USirakhi 4
1Mntanami, ungamemuki ompofu isinkwa sakhe sokuphila, ungamlindisi isikhathi eside elambile. 2Ungamhlukumezi olambile futhi ungamcunuli ontulayo. 3Ungenezeli izinhlupheko kohluphekayo; ungephuzi nokumnika usizo. 4Ungenqabi ukulalela isikhalo sohluphekileyo futhi ungafulatheli ompofu. 5Ungamfihleli amehlo odingayo noma umnike isizathu sokukuqalekisa, 6ngokuba uma ekuqalekisa esebuhlungwini bomphefumulo, uMdali uyowuzwa umkhuleko wakhe. 7Zenzele udumo emhlanganweni uzithobe kwabakhulu kunawe. 8Mlalele ompofu nxa ekhuluma nawe, umphendule ngenhlonipho lapho ekubingelela. 9Yophula ocindezelwe kumcindezeli, futhi ukhiphe isinqumo ngobuqotho. 10Yiba nguyise wezintandane, nomyeni kunina wazo, ngalokho Ophezukonke wokubiza ngendodana yakhe, uyokuthanda ngothando olukhulu, olwedlula olukanyoko.
Ukuhlakanipha Kungumfundisi
11Ukuhlakanipha kufundisa abantwana, kunike usizo kwabakudingayo. 12Othanda khona, uthanda ukuphila; labo abavuka bakufune, bayogcwaliswa ngentokozo. 13Obambelela kukho uyozuza udumo; kuthi isibusiso sikaNkulunkulu sibe naye noma kuphi lapho engena khona. 14Okhonza ukuhlakanipha, ukhonza oNgcwele, futhi neNkosi iyabathanda labo abakuthandayo. 15Lowo okulalelayo uyokwehlulela izizwe, nalowo onamathela kukho uyohlala ephephile. 16Ukuhlakanipha kuyoba yifa lakhe nelesizukulwane, uma nje ehlala ethembekile. 17Ngokuba ekuqaleni kuyakumchushisa ezindleleni eziyizigwegwe, kwehlisele phezu kwakhe ukwesaba okukhulu. Ukuqondisa kwakho kuyakuba nesihluku esikhulu, kuthi imithetho yakho ibe yisivivinyo esinzima kuye, aze akwethembe impilo yakhe yonke. 18Khona-ke kuyakubuyela kuye, kumlethele injabulo futhi kumambulele izimfihlo zakho. 19Uma ephambuka ehlubuka, kuyakumshiya, kumshiye obhukwini.
Ukuzethemba
20Lindela isikhathi esifanele, uqaphele okubi futhi ungazinyezi, 21ngokuba kukhona ukuzehlisa okuholela esonweni, nokuzehlisa okuletha udumo nomusa. 22Ungancethezi uze uthengise ngobuzibulo bakho noma uzinyeze ngendlela elimaza isithunzi sakho. 23Ungakuyeki ukukhuluma ngesikhathi esifaneleyo, 24ngokuba ukuhlakanipha kubonakaliswa ngokukhuluma, nokufundiswa kugqanyiswa ngamazwi akhulunywayo. 25Ungamelani neqiniso, kodwa yiba namahloni ngokungazi kwakho. 26Ungabi namahloni okuvuma izono zakho, futhi ungazami ukuphambana nomfula ungenisa. 27Ungavumi ukuba yisenabelo sesithutha, noma ongaconsi phansi konamandla. 28Lwela iqiniso kuze kube sekufeni, neNkosi uNkulunkulu iyokulwela. 29Ungabi ngungqa-phambili ekukhulumeni, zibe zingabonakali izenzo. 30Ungazenzi ibhubesi emzini wakho noma uziphakamise phakathi kwezisebenzi zakho. 31Ungahlali nesandla esikhangezile kodwa bese sivaleka uma sekufanele uphe.
Bible in isiZulu 2020 © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.
Bible in isiZulu 2020 with Deuterocanonical Books © Bible Society of South Africa 2020. Digital Version © Bible Society of South Africa 2020. All rights reserved. www.biblesa.co.za.