Mayelana neBhayibheli
Ungubani umbhali weBhayibheli nokuthi labhalwa nini?
Izigidi zabantu abangamaKristu emhlabeni wonke jikelele zikholwa wukuthi iBhayibheli liyiZwi likaNkulunkulu. La maKristu athi alifunda njalo iBhayibheli, athi ayalifundisisa futhi athi yilona eliqondisa impilo yawo.
Ngalesi sihumusho esisha, amaKristu ngokwehlukana kwawo ngokweminyaka yobudala, ikakhulukazi intsha, ayanxuswa ukuba enze iBhayibheli libe yingxenye yempilo yawo ngokulifunda alifundisise. Lesi sihumusho sihlinzeka ulwazi oluhehayo nolufanele oluphindisela umfundi emibhalweni eNgcwele ngaso sonke isikhathi ukuze umuntu ofunda iBhayibheli akwazi ukusho ngokungangabazi ukuthi:
Enhliziyweni yami ngiyalonda izwi lakho, ukuze ngingoni kuwe. (AmaH. 119:11)
Ngaphandle kokubuyekeza kafushane indlela iBhayibheli elavela ngayo nendlela elahlanganiswa ngayo, ulwazi olwengeziwe lubuye luhlinzeke izindawo ezehlukahlukene lapho imibhalo eNgcwele inokusetshenziswa khona, ikakhulukazi ngenhloso yokugcina abafundi abasebasha besendleleni efanele.
Ungubani umbhali weBhayibheli?
IBhayibheli liyibhuku elimangalisayo elabhalwa esikhathini okungenani esiyiminyaka eyi-1 200. Labhalwa ngababhali abehlukahlukene okubalwa kubo abelusi kuya emakhosini kanye nabaprofethi abafana noMose, uDaniyeli no-Isaya. Laba babhali bahlanganisa izifundiswa ezifana no-Ezra, amakhosi afana noDavide noSolomoni kanye nabaphostoli bakaJesu Kristu abafana noPetru noPawulu. Ukuba baningi ngale ndlela kwababhali beBhayibheli, ababhala ngezindlela ezehlukene nasezimweni ezehlukene, kwenza umfundi “ezwe” iZwi likaNkulunkulu ngokwezimo ezehlukene. Isimangaliso seBhayibheli wukuthi zonke izincwadi zalo ezehlukehlukene ziqukethe umyalezo owodwa osemqoka kanye nomqondo owodwa wokuthi ungubani uNkulunkulu. IBhayibheli liyibhuku elesabekayo ngempela ngoba likhuluma nabantu bazo zonke izizukulwane nezizwe zonke ngokwehlukahlukana kweminyaka yazo yobudala.
Labhalwa nini iBhayibheli?
Emandulo lungakabi bikho uhlelo lokubhala (cishe enkulungwaneninyaka yesi-4 ingakafiki iNkosi) umlando wabantu bakaNkulunkulu wawedluliselwa ezizukulwaneni ezilandelayo ngomlomo ngobaba nomama, abaholi bomphakathi kanye nabaxoxi bezindaba. Ngokuhamba kwesikhathi lezi zindaba zazibhalwa ezibhebheni zebumba, ezikhunjeni ezisongwayo nasemaphepheni asongwayo. Ukuqoshwa nokubhalwa kabusha kwale mibhalo kwaqhubeka amakhulunyaka kwazise le mibhalo esongwayo yayibola ngokuhamba kwesikhathi. Empeleni amaHeberu ayekhathazeka kakhulu ngokulondeka kwemibhalo yawo kangangokuba agcina ngokubizwa “ngaBantu Bebhuku”.
Izincwadi zeThestamete Elidala zavela esikhathini esiyiminyaka eyinkulungwane noma ngaphezu kwalokho. Ukuqoqwa kwezincwadi, okwehlukaniswa izigaba ezintathu (uMthetho, Abaprofethi neMibhalo), kwabhalwa phansi ezikhathini ezinzima emlandweni wamaJuda. Ngasekupheleni kwekhulunyaka lokuqala leminyaka yeNkosi izincwadi zamaHeberu zeThestamete Elidala zase zikhona. Isihumusho sesiGriki zeThestamete Elidala esasisetshenziswa ebandleni lokuqala sasiqukethe izincwadi ezengeziwe ezingeyona ingxenye yeBhayibheli lamaPhrotestani, kodwa ibandla lamaRoma aKhatholika liyaqhubeka nokuzisebenzisa. Kusukela enkathini yezinguquko (Ukuguqulwa), amabandla angamaPhrotestani ayesebenzisa izincwadi zeThestamente Elidala lesiHeberu kuphela.
Uthi bewazi nje?
Igama iBhayibheli lisuselwa egameni lesiGriki elithi biblia noma “amabhuku”, okusho ukuthi iBhayibheli oliphethe esandleni sakho empeleni liwumtapo omncane wezincwadi oqukethe iqoqo lamabhuku angama-66 – amabhuku angama-39 eThestamente Elidala namabhuku angama-27 eThestamente Elisha.