Ukubolekisa Nokuboleka
1Bonke abanesihawu bayababoleka omakhelwane babo; ngokwenza njalo, bagcina imiyalo. 2Mboleke umakhelwano wakho ngesikhathi sokudinga kwakhe; mkhokhele lapho sekufanele umkhokhele. 3Gcina isethembiso sakho wethembeke kuye, uyothola okudingayo ngaso sonke isikhathi. 4Abaningi bayithatha imali yokwebolekwa njengenhlanhla ewele esandleni, bese behlukumeza labo ababasizileyo. 5Omunye uze agaqe phansi, aqabule ngisho izandla zikamakhelwane ukuze abolekwe, futhi akhulume ngenhlonipho lapho esafuna ukubolekwa, kodwa lapho sekufike isikhathi sokuyikhokha bese ehudula izinyawo, ayikhokhe ngokwenza izethembiso ezingasho lutho, bese engagculiseki ngesikhathi asinqunyelwayo. 6Uma enokumkhokhela amkweletayo, woba unenhlanhla uma ethole uhafu wemali yakhe, uyakukubona lokho njengenhlanhla. Uma engakwazi ukukhokha, obolekiwe uqola omunye ngemali yakhe, bese emenza isitha sakhe ngokungadingekile, useyokumkhokhela ngezinhlamba nangokumjivaza, esikhundleni sokuba amkhokhele ngokuthokoza, akwenze lokho ngokweyisa. 7Abaningi abafuni ukubolekisa hhayi, ngoba bengamaqonqela, kodwa ngenxa yokwesaba ukuqolwa kungafanele.
Ukuphana
8Noma kunjalo, mbekezelele osesimeni esibucayi, kodwa ungamenzi ahlale elindele iminikelo yakho. 9Basizeni abampofu ngenxa nje yemiyalo, ningababuyiseli emuva bengaphethe lutho esandleni esikhathini sokweswela kwabo. 10Lahlekelwa isiliva lakho ngenxa yomfowenu noma umngani, ungayivumeli ingcebo yakho igqwale phansi kwetshe noma ilahleke. 11Igcine ingcebo yakho njengokuyaliwe nguSomandla, iyakukuzuzela ukwedlula igolide. 12Gcina iminikelo enqolobaneni yakho, iyakukuhlenga ngesikhathi sobunzima; 13ingcono kunesihlangu nomkhonto oqinileyo, futhi iyokukulwela nesitha sakho.
Ukuqinisekisa Ngokukhokheka Kwezikweletu
14Umuntu olungileyo uyisiqiniseko kumakhelwana wakhe, kodwa lowo ofelwe unembeza uyomdicilela phansi. 15Ungaze wakhohlwa umusa walowo okumele ezikweletini, ngokuba unikele impilo yakhe ngenxa yakho. 16Isoni sihlaphaza impahla yalowo osimelele ezikweletini, 17kuthi nomuntu ongakwazi ukubonga alahle umhlengi wakhe. 18Ukuma njengesiqiniseko kulimaze abaningi ababemi kahle, futhi kubajikijela ngapha nangapha okwamadlambi olwandle; kuxoshele abebenamandla ekudingisweni, baba yimihambima phakathi kwezizwe. 19Isoni sizilethela usizi ngokwamukela ukumela omunye ezikweletini; ukuxosha kwaso ingcebo kusihudulele emacaleni amaningi. 20Msize umakhelwano wakho ngokusemandleni akho, kodwa qaphela ungawi nawe.
Ukwemukela Abanye Ngemfudumalo
21Izidingo zempilo ngamanzi, isinkwa, izingubo zokugqoka, kanye nendlu yokuhlala. 22Ingcono impilo yompofu kodwa abe ephansi kophahla lwakhe kunokudla okumnandi emzini wabantu. 23Yeneliswa ngokuncane noma ngokuningi, futhi awunakuthola nkonondo ngokuba yisivakashi. 24Kuyimpilo embi nenyanyisayo ukuthunga imizi yabantu; uma uyisivakashi ungaze wawuvula umlomo wakho nhlobo; 25ungazenzi umninindlu ube ungesiye, bese upha abantu okuphuzwayo kodwa ungaze wabongwa muntu, kunalokhu, uyozwa amazwi azinsunsu afana nalana: 26“Woza lapha, mfokazi, lungisa itafula; ake ngidle lokho okuphethe.”
27“Hamba manje mfokazi, ngoba sekufike isimenywa esihloniphekile; umfowethu usefikile ukuzongivakashela, futhi ngidinga indlu yezihambi.”
28Kulukhuni kumuntu onozwela ukuthwala ukuthethiselwa indawo yokuhlala kanye nokuthukwa ngokuboleka imali.