Uma ukwesaba ukuhlukumezeka ekhaya kuhaqa impilo yakho … – Usuku 1
IBhayibheli alikukhuthazi futhi alikuvuni ukuhlukumeza
Um(Imi)bhalo weBhayibheli
NgokukaMathewu 20
1 kwabaseKorinte 7
1 kwabaseKorinte 3
UJesu weza emhlabeni ukuze akhulule abantu ebugqilini. UJesu uletha ukuziphatha okusha kubantu lapho yilowo nalowo ongowesilisa, ongowesifazane noyingane benelungelo lokuphathwa kahle nangobuntu.
“Njengalokho iNdodana yomuntu ingezelanga ukukhonzwa kepha ukukhonza nokunikela ukuphila kwayo, kube yisihlengo sabaningi.”
Nithengiwe ngenani elikhulu; ningabi yizigqila zabantu.
Anazi yini ukuthi niyithempeli likaNkulunkulu nokuthi uMoya kaNkulunkulu uhlala kini na? Uma umuntu echitha ithempeli likaNkulunkulu, uNkulunkulu uyakumchitha yena, ngokuba ithempeli likaNkulunkulu lingcwele; niyilo-ke nina.