Bible Society of South Africa

To The Word – Day 98

Isaiah 29–32, Matthew 4

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

U-Isaya 29

Ukuwa nokuvuswa kwe-Ariyeli

1Wo kuwe Ariyeli,* Ariyeli,

umuzi lapho amisa khona uDavide.

Yengezelani umnyaka emnyakeni,

imikhosi iyingilize,

2ngize ngilicindezele i-Ariyeli,*

kube khona ukukhala nokububula,

libe njenge-Ariyeli kimi.

3Ngiyakumisa, ngikuhaqe nxazonke zakho,

ngikuvimbezele ngezinqaba,

ngikumisele izindonga.

4Uyakubhidlizelwa phansi,

ukhulume usemhlabathini;

ukukhuluma kwakho kuyakuthotshiselwa phansi,

kuphume othulini,

izwi lakho libe njengelonedlozi livela emhlabathini,

ukukhuluma kwakho kubethe imilozi othulini.

5Kodwa isixuku sezitha zakho

siyakuba njengebhuqu elicolekileyo,

noquqaba lwabacindezeli njengamakhoba adlulayo,

yebo, kuyakwenzakala ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

6Uyakuhanjelwa nguJehova Sebawoti ngokuduma nangokuzamazama,

nangomsindo omkhulu, nangesivunguvungu, nangesiphepho,

nangelangabi lomlilo oqothulayo.

7Isixuku sezizwe zonke ezisukela i-Ariyeli,*

ezisukela lona kanye nenqaba yalo, nezilicindezelayo,

siyakuba njengephupho nombono wasebusuku.

8Kuyakuba njengolambileyo ephupha ukuthi uyadla,

kepha evuka usenephango,

noma njengowomileyo ephupha ukuthi uyaphuza,

kepha evuka uyethile, womile;

siyakuba njalo isixuku sezizwe zonke

ezisukela intaba yaseSiyoni.

Ubumpumputhe bokomoya

9Zimangaliseni, nimangale;

ziphuphuthiseni, niphuphutheke;

badakiwe, kepha kungengewayini,

bayatengezela, kodwa kungengaphuzo olunamandla.

10Ngokuba uJehova uthulule phezu kwenu

umoya wobuthongo obunzima;

uwavalile amehlo enu,

usibekele abaprofethi benu nezinhloko zenu ababoni.

11Umbono wakho konke lokho wawusuba kini njengamazwi encwadi enamathelisiweyo enikwa owazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angikwazi, ngokuba inamathelisiwe,” 12incwadi bese yinikwa ongayazi incwadi ngokuthi: “Ake ufunde lokhu,” abesethi yena: “Angiyazi incwadi.”

13Yathi iNkosi:

“Ngenxa yokuba laba bantu besondela,

bangidumise ngemilomo yabo nangezindebe zabo,

kodwa bazidedisele kude nami izinhliziyo zabo,

nokungesaba kwabo kungumyalo wabantu abawufundisiweyo nje,

14ngalokho ngiyakubuye

ngenzele laba bantu izenzo ezimangalisayo,

izimangaliso impela;

ukuhlakanipha kwabahlakaniphileyo babo kuyakuphela,

nokuqonda kwabaqondileyo babo kuyakusitheka.”

15Wo kubona abajula ukuba basithezele uJehova isu labo,

abamisebenzi yabo isebumnyameni,

nabasho ukuthi: “Ngubani osibonayo,

ngubani osaziyo, na?”

16O ukuphendukezela kwenu!

Ibumba liyakulinganiswa nombumbi yini,

ukuze okwenziweyo kusho ngokwenzileyo ukuthi:

“Yena akangenzanga,” na?

noma okubunjiweyo kusho ngokubumbileyo ukuthi:

“Akanakuqonda,” na?

17Akuseyisikhashana nje

iLebanoni lize liphenduke insimu,

nensimu ithiwe ihlathi, na?

18Ngalolo suku izithulu ziyakuzwa amazwi encwadi,

namehlo ezimpumputhe ayakubona,

engasenakufiphala ngesigayegaye nabumnyama.

19Abathobekileyo bayakwandisa intokozo yabo kuJehova,

nabampofu kubantu bayakujabula koNgcwele ka-Israyeli.

20Ngokuba umcindezeli akasayikuba khona,

nesideleli siyakube singasekho,

nabo bonke abazulumba ububi bayakube beqothuliwe,

21ababemtholisa umuntu icala ngezwi nje,

bambekela ugibe yena owathetha amacala esangweni,

bachezukisa olungileyo ngento engelutho.

22Ngalokho ngendlu kaJakobe usho kanje uJehova owamhlenga u-Abrahama, uthi:

“UJakobe akasayikuba namahloni,

nobuso bakhe abusayikuphaphatheka.

23Ngokuba lapho ebona abantwana bakhe,

umsebenzi wezandla zami phakathi kwakhe,

bayakungcwelisa igama lami,

yebo, bayakungcwelisa oNgcwele kaJakobe,

bamesabe uNkulunkulu ka-Israyeli.

24Abaduka emoyeni bayakwazi, baqonde,

nabakhononayo bayakufunda, bakwamukele.”

U-Isaya 29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 30

Izwi lokumelana nesivumelwano neGibithe

1“Wo kubantwana abahlubukileyo,” usho uJehova,

“abenza iziluleko,

kungengezami nokho,

nabenza isivumelwano,

kungengesomoya wami kodwa,

ukuze bengeze isono esonweni,

2abahamba ukuba behlele eGibithe,

bengacelanga emlonyeni wami,

baziqinise emandleni kaFaro,

baphephele emthunzini waseGibithe!

3Ngalokho amandla kaFaro

ayakuba ngamahloni kini,

ukuphephela kwenu emthunzini waseGibithe

kube ngukudumala kini.

4Ngokuba noma izikhulu zakhe ziseSowani,

nezithunywa zakhe zifinyelela eHanesi,

5bonke bayakuba namahloni ngabantu abangenakubasiza,

abangenansizakalo nanzuzo,

kepha bengamahloni nehlazo kuphela.”

6Isiprofetho ngezilwane zaseNingizimu.

Badabula izwe losizi nelokuhlupheka,

lapha kuvela khona ibhubesi nebhubesikazi,

ibululu nenyoka endizayo,

bethwala imfuyo yabo emihlane yezimbongolo

nengcebo yabo phezu kwamalunda amakamela

bakuyise kubantu abangenansizakalo.

7IGibithe lisiza ngeze nangento engelutho;

ngalokho ngilibize ngokuthi iRahabi elihlezi lithule.

8Manje hamba ukulobe phambi kwabo esibhebheni,

ukubhale encwadini

ukuba kube ngubufakazi besikhathi esizayo

kuze kube phakade.

9Bangabantwana abahlubukileyo,

abantwana abaqamba amanga,

abantwana abangathandi ukuzwa umthetho kaJehova,

10abathi kubaboni: “Ningabe nisabona,”

nakubaprofethi: “Ningasiprofetheli okuqinisileyo,

kepha khulumani kithina okuthophayo,

niprofethe inkohliso;

11phambukani endleleni,

nichezuke emkhondweni,

nimdedisele kithi oNgcwele ka-Israyeli.”

12Ngalokho usho kanje oNgcwele ka-Israyeli, uthi:

“Njengokuba nilidelela leli zwi,

nethemba kukho ukucindezela nakukho okuphambeneyo,

nencike kukho,

13ngalokho lobu bubi

buyakuba njengokomfantu lapho sekuzakuwa,

kuvokomele ogangeni oluphakemeyo,

ukudilika kwalo kufike ngokuzumayo ngokuphazima kweso.

14Luyabhidlizwa njengokuphahlazwa kwesitsha sombumbi,

esichotshozwa singahawukelwa,

kungabe kusatholakala phakathi kwezihlephu

nodengezi lokuthatha umlilo eziko,

nolokucakula amanzi emgodini.”

15Ngokuba yasho njalo iNkosi uJehova, oNgcwele ka-Israyeli, yathi:

“Niyakusindiswa ngokuphenduka nangokuphumula,

amandla enu abe ngukuthula nangokwethemba;

kepha anithandanga.

16Kodwa nasho nathi: ‘Qha, siyakubaleka ngamahhashi,’

ngalokho niyakubaleka:

‘Sikhwele anejubane,’

ngalokho abanixoshayo bayakuba nejubane.

17Inkulungwane iyakubaleka ngokusongela koyedwa;

ngokusongela kwaba yisihlanu niyakubaleka,

nize nishiywe njengensika esiqongweni sentaba

nanjengebhanela* phezu kwegquma.”

18Ngalokho uJehova uyakulindela

ukuba abe nomusa kini;

nangalokhu uyakuphakama ukuba abe nesihe kini,

ngokuba uJehova unguNkulunkulu wokwahlulela;

babusisiwe bonke abamhlalelayo.

Isithembiso sikaNkulunkulu

19Ngokuba wena sizwe esakhe eSiyoni eJerusalema ungabe usakhala nokukhala; uyakuba nomusa impela kuwe ngezwi lokudazuluka kwakho; lapho elizwa, uyakuphendula. 20Noma iNkosi iyakukunika isinkwa sosizi namanzi okuhlupheka, abafundisi bakho abasayikucasha, kodwa amehlo akho ayakubabona abafundisi bakho, 21nezindlebe zakho ziyakuzwa izwi emva kwakho, lithi: “Nansi indlela; hambani ngayo,” noma niphambuka ngakwesokunene, noma niphambuka ngakwesokhohlo. 22Niyakujivaza okunamekiweyo kwezithombe zenu ezibaziweyo zesiliva nesimbozo sezithombe zenu ezibunjiweyo zegolide; uyakuzihlakaza njengokungcolileyo, uthi kukho: “Suka lapha.”

23Uyakunika imbewu yakho oyakuyihlwanyela emhlabathini imvula, aveze nesinkwa ezithelweni zomhlabathi oyakuvunda, uthele kakhulu; ngalolo suku izinkomo zakho ziyakuklaba emadlelweni abanzi. 24Izinkabi nezimbongolo ezilima umhlabathi ziyakudla ukudla okuyolisiweyo, okweliweyo ngefosholo nangembenge. 25Kuzo zonke izintaba eziphakemeyo nakuwo onke amagquma amade kuyakuba khona imifula nemifudlana yamanzi ngosuku lokuhlaba okukhulu, lapho kuyakuwa imibhoshongo. 26Futhi ukukhanya kwenyanga kuyakuba njengokukhanya kwelanga, nokukhanya kwelanga kuyakuphindwa kasikhombisa njengokukhanya kwezimini eziyisikhombisa ngosuku uJehova abopha ngalo amanxeba abantu bakhe, aphulukise izilonda zemivimbo yabo.

Ukunqotshwa kwe-Asiriya

27Bheka, igama likaJehova livela kude,

livutha ngolaka lwakhe,

linzima ngamafu;

izindebe zakhe zigcwele intukuthelo,

nolimi lwakhe lunjengomlilo oqothulayo;

28ukuphefumula kwakhe kunjengomfula okhukhulayo,

uze ufinyelele entanyeni,

ukuhlunga izizwe ngesihlungo sokubhubhisa;

itomu elidukisayo liyakuba semihlathini yezizwe.

29Niyakuhlabelela njengasebusuku

lapho kugujwa umkhosi,

nithokoze ngenhliziyo njengalokhu kuhanjwa ngemitshingo

kuyiwe entabeni kaJehova kulo iDwala lika-Israyeli.

30UJehova uyakulizwakalisa izwi lakhe elidumileyo,

abonakalise ukwehla kwengalo yakhe

ngokuvutha kolaka lwakhe,

nangelangabi lomlilo oqothulayo,

ngesivunguvungu, nangesiphepho, nangesichotho.

31Ngokuba ngezwi likaJehova i-Asiriya

liyakushaywa luvalo,

lapho elishaya ngenduku.

32Kuyakuthi njalo lapho induku enqunyiweyo idlula,

uJehova ayibeka phezu kwalo,

kube ngezigubhu nangamahabhu,*

alwe nalo ngengalo enikiniweyo.

33Indawo yokushisela kade yahlelwa,

yebo, yalungiselwa nenkosi;

uyenze yajula, yaba banzi;

igoqo layo lingumlilo nezinkuni eziningi,

nokuphefumula kukaJehova kunjengomfula wesibabule;

kuyayokhela.

U-Isaya 30ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 31

Ubuze beGibithe

1Wo kubona abehlela eGibithe

ukuba basizwe khona,

bencike emahhashini, bethemba ezinqoleni,

ngokuba ziningi,

nakubo abamahhashi,

ngokuba benamandla;

kepha ababheki koNgcwele ka-Israyeli,

noJehova abamfuni.

2Nokho naye uhlakaniphile,

uyakuletha okubi;

akayikubuyisa amazwi akhe,

kepha uyakuvukela indlu yababi

nosizo lwabenza okubi.

3AbaseGibithe bangabantu,

abasiye uNkulunkulu,

amahhashi abo ayinyama,

awasiwo umoya,

nalapho uJehova eyakwelula isandla sakhe

uyakukhubeka naye osizayo,

kuwe naye osizwayo,

baphele bonke kanyekanye.

4Ngokuba usho kanje kimi uJehova, uthi:

“Njengengonyama ebhongayo,

ibhongo lengonyama phezu kwempango yalo,

lapho abelusi abaningi belibizelwe,

aliyikwesaba izwi labo,

lingazithobi ngomsindo wabo,

kanjalo uJehova Sebawoti uyakwehla

ukuba alwe entabeni yaseSiyoni nasegqumeni layo.

5Njengezinyoni ezindizayo

kanjalo uJehova, uJehova Sebawoti,

uyakulivikela iJerusalema;

uyakulivikela, alophule,

alidlule, alikhulule.”

6Buyelani kuye enimhlubukile ngokujulileyo kangako nina bantwana bakwa-Israyeli. 7Ngokuba ngalolo suku bayakulahla, kube yilowo nalowo izithombe zakhe zesiliva nezithombe zakhe zegolide, ezizenzile izandla zenu zaba yisono senu.

8“I-Asiriya liyakuwa ngenkemba,

kungengamuntu,

nenkemba engesiyo eyomuntu iyakuliqeda;

liyakubalekela usiko lwenkemba,

kepha izinsizwa zalo ziyakuba yizinceku zempoqo.

9Idwala lakhe liyakunyamalala ngovalo,

nezikhulu zalo ziyakuphela amandla ngebhanela,”*

usho uJehova omlilo wakhe useSiyoni,

nosithando sakhe siseJerusalema.

U-Isaya 31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

U-Isaya 32

Umbuso wokulunga

1Bheka, kuyakuba khona inkosi ebusa ngokulunga,

izikhulu zibuse ngokwahlulela.

2Umuntu uyakuba yindawo yokucashela umoya

nesivikelo esivunguvungwini

njengemifula yamanzi endaweni eyomileyo,

njengomthunzi wedwala ezweni eliyethileyo.

3Amehlo ababonayo awayikuphuphutheka;

izindlebe zabezwayo ziyakulalela.

4Inhliziyo yephulukundlu iyakuqonda,

ize ikwazi,

nolimi lwezingingingi luyakushesha lukhulume kahle.

5Isiwula asisayikubizwa ngokuthi sihloniphekile,

nomkhohlisi akasayikuthiwa inkosi.

6Ngokuba isiwula siyakukhuluma ubuwula,

nenhliziyo yaso iyakusebenza ububi,

yenze ukungamesabi uNkulunkulu,

ikhulume okuphambene noNkulunkulu,

yenze ukuba olambileyo abe nephango,

nowomileyo ukuba aswele uphuzo lwakhe.

7Izikhali zomkhohlisi zimbi;

uhlela amacebo amabi,

ukuze achithe izihlupheki ngamazwi amanga,

nalapho ompofu ekhuluma ngokufaneleyo.

8Onesizotha uceba okuzothileyo,

nangokuzotha kwakhe uyakuma.

9Vukani nina besifazane abazinzileyo,

nizwe izwi lami;

nina madodakazi azethembayo

nibeke indlebe ekukhulumeni kwami.

10Ezinsukwini ezidlula umnyaka niyakuhlushwa

nina besifazane abazethembayo,

ngokuba ukuvuna kwemivini kuyakuphela,

nokubutha akuyikufika.

11Qhaqhazelani nina besifazane abazinzileyo,

nihlupheke nina enizethembayo;

khumulani nizenze nqunu,

nibhince indwangu yamasaka ezinkalweni zenu.

12Zishayeni esifubeni

ngenxa yamasimu amahle nemivini ethelayo.

13Emhlabathini wabantu bami

kuyakumila amakhakhasi nameva,

yebo, kuzo zonke izindlu zokujabula emzini ojabulayo,

14ngokuba izindlu zamakhosi zilahliwe,

nomuzi onabantu abaningi ushiyiwe;

igquma nombhoshongo kuyakuba yimihume kuze kube phakade,

nenjabulo yezimbongolo zasendle,

nedlelo lemihlambi,

15uMoya aze athululwe phezu kwethu evela phezulu,

nehlane liphenduke insimu,

nensimu ithiwe ihlathi.

16Ukwahlulela kuyakwakha ehlane,

ukulunga kuhlale ensimini.

17Umsebenzi wokulunga uyakuba ngukuthula,

impumelelo yokulunga ibe ngukulondeka kuze kube phakade.

18Abantu bami bayakuhlala ematendeni okuthula,

nasezindlini ezilondekayo,

nasezindaweni zokuphumula ezinokuthula.

19Liyakuwisa isichotho, lize liwe ihlathi,

nomuzi uyakuthotshiswa nokuthotshiswa.

20Nibusisiwe nina enitshala ngasemanzini onke;

nikhulula izinyawo zezinkabi nezezimbongolo.

U-Isaya 32ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 4

Ukulingwa kukaJesu

(Mark. 1:12; Luk. 4:1)

1Khona uJesu waholelwa nguMoya ehlane ukuba alingwe nguSathane. 2Esezilile ukudla izinsuku ezingamashumi amane nobusuku obungamashumi amane, wagcina walamba. 3Kwafika umlingi, wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, yisho ukuba lawa matshe abe yizinkwa.”

4Kepha waphendula wathi: “Kulotshiwe ukuthi: ‘Akusinkwa sodwa umuntu ayakuphila ngaso kodwa ngamazwi onke aphuma emlonyeni kaNkulunkulu.’ ”

5Khona uSathane wamthatha, wamyisa emzini ongcwele, wammisa esiqongweni sethempeli, 6wathi kuye: “Uma uyiNdodana kaNkulunkulu, ziphonse phansi; ngokuba kulotshiwe ukuthi:

“ ‘Uyakuyaleza izingelosi zakhe ngawe,

zikuthwale ngezandla,

ungaze waqhuzuka etsheni ngonyawo lwakho.’ ”

7UJesu wathi kuye: “Kulotshiwe futhi ukuthi: ‘Ungayilingi iNkosi uNkulunkulu wakho.’ ”

8USathane wabuye wamyisa entabeni ende kakhulu, wamkhombisa imibuso yonke yezwe nenkazimulo yayo; 9wathi kuye: “Konke lokhu ngizakukunika khona, uma uziwisa phansi, ukhuleke kimi.”

10Khona uJesu wathi kuye: “Suka, Sathane, ngokuba kulotshiwe ukuthi: ‘Wokhuleka eNkosini uNkulunkulu wakho, umkhonze yena yedwa.’ ”

11USathane wayesemshiya; bheka, kwafika izingelosi, zamkhonza.

UJesu uqala ukusebenza eGalile.Ukubizwa kwabafundi

(Mark. 1:14; Luk. 5:1)

12Kuthe esezwile ukuthi uJohane uboshiwe, wamuka waya eGalile. 13Wasuka eNazaretha, weza wahlala eKapernawume elingaselwandle emikhawulweni yakwaZabuloni neyakwaNafetali 14ukuba kugcwaliseke okwakhulunywa ngo-Isaya umprofethi ukuthi:

15“Izwe lakwaZabuloni nezwe lakwaNafetali

ngaselwandle ngaphesheya kweJordani,

iGalile labezizwe,

16isizwe esasihlezi ebumnyameni

sibonile ukukhanya okukhulu,

nababehlezi ezweni nasethunzini lokufa

kuphumele kubo ukukhanya.”

17Kusukela kuleso sikhathi uJesu waqala ukushumayela nokusho ukuthi: “Phendukani, ngokuba umbuso wezulu ususondele.”

18UJesu ehamba ngaselwandle lwaseGalile wabona izelamani ezimbili, uSimoni othiwa uPetru no-Andreya umfowabo, bephonsa inetha elwandle; ngokuba babe ngabadobi. 19Wayesethi kubo: “Ngilandeleni; ngiyakunenza nibe ngabadobi babantu.” 20Base bewashiya masinyane amanetha, bamlandela.

21Esedlulela phambili wabona ezinye izelamani ezimbili, uJakobe kaZebedewu, noJohane umfowabo, besemkhunjini kanye noZebedewu uyise, belungisa amanetha abo; wababiza. 22Base beshiya masinyane umkhumbi noyise, bamlandela.

23UJesu walihamba lonke elaseGalile efundisa emasinagogeni* abo, eshumayela ivangeli lombuso, ephulukisa abantu ezifweni zonke nasebuthakathakeni bonke. 24Udumo lwakhe lwezwakala ezweni lonke laseSiriya; baletha kuye bonke abagulayo abaphethwe yizifo ngezifo nobuhlungu, nabakhwelwe ngamademoni, nabanesithuthwane, nabafe uhlangothi, wabaphulukisa. 25Izixuku eziningi zamlandela zivela eGalile, naseDekapholi, naseJerusalema, naseJudiya, nangaphesheya kweJordani.

NgokukaMathewu 4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli
Bible Society of South Africav.4.25.3
SITHOLE KU