Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 10

UKristu uyisipho esikhulu sika Nkulunkulu kubantu - Part 2
- UKristu uthatha isijeziso sezono zethu
- UNkulunkulu ukhipha isehlulelo sesono ngoKristu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseRoma 5

8kepha uNkulunkulu uyabonakalisa ukusithanda kwakhe ngalokhu ukuthi, siseyizoni, uKristu wasifela.

KwabaseRoma 5:8ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 6

23Ngokuba inkokhelo yesono ingukufa, kepha isipho somusa sikaNkulunkulu singukuphila okuphakade kuKristu Jesu iNkosi yethu.

KwabaseRoma 6:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kaPetru 3

18Ngokuba naye uKristu wahlupheka kwaba kanye ngezono, olungileyo ngenxa yabangalungile, ukuba asiyise kuNkulunkulu, ebulawa enyameni kepha ephiliswa emoyeni,

1 kaPetru 3:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Kwabase-Efesu 1

17ukuze uNkulunkulu weNkosi yethu uJesu Kristu, uYise wenkazimulo, aniphe umoya wokuhlakanipha nokwambulelwa ekumazini yena;

Kwabase-Efesu 1:17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseKolose 1

22nokho manje usebuyisene nani emzimbeni wenyama yayo ngokufa ukuba animise ningcwele, ningenasisihla nacala phambi kwakhe,

KwabaseKolose 1:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 6

9sazi ukuthi uKristu esevusiwe kwabafileyo akasafi, ukufa akusabusi phezu kwakhe. 10Ngokuba ukufa, afa ngakho, wakufa kanye nje ngenxa yesono; kepha ukuphila akuphilayo ukuphilela uNkulunkulu.

11Kanjalo nani manizisho ukuthi ningabafileyo maqondana nesono, kodwa niphilele uNkulunkulu kuKristu Jesu.

KwabaseRoma 6:9-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 8

11Uma-ke uMoya walowo owavusa uJesu kwabafileyo ehlala kini, yena owavusa uKristu Jesu kwabafileyo uyakuphilisa nemizimba yenu efayo ngaye uMoya wakhe ohlala kini.

KwabaseRoma 8:11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 6

14kepha uNkulunkulu wayivusa iNkosi, nathi uyakusivusa ngamandla akhe.

1 kwabaseKorinte 6:14ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

1 kwabaseKorinte 15

3Ngokuba okokuqala nganinika lokho engakwamukela nami ukuthi uKristu wafa ngenxa yezono zethu njengokwemibhalo, 4nokuthi wembelwa, nokuthi wavuswa kwabafileyo ngosuku lwesithathu njengokwemibhalo,

1 kwabaseKorinte 15:3-4ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

IzEnzo 17

31njengokuba umisile usuku azakwahlulela ngalo izwe ngokulunga ngomuntu ammisele lokho, enika bonke ithemba ngokumvusa kwabafileyo.”

IzEnzo 17:31ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 5

22Ngokuba noYise kahluleli muntu; ukunike iNdodana konke ukwahlulela

NgokukaJohane 5:22ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 5

27Uyiphile amandla okwahlulela, ngokuba iyiNdodana yomuntu.

28“Ningamangali ngalokho, ngokuba isikhathi siyeza, lapho bonke abasemathuneni beyakulizwa izwi layo, 29abenze ukulunga baphumele ekuvukeni kokuphila, abenze okubi ekuvukeni kokulahlwa.

NgokukaJohane 5:27-29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UNkulunkulu akakwazi ukubekezelela ukona ngoba yena uqobo akanasici. Isono kufanele sijeziswe kodwa uNkulunkulu wasithanda kangaka, wathumela iNdodana yakhe ukuba ifele izono zethu.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU