USirakhi 30
Ukukhuliswa Kwabantwana
1Lowo oyithandayo indodana yakhe wohlala eyishaya njalo, ukuze abe nokujabula esebona indlela ekhule yaba yiyo. 2Lowo oyiqeqeshayo indodana yakhe wofumana inzuzo, uyakuzigqaja ngayo ezihlotsheni. 3Oyifundisayo indodana yakhe wokwenza izitha zakhe zibe nomhawu, futhi uyothola ukuphakanyiswa phakathi kwabangani bakhe. 4Lapho uyise esefile kuyoba sengathi usaphila, ngokuba ushiye ngemuva lowo ofuze yena, 5lowo ambuka esaphila ngentokozo, kwaze kwathi nasekufeni, akaba nalusizi. 6Ushiye ngemuva umphindiseli wakhe ezitheni zakhe, nalowo oyobuyisela isihe sakhe kubangani bakhe.
7Lowo ototosa indodana yakhe uyozibopha amanxeba, futhi wobulawa ngubuhlungu benhliziyo njalo njalo. 8Ihhashi elingaqeqeshwanga liba nenkani enkulu, injalo nendodana engazange inakwe iqeqeshwe iba nekhanda elilukhuni. 9Totosa ingane, iyokuhlukumeza kakhulu; dlala nayo, iyokugcwalisa ngosizi. 10Ungahleki nayo, funa ube nosizi kanye nayo, bese kuthi ekugcineni ugedle amazinyo. 11Ungayiniki inkululeko ebusheni bayo, futhi ungathalalisi emaphutheni ayo. 12Thobisa intamo yayo ebusheni bayo, ushaye izinhlangothi zayo isencane, uma ungenzi njalo, izakuba nenkani futhi ingakuhloniphi, uyakuba nosizi enhliziyweni ngenxa yayo. 13Iqeqeshe indodana yakho wenze ijoka layo lisinde, ukuze ungathunazwa ukungabi namahloni kwayo.
Impilo
14Ingcono kakhulu indoda empofu, iphila futhi iqinile emzimbeni kunokuba icebe kodwa ingabi nampilo. 15Impilo nokuqina komzimba kungcono kunegolide, nomzimba ophapheme kunengcebo eningi. 16Akukho ngcebo engcono kunomzimba ophilile, nanjabulo edlula ukuthokoza kwenhliziyo. 17Ukufa kungcono kunempilo yobuhlungu, nokulala kwaphakade kunesifo esingelapheki.
Okumayelana Nokudla
18Izinto ezinhle uma zithelwa emlonyeni ovalekile zifana nomnikelo wokudla obekwe engcwabeni. 19Unalusizo luni umnikelo esithixweni? Ngoba asikwazi ukudla ngisho nakunuka imbala. Unjalo nojeziswe nguSimakade; 20uyabona ngamehlo akhe futhi abubulise okomthenwa lapho egone intombi, unjalo nomuntu owenza okuhle ngempoqo.
Ukwenama Nokudangala
21Ungazinikeli osizini, futhi ungazidaleli inkathazo ngamabomu. 22Inhliziyo ethokozile ingukuphila uqobo, futhi ukuthokoza kuyazelula izinsuku zokuphila komuntu. 23Phila ngokuthokoza, ume isibindi, susa kuwe lonke usizi, ngokuba usizi lubhubhise abaningi, futhi akukho mpumelelo kulo. 24Umona nolaka kuyayifinyeza impilo, ukuhlala ngokukhathazeka kusheshe kumgugise umuntu. 25Labo abagcwele ukuthokoza bejabula nasetafuleni labo, bayothola inzuzo ekudleni kwabo.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.