Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 4

Nkulunkulu – uMdali onguMninimandla Onke - Part 4
- Umuntu uyamlahla uNkulunkulu

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseRoma 1

25baguqule iqiniso likaNkulunkulu, balenza amanga; bahlonipha, bakhonza okudaliweyo kunoMdali ongobongekayo kuze kube phakade. Amen.

KwabaseRoma 1:25ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KwabaseRoma 3

23ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu;

KwabaseRoma 3:23ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaMathewu 15

19Ngokuba enhliziyweni kuvela izizindlo ezimbi, ukubulala, ukuphinga, ubufebe, ukweba, ukufakaza amanga, ukuhlambalaza.

NgokukaMathewu 15:19ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Ihubo 14

Ubuwula nobubi babantu

Kumholi wokuhlabelela. ElikaDavide.

1Isiwula sithi enhliziyweni yaso:

“Akakho uNkulunkulu.”

Yonakele, iyanengeka imisebenzi yabo;

akakho owenza okuhle.

2UJehova uyabuka esezulwini abantwana babantu

ukucinga ukuba ukhona yini oqondayo,

ofuna uNkulunkulu.

3Baphambukile bonke,

bonakele bonke;

akakho owenza okuhle,

akakho noyedwa.

Ihubo 14:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

Impendulo yomuntu ngethemba uNkulunkulu alibeke kuye kwakuwukungamthobeli kanye nokulahla ukuhamba naye okunothando. Ngenxa yalokhu, isono saba khona emhlabeni. Ubufakazi bobunjalo besono somuntu buyamangaza.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU