Bible Society of South Africa

To The Word – Day 91

Isaiah 1–5, Psalm 148, (optional: Acts 8, John 1)

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 1

Ukusolwa kwesizwe sakwaJuda

1Umbono ka-Isaya, indodana ka-Amose, awubonayo ngoJuda neJerusalema emihleni ka-Uziya, noJothamu, no-Ahazi, noHezekiya, amakhosi akwaJuda.

2Yizwani, mazulu,

ubeke indlebe, mhlaba,

ngokuba uJehova ukhuluma uthi:

“Ngikhulisile ngiphakamisile abantwana,

kepha bangihlubukile.

3Inkabi iyamazi umniniyo

nembongolo umkhombe womnikaziyo;

u-Israyeli akazi,

isizwe sami asiqondi.”

4Hawu, sizwe esonayo,

bantu abasindwe ngububi,

nzalo yababi,

bantwana abonakeleyo!

Bamshiyile uJehova,

bamdelele oNgcwele ka-Israyeli,

babuyele emuva.

5Ningabe nisashaywa kuphi,

nisaqhubeka ukwambuka, na?

Lonke ikhanda liyagula,

nayo yonke inhliziyo ibuthakathaka.

6Kusukela ematheni onyawo kuze kube sekhanda

akukho okuphelele, ngamanxeba nje,

nemivimbo, nemidwa emisha;

akukhanywanga ubovu, akuboshwanga,

akuthanjiswanga ngamafutha.

7Izwe lakini liyihlane,

imizi yenu ishisiwe ngomlilo,

umhlabathi wenu udliwa ngabafokazi phambi kwenu,

kuyihlane njengokuchitha kwabafokazi.

8Indodakazi yaseSiyoni isele njengexhiba esivinini,

nanjengedladla ensimini yamaselwa,

nanjengomuzi ovinjezelweyo.

9Uma uJehova Sebawoti ebengasishiyelanga insali,

besiyakuba njengeSodoma,

sifane neGomora.

10Yizwani izwi likaJehova

nina babusi baseSodoma,

nibeke indlebe ekufundiseni kukaNkulunkulu wethu

nina bantu baseGomora.

11“Iyini kimi imihlatshelo yenu eminingi na?”

usho uJehova;

“ngisuthile ngeminikelo yokushiswa yezinqama

nangeyamanoni amathole akhuluphalisiweyo;

negazi lezinkunzi nelamawundlu nelezimpongo

angithokozi ngalo.

12Lapho nifika ukubona ubuso bami,

ngubani okubize lokhu esandleni senu

ukuba ninyathele amagceke ami na?

13Ningabe nisaletha iminikelo eyize yempuphu;

impepho iyisinengiso kimi;

ezokwethwasa kwenyanga namasabatha nokubiza imihlangano

angivumi ububi kanye nemikhosi.

14Ezokwethwasa zenu kwenyanga nemikhosi yenu emisiweyo

kuyazondwa ngumphefumulo wami;

kungumthwalo phezu kwami,

ngikhathele ngukukuthwala.

15Lapho nelula izandla zenu,

ngiyakufihla kini amehlo ami;

yebo, lapho nenza imikhuleko eminingi, angiyikuzwa;

izandla zenu zigcwele igazi.

16Gezani, nihlanzeke,

nisuse ububi bezenzo zenu phambi kwamehlo ami,

niyeke ukwenza okubi.

17Fundani ukwenza okuhle,

nifune ukwahlulela,

niqondise abacindezeli,

nahlulele izintandane,

nimele umfelokazi.

18“Wozani-ke, sithethe indaba,”

usho uJehova;

“noma izono zenu zibomvu kakhulu,

ziyakuba mhlophe njengeqhwa;

noma zibomvu njengokububende,

ziyakuba njengoboya bezimvu.

19Uma nivuma, nilalela,

niyakudla okuhle kwezwe;

20kepha uma nala, nihlubuka,

niyakudliwa yinkemba,”

ngokuba umlomo kaJehova ukhulumile.

21Yeka umuzi othembekileyo waphenduka,

waba yisifebe,

wena owawugcwele ukwahlulela!

Ukulunga kwakuhlezi khona,

kepha manje ababulali.

22Isiliva lakho seliphendukile amanyela;

iwayini lakho lixubene namanzi.

23Izikhulu zakho ziyizihlubuki

nabangane bamasela;

bonke bathanda izipho, balandela imivuzo;

abahluleli izintandane,

nendaba yomfelokazi ayifinyeleli kubo.

24Ngalokho ithi iNkosi uJehova Sebawoti,

uMninimandla ka-Israyeli:

“E, ngiyakuzikhulula kwabamelene nami,

ngiziphindisele ezitheni zami,

25ngibuyisele isandla sami kuwe,

ngicwengisise impela amanyela akho,

ngisuse lonke ithini* lakho,

26ngibuyisele abahluleli bakho njengakuqala,

nabeluleki bakho njengasekuqaleni,

andukuba ubizwe ngokuthi uMuzi Wokulunga,

uMuzi Othembekileyo.”

27ISiyoni liyakuhlengwa ngokwahlulela

nabaphendukayo kulo ngokulunga.

28Izihlubuki nezoni ziyakubhujiswa kanyekanye,

nabamshiyayo uJehova bayakuqedwa.

29“Yebo, bayakuba namahloni ngama-oki* enawanxanelayo,

niyangaze ngamasimu enawakhethayo.

30Ngokuba niyakuba njenge-oki*

elimaqabunga alo abunile,

nanjengensimu engenamanzi.

31Abanamandla bayakuba njengefilakisi,*

nemisebenzi yabo njengenhlansi;

bayakusha bobabili kanyekanye,

akuyikubakho ocimayo.”

U-Isaya 2

Intaba yendlu kaJehova

1Indaba ayibonayo u-Isaya indodana ka-Amose ngoJuda neJerusalema.

2Kuyakuthi ngezinsuku ezizayo

intaba yendlu kaJehova iqiniswe esiqongweni sezintaba,

iphakame kunamagquma,

nezizwe zonke ziyakugobhozela khona.

3Abantu abaningi bayakuhamba, bathi:

“Wozani sikhuphukele entabeni kaJehova

endlini kaNkulunkulu kaJakobe;

uyakusifundisa izindlela zakhe,

sihambe emikhondweni yakhe,”

ngokuba umthetho uyakuvela eSiyoni,

nezwi likaJehova eJerusalema.

4Uyakwahlulela phakathi kwezizwe,

anqume phakathi kwabantu abaningi;

bayakukhanda izinkemba zabo zibe ngamakhuba,

nemikhonto yabo ibe ngocelemba;

isizwe asiyikuphakamisela isizwe inkemba,

zingabe zisafunda ukulwa.

5Wena ndlu kaJakobe,

woza sihambe ekukhanyeni kukaJehova.

Usuku lukaJehova

6Ngokuba ushiyile abantu bakho,

indlu kaJakobe,

lokhu begcwele ezasempumalanga,

behlola imihlola njengamaFilisti,

bexhawulana nabantwana babezizwe.

7Izwe lakubo ligcwele isiliva negolide,

akukho ukuphela kwengcebo yabo;

izwe lakubo ligcwele futhi namahhashi,

nokuphela kwezinqola akukho.

8Izwe lakubo ligcwele futhi nezithombe;

bakhuleka kokwenziwe yizandla zabo

nakwekwenzileyo iminwe yabo.

9Kepha abantu bayakufoliswa,

namadoda ayakuthotshiswa;

abayikuthethelelwa.

10Ngena edwaleni, ucashe othulini

ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe.

11Amehlo omuntu aziphakamisileyo ayakuthotshiswa,

nokuzikhukhumeza kwamadoda kuyakufola,

kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku.

12Ngokuba uJehova Sebawoti unosuku oluyakuba

phezu kwakho konke okuzidlayo nokuzikhukhumezayo,

naphezu kwakho konke okuphakemeyo, kuthotshiswe,

13naphezu kwayo yonke imisedari* yaseLebanoni,

emide nephakemeyo,

naphezu kwawo onke ama-oki* aseBashani,

14naphezu kwazo zonke izintaba ezinde,

naphezu kwawo onke amagquma aphakemeyo,

15naphezu kwayo yonke imibhoshongo ephakemeyo,

naphezu kwazo zonke izingange eziqinisiweyo,

16naphezu kwayo yonke imikhumbi yaseTharishishi,

naphezu kwayo yonke imikhunjana enxanelekayo.

17Ukuzikhukhumeza kwabantu kuyakufoliswa,

nokuziphakamisa kwamadoda kuyakuthotshiswa,

kuphakame uJehova kuphela ngalolo suku,

18ziphele izithombe, zithi nya.

19Bayakungena emihumeni yamadwala nasemigodini yomhlaba

ngokwesabeka kukaJehova nangodumo lobukhosi bakhe,

lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

20Ngalolo suku abantu bayakulahla kuwo

amavukuzi nakuwo amalulwane

izithombe zabo zesiliva

nezithombe zabo zegolide,

abazenzele zona ukuba bakhuleke kuzo,

21ukuze bangene emihumeni yamadwala

nasemifantwini yeziwa

ngokwesabeka kukaJehova

nangodumo lobukhosi bakhe,

lapho evuka ukushaya umhlaba ngovalo.

22Bayekeni abantu okusemakhaleni abo kukhona ukuphefumula nje,

ngokuba babalwa njengantoni na?

U-Isaya 3

Incithakalo nendlala

1Ngokuba bheka, iNkosi uJehova Sebawoti

iyasusa eJerusalema nakwaJuda uzime nodondolo,

lonke uzime lwesinkwa

nalo lonke uzime lwamanzi:

2amaqhawe namadoda empi,

abahluleli nabaprofethi,

ababhuli namalunga,

3izinduna zamashumi ayisihlanu nabantu abanodumo,

abeluleki nezingcweti ezihlakaniphileyo,

nabanolwazi lokulumba.

4Ngiyakubanika abafana babe yizikhulu zabo,

nezingane ziyakubabusa.

5Abantu bayakucindezelana,

kube yilowo nalowo,

yebo, yilowo nalowo nomakhelwane wakhe;

abantwana bayakubhensela abadala,

nabadelelekileyo abanodumo.

6Lapho umuntu eyakubamba umfowabo

endlini kayise ethi:

“Wena unengubo,

yiba ngumbusi wethu,

le ncithakalo ibe phansi kwesandla sakho,”

7ngalona lolo suku uyakudazuluka athi:

“Angiyikuba ngumelaphi,

ngokuba endlini yami akukho sinkwa,

akukho ngubo;

ningangibeki umbusi wabantu.”

8Ngokuba iJerusalema likhubekile,

noJuda uwile,

lokhu izilimi zabo nezenzo zabo ziphambene noJehova

ukucunula amehlo enkazimulo yakhe.

9Ukukhetha kwabo ubuso kuyafakaza ngabo;

benza izono zabo obala njengeSodoma, abazifihli.

Maye kuyo imiphefumulo yabo!

Ngokuba bazenzele okubi.

10Yishoni kolungileyo ukuthi kuyakuba kuhle kuye,

ngokuba bayakudla izithelo zezenzo zabo.

11Maye komubi! Kuyakuba kubi kuye,

ngokuba uyakubuyiselwa izenzo zezandla zakhe.

12Abantu bami-ke izingane ziyabacindezela,

nabesifazane bayababusa.

O bantu bami,

abaniholayo bayanidukisa;

bachitha indlela yemikhondo yakho.

13UJehova usesukumile ukuyokulwa,

umi ukuthetha amacala ezizwe.

14UJehova uyakungena ekwahluleleni

namalunga abantu bakhe nezikhulu zabo ngokuthi:

“Yinina eniqedile isivini,

impango yabampofu isezindlini zenu.

15Nichobozeleni abantu bami,

nigaye ubuso babampofu, na?”

isho iNkosi uJehova Sebawoti.

Ukulahlwa kwamadodakazi aseSiyoni

16Wathi futhi uJehova:

“Ngenxa yokuba amadodakazi aseSiyoni eziphakamisa,

ehamba elula izintamo,

eqhikiza amehlo,

ehamba ecokama ekuhambeni kwawo,

ekhenceza ngezinyawo zawo,

17ngalokho iNkosi iyakuzenza izimpandla

izinkakhayi zamadodakazi aseSiyoni,

uJehova awanqunise.”

18Ngalolo suku iNkosi iyakususa imihlobiso yawo: izigqizo, nemiqhele, nezimbedu ezinjengenyanga, 19neziqhaza, namasongo, nezimvakazi, 20nezigqoko, nemihlobiso yemilenze, nezibhamba, nemifuma, neziqu, 21nezindandatho, namacici ekhala, 22nezambatho zemikhosi, nezangaphezulu, namatshali,* nezinqalathi, 23nezibuko, nelineni elicolekileyo, nemishuqulo, nezilembu.

24Kuyakuthi esikhundleni samakha kube ngukubola,

nasesikhundleni sebhande* igoda,

nasesikhundleni sezinwele ezilungisiweyo impandla,

nasesikhundleni sesidiya isibhamba sendwangu yamasaka,

nasesikhundleni sobuhle isishada.

25Amadoda akho ayakuwa ngenkemba

namaqhawe akho ngokulwa.

26Amasango alo ayakukhala, alile;

liyakuba yize, lihlale emhlabathini.

U-Isaya 4

1Ngalolo suku abesifazane abayisikhombisa bayakubamba indoda inye, bathi: “Siyakudla isinkwa sethu, sembathe izingubo zethu. Masibizwe kuphela ngegama lakho, ususe ihlazo lethu.”

Inkazimulo yaseSiyoni

2Ngalolo suku ihlumela likaJehova liyakuba lihle, libe nenkazimulo, nezithelo zomhlaba ziyakuba nodumo nobuhle kwabaphunyukileyo bakwa-Israyeli. 3Kuyakuthi yena oshiyiwe eSiyoni naye osele eJerusalema, bathiwe bangcwele, bonke abalotshelwe ukuphila eJerusalema, 4lapho iNkosi igezile insila yamadodakazi aseJerusalema, nalapho isihlanzile igazi laseJerusalema phakathi kwalo ngomoya wokwahlulela nangomoya wokushisa. 5UJehova uyakudala phezu kwayo yonke indawo yentaba yaseSiyoni naphezu kwemihlangano yayo ifu nomusi emini nokukhanya kwelangabi lomlilo ebusuku, ngokuba phezu kwayo yonke inkazimulo kuyakuba khona isivikelo. 6Kuyakuba khona idokodo, libe ngumthunzi ekushiseni kwemini nesiphephelo nesivikelo esivunguvungwini nasemvuleni.

U-Isaya 5

Isivini sikaJehova

1Mangihlabelele ngothandiweyo wami,

isihlabelelo sothandiweyo wami ngesivini sakhe.

Othandiweyo wami

wayenesivini egqumeni elivundile kakhulu;

2wasimba, wakhipha amatshe aso,

wasitshala ngomvini omuhle,

wakha isiqongo sokulinda phakathi kwaso,

waqopha isikhamo kuso,

wethemba ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,

kepha saveza izithelo zasendle.

3“Manje nina enakhileyo eJerusalema namadoda akwaJuda,

ake nahlulele phakathi kwami nesivini sami.

4Nga kwenziwani futhi esivinini sami engingakwenzanga kuso na?

Kungani ukuba lapho ngithembe ukuthi siyakuthela izithelo zomvini,

saveza izithelo zasendle, na?

5Sengiyakunitshela engiyakukwenza kuso isivini sami:

ngiyakususa uthango lwaso, ukuze sidliwe,

ngidilize ugange lwaso,

ukuze sinyathelwe.

6Ngiyakusenza sibe yincithakalo;

asiyikuthenwa, asiyikulinywa,

kepha kuyakuvela amakhakhasi nameva;

futhi ngiyakuyala amafu ukuba anganisi imvula phezu kwaso.”

7Ngokuba isivini sikaJehova Sebawoti siyindlu ka-Israyeli,

namadoda akwaJuda ayisithombo sakhe esithandekayo;

wabheka ukwahlulela, kepha bheka, ngukucindezela,

yebo, ukulunga, kepha bheka, ngukukhala.

Amazwi okwahlulela okubi

8Wo kubona abahlanganisa indlu nendlu,

besondeza insimu nensimu,

kuze kungabe kusaba khona indawo,

kwakhe nina nodwa emhlabeni!

9UJehova Sebawoti wathi ezindlebeni zami:

“Impela izindlu eziningi ziyakuba yincithakalo,

nezinkulu nezinhle zingabi namuntu ohlala kuzo.

10Ngokuba ama-eka* ayishumi esivini

ayakuthela ibhati* elilodwa,

nehomere* lembewu liyakuthela i-efa* nje.”

11Wo kubona abavuka ekuseni,

ukuze balandele uphuzo olunamandla,

balibale kuze kuhlwe,

bashe iwayini!

12Ihabu* nogubhu, isigubhu negenkle,

newayini

kukhona emadilini abo,

kepha abanakekeli imisebenzi kaJehova,

nezenzo zezandla zakhe abaziboni.

13Ngalokho abantu bami bayathunjwa bengazi,

nabadumileyo babo bayalamba,

nezixuku zabo zigangathekile ngokoma.

14Ngalokho indawo yabafileyo yandisile isifiso sayo,

yavula umlomo wayo ngokungalinganiswayo;

kwehlela kuyo amakhosi abo, nesixuku sabo esixokozelayo,

kanye nabajabulayo phakathi kwabo.

15Abantu bayafoliswa,

namadoda ayathotshiswa,

namehlo abaziphakamisayo ayathotshiswa,

16kepha uJehova Sebawoti uphakeme ekwahluleleni,

uNkulunkulu oNgcwele ungcwelisiwe ngokulunga.

17Amawundlu ayakuklaba njengasemadlelweni awo,

nasezincithakalweni zabacebileyo kuyakuklaba amazinyane.

18Wo kubona abadonsa ukona ngezintambo zamanga,

nezono kungathi ngamagoda ezinqola,

19abasho ukuthi: “Makaphuthume,

asheshise umsebenzi wakhe ukuba siwubone,

kusondele isiluleko soNgcwele ka-Israyeli,

sifike ukuba sisazi!”

20Wo kubona abasho okubi ukuthi kungokuhle,

nokuhle ukuthi kungububi,

ababeka ubumnyama bube ngukukhanya,

nokukhanya kube ngubumnyama,

babeke nokubabayo kube ngubumtoti,

nobumtoti bube ngokubabayo!

21Wo kubona abahlakaniphile emehlweni abo

nabaqondile ekuboneni kwabo!

22Wo kubona abangamaqhawe ngokuphuza iwayini

namadoda anamandla ngokuxubanisa uphuzo olunamandla,

23abathetha ababi ngenxa yemivuzo,

basuse ukulunga kwabalungileyo!

24Ngalokho njengolimi lomlilo ludla amabibi,

nezikhotha ezomileyo zizika elangabini,

impande yabo iyakuba njengokubola,

nembali yabo iyakuthuquka njengebhuqu,

ngokuba balahlile umthetho kaJehova Sebawoti,

balidelela izwi loNgcwele ka-Israyeli.

25Ngalokho intukuthelo kaJehova iyavuthela isizwe sakhe;

welulela isandla sakhe kuso, uyasishaya;

izintaba ziyathuthumela,

nezidumbu zabo ziyimfucumfucu

phakathi ezitaladini;

kukho konke lokhu intukuthelo yakhe ayibuyi,

isandla sakhe siseluliwe.

26Uyakuphakamisela isizwe esikude ibhandela,*

asihlabele ikhwelo ekugcineni komhlaba;

bheka, uyeza masinyane ngejubane.

27Akakho oyakukhathala,

akhubeke kuso;

akakho oyakozela, alale;

ibhande* lezinkalo zabo aliyikuthukuluka,

nomchilo wezicathulo zabo awuyikugqabuka,

28bona abamicibisholo yabo ibukhali,

nayo yonke iminsalo yabo insaliwe;

izinyawo zamahhashi abo ziyakubalwa njengensengetsha,

namasondo abo njengesivunguvungu.

29Ukubhonga kwabo kunjengokwengonyamakazi,

bayakubhonga njengamabhongo ebhubesi,

yebo, bayakugwavuma,

babambe impango yabo,

bamuke nayo, kungekho oyophulayo.

30Bayakugwavuma phezu kwabo ngalolo suku

njengokuduma kolwandle;

uma umuntu ebuka umhlaba,

bheka, naso isigayegaye sobumnyama,

nokukhanya kwenziwe mnyama ngamafu awo.

Ihubo 148

Izulu nomhlaba makudumise uJehova

1Haleluya!

Dumisani uJehova ezulwini,

nimdumise kweliphezulu.

2Mdumiseni nina zingelosi zakhe zonke,

nimdumise nina mabandla akhe onke.

3Mdumiseni nina langa nenyanga,

nimdumise nina zinkanyezi zonke ezikhanyayo.

4Mdumiseni nina mazulu amazulu,

nina manzi aphezu kwezulu.

5Makuthathe kudumise igama likaJehova,

ngokuba wayaleza, kwadaleka.

6Futhi wakumisa kuze kube phakade;

washaya umthetho ongenakweqiwa.

7Mdumiseni uJehova emhlabeni

nina mikhomo nezintwa zonke,

8nawe mlilo nesichotho,

liqhwa nenkwezane,

nawe siphepho esenza okwezwi lakhe,

9nani zintaba namagquma onke,

nani mithi ethelayo nayo yonke imisedari,*

10nani zilwane nezinkomo zonke,

nani eninwabuzelayo nezinyoni ezindizayo,

11nani makhosi omhlaba nabantu bonke,

nani zikhulu nabahluleli bonke bomhlaba,

12nani zinsizwa nezintombi,

nani maxhegu nabafana.

13Mabadumise igama likaJehova,

ngokuba ngelakhe igama lodwa eliphakeme;

inkazimulo yakhe iphezu komhlaba nezulu.

14Usephakamisile uphondo lwabantu bakhe;

ngalokho bayamdumisa abangcwele bakhe,

abantwana bakwa-Israyeli,

abantu abaseduze naye.

Haleluya!

IzEnzo 8

USawulu uzingela amakholwa

1Kepha uSawulu wayevumelene nabo ngokubulawa kwakhe.

Ngalolo suku kwavela ukuzingelwa okukhulu kwebandla laseJerusalema; bahlakazeka bonke emazweni aseJudiya naseSamariya; kwasala abaphostoli bodwa. 2Amadoda akholwayo ammbela uStefanu, amkhalela isililo esikhulu. 3Kepha uSawulu walichitha ibandla, engena ezindlini ngezindlu, ehudula abesilisa nabesifazane, wabafaka etilongweni.

UFiliphu ushumayela eSamariya

4Abahlakazekileyo base behamba, beshumayela izwi levangeli. 5UFiliphu wehlela emzini waseSamariya, wabashumayeza uKristu. 6Izixuku zalalela nganhliziyonye okwakhulunywa nguFiliphu, zizwa, zibona izibonakaliso azenzayo. 7Ngokuba kwaphuma omoya abangcolileyo kwabaningi abakhwelwa yibo, bememeza ngezwi elikhulu; nabaningi abafe uhlangothi nabayizinyonga baphulukiswa; 8kwaba khona ukuthokoza okukhulu kulowo muzi.

USimoni oyisanusi

9Kepha kwakukhona indoda ethile, nguSimoni igama layo, eyayikade yenza imilingo kulowo muzi, isimangalisa isizwe saseSamariya, izishaya umuntu omkhulu; 10banamathela kuye bonke kusukela kwabancinyane kuze kube kwabakhulu, bethi: “Lo ungamandla kaNkulunkulu abizwa ngokuthi Makhulu,” 11babenamathela kuye, ngokuba ebamangalisile isikhathi eside ngemilingo yakhe. 12Kepha bathi ukuba bakholwe nguFiliphu eshumayela ivangeli ngombuso kaNkulunkulu nangegama likaJesu Kristu, babhapathizwa abesilisa nabesifazane. 13Naye uSimoni wakholwa; wathi esebhapathiziwe, wanamathela kuFiliphu, wamangala ebona izibonakaliso nemisebenzi emikhulu yamandla eyenziwayo.

14Kwathi ukuba abaphostoli baseJerusalema bezwe ukuthi iSamariya lilamukele izwi likaNkulunkulu, bathumela kubo oPetru noJohane; 15sebehlele khona babakhulekela ukuba bamukele uMoya oNgcwele, 16ngokuba wayengakehleli nakoyedwa kubo; kodwa babesabhapathiziwe egameni leNkosi uJesu kuphela. 17Khona babeka izandla phezu kwabo; base bamukela-ke uMoya oNgcwele.

18Kepha uSimoni, ebonile ukuthi ngokubekwa kwezandla zabaphostoli uyaphiwa uMoya, waletha imali kubo, 19wathi: “Ngipheni nami lawo mandla, ukuze yilowo nalowo engibeka izandla phezu kwakhe amukele uMoya oNgcwele.”

20Kepha uPetru wathi kuye: “Isiliva lakho malibhubhe kanye nawe, ngokuba uthi isipho sikaNkulunkulu singathengwa ngemali. 21Awunasabelo nalifa kuleli zwi, ngokuba inhliziyo yakho ayilungile phambi kukaNkulunkulu. 22Ngakho-ke phenduka kulobu bubi bakho, unxuse eNkosini, ingabe ungathethelelwa yini isizindlo senhliziyo yakho, 23ngokuba ngiyabona ukuthi usenyongweni ebabayo nasekuboshweni kokubi.”

24USimoni wayesephendula ethi: “Nginxuseleni nina eNkosini, ukuze kungehleli lutho kimi lwalokho enikushiloyo.”

25Kuthe sebefakazile, belikhulumile izwi leNkosi, babuyela eJerusalema, bashumayela ivangeli emizaneni eminingi yabaseSamariya.

Ukuphenduka kwenduna yase-Etiyopiya

26Kepha ingelosi yeNkosi yakhuluma kuFiliphu, yathi: “Suka uye ngaseningizimu endleleni ephuma eJerusalema ehlela eGaza; yona iyihlane.” 27Wayesesuka wahamba. Bheka, nansi indoda yase-Etiyopiya, umthenwa, isikhulu sikaKhandakhe inkosikazi yase-Etiyopiya, ebiphezu kwengcebo yayo yonke, ebifikile eJerusalema izakukhuleka; 28ibisibuya, ihlezi enqoleni yayo, ifunda umprofethi u-Isaya. 29UMoya wathi kuFiliphu: “Sondela, unamathele kuleyo nqola.”

30UFiliphu wayesegijimela kuyo, wayizwa ifunda umprofethi u-Isaya, wathi: “Uyakuqonda kambe lokhu okufundayo na?”

31Yona yathi: “Ngingakwazi kanjani, uma kungekho ongiholayo na?” Yamnxusa uFiliphu ukuba akhwele ahlale nayo.

32Kepha isahlukwana sombhalo ebisifunda yilesi esithi:

“Wayiswa ekuhlatshweni njengemvu;

njengewundlu elithule phambi komgundi walo

kanjalo kawuvulanga umlomo wakhe.

33Ekuthobeleni kwakhe

ukwahlulelwa kwakhe kwasuswa.

Ngubani ongalanda ngesizukulwane sakhe na?

Ngokuba ukuphila kwakhe kuyasuswa emhlabeni.”

34Kepha umthenwa wathatha wathi kuFiliphu: “Ngiyacela, umprofethi ukhuluma lokho ngobani na? Uzisho yena noma omunye na?” 35UFiliphu wavula umlomo wakhe, eqala kulowo mbhalo washumayela ivangeli ngoJesu.

36Kwathi besahamba endleleni, bafika emanzini. Umthenwa wathi: “Bheka, nanka amanzi; kwalani ukuba ngibhapathizwe na?” 37UFiliphu wathi kuye: “Uma ukholwa ngenhliziyo yonke, kungenziwa.”

Waphendula wathi: “Ngiyakholwa ukuthi uJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu.” 38Wayala ukuba inqola ime. Behlela emanzini bobabili, uFiliphu nomthenwa; wambhapathiza. 39Kwathi sebekhuphukile emanzini, uMoya weNkosi wamhlwitha uFiliphu, umthenwa akabe esambona, kodwa wahamba ngendlela yakhe ethokoza. 40Kepha uFiliphu wafunyanwa e-Azotu, wahamba eshumayela ivangeli kuyo yonke imizi, waze wafika eKesariya.

NgokukaJohane 1

UbuNkulunkulu nobuntu nomsebenzi kaJesu Kristu

1Ekuqaleni wayekhona uLizwi, uLizwi wayekuNkulunkulu, uLizwi wayenguNkulunkulu. 2Yena lowo wayekhona ekuqaleni kuNkulunkulu.

3Konke kwavela ngaye; ngaphandle kwakhe akuvelanga lutho kukho konke okuvelileyo. 4Ukuphila kwakukuye, ukuphila kwakungukukhanya kwabantu; 5ukukhanya kukhanya ebumnyameni, kepha ubumnyama abukwamukelanga.

6Kwavela umuntu ethunyiwe nguNkulunkulu, igama lakhe linguJohane. 7Lowo wezela ubufakazi ukuba afakaze ngokukhanya, ukuze bonke bakholwe ngaye. 8Yena wayengesikho ukukhanya, kepha wayengozofakaza ngokukhanya. 9Kwakungukukhanya okuqinisileyo okukhanyisa wonke umuntu, okwase kuza ezweni.

10Wayekhona ezweni, izwe lavela ngaye; kepha izwe alimazanga. 11Weza kokwakhe, abakhe abamamukelanga. 12Kepha bonke abamamukelayo wabapha amandla okuba babe ngabantwana bakaNkulunkulu, labo abakholwa egameni lakhe, 13abangazalwanga ngagazi, nantando yenyama, nantando yendoda, kodwa bazalwa nguNkulunkulu.

14ULizwi waba yinyama, wakha phakathi kwethu, sabona inkazimulo yakhe, inkazimulo njengeyozelwe yedwa kuYise, egcwele umusa neqiniso.

15UJohane wafakaza ngaye, wamemeza wathi: “Nguyena lo ebengisho ngaye ukuthi: ‘Lowo ozayo emva kwami uvelile ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ ” 16Ngokuba ekugcwaleni kwakhe samukele sonke umusa phezu komusa. 17Ngokuba umthetho wanikezwa ngoMose, umusa neqiniso kwavela ngoJesu Kristu. 18Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

Ubufakazi bukaJohane

19Lokhu kungubufakazi bukaJohane mhla abaJuda bethuma abapristi namaLevi bephuma eJerusalema ukuba bambuze ukuthi: “Wena ungubani na?” 20Wavuma, kaphikanga, wavuma wathi: “Angisiye uKristu mina.”

21Bambuza bathi: “Uyini pho? Ungu-Eliya na?”

Wathi: “Angisiye.”

“UngumProfethi na?”

Waphendula wathi: “Qha.”

22Base bethi kuye: “Ungubani na? ukuze sibaphendule abasithumileyo; uzisho ukuthi ungubani na?”

23Wathi: “Ngiyizwi lomemeza ehlane, ethi: ‘Lungisani indlela yeNkosi,’ ” njengalokho washo u-Isaya umprofethi.

24Labo ababethunyiwe babevela kubaFarisi. 25Bambuza-ke, bathi kuye: “Pho, ubhapathizelani, uma ungesiye uKristu, no-Eliya, nomProfethi, na?”

26UJohane wabaphendula wathi: “Mina ngibhapathiza ngamanzi; umi phakathi kwenu eningamaziyo: 27yena ozayo emva kwami, omchilo wesicathulo sakhe ngingafanele ukuwuthukulula.”

28Lokho kwenzeka eBethabara ngaphesheya kweJordani, lapho uJohane wayebhapathiza khona.

29Ngangomuso wabona uJesu eza kuye, wathi: “Bheka, iWundlu likaNkulunkulu elisusa izono zezwe. 30Nguye ebengisho ngaye, ngithi: ‘Emva kwami kuza umuntu owavela ngaphambi kwami, ngokuba wayekhona kuqala kunami.’ 31Nami bengingamazi; kodwa ukuze abonakaliswe ku-Israyeli, ngalokho ngizile ngibhapathiza ngamanzi.”

32UJohane wafakaza wathi: “Ngibonile uMoya ehla ezulwini njengejuba, wahlala phezu kwakhe. 33Nami bengingamazi, kodwa owangithuma ukubhapathiza ngamanzi wathi kimi: ‘Lowo oyakubona uMoya ehla ahlale phezu kwakhe, nguyena obhapathiza ngoMoya oNgcwele.’ 34Mina ngibonile, ngafakaza ukuthi: Lo uyiNdodana kaNkulunkulu.”

Abafundi bokuqala

35Ngangomuso futhi wayemi uJohane nababili kubafundi bakhe. 36Ebona uJesu ehamba, wathi: “Bheka, nanto iWundlu likaNkulunkulu.”

37Abafundi ababili bezwa ekhuluma, bamlandela uJesu. 38Khona uJesu waphenduka, wababona belandela, wathi kubo: “Nifunani na?”

Bathi kuye: “Rabi,” okungukuthi ngokuhunyushwa: Mfundisi, “uhlalaphi na?”

39Wathi kubo: “Wozani nibone.” Ngakho-ke beza babona lapho ehlala khona; bahlala naye ngalolo suku; kwakungaba yihora leshumi.

40Omunye walabo ababili abamuzwa uJohane balandela uJesu wayengu-Andreya umfowabo kaSimoni Petru; 41yena wafumana kuqala umfowabo uSimoni, wathi kuye: “Simfumene uMesiya,” okungukuthi ngokuhunyushwa uKristu.

42Wamyisa kuJesu; uJesu wambheka wathi: “Wena unguSimoni kaJona; uzakubizwa ngokuthi uKhefase,” okuhunyushwa ngokuthi uPetru.

43Ngangomuso wayefuna ukuya eGalile, wafumana uFiliphu; uJesu wathi kuye: “Ngilandele.”

44UFiliphu wayengowaseBetsayida, umuzi ka-Andreya noPetru. 45UFiliphu wafumana uNathanayeli, wathi kuye: “Simfumene lowo aloba ngaye emthethweni uMose kanye nabaprofethi, uJesu waseNazaretha, indodana kaJosefa.”

46UNathanayeli wathi kuye: “Kungase kuvele okuhle eNazaretha na?”

UFiliphu wathi kuye: “Woza ubone.”

47UJesu wabona uNathanayeli eza kuye, wathi ngaye: “Bheka, umIsrayeli uqobo okungekho nkohliso kuye.”

48UNathanayeli wathi kuye: “Ungazelaphi na?”

UJesu waphendula, wathi kuye: “Ungakabizwa nguFiliphu, uphansi komkhiwane, ngakubona.”

49UNathanayeli wamphendula wathi: “Rabi, uyiNdodana kaNkulunkulu, uyiNkosi ka-Israyeli.”

50UJesu waphendula, wathi kuye: “Ukholwa ngokuba ngithe kuwe ngakubona uphansi komkhiwane na? Uzakubona okukhulu kunalokho.” 51Wathi kuye: “Ngiqinisile, ngiqinisile ngithi kini: Nizakubona izulu livuliwe nezingelosi zikaNkulunkulu zenyuka, zehla phezu kweNdodana yomuntu.”

NgokukaJohane 1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU