Umuntu uphila kanjani njenge sidalwa esisha? - Part 1 - Sizanani - Yiba yisibonelo kwabanye
24Akungabikho ozifunela okwakhe, kodwa akube yilowo nalowo afunele omunye.
32Ningakhubekisi nabaJuda, namaGreki, nabandla likaNkulunkulu, 33njengokuba nami ngithokozisa bonke ngakho konke, ngingafuni okungisiza mina kodwa okusiza abaningi, ukuze basindiswe.
21nithobelane ngokumesaba uKristu.
10thandanani ngenhliziyo ngothando lobuzalwane; ekwazisaneni nandulelane;
9Kepha masingakhathali ekwenzeni okuhle, ngokuba siyakuvuna ngesikhathi esifaneleyo, uma singadangali. 10Ngakho-ke njengokuba sinethuba, asenze okuhle kubo bonke, kepha ikakhulu kwabendlu yokukholwa.
5Hambani ngokuhlakanipha kubo abangaphandle, nithengisise isikhathi. 6Ukukhuluma kwenu makube nomusa njalo, kuyolisiwe ngosawoti, ukuze nazi enifanele ukubaphendula ngakho bonke abantu.
16Kanjalo makukhanye ukukhanya kwenu phambi kwabantu ukuba babone imisebenzi yenu emihle, badumise uYihlo osezulwini.
22Yibani ngabalenzayo izwi, ningabi ngabalizwayo kuphela, nizikhohlisa.
10Ngakho-ke, bazalwane, khuthalelani kakhulu ukwenza kuqiniseke ukubizwa nokukhethwa kwenu; ngokuba uma nenza lokho, anisoze nakhubeka.
18Bantwanyana, masingathandi ngezwi nangolimi, kodwa ngezenzo nangeqiniso.
19Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso; sizakuyithulisa inhliziyo yethu phambi kwakhe