Bible Society of South Africa

Ukuhlakanipha Okungunaphakade – Day 9

UKristu uyisipho esikhulu sika Nkulunkulu kubantu - Part 1
- UKristu unjengoBaba

Um(Imi)bhalo weBhayibheli

KwabaseKolose 1

15yona ingumfanekiso kaNkulunkulu ongenakubonwa, izibulo lezidalwa zonke,

KwabaseKolose 1:15ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 3

16“Ngokuba uNkulunkulu walithanda izwe kangaka, waze wanikela ngeNdodana yakhe ezelwe yodwa ukuba yilowo nalowo okholwa yiyo angabhubhi, kodwa abe nokuphila okuphakade. 17Ngokuba uNkulunkulu kayithumelanga iNdodana ezweni ukuba yahlulele izwe, kodwa ukuba izwe lisindiswe ngayo.

NgokukaJohane 3:16-17ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

KumaHeberu 1

UKristu mkhulu kunezingelosi zonke

1UNkulunkulu esekhulumile endulo kokhokho ngabaprofethi ngamathuba amaningi nangezindlela eziningi, 2ekugcineni kwale mihla ukhulume kithina ngeNdodana ayimise ibe yindlalifa yakho konke, owadala ngayo futhi izwe. 3Yona ethi ingukumenyezela kwenkazimulo yakhe, ifuze yena uqobo, iphasa konke ngezwi lamandla ayo, isiyenzile ukuhlanzwa kwezono, yahlala ngakwesokunene soMkhulu kweliphezulu,

KumaHeberu 1:1-3ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 1

18Akakho oke wabona uNkulunkulu; iNdodana ezelwe yodwa esesifubeni sikaYise yiyona embonakalisile.

NgokukaJohane 1:18ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 7

28Ngakho uJesu wamemeza efundisa ethempelini, wathi: “Niyangazi, niyazi futhi ukuthi ngivelaphi; mina-ke angizizelanga, kodwa ongithumileyo uqinisile, eningamaziyo nina. 29Ngiyamazi mina, ngokuba ngivela kuye, futhi nguye ongithumileyo.”

NgokukaJohane 7:28-29ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

Inkulumo yokuvalelisa kukaJesu

1“Inhliziyo yenu mayingakhathazeki. Kholwani nguNkulunkulu, nikholwe nayimi.

NgokukaJohane 14:1ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 14

8UFiliphu wathi kuye: “Nkosi, sikhombise uYihlo, kusanele.”

9UJesu wathi kuye: “Isikhathi esingaka nginani, awukangazi, Filiphu, na? Ongibonile mina ubonile uBaba; usho kanjani ukuthi: ‘Sikhombise uYihlo,’ na? 10Awukholwa ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi, na? Amazwi engiwakhulumayo mina kini angiwakhulumi ngokwami; kepha uBaba ohlezi kimi wenza imisebenzi yakhe. 11Kholwani yimi ukuthi ngikuBaba, noBaba ukimi; uma kungenjalo, kholwani ngenxa yale misebenzi.

NgokukaJohane 14:8-11ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

NgokukaJohane 17

2njengalokho uyiphile amandla phezu kwenyama yonke ukuba bonke oyiphe bona ibaphe ukuphila okuphakade.

NgokukaJohane 17:2ZUL59NOVula kumfundi weBhayibheli

UJesu Kristu uyiNdodana kaNkulunkulu futhi unguNkulunkulu yena uqobo. Ungukubonakaliswa kukaNkulunkulu uBaba emhlabeni.

Bible Society of South Africav.4.26.9
SITHOLE KU