela ekukhanyeni uhlaza

emhlabathini emva kwemvula.’

5“Ayinjalo indlu yami kuNkulunkulu na?

Ngokuba wenzile nami isivumelwano esiphakade;

sihleliwe ezintweni zonke, sigcinekile,

ngokuba yonke insindiso yami nokwenama kwami

akayikukuhlumisa na?

6Kepha onke amashinga ayakuba

njengameva alahlwayo,

ngokuba angephathwe ngesandla.

7Kodwa umuntu owathintayo

wohlonyiswa ngensimbi nangothi lomkhonto,

aze ashiswe nokushiswa ngomlilo kuleyo ndawo.”

Amaqhawe kaDavide

8Lawa angamagama amaqhawe kaDavide: UJoshebi Bashebeti waseTahekemoni, inhloko yabathathu; nguyena owaphakamisa umkhonto wakhe, walwa nabantu abangamakhulu ayisishiyagalombili abagwazwa ngasikhathi sinye.

9Emva kwakhe kwakungu-Eleyazare indodana kaDodayi indodana yomAhohi, omunye wamaqhawe amathathu ayenoDavide mhla edelela amaFilisti ayebuthene lapho ukulwa, abantu bakwa-Israyeli sebehambile; 10wasuka wabulala amaFilisti saze sakhathala isandla sakhe, isandla sakhe sanamathela enkembeni; uJehova wenza insindiso enkulu ngalolo suku; abantu babuya emva kwakhe ukuba baphange kuphela.

11Emva kwakhe kwakunguShama indodana ka-Age umHarari. AmaFilisti ayebuthene eLehi, lapho kwakukhona isiqephu sezwe esigcwele imbumba; abantu babaleka ebusweni bamaFilisti. 12Kepha wayemi phakathi nesiqephu, wasivikela, wawabulala amaFilisti; uJehova wenza insindiso enkulu.

13Kwehla abathathu kwaba yizinhloko ezingamashumi amathathu, bafika kuDavide ngesikhathi sokuvuna emhumeni wase-Adulamu; impi yamaFilisti yayimise esiGodini samaRefa. 14UDavide wayesesenqabeni; ikhanda lamaFilisti laliseBetlehema. 15UDavide wanxanela, wathi: “Hawu, sengathi ngingaphuziswa amanzi asemthonjeni waseBetlehema ongasesangweni.” 16Lawo maqhawe amathathu afohla ikamu* lamaFilisti, akha amanzi emthonjeni waseBetlehema owawungasesangweni, awathatha, awaletha kuDavide; kepha akavumanga ukuwaphuza, kodwa wawathululela uJehova. 17Wathi: “Makube kude nami, Jehova, ukuba ngenze lokhu; kuyigazi lalabo bantu ababesuka besengozini.” Akavumanga ukuwaphuza. Lezo zinto zenziwa yilawa maqhawe amathathu.

18U-Abishayi umfowabo kaJowabe indodana kaSeruya wayeyinhloko yabathathu. Waphakamisela abangamakhulu amathathu umkhonto wakhe, wababulala, waba negama phakathi kwalabo abathathu. 19Wayengengotusekayo phakathi kwamashumi amathathu na? Ngalokho waba yisikhulu sabo, kepha akafinyelelanga nokho kwabathathu bokuqala.

20UBenaya indodana kaJehoyada, indodana yendoda enamandla, owayenze imisebenzi emikhulu, owaseKabiseyeli, wabulala amaqhawe amabili akwaMowabi; futhi wehla, wabulala ingonyama phakathi komgodi ngosuku lweqhwa, 21wabulala nowaseGibithe, umuntu owabukeka emuhle; owaseGibithe wayephethe umkhonto esandleni sakhe, kepha wehlela kuye ephethe induku nje, wawuhlwitha umkhonto esandleni sowaseGibithe, wambulala ngomkhonto wakhe. 22Lezo zinto wazenza uBenaya indodana kaJehoyada, waba negama phakathi kwalawo maqhawe amathathu. 23Wayetuseka kunabangamashumi amathathu, kepha akafinyelelanga kwabathathu bokuqala. UDavide wambeka phezu kwabalindi bakhe.

24Phakathi kwabangamashumi amathathu kwakukhona u-Asaheli umfowabo kaJowabe, no-Elihanani indodana kaDodo waseBetlehema, 25noShama waseHarodi, no-Elika waseHarodi, 26noHelesi wasePaliti, no-Ira indodana ka-Ikheshi waseThekhowa, 27no-Abiyezeri wase-Anathoti, noMebunayi umHushati, 28noSalimoni umAhohi, noMaharayi waseNethofa, 29noHelevi indodana kaBahana waseNethofa, no-Ithayi indodana kaRibayi waseGibeya labantwana bakwaBenjamini, 30noBenaya wasePirathoni, noHidayi wangasemifudlaneni yakwaGahashi, 31no-Abi Aliboni wase-Araba, no-Azimaveti waseBarhumi, 32no-Eliyaba waseShahaliboni, noBene Jasheni, noJonathani, 33noShama waseHarari, no-Ahiyamu indodana kaSharari wase-Arari, 34no-Elifeleti indodana ka-Ahashibayi indodana yomMahakha, no-Eliyamu indodana ka-Ahithofeli waseGilo, 35noHeserayi waseKarmeli, noPhaharayi wase-Arabi, 36no-Igali indodana kaNathani waseSoba, noBani wakwaGadi, 37noSeleki wakwa-Amoni, noNaharayi waseBeroti, izindibi zezikhali zikaJowabe indodana kaSeruya, 38no-Ira waseJetheri, noGarebi waseJetheri, 39no-Uriya umHeti, bengamashumi amathathu nesikhombisa bebonke.

2 uSamuweli 23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

2 uSamuweli 24

Ukubalwa kwabantu

1Intukuthelo kaJehova yabuye yavuthela u-Israyeli, wamvusa uDavide ngabo ngokuthi: “Hamba ubale u-Israyeli noJuda.”

2Inkosi yathi kuJowabe induna yempi eyayinaye: “Hamba ezizweni zonke zakwa-Israyeli kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba, nibale abantu ukuba ngiwazi umumo wabantu.”

3Wayesethi uJowabe enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho makenezele kubantu kuphindwe kayikhulu phezu kwalokhu abayikho, kubonwe ngamehlo enkosi yami, inkosi; kepha inkosi yami, inkosi, yenamelelani le nto na?”

4Nokho izwi lenkosi lamahlula uJowabe nezinduna zempi. UJowabe nezinduna zempi baphuma ebusweni benkosi ukuba babale abantu bakwa-Israyeli.

5Bawela iJordani, bamisa e-Aroweri ngakwesokunene komuzi ophakathi nesigodi sakwaGadi ngaseJazeri; 6base befika kwaGileyadi nasezweni laseTahetimi Hodishi; bafika naseDani Jahani nangaseSidoni, 7bafika enqabeni yaseTire, nasemizini yonke yamaHivi namaKhanani; baphuma baya nangaseningizimu kwaJuda eBeri Sheba.

8Sebedabule izwe lonke bafika eJerusalema ngasekupheleni kwezinyanga eziyisishiyagalolunye nezinsuku ezingamashumi amabili.

9UJowabe wayesenika inkosi umumo wabantu ababaliweyo; kwaba khona kwa-Israyeli amadoda anamandla ayizinkulungwane ezingamakhulu ayisishiyagalombili ahloma inkemba; amadoda akwaJuda ayeyizinkulungwane ezingamakhulu ayisihlanu.

Isifo

10UDavide wahlabeka enhliziyweni emva kokuba esebabalile abantu. UDavide wathi kuJehova: “Ngonile kakhulu ngalokho engikwenzileyo; kepha manje, Jehova, mawuthethelele ububi benceku yakho, ngokuba ngintumazele kakhulu.”

11Wathi ukuba uDavide avuke ekuseni, kwafika izwi likaJehova kumprofethi uGadi umboni kaDavide lokuthi: 12“Hamba ukhulume kuDavide ngokuthi: ‘UJehova usho kanje, uthi: Ngiyakubekela izinto ezintathu; khetha enye kuzo ukuba ngikwenzele yona.’ ”

13UGadi wayesefika kuDavide, wamtshela, wathi kuye: “Kufike kuwe yini iminyaka eyisikhombisa yendlala ezweni lakini, noma ubalekele izitha zakho izinyanga ezintathu zisakuxosha, noma kube khona izinsuku ezintathu zesifo ezweni lakini na? Manje cabanga, ubone ukuthi yiliphi izwi engiyakulibuyisela kongithumileyo.”

14Wayesethi uDavide kuGadi: “Nginosizi kakhulu; masiwele esandleni sikaJehova, ngokuba umusa wakhe mkhulu; kepha esandleni somuntu mangingaweli kuso.”

15UJehova wayesethuma isifo phezu kuka-Israyeli kusukela ekuseni kuze kube sesikhathini esinqunyiweyo; kwafa abantu abayizinkulungwane ezingamashumi ayisikhombisa kusukela kwaDani kuze kube seBeri Sheba. 16Lapho ingelosi yelula isandla sayo kulo iJerusalema ukulichitha, uJehova wazisola ngalobo bubi, wathi engelosini eyachitha abantu: “Sekwanele; buyisa isandla sakho.” Ingelosi kaJehova yayisesibuyeni sika-Arawuna umJebusi.

17UDavide wathi kuJehova, lapho eyibona ingelosi eyayibabulala abantu: “Bheka, mina ngonile, ngenzile okubi; kepha lezi zimvu zenzeni na? Isandla sakho masibe phezu kwami naphezu kwendlu kababa.”

I-altare elisesibuyeni sika-Arawuna

18UGadi wafika ngalolo suku kuDavide, wathi kuye: “Yenyuka, ummisele uJehova i-altare esibuyeni sika-Arawuna umJebusi.” 19UDavide wenyuka njengokusho kukaGadi nanjengokuyala kukaJehova. 20U-Arawuna walunguza, wabona inkosi nezinceku zayo beza kuye; u-Arawuna waphuma, wakhothama phambi kwenkosi, ubuso bakhe bubheke phansi.

21Wathi u-Arawuna: “Kungani ukuba inkosi yami, inkosi, ifikile encekwini yayo na?”

UDavide wathi: “Ukuba ngithenge kuwe isibuya, ngimakhele uJehova i-altare, ukuze lesi sifo sinqamuke kubantu.”

22Wayesethi u-Arawuna kuDavide: “Inkosi yami, inkosi, mayithathe, inikele ngokuhle emehlweni ayo; bheka, nazi izinkabi zomnikelo wokushiswa, nezibhulo, nezinto zokubophela izinkabi zibe yizinkuni; 23konke, nkosi, u-Arawuna uyakunika inkosi.” U-Arawuna wayesethi enkosini: “UJehova uNkulunkulu wakho makakwamukele.”

24Inkosi yathi ku-Arawuna: “Qha, ngiyakukuthenga nokukuthenga ngenani elithile; angiyikunikela ngeminikelo yokushiswa kuJehova uNkulunkulu wami engeyesihle.” UDavide wayesethenga isibuya nezinkabi ngamashekeli* angamashumi ayisihlanu esiliva. 25UDavide wamakhela khona uJehova i-altare, wanikela ngeminikelo yokushiswa nangeminikelo yokuthula. UJehova wancengwa ngenxa yezwe, isifo sanqamuka kwa-Israyeli.

2 uSamuweli 24ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 18

Ukumbonga uNkulunkulu ngezibusiso zakhe

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide, inceku kaJehova, owakhuluma amazwi aleli hubo kuJehova mhla uJehova emsindisile esandleni sezitha zakhe zonke nasesandleni sikaSawule. Wathi:

1Ngiyakuthanda, Jehova,

mandla ami.

2Jehova uyidwala lami, nenqaba yami, nomkhululi wami;

uNkulunkulu wami uyidwala lami engiphephela kulo,

nesihlangu sami,

nophondo lokusindiswa kwami,

inqaba yami ephakemeyo.

3Ngiyamemeza kuJehova odumisekayo,

ngisindiswe ezitheni zami.

4Izintambo zokufa zangizungelezela,

izikhukhula zokona zangethusa.

5Izintambo zasendaweni yabafileyo zangizungeza,

izihibe zokufa zangehlela.

6Ekuhluphekeni kwami ngambiza uJehova,

ngakhala kuNkulunkulu wami;

walizwa izwi lami esethempelini lakhe;

ukukhala kwami phambi kwakhe kwangena ezindlebeni zakhe.

7Umhlaba wawusuzamazama, wadikizela;

izisekelo zezintaba zathuthumela,

zagubhuzela ngokuba ethukuthele.

8Kwenyuka umusi emakhaleni akhe,

nomlilo odlayo emlonyeni wakhe;

amalahle avutha kuye.

9Wathobisa izulu, wehla;

ubumnyama babuphansi kwezinyawo zakhe.

10Wakhwela phezu kwekherubi,* wandiza;

washweza ngamaphiko omoya.

11Ubumnyama wabenza isisibekelo,

idokodo lakhe elimphahlayo;

amanzi amnyama, amafu anzima.

12Ekukhazimuleni okuphambi kwakhe

amafu akhe abanga phambili,

isichotho namalahle avuthayo.

13UJehova waduma ezulwini;

oPhezukonke walizwakalisa izwi lakhe:

isichotho namalahle avuthayo.

14Wathuma imicibisholo yakhe, wabangquzula,

nemibani eminingi, wabadidizelisa.

15Kwase kubonakala imisinga yamanzi;

izisekelo zomhlaba zambulwa ngesijeziso sakho, Jehova,

ngokufutha komoya wamakhala akho.

16Waselula isandla sakhe ephezulu, wangibamba;

wangikhipha emanzini amaningi.

17Wangophula esitheni sami esinamandla

nakubo abangizondayo,

ngokuba base bengahlulile.

18Bangihlasela ngosuku lwesigemegeme sami,

kepha uJehova waba yinsika yami.

19Wangiphumisela endaweni ebanzi;

wangikhulula, ngokuba ebethokoza ngami.

20UJehova wangivuza ngokokulunga kwami;

wangibuyisela njengokuhlanzeka kwezandla zami.

21Ngokuba ngizigcinile izindlela zikaJehova,

angimukanga kuNkulunkulu wami ngokushinga.

22Ngokuba yonke imithetho yakhe yayiphambi kwami,

nezimiso zakhe angivumanga ukuba zisuke kimi.

23Ngangiphelele kuye;

ngabuxwaya ububi.

24UJehova wayesebuyisela kimi njengokulunga kwami,

njengokuhlanzeka kwezandla zami phambi kwamehlo akhe.

25Kothembekileyo uyazibonakalisa uthembekile;

kumuntu oqotho uzibonakalisa uqotho;

26kohlanzekileyo uyazibonakalisa uhlanzekile;

koyisigwegwe uyazibonakalisa unenkani.

27Ngokuba wena uyabasindisa abantu abathobekileyo,

kepha amehlo abaqhoshileyo uyawathobisa.

28Ngokuba wena uyokhela isibani sami;

uJehova uNkulunkulu wami uyakhanyisa ubumnyama bami.

29Ngokuba ngawe ngingahlasela impi;

ngoNkulunkulu wami ngingeqa ugange.

30Indlela kaNkulunkulu iphelele;

izwi likaJehova lihlanzekile;

yena uyisihlangu kubo bonke abaphephela kuye.

31Ngokuba ngubani onguNkulunkulu ngaphandle kukaJehova,

ngubani oyidwala ngaphandle kukaNkulunkulu wethu na?

32uNkulunkulu ongibhincisa amandla,

owenza indlela yami ilunge;

33owenza izinyawo zami zibe njengezendluzelekazi,

angimise emagqumeni ami;

34ofundisa izandla zami ukulwa,

ukuze izingalo zami zinsale umnsalo wethusi.

35Wena unginikile isihlangu sensindiso yakho,

isandla sakho sokunene singisekele,

nobumnene bakho bungikhulisile.

36Amabanga okunyathela kwami uwandisile;

amaqakala ami awaxegi.

37Ngazixosha izitha zami, ngazifica;

angibuyanga ngingakaziqedi.

38Ngaziphahlaza, zaze zahluleka ukuvuka;

zawa phansi kwezinyawo zami.

39Wangibhincisa amandla okulwa;

ababengivukele wabathobisa phansi kwami.

40Wangifulathelisela izitha zami,

nabangizondayo ngabaqothula.

41Bakhala, kepha akubangakho osindisayo,

nakuJehova, kodwa akaze aphendula.

42Ngabacolisisa njengothuli emoyeni;

ngabalahla njengensila ezitaladini.

43Wangikhulula ezimpini zabantu;

wangimisa ngaba yinhloko yabezizwe;

abantu engingabaziyo bangikhonza.

44Banele ukungizwa nje ngendlebe,

base bengilalela;

abafo bazithoba phansi kwami.

45Abafo babuna,

baphuma ezinqabeni zabo bethuthumele.

46UJehova usekhona,

malidunyiswe iDwala lami;

makaphakanyiswe uNkulunkulu wensindiso yami,

47uNkulunkulu onginikile impindiselo,

wathobisa izizwe phansi kwami;

48ongikhululile ezitheni zami,

yebo, ongiphakamisile phezu kwabangivukelayo,

wangikhulula kumuntu oyisidlwangudlwangu.

49Ngalokho-ke ngizakukubonga phakathi kwabezizwe, Jehova,

ngilihubele igama lakho.

50Uyenza insindiso ibe nkulu enkosini yakhe;

uyenza umusa kogcotshiweyo wakhe uDavide

nasenzalweni yakhe kuze kube phakade.

Ihubo 50

Ukukhonza uNkulunkulu ngeqiniso

Ihubo lika-Asafa.

1UNkulunkulu uMninimandla onke,

uJehova, uyakhuluma, ubiza umhlaba

kusukela ekuphumeni kwelanga kuze kube sekushoneni kwalo.

2ESiyoni eliphelele ebuhleni

uNkulunkulu uqhamile ekukhanyeni.

3UNkulunkulu wethu uyeza, akayikuthula;

umlilo udla phambi kwakhe;

uphahlwe yisivunguvungu esikhulu.

4Ubiza izulu ngaphezulu

kanye nomhlaba ukuba ahlulele isizwe sakhe:

5“Buthelani kimi abangcwele bami

abenza isivumelwano nami ngomhlatshelo.”

6Izulu lishumayela ukulunga kwakhe,

ngokuba uNkulunkulu ungumahluleli. Sela*

7“Yizwa, sizwe sami, ngiyakukhuluma;

Israyeli, ngizakufakaza kuwe ukuthi:

NginguNkulunkulu,

uNkulunkulu wakho.

8Angiyikukujezisa ngenxa yemihlatshelo yakho;

iminikelo yakho yokushiswa iphambi kwami njalo.

9Angiyikuthatha nkunzi endlini yakho

nampongo ezibayeni zakho.

10Ngokuba zingezami zonke izilwane zehlathi,

nezinkomo zasezintabeni eziyizinkulungwane.

11Ngiyazazi zonke izinyoni zasezintabeni,

nezilwane zasendle zaziwa yimi.

12Uma bengilambile,

bengingekutshele wena,

ngokuba ungowami umhlaba wonke nokugcwala kwawo.

13Ngiyakudla yini inyama yezinkunzi,

ngiphuze igazi lezimpongo, na?

14Nikela kuNkulunkulu umnikelo wokubonga,

uzigcwalise izithembiso zakho koPhezukonke;

15ngibize ngosuku lwenhlupheko;

ngiyakukukhulula,

wena uyakungidumisa.”

16Kepha komubi uNkulunkulu uthi:

“Yini ukuba ushumayele izimiso zami,

uphathe isivumelwano sami ngomlomo wakho,

17ingani uyazonda ukuqondiswa,

amazwi ami uwalahla emva kwakho, na?

18Uma ubona isela, uvumelana nalo;

neziphingi uhlanganyela nazo.

19Umlomo wakho uwuyekela ebubini;

ulimi lwakho luqamba inkohliso.

20Uhlala uhleba umfowenu;

unyevuza indodana kanyoko.

21Lokho ukwenzile, ngathula;

ushaye sengathi nginjengawe;

ngizakukulaya, ngikubeke phambi kwamehlo akho.

22“Qaphelani lokho nina enikhohlwa uNkulunkulu,

funa nginidwengule,

kungabikho osindisayo.

23Onikela ngomnikelo wokubonga uyangidumisa;

oqaphela indlela yakhe

ngiyakumbonisa insindiso kaNkulunkulu.”

Ihubo 59

Umkhuleko wocela ukukhululwa ezitheni

Kumholi wokuhlabelela. Indlela: Ungachithi. ElikaDavide. IMiktamu,* mhla uSawule ethumela, ethi mabayilinde indlu ukuba bambulale.

1Ngikhulule ezitheni zami, Nkulunkulu wami,

ngivikele kwabangivukelayo;

2ngikhulule kwabenza okubi,

ngisindise kubantu begazi.

3Ngokuba bheka, baqamekela umphefumulo wami;

iziqhwaga ziyangihlanganyela,

kungekho siphambeko,

kungekho sono kimi, Jehova.

4Ziyagijima, zizilungisele,

kungekho cala kimi;

vuka, ungihlangabeze, ubone.

5Wena kambe,

Jehova Nkulunkulu Sebawoti,

Nkulunkulu ka-Israyeli,

vuka uphindisele bonke abezizwe,

ungahawukeli namunye kwabahlubukileyo. Sela*

6Bayabuya kusihlwa,

bahlaba umkhulungwane njengenja,

bezula emzini.

7Bheka, bayampompa ngomlomo wabo,

kukhona izinkemba ezindebeni zabo,

ngokuba bathi:

“Ngubani ozwayo na?”

8Kepha wena Jehova uyabahleka;

uyabaklolodela bonke abezizwe.

9Mandla ami, ngiyakulindela wena,

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami.

10UNkulunkulu wami uyakungihlangabeza ngomusa wakhe;

uNkulunkulu uyakungibonisa izitha zami ngokwethaba.

11Ungazibulali, funa abantu bami bakhohlwe;

zizulise ngamandla akho,

uzilahle phansi, Nkosi,

sihlangu sethu.

12Izwi lezindebe zazo liyisono somlomo wazo;

mazibanjwe ekuzidleni kwazo

nangenxa yesiqalekiso namanga eziwakhulumayo.

13Ziqede ngokuthukuthela,

ziqede zingabe zisabakho;

mazazi ukuba nguNkulunkulu obusa kwaJakobe,

kuze kube semikhawulweni yomhlaba. Sela*

14Ziyabuya kusihlwa;

zihlaba umkhulungwane njengenja, zizula emzini.

15Zizulazulela ukudla;

uma zingasuthi, zihlala nasebusuku.

16Kepha mina ngizakuhlabelela ngamandla akho,

ngethabele umusa wakho ekuseni,

ngokuba uyinqaba yami,

nesiphephelo ngosuku lokuhlupheka kwami.

17Mandla ami, ngizakuhubela wena;

ngokuba uNkulunkulu uyinqaba yami,

unguNkulunkulu wami womusa.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU